Ngokomsebenzi, hhayi ngesikukholwayo, uShembe ungamlinganisa noMose! UMose nguye owakha isizwe sakwa-Israel, wasinika inkolo entsha, waphila naso iminyaka engu 40 esiphethe, esifundisa ngoNkulunkulu wophezu konke, uJehova!
Lapha ngikhuluma ngemisebenzi ebambekayo, ukuthi ngaphandle kwaMose, akekho umprofethi kwa-Israel ongalinganiswa noBabamkhulu!
Isihlabelelo 118
1.Lalelani nanti ilizwi
Wezizwe nonke
Phendukani nibhabhadiswe
Nize nisindiswe.
2.Geza inhliziyo yami
Iziyeke engizithandayo
Amein Haleluya
Balekani nonke zoni.
3.Akukhalelwa muntu
Esihogweni somlilo
Akakho okhalela omunye
Esihogweni somlilo.
4.Amein Haleluya
Balekani nonke zoni
Akukho ukuphumula
Esihogweni somlilo.
5.Bahleli kulolo lusizi
Esihogweni somlilo
Bahlezi bekhala
Abasenakukhululwa.
6.Ukudla kwakhona
Usizi lodwa
Amanzi akhona
Izinyembezi.
UMPHUMELA WESONO UKUBHUBHA KWENYAMA NOMPHEFUMULO.
1.2KuThimothewu:4:2-5: “Shumayela izwi, noma kuyisikhathi noma kungeyiso. Sola, ukhuze, ugqugquzele ngakho konke ukubekezela nokufundisa.
2.Ngokuba kuyakufika isikhathi abangayakuyamukela ngaso imfundiso elungileyo, kodwa bayakuzibuthela abafundisi ngokwezinkanuko zabo.
3.Bayaku fulathelisa izindlebe zabo eqinisweni, baphambukele ezinganekwaneni.
4.Kepha wena zithibe ezintweni zonke, ubekezele ebunzimeni, wenze umsebenzi wevangeli, futhi uwufeze umsebenze wakho ngokupheleleyo.” Amein!
5.Incwadi ka-Jeremiya 23:26-27: “Kuyoze kube nini bengaphenduki ezinhliziweni, abaprofethi abaprofetha amanga, bengabaprofethi benkohliso yenhliziyo yabo na?
6.Abaceba ukuba abantu bami balikhohlwe igama lami ngamaphupho abo abawalandisayo, kube yilowo nalowo kumakhelwane wakhe, njengoba okhokho babo balikhohlwa igama lami ngenxa kaBhali na?”
7.Isaya 42:8: “NginguJEHOVA, yilelo igama lami, angenke ngimnike omunye inkazimulo yami, nezithombe ezibaziweyo, udumo lwami!” Amein!
8.Inkinga esinayo lapha eSouth Afrika, angazi kwamanye amazwe, ukuthi konke ukucabanga kwethu kuphethwe yisizwe esimhlophe!
9.Ngisho into ingaba mhlophe kangakanani, uma lezi zizwe sezithe imnyama, sonke sithi imnyama! Ngisho into ingaba mnyama kangakanani, uma zithi imhlophe, sonke siyajika sithi imhlophe!
10.Ukunika isibonelo, saba noMongameli owayelwela ukukhululeka kwabantu abamnyama.
11.Kwathi uma abamhlophe bekubona lokho, bavele bampenda ngakho konke ububi phambi kwethu, kwathiwa ngokuholwa yiloMongameli iSouth Afrika izokuwa, bazama nokuyiwisa ukuze sonke sibone ukuthi loMongameli uyisigebengu, salemukela lelilumbo, nathi samkhipha ekusiholeni izwe!
12.Sesimkhiphile, kwalapho iSouth Afrika iwa ngempela, saqala lapho nathi ukubona ukuthi besenza iphutha!
13.Abantu yilapho beqala ukubona ukuthi lomuntu esasifundiswa ukuthi uyabheda, abamhlophe babesenza iziphukuphuku, nguye lomuntu ozosikhulula!
14.Uma bonke abantu sebebuyela kuloMongameli, abanye abantu ebebesabambelele kulenkohliso, baqala ukumangala nokusola ukuthi sekwenziwani!
15.Nasenkolweni ke kunjalo, naseBhayibhelini bambalwa abaprofethi abangafaniswa nomprofethi u-Isaya Shembe (ukuthula kube kuye). Mhlawumbe nguMose kuphela!
16.Kodwa uma ngikhuluma lokhu, abantu abaningi bazomangala, ngoba ivangeli elaqhutshwa ngabamhlophe, besebenzisa abamnyama, ukuthi uShembe wafa ezama ukundiza!
17.Njengoba benza kuMongameli engikhuluma ngaye, bakwenza nakuShembe, babumbe wonke amalumbo ngaye, nempela baphumelela, ngoba abamnyama bakholwa ukuthi abakutshelwayo kuliqiniso! Kanti inhloso ukuqeda ngaye!
18.Ngokomsebenzi, hhayi ngesikukholwayo, uShembe ungamlinganisa noMose! UMose nguye owakha isizwe sakwa-Israel, wasinika inkolo entsha, waphila naso iminyaka engu 40 esiphethe, esifundisa ngoNkulunkulu wophezu konke, uJehova!
19.Lapha ngikhuluma ngemisebenzi ebambekayo, ukuthi ngaphandle kwaMose, akekho umprofethi kwa-Israel ongalinganiswa noBabamkhulu!
20.Ngakho ke ngookwekhona lokuhola, uShembe singamlinganisa noMose, ngokwezimangaliso singamfanisa noYeshua! Kodwa abamhlophe bakucisha lokho besebenzisa bona abamnyama!
21.NjengoMose, uShembe ivangeli lakhe lisukela ku 1904 lize libe ku-1935. Wafika abantu bakwaZulu bengazi lutho ngokukholwa okungukudumisa uJehova, kodwa wafike wayakha lenkolo!
22.Ngake ngasho ukuthi esinye isazi sezenkolo, nesasenze ucwaningo olunzulu ngoShembe, sathi ngokuhola uShembe ungamfanisa noMose, ngobumbongi ungamfanisa nenkosi uDavide, ngobuprofetha, uShembe ungamfanisa nomprofethi u-Isaya kanye noJeremiya.
23.Ngokwenza izimangalisho uShembe ungamfanisa noYeshua, ngokuhamba eshumayela uShembe ungamfanisa nompostoli uPaul! Ngiyacela ukuba abantu bakithi kebenze ucwaningo ngalesi simangaliso salomuntu!
24.Ngifisa ukuveza into enkulu engakaze ngakhulunywa ngoShembe. Ngisho amaNazaretha angikaze ngiwezwe ekhuluma ngayo!
25.Kukhona into amaNazaretha ayibiza ngeNKOKHELO! Kodwa uma ungase ubuze ukuthi yini inkokhelo, angazi noma bakhona yini abangakuchazela.
26.Abakwaziyo ukuthi eKuphakameni kwaba nenkosikazi eyazenza uShembe, yaxova isonto! Isikhathi esiningi kubo inkokhelo igcina lapho!
27.Mina ngiyayazi inkokhelo, ngoba ngizalwa ngumuntu eyenzeka ekhona, futhi ehlala neNkosi iLanga!
28.Mhla lulunye kuMay 1935 umprofethi wabiza umabhalane wakhe, wabe esethi akabhale lamazwi, athi: “Nkosi yamaZulu nomhlaba, masinyane uzongibiza, ungabalibali abantu bakho amaNazaretha ayingcwele.
29.Vusa omunye endlini yami ahole abantu bakho, umnike inhliziyo efana nayo eyakho.
30.Inyama yami ikhathele, izolala ethuneni. Umoya wami uzovuka wembathe inyama entsha. Kwaphakade bengizelwe, nanini ngoba khona!”
31.Lenkulumo yokuvalelisa kwaBabamkhulu amaNazaretha nomndeni wakwaShembe bayihumusha ngokungayikho, kodwa ngokufeza izinhloso zabo!.
32.Okokuqala, lona ngumthandazo uShembe owabe ewubhekise kuNkulunkulu. Kodwa kuyo yonke imibango yobuholi balelibandla iyaye isuselwe kulomthandazo womprofethi!
33.Thina ingelosi ifike yasichazelo kahle ukuthi bonke laba abathi bangabaholi ngoba bethi balandela lenkulumo, hhayi umthandazo womprofethi, babulawa ukuba ngamakhosi enhliziyo!
34.Ukuba yinkosi yenhliziyo ukuhlale ufisa ukuba yinkosi, bese ekugcineni uzisho wena ukuthi uyinkosi, kanti ubukhosi bakho busezifiswrni zakho!
35.Ingelosi yacaphuna uvesi 62 womthandazo wesabatha, lapho uShembe ethi: “(UNkulunkulu) ayikhumbule indlu kaDingane noSenzangakhona, ayibuthe ekuchitheni kwayo.”
36.Ithi ke ingelosi: “Ngabe “ngendlu kaDingane noSenzangakhona” uShembe wayebhekise kuyiNdlukulu yakwaZulu, hhayi kuyisizwe sakwaZulu!
37.Manje kuvelaphi ukuthi uma uShembe ekhuluma ngendlu yakhe bese kuthiwa wayesho umndeni wakwaShembe?
38.Kukhona yini lapho enake nezwa khona uShembe ekhuluma ngomndeni wakwaShembe, noma ngomndeni wakhe, ngoba wazisholo ngomlomo wakhe ukuthi umndeni wakhe ngamaNazaretha?”
39.Noma ngabe wayekhuluma ngomndeni wakhe, wake washo yini ukuthi: “Vusa ABANYE ENDLINI YAMI”, ngoba sonke siyazi ukuthi wabe ebhekise kuBaba iLanga?
40.Ithi ke ingelosi: “Kwaqala nini ukuthi uma uNkulunkulu ethuma umprofethi ukuhola abantu bakhe, bese umprofethi ezikhethela yena ukuthi emva kwakhe kuzohola abomndeni wakhe? Umprofethi kaJehova uyazikhethela yini ozomlandela?
41.Ngenkathi uJehova ekhetha uMose, emva kwakhe kwaba nguJoshua, owabe engesiyo indodana kaMose. Kodwa uMose wayenawo amadodana. Kodwa uJoshua wakhethwa nguNkulunkulu.(Dutoronomi 31:1-3; 14).
42.Ngenkathi uJoshua efa engakhethanga mholi, abantu bakwa-Israel babuza kuNkulunkulu ukuthi ngubani okumele abahole, wathi uJehova, nguJuda.(Abahluleli 1:1-2).
43.Manje kuleli bandla likaJehova elaliholwa ngumprofethi, ubani osekushintshile lokho okubhalwe eBhayibhelini?
44.Ithi ke ingelosi, njengoba uyisithunywa sikaJehova, awukwazi ukuthi uzikhethele wena ukuthi emva kwakho kuzohola bani!
45.NoBabamkhulu akazikhethelanga, ethandaza, uShembe wacela kuNkulunkulu ukuba Yena uNkulunkulu akhethe ozohola amaNazaretha, uShembe akazikhethelanga ozomlandela ngokwakhe, iNkosi iLanga yayikhethwe nguJehova!”
46.Ithi ke ingelosi kimi: “Nawe ukhethwe nguNkulunkulu ukuhola amaNazaretha, yikho uBaba iLanga wathi unguMelusi, ngoba leli bandla akusilo elakho, ngakho ke awukwazi ukuzikhethela ukuthi emva kwakho loholwa ngubani!”
47.Kodwa benginga qondile ukukhuluma ngalokho, ngikhuluma ngoBabamkhulu!
48.UShembe wahamba emhlabeni mhla ka 2 May 1935, ekuseni ngo 9 emzini wakhe oseduze kweRichads Bay, eMkhayideni. Ibandla lase liholwa yiNkosi iLanga.
49.Angazi ukuthi kwathatha isikhathi esingakanani, kodwa sengathi wawungakapheli unyaka, kwavela amakhosazane amane, sengiwa khohliwe amagama awo, nenkosikazi eyodwa eyaziwa ngokuthi uMaMthembu, bathi kufike kubo uBabamkhulu wathi kumele kube nenkokhelo lapha eKuphakameni.
50.Kumele kukhishwe bonke abantu abangaqondile ebandleni, ukuze iNkosi, esho uBaba iLanga, engaholi ibandla elingekho ngcwele!
51.INkosi iLanga yakuvuma lokho, lamakhosazana nalenkosikazi baqala ukwenza lokho abakuthunywa nguBabamkhulu!
52.Noma abanye abantu babengamboni, kodwa lezi zithunywa zabe zimbona, ngoba kukho konke ezazikwenza zazibuza kuye uBabamkhulu, kubuka abantu.
53.Isono sasibizwa ngegama njengomuntu, njengokuthi nje, “ukuthakatha” noma “ukubulala”, bese bonke abantu abathakathayo beziphumela ngokwabo beme eceleni. Lamakhosazane afike abashaye ngemvubu maqede baxoshwe ebandleni!
54.Lesi senzo senzeka cishe iminyaka emibili, abantu sebesaba ukuya emhlanganweni, ngoba bazi ukuthi bazoshawa, baxoshwe!
55.Uthi umama kwakunamakhosazane owayehlala nawo ngaphakathi, bephekela iNkosi iLanga. Uthi baxoshwa bonke, wagcina esesele yedwa, sekunguye obheke iNkosi! Uthi lezi zithunywa zavele zamemeza ezixukwini zathi:
56.“Ithi iNkosi uBabamkhulu uLandiwe unenhlanhla!”. Wasinda kanjalo umama ekushaweni nasekuxoshweni, kwase kuba nguye yedwa osehlala neNkosi iLanga!
57.Lesi kwaba yisikhathi esinzima ebandleni lamaNazaretha, ngoba uthi umama kwakuza izixuku, kodwa uma sekubizwa isono ngasinye abantu bavele bezizele kulamakhosazane, ebashaye ebaxoshe kanjalo ebandleni.
58.Kwakungazeki ukuthi yini eyayenza ukuthi uma sekubizwe isono umuntu avele azizele, yize azi ukuthi uzofike eshawe, axoshwe!
59.Sekwenzekile lokho, lamakhosazana eza kuBaba iLanga ezosho ukuthi uBabamkhulu uthi useyavalelisa useyahamba.
60.Nempela ase ayayeka ukukhipha abantu ebandleni, ngoba athi uBabamkhulu usehambile.
61.Kodwa lenkosikazi, uMaMthembu, yona yasala, yathi uBabamkhulu usekhona, usekuyo!
62.Kwathi kusuka kwase kuba yiyo esithi ingumholi, ishlala esihlalweni iNkosi iLanga ikhona, yaxosha bonke abantu engabafuni ebandleni! Yenza izinto eziningi ezasezibonisa ukuthi isingenwe ngumoya kaSathane!
63.Manje ke uma kukhulunywa ngenkokhelo, amaNazaretha azi lendaba kaMamthembu, ngoba neNkosi iLanga uma ishumayela yayivama ukukhuluma ngaye.
64.Ngakho ke kumaNazaretha amaningi inkokhelo yayisho into embi eyenziwa yile nkosikazi!
65.Ngelinye iLanga iNkosi iLanga ishumayela, ithi: “Uma thina boShembe sisithela ngale kwaleliya gquma kovela oShembe abaningi.
66.Nalowo uyothi nami nginguShembe, abantu bamlandele; nomunye athi nami ngiwuShembe, abantu bamlandele; nenkawu iyothi nami ngiwuShembe, abantu bayilandele.
67.Kodwa ngiyaniyala ngithi uShembe mudleni, ningamgcobi; ngoba uma nimgcoba uyosuka masinyane.
68.Ngithi funani uShembe kaMoya, ngoba uShembe wenyama uyaphela, uyadlula. Kodwa uShembe kaMoya yena akedluli.
69.Kuzokuhlwa, kuzoba mnyama, baningi abazohamba ebumnyameni.
70.UNkulunkulu uzokwenza inkokhelo lapha eKuPhakameni; kuzoba khona inkokhelo yendoda.
71.Yayingcono ekaMaMthembu ngoba uNkulunkulu wenza iNkokhelo ngoMfazi, namhla uzokwenza inkokhelo yendoda egqoke ibhulukwe njengami, iyophuma emkhonweni wejazi lami.” Amein!
72.Konke okwashiwo yiNkosi iLanga kwenzeka njengoba ishilo, ngoba namuhla cishe angaphezulu kwesihlanu amabandla emndenini wakwaShembe, lowo nalowo ethi nguye uShembe, abantu bamlandele!
73.Uthi ke uBaba iLanga “UNkulunkulu uzokwenza inkokhelo lapha eKuPhakameni; kuzoba khona inkokhelo yendoda.
74.Yayingcono ekaMaMthembu ngoba uNkulunkulu wenza iNkokhelo ngoMfazi, namhla uzokwenza inkokhelo yendoda egqoke ibhulukwe njengami, iyophuma emkhonweni wejazi lami.”
75.Njengoba washo uBaba iLanga, kwaba yindodana yakhe eyahlakaza ibandla, inkokhelo yendoda yayigqoke ibhulukwe njengaye uBaba iLanga, futhi yaphuma emkhonweni wejazi layo iNkosi iLanga!
76.Kodwa bengingaqondile ukukhuluma ngalokho. Engikushoyo ukuthi uBabamkhulu esehambile emhlabeni, wabuya, wabonakala kumakhosazane amane nenkosikazi eyodwa, futhi wafike wakwenza owabe ezokwenza!
77.Asisho ukuthi uBabamkhulu wavuka kwabafileyo njengo Yeshua, kodwa engasekho, wabuya eKuphakameni, noma wabuya ngomoya, wafike wenza lokho owayezokwenza!
78.Kodwa abamhlophe, besebenzisa izimishini, bayenza elikhulu ihlaya lendaba yokubuya kwaBabamkhulu, kwathiwa amaNazaretha uBabamkhulu amfanisa noJesu, bakhuluma into engazange yenzeka!
79.Kodwa noYeshua, njengoba kuthiwa wavuka kwabafileyo, wabonakala kubafundi bakhe kuphela, hhayi kubantu bonke!
80.Yimuphi umehluko uma uShembe ebuya ekufeni esebonakala kumaNazaretha odwa, njengoba noYeshua wabonakala kubafundi bake bodwa?
81.Ngafunda ezincwadini eziningi zama scholars ezimishini enza inhlekisa ngokubuya kukaShembe!
82.Lenhlekisa eyayivela emabandleni ezimission yaba yimbi kakhulu, ikakhulu kuBaba iLanga! Yikho okwadala kungabe kusakhulunywa ngayo! Kodwa yenzeka!
83.Lendaba ngiyisuswa yinkulumo engiyithole kumprofethikazi uSister Celestial. Uthi lomprofethikazi:
84.“UNkulunkulu wathi: “Celestial, uyazi ukuthi yini isono? Isono engizosehlulela ukwephula umthetho wami.
85.Noma ubani okotholakala kuye kubambelele isono, uyokwehlulelwa naleso sono!
86.Isibonelo: Labo abenza ukungcola ngaphambi kwe camera, ucamera man, usenesono! Lowo ovula indawo yokwenza lezi zithombe, bonke sebe bekwe icala, ngoba yibona abakhande lesi senzo, esiyisono!
87.Lowo obuka lezi zithombe naye usenesono sokuzimbakanya naleso sono seponorgraphy!
88.Uma usuwenze lesi sono, UNKULUNKULU NGENKE EKUBIZE NGEGAMA NGOKUSHESHA, KODWA UYOBIZA ISONO, ETHI “All sexual immorality” Isexual immorality bese iphakamisa isandla ithi. HALLO I AM MUSTARBATION, I AM FORNICATION, I AM ADULTERY, I AM PONORGRAPHY!
89.UNKULUNKULU EBESETHI: “Yini oyilethile? Bese ke isono sikhomba wena! Yilapho igama lakho libizwa khona!”
90.Lenkulumo yangithinta kakhulu, ngoba nomama wangichazela kanjalo, wathi lezi zithunywa zazivele zibize isono, bese abantu abanalezo zono bezizela bengaprofethwanga muntu!
91.Ngiyakholwa ukuthi uSister Celestial ungumprofethikazi kaJehova, ngoba akagcini ngokuprofetha ngesigameko esizokwenzeka, kodwa esikhathini esiningi uyafundisa, ashumayele njengabo bonke abaprofethi baka Jehova, aqondise izwe ngesono!
92.KuJohane 16:8, uthi uYeshua uMoya ongcwele uyoqondisa izwe ngesono! Lokho kusho ukuthi uyofundisa ngokuthi yisiphi isenzo esiyisono!
93.Akengiveze lentshumayelo kaSister Celestial engiyikhiphe ezi ntshumayelweni zakhe. Uthi lomprofethikazi:“UYah uyasitshela njengabantu besifazane ukuthi masigqokeni ngendlela efaneleyo, sigqokeni ngendlela enokulunga, sigqokeni ngendlela engena emazingeni ethu.
94.Ngenkathi uba mdala, gqoka izingubo ezifanele izinga lakho lokukhula. Uma usudlule eminyakeni yobudala yo 20, neyo 30, neyo 40, neyo 50 imbala, gqoka lokho okukwenza ubonakale uhloniphekile, lokho okukwenza ube muhle, okungakuhlazi ngokweminyaka yobudala bakho, hhayi lokho okuhambisana nedumela lalesi sikhathi!
95.Awudingi ukugqoka lama leggings obudimoni adweba ukuma kwezinqe ngemuva! Le nto ibilokhu ihlezi engqondweni yami ngenxa yalesi siprofetho.
96.Okokuqala nje, amaleggings akusiwo amabhulukwe ongawagqoka phakathi kwabantu, ngaphandle uma ubuye ejimini, sewubuya.
97.Lezi zinto ezibizwa ngama yoga pants, ama gym pants, azifanele ukugqokwa usuku lonke, nama top amancane aveza umzimba, nalesi stayela esivela eChina, ikhaya lokungcola, ngoba labo bahlale belandela imikhuba nezidingo zaseNtshonalanga!
98.Nina enise-Afrika, ngilaleleni! Uma ugqoka izingubo okufanele zikale ukuma kwezinqe zakho, uluhlobo lowesifazane onguJezebel, olidimoni eliyiseqa-mgwaqo! Ngikutshela kwezikabhoqo-ke mina!
99.Uhlobo lowesifazane onobuJezebel, onobudimoni eliyiseqa-mgwaqo – umyengi, owesifazane okwiZaga 7.
100.Uhlobo olusebenzisa umzimba walo njengonoxhaka ngamabomu, bese ucabanga ukuthi uNkulunkulu uyokuyeka nje kanjalo!
101.Wonke umuntu odala ukuwa komunye umuntu ngokusebenzisa ngamabomu izindlela zobuyenga-ndoda… ngeke ugqoke amabhulukwe anjalo bese uzenza ongazi ukuthi ubukeka kanjani uma usuphuma uwagqokile.
102.Ukwenza ngamabomu lokho ukuze uhehe amehlo! Ukwenza lokhu ngoba ushibhile! Ukwenza lokhu ngoba wedukile!
103.Wazi kahle ukuthi awuyi ejimini ubukeka kanjalo nje, nendwangu engene shi ezinqeni zakho,(nangaphambili), ukuze konke kukaleke ukuthi kumi kanjani, bese uhamba emgwaqeni, uhamba uthatha izithombe ngoba ufuna ukuheha amehlo abantu abasemva kwakho, abesilisa nabesifazane!
104.Ufuna ukubukwa! Uyothola konke ukubukwa okufunayo endlini kaSathane yamayenga-ndoda! Nifuna ukubamba izinhlanzi, bantu besifazane?
105.Niyobamba lonke uhlobo lwenhlanzi enilufunayo! Uyohamba ulalwa amadoda angabathengi bomzimba wakho awu 30 noma awu 40 ngosuku!
106.Ngeke ukwazi ukukubalekela ukwehlulela kweNkosi! Uphila impilo eyonakeleyo ngokwemikhuba yocansi! Unikela umzimba wakho kumuntu ongashadile naye!
107.Uyisiphingi! UNkulunkulu uthe angikutshele, futhi lokhu sengikusho kusukela ngo 2019!
108.Ngithi uMoya kaNkulunkulu uyokukhetha kwabaningi ngosuku lokuhlaselwa kwezwe, futhi uyohamba uboshwe ngamaketanga uyolala nabantu eBeijing ize iphele indaba yakho!
109.UNkulunkulu wayengitshela, ngaphambi kokuba ngiqale lesi siprofetho, umehluko phakathi kweyenga-ndoda elingaphoqiwe nalelo eliphoqiweyo. Laba abancane bavame ukuthi: ‘O, ubukeka ecebile; sengathi ungilungele lo.’
110.Lonke lolo cansi ngaphambi komshado lukwenza wehluke kanjani wena emantombazaneni aya eDubai eyolala nezinja? Awehlukile ngalutho kuwo; konke nje kumayelana nemali!
111.Awubathandi ngani bona laba bantu ngoba wena ufuna ukuzithengela iqoqo lezicathulo nezikhwama kanye nezingubo?
112.Kwehluke ngani? Ucansi lokonakala kwakho luyobuyela kuwe njengenkokhelo! Khumbula ukuthi iBhayibheli lithi lokho kuyicala olenza emphefumulweni wakho; ngakho-ke uma ukwenza manje lokhu, uhamba ulala nje, uba wunina wengane yendoda ongashadile nayo!
123.Uzoba wumshini wokukhiqizela izingane nendoda engakushadile, ekusebenzisayo nje bese ithi: ‘ingani nginawe nje! Ingani ngiyakuthanda nje!’
124.Konke-ke onakho nje wena yindoda yetoilet nje kuphela, indoda eyizibi nje, ekuthatha kancane, ekuqedela ubusha bakho, ekutholisa abantwana iphinde ibe nesibindi sokukhokhobela abanye besifazane wena ungaboni, noma okubi kakhulu kunakho konke, ibuye emva kweminyaka isikutshela ukuthi icabanga ukuthi iwungqingili!!
125.Angikhulumi ne-Afrika; ngikhuluma nawe United States of America.
126.UNkulunkulu uthi uyoba nqunu phambi kwalowo ongafuni ukuba nqunu phambi kwakhe, ngoba uyakuzonda ukugqoka, ukugqoka ngendlela efaneleyo, ukugqoka okulungileyo, ukugqoka ngokulunga, ukuzembesa ukuze uhambe ngendlela eyoheha inhlonipho esikhundleni senkanuko yenyama, Delilah!
127.UNkulunkulu uthi uyohambaze phambi kwalowo ongafuni ukuhambaze phambi kwakhe!
128.Afrika, nawe uzozwa ukuthi kuyokwenziwani kuwe. Qhubekani-ke nokuba bahle!” Amein!
129.Yileli vangeli ke elenza amahlubuka amzonde lomprofethikazi! Kodwa leli yivangeli labo bonke abaprofethi bakaJehova, o- Isaya, oJeremiya, oHezekeli; kanjalo nelomprofethi u-Isaya Shembe, nelengelosi esihlala nayo!
130.Ukunika isibonelo ngevangeli likaShembe, uthi uBabamkhulu: “Njengokuba uJehova namuhla engithumile phakathi kwenu ukuba nginilethele uMbuso wakhe oyifa lokuphila kwaphakade, kanjalo noSathane ufinyelela kubantu ngezithunywa zakhe ukuba zilethe imbubhiso yaphakade kubantu.
131.Bantabami, omubi usebenza ngeZangoma nabo bonke abavuma ukuba yizimbongolo zemimoya engcolileyo, ngokuba umthombo wayo ngu Sathane.
132.Yikho lokhu izolo ngithe kini yemukelani uMoya oyingcwele kuphela ngoba ungoka Nkulunkulu, ningemukeli noma munye umoya ofuna okuphambene nalencwadi ka Nkulunkulu.
133.Xwayani iZangoma ngokuba ziyiladi nesihlalo sika Sathane phakathi kwabantu.” Amein!
134.Uma umuntu eyisithunywa sikaNkulunkulu, ukhuluma lokho okutshelwa nguNkulunkulu, kunga khathaleki ukuthi abanye abantu bathini!
INkosi ibusise !