Kule mihla kunolwazi olungesilo iqiniso ngegama elithandwa kakhulu enkolweni yabezizwe, ‘uJesu.’Kuthiwa leli gama kwahumushwa igama lesiHebheru elithi ‘Yeshua’, kodwa lokho kulilumbo elibunjwe ngabezizwe!
Inhloso ukwedukisa abantwana bakwaYisra’el, ngokwamukela amanga ukuze kunqamuke ubuhlobo babo noNkulunkulu wabo onguYahuah (uJehova).
Isihlabelelo 181
1.Phakama kuphakama
Ngegama leNkosi
Zivuse zonke izizwe sakithi
Zisebuthongweni
Ngegama leNkosi
Zivukele kuwe
WeKuphakama.
2.Sino sizi
Ngesizwe sakithi
Sihawukele Nkosi
Sizintandane.
Asinamkhululi
Ngaphandle kwakho.
Ongasikhulula
Ekuboshweni.
3.Usidele ngani
Nkosi kangana
Buyela kithi
Usithethelele.
Obaba bethu
Bona abasekho.
Sithwele ke thina
Izono zabo.
4.Shaya Nkosi uphozise
Wena somile
Siya vuma
Ebusweni bakho
Singabaka bani
Uma silahlwa nguwe
Buyela kithi
Nkosi yoxolo.
KANTI ISIZWE ESIMNYAMA SIKHULULEKA KANJANI.
1.Ngesikhathi sIkahulumeni wobandlululo ibandla lamaNazaretha lalingaphansi kwenkolo yobuKrestu.
2.Kodwa kwathi uma sekuzofika inkululeko yomuntu omnyama, ngo 1992 saba ne-Interfaith Conference, okungumhlangano wazo zonke izinkolo, lapho okwakuzobhungwa khona ngokuthi kuyi South Afrika ekhululekile ezinye izinkolo zizophathwa kanjani ekushumayeleni ivangeli lazo.
3.Ngabe sengicela kuyiNkosi iNyangayezulu ukuthi kule Conference ibandla lamaNazaretha ngilikhiphe ngaphansi kwenkolo yobuKrestu, libe libandla elizimele.
4.Wangibuza uBaba ukuthi sizokwenzelani lokho, futhi sobe sesiyibiza ngokuthini lenkolo?
5.Ngathi ukuphuma enkolweni yobuKrestu kuzosisiza ukuchaza ngoShembe nobu Nazaretha sikhululekile ngaphandle kokulokhu siphikiswa ngamaKrestu.
6.Ngase ngichaza futhi ukuthi uBabamkhulu wathi: “Thabani, thabani, bufikile ubuNazaretha.”. Ngalokho ngicabanga ukuthi uShembe wasinika igama lalenkolo ukuthi UBUNAZARETHA. UBaba wakwemukela lokho, noma wayebukeka enokungabaza!
7.Kodwa ngesonto elilandelayo, uBaba wangibiza, wabe esethi: “Lokhu okukhulume kimi bekungaveli kuwe, kodwa bekukhuluma uNkulunkulu ngawe.
8.Uma kuba khona into efika emcabangweni wakho, ungitshele, ngokuzwa uma bekukhuluma uNkulunkulu!” Wabe esenginika imali yokuya ku-Inter-Faith Conference.
9.NGO 1996 ngamenyelwa ku TRC ukuba ngochaza ngosizi olwathwalwa uBabamkhulu nama Nazaretha ngeminyaka yobandlululo. Ngaleso sikhathi ngasengingumvangeli.
10.Wathi uBaba uThingo angifune abanye abafundisi ukuba bangiphelekezele, kodwa bonke benqaba, ngagcina sengihamba ngedwa!
11.Ku TRC ngathola ukuthi ibandla nebandla limelwe ngamalunga angu 12 asizana ukuphendula imibuzo, kukhona nomholi weZCC.
12.Kodwa mina ngangingedwa, ngafike ngethula inkulumo ngabuye ngaphendula imibuzo ngingedwa!
13.Usihlalo weTRC kwakunguBishop Tutu nabanye abafundisi. Into eyathinta kakhulu iCommission ukucaciselwa ukuthi uBabamkhulu wahlukunyezwa kanjani nguhulumeni wabamhlophe kanye nezimishini!
14.Ngachaza ukuthi izimishini zafunga kanjani ukuthi zifuna ukuqeda ngoShembe, nokuthi laphumelela kanjani icebo labo lokwakha ilumbo lokuthi uShembe wazama ukundiza, wabe esewa phansi, efa!
15.Kuleso sikhathi, kwasukuma omunye umfundisi owayelilunga leComission, wathi namuhla ucela ukukhuluma iqiniso lokuthi naye wayehlekisa ngoShembe, ecabanga ukuthi lokhu ababefundiswa khona kuliqiniso.
16.Wabe esethi ucela ngimyele kuShembe ngiyomcelela intethelelo yokuthi wakhuluma ilumbo ngesithunywa sikaNkulunkulu, engazi!
17.Angiqali namuhla ukulwela uShembe nobuNazaretha! Yimina engakhipha ibandla lamaNazaretha enkolweni yobuKrestu, yimina engavula i-slot sobuNazaretha emsakazweni ukuze umhlaba ube nokuqonda ngalenkolo kaMenzi wezulu nomhlaba!
18.Futhi yimina engaya kuTRC ngochaza ngokuhlukunyezwa koMprofethi u-Isaya Shembe nguhulumeni nezimishini!
19.Konke lokhu ngangikwenzela ukubeka isimo uShembe oyiso, nokuqondisa ubu Nazaretha njengenkolo kaJehova!!
20.Ngikulwele ubu Nazaretha kwaseku khuleni kwami! Ngilifundile iBhayibheli, ngazifunda nezi ntshumayelo zoMprofethi ngesi sekelo sale nkolo yobu Nazaretha.
21.Ngakho ke angisoze ngakuvuma ukuyibona lenkolo ibulawa noma ngubani, uma nje ngisaphila!
23.Ngesinye isikhathi ngisese Buhleni, ngachaza ukuthi uShembe ISITHUNYWA SASEZULWINI. Kodwa ngazithola sengihlaliswa esigcawini ngabanye abefundisi, kuthiwa angichaze ukuthi njengoba ngithi uShembe uyisithunywa, wathunywa ngubani?
24.Ngama emfundisweni eyodwa, yokuthi uShembe uBabamkhulu AKASIYE UNKULUNKULU, KODWA UYISITHUNYWA SIKANKULUNKULU! Leyo imfundiso yakhe uMprofethi!
25.Ngenkathi kukhululeka iSouth Afrika, kukhululeka nezinye izinkolo, sasinethemba lokuthi isizwe esimnyama sizothola ukufundiseka ukuthi ngaphandle kwenkolo yobuKrestu, zikhona nezinye izinkolo ezibalulekile kulesi sizwe esimnyama!
26.Kodwa kubukeka lokho kungafezekanga, okuse qinisweni siyavinjwa ukuveza iqiniso ngobuqili obabenziwa ngabamhlophe ukuveza ubuKrestu bodwa njengenkolo ese South Afrika!
27.Abantu abaningi abazi ukuthi yisihluku esingakanani esasenziwa ngabamhlophe ukuphoqa abamnyama ukuba babe ngamaKrestu.
28.Ziningi izinto ezimbi ezazenziwa ngabamhlophe kwabamnyama e-Afrika egameni lobuKrestu!
29.ECongo uKing Leopold wabulala izigqila zabantu abamnyama abangu 15 million.
30.Kwakuthi lezozigqila ezinga khiqizanga i-rubber eyanele, azinqume izandla ziphila, zize zife; ekwenza lokho egameni lobuKrestu!
31.Kodwa lowo mlando akusafanele siwuveze ngoba inkolo yobuKrestu iseyamukelwa ngabamnyama!
32.Amaqiniso omlando okuthi lenkolo isihlukumeze kanjani, nokuthi yayiqeda kanjani inkolo yokhokho bethu sekumele siwafihle!
33.Sekwake kwathi emsakazweni siveza ukuthi amaJuda amhlophe akasiyo inzalo ka-Israel, sabona sesithola incwadi evela kuwo amaJuda, ethi asiluyeke loluhlelo ngoba lokho esikushoyo akulona iqiniso.
34.Sabe sesibacela ukuba siphumele nabo eshashalazini, ukuze kutholakale ukuthi ubani okhuluma iqiniso ngalomlando. Kodwa bavele banyamalala!
35.Thina sasazi ukuthi kunezincwadi zomlando ezibhalwe yiwo amaJuda amhlophe, nakuphikayo ukuthi bona bayinzalo ka-Israel onguyise wezizwe ezilishumi nambili!
36.Ungase ucabange ukuthi ngingazovinjwa liJuda ezweni lakithi, lingenqabele ukuthi ngichaze ngomlando wenkolo yami? Kodwa leliJuda lilekelelwa ngabantu abamnyama abayisitha saleliqiniso, lakwenza lokho!
37.Ngokucindezelwa, isimo senkolo yobuNazaretha sisacishe sifane nesasi yikho ngesikhathi sobandlululo!
38.Kunama qiniso esizithola senqatshelwa ukuwaveza esizweni sakithi, ngoba kuthiwa athinta ezinye izinkolo!
39.Kodwa lamaqiniso angumlando oqukethe ubuqili babezizwe beqeda inkolo kaJehova!
40.Kusho ukuthi akusafanele siveze ukuthi ngesikhathi se-Apartheid sasingavunyelwe ukulala ehotela kanye nokugibela ibhanoyi!
41.Ngendlela esicindezelwe ngayo, sesiyaye senqatshelwe ngisho ukucaphuna imibhalo yeBhayibheli, singavunyelwa ngisho ukucaphuna ama literature omlando wokuchithwa kwenkolo kaJehova!
42.Sekuneminyaka edlulile emakhulwini amane sicindezelwe ngabezizwe, besisusa kulokho okumele siphile ngakho! Lesi senzo sidala ukuthi iningi lentsha yakithi lingazi lutho nange culture yethu!
43.Yikho uthola ukuthi kuvele kusuke ingane ixhaphe umuntu omdala ngenhlamba, imedelele noma kanjani, ngoba ithi isebenzisa ilungelo lezepolitiki! Kodwa asikho isikhathi lapho ovunyelwe ukweyisa khona umuntu omdala!
44.Lesi simo esethusayo sisibone ngendlela okwenzeke ngayo ukusuka kwebhoxongwana lomfana livele lidilika kumuntu ongango Mongameli uZuma!
45.Lesi simo siyashaqisa, uvele ungazi ukuthi kanti kwenzekani kulesi sizwe sakithi?
46.Uma weyisa umuntu omdala awukhuli! Lo ngumthetho kaNkulunkulu osemithethweni elishumi! Ku-Eksodusi 20:12 kuthi:
47.Yazisa uyihlo nonyoko ukuze izinsuku zakho zibe zinde ezweni.”. Ngoyihlo nonyoko uNkulunkulu usho noma yimuphi umuntu omdala kuwe!
48.Lomfana ohlale ehlukumeza uMongameli uZuma, angenke alungelwa lutho, nezinsuku zakhe ngenke zande ezweni, ngoba ugcwanekela kumuntu omdala, ucabanga ukuthi uyabukwa, kanti bayamkhohlisa!
49.Eminyakeni ephambili, kusalwa amaqembu ezepolitiki, umfundisi uMjadu wahlangana nentsha ihamba itoyiza emgwaqeni, yabe isimphoqa ukuba naye atoyize njengayo.
50.Wenqaba umfundisi, wathi angikwazi ukuthi ngingathi ngimdala kangaka, ngitoyize nezingane emgwaqeni.
51.Omunye walentsha wavele umfundisi wamehla ngenhlamba engabizeki!
52.Uthike umfundisi: “Mfana, uyangithuka ngimdala kangaka, futhi ngingumgcotshwa kaNkulunkulu? Ngenke usithele kuleya ntaba usaphila!” Kwavele kwahlekwa nje, kwaphela kanjalo!
53.Kodwa khona lapho kwaqhamuka imoto igijima, yaqhela enye intsha. Lomfana wavele wazithela kulemoto, yamshaya waphela khona lapho phambi kwayo lentsha ekade ihleka!
54. Nalomfana ohlale esanganela kumuntu omdala, ngenke agcine kahle!
55.Nalaba abamesekayo kulesi senzo, kuyacaca ukuthi nabo akuqondile kahle emakhanda abo!
56.Bengikhuluma ngokucindezelwa ngabamhlophe besebenzisa abamnyama!
57.Namanje, noma kuthiwa sesikhululekile, kodwa isizwe sakithi sisaphethwe yisizwe esimhlophe, besebenzisa bona abamnyama ngezindlela eziningi!
58.Kule Interfaith conference ngahlangana nenkulu impikiswana amaKrestu ethi singaphansi kwabo, nabenkolo yoMdabu bethi ubuNazaretha bungaphansi kwabo!
59.Kwathi ezinye izinkolo, okwakungamaSulumane namaJuda, zathi akuchaze mina ukuthi sifunelani ukuzimela?
60.Ngase ngithi: “UbuNazaretha yinkolo eyalethwa emhlabeni iLizwi lezulu, lelizwi lezulu kwaba yilona elathuma uShembe, hhayi IZWI LABANTU, ngakho ke asikwazi ukuba ngaphansi kwenkolo yoMdabu, enezwi labantu!
61.AmaKrestu umholi wawo nguJesu, thina umholi wethu nguShembe!
62.Ngakho ke ubuNazaretha akukwazi ukuba ngaphansi kobuKrestu!”
63.Ngenxa yokufisha kwesikhathi, ngiyaye ngingakwazi ukuchaza konke ngalenkolo yoPhezukonke!
64.Kule mihla kunolwazi olungesilo iqiniso ngegama elithandwa kakhulu enkolweni yabezizwe, ‘uJesu.’
65.Kuthiwa leli gama kwahumushwa igama lesiHebheru elithi ‘Yeshua’, kodwa lokho kulilumbo elibunjwe ngabezizwe!
66.Inhloso ukwedukisa abantwana bakwaYisra’el, ngokwamukela amanga ukuze kunqamuke ubuhlobo babo noNkulunkulu wabo onguYahuah (uJehova).
67.Leli gama elithi ‘Yeshua’ liyi-Aramaic esikhundleni sesiHebheru, ngenxa yokuthi uYeshua wazalwa around 4 to 6 B.C, isizwe sakwaJuda esasikakade sithunjelwe eBabylon la Kwaku khulunywa khona i-Aramaic.
68.Ukuba kwakusa khulunywa isiHebheru, uYeshua wayezoba wuYahusha. Ingelosi yakhuluma isi-Aramaic ngoba yafika kuMariya owayekhuluma lolo lulimi!
69.Kwathi uma abezizwe, okunga maGriki namaRoma, sebeyiqedile inkolo kaYahuah, base bakha inkolo yabo, ukuze ilandelwe yibo bonke abangaphansi koMbuso wamaRoma.
70.Zayiqeda ngamaCreeds le nkolo kaNkulunkulu oyedwa, zase zisungula inkolo enonkulunkulu oziqu zintathu!
71.AmaGriki asebenzisa isihluku nonya ukususa uYisra’el kuYahuah, kodwa amaRoma abhidliza ithempeli, eba zonke izincwadi zenkolo nomlando wamaJuda!
72.Kuliphutha ukuthi leli gama lika’Jesu’ lisuselwa kuleli lika’Yeshua’ ngoba nakuba uYeshua aziwa ukuthi wazalwa ngaziphi izikhathi, wahamba ngo 33 A.D. emhlabeni, kodwa awukho umlando ochaza ngokuphelele ngo’Jesu’ ngoba uyisakhiwo samaRoma!
73.UJesu” uyisithixo selanga okwakwe shelwa ngaso ezinye izizwe ukuba ziyamukele lenkolo yabezizwe!
74.Lolusuku lokuzalwa kukaJesu, okuse qinisweni lusuku lokuzalwa luka Tammuz waseBabylon, kanye nabanye onkulunkulu bezinye izizwe abasuselwa kulo iBabylon.
75.UDr C.J. Koster oyi authority kulesi sihloko, naye ungumKrestu, kodwa njengomuntu owenze ucwaningo olunzulu, ulweneka obala leli qiniso mayelana nenkohliso yabezizwe.
76.Okokuqala uyachaza ekhasini 62 le ncwadi yakhe ethi: COME OUT OF HER MY PEOPLE, ukuthi imvelaphi yaleli gama lika’Jesus’ yilawa: u’Iesous’ no ‘Iesus’ okuyisiGriki nesiLatin.
77.Okukhombisa impela ukuthi u’Jesu’ lo akaveli ku’Yeshua’, lama gama kwawona ayesuselwa kunkulunkulukazi wokwelapha u-‘Ieso.’
78.Omunye umbhali ozibiza ngo Jeff4Truth, ubhale kanje efakazela uDr Koster: “Ngingomunye wabantu abambalwa abazi iqiniso ngokudalwa kukaJesu nobuKrestu.
79.Leliqiniso ngilichaze encwadini yami esihloko sithi: “JESUS DEMIGOD” etholakala ku-Amazon.
80.Iqiniso alincikile emibonweni noma ezifisweni zakho, futhi akusho lutho ukuthi zikholwa yini izifundiswa. Okubalulekile ukuthi bukhombisani ubufakazi ngalendaba!
81.Ubufakazi obukhona mayelana nobukhona bukaJesu buvela kuyi literature.
82.UJesu wabe engumlingiswa ongakaze abe khona, kodwa owadalwa wuMbuso wamaRoma, wabe esekhonjiswa abantu ngenhloso ethile.
83.Isizathu sokuba amaRoma adale uJesu nobuKrestu, kwakungenxa yokuthi inkolo yamaJuda yayibonisa izigameko ezinkulu zamaJuda ayelwa namaRoma.
84.Emva kokuba amaRoma esewanqobile amaJuda, amaRoma adala uJesu nobuKrestu njenge propaganda yangesikhathi sempi, ngenhloso yokuba kuguqulwe indaba exoxwa ngamaJuda, kube ngeyawo amaRoma!
85.Yilona qiniso leli, yilokhu okuvezwa wubufakazi ngendlela engenaku ngatshazwa!
86.Nakuba abantu abaningi nezifundiswa zenqaba ukukubona lokhu, kodwa iBhayibheli lamaKrestu leseka iRoma kanti limelene namaJuda!
87.Ikomkhulu lamaKrestu lihlale liseRoma, futhi liselapho kuze kube nanamuhla. IBandla lamaRoma aKhatolika laba yiBandla lokuqala lobuKrestu.
88.AmaRoma yiwo ahlukumeza aphinda abulala abantu ababenga bemukeli ubuKrestu.
89.Izi Nhloko no Bhishobhi base kuqaleni kwe Bandla babe bekwa wuKhesari wamaRoma.
90.Wonke umlando esinawo mayelana nemvelaphi yobuKrestu uvela eMbusweni wamaRoma.
90.Uma ufunda incwadi ethi: “JESUS DEMIGOD,” uyolazi iqiniso! Amein! Lo ochaza lapha ngumlungu. Kokuningi ufakazela uDr Koster!
91.Ngenxa yokuthi lezi zizwe zazifuna ukuhlale njalo ziwaqonela amaJuda, zahlosa ukumcisha ezingqondweni zabantu uJehova kanye nendodana yakhe uYeshua, ukuze ziphumelele kule nhloso yazo.
92.Nguye yedwa uJuda owayesele nalo Nkulunkulu oPhezukonke, ebonakala elokhu enamathele kuYahuah ngokugcina imithetho nezimiso zakhe ezabe ziphambene nezinganekwane zabathumbi bakhe, okungamaRoma emva kwamaGriki!
93.UDr C.J. Koster, kuyo incwadi yakhe ecashunwe ngenhla, kulo ikhasi 62 ulichaza kanje leli phuzu elikhomba ukungefani kwalama gama u’Jesu’ no ‘Yeshua’ Uthi:
94.“They wanted a saviour, but not a Jewish one. They loathed the Jews, they even loathed the Elohim of the Old Testament. Thus, a Hellenized saviour was preferred.”
95.“Abezizwe babemfuna umsindisi, kodwa hhayi ongumJuda. Babewe nyanya amaJuda, bemenyanya noNkulunkulu we Testamente Elidala. Ngakho-ke, bancamela lo msindisi osamGriki.” Amein!
96.Kodwa manje ke sekulicala ukubeka amaqiniso ngalomlando wenkolo yethu, ngoba sekuthinteka abanye abamnyama asebathatha lenkolo eyaqeda inkolo kaJehova!
97.Uma uhlaziya wonke lomlando, kuyaye kucace ukuthi siyisizwe esicabangisa okwezimfene nezinkawu, sifana nalenyoni okuthiwa ngupholi.
98.Uma lenyoni uyithela ngamanzi, bese uthi “LIYANA”, isiyofunda ukuthi uma ithelwa ngamanzi kusho ukuthi: “liyana! Samukela noma yini esiyifundiswa yisizwe esimhlophe!
99.Lomlando esiwakhelwe ngabamhlophe akesiwubuke ngeso lesithathu:
100.Kuse mlandweni ukuthi inkolo yamaHebheru yalethwa kithi ngu Nkulunkulu ongu Jehova bese ntabeni yaseSnayi!
101.Kusemlandweni ukuthi isizwe samaRoma salwa namaJuda ngo 70 A.D, amaJuda anqotshwa.
102.Kusemlandweni ukuthi ngo 325 A.D, uConstantine wasungula inkolo yobuKrestu, nokuthi uConstantine kwakungumbusi wamaRoma.
103.Kuse mlandweni ukuthi uConstantine washaya umthetho owawuqeda inkolo yama Hebheru! Lomthetho ubhalwe phansi, siyawufunda!
104.Yize iTestamente Elisha labhalwa ko 600 A.D, kodwa aliyivezi lempi ka 70 A.D, alisitsheli lutho nango Constantine owasungula ubuKrestu ngo 325 A.D! Kunesizathu kuyiTestamente Elisha ukuwufihla lomlando!
105.Abezizwe baliveza iqiniso lokuthi uMesaya wabe eliJuda, unina kunguMaria, uyise kunguJosefa, kodwa balishintsha igama lakhe lokuthi “uYeshua”, base bethi “uJesu.”
106.Bakufihla ukuthi igama elithi Yeshua lashintsha nini, lashintsha kanjani, lishintshwa ngubani ukuthi uYeshua usenguJesu!
107.Lobu bufakazela okushiwo nguDr Koster ukuthi BAZAKHELA OWABO UMSINDISI OKWASAMGRIKI NGOBA BEWENYANYA AMAJUDA, aliqiniso, namanje basasenyanya isizwe esimnyama!
108.Nathi ke sesishiye owethu uMsindisi, salandela lo esimakhelwe yizizwe ezamchitha owethu uNkulunkulu!
109.Ngokukhulu ubuqili, lomsindisi wabo oyisithixo, bamnika ama-atributes oMsindisi wethu, lomsindisi-mbumbulu wabe esehlotshiswa nangezinto esingazazi kuYeshua!
110.Kwathiwa asimyeke uNkulunkulu wakwa-Israel, onguJehova, silandele uNkulunkulu oziqu zintathu, bevusa uNimrod, uSemiramis noTammuz, okungu nkulunkulu welanga, oyisithixo sabo!
111.EBhayibhelini safunda ngeJerusalema elalinaba profethi bakaJehova, kodwa manje sesino Pope baseRoma.
112.Nokho asitsheliwe ukuthi iJerusalema yachithwa kanjani lease kuba iRome, nokuthi abaprofethi nabapristi bakaJehova bashintshe kanjani baba ngo Pope, oBhishophi noPastor benkolo yadeRoma?
113.Akugcini lapho, manje sesinobu fakazi bokuthi uYeshua okwakungu muntu omnyama, bamenza waba ngumuntu omhlophe; nazo zonke izithombe eziseBhayibheli zabantu abamnyama, zapendwa, zenziwa abamhlophe!
114.Uma sebebona ukuthi uNkulunkulu useyawaveza amaqiniso okuthi lonkulunkulu abasifundisa ngaye wakhiwe yibo, nokuthi nalenkolo abasinika yona, inkolo eyakhiwe yibo, sebethi “These grapes are sour!” akakho uNkulunkulu, ayikho nenkolo!
115.Nathi ke sesivumelana nabo, ngoba sithatha konke abakushoyo!
116.Sesamukela ivangeli labo elithi uNkulunkulu akekho,nenkolo yakhiwa nje zihlakaniphi!
117.Njenga manje e-England sebezi chithile izindlu zamasonto! Nathi ke sesishumayela lelovangeli lokuchitha inkolo kaJehova! Woshi nakho phela!
118.Kulungile siyichithe inkolo yabanye onkulunkulu esiyifunzwe yibo, kodwa hhayi inkolo kaJehova!
119.Uma ngicabanga ukusebenza kwengqondo yomuntu omnyama, kuvele kuthi angizisakaze phansi, ngizibuze ukuthi ngizalwe kanjani kulesi sizwe esiziwula kanje?
120.Enkulumeni yakhe ethi: COLONIZATION DIDN’T END, IT WAS RATHER REBRANDED, uJacques Rene Chirac oyi former President yase France, uthi:
121.“We bled Afrika for four and a half centuries. We looted their raw material, then we told lies that the Africans are good for nothing.
122.In the name of religion we destroyed their culture. And, after being made rich at their expense, we now steal their brains through miseducation and propaganda, to prevent them from enacting Black retribution against us!”
123.Ngesizulu lesi sihloko sithi:UKUQONELWA NGOKOBUZWE AKUPHELANGA, KODWA KWANIKWA IGAMA ELEHLUKILE.
124.“Samunca igazi le Afrika iminyaka engamakhulu amane nengxenye. Sazitapela ingcebo yezwe labo, sase siqamba amanga sithi ama-Afrika akazi lutho.
125.Ngokwenkolo, sabhubhisa usiko-Mpilo lawo. Futhi emva kokuba sesenziwe saceba ngezithukuthuku negazi labo, manje seseba ingqondo yabo ngemfundiso eyize, nangenkohliso, ukuze sigweme ulaka lwabamnyama ukuba lungasivutheli!” Amen!
Isihlabelelo 17.
Oshawayo akalahlwa
Makangazi deli
Chorus. Phaphamani
Phaphamani
Nina ma-Afrika.
Izimbombo zokhothamo
Zithobisa wena.
Chorus.
Izitha zikaJehova
Zivukela wena.
Chorus.
Abemukeliswa ubukhosi
Phezu kwalentaba
Chorus.
Sebefuna ukukwephuca
Ubukhosi baphakade.
Chorus.
INkosi ibusise enikuzwile!