Uma umuntu esethi kunomthetho okuyiTestament Elidala ongasekho kuyiTestamente Elisha, lowo muntu usebuswa ngabanye onkulunkulu!
KuMathewu 5:18 uYeshua uthi: “Ngiqinisile ngithi kini: Kuze kwedlule izulu nomhlaba, akusoze kwadlula gamana linye, nasicashana sinye somthetho (kaMose)!” Umthetho kaMose enkolweni kaJehova umi nguna phakade, awunakuchithwa noma ngayiphi indlela!
1.Imini yeSabatha ayibenhle kwabangcwele. Isihloko sale nkonzo sithi: “Asiqondise umlando nesisekelo senkolo yethu.”
2.Enkonzweni endlule sikuvezile ukuthi inkolo kaJehova ebizwa ngokuthi inkolo kaMose (iMosaic Faith), yalethwa nguJehova kumaYisrael entabeni yaseSnayi, eminyakeni yo 1447 B.C.
3.AmaYisrael lenkolo ayemukela esendleleni ephuma ekuthunjweni ngabaseGibhithe. Lomlando utholakala ku-Eksodusi 19:1-25; 20:1-26.
4.Sikuvezile futhi ukuthi lenkolo kaJehova yaqedwa ngabezizwe emva kwempi eyaba phakathi kwamaJuda namaRoma ngo 70 A.D.
5.Encwadini ethi: “FROM BABYLON TO TIMBUKTU, uProfesa Windsor uthi: “AMAJUDA AMANINGI ABULAWA; AMANYE ABALEKELA EZINTABENI NASEGIBHITHE.
6.KWASHAYWA UMTHETHO OWAWENQABELA UKUGCINWA KWEZINSUKU EZINGCWELE, ISABATHA, KANYE NOKUSOKA.
7.NGENXA YOKUZINGELWA NGEZIZATHU ZENKOLO, UMPRISTI OMKHULU U-ONIAS III, KANYE NAMANYE AMAJUDA, BABALEKELA EMAZWENI ASE-AFRIKA NJENGASEGIBHITHE NASE LYBIA.
8.IMBANGELA EYAHOLELA EKUFUDUKENI KWAMAJUDA KWABA YIZIMPI, UKUHLUKUNYEZWA NGOKWENKOLO, KANYE NOHWEBO.
9.LESI SIMO SENZA UKUBA KUGCINE KUNAMAJUDA AFUDUKELA E-AFRIKA.
10.NGO 70 A.D. UJENENE UTITUS WAWUQEDA NGENKEMBA UMBUSO WAMAJUDA.
11.KUSUKELA NGESIKHATHI SIKAPOMPEY KUYA KWESIKA JULIUS CAESAR ALINGANISELWA ESIGIDINI AMAJUDA ABALEKELA E-AFRIKA, EXOSHWA WUKUZINGELWA NOKUGQILAZWA NGAMAROMA.
12.IZIMAKETHE ZAZIGCWELE IZIGQILA EZINGAMAJUDA AMNYAMA NJENGOBA KU DUTERONOMI 28:64 KUTHI: “UJEHOVA UYOKUHLAKAZELA EZIZWENI ZONKE, KUSUKELA KOLUNYE UHLANGOTHI LOMHLABA KUZE KUFIKE KOLUNYE.
13.UYOKHONZA LAPHO ABANYE ONKULUNKULU BEMITHI NAMATSHE ONGABAZIYO WENA NOKHOKHO BAKHO.”
14.Uyaqhubeka uProfesa uthi: “LESI SIPROFETHO KANYE NEZINYE EZIQUKETHWE KUDUTERONOMI 28:15-68 ZEHLELA AMAJUDA AMNYAMA, EMVA KOKUBA ENGAYITHOBELANGA IMITHETHO KANKULUNKULU.
15.IZIZWE EZININGI ZATHUTHELA AMAJUDA EBUGQILINI, AMADODANA KA-ISRAEL ASABALALELA KUWO WONKE AMAZWEKAZI OMHLABA.” Amen!
16.Enkonzweni edlule sabuye sachaza ukuthi okuseqinisweni akaze abekhona amaJuda amhlophe, nokuthi iJudasm inkolo eyaqala ukuba khona emva kwa 700 A.D.!
17.Njengoba echaza uProfesa, kusukela amaJuda ehluliwe ngo 70 A.D, aba zigqila zabezizwe, ikakhulu okwabe kuyiwo amaRoma!
18.Ngo 325 A.D, uConstantine wasungula inkolo yabezizwe. Isisunguliwe lenkolo, lombusi, ngemithetho ebizwa ngokuthi ngamaCreeds, waqeda inkolo yamaJuda, abulawa kabuhlungu amaJuda ayetholakala esahamba ngokwezimiso zikaJehova!
19.Lama Creeds ami kanje: “Ngiyayichitha yonke imikhosi, nemicimbi, nemithetho, ukudla isinkwa esingena mvubelo, iminikelo yamawundlu eyenziwa ngama Hebheru.
20.Ngichitha nayo yonke imikhosi yama Hebheru, iminikelo, imithandazo, ukuzi ngcwelisa kanye nokudumisa kwabo.
21.Ukuzila kwabo, imikhosi yokweshwama, amaSabatha, nenkoloze, amahubo, nezaga, nokuya kwabo ukuyokhonza emathempelini.
22.Mina ngokwami ngithi angikufisi nakancane ukuthi kube khona ukubuya kule nkoloze yamaJuda, noma ukutholakala ngidla namaJuda, noma ngenza imikhosi kanye nabo,!
23.Kunalokho uma kukhona ukukhuluma nabo kufanele kube ukuthi bayatshelwa ngokusobala ukuthi bashiye lomsangano wabo wenkolo yamaJuda.(Okuyinkolo kaJehova).
24.Uma eke wabakhona otholakala enza lokho noma yimina, mangehlelwe isiqalekiso sikaKhayini. Noma nhloboni yesijezizo sokwephula umthetho ngisamukela njengesingi fanele.” Amen!
25.Ngijwayele ukuzwa izifundiswa ezimnyama zihlaba iBhayibheli, abanye bethi iBhayibheli yincwadi nje eyabhalwa ngabamhlophe ukusidukisa.
26.Kodwa angikaze ngizizwe lezi zifundisw zihlaba lamaCreeds, ngawo abezizwe ababhubhisa izinkulungwane zamaYisrael ayekhonza uJehova!
27.Ngabe lezi zifundiswa azazi lutho ngalama Creeds? Uma bewazi, kwenziwa yini ukuthi bengaphawuli ngento embi kanje eyayenziwa yisizwe esimhlophe ngokuqeda inkolo yokhokho bethu?
28.Kodwa ivangeli eselisibusa ukuthi akuchithwe iBhayibheli nenkolo! Kanti ayibuyiswa ngani inkolo kaJehova?
29.Eminyakeni yo 600 A.D., abezizwe bahlanganisa amanye amaScrolls ayebhalwe ngamaHebheru, base bewabiza ngokuthi iBHAYIBHELI.
30.Leli Bhayibheli lalehlukaniswe kabili, kuyi TESTAMENT ELIDALA NETESTAMENTE ELISHA!
31.Ngokwemfundiso yabezizwe iTestamente elidala liqukethe inkolo nomlando wamaHebheru, bese iTestamente elisha liqukathe ivangeli likaJesu!
32.Kodwa njengoba sizochaza, ziningi izimfundiso ezingayilo iqiniso ezichzwe ngenkolo yethu.
33.Incwadi ngempilo kaYeshua kusukela eneminyaka engu 12 kuya kwengu 30 eyabhalwa ngabaphostoli ethi, THE GOSPEL OF THE APOSTLES, amaRoma ayishisa!
34.Nencwadi kaMaria ekhuluma ngaye uMaria noYeshua yakhishwa kuNew Testament!
35.Eyabhalwa ngabalandeli bakaYeshua ethi THE GOSPEL OF THE NAZAREENS, yahunyushwa ngokuhlakanezelwa, yabe isibizwa ngokuthi NGOKUKAMATHEWU!
36.Lezi zincwadi zazishiselwa ukuthi zingawavezi amaqiniso ayezophikisa imfundiso yenkolo yabezizwe!
37.UYeshua, owabe eliJuda, wazalwa ngo 6 A.D., wahamba emhlabeni ngo 33 A.D. esalokhu engaphansi kwenkolo kaMose!
38.Pho kwaba kanjani ukuthi leli gama likaYeshua lishintshe kuleli elalilethwe yingelosi?
39.Sesikuchaze kaningi ukuthi uDr Koster, ongumsunguli nomphathi we Institute of Theological Research Council, ekhasini 62 lencwadi yakhe ethi: COME OUT OF HER MY PEOPLE,
40.Wawuchaza kanjani umlando wokuthi igama elithi Yeshua, okuyigama loMsindisi wethu, lashintstha kanjani laba ngu IESUS, asizulokhu sikuphinda ke lokho!
41.Kuyo le ncwadi uDr Koster uphinde aveze ukuthi noHANS LAMER, kwi article yakhe ethi PHILALOGISCHE WOCHENKSCHRIFT, unumber 25 wangomhla ka 21 June 1930, uthi uyakhumbula ukuthi u-IESO, wabe engunkulunkulukazi wokwelapha wamaGriki!
42.Uthi ke uDr Koster kungamampunge ukuthi igama elithi “IESUS” lihunyushwe lisuselwa olwimini lwesiHebheru elithi “Yahusha” noma lwesi Aramaic elithi “Yeshua.” Leli gama lisuselwa kuyisiGriki!
43.Manje sesizogxila kumehluko phakathi KWESISEKELO SENKOLO KAJEHOVA nezinkolo zabanye onkulunkulu!!
44.Esinye isifundiswa sathi: “Our mind as black people is so infiltred to the extent that we believe anything the white man wants us to believe!”
45.“Ingqondo yabantu abamnyama iseyaxoveka ngangokuthi sikholwa noma yini esiyitshelwa ngumlungu!”
46.Umlando wenkolo yethu uqondile, abezizwe baqala ngokuyiqeda ngamaCreeds inkolo kaMose!
47.Kwathi ngobuqili, base benza sengathi kusaqhubeka inkolo kaJehova, yize lenkolo kaMenzi wezulu nomhlaba yaqedwa ngama Creeds!
48.Kwase kuthiwa imithetho kaMose iqedwe ngenxa yesivumelwane esisha esilandelwe ngenxa yalokho abathi yisiprofetho ikaJehova!
49.Kodwa uYah akakwazi ukuziphikisa! Kusho yena ukuthi okokuqala umthetho wakhe umi nguna phakade, okwesibili kwasho yena futhi ukuthi akukho ngisho isicashana somthetho wakhe esoke sisuswe!
50.Akukwazi ukuthi kungathi inkolo kaMose yachithwa yibo abezizwe, bese futhi kuthiwe kunesivumelwano esisha esichitha umthetho wenkolo eseyivele ichithiwe, kwabulawa nabalandeli bayo!
51.Ukuthithwa ngenkolo kaJehova sekuchzwe sengathi ngakho kulandelwa isiprofetho esisencwadini engcwele, kanti akunjalo, kusaqhutstwa lobo buqili bokuqedwa kwenkolo kaMenzi wezulu nomhlaba okwenziwa ngamaCreeds!
52.Ngakho ke kumele kwazeke ukuthi igama elithi “Yeshua”, yilona gama elalethwa yingelosi.
53.Igama lomuntu alikaze lihunyushwe liyiswe kwezinye izilimi, ngaphandleke uma lowo muntu eyisigqila.
54.Asikwazi ke ukushintsha igama elafika emhlabeni lilethwe yingelosi, bese siletha elethu igama, esingazi ukuthi lamukeleke kangakanani ezulwini!
55.Kumele sizibuze ukuthi uYeshua oliJuda uhlangane nini, nakanjani nenkolo yesizwe esiyisitha ezingaka samaJuda?
56.Kulentshumayelo siveza umlando wenkolo kaJehova, abezizwe abayibiza ngokuthi inkolo yamaHebheru!
57.Inkolo kaJehova isukela entabeni yaseSnayi lapho uJehova owayehlisela esizweni sakwa Yisrael ngo 1447 B.C.
58.AbakwaYisrael bamhlubuka uJehova, wase ebayekela ezitheni ezagcina ngokubanqoba ngo 70 A.D.
59.Emva kwalokho zayiqeda inkolo kaMose ngamaCreeds njengoba siwabhalile ekuqaleni!
60.Kodwa kwathi uma abezizwe sebehlanganisa iNew Testament eminyakeni yo 600 A.D., ababe besakuveza ukuthi inkolo kaMose seyachithwa, base benza sengathi ukuchithwa komthetho kaMose kususelwa KUYISIVUMELWANE ESISHA ESASIPROFETHWA NGUMPROFETHI WAKWA-YISRAEL!
61.Kodwa isizathu sokuthi enkolweni entsha singayilandeli inkolo kaMose, futhi lingekho igama likaJehova noYeshua, kungenxa yokuthi lenkolo yaqedwa ngamaCreeds, nabalandeli bayo abaningi babulawa!
62.Noma kunemibhalo eminingi kuNew Testament ehlakanekezeliwe, kodwa zonke izincwadi eziku New Testament zabhalwa ngamaHebheru!
63.Okumele umlandeli wenkolo kaMose AKWAZI, ukuthi azi ukuthi inkolo kaJehova izimele ayihlangene nezinye izinkolo!
64.Yilesi isisekelo senkolo kaJehova esehlusa kwezinye iz inkolo: Okokuqala INONKULUNKULU OYEDWA, SIKHONZA UNKULUNKULU OGAMA LAKHE NGUJEHOVA KUPHELA!
65.Okwesibili uNkulunkulu wethu UKHONZWA NGOKUGCINA IMITHETHO YAKHE OWAYILETHA KITHI NGOMOSE, KANYE NEZIMFUNDISO ZABAPROFETHI EZENANELA UMTHETHO KAMOSE!
66.Uma enkolweni yabezizwe bethi abasaphili ngaphansi komthetho, ngokucashile basuke besho ukuthi kulenkolo yabo entsha, abasoze bagcina umthetho wenkolo kaJehova, okuyinkolo esebayiqeda ngamaCreeds!
67.Inkolo kaMose yavuswa ukufika kwaShembe eNatal, nowayemukela kuNkulunkulu entabeni yaseNhlangakazi ngo 1913.
68.Ukuthi isisekelo sebandla lamaNazaretha imithetho esenkolweni kaMose, lokhu uShembe wakubhala phansi kuvesi 3 womthandazo weSabatha, lapho ethi:
69.“Mesabeni uJehova zizukulwane ngezizukulwane, nigcine imithetho yakhe owanilobela yona uJehova ngenceku yakhe uMose, ukuze ukudumisa kwenu kwamukeleke kuThixo wemikhosi.”
70.Ukuthi umuntu ungaphansi kwenkolo kaJehova umbona ngokugcina umthetho kaMose, abuye afundise abantu ngokugcinwa komthetho kaJehova, njengokusho kukaYeshua kuMathewu 5:19!
71.Umprofethikazi wase-Amerika, uSister Celestial, ungumprofethi kaJehova, ngoba akagcini ngokuprofetha ngokuzokwenzeka, kodwa u90% wevangeli lakhe lingokufundisa abantu ukuthi bagcine yonke imithetho kaJehova owayiletha kithi ngoMose njengoba kwakwenza bonke abaprofethi bakwa-Israel, kuhlanganisa noShembe uMprofethi!
72.Lapha sibonisa ukuthi ukwazi kanjani ukwehlukanisa umprofethi kaJehova nabaprofethi babanye onkulunkulu!
73.Ukhiye ukugcina ubuye ushumayele ivangeli lokuthi asigcine umthetho kaNkulunkulu!
74.Awukwazi ukugcina ubuye ufundise ngokugcinwa komthetho kaNkulunkulu, kodwa uvela kwabanye onkulunkulu!
75.Asinaye uNkulunkulu we New Testamente ohlukile kuNkulunkulu we Old Testament!
76.SinoNkulunkulu oyedwa, ibandla elilodwa, elibuswa yimithetho kaNkulunkulu oyedwa!
77.Uma umuntu esethi kunomthetho okuyiTestament Elidala ongasekho kuyiTestamente Elisha, lowo muntu usebuswa ngabanye onkulunkulu!
78.KuMathewu 5:18 uYeshua uthi: “Ngiqinisile ngithi kini: Kuze kwedlule izulu nomhlaba, akusoze kwadlula gamana linye, nasicashana sinye somthetho (kaMose)!”
79.Umthetho kaMose enkolweni kaJehova umi nguna phakade, awunakuchithwa noma ngayiphi indlela!
80.Yikho kuMathewu 7:21-23 uYeshua ethi ngenke kukusize ukuhlala ubiza igama lakhe, ngoba uma ungawugcini umthetho kaJehova, ezulwini uYeshua uyothi ungumenzi wobubi, abesethi akakwazi!
INkosi ibusise izwi layo.
Le ntshumayelo iyatholakala kuYouTube othi Rev. Mpanza NCG.