Nathi uma uShembe ekhuluma ngamaNazaretha sasicabanga ukuthi leligama uShembe walisusela kuNumeri 6, singazi ukuthi kwaba nebandla elaliholwa nguYeshua elalibizwa ngokuthi libandla lamaNazaretha!
Isihlabelelo 24.
1.Bonani uza ngamafu
Uzobiza abantu bonke
Kuzovuka nobelele
Othulini lomhlaba.
Chorus.Amen haleluya
Dumisani nonke.
2.Kuyeza, kuyeza
Ukuphakama
Kuyeza nabangcwele
BeNkosi yezulu.
Chorus.
3.INkosi yona uqobo
Iyokwehla ezulwini
Iza nabaningi
BaseKuphakameni.
Chorus.
4.Abaphuma bejabhile
Ekuphakameni
Namhla sebeza
Bembethe ukunqoba kodwa.
Chorus.
5.Namhla thokozani nina
Webagcini bemithetho
Nizogcotshwa nanele
Ngokuyifeza imithetho
Chorus.
6.Niyovuzwa ngani na
Webephuli bemithetho
Bekani indlebe nizwe
Inhlokomo yabangcwele.
Chorus.
1.Lesi sihlabelelo esikade sisihlabelela angikhumbuli ngisibona, ngithuke nje ngihlangana naso.
2.Angazi ukuthi uqonda ukuthini umyalezo waso, kodwa sibukeka siyisiprofetho.
3.Angazi ukuthi uShembe ukhuluma ngayiphi iNkosi, le othi iyokuza ngamafu kuze kuvuke nabafileyo?
4.Kodwa kulula ukuthi amanye amakholwa athi nguJesu, ngoba abantu abaningi iziprofetho bazihumusha ngokwezinkolelo zabo.
5.Kodwa ziningi izihlabelelo lapho khona uShembe ethi iNkosi yamaNazaretha iyokuza ngamafu.
6.Inkinga esibhekene nayo ukwazi ukuthi ngeNkosi yamaNazaretha kukhulunywa ngobani?
7.Njengoba ngihlale ngisho, ngathola ukuthi kuyiZenzo 24:5 kuthiwa uPaul wayengumholi wamaNazaretha.
8.Kodwa okuningi ngamaNazaretha, okuthiwa ngesingisi Nazareen sect, asitsheliwe khona, njengoba kuNew Testament kukhulunywa ngabaFarisi nabaSadusi kuphela!
9.Kodwa ngokucwaninga ngahlangana nencwadi ekhuluma ngomlando wama sects amathathu, okungaba Farisi, abaSadusi namaNazareen sects.
10.AmaNazareen sects kwakungabalandeli bakaYeshua, naye owayebizwa ngomNazareen, ngesizulu njengoba nakuyiZenzo kuchaza, okungamaNazaretha.
11.Leli kwakulibandla elihamba ngobungcwele, bengayidli inyama, bengama vegetarians. NoYeshua, njengomNazareen kuthiwa wayeyiVegetarian!
12.Kodwa emva kokuba amaJuda enqotshwe ngamaRoma, baliqeda leligama elithi ngamaNazareens, yikho ungenke ulithole kuNew Testament.
13.Okokuqala babizwa ngokuthi bangama Jewish Christians, kodwa nalelo lashintshwa kwathiwa bangama Early Christians.
14.Ngakho uma emlandweni kukhulunywa ngePersecution of the Ealy Christians, okuse qinisweni kusuke kukhulunywa ngama Nazaretha ayephoqwa ukwamukela inkolo yamaRoma!
15.Wonke lomlando ngangiwuthola ezincwadini ezahlukene ngomlando wenkolo.
16.Ngabuye ngathola futhi umbhalo ochaza ukuthi uJerome owahumusha incwadi yamaHebheru eyisa kusiLatin, wenza umkhonyovu ekuyihumusheni kwayo!
17.Lencwadi eyayibhalwe ngabalandeli bakaYeshua isihloko sayo sithi THE GOSPEL OF THE NAZAREENS, ihunyushelwe kuyincwadi yeTestament Elisha ebizwa ngokuthi uMathewu.
18.Kodwa ungamangala ukuthola ukuthi ungakanani umkhonyovu owenziwa ekuhumusheni lencwadi yamaHebheru!
19.Angizukukhuluma ngezahluko eziningi, kodwa ngizochaza uMathewu 2:23 othi: “Wafika wakha emzini okuthiwa iNazaretha ukuba kugcwaliseke okwakhulunywa ngabaprofethi ukuthi: “Uyakubizwa ngokuthi ngumNazaretha.”
20.Lenkulumo ililumbo! Okokuqala balishintsha ivesi kanye nenkulumo eku Gospel of the Nazareens.
21.Ku Gospel of the Nazareens lencwadi ithi: “UJehova wathi: “Landani eGibhithe iNdodana yami engumNazaretha.” UYeshua wakhulela eGibhithe.
22.Ngakho ke ukuthi uYeshua ungumNazaretha kwasho uNkulunkulu, hhayi ukuthi kungenxa yokuthi wakhulela eNazaretha! INazaretha kwakulidolobha elaqanjwa ngabantu ababehlala kuleyondawo, okwakungamaNazaretha!
23.Akugcinanga lapho, kodwa ngabuye ngathola futhi umbhalo wakhe uJerome, owayeyi Cardinal ebandleni lamaRoma, engu Secretary ka Pope.
24.Kulombhalo uJerome uthi: “Kufanele ukuthi esikhathini samanje sike sibhekisise lababahlubuki abazibiza ngokuthi amaNazaretha.
25.Ngisho ubabheka nje uyabona ukuthi bangamaJuda ayikho enye into, abasebenzisi i-Testamenti Elisha kuphela kodwa baphinde basebenzise nalelo elidala lamaJuda.
26.Ngalokho kwenza, baba ngabemukelekile kumaJuda njengoba bengahluke ngalutho kuwona, basho zonke lezi zinto ezifundiswa emabandleni abo amaJuda, abahluko ngakho kumaJuda ukuthi bona bayakholelwa kuMessiah uJesu Krestu.
27.Bafundisa nokuthi kukhona uNkulunkulu oyedwa, kodwa uJesu uyindodana yakhe.
28.Bafunde njengawo amaJuda lawa futhi balandela yonke imithetho yamaJuda nabaprofethi babo, bona oku benza ukuthi behluke kwamanye amaJuda ukuthi nje bayemukela uMessiah.
29.Kodwa ngale kwalokho balandela imithetho yonke yamaJuda okufaka phakathi ukusoka, iSabatha, namanye amadili amaJuda.” Amen!
30.Lombhalo kaJerome, oliRoma, iwubufakazi obusobala ukuthi abalandeli bakaYeshua kwakungamaNazaretha!
31.Into engingayiqondi ukuthi umprofethi u-Isaya Shembe, njengomuntu owayengafundile, leligama elifihliwe kuyiNew Testament, yena walazi kanjani?
32.Nathi uma uShembe ekhuluma ngamaNazaretha sasicabanga ukuthi leligama uShembe walisusela kuNumeri 6, singazi ukuthi kwaba nebandla elaliholwa nguYeshua elalibizwa ngokuthi libandla lamaNazaretha!
33.Kodwa ke, njengomprofethi kaJehova, ezinye izinto uShembe wayezazi ngokoMoya kaNkulunkulu!
34.Ngiphawula ngalelihubo ngoba noma mhlawumbe ngike ngilibone, kodwa bengingakaze ngilifunde lonke, njengawo wonke amahubo omprofethi, lelihubo linomyalezo oljulile, engingazi noma sizokwazi yini ukuwuhlaziya kahle!
35.Kodwa ngethemba ukuthi lelihubo likhuluma ngamaNazaretha kaShembe; nawo engethemba ukuthi azolihumusha ngezindlela ezahlukene!
36.Ukubuyela kulelihubo, uShembe uthi: “Kuyeza kuyeza uKuphakama, kuza nabangcwele beNkosi yezulu!”
37.Ngoku Phakama umprofethi uyakucacisa ukuthi ukhuluma ngamaNazaretha. Igama elithi “Ukuphakama” lisho izinto eziningi. Lingasho umuzi, lisho ezulwini, kodwa futhi lisho ubuNazaretha.
Igama elithi “ongcwele” “holy” liyefana “noNazarite”, lisho ozahlukanisele uJehova!
38.Ngoku ‘Phakama” lapha uShembe ukhuluma ngobuNazaretha noma ngebandla lamaNazarethsa, ukuthi kofika iNkosi yezulu kusho iNkosi yamaNazaretha!
39.Lokhu ngikusho ngoba kusihlabelelo 50 umprofethi kuvesi 6 no 7 uthi:
“Sukani kukhulume uJesu
Niyokusha emlilweni
Lapho nanisebenzela khona
Ebuhlwingwini nasesililweni.
40.Jabulani nina bantabami
Uyokusho njalo kwabanye
Shiyanini umhlaba
Wozani eKuphakameni.”
41.Ukuthi “uJesu uyothi wozani eKuphakameni” inkulumo edidayo, akakho ongayihumusha ngokuqonda! Sonke sobona konke sekwenzeka! Iyefana nale ethi “uYeshua uzobuya!”
42.Mina ngikholwa ukuthi noma uYeshua eyobuya enguJesu, noma enguShembe, kodwa akuzubuya loJesu noma loShembe owayesemhlabeni ngokwenyama, kodwa kobuya iSpirit sikaJesu noma sikaShembe, uma lama spirit ehlukene!
43.Njengoba no-Elisha wabuya esenguJohane, esekwenye inyama, noYeshua, noma uShembe ngikholwa ukuthi uzobuya esekwenye inyama!
44.Okukhulu kakhulu ngoYeshua ukuthi sonke asimazi ukuthi wayenjani, ngoba lezi zithombe esinikwe zona aziyiso isithombe sikaYeshua, singasakuphathi okokuthi uYeshua akaze abe ngumlungu!
45.Uthi ke uShembe iNkosi uqobo iyokwehla ezulwini iza namaNazaretha!
46.Lapha uShembe ukhuluma ngamaNazaretha asedlulile emhlabeni, kodwa angcwele, ngoba ekuphileni kwawo emhlabeni ayehamba emkhondweni wezwi likaJehova!
47.Uvesi 4 unenkulumo edidayo. Uthi uBabamkhulu: “Abaphuma bejabhile eKuphakameni, namhla sebeza bembethe ukunqoba kodwa!”
48.Asazi ukuthi ngobani abaphume bejabhile eKuphakameni, kodwa okuthe uma sebebuya, beza sebembethe ukunqoba kodwa!
49.Kodwa kusobala ukuthi laba uShembe akhuluma ngabo ukuthi baphuma eKuphakameni bejabhile, babexoshwa isenzo esibi esasesenzeka eKuphakameni, noma ebandleni lamaNazaretha! Ibandla lingasahambi ngomthetho kaNkulunkulu!
50.Lokhu kufakazelwa ukuthi uBabamkhulu uthi ekubuyeni kwabo eKuphakameni bobe SEBEMBETHE UKUNQOBA KODWA!
51.Kusho ukuthi bobe bengaphumile ngoba bonile, kodwa bobe bephume ukolungisa okungasaqondile ebandleni lamaNazaretha. Baphumela ukuqondosa ubuNazaretha! Lokhu ngikusho ngoba kuvesi 5 uShembe uthi:
52.“Namhla thokozani nina
Webagcini bemithetho
Nizogcotshwa nanele
Ngokuyifeza imithetho!”
53.Laba abazobuya eKuphakameni bembethe ukunqoba, yilabo abagcina umthetho kaJehova njengoba safundiswa nguye uShembe.
54.Ekugcineni uShembe uyawabuza lamaNazaretha angawugcini umthetho kaNkulunkulu, uthi:
“Niyovuzwa ngani nina
Webaphuli bemithetho
Bekani indlebe nizwe
Inhlokomo yabangcwele!”
55.Lenkulumo eyisiprofethi angenke ize kahle kulabo asebemhlubukile uJehova, asebenonkulunkulu babo!
56.Ngikholwa ukuthi lesi isikhathi sokuba umuntu azihlole yena ngayedwa, noma ungumKrestu, noma ungumNazaretha, uzibuze ukuthi ekukholweni kwakho, uyawugcina yini umthetho kaNkulunkulu njengoba sifundiswe ngabaprofethi!
57.Isihloko salenkonzo sithi: ISIMO SEBANDLA LIKAJEHOVA UNKULUNKULU WETHU.
58.KuThimothewu wesibili isahluko 4:2-4 kuthi: “Shumayela izwi, ulungele ukulishumayela, noma kuyisikhathi noma kungeyiso. Sola, ukhuze, ugqugquzele ngakho konke ukubekezela nokufundisa.
59.Ngokuba kuyakufika isikhathi abangayikuyamukela ngaso imfundiso elungileyo, kodwa bayakuzibuthela abafundisi ngokwezinkanuko zabo nangokubatshwa kwezindlebe zabo.
60.Bayakufulathelisa izindlebe zabo eqinisweni, baphambukele ezinganekwaneni.” Amein!
61.Lenkulumo iyahambisana nentshumayelo eyisiprofetho eyashunyayelwa ngumprofethi Isaya Shembe (ukuthula kube kuye), esikhathini esiphambili, lapho ethi:
62.“Kuza isikhathi lapho abantu baseKuphakameni bayoyilahla khona indlela kaShembe. Lapho bayobe sebethembele amazulu amaningi, nangekho.
63.Ngalezo zinsuku bayodebesela ukugcina umthetho kaJehova, LO OKUTHIWE ANGIWUVUSELELE!
64.Bayowugxoba, bawuzibe, kuphase imithetho yabo nemithetho yezithixo zabo abayozibuyisa bazifake la!”Amein!
65.Lesi sprofetho uBabamkhulu waskhuluma emandulo, kodwa sesifezeke sonke eKuphakameni! AmaNazaretha amaningi amhlubuke sibhekile uJehova!
66.Bayawugxoba umthetho wokukholwa, lo uShembe owasifundisa wona, kunalokho sebenemithetho yabo neyezithixo zabo asebezifake ebandleni lamaNazaretha!
67.Ngike ngezwa omunye umfundisi ethi uma ungaganile, noma ungaganiwe, awungeni ezulwini!
68.Wake wawuzwa umbhedo onje okuthiwa ukhulunywa ngumuntu okuthi ngumfundisi?
69.Ebandleni lamaNazaretha sinamakhosazana angagani abizwa ngokuthi ngo-anti, lamakhosazane ango-anti iwona aphethe wonke amakhosazane kuleli bandla!
70.Pho azihluphelani ngokukholwa uma engazukungena ezulwini!
71.Le imfundiso yezithixo esebezifake lapha eKuphakameni, nazo esezinemithetho yazo ephambene nemithetho kaJehova!
72.AmaNazaretha aseyilahlile indlela kaShembe, asekhonza izithixo zawo.
73.Lokhu kubonakala ngokukhonza amadlozi nokugcwalisa izangoma emzini kaNkulunkulu!
74.Kuba sengathi uyaphupha uma ubona isangoma ebandleni lamaNazaretha, ngoba kithina ukuzihlanganisa nesangoma kuyefana nokudla ingulube! Yinto obungayicabangi ukuthi ingenziwa ngumNazaretha!
75.Ubabamkhulu ekhuluma ngezangoma uthi: “Bantabami uma nike nangenisa iSangoma naba nemimoya engcolileyo kulobu buNazaretha, nibokwazi ukuthi kusukela ngalelo langa lobu buNazaretha sebufile, abusekho!
76.Ngokuba isitha sokuqala sika Nkulunkulu yiSangoma.
77.Ngokuba kuye kuthi nxa uJehova eshaya umthetho ngomlomo woMprofethi, bese no Sathane ashaye umthetho ophambene noka Jehova ngomlomo weZangoma neyabo bonke abakhothama emimoyeni enqatshiwe ngu Jehova.”
78.Njengoba waprofetha uBabamkhulu, manje sekwenzeka lokhu owakukhuzayo, nasi isangoma sesisifundisa ukuthi umuntu ongaganiwe nongaganile akangeni ezulwini!
79.Kodwa umthetho kaNkulunkulu uthi ezulwini akukho ukuganana, sifana nezingelosi!
80.Kodwa manje kuleli bandla ungathola kuganiswa umuntu ophilayo nomuntu osefile, kumbe abafile bodwa!
81.USathane ngezangoma ufundisa abantu ukuba benze into ephambene nomthetho kaNkulunkulu, uyisa abantu ezulwini lomndeni!
82.Lesi sangoma esizibiza ngomfundisi, sifundisa into ezoyisa abantu ekulahlweni!
83.Uthi ke umpostoli: “Shumayela izwi, sola, ukhuze, ugqugquzele ngakho konke ukubekezela nokufundisa.”
84.Leso sikhathi uBabamkhulu owakhuluma ngaso sesifikile ebandleni lamaNazaretha!
85.Lobu buNazaretha esikubona manje kuphambene kakhulu nobuNazaretha okwafundiswa nguBabamkhulu, kwaqhutshwa yibo bonke abaholi abamlandela!
86.Ku-Isaya 8:19-20 umprofethi uthi: “Lapho bethi kini: “Hambani nihlole kwabanamadlozi nabanemimoya, abahhumuzelayo, banyenyeze, kanti isizwe akumele yini sibuze kuNkulunkulu waso na?
87.Impela abakhuluma ngalolu hlobo kabasoze baba nokukhanya!”Amein!
89.Ayikho into eyisinengiso kuNkulunkulu njengokuhlola noma ukubhula konedlozi, noma isangoma!
90.kuyiziKronike zokuqala isahluko 10:13-14 kuthi: “Wafa kanjalo uSawuli ngenxa yesiphambeko sakhe asenza kuJehova ngokungaligcini izwi likaJehova, nokuba waya kobhula konedlozi, wabuza kuye, angabuzanga kuJehova.
91.Ngakho ke uJehova wambulala, umbuso wawubuyisela kuDavide indodana kaJese!”
92.KuLevi 20:27, uJehova uthi: “Owesilisa noma owesifazane ongenwe yidlozi, noma ngumoya wokubhula, uyobulawa nokubulawa, akhandwe ngamatshe, igazi lakhe libe phezu kwakhe!”Amein!
93.Umoya wokubhula noma ukuba yisangoma kuyinto embi kakhulu enkolweni kaJehova.
94.Kulungile kwezinye izinkolo, kodwa uma umuntu eba yisangoma ebandleni lamaNazaretha, njengoba esho uBabamkhulu, lowo muntu usekubulele ubuNazaretha!
95.Emhlabeni zingaba khona ezinye izinkolo, kodwa inkolo enoNkulunkulu owahlulela wonke umhlaba, inkolo kaJehova!
96.Njengoba sesishilo, kusukela ku 2025, sisesikhathini sokwehlulelwa, uJehova uzokwahlulela wonke umuntu, kungakhathaleki ukuthi ukuyiphi inkolo, kumbe ibandla!
97.Sizobona ke ukuthi lolu laka lukaJehova oluzobhubhisa bonke abant, bakhona yini abanye onkulunkulu abazokwazi ukuluvimba!
98.Umthetho wokuzahlukanisa nemimoya yabangasekho imfundiso enkulu esukela kuMose ize kubaprofethi, ize izogcizelelwa nguShembe uBabamkhulu njengoba esho ethi:
99.“Ngalezo zinsuku bayodebesela ukugcina umthetho kaJehova, LO OKUTHIWE ANGIWUVUSELELE!
100.UShembe ke wawuvuselele umthetho kaJehova othi singawahlabeli amadlozi.
101.Kuyintshumayelo yakhe eyayiseKuphakameni ngo 1927 uBabamkhulu uthi:
“Ngiyazi ukuthi abafile bayisihibe kwabaningi, ngenxa yokweqiwa uthando lwabo. Kuhle ukuthanda umzali wakho nesihlobo sakho; lokho akukubi kuJehova.
102.Kodwa ningaweli ekubathandeni okwedlula uThixo, funa niduke, nenze okuphambene nomyalo enginiyala ngawo, nenayalwa ngawo ku-Mathewu 10:37.
103.Nizwile emthethweni wayizolo ukuthi anisekuwakhonza amadlozi, nomthetho othi anisahlangani nabafowethu abenza okunjalo; ngoba abenza okunjalo bayanengeka kuJehova.
104.Okwenu kuhle ukuba nibakhumbule elatini elikhulu, emzini kaJehova eKuphakameni, kunokuba nenze njengalabo abangenaye uThixo.”
105.Ayikho enye indlela ongayichaza ngayo lemfundiso kaShembe ngaphandle kokwenza lokho akushoyo, ngoba ayisiso isingathekiso!
106.Ngiyafisa ukugcizelela, njengoba nomprofethikazi uSister Celestial ehlale esho ukuthi akakho uNkulunkulu weTestamente Elidala noNkulunkulu weTestamente Elisha;
107.SinoNkulunkulu oyedwa, nomthetho owodwa owafika noMose, namanje sonke esisabuswa yiwo!
108.Labo abazakhela onkulunkulu, behambe bekhetha imithetho ethandwa yibo, bashiye abangayithandi, sizoke sibone ukuthi ngubani ozogcina phakathi kwabo noNkulunkulu?
109.Okuliqiniso ukuthi bayazikhohlisa, bangenwe ngumoya wokuhlubuka, bayafana nalamaNazaretha akwaShembe, asezakhele inkolo yawo nonkulunkulu wawo!
110.Kunokuhlubuka ke okukhulu engikubuka kwabanye abafundisi babaKrestu.
111.Njengamanye amaNazaretha, abafuni ukuphathwa ngumthetho kaJehova, lo uYeshua owasiyala ngawo kuMathewu 5:17-19, noShembe owasifundisa ngawo kuvesi 3 woMthandazo weSabatha!
112.Miningi imithetho kaNkulunkulu engagcinwayo ebandleni lamaKrestyu, okufanele ngabe abafundisi balamabandla bayifundisa abantu, kodwa kunalokho bachitha isikhathi ngezinto ezingathi shu!
113.Yathi kimi ingelosi, ngaso sonke isikhathi uma ngifuna ukwazi noma into ethize kufanele yini ngiyenze, angolandela umthetho kaMose nezimfundiso zabaprofethi!
114.Kodwa uma ulalele izimfundiso zamanye amakholwa, ziyawuchitha umthetho kaNkulunkulu ngezimfundiso zikaPaul!
115.Umpostoli Paul wayengesiye ngisho umprofethi, kodwa wayengumfundi kaYeshua, enjengami nje, njengoba nami ngingumfundi kaShembe.
116.Umsebenzi womfundisi ukuvuselela umthetho kaNkulunkulu kubantu, hhayi ukuchitha umthetho kaNkulunkulu!
117.Ngijwayele ukuthi lapha kuTick Tock ngithole kunezimpikiswane zabafundisi ukuthi umuntu wesifazane angama yini phambi kwebandla abe ngumfundisi?
118.Kodwa kwa-Israel babebaningi abaprofethikazi. UDeborah wayeyinkosikazi eganile, kodwa futhi engumprofethikazi, engumholi wama-Israel, abuye abe ngumahluleli, ehlulela isizwe sakwa-Israel.
119.Manje uma unkosikazi eba ngumprofethi, okuyisikhundla esikhulu enkolweni, yini manje esizomvimba ukuba ngumfundisi.
120.Kusho ukuthi ngokwamanye amaKrestu kuliphutha ukuba uSister Celestial abe ngumprofethikazi.
121.Kodwa vele bakhona abakusola kakhulu lokho! Banqumela uNkulunkulu ukuthi ubani ongaba ngumprofethi, ubani ongafanele!
122.Ngiyajabula ngoba ngihlale ngizwa ezintshumayeleni zalomprofethikazi ukuthi akakho uNkulunkulu weTestamente Elidala noweTestamente Elisha, futhi awukho umthetho weTestamente Elidala noweTestamente Elisha!
123.Lokho kuchaza ukuthi ibandla likaNkulunkulu linye kusukela kuMose kuze kufike kuYeshua nabafundi bakhe kumaKrestu; kumaNazaretha kuze kufike kumprofethi u-Isaya Shembe! Isimo senkolo kaJehova sinjalo ke!
124.Futhi okumele bonke abantu bakwazi ukuthi bengaba semabandleni nasezinkolweni ezahlukene, kodwa ekugcineni umhlaba uzokwahlulelwa nguJehova!
125.Imfundiso kaYeshua eku Mathewu 5:18-19, ithi umthetho kaNkulunkulu umi nguna phakade, ongawugcini abuye afundise abanye abantu ukuthi angawugcini, uyolahlwa!
126.Nemfundisi kaShembe ekuvesi 3 womthandazo weSabatha, ithi kumele ukukholwa kwethu kube ukugcina umthetho kaJehova owawuletha kithi ngenceku yakhe uMose! Ubani okuphikayo lokho?
127.Sengizifunde kakhulu izimfundiso zomprofethi uSister Celestial, ukuthi kumele uNkulunkulu simkhonze kanjani!
128.Kimina uSister Celestial ungumprofethi wokuqala enkolweni yobuKrestu ofundisa ngezwi likaNkulunkulu njengoba lalishunyayelwa ngabaprofethi bakaw-Israel, o-Isaya, oJeremiya nabanye!
129.Uma ungumKrestu, kodwa ungamemukeli uSister Celestial kanye nezimfundiso zakhe ngendlela eyiyo yokukhonza uJehova, ulihlubuka, umhlubukile uSomandla!
130.Njengoba ngihlale ngisho, amanye amabandla esimanje anevangeli elehlukile kuyivangeli leBhayibheli nelihlale lishunyayelwa nguSister Celestial.
131.Manje sekunevangeli elisha elihlale libabaza umusa nothando lukaJesu, kodwa iBhayibheli lisifundisa ngokulunga, ukuthi ekukholweni asiphelele ekulungeni!
132.Lelivangeli alikuvumeli ukuba uphumele obala ulwe nesono, kanti uNkulunkulu uthi asixwayise, seluleke ngesono, sifundise nangomphumela wokwahlulela, nokulahlwa esigodini sosizi!
133.Ivangeli lesimanje lenza umuntu amukeleke, adume emhlabeni, kanti elikaNkulunkulu likwenza uzondwe, ube yisitha kubantu abaningii!
134.Ivangeli elisha lifundisa ukwenza intando yakho, kanti iBhayibheli lisifundisa ukuphakamisa intando noma umthetho kaNkulunkulu!
135.Lelivangeli ligqugquzela ukuthi akufanele uhlale uhlukumeza abantu ngokubatshela ngomthetho kaNkulunkulu, kanti ivangeli lasezulwini ligqugquzela ukuthi abantu kumele behlale bevuselelwa ngomthetho kaNkulunkulu, njengoba kuhlale kwenza uCelestial!
136.Bonke abantu ngosuku lokwahlulela abafuna ukuya ezulwini, abalandele izimfundiso zabo bonke abaprofethi ngombuso wezulu nolaka lukaNkulunkulu! Abaprofethi bakaJehova abaphambani ngomyalezo abawuthunyiwe!
INkosi ibusise lokho enikuzwile!