Kodwa lesi simo akhuluma ngaso uJesu, nengelosi isisifundise kabanzi ngaso. Uma ukholwe ngempela sithi ufile ngoba umphefumulo wakho usuwehlukene nenyama yakho!
Kodwa ngesikhathi umphefumulo wakho wehlukana nenyama, kuvele kufike abasezulwini bakuthathe baye nawe ezulwini, kungabi bikho ukwehlulelwa.
Isihlabelelo 115
1.Ngivukile ngezwi lakho
Mina ebengifile
Ngivumele Nkosi ngibatshele
Abafile njengami.
2.Abafile ngezwi lakho
Bayosinda ngani na
Ngivumele Nkosi ngibatshele
Basined ngezwi lakho.
3.Ngenhlanhla engiyiphiwe
Ngalowo musa wakho
Ngivumele Nkosi ngibatshele
Abangayiphiwanga.
4.Baname kanye nabo
Abavela emafini
Abangubo zahlanzwa
Zenziwa mhlophe.
5.Inanelo yabangcwele
Yabathanda ukulibona
Siyethemba bayakulibona
Lelozwe elizayo.
INKINGA YOKUKHOLWA OKUPHIKISANA NOKWAZI
1.Kunemfundiso kwamanye amabandla ethi uma umuntu esefile, usuke esefana nje nogodo, kungasekho okuzwayo.
2.Ngakho ke akufanele sibe sisazihlanganisa nomuntu ofile, ngoba uyinto engekho, esikubonayo ngamadimoni azenza lomuntu ofile!
3.Uma bechaza le mfundiso-nkolo yabo bayaye becaphune incwadi yomshumayeli 9:5-6, lapho umshumayeli ethi: “Abaphilayo bayazi ukuthi bazokufa, kodwa abafileyo abasazi lutho, futhi abasenamvuzo, abasakhunjulwa.
4.Kubo uthando nenzondo nomona sekuphelile, abasenasabelo nanini kukho konke okwenziwa phansi komthunzi welanga.” Amein!
5.Enkonzweni edlule ngike ngachaza ukuthi abanye abantu bayaye bebe nemfundiso ethi okukholwa yibo yikhona okuliqiniso, kodwa okwaziwa ngomunye umuntu akukho, wazi into engekho!
6.Ngakhula ngelusa, kuthi uma siya ediphini ebusuku sihlangane nezipoki.
7.Isipoki kuyaye kube ngumlilo olikloba elikhulu, elihambayo.
8.Ukuhamba kwawo kufana nomoya, ngoba unamagxathu mhlawumbe angaba ko 30 miters, kuye ngisho ku100 miters, futhi uhamba nalapho kungekho ndlela khona.
9.Uma usuhlangana nawo, ku 100 miters uyacima, bese uzodlula kuwe sekuyisithunzi somuntu omude, ongakwazi ukubona ukuthi ugcinephi. Sasiyaye sihlangane nalemimoya ebusuku.
10.Kodwa kuthe sengifunda, sengihlala nabafana base Lamontvile nako Clermont, baphika impela ukuthi ikhona into eyisipoki.
11.Umuntu ekuphikise ngento wena oyaziyo, yena ongayazi, kodwa ofundiswe ukuthi athi ayikho, bese okufundisiwe kuba yikho okuyikho, kuchithe lokhu wena okwaziyo.
12.Iqiniso ukuthi laba bafana babekhulele elokishini, bengazi lutho ngesipoki. Manje ke ngoba bengasazi isipoki, sebethi asikho!
13.Lencwadi abayicaphunayo inezinto eziningi abangakaze bazibungule ekufundeni kwabo.
14.Okokuqala lencwadi iseTestamenteni Elidala. UMose abantwana bakwa-Israel akaze abafundise lutho ngokuthi kwenzekani kumuntu uma esefile.
15.Ngakho ke lokhu okwakukhulunywa nguMshumayeli kwakusahambisana nezimfundiso zikaNkulunkulu owayezishiye kuMose.
16.Okwesibili, uma ufunda isingeniso salencwadi, sithi: “Umshumayelo wethula IMICACANGO yakhe ngempilo, ngenhlakanipho nangomshikashika wesintu wokuba siqonde ukuthi impilo isho ukuthini….”
17.Ngakho ke okukhulunywa kulencwadi akuhlangene nokukholwa, kodwa lencwadi inolimi lwe Philosophy 19.
18.Kuliqiniso ukuthi uma umuntu esefile, uma ngomuntu sikhuluma ngesidumbu, leso sidumbu vele asazi lutho.
18.Kodwa ekukholweni asikhulumi ngesidumbu somuntu, kodwa sikhuluma ngomoya noma ngomphefumulo womuntu, ngoba wona awufi.
19.Lokho sikufundiswe nguJesu! KuMathewu 17:1-3 kuthi uJesu wabonakala enoMose no-Eliya. Laba ababili kwakukudala bafa, kodwa ngokomoya babonakala benoJesu Krestu!
20.Ngakho ke akusiyo nje imfundiso yodwa, kodwa kunobufakazi eBhayibhelini ukuthi noma umuntu kudala wafa ngokomzimba wakhe, kodwa umoya wakhe awufi!
21.KuPetro wokuqala isahluko 3:18-20, umpostoli uPetro uthi:“UKrestu wahlupheka kwaba kanye ngenxa yezono, olungileyo ehluphekela abangalungile, ukuze aniyise kuNkulunkulu; wabulawa emzimbeni, kodwa waphiliswa kuMoya.”
22.Lapha uPetro wehlukanisa ukufa kwesidumbu nokuphila ngokomoya!
23.Uthi ngomoya uJesu wahamba wayoshumayeza imiphefumulo yabafa bengalalelanga umyalezo kaNkulunkulu ngenceku yakhe uNowa!
24.Lapha uPetro ukhuluma ngabantu abafa ngamanzi ngesikhathi sikaZamcolo, okuyisikhathi eside kakhulu!
25.Uthi ke uPetro kwathi uma uJesu esefile ngenyama, ngomoya wabe eseya emimoyeni eyafa ngesikhathi sikaNowa ukuyoyishumayeza ukuba ikholwe.
26.Okokuqala, ngokwalemfundiso nkolo ethi uma sifa ngokwenyama siba ngabalele, kungaba nombuzo othi umshumayeza kanjani umuntu ofile?
27.Lokho kusho ukuthi izidumbu ezazibulawe ngamanzi,kodwa imiphefumulo yazo yayingafile, yikho uJesu wahamba ngokomoya eyoyishumayeza!
28.NgokukaJohane 5: 25, kuthi: “Ngiqinisile ngithi kini isikhathi siyeza, sesifikile namanje, lapho abafileyo beyakulizwa izwi leNdodana kaNkulunkulu, abalizwayo bayophila.”
29.UYeshua uthi abafile bayolizwa izwi likaNkulunkulu. Uyaqhubeka uthi namanje sebeyalizwa!
30.Lokho kusho ukuthi noma sebafa ngokwenyama, kodwa ngokomoya sebavuka, yikho beshunyayezwa!
31.Umuntu ofile ngalendlela echazwa ngumshumayeli awukwazi ukumshumayeza, ngoba isidumbu sofile asizwa lutho! UMshumayeli ke ukhuluma ngesidumbu, hhayi ngomphefumulo womuntu.
32.NgokukaJohane 5:24 uJesu uthi: “Ngiqinisile ngithi kini olizwayo izwi lami, akholwe ngongithumileyo, unokuphila okuphakade. Akayi ekwehlulelweni, kepha udlulisiwe ekufeni, wangena ekuphileni.”
33.Uthi ke uJesu uma umuntu ekholiwe akehlulelwa, kodwa kuthi kufa umzimba wakhe, umphefumulo wakhe uvele uqonde ezulwini.
34.Lapha uJesu akakhulumi lutho ngokuthi ekufeni umuntu uba ngolele kuze kufike isikhathi sokuvuswa, uthi umuntu okholiwe ekufeni kwakhe uqonda ezulwini!
35.Noma ngabe kwakhulunywa amakholwa ayifundiswa ngumpostoli, kodwa iyaphikisana nemfundiso kaJesu!
36.Sihlala nengelosi, kodwa angikaze ngiyizwe isifundisa leyonto, ngoba practically ayikho!
37.Kodwa lesi simo akhuluma ngaso uJesu, nengelosi isisifundise kabanzi ngaso. Uma ukholwe ngempela sithi ufile ngoba umphefumulo wakho usuwehlukene nenyama yakho!
38.Kodwa ngesikhathi umphefumulo wakho wehlukana nenyama, kuvele kufike abasezulwini bakuthathe baye nawe ezulwini, kungabi bikho ukwehlulelwa.
39.Lokho mina ngakubona kumama wami ngoba wahamba emhlabeni mhla ka 1 July 1981.
40.Ekuseni wavuka wasitshela ukuthi kade kufike amakhosikazi ka 14 ethi amlandile, athi akageze ngoba bazobuya emini bezomlanda.
41.Wageza, emva kwalokho waya endlini yakhe wayolindela lamakhosikazi ka 14. Ngathi ngiyangena emini, ngamthola esethule!
42.Samthatha samusa emakhazeni. Kodwa kwathi ngabo lobo busuku silindile, kwaba sengathi ngifikelwa ubuthongo.
43.Ngambona evela ngefastela, ngaphuma ngaya kuye. Wabe esethi ufuna ukungitshengisa ukuthi uBabamkhulu umbekephi.
44.Wahamba nami waye wafika eVelabahleke, okungumuzi wakhe uBabamkhulu, kodwa osekuyiVelabahleke lasezulwini, ngoba elasemhlabeni lalingasekho.
45.Ngawubona lomuzi omuhle isimanga. Umama wabe esethi:” UBabamkhulu ungibeke lapha ke eVelabahleke, nawe uma uziphathe kahle uyokulanda uBabamkhulu sizohlala lapha!”
46.Kwathi osukwini lwesithathu, kwafika umaDludla owayengumngani omkhulu kamama.
47.Wathi uma efika wathi: “U-Anti ufikile wangitshela ukuthi akasekho emhlabeni. Ucela ukuba ngizosho ukuthi isidumbu sakhe ufuna siphathwe ngabantwana bakhe kuphela, ngoba ufuna ukubabusisa.”
48.Nempela umama eseyongcwatshwa isidumbu sakhe sasiphethwe yithi sobathathu kuphela!
49.Ubani ke osezothi lo owafika kimi wangisa ezulwini kwakulidimoni?
50.KuMathewu 27:52-53 kuthi: Amathuna avuleka, imizimba eminingi yabangcwele ababelele yavuka; baphuma emathuneni emva kokuvuka kwakhe, bangena emzini oyingcwele, babonakala kwabaningi?”
51.Lencwadi ithi ekuvukeni kukaJesu ekufeni, nabangcwele bavuka, babonakala sebeya ezulwini! Manje ibaphi futhi laba esilindele ukuba babuye bavuke?
52.Ngiyafisa futhi ukukhuluma ngenye indaba engiyizwe ikhulunywa ngenye intombazane kuyiTich tock.
53.Angizukuliveza igama layo. Lentombazane eyafelwa yisoka layo ngokuzibulala, ithi: “Eseshonile lomfana wayelokhu engilandela, ngimbona engumuntu olokhu edlula emnyango.
54.Ngithi ngisahleli, ngizwe umuntu engibiza, ngithi ngiyabheka ngithole ukuthi akukho muntu.
55.Ingihluphile lento, ngaxoxela umngani wami ukuthi ngiyambona lomfana elokhu edlula phambi kwami, kodwa okwamanje akasho lutho. Kodwa ngiyaye ngizwe sengathi khona into engilandelayo.
56.Wabe esethi umngane wami angimtshele ukuthi “asisathandani, wena usufile, musa ukulokhu ungilandela.” Nempela nami ngaba naleso sipirit.
57.Ngithe nje ngilele, ngimuzwe ekhuluma, kungathi ngiyaphupha, ethi “sithandwa sami, ngicela ungitshele ukuthi awusoze wangishiya.
58.Bese ngizama ukukhuluma ngithi: “Hheyi wena, awusekho wena, mina ngiyaphila, ngicela wehlukane nami phansi.
59.Avele akhale, athi: “Ngitshele ukuthi awusoze wangishiya, ngingakufela.”
60.Ngithi usufile vele! Bese ngivele ngiphaphama emveni kwalokho. Ngiphaphame ngesaba, ngishawe uvalo. Ngithi ngiyaphaphama ngithole ukuthi kuyashisa endlini. Ngivule ifeni.
61.Ngithandaze ngithi Nkulunkulu wami ngicela ukuthi izipoki zingasondeli eduze kwami. Kungabe kusalaleka, ngithathe iphone yami ngidlale u facebook.
62.Ngithi ngisaqhubeka nofacebook, ngizwe sekunomuntu ongqongqoza emnyango. Ngithi mina:
63.Ubani lowo? Kodwa futhi ngesaba ukuthi ngubani lowo ongqongqoza ngalezi zikhathi.
64.Uma ngithi ngiyavula, ngithole ukuthi akukho muntu. Ngabona ukuthi ngiyesaba, akusafanele ngilale ngedwa manje.
65.Ngifike ngimtshele umngani wami. Bese ethi yena ngingalali embhedeni, ngilale phansi, ngithenge usawoti nokunye.
66.Ngase ngithi kungcono sihambe siye ethuneni lakhe mhla abadala bengekho.
67.Kwathi ntambama sesiphumile esikoleni saya kubo kwalomfana, sangena emathuneni.
68.Base bengitshelile abangani bami ukuthi angikhulume yonke into, ngimtshele ukuthi ngangikuthanda ngoba ubona sengathi angisakunakile.
69.Omunye ethi male, omunye athi ungamali, ngoba uzodinwa uma kungukuthi uyamala.
70.Ngifika ngamtshela ngathi: “Mfowethu, uyazi nawe besithandana, kwafika isikhathi sokuba sehlukane. Ngisathandana nawe angikaze ngikwenze isilima. Ngiyaxolisa ukuthi kwenzeke lento eyenzekile.
71.Ngihambeke, kodwa kwaba sengathi kukhona into engilandelayo. Angilalanga ngalolo lusuku.
72.Kwathi ngisahleli ngizama ukuthongo, ngilele ngesisu. ngambona engena esangweni. Kwangathi ujabulile namuhla.
73.Angene asondele endlini, afike ahlale phezu kwezinyawo zami. Ngimbuze ukuthi mfowethu ufunani? Angibambe, isandla sakhe sisondele emathangeni ami.
74.Bese ethi: “Khululeka, ngenke ngikwenze lutho!” ngiyabonga ukuthi ufikile wazongivakashela, ngiyabonga futhi ukuthi usangithanda, bengazi futhi ukuthi ngenke size sehlukane, futhi akekho umuntu oyosihlukanisa.
75.Bese ngiphakamisa izinyawo, ngithi: “Wena ufile man, uyisipoki, suka kumina mfowethu, ufile!”
76.Ngibone ukuthi angiye kumthandazi manje. Ngabahamba bonke abathandazi. Lutho, umuntu elokhu ebuya.
77.Ngaze ngaphunyelwa yisisu engangikhuleliswe yindoda yami entsha. Wayesengitshelile ukuthi akukho ndeoda ezofika izolala nawe ikumithise lapha.
78.Ngithi ngilele, ngivele ngimbone, akhulume, akhulume, abuye futhi azihambele.
79.Nagcina ngiyeka ngisho ukujola, ngehla emzimbeni. Kwagcina kungenelela abantu, bathi, hhayi bo, yenzelani ingane yabantu umsebenzi ihambe iyokwala umfana.
80.Nangempela ugogo wakhona kwayima ngenzelwa umsebenzi, ngabizwa ngagqokiswa izinto ezimnyama base beyokhuluma naye, bathi nangu usibanibani uzokwala, wena awusekho, wafa!
81.Nami ngafike ngamtshela ngangamncenga, ngathi mfowethu angisakufuni ngoba awusekho, ngaze ngajukujele inhlabathi, ngagezwa ke.
82.Ngalobo busuku ngalala, ngase ngiyambona emile emnyango, wakhala, wakhala, kodwa wavalelisa wahamba.” Amen!
83.Ngalenkulumo sisafakaza khona ukuthi akulona iqiniso ukuthi uma umuntu esefile uba ngolele, elindele ukuvuka ngesikhathi oyovuswa ngaso!
84.What we always observe ukuthi ekufeni abantu bayavuka bakhulume ngezindlela eziningi!
85.Njengoba sesichazile, naku Testamenteni Elisha uYeshuwa uthi ekufeni kwethu siya ezulwini! Lapha sikhuluma ngomphefumulo womuntu!
86.Kodwa uma umuntu efe ngokuzibulala, akakwazi ukungahluphi, ngoba vele usuke ehlupheka lapho ekhona!
87.Ekukholweni yinye indlela yokusiza umuntu ofe ngokuzibulala, ukumnikelela umcelele intethelelo kuNkulunkulu!
88.Mhla wamnikelela, wakhululeka, isikhathi esiningi uyambona esezobonga, ekutshela ukuthi usekhululekile!
89.Umbuzo uthi amakholwa amaningi ayithathaphi lemfundiso-nkolo ethi kuyisono ukuhlabela abafile, kodwa kungabi yisono ukudla ingulube, ukungaligcini isabatha nokuchitha eminye imithetho kaNkulunkulu?
90. thina asibaghlabeli abaphansi ngoba sigcina umthetho kaNkulunkulu othi ungabi ngabanye oinkulunkulu ngaphandle kwami. Kodwa asinayo imfundiso ethi abafile ngamadimoni!
91.Ngo 1833 kwaba nengungquthela yabamhlophe ukuzocija abafundisi abamhlophe abazoshumayela e-Afrika ukuthi babaphathe futhi babafundiseni abamnyama.
92.Kodwa namuhla sikhuluma ngalesi Sifundo okwakumele basifunze sona esithi: “Kufanele amaNiga niwenze angayihloniphi imimoya engabanika isibindi sokuba babhekane nathi.
93.Asibhekise ikakhulu enkolweni yabo yemimoya yabaphansi(ekukholweni emadlozini)’ kanye nezintelezi zabo.
94.Yenzani konke okusemandleni ukushabalalisa lenkolelo, ukuze bangabi naso isibindi sokuba babhekane nathi belekelelwa imimoya yabaphansi!” Amein!
95.Sebezitholile lezi zifundo, abefundisi abamhlophe balishumayela lelivangeli lokuthi umuntu ofile ufana nomuntu olele, nokuthi ukuzihlanganisa nedlozi inkoloze ephambene nomthetho kaNkulunkulu!
96.Lemfundiso yokuchitha abaphansi yagcina ifakwa nakubafundisi abamnyama ukuze ihlale ishunyayelwa ngabamnyama ukuthi ayikho into elidlozi!
97.Kodwa akekho oke azibuze ukuthi kungani ukuthi kuyo yonke imithetho kaNkulunkulu, kube yilomthetho wodwa okumele kuthiwe asiwugcine, umthetho othi singazihlanganisi nabafile?
98.Okumele amaKrestu akwazi ukuthi imfundiso ethi angasihlanganisi namadlozi ayihlangene nomthetho wokukholwa oseBHayibhelini, kodwa wona wodwa wagcizelelwa ngenhloso yokuba singazami ukusebenzisa abaphansi ukulwa nalezi zizwe ezisicindezele!###
99.Lesi siprofetho esilandelayo sikaSister Celestial ngisifaka lapha ukuba sihlale sikhumbula ukuthi sisezinsukwini zokugcina, isikhathi sokwahlulelwa!
100.Kodwa okukhulu kumina zimfundiso zalomprofethikazi ngomthetho kaNkulunkulu nathi esihlale sifundiswa ngawo!
Uthi k uSister Celestial:“UNkulunkulu uthi amanzi azokwehlela emadolobheni ukuphuculula ububi bezizwe ngoba izizwe zingcolile.
101.“Ngizowuhlambulula umhlaba, ngiwethule yonke imithwalo yawo…ngizowuphumuza ngokususa abahlala kuwo!”
102.Uma uNkulunkulu ethi uzowuphumuza umhlaba ngokususa abahlala kuwo, ukhuluma ngezilwane engike ngazisho ekuqaleni.
103.Ulwandle luzophunyuzwa ngokususwa kwezinhlanzi kanye nezinye izilwane ezisekujuleni kolwandle, ezinye zazo esingakaze sizibone ngaphambili
104.Engakubona phambi kwamehlo ami, kwakunezindonga zasendulo ezakhiwe ngamatshe amancane ongazithola eJerusalema, njengalezo ezazakhiwa amaGriki namaRoma asendulo.
105.Indoda eyayigqoke izingubo zasendulo yafika iphethe usiba olumnyama olukhulu kakhulu lokumaka, yabe isibhala ukuthi:
106.UKUNGAHLAMBULUKI, UKUNGABI NABUNGCWELE, UKUNGALUNGI, wabe esehamba.
107.Emva kwalokho enye indoda yafika nosiba lokumaka, yabhala igama elithi: ISANGABE (okusho ukulangazelela ucansi kanye nakho konke okuyinkanuko yenyama okuphathelene nemikhuba yocansi)
108.Enye indoda yafika yabhala igama elilodwa nje elifushane, lilikhulu kunawo onke amanye. Lalithi nje ‘AMANYALA!’ Lawa amacala uNkulunkulu awaletha emadolobheni asemhlabeni.
109.Uma sifuna ukuthandana nabantu abaningi ngesikhathi esisodwa noma sifuna ukuba nabalingani bothando abawu 83 ngonyaka, yindaba yethu leyo!
110.Kusemadolobheni la abantu benza khona ukungcola okuningi okuhlobene nocansi ngezizathu zimbe, ukulalana kwezelamani kanye nezenzo ezesabekayo zokulala nezilwane ezithathwa njengabangane babantu!
111.Abesifazane bathenga izinja ezinkulu, hhayi ukuze zihlale nje nabo, kodwa bazithengela ezinye izizathu!
112.Ngolunye usuku ngangihamba eManhattan. Kwenzeka ukuba ngihambe indawana nje enemizi emihle ngokumangalisayo, ngiyithanda le mizi.
113.INkosi yase ingenelela khona lapho ithi: ‘Ungahehwa yilokhu; awazi ukuthi benzani laphaya kuleya mizi.
114.Izono abazenza kulawa mabhilidi aphakemeyo zimbi kunalezo abantu abazenza kwezinye izakhiwo ezincane.
115.Izikhukhula ziyeza-ke njengesijeziso, ngenxa yobubi emadolobheni omhlaba!
116.Kwathi iNkosi isakhuluma ngabona okukhulu okwakukhishwa emhlabeni wemimoya.
117.Kwakuyizikhukhula ezabe ziza njengokwahlulela, ngabona izikhukhula zikhishwa ezulwini ziphuma ezintabeni ezinkulu uNkulunkulu anazo laphaya.
118.Ngabona izintaba ezinkulu zinamanzi phakathi kuzo, zihleli phezulu ezulwini.
119.Ngenkathi abantu benza izono la emhlabeni, izintaba zivele zikhiphe lawo manzi, bese izizwe zikhahlamezwa yizikhukhula izindawo eziningi.
120.Izikhukhula engazibona zazingafani nalezi esizejwayele, ezisheshe zedlule. Kodwa kwakuyilezo ezifika bese zikhula usuku nosuku, ezinye zize zifinyelele ngezansi nje kweqolo.
121.Kudala iNkosi yangipha izwi, yathi iNew York yayizoba nezikhukhula, ngase ngithi: ‘O Nkosi, usho itsunami obungazisa ngayo eminyakeni eminingi eyedlule?’
121.Yath: ‘Cha, amanzi azokhuphuka abe sezingeni le mitha yokupaka.’ Imitha yokupaka ayisiyo into emfushane nje.
122.Embonweni ngenkathi iNkosi ikhuluma kimi ngezikhukhula ezazizoba seNew York, ngabona ukuthi amanzi azogeleza mawala kuzo zonke iziteshi zezitimela.
123.Kodwa lawa manzi anyuka aze afika ezingeni lendawo yokupaka yase New York.
124.Ngabona ukuthi abantu base bexakekile impela kuleyo ndawo, abantu bezama ukubalekela endaweni ephephileyo, kungabantwana abakhulile ababekwazi ukuzihambela kuleziya zikhukhula. Kwakwesabeka ukubona into enjeya.
125.Kwesinye izikhathi izingane zazitholakala zingasaphili, ezinye aziphindanga zatholakala. Bengatholakali futhi abatakuli!
126.Sengikhulumile-ke ngalokhu. Ngizoxhumanisa lesi nalesiya siprofetho engingasalikhumbuli igama laso; sasikhuluma nje ngezinto eziningi ezazikwenzeka, njengokuthi iFlorida yayizoba nale nhlekelele yamanzi ekade ngikhuluma ngayo, nokuthi iTexas yayizophinda ibe nale nhlekelele yamanzi engikhuluma ngayo.
127.INkosi ithi kunamachibi amasha amaningi, amakhulu azodaleka kuma states asenkabeni yezwe khona la e- America.
128.Sesivele sinawo amachibi amakhulu, kodwa iNkosi ithi ububi be-America bungangokuthi khona phakathi naphakathi nezwe kuzokwakheka amachibi amasha amakhulu ngasohlangothini lwase St. Francisco, ngasohlangothini lwase California.
129.Kunezindawo eziyoguquka ngokupheleleyo ngenxa yokuzamazama komhlaba. Umhlaba uyohlephuka ngenxa yalezi zehlakalo ezinjengezintabamlilo.
130.Lokhu engikushoyo kuzwakala njengezinganekwane, kodwa konke engikushoyo kusazokwenzeka, futhi okunye sekwenzekile!
131.Abanye bayolahlekelwa imindeni yabo, kube nzima nokubutha imilotha yabathandiweyo babo abayobhubha kulezi zehlakalo.
132.Kulezi zinsuku kuyoba nokwesweleka kokudla. Abahwebi abancane bayohlupheka ngoba vele abalutholi noxhaso lukahulumeni.
133.UNkulunkulu ushilo ukuthi uzoyincisha i-America ukudla. Obekwenzeka ngesikhathi se COVID-19 bekuyingxenye nje yenye yezinhlupho. Funda incwadi ka-Ezekiel 9 ukuze uyizwe kahle lento!”
INkosi ibusise izwi layo!