UBabamkhulu wasenqabela kulelibandla ukuthi sizihlanganise nezangoma, wasenqabela ukuba sihlabele amadlozi!
Wakusho kwacaca ukuthi uma sike sazihlanganisa nezangoma, uNkulunkulu uyophuma phakathi kwethu!
Isihlabelelo 55
1.Izimpi zifikile
Izwe lakithi selifile
Hlabani umkhosi
Umkhosi omkhulu.
Chorus:Khulumani kahle . Makholwa,
Izwe lakithi selifile
2.Umkhosi wencithakalo
Sewuphumile
Uze kusichitha
ENkosini yezulu
Uphuma nelizwi
Lokonakalisa.
Chorus.
3.Uphuma nenkemba
Ufuna ukweyisa
Lenkonzo kaThixo
Ize iphele
Hlomani mabutho
Sekuzwakele.
Chorus.
4.Sengiyibonile ingelosi
Yasezulwini
Sekuzwakele
Ukulwa ezulwini
Qinani amandla
Maqhawe ezulu.
Chorus.
USIZI LOKUPHILA NGAPHANSI KWASTEP-FATHER.
1.Igama elithi “stepfather” alikho olimini lwesizulu. Kodwa lona lisho umuntu ongubaba wakho ngoba eganwe ngumama wakho, kodwa engesiye ubaba okuzala ngokwegazi.
2.Kungenzeka ukuthi i-stepfather kube ngubaba wakho omncane, noma kube ngubaba wakho omdala, kumbe kube ngumuntu ongahlobene naye, kodwa uma eganwe ngumama wakho, ngokwesilungu ngu stepfather!
3.Ngesabatha eledlule bengilalele umfundisi uNduli waseThembezinhle ekhuluma ngosizi lokuba no stepfather ebandleni lamaNazaretha.
4.Uthi ke uNduli, noma uStepfather engaceba kangakanani, uyihlo wayezihluphekela nje, kodwa okubalulekile kuwe luthando owayenalo ngabantabakhe.
5.Kodwa abazalwa yilo stepfather abaluzwa lolusizi, ngoba lo nguyena baba abavele kuye!!
6.Kanjalo nasebandleni, uma beninomholi oyiqondayo indaba kaNkulunkulu, uma ubona lokhu kungasenzeki ebandleni, uzithola usuhlale unosizi lokufelwa nguBaba wakho!
7.Ngelinye ilanga ingelosi yayisichazela ukuthi kungani ezulwini kwakhethwa mina ngingasiye owakwaShembe ukuba ngibe ngumholi webandla lamaNazaretha.
8.Ithi ke ingelosi, ezulwini kwabonakala ukuthi kwenzeka iphutha ukuthi lonke uzalo ngaphansi komprofethi lube nesibongo sakwa Shembe, ngoba uShembe ligama lomuntu wasezulwini!
9.Ithi ke ingelosi: “Kwakungafanele inzalo yomprofethi ibizwe ngoShembe, ngoba lesi simo sesidida abantu abaningi ngoShembe, ngoba lelibandla likaMenzi wezulu nomhlaba selingelakwaShembe!
10.Ngosekwenzeka, lelibandla seliyifa lomndeni wakwaShembe akuselona ibandla likaNkulunkulu, njengoba kwachaza yena umprofethi!
11.Ithike ingelosi, kwakuba ngcono ukuba lenzalo yaziwa ngokuthi ngeyakwaNhlanzi, kuhlonishwe leligama lasezulwini!
12.Ithi ke ingelosi: “Inhloso yokukhetha umuntu wakwesinye isibongo kwakungukubuyisela lelibandla endaweni yalo!
13.Leliphutha akumele lingaphinde lenzeke, ukuba ibandla likaNkulunkulu lihlale liholwa isibongo esisodwa, lize libe libandla labantu!
14.Ngokuthi uBabamkhulu wabizwa ngoShembe, okwenzekayo ukuthi noma umuntu eyisidakwa, uyathanda ukuthi: “NginguShembe mina!” Nomubi uvele athi: “NGINGUSHEMBE MINA!”
15.Bese abasemhlabeni belingcolisa leligama elavela ezulwini!”
16.Ithi ke ingelosi: “Igama elithi “Shembe” lavela ezulwini, lifana negama elithi “Israel”, kodwa ngokuthi manje seliyisibongo, yonke inzalo yakwaShembe kuthi noma yenza maphi amahlazo, bese isheshe ikutshela ukuthi: “NginguShembe mina!
17.Nabangabaholi baleli bandla bayathanda ukuzimbandakanye noBabamkhulu, yize ngokwemisebenzi yabo bengabaholi abangenawo uMoya kaShembe!
18.Ukuthi njengamanje kwenzekani emabandleni akwaShembe, buka uTick Tock, ubheke umqhudelwana ngamavideo akushiya udidekile ukuthi kwenzekani lapha?
19.Kwesinye isikhathi uthola lamabandla ehlambalazana odwa, kumbe eqhudelana ngobunkulunkulu babaholi babo!
20.Muva nje uthola kukhishwa izithombe ezahlukahlukene zabo bonke abaholi bakwaShembe kuncintiswana ngalezi zithombe!
21.Ungaze waqonda ukuthi lezi zithombe okukhangiswa ngazo, kubantu abangakholwa zinamyalezo othini ngokukholwa?
22.Akukho nkonzo abazoyikhipha echaza ukuthi umprofethi noma abaholi abamlandela bafundisani ngokukhonza uJehova, njengoba ngaso sonke isikhathi umprofethi wayenza njalo!
23.Uma ungakukholwa lokhu engikushoyo, thatha isihlabelelo samaNazaretha, usibheke kusuka ekuqaleni uze ufike ekugcineni, bese uthola ukuthi uShembe amaNazaretha wawafundisani ngokukhonza uJehova!
24.Okuthola kulama bandla ukuncintisana ngezithombe zoShembe, kodwa ezingenamyalezo wemfundiso kaShembe ngokukhonza uNkulunkulu!
25.Bese kuyacaca ukuthi ngokukhonza, kuleli bandla indawo kaNkulunkulu isithathwe ngabaholi bakwaShembe, okuphambene nezimfundiso zomprofethi!
26.Ukuthi uShembe ngu Nkulunkulu, ngakho ke kumele kudunyiswe yena esikhundleni sikaJehova, ukuhlambalaza uNkulunkulu lokho!
27.Lesi simo sokukholwa silenza leli bandla libe yinhlekisa emhlabeni, ngoba noma bengakhulumi uzwa, kodwa ngasese bayasho ukuthi abakho abantu abazidunyelwa njengabantu bakwaShembe!
28.Ngo August 2010, ngabona sekufika ingelosi kithi ibukeka ikhathazekile kakhulu! Ngaleso sikhathi ngangisese Buhleni, ingakabi khona i-NCG.
29.Ithi ingelosi: “Ngithunywa ngamakhosi amathathu aseKuphakameni, uBabamkhulu, iNkosi iLanga neNyangayezulu.
30.Bathi angikutshele ukuthi lelibandla lamaNazaretha lizoba yinhlekisa emhlabeni. Bathi angikutshele ukuthi sebethembe wena ukuthi ulimele lelibandla kulelihlazo elizongena kulo.”
31.Yaqhubeka ingelosi ngosizi yathi: “Nami mfowethu sengethembe wena, ungangidumazi, qina isibindi ukulwele ubuNazaretha kuwo wonke lamahlazo obuzobhekana nawo!”
32.Ngaleso sikhathi ngangingazi ukuthi yiliphi lelihlazo elingaka amakhosi aseKuphakameni athi lelibandla lizoba inhlekisa ngalo emhlabeni?
33.Ngakho ke njengoba ngikhuluma kanje, nginikwe yiwo amakhosi aseKuPhakameni ukuthi ngiliqondise lelibandla, ngoba ngelikaJehova!
34.NoBaba iNyangayezulu cishe ngo 1992 wangibiza, wabe esethi ukuwa nokuvuka kobuNazaretha uNkulunkulu uyokubuza kimi!
35.Nginikwe ezulwini ukuthi lelibandla ngiliqondise uma selingena ehlathini. Angikuceli kumuntu lokho!
36.Lokhu kwahamba uBaba uThingo, amaNazaretha aphuma kwelinye ihlazo angena kwelinye, ungaze wazi ukuthi into enje uzoyithini?
37.Abanye abantu bacabanga ukuthi amanye alamabandla akwaShembe akhula kangaka ngoba enonkulunkulu, kanti akunjalo, uNkulunkulu kade wamuka kubo, sebeholwa ngabanye onkulunkulu!
38.Angazi ukuthi ngingaqalaphi ngigcinephi uma ngingabala indlela lamabandla adicelele ngayo lelibandla lasezulwini!
39.Akusafuneki ukhulume ngezi ntshumayelo zika Babamkhulu nezeNkosi iLanga, ngingasa phathike ngokubiza igama likaJehova nelikaYeshua kulama bandla!
40.Nginamalunga axoshwa kwelinye ibandla lakwaShembe, ngoba athe uma eshumayela, akhuluma ngentshumayelo kaBabamkhulu echitha izangoma!
41.Kwavele kwathiwa lo usengenwe umoya wokuphekula, bangenwe nguMoya kaMpanza! Bavele baxoshwa ebandleni!
42.Lesi senzo samanye amaNazaretha sigcwalisa isiprofetho soMprofethi mhla ethi: “Kuza isikhathi lapho abantu baseKuphakameni bayoyilahla khona indlela kaShembe. Lapho bayobe sebenza imicabango yabo kunemfundiso zika Shembe.
43.Ngaleyo nkathi bayobe bengasenandaba nokukholwa kukaNkulunkulu, bayobe sebethembe amazulu angekho!
44.Ngalezo zinsuku bayowulahla umthetho kaJehova, okuthiwe angiwuvuselele.
45.Bayowugxoba, bawuzibe, kuphase imithetho yabo nemithetho yezithixo zabo abayozibuyisa bazifake lapha eKuPhakameni.
46.Phelelani kuJehova, ngoba uyabathanda abamthandayo, ubalungisele indawo phambi kwesihlalo sakhe sobukhosi; ubenzela ukungalambi nokungomi, abaphe umusa wakhe” Amein!
47.Yonke inquba yokukholwa uShembe owayeyisusela eBhayibhelini seyachithwa kwamanye amabandla akwaShembe!
48.Kulamabandla sekusontwa nezangoma, kuhlatshelwa amadlozi ngenkani. Imfundiso yomprofethi isichithiwe!
49.UBabamkhulu wasenqabela kulelibandla ukuthi sizihlanganise nezangoma, wasenqabela ukuba sihlabele amadlozi!
50.Wakusho kwacaca ukuthi uma sike sazihlanganisa nezangoma, uNkulunkulu uyophuma phakathi kwethu!
51.Ngakho ke uma ngilwa nalezi zinto, kungenxa yokuthi ngithunywe ezulwini ukuthi ngivuse ibandla likaMenzi wezulu nomhlaba, lapha eMzansi elashunyayelwa nguMprofethi u-Isaya Shembe (ukuthula kube kuye), kungakhathaleki ukuthi abanye bayakukholwa yini lokho!
52.Kulabo abacabanga ukuthi lento isuka kimi, akengiveze intshumayelo yomprofethi owayenza ngo 1925 mhla ethi:
53.“Bantabami njengoba nibuthene lapha kungabe niyasazi yini isitha sika Jehova esikhulu kunazo zonke na?
54.Bantabami, niqinisile ukuthi nguSathane, kodwa uSathane usebenza ngomuntu ukona nokuchitha ubungcwele, ukuze achithe uMbuso ka Nkulunkulu uma wehliselwe kubantu.
55.Njengokuba uJehova namuhla engithumile phakathi kwenu ukuba nginilethele uMbuso wakhe oyifa lokuphila kwaphakade, kanjalo no Sathane ufinyelela kubantu ngezithunywa zakhe ukuba zilethe imbubhiso yaphakade kubantu.
56.Bantabami, omubi usebenza ngeZangoma nabo bonke abavuma ukuba yizimbongolo zemimoya engcolileyo, ngokuba umthombo wayo ngu Sathane.
57.Yikho lokhu izolo ngithe kini yemukelani uMoya oyingcwele kuphela ngoba ungoka Nkulunkulu, ningemukeli noma munye umoya ofuna okuphambene nalencwadi ka Nkulunkulu.
58.Ningasingenisi iSangoma ngamasango emizini yenu, nalapha eKuphakameni nakuyo yonke imizi ka Nkulunkulu nize ningasingenisi, ningaganiselani neZangoma bantabami, ningemukeli lutho esandleni saso.
59.NOMA IMUPHI UMUNTU OKHULUMA NABAFILEYO NGOKWAKHE NINGAZIHLANGANISI NAYE ngandlela zonke, ngokuba lowo uyisihlalo semimoya yobumnyama eyaliwe eZulwini, yabuya ngaye lowo ukuba yonakalise umhlaba ukuze kwande uMbuso wobumnyama emhlabeni, ngokuba isebenzela ukuthobisa uJehova.
60.Bantabami uma nike nangenisa iSangoma naba nemimoya engcolileyo kulobu buNazaretha nibokwazi ukuthi kusukela ngalelo langa lobu buNazaretha sebufile, abusekho. Ngokuba isitha sokuqala sika Nkulunkulu yiSangoma.
61.Ngokuba kuye kuthi nxa uJehova eshaya umthetho ngomlomo woMprofethi bese no Sathane ashaye umthetho OPHAMBENE NOKAJEHOVA NGOMLOMO WEZANGOMA, NEYABO BONKE ABAKHOTHAMA EMIMOYENI ENQATSHIWE NGUJEHOVA!
62.Bantabami, ayikho ingozi enkulu engase inehlele ukwedlula ingozi yokuba nivumele iSangoma singene phakathi kwenu, uma nike nasingenisa bantabami niyobe nibubulele ubuNazaretha, niyobe nimxoshile uNkulunkulu phakathi kwenu.
62.Uma iSangoma sike sangena phakathi kwenu ngenkani nibothatha amagugu ka Nkulunkulu niphume nawo nisishiye sodwa, ngokuba uma nihlalile naso uJehova ehambela phakathi kwenu, impela niyakwehlelwa ngokubi.
63.Ngokuba uJehova uyakuloba ukuba nimhlubukile ngalolo suku nangenisa isitha sakhe phakathi kwendlu yakhe eyingcwele nadla naso, naphuza naso.
64.Khona umoya wobuNgoma uyakunehlela nonke nabantwana benu, noma nithandazelwa ukuba usuke lo moya kini nabantwana benu khona aniyikusinda ngokuba niyobe senimxoshile uJehova osindisayo namukela umoya weSangoma ukuba ubuse endlini ka Jehova.
65.Ngalolo suku uyakuphela umthetho ka Jehova phakathi kwenu, kubuse umthetho ka Sathane ofike ne Sangoma enisingenise endlini ka Jehova ukuba nixoshe uJehova ngaso, ngokuba uJehova akahlali lapha kubusa khona iSangoma.
66.Khona ngalolo suku abantwana benu bayongenwa imimoya engcolileyo ewukufa, kuthi labo abayenqabayo ibehlisele okubi abanye ibabulale ngokuba niyobe senimxoshile uJehova phakathi kwenu.
67.Ukonakala kwezinto lapha eKuphakameni niyokubona ngokuncipha kwamandla okukhipha imimoya yama dimoni neyobungoma kubantu, niyokwazi-ke ngalolo suku ukuthi seniphumile endleleni ka Nkulunkulu.
68.Khona kuyakuqala kuvele abaziphuphisa amaphupho besho ukuba avela eNkosini yenu enithengileyo, kepha ningawemukeli uma ephambana nalomthetho ka Jehova.”Amein!
69.Zonke lezi zinto ezibalwa nguMprofethi kaJehova seziyenzeka kwamanye amabandla akwaShembe!
70.Kweminye imizi kuthwaswa kuze kuthwase ngisho izingane zakhona zibe izangoma.
71.Kunaba gcotshwa abangogobela abathwasisa amaNazaretha, amathwasa elandwe ngamaNazaretha ngomgidi kaJehova ePhehlweni!
72Ubungoma abusaphumi kumuntu olikholwa, kuyamphoqa, uma enqaba agule, noma afe!
73.Kodwa uShembe wasitshela ngo 1925 mhla ethi uma sike savumela isangoma ukuba singene phakathi kwenu, ngalolo suku abantwana benu bayongenwa imimoya engcolileyo ewukufa, kuthi labo abayenqabayo ibehlisele okubi, abanye ibabulale, NGOKUBA NIYOBE SENIMXOSHILE UJEHOVA PHAKATHI KWENU!
74.Uthi ke uBabamkhulu: “Ukonakala kwezinto lapha eKuphakameni niyokubona ngokuncipha kwamandla okukhipha imimoya yama dimoni neyobungoma kubantu, niyokwazi-ke ngalolo suku ukuthi SENIPHUMILE ENDLELENI KANKULUNKULU!
75.Nempela sekunjalo, akukho muntu kulamabandla asathandazela umuntu ukuba kusuke umoya wobungoma, kunalokho umgcotshwa uvele amnike amagobongo, ATHWASISWE!
76.Njengoba esho umprofethi ethi:“Ngalolo suku uyakuphela umthetho ka Jehova phakathi kwenu, kubuse umthetho ka Sathane ofike ne Sangoma enisingenise endlini ka Jehova UKUBA NIXOSHE UJEHOVA NGASO, NGOKUBA UJEHOVA AKAHLALI LAPHO KUBUSA KHONA ISANGOMA! Amein!
77.AmaNazaretha asehlabela amadlozi, agaya aphuze utshwala, amanye ayagunda, konke akwenzayo kufakaza ukuthi asemhlubukile uJehova!
78.Izangoma ezingasiwo amaNazaretha lentshumayelo ayizithinti ngoba lapha sikhuluma ngezangoma ezingamaNazaretha, ngoba kungumthetho kaJehova ukuthi ikholwa lingazihlanganisi nesangoma!
79.Ekhasini 84-84 lencwadi ka-Advocate Mnyandu iNkosi iLanga ithi: “Uma ukholwa ukuthi uNkulkunkulu ukhona, kodwa bese ungakholwa nguNkulunkulu wamaNazaretha, awuphelele.
80.Ithi ke iNkosi iLanga: “Kodwa akushiwo la ukukholwa kumuntu, noma ukukholwa kimi njengoba kuthiwa ngingumholi wamaNazaretha; noma ukukholwa kumfundisi.
81.Cha akushiwo lokho. Kuthiwa kholwa ebandleni lamaNazaretha. Ibandla lamaNazaretha ke ngenye into!”
82.Kodwa amanye amabandla akwaShembe akasakholwa kuNkulunkulu wamaNazaretha, okunguJehova, kepha asekholwa kubaholi babo, bathi yibona onkulunkulu babo, nabo baze bakhukhumale ngoba becabanga ukuthi banguNkulunkulu!
83.Manje thina njengamaNazaretha sibhekeke ukuthi sithi laba baholi bangcwele! Uba yinceku kaNkulunkulu kanjani umuntu ohlale ekakwe yizangoma, omukela iminikelo yezangoma?
84.Kodwa yize sibona ukuthi lomuntu ohamba phambi kwethu ubuswa umoya kaSathane, sekufanele sikhulekela imimoya uShembe osesichazele kahle ukuthi ngumoya kaSathane?
85.Enkonzweni eyayingo 1927, uBabamkhulu wakhuluma kanje efundisa amaNazaretha ukuthi engawahlabeli amadlozi:
86.“Ngiyazi ukuthi abafile bayisihibe kwabaningi, ngenxa yokweqiwa uthando lwabo. Kuhle ukuthanda umzali wakho nesihlobo sakho; lokho akukubi kuJehova.
87.Kodwa ningaweli ekubathandeni okwedlula uThixo, funa niduke, nenze okuphambene nomyalo enginiyala ngawo, nenayalwa ngawo ku-Mathewu 10:37.
88.Nizwile emthethweni wayizolo ukuthi anisekuwakhonza amadlozi. Nomthetho othi anisahlangani nabafowethu abenza okunjalo; ngoba abenza okunjalo bayanengeka kuJehova.”
89.Ngaso leso sikhathi babuza oNkwanyana noMzelemu, bathi: “Nceku yeNkosi, angenke sisahlabela okhokho bethu na?”
90.Waphendula uMprofethi wathi: “Cha bantwana bakaNhliziyo, okwenu kuhle ukuba nibakhumbule elatini elikhulu, emzini kaJehova eKuphakameni, kunokuba nenze njengalabo abangenaye uThixo.”
91.Uma uShembe ethi: “Nizwile emthethweni wayizolo ukuthi anisekuwakhonza amadlozi. Nomthetho othi anisahlangani nabafowethu abenza okunjalo; ngoba abenza okunjalo bayanengeka kuJehova.” Wayesho ukuthi sikufundile eBhayibhelini ukuthi singawahlabeli amadlozi!
92.Lokhu kungubufakazi bokuthi wonke umthetho waseKuphakameni ususelwa emthethweni kaMose, njengoba esho uShembe kuvesi 3 womthandazo weSabatha ethi.
93Imfundiso kaShembe ithi amaNazaretha akhumbula abangasekho ngokubanikela kuphela!
94.Ivesi 3 womthandazo weSabatha liqukethe isisekelo sobuNazaretha sokuthi lelibandla lakhelwe ekugcineni umthetho kaNkulunkulu njengoba wawuletha kithi ngoMose.
95.Uyaqhubeka uShembe kuvesi 21 womthandazo wesabatha, uthi: “Khumbula ke ukuthi namuhla wenze isivumelwano noJehova uNkulunkulu wakho sokuthi uyohlala endlini kaJehova kuze kube sekupheleni kwezinsuku zakho.”
96.Lesi isifungo sobuNazaretha sokuthi usuyophila impilo yobungcwele uze ufe!
97.Kodwa lamaNazaretha akwaShembe akasayingeni indaba yokuvuselela ivangeli ngokukhonza uNkulunkulu njengezimfundiso zomprofethi.
98.Ebese uyazibuza ukuthi ukuqhudelana ngezithombe zabaholi ngabe ilona vangeli okufanele abantu abangasiwo ama Nazaretha balilindele kulelibandla?
99.Izolo kuTick Tock bengibona kupiklelwana ngabaholi nangezithombe ezahlukahlukene, ngokwabo bathi bayashumayela, kanti bazenza iziwula!
100.Sobatshela nini abantu ngezimfundiso zomprofethi neNkosi iLanga ngobuNazaretha njengenkolo kaJehova?
101.Ukuba zigidi akubuncedi ubuNazaretha njengoba sesichithe imithetho kaNkulunkulu sabuyela konkulunkulu abakhona nabangekho!
102.Lelibandla ngezigidi zalo niliholela esigodini sosizi esabonwa nguBabamkhulu emandulo zikhala zicela ukuba uBabamkhulu athambise umthetho kaNkulunkulu!!!!!!!!!!!!!!!!!!!
2.Izinkulungwane
Ngezigidi
Zimi lapha
WeBababamkhulu
Zehlulwa yizwi lakho
WeBabamkhulu.
Thambisa izwi lakho
WeBabamkhulu.
3.Izwi leziboshwa
WeBabamkhulu
Mawulizwe izwi izwi labo
WeBabamkhulu
Zifuna umphumuzi
WeBabakhulu
Lezo ziboshwa
Ziphumuze.
4.Sihleli osizini
WeBabamkhulu
Kuleli ilizwe
WeBababmkhulu
Yizinyembezi zodwa
WeBabamkhulu
Kuleso sigodi
Sosizi!
iNkosi ibusise izwi layo!