UYeshua nguyena mprofethi abantu owabafundisa ngombuso wezulu, nokuthi yini okumele bayenze uma befuna ukungena ezulwini.
Ngakho ke ngokungathekisa UYINDLELA eya ezulwini, ngoba umuntu ungena ezulwini ngokuhamba ngezimiso zakhe. (Mathewu 5:19).
Isihlabelelo 115.
1.Ngivukile ngezwi lakho
Mina ebengifile.
Ngivumele Nkosi ngibatshele
Abafile njengami.
2.Abafile ngezwi lakho
Basinda ngani na.
Ngivumele Nkosi ngibatshele
Basined ngezwi lakho.
3.Ngenhlanhla engiyiphiwe
Ngalowo musa wakho.
Ngivumele Nkosi ngibatshele
Abangayiphiwanga.
4.Bename kanye nabo
Abavela emafini
Abangubo zahlanzwa
Zenziwa mhlophe.
5.Inanelo yabangcwele
Yabathanda ukulibona
Siyethemba bayokulibona
Lelo lizwe elizayo.
INKOLO YAMANGA INKOLO ENJANI.
1.Ekhasini 171 lencwadi ka-Advocate Mnyandu esihloko sithi IZINTSHUMAYELO ZENKOSI ILANGA, uBaba iLanga uthi:
2.“Indaba kaShembe inkulu kakhulu maNazaretha. Mhlawumbe bayoze bavele abantwana phakathi kwenu abanesibindi nesineke sokuyifunda lendaba yenu..
3.Ngakho uma nithandaza ningaboyeka ukucela kuNkulunkulu ukuba aniphe abantwana abanenhliziyo efana noShembe, abanesineke nothando.
4.Ikakhulukazi abanesibindi sokuyifunda lendaba, ngoba izindaba eziningi kuthi kungaphela iminyaka engamashumi amathathu zikhathale.” Amein!
5.Angazike noma sebekhona yini abantwana bamaNazaretha abakukhuthalele ukuyifuna lendaba kaNkulunkulu iNkosi iLanga ekhuluma ngayo.
6.Ngoba nalezi zimpikiswana ezivela nalo othi ungumpostoli, aziyiyo into umuntu ophilile ekhanda ongazihlupha ngayo, ngoba zimpikiswana zama fanatics nje!
7.Yonke into esiphikisana ngayo kumele iwakhe umqondo ukuze sonke sikwazi ukuzihlanganisa nayo!
8.Ungakhuluma uthini nomuntu impikiswana evele iqhamuke isithi: Nongamthandi uyoze amthande,” omunye ethi: “UShembe uNyazi lwezulu unkulunkulu, kwaphela nje!”
9.Khona lapho uyezwa omunye uthi: “Alikho elinye igama esinikwe lona ngaphandle kukaJesu kuphela.
10.Noma kungehla ingelosi, uma iphikisana ngegama leNkosi yethu uJesu, mayilahlwe!”
11.Lezi zimpikiswano ngezama fanatics, azimdingi umuntu owaziyo ukuthi kukhulunywa ngani!
12.Ngokwazi kwami zintathu izinkolo ezingaphansi kwaNkulunkulu onguMdali wezulu nomhlaba ogama lakhe uYah noma nguJehova; lezi zinkolo ubuKrestu, i-Islam nobuNazaretha!
13.Uma kulezi zinkolo ezintathu kunenkolo ethi ayimlandeli uJehova, iyinkolo efanayo nje neBhudhasm, leyo nkolo thina asithintene ngalutho nayo, ngoba ngenye inkolo!
14.Ubudlelwano balezi zinkolo noNkulunkulu bufana nohulumeni kanye namaqembu ezepolitiki!
15.Amaqembu ahlukene, kodwa onke abuswa nguhulumeni onoMthetho-sisekelo owodwa!
16.Kanjalo nathi ngokwezinkolo sehlukene, kodwa sonke sibuswa nguMthetho kaNkulunkulu oyedwa, nowawuletha kithi ngenceku yakhe uMose!
17.Okubalulekile kulamaqembu ukuthi iqembu neqembu liyawulandela yini uMthethosisekelo kaHulumeni elingaphansi kwakhe.
18.Njengamakholwa, iphalamente lethu nguMbbuso wezulu, lo uYesha okhuluma ngawo KuMathewu 5:19 nakuMathewu 7:21, kanti uMthethosisekelo wethu nguMthetho kaMose, okuyiTorah!
19.Ngokuqonda kwami, inqubo yokukholwa ngokobuKrestu sayifundiswa nguYeshua, ku-Islam yagcizelelwa nguMprofethi uMahomed, kanti kubuNazaretha ivuselelwe nguMprofethi u-Isaya Shembe!
20.Isisekelo salenkolo ukuba noNkulunkulu oyedwa; njengoba ezisholo yena uJehova ku-Isaya 43:10-11, lapho ethi: “Mina nginguYe, akukho nkulunkulu owenziwa ngaphambi kwami, futhi akekho oyokwenziwa ngasemuva kwami. Mina, mina nginguJehova!’
21.Kafuphi, umlando wenkolo kaJehova umi kanje: “Kusukela ngonyaka ka 1647 B.C, uJehova wasilethela inkolo eyayiholwa nguMose entabeni yaseSnayi.
22.Isizwe sakwa-Israel samkhonza uJehova sihlangene, kwaze kwathi emva kokubusa kwenkosi uSolomoni, sehlukana saba imibuso emibili, owakwa-Israel nowakwaJuda!
23.Lombuso usuwehlukene, wamhlubuka uJehova, wabe esewuyekelela ukuba unqotshwe ubuye uthunjwe ngabezizwe
24.Usuwanqotshwa umbuso wakwa-Israel, owakwaJuda wasala cishe iminyaka engu 150 sewaphela owakwa-Israel. Nokho nawo wagcina ngokunqotshwa ngamaGriki namaRoma.
25.Umprofethi wokugcina esizweni sakwa-Israel, esasesibizwa ngamaJuda, kwakungu Yeshua onguMessiah, ezalwa ngunina uMaria, noyise uJosefa ngo 6 A.D.
26.Ngokomlando isizwe sakwa-Israel asikaze sihlangane nesizwe samaRoma, kanjalo noYeshua waze wafa engakaze azihlanganise nesizwe samaRoma!
27.Ivangeli likaYeshua laliphakathi kwesizwe sama-Israel kusukela ekuqaleni kuze kufike isikhathi sokubethelwa kwakhe yiwo amaJuda!
28.Njengomprofethi enkolweni yamaHebheru, naye uYeshua wafundisa ngemithetho kaMose, okuyisisekelo salenkolo kaJehova!
29.Lokho kucace kahle kuMathewu 5:17-19 lapho uYeshua ethi: “Ningasho ukuthi ngizochitha umthetho nabaprofethi. Angizelanga ukuzochitha, kodwa ukuzogcwalisa.
30.Ngokuba ngiqinisile ngithi kuyokwedlula izulu nomhlaba, kodwa akusoze kwedlula nalinye igama, nasicashana somthetho, kuze kufezeke konke.
31.Ngakho oweqa owodwa kulemiyalelo emincinyane, afundise abantu kanjalo, uyakuthiwa omncinyane embusweni wezulu, kepha oyigcinayo, ayifundise, lowo uyakuthiwa mkhulu embusweni wezulu.” Amein!
32.Lemfundiso kaYeshua enenqubo yokukholwa ngokugcina umthetho kaNkulunkulu, uYeshua wabuye wayigcizelela kuMathewu 7: 21-23, lapho ethi:
33.“Akubo bonke abathi kimi: ‘Nkosi, Nkosi, abayakungena embusweni wezulu, kodwa kuphela yilowo owenza intando kaBaba osezulwini.
34.Abaningi bayothi kimi ngalolo lusuku: ‘Nkosi, Nkosi asiprofethanga yini ngegama lakho, sakhipha amadimoni ngegama lakho, senza imisebenzi eminingi yamandla ngegama lakho na?
35.Khona ngiyakubatshela ukuthi angizange nginazi, sukani kimi nina benzi bobubi.” Amein!
36.NguYeshua owagcizelela ukuthi inkolo kaMose ayingadluliselwa kwezinye izizwe!
37.Ubufakazi balokhu sikuthola kuMathewu 10:5-6, lapho khona kuthi: ‘Laba abangu 12 uYeshua wabathuma, WABAYALA WATHI: “NINGAYI KWABEZIZWE, NINGANGENI NASEMIZINI YAMASAMARIYA. KODWA YAYINI EZIMVINI EZILAHLEKILE ZENDLU KA-ISRAEL.”
38.Akagcinanga lapho uYeshua, kodwa kuMathewu15:5-6, kuthi: “Kepha akamphendulanga ngazwi…. Kepha uJesu waphendula wathi: ANGITHUNYELWANGA KWABANYE, KODWA KUPHELA EZIMVINI EZILAHLEKILEYO ZENDLU YAKWA-ISRAEL!”
39.UYeshua wabethelwa esiphambanweni ngo 33 A.D, kwathi cishe ko 50 A.D abafundi bakhe baphuma eJerusalema bayo shumayela ivangeli lakhe kwabezizwe, okuhlanganisa nasesizweni samaRoma!
40.Ubufakazi bokuthi umpostoli uPaul washumayela ebandleni laseRoma sikuthola kuyo incwadi yakhe esihloko sithi “KwabaseRoma.”
41.Kusukela ngo 60 A.D, kwathi abapostoli besashumayela kwabezizwe, kwaba nezimpi phakathi kwamaJuda namaRoma, okwathi ngo 70 A.D, amaJuda anqotshwa okokugcina. (Funda incwadi ethi: FROM BABYLON TO TIBUKTU: by Rudolph Windsor)
42.Emva kokunqotshwa kwamaJuda ngamaRoma, ivangeli labapostoli alibange lisaqhubeka ngoba amaRoma enza amaJuda izigqili, yase iyahlakazwa inkolo kaMose, nevangeli likaYeshua elalishunyayezwa ngabapostoli laqedwa!
43.Esezigqila amaJuda, adayiswa ezizweni zonke njengoba wayeshilo uJehova kuDutoronomi 28; nenkolo yamaHebheru, okuyinkolo kaMose, abezizwe bayichitha!
44.Kodwa umbusi owaqeda nya ngenkolo yamaHebheru kusukela ko 300 A.D kwaba ngu Constantine.
45.Okokuqala eRome lombusi wasungula inkolo yesizwe samaRoma ebizwa ngokuthi iChristianity, inkolo kaMose wayiqeda ngemithetho ebizwa ngokuthi ngamaCreeds.
46.Kafuphi, lama Creeds afundeka kanje: “Ngiyayichitha yonke imikhosi, nemicimbi, nemithetho, ukudla isinkwa esingena mvubelo, iminikelo yamawundlu eyenziwa ngama Hebheru.
47.Ngichitha nayo yonke imikhosi yama Hebheru, iminikelo, imithandazo, ukuzi ngcwelisa kanye nokudumisa kwabo.
48.Ukuzila kwabo, imikhosi yokweshwama, amaSabatha, amahubo, nezaga, nenkoloze yokuya kwabo ukuyokhonza emathempelini.
49.Mina ngokwami ngithi angikufisi nakancane ukuthi kube khona ukubuya kule nkoloze yamaJuda, noma ukutholakala ngidla namaJuda, noma ngenza imikhosi kanye nabo..
50.Kunalokho uma kukhona ukukhuluma nabo kufanele kube ukuthi bayatshelwa ngokusobala ukuthi bashiye lomsangano wabo wenkolo yamaJuda.
51.Uma eke wabakhona otholakala enza lokho noma yimina uqobo, ngiyacela isiqalekiso sikaKhayini noma isifo sobulepheru buka Gehazi sivele sehlele kimi ngaleso sikhathi.” Amein!
52.Emva kwale Creed eyayichitha inkolo yamaHebheru, kwaba neCreed eyenza inkolo yobuKrestu kube iyona ebusa ubuKrestu ngokulandela amasiko amaRoma, nefundeka kanje:
53.“Ngiyawemukela onke amasiko, imicimbi, imithetho, imikhosi yamaRoma, iminikelo, imithandazo, ukuzihlanza ngamanzi, ukungcweliswa umPriest omkhulu wamaRoma u-Pontificus Maximus.
54.Ngamukela nomkhosi weSabatha likankulunkulu oyilanga “Sol dei” noma Sun-day.
55.Ngalokho usuku lwangeSonto ngeloku khonza uJesu iNkosi, njengoba bekade lwaziwa ngokuthi usuku lwenkosi uBaal, uma uBaal ekhonzwa ngalolusuku ngoba eyinkosi, kanjalo noJesu ukhonzwa ngalolusuku ngoba naye eyiNkosi.
56.Kwamukeleka nayo yonke imigubho yamaKrestu, kanye nokudla neziphuzo zesizwe samaRoma.
57.Ngamafushane nje, konke okuwusikompilo lwamaRoma, nemigubho yabo, nemicimbi siyekwemukela kulenkolo entsha yaseRoma ebizwa ngokuthi yi-Christianity.” Amein!
58.Yonke ke inqikithi yesidididi ngenkolo yobuKrestu siqala lapha!
59.Ukuze lenkolo ingalandeleki, iTestamente Elisha alisivezi isikhathi ngokweminyaka lezi zigameko ezenzeka ngayo kusukela ekuzalweni kukaYeshua aze afe!
60.Ngokomlando akukho lapho ubuKrestu, njengoba basungulwa eRome, buhlangana khona nenkolo kaMose, engeyaseJerusalema, ngaphandle kokuthi yiwo amaRoma aqeda lenkolo kaJehova ngamaCreeds!
61.Asinawo umlando wokuthi njengoba uYeshua wabethelwa ngamaJuda esenkolweni yamaHebheru, wasuka kanjani enkolweni yamaJuda wayesezoba ngumsunguli wenkolo yesizwe esasilwa nesizwe sakhe
62.Ngaphandle kokufunda ezincwadini, asitshelwa lutho ngokuthi inkolo yamaHebheru, okuyinkolo kaMose, yaqedwa ngamaCreeds ka Constantine!
63.Seyanqotshwa inkolo yamaHebheru ngamaCreeds, ama Correctos, okwakungama Roma ayehlela imibhalo yamaHebheru, benza lokhu uRav Shaul okubiza ngokuthi i-THEOLOGY OF SYYNERGY.
64.Bakha iBhayibheli elihlanganisa inkolo kaMose nobuKrestu, base benza sengathi kuneziprofetho zamaHebheru okuyizona ezichitha umthetho kaJehova!
65.Incwadi eyayibhalwe ngabapostoli bakaYeshua, i-GOSPEL OF THE TWELVE APOSTLES, yashiswa, nencwadi eyayibhalwe ngabalandeli bakaYeshua, ethi THE GOSPEL OF THE NAZARENES, nayo yaqedwa yabe isihunyushwa kabusha kuthiwa nguMathewu kuyi New Testament!
66.Izincwadi eziningi azifakwanga ku New Testament, nezifakiwe zahlanekezelwa ukuze zihambelane nenkolo yabezizwe, okuyi Christianity!
67.KuyiZenzo 24:5, kuthi umpostoli Paul wayengumholi webandla lamaNazaretha, kodwa ukuze kufihleke ukuthi uYeshua naye wayengumholi webandla lamaNazaretha, imfundiso yobuKrestu ithi uMpostoli Paul wayengumKrestu!
68.Ukuqinisa ukuthi abalandeli bakaYeshua kwakungama Nazaretha, sithola umbhalo kaJerome owayeyi Cardinal ebandleni lamaRoma, lapho ethi:
69.“Kufanele ukuthi esikhathini samanje sike sibhekisise lababahlubuki abazibiza ngokuthi amaNazaretha, ngisho ubabheka nje uyabona ukuthi bangamaJuda ayikho enye into, abasebenzisi i-Testamenti Elisha kuphela kodwa baphinde basebenzise nalelo elidala lamaJuda.
70.AmaNazaretha akayichithi imithetho yamaJuda, nabaprofethi, nemibhalo yabo.
71.Okuhlukile ngabo kumaJuda ukuthi bona bayakholelwa kuMessiah uJesu Krestu, bafundisa nokuthi kukhona uNkulunkulu oyedwa, kodwa uJesu uyindodana yakhe.
72.Kodwa ngale kwalokho balandela imithetho yonke yamaJuda okufaka phakathi ukusoka, iSabatha, namanye amadili amaJuda.” Jerome
73.Lombhalo ungubufakazi bokuthi ibandla lamaNazaretha aliqalanga ngoShembe, kodwa nebandla likaYeshua kwakungama Nazaretha!
74.Esenqotshiwe amaJuda, onke amagama amaHebheru ahunyushelwa kuyisiGriki, negama elithi Mesaya okuyisiHebheru, labizwa ngokuthi Kristo, okuyisiGriki!
75.Elithi Mesianic, okuyisiHebheru, kwathiwa Christian, okuyisiGriki!
76.Kulentshumayelo ke siqonde ukucacisela isizwe esimnyama ukuthi sonke lesi sidididi ngenkolo yobuKrestu sisukelaphi!
77.AKAKAZE ABE KHONA UMPROFETHI EMHLABENI ONGUJESU KRESTU! Leli liqiniso lomlando!
78.INgelosi isingitshelile ukuthi amaJuda ngabantu abamnyama, okuyithi, ngenza ucwaningo olwangiholela ekwazini ukuthi uYeshua waye ngumprofethi wokugcina enkolweni yamaHebheru.
79.Ngabuye ngathola nokuthi abezizwe bawuqeda umlando wakhe, esikhundleni sakhe base bevusa uJesu Krestu osese nkolweni yamaRoma; kanti uYeshua waze wabethelwa esiphambanweni yiwo amaJuda owayesenkolweni yawo!
80.AmaRoma ayiphendula kanjani lento? Ekhasini 10 lencwadi ethi COME OUT OF HER MY PEOLE, uDr Kotze uthi: “ABEZIZWE BABEFUNA UMSINDISI, KODWA HHAYI UMSINDISI WESIZWE SAMAJUDA.
81.BABEWA ZONDA AMAJUDA, BEZONDA NONKULUNKULU WE-OLD TESTAMENT. NGAKHO KE BASE BEZIFUNELA UMSINDISI WESIZWE SABO OSAMGRIKI!”
82.Njengoba sesichazile, kusukela ngo 60 A.D kwaba nempi phakathi kwamaRoma namaJuda okwagcina ngokunqotshwa kwamaJuda ngo 70 A.D. Kusukela lapho, amaJuda esezigqila zamaRoma, ababusi bamaRoma balwela ukuyiqeda inkolo yamaJuda!
83.Emva kwalokho, cishe ko 321 A.D, inkolo yamaHebheru umbusi uConstantine inkolo yamaHebheru wayiqeda ngamaCreeds!
84.Njengoba echaza uDr Kotze, abezizwe bazifunela umsindisi wabo okwasaGriki, owathatha indawo kaYeshua wamaJuda! Lomsindisi oyisithixo bambiza ngo IESIS!
85.Cishe eminyakeni yo 500 A.D, sekunohlamvu u’J’, lesi sithixo sagcina sesibizwa ngo JESUS!
86.Kodwa okukhulu kunalokho, amaRoma akwenza yilokhu: Kwakunensizwa eyazalwa mhla ka 13 September 1475 A.D, yaze yafa mhla ka 12 March 1507 A.D.
87.Igama lalensizwa kwakungu Cesare Borgia nowabe ezalwa nguPope Alexander the Great kumasihlalisane wakhe.
88.UCesare Borgia wayengenaso isimilo esihle, wabulala umfowabo uGiovanni Borgia, walala nodadewabo uLucrezia.
89.Uyise uPope Alexander the Great wafuna abadwebi abaziwayo ukuba baqhudelane ngokudweba isithombe salendodana yakhe. Laba badwebu kwakungu Michelangelo no Leonardo da Vinci.
90.Kulomqhudelwano owawungo 1492 A.D, isithombe sika Leonardo kwaba yisona esiphuma phambili.
91.UCesare Borgia wagcina esethandana naye u Leonardo da Vinci, baba ngongqingili!
92.UPope Alexander the Great wathi lesi sithombe asigaxwe kuzo zonke izindlu zamasonto, kwase kuthiwa lensizwa sekuyiyo uJesu Krestu!
93.Namanje onke amaKrestu anelesi sithombe salombulali nongqingili, aguqa athandaze kuso, athi ngumsindisi wabo!
94.Kusukela kuleyo minyaka yo 500 A.D, iRoman Catholic Church yakhipha izizumbulu zezimali kuphendulwa izithombe zabantu abamnyama abaseBhayibhelini benziwa abamhlophe!
95.UMongameli waseRussia, uPutin, useke waziveza lezi zithombe zabaprofethi abamnyama, okwathi emuva kokuba sekunoJesu omhlophe, zapendwa zenziwa abamhlophe, zase ziyafihlwa!
96.Ungase uzibuzeke ukuthi uma uJesu wake waba khona, kwenziwa yini ukuthi kusukela cishe ko 325 A.D, engabi bikho uJesu Krestu, kodwa kuze kube u-1492 A.D, lapho kuthathwa khona umbulali nomdlwenguli enziwe uJesu Krestu?
97.Lokho kwenziwa ukuthi ngaphambi kwa 1492 A.D, wayengekho umuntu okuthiwa nguJesu!
98.Leli ilumbo, nobugebengu okwakhiwa inkolo yabezizwe ukulutha isizwe esimnyama nokusikhonzisa izithixo zabo!
99.Kunokunye ubufakazi obungaphikiseki kokuthi amaHebheru akaze ahlangane noJesu Krestu, nokuthi ubuKrestu yinkolo eyasungulwa eRome amaHebheru esanqotshwa ngamaRoma!
100. AmaRoma akagcinanga ngokushintsha uYeshua abe uJesu, nebandla likaYeshua lashintshwa, kwase kuthiwa uJesu wayengumholi wamaKrestu!
101.Ekhasini 10 lencwadini ka Rav Sha’ul, ethi THE NAZARENE, kuthi: “Abantu abaningi sebeqala ukuqonda ukuthi abalandeli bakaYeshua kwakungama Nazaretha, hhayi amaKrestu, okuyigama labezizwe!
102.Ngoku tholakala kwama Dead Sea Scrolls okuyimibhalo yamaHebheru emidala eyabakhona noYeshua engakazalwa, nasekhulwini leminyaka yokuqala, sesinolwazi ngebandla lamaNazaretha elaliholwa nguYeshua.”
103.Ekhasini 25 uSha’ul uthi: “Siyazi ukuthi ibandla lamaNazaretha lasungulwa nguMprofethi uJohane.
104.NguJohane owafundisa uMesaya, okunguYeshua, wmcijela ukuba abe nguMpristi oMkhulu.
105.UYeshua wakuthatha kuJohane ukuhola ibandla lamaNazaretha.
106.Okwathi ekugcineni leli bandla lamaNazaretha laholwa nguMpostol uSha’ul.”
107.Ukucacisa lenkulumo ka Rav Shaul, ngo 1947 ngaku Dead Sea abafana ababelusile bathola ama Scrolls ayefihlwe phakathi kuka 3rd Century B.C, kuya ku1st Century A.D.
108.Lama Scrols abizwa ngama DEAD SEA SCROLS ayebhalwe ngesiHebheru ekhuluma ngomlando kaYeshua nebandla lamaNazaretha kuphela!
109.Kwase kuyacaca ukuthi esaphila uMesaya wayaziwa ngo Yeshua, futhi ehola ibandla lamaNazaretha, hhayi uJesu nobuKrestu!
110.Lokhu kunikeza ubufakazi obungaphikiseki ukuthi leligama likaJesu namaKrestu lavela muva amaRoma esawanqoba amaJuda!
111.Kunomehluko phakathi kwaJesu noYeshua, njengoba kunomehluko phakathi kobuKrestu bukaJesu nobuNazaretha bukaYeshua!
112.Enkolweni kaMose uYeshua wabe engumprofethi kaJehova, uJehova okunguye yedwa uNkulunkulu!
113.Kodwa ngokobuKrestu uJesu ungunkulunkulu omthathu emunye, into ephambeni nemfundiso yeTorah!
114.UShembe wayengumprofethi emva kaYeshua, noma ngenxa yezepolitiki ebizwa ngoJesu.
115.UShembe akafundisanga lutho ngonkulunkulu omthathu emunye, kodwa ufundise ngoNkulunkulu oyedwa, okunguJehova!
116.Njengo Yeshua egcwalisa ingqubo yokukholwa kuMathewu 5:17-19, uMprofethi u-Isaya Shembe ulandele inqubo yokukholwa njengoba injalo kuTorah!
117.UShembe waze wakubhala phansi kuvesi 3 womthandazo weSabatha wathi: “Mesabeni uJehova zizukulwane ngezizukulwane, nigcine imithetho yakhe owasilobela yona ngenceku yakhe uMose, ukuze ukudumisa kwethu kwamukele kuThixo wemikhosi.”
118.UShembe uyilandela yonke imibhalo yeBhayibheli, nguye osifundise ukuthi kumele silandele zonke izimfundiso zikaYeshua ukuthi kumele simkhonze kanjani uJehova!
119.UYeshua nguyena mprofethi abantu owabafundisa ngombuso wezulu, nokuthi yini okumele bayenze uma befuna ukungena ezulwini.
120.Ngakho ke ngokungathekisa UYINDLELA eya ezulwini, ngoba umuntu ungena ezulwini ngokuhamba ngezimiso zakhe. (Mathewu 5:19).
121.Kanjalo noShembe umprofethi uyindlela kumaNazaretha, ngoba nguyena owasifundisa ukuthi songena ezulwini ngokugcina umthetho kaMose njengoku fundiswa nguYeshua kuMathewu 5:19.
122.UShembe usifundise ngoYeshua ukuthi ukuze singene ezulwini kumele silandele imfundiso yakhe.
123.Kusihlabelelo 5 uBabamkhulu uthi: “Nina abathanda ukuphila emhlambini kaJesu khumbulani incindezi yendlela eya ngasekhaya.
124.Izinyoni zinezindlu zihlala kamnandi, kepha uJesu kanandawo lapha engahlala khona.
125.Abathanda ukulandela uJesu mabazidele kuqala bangayesabi imiyalo ephelisa amandla.
126.Bathabathe isiphambano emahlombe abo, basifele isethembiso abasethenjiswayoi!”
127.Ngiyavuma ukuthi maningi amaphutha nokuhlubuka okwenzeke enkolweni yobuNazarethaengasekho umprofethi, kodwa amaphutha nokuhlubuka kwamaNazaretha akuyenzi lenkolo ibe ngamanga, njengoba nokuhlubuka uJehova kwamaKrestu kungayithinti imfundiso kaYeshua!
128.Okuseqinisweni ubuKrestu as being practiced, is a fake religion, eyakhiwe ngokukhulu ubuqili babamhlophe!
129.Esikhundleni sokuba sigcine imikhosi kaNkulunkulu njengePasika neminye, sagciniswa imikhosi yezithixo zamaRoma njengo Khisimuzi, ama-Easter nokunye!
130.Esikhundleni sokuba sigcine isabatha, saphoqwa ukuba sigcine usuke lwesithixo, okuliSonto!
131.Esikhundleni sikaYeshua, sakhonziswa isithixo okunguJesu!
132.Amaqiniso amile yilawa: ngamanga ukuthi kwake kwaba khona uJesu, nokuthi abafundi bakaYeshua kwakuyisizwe esimhlophe!
133.UYeshua nabapostoli abakaze babe ngamaKrestu, ngoba ubuKrestu bavela sebafa, futhi ubuKrestu inkolo eyasungulwa ngabezizwe!
Inkosi ibusise lokho enikuzwile!