Skip to content

NGUJEHOVA UMNQOBI WAZO ZONKE IZINKINGA ZETHU

Mhla uShembe ezoshumayela esizweni sakwaZulu, akawachithanga amasiko aso angaphambani noMthetho kaNkulunkulu, esikhundleni salokho wawagqugquzela.

Kodwa isisekelo salokhu kukholwa wasibhala phansi kuvesi 3 woMthandazo weSabatha ukuthi sogcina umthetho kaJehova olotshwe ezincwadini zikaMose!

1.Imini yeSabatha ayibenhle kwabangcwele. Isihloko sale nkonzo sithi: “NguJehova umnqobi wazo zonke izinkinga zethu.”
 
2.Mhla-ka 20 August 2022 bekugcotshwa iNgonyama yamaZulu, okuthe uma isikhuluma, yaphimisela la mazwi: “NGIZOHAMBA NGEZIMISO ZIKANKULUNKULU, IZIMISO ZEBHAYIBHELI, NGIHAMBE NGEQINISO.”
 
3.Lokhu kukhuluma kungithokozise kakhulu, ngoba emlandweni wesizwe sakwa-Israel mancane kakhulu amakhosi ayehamba ngezimiso zikaNkulunkulu.
 
4.Embusweni wakwa-Israel cishe yinkosi uDavide kuphela owahamba ngezimiso zikaJehova ngokuphelele kusukela ethatha ubukhosi waze wafa.
 
5.Nokho ukuthokoza kwami bekuzophelela ukuba iNgonyama icacisile ukuthi ikhuluma ngamuphi uNkulunkulu, ngoba sekunabantu abaningi ababizwa ngonkulunkulu,
 
6.yize ukukhuluma okunjalo kungukuhlubuka uNkulunkulu onguMdali wezulu nomhlaba, uJehova!
 
7.Noma ngubani uyazi ukuthi nguNkulunkulu onguJehova owashaya umthetho wokuqala othi: “UNGABI NABANYE ONKULUNKULU NGAPHANDLE KWAMI.”
 
8.Kwangagcina lapho, kuyiZenzo 12:21-23 kuthi: “Ngosuku olumisiweyo uHerode wembatha ingubo yobukhosi, wahlala esihlalweni, wakhuluma kubantu.
 
9.Abantu bamemeza bathi “YIZWI LIKANKULUNKULU, AKUSILO ELOMUNTU!” kepha ingelosi yeNkosi yamshaya khona lapho, NGOKUBA ENGANIKANGA UNKULUNKULU UDUMO, wadliwa yizimpethu, wafa!”
 
10.Ngalesi senzo, uNkulunkulu wasibonisa ukuthi kuyisono esibi kangakanani ukubiza umuntu ngokuthi uNkulunkulu!
 
11.NjengoMpristi kaJehova, la mazwi eNgonyama anginika isibindi sokukhuluma ngiqondise ngezinkinga isizwe esibhekene nazo ngenxa yohlubuka uJehova!
 
12.Isizwe sakwaZulu siyisizukulwane sika-Israel ngaphansi kwendlu kaJuda, okuyiyona eyagcina inobukhosi ngaphambi kokuba ubukhosi bakwa-Israel buqedwe ngabezizwe.
 
13.Leli gama lokubiza inkosi ngokuthi yiNgonyama liqhamuka kuGenesis 49:9, mhla uJakobe ebusisa indodana yakhe uJuda, ethi:
 
14.“JUDA, ABAFOWENU BAYOKUKUDUMISA. ISANDLA SAKHO SOHLALA EZINTANYENI ZEZITHA ZAKHO. UJUDA UYIBHONGO LENGONYAMA.”
 
15.Le Ngonyama esinayo-ke iyisizukulwane saleyo Ngonyama eyabekwa nguJakobe.
 
16.Ngakho-ke uma le Ngonyama ifuna ukuba nobukhosi obamukelekile ezulwini, iyohamba ezinyathelweni zikakhokho wayo uDavide!
 
17.Mhla uJehova enquma ukubuyisa umprofethi enzalweni ka-Israel, waletha phakathi kwethu uMprofethi u-Isaya Shembe (ukuthula kube kuye).
 
18.UBabamkhulu akakufihlanga ukuthi uJehova umthume ukuletha ivangeli eNdlunkulu!
 
19.Waze waqamba iSihlabelelo 116, lapho ethi:
Uyabizwa nkosi Solomon
Mntaka Dinuzulu
Naludumo likaJehova
LuseKuphakameni!
 
20.UMprofethi wayelethe eNdlunkulu udumo lukaJehova, kodwa iNdlunkulu ayalwamukela, yemukela udumo lwenkolo yabezizwe eyayizoqeda ngobuzwe bethu nenkolo kaJehova!
 
21.UShembe wathunyelwa kulesi 
sizwe ukuba ezovuselela kuso uMthetho kaJehova njengoba walethwa kithi nguMose.
 
22.Ngo 1931 uMprofethi uthi: “Bantabami, umprofethi uhlala emkhathini ukubheka isizwe esonile, bese uJehova emthumela kuso ukuba asiphendule sigcine umthetho kaNkulunkulu.
 
23.Mina nginguMprofethi womkhathi, sekungokwesihlanu ngifika emhlabeni uJehova engithuma ezizweni ezahlukene ukuletha ivangeli lakhe kuzo!”
 
24.Mhla uShembe ezoshumayela esizweni sakwaZulu, akawachithanga amasiko aso angaphambani noMthetho kaNkulunkulu, esikhundleni salokho wawagqugquzela.
 
25.Kodwa isisekelo salokhu kukholwa wasibhala phansi kuvesi 3 woMthandazo weSabatha ukuthi sogcina umthetho kaJehova olotshwe ezincwadini zikaMose!
 
26.UShembe wafica amaZulu kuyisizwe esasesinqobe izizwe eziningi, ezinye sezabalekela kwamanye amazwe.
 
27.Kodwa uMprofethi wafika wakuhlaba lokhu kubhuqa bhuqana kwesizwe ngemikhonto, wathi isizwe kumele siphile ngoxolo nangoku dumisa uJehova!
 
28.UShembe amaNazaretha wawephuca zonke izikhali, wathi akabe namahawu amancane, ngawo azosinela uJehova!
 
29.Wathi izimboko aziphathelwe ukuthandazela ngazo abantu basinde ezifweni!
 
30.Kwathi amahubo ezimpi nawokuklolodelana, afana nalana athi: “Wanya wethu, wanya singakafiki!”
 
31.nezaga ezifana nalesi esithi: “Ikhalaphi, I’nduku zempi, sizwa ngosi ikhalaphi!”
 
32.UShembe wakuqeda konke lokho, wathi amaNazarethathi akahube amahubo adumisa uJehova, njengaleli elithi:
 
1.Sidedele singene, Simkhonze uJehova
Sasivalelwe, Namhla avuliwe amasango.
 
2.Mdedele angene, Wo! Nangu’Zulu
Inzalo kaDingane noSenzangakhona.
 
3.Livulwe ngubani, Ubani ovula leli sango
We Mkhululi walezo’boshwa
 
4.Wozani nazo lezo zizwe, Ziyadinga
Lelo lizwi loPhezukonke!
 
33.Wathi nezaga akube ngezidumisa amandla kaNkulunkulu, njengalesi esithi:
“Yize umoya, yize umoya! UJehova uNkulunkulu, uThixo wethu, uzichithile izitha zethu waziqeda nya!”
 
34.Ukubakhona kweNgonyama ezibophezele NGOKUHAMBA NGOKWEZIMISO ZIKANKULUNKULU kusho into enkulu ezulwini, ngoba sesineNgonyama ekwazi ukubuka isizwe sayo ngeso lokukholwa!
 
35.Esikhathi esiphambili uShembe uBaba iLanga uthi: “Ngithole isimemo eNdlunkulu sokuba ngibe semkhosini kaShaka.”
 
36.Waqhuba wathi: “Ukuba abantu bakwaZulu bayazi, ngabe bayafuna ukuthi ekufeni kwenkosi uShaka, uNkulunkulu wayibekaphi.
 
37.Ngoba akusizi ukugubha umkhosi womuntu ongamazi ukuthi ekufeni kwakhe uNkulunkulu wambekaphi,
 
38.ngoba kungenzeka ukuthi yena akawudingi lo mkhosi, kodwa udinga isizwe esizomkhulula simkhiphe osizini okulo!”
 
39.Uthi ke uBaba iLanga ukwenzela umuntu umkhosi omkhulu, kodwa ungazi ukuthi lapho uNkulunkulu ambeke khona uyajabula yini, kuyafana nokuthi uyambhuqa.
 
40.Noma ngingaqali ukukukhuluma lokhu, kodwa kubalulekile ukuthi iNgonyama esiphakathi kwethu izazi izinkinga ezibhekene nalesi sizwe, ezidinga yona ukuba iziqede ngendlela yokukholwa, yenze njengenkosi uDavide!
 
45.Isizwe sakwaZulu sisezinkingeni ezinkulu ezingadingi nokuchazwa, ngoba zisobala.
 
46.Ngakho ke sidinga umholi ofana nenkosi uDavide, umholi okwaziyo ukukhuluma noNkulunkulu, ohamba ngezimiso zikaJehova nonesineke sokulinda, elindele izwe lokhokho bakhe!
 
48.KuSihlabelelo 181 uShembe uthi:
“Sinosizi ngesizwe sakithi, sihawukele Nkosi sizintandane, asinamkhululi ngaphandle kwakho ongasikhulula ekuboshweni. Usidele ngani Nkosi kangaka, buyela kithi usithethelele.
 
49.Obaba bethu abasekho, SITHWELE-KE THINA IZONO ZABO. Shaya Nkosi uphozise, siyavuma sonile ebusweni bakho. Singabakabani uma silahlwa nguwe, buyela kithi Nkosi yoxolo!”
 
50.Inkosi ekholiwe nemaziyo uNkulunkulu iyakwazi ukubona ulaka esibhekene nalo njengesizwe!
 
51.Iphutha elikhulu esinalo ukucabanga ukuthi ngoba inkosi uShaka waba inkosi eyahlanganisa isizwe sakwaZulu, ngakho-ke ayinaso isono sokuchitha igazi labantu abangenacala.
 
52.Sikhulu isililo esaba khona ezweni lakwaZulu ekubuseni kwenkosi uShaka.
 
53.Labo bantu ababulawa bashiyiswa imindeni yabo bengenacala, amakhosi enza lokho akakwazi ukungabi naso isono ezulwini.
 
54.Ukubulala umuntu ongenacala akusoze kwahalaliselwa ezulwini!
 
55.Ngakho ke uma sicabanga ukuthi kukhona umuntu ongabusa kanjalo, bese kuhalaliswa ezulwini, kungasho ukuthi asikayazi indaba kaNkulunkulu!
 
56.Umuntu nomuntu ezulwini wehlulelwa ngemisebenzi yakhe emihle nemibi OYENZE PHAMBI KWANKULUNKULU!
 
57.Isizwe sakwaZulu sabunjwa ngemikhonto, kwabulawa abantu abaningi abangenacala, abanye balala ezintabeni, baze balishiya izwe labo!
 
58.Labo bantu ababulawa bashiyiswa imindeni yabo bengenacala, leso sono sisephezu kwethu nenzalo yethu!
 
59.Kumthandazo weSabatha uMprofethi u-Isaya Shembe uthi: “Ningabi njengobaba benu oDingana noSenzangakhona, obaba bethu abazenza lukhuni izinhliziyo zabo, uJehova waze wabajezisa kanje, namuhla sesithwele izono zabo.”
 
60.Angikholwa ukuthi uShembe akalibizanga igama lenkosi uShaka ngoba yayimsulwa kobaba bethu ABAZENZA LUKHUNI IZINHLIZIYO ZABO!
 
61.Noma ngaphambili ngake ngakuveza lokhu, kodwa kumele ukuthi ngikugcizelele!
 
62.Uma umuntu efa, kwelizayo uthatha isimo okuthe uphuma umphefumulo wabe ekuso.
 
63.Uma ufa ngokudutshulwa, noma usukwelizayo uyolokhu wadutshulwa, lokhu kudutshulwa koze kuqedwe ngabase mhlabeni!
 
64.Uma ufe empini ulwa, noma sewafa, umoya wakho uyohlale usempini, ulwa, uyoze ukhululwe ngabase mhlabeni ngokukunikelela.
 
65.Yikho uYeshua wathi okuboshwa emhlabeni kuboshiwe nasezulwini, okukhululwa emhlabeni kuyakhululwa nasezulwini.
 
66.Uthi uMvangeli uMdluli, kwafika kuye umuntu, wafike wabika usizi olude engingelubale lapha.
 
67.Uthi umvangeli ngase ngithi: “Lolu sizi lwakho lunzima kakhulu, kodwa awulinde izinsuku eziyisikhombisa, (ngamfundisa ukuthi kulindwa kanjani), bese ubona ukuthi uNkulunkulu akazukukuvezela yini umsuka walolu sizi lwakho.”
 
68.Lo muntu walinda, kwathi ngosuku lwesikhombisa, wabona kufika izinsizwa kuye zihlomile, imizimba yazo igcwele igazi.
 
60.Kwathi esathukile, enye yase ithi: “Ungesabi, singokhokho bakho, sasingamabutho enkosi, saze safa silwa izimpi, namanje sisalwa, asikaze siphumule.
 
61.Wena uhleli kahle, uyakholwa, nathi sifuna umuntu ozosinikelela, asephuce lezi zikhali, sikholwe njengawe.
 
62.Kodwa wena awusinakile, yithi laba esiletha lonke lolu sizi kuwe!”
 
63.Inkinga yemimoya ekuleso simo ukuthi ibuya izohlala kwabaphilayo, bese benza konke lokho okwakwenziwa ngasebafa!
 
64.Zonke lezi zimpi zasemakhaya nezamatekisi, nalokhu kubulalana okuxakile esizweni sakithi, kungumphumela woku bulalana okwakwenzeka kulesi sizwe kusukela emakhosini akudala kuze kube namuhla.
 
65.Akukho maphoyisa angakuvimba lokhu kugcwaneka esizweni sakithi, ngoba kudalwa yimimoya engakhululekile kwelemimoya!
 
66.Zonke lezi zimpi nokubulalana okuse-South Afrika kungaqedwa yiNgonyama ehamba ngezimiso zikaJehova kuphela!
 
67.Ngelinye ilanga inkosi uSimakade Mchunu eshumayela uthi: “Ngase ngilamule izimpi ngehluleka esizweni sami.
 
68.Ngase ngibiza sonke isizwe, ngathi ngithole inyanga enkulu ezoqeda lezi zimpi, ngakho ke umuzi nomuzi awukhiphe uzukwa, okuyimali engizokhokhela ngayo le nyanga.
 
69.Isizwe sesiyikhokhile, ngaya kuBaba iLanga, ngafike nganikela, ngibika izimpi ezingapheli esizweni sami.
 
70.UBaba iLanga waye sengithatha eya nami egunjini, wathi angiguqe eduze kwakhe, wathandaza ebika kuNkulunkulu isimo engikuso.
 
71.Kusukela lapho izimpi ezweni lami zavele zanqamuka ngaso leso sikhathi.
 
72.Ngangibuka nje amakhosi angomakhelwane esahlushwa izimpi zezigodi!”
 
73.Lapha ke ngiveza amakhosi akwaZulu ayebusa izindawo zawo ngokwezimiso zikaNkulunkulu, njengoba neNgonyama ishilo!
 
74.NeNgonyama ingakuqeda konke lokhu kubulalana, nokudlwengulana okudlange eSouth Afrika uma izolandela ezinyathelweni zika Nehemiya ezitholakala kuNehemiya 9.
 
75.Ukuze izwe lethu libuye, sidinga amakhosi afana nenkosi uDavide, amakhosi ayehamba ngezimiso zikaJehova!
 
76.Lapha kwaZulu sidinga amakhosi ayefana nenkosi uSimakade Mchunu, amakhosi ayefana nenkosi uMzonjani Ngcobo, amakhosi ayefana nenkosi uNtemba Mthethwa, namanye!
 
77.La makhosi ayemesaba uNkulunkulu, ekholwe ngokweqiniso, ehlale elwela ukugcinwa kweSabatha nokuqedwa kwezingulube ezindaweni zawo!
 
78.Inkinga-ke ngomkhosi weLembe, ukungazi noma lo mkhosi esiwugubhayo, iLembe lapho likhona iyasizakala yini ngawo?
 
79.Umuntu osekwelizayo yinye into enhle ongamenzela yona: ukuba umhlawulele amacala akhe, umngenise embusweni wezulu!
 
80.Uma kungenzeka ukuthi iSilo sakwaDukuza sisaboshiwe ngamacala aso, sisikhulula kanjani siseza kuso sihlomile, sihaya izaga zempi?
Ezulwini kungenwa ngamahubo okukholwa kuphela!
INkosi ibusise ukufundwa kweZwi layo.
 
Le ntshumayelo iyatholakala ku YouTube othi Rev Mpanza NCG.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *