Skip to content

UMSEBENZI KASHEMBE NOHAMBO LWAKHE LOKUGCINA

Omunye umbhali echaza umprofethi, uthi: “Ngekhono lobuholi eBhayibhelini uShembe wawungamfanisa noMoshe; ngobugagu bobunkondlo nokusina, uShembe wawungamfanisa nenkosi uDavide.

Ngendlela owayephilisa ngayo nangezimangaliso owayezenza ekuphiliseni ungamfanisa noJesu.


Isihlabelelo 115
1.Ngivukile ngezwi lakho
Mina ebengifile
Ngivumele Nkosi ngibatshele
Abafile njengami
 
2.Abafile ngezwi lakho
Basinda ngani na?
Ngivumele Nkosi ngibatshele
Basined ngezwi lakho.
 
3.Ngenhlanhla engiyiphiweyo
Ngalowo musa wakho
Ngivumele Nkosi ngibatshela
Abangayiphiwanga.
 
4.Bename kanye nabo
Abavela emafini
Abangubo zahlanzwa
Zenziwa mhlophe.
 
5.Inanelo yabangcwele
Yabathanda ukulibona
Siyethemba bayokulibona
Lelo lizwe elizayo.
 
1.Njengoba ngike ngakuveza enkonzweni edlule, mina ngiyinzalo yobuNazaretha. Umama wathengwa ngumprofethi eneminyaka engu 11, ngoba wayeyintandane engenababa engenamama.
 
2.Sakhula kulenkonzo kodwa sifunda ezikolweni zezimishini zamaKrestu, inkonzo yamaNazaretha iyinhlekisa kakhulu kulezi zikole.
 
3.Kodwa kunabo bonke ubunzima esabhekana nabo, akukho okwedlula inhlamba esasithukwa ngayo yokuthi sikholwa kumuntu owazama ukundiza ngoba ethi ufuna ukuya ezulwini njengomprofethi u-Eliya!
 
4.Le kwakuyindaba efundiswa ezikoleni njengesifundo esingumlando oliqiniso sonke esasifunda ngawo uma kungena isifundo sezenkolo.
 
5.Bese ezinye izingane kanye nothisha zisihleka kakhulu ngalesi senzo somholi wethu.
 
6.Inkinga esasinayo ukuthi emakhaya sasitshelwa indaba ehluke kakhulu kunale esifunda ngayo ezikoleni.
 
7.Mina kwakunzima kakhulu ngoba umama wayekhuliswe nguye umprofethi, azi konke ngaye.
Ngangithi uma ngiyibuza lendaba yokundiza kukaShembe, kumama kuvele kwehle izinyembezi, ngimbone ekhala!
 
8.Ngabona ukuthi imhlukumeza kakhulu lento, ngagcina ngingasayikhulumi kuye.
 
9.Kuthe sengikhulile, sengikumabanga aphezulu ngemfundo, ngabe sengeza ucwaningo ngokwami ngalendaba.
 
9.Okokuqala ngathola incwadi ebhalwe nguMafukuzela echaza ngokufa komprofethi, ngathola ukuthi uchaza lokhu engikuzwa ngabazali bami.
 
10.Kodwa umuntu owafike wanginika iqiniso elimsulwa ngempilo nokufa komprofethi ngu L. Roberts kuyi thesis yakhe esihloko sithi SHEMBE: THE MAN AND HIS WORK.
 
11.Lo mlungu wenza ucwaningo ngoShembe esaphila, wayilandela yonke impilo yakhe kwaze kwaba sekugcineni, wachaza ngokufa kanye nawo wonke umncwabo wakhe.
 
12.Wachaza ukuthi lomngcwabo wawumkhulu kangakanani, nokuthi kwaba ngobani nobani izikhulumi kuwo, nokuthi zakhuluma zathini, no uningi okunye engingekubale.
 
13.Kodwa kule thesis lo mlungu wachaza konke engangikuzwe ngabazali bami nokwakusencwadini kaMafukuzela. Ngabona lapho ke ukuthi kanti lento esiyifunzwa ezikoleni zamaKrestu yilumbo!
 
13.Njengoba lo mlungu le thesis yayingempilo yomprofethi, kukho konke okwakwenzeka wayezifikela yena, kuthi kwenzeka ebe ebhala phansi.
 
14.Njengoba wayehlala emvakashela umprofethi, wabuye wabhala kabanzi ukuthi umprofethi
kwakungumuntu onjani.
 
15.Sengitholile ukuthi lento ekhulunywa ngoShembe ingamanga, kwadingeka ukuthi ngithole ukuthi lelilumbo lasukelaphi.
 
16.Ngathola incwajana ethi SHEMBE, eyayibhalwe ngumlungu oyi missionary, efundisa eNanda Seminary, kodwa emkhonze kakhulu uShembe.
 
17.Lothisha uyachaza ukuthi umprofethi zazimzonda kangakanani izimishini. Uthi ngelinye ilanga lenhlangano yezimishini yahlangana eThekwini izobhunga ngokuthi engaqedwa kanjani uShembe.
 
18.Uthi lommissionary wasukuma khona emhlangenweni wabuza ukuthi njengoba befuna ukuqeda ngoShembe nje, kodwa sebake bambona yini, bakhuluma yini naye, babona nokuthi ungumuntu onjani?
 
19.Uthi ke lommishinari wayekusho lokho ngoba yena ekuhlaleni kwakhe eNanda noShembe, wathola ukuthi lomuntu ungumprofethi kaJehova ofana nabo bonke abaprofethi baseBhayibhelini.
 
20.Lapho uMrs Wells echaza ngoShembe nangesimo sonke sebandla lakhe kulencwadi yakhe, kokunye lomlungu wakhuluma kanje:
 
21.UShembe waxwayisa ababemlalele ethi, “mabangashisekeli ukuzikhohlwa bona ngokuzama ukuba abelungu babezobasindisa.
 
22.INkosi kwakuyithathe isikhathi eside ukwenza umuntu omnyama, kwaphinda kwayithatha isikhathi eside ukwenza umZulu. Kumele sikuhloniphe ukwehlukanisa kweNkosi. Ayiwenzi amaphutha.”
 
23.Yonke indawo amashapheli, namasonto kanye nezikole kwakuye kukhale ibhungene uma sekuza uShembe, abantu bese bebuthana ukuze balalele ngentokozo enkulu.
 
24.Ukuphelelwa yisimilo okwakuvame Phakathi kwamaKrestu ayephila impilo yokuthenga amehlo abantu ngokwezomnotho kwadalulwa impela.
 
25.Impakamo eyayigcwele izingqondo yachotshozwa impela, abantu nje ababembethe izikhumba noma bacishe babe ngabahambaze, bemukela ivangeli ngentokozo baze
babhaphathizwa.
 
26.Abelungu bezimishini basusa uthuthuva lwempi ngoba, njengokusho kwabo, uShembe wayehlehlisela emuva umsebenzi wabo omkhulu abase bewenzile.
 
27.Base bebafundisile abantu ukugqoka izingubo, manje ke uShembe wayesethi kwakungenacala uma abantu begqoka okuncane nje noma bengenalutho emizimbeni uma nje babezithobile futhi behlanzekile futhi beyithanda iNkosi.
 
28.UShembe uyindoda ethobekileyo futhi ethule nje, egcwele intokozo kanye nentokozo esuka ekujulenikwenhliziyo yayo, futhi yethembekile kulokho okuqonda njengokulungileyo…….
 
29.EKuphakameni abantu bale mihla bahlehliselwa onyakeni ka 60 A.D., ngaphambi kokuba nesidingo sezivumo noma amahlelo amaningi.
 
30.Njengokusho womunye wabefundisi kafuphi: “Sivumele impucuko ukuba yengame ubuKrestu, uShembe yena uvumela ubuKrestu ukuba buhole impucuko.”
 
31.Njengoba uMrs Wells wayehlale emvakashela uShembe, nguye yedwa engimaziyo kwabamhlophe owakwemukela ukuthi lo ngumprofethi kaJehova. Lapha simuzwa ethi:
 
32.Siyakholwa ukuthi uShembe unomyalezo wale mihla ovela kuNkulunkulu njengokomusa weNkosi, nabaguquli benkolo, nabaprofethi, amazwi abelokhu evela ngezikhathi zezibhicongo ezedlule, ukuveza amandla nentando yakhe, ukulungisa amaphutha ukuze kugcizelelwe iQiniso, noma ukuze kudalulwe izinto ezicashileyo zobumnyama.”
 
33.Uthi ke uMrs Wells ekubuzeni ezimishini ukuthi ziyamazi yini uShembe, uSuperintendant of Missions waphendula wathi: “Angimazi uShembe, futhi angifune kumazi, kodwa engihlose ukukwenza ukuthi ngiqede ngaye kulomhlaba!”
 
34.Uthi ke uMrs Wells, izimishini zazithi uma eyekwa lomuntu, bonke abantu abamnyama bazobuyela kuye ethathe indawo kaJesu, bese konakala umsebenzi wabo.
 
35.Kodwa bathola ukuthi abakwazi ukuphumelela ukukwenza lokho esaphila, base becupha ukuthi mhla wafa bayoqeda ngaye, engaphinde aziwe njengomprofethi kaJehova, kunalokho aziwe njengomkhohlisi. Nempela ke bakwenza lokho, futhi baphumelela!
 
36.UDokotela uBecken oyisifundiswa saseJalimane esibhale kakhulu ngoShembe, wathi uma ebhala kwenye yezincwadi zakhe esihloko sithi: The Story of Isaiah Shembe: elotshwe ngu H.-J. Becken, G.C. Oosthuizen I. Hexham) wathi:
 
37.“Leli bandla liwumphumela wokuzikhulela kobuKrestu emhlabathini wase-Afrika, isikhungo lapho umyalezo wevangeli uchume ngokwesiko- mpilo nesimo, isimo sengqondo nempilo
yomphakathi, wase-Afrika; likhonza uNkulunkulu ngendlela yase-Afrika futhi lixazulula isimo sengqondo nezidingo zama-Afrika ngendlela ezwakala kuwo uqobo.
 
38.Ngakho-ke, le ntshukumo ingabizwa ngokuvuselelwa kwe-Afrika yekhulu-nyaka, okufana nse nokwenziwa kwevangeli libe ngelabantu Balelo lizwe njengoba kwenzeka eMsebenzini woKwenziwa kabusha Kwevangeli e-Europe kubantu bangesikhathi sekhulu-nyaka leshumi nesithupha!(16 century).”
 
39.Naye uDr Becken, njengo Mrs Wells, uthi ibandla lamaNazaretha lingafaniswa nebandla lamaKrestu akudala ka 16 century.
 
40.UProfesa M.C. Kirchoff we University of Zululand, ephepheni lakhe elisihloko sithi, ‘CALLED TO LIBERATE: SHEMBE AND THE SCRPTURE,’ kokunye uthi:
 
41. “Umyalezo kaShembe kwakuyilo: ‘namathela kuYahuah, mkhonze, mthande, khuleka kuye ulalele ngokucophelela amazwi aKhe.
 
42.Akuthi ukhululekile esimilweni esixegayo bese ukholeka, umhloniphe futhi umthande omunye umuntu, lalela abazali nalabo abasemagunyeni.
 
43.Zithibe ekufiseni imali, lawula ulimi lwakho, sebenza ngokuzimisela, yiba nomusa ezilwaneni, ube nesihe nobubele, zithobeni futhi nithethelelaneni.”
 
44.Uyaqhubeka uProf. Kirchoff uthi: “Umlando oxoxwayo waveza ukuthi uShembe wayengumholi okhonziwe, umphulukisi odumileyo, umsebenzi ongaphelelwa mandla, umhleli onobunono, oyinqolobane yenhlakanipho.
 
45.UmZulu othanda izwe lakubo, umthandi wamasiko ohambisana nezimo zezikhathi, umfundi weBhayibheli okhutheleyo nalowo ongakhathalanga ukubuyisela abantu bakubo emiyalweni kaNkulunkulu!”
 
46.Lenkulumo kaprofesa ichaza konke ngokuthi umprofethi wayenguuntu onjani ekuqhubeni ivangeli ngokukhonza uJehova njengoba neTestament lakhe, okuyizihlabelelo zamaNazaretha, lifundisa konke ngokukholwa kokudumisa uJehova ngokugcina imithetho yakhe esayilethelwa remhlabeni nguMoshe!
 
47.Omunye umbhali echaza umprofethi, uthi: “Ngekhono lobuholi eBhayibhelini uShembe wawungamfanisa noMoshe; ngobugagu bobunkondlo nokusina, uShembe wawungamfanisa nenkosi uDavide.
 
48.Ngendlela owayephilisa ngayo nangezimangaliso owayezenza ekuphiliseni ungamfanisa noJesu.
 
49.Ngokuprofetha nokushumayela uShembe ungamfanisa nabaprofethi o-Isaya no Jeremiya. Ngokuhamba eshumayela ezindaweni eziningi, engakhathali, uShembe ungamfanisa nompostoli uPaul!”
 
50.Kodwa ukuze baqede ngalesi simangaliso somuntu izimishini zobuKrestu zasebenzisa abantu abamnyama
ukuhlwanyela ivangeli eliyilumbo ngaye, ngoba kusenzeka nje namanje!
 
51.Njengamanje, ngaphandle kokuthi uShembe wazama ukundiza, wafa, ayikho enye into abantu abamnyama abayaziyo ngoShembe!
 
52.Isizwe esimhlophe ke sinekhono eliyisimanga lokuthatha into ekhona siyenze engekho, bese kuthi engekho siyenze into khona!
 
53.AmaHebheru isizwe esimnyama, kodwa bona bakwazi ukusipenda basenza kwaba isizwe esimhlophe, njengoba namanje ama-Israel ngabantu abamhlophe, futhi abanye abantu abamnyama bayakholwa ukuthi lama-Ashkenazi iwona amaHebheru!
 
54.UYeshua kwakungumproferhi omnyama, kodwa abamhlophe bakwazi ukumcisha ezingqondweni zethu, base bakho owabo, bambiza ngoJesu. Samshiya uYeshua omnyama, sakhonza uJesu omhlophe!
 
55.Kodwa manje sekuyisikhathi sokuba zibuye emasisweni, siwuqondise umlando wamaqhawe esizwe sakithi!
 
56.Ukuze ngiqondise lembudane ngokufa kukaShembe, ngiqoqe umlando ngohambo lokugcina lomprofethi ngisusela ezintshumayelweni zeNksi uGalilee Shembe owaba ngumholi wesibili, kanye nezikaMbazini noMyeni, kanye nabanye ababehamba nomprofethi kwaze kwaba sezinsukwini zakhe zokugcina emhlaben!
 
57.UMprofethi waqala cishe ngo 1934 ukuvalelisa. Kodwa uhambo lwakhe siluqala ehla eNhlangakazi emva kwaJanuary ka 1935.
 
58.Esuka eNhlangakazi waya emzini wakhe oseMgungundlovu, eyiDeni. Wafika washumayela ethi,"Bantabami sengiyahamba, ngiphathiseni, ngofika ngithini kongithumile.”
 
59.UBaba iLanga cishe ngo February 1935 uthi wasuka esikolei eManzimtoti eyobona umprofethi eKuphakameni, kodwa akaze wamthola waze wamthola eBhekinqola.
 
60.Uthi ke uBaba iLanga “Ngamfumanisa elele ngesisu odakeni ecamele etsheni, uMlangeni ehleli esiceshini eduze kwakhe, izulu linile, ngambuza ngathi “Baba ulaleleni ngesisu odakeni na?” wayesephendula wathi:
 
61.“Mntanami wenziwa yini ukuthi ungidabukele na? Kwenza ngoba ngiyakuzala yini, engani nangu uyihlo uMlangeni akasho lutho?
 
62.Ungibona ngihleli odakeni nje ngiyabuza emzimbeni wami nasenhliziyweni yami ngithi, Nhliziyo yami awumlaleli ngani uJehova na, mzimba wami awuyenzi ngani intando kaJehova na?
 
63.Ngoba zonke izilwane ziyamlalela; nezilwane zasendle ziyayenza intando kaJehova, nezimbuzi ziyayenza intando kaNkulunkulu, nelanga liyayenza intando kaNkulunkulu, nezinkanyezi ziyayenza intando kaNkulunkulu?
 
64.Ngibuza enhliziyweni yami ngithi,Nhliziyo yami wena wedwa wenziwa yini ukuthi ulwe noNkulunkulu, nawe nyama yami wenziwa yini ukungathandi ukwenza intando kaNkulunkulu?”
 
65.Lithi iLanga, wathi uBabamkhulu akomvusa ekuseni uma esebuyela esikoleni. Uthi uBaba iLanga wesaba ukumvusa, kodwa wabona sekukhanya endlini yakhe.
 
66.Wamphelezela uBabamkhulu; bathi uma befika emhosheni wabe esethi uMprofethi, “Kulungile mntanami hamba.”
 
67.Uthi uBaba iLanga wahamba indawana wase ebheka emuva, wamfumanisa esamile amehlo akhe egcwele usizi; kanti usembona okokugcina!
 
68.Mhla uMprofethi egcina eKuPhakameni wenza iNkonzo endlini ebizwa ngokuthi kuseGinyezinye.
 
69.Uma eshumayela wabala izono eziningi ethi, “Bantabami ngingumakoti ngiyaba, sengiyahamba ngiya kuJehova. Zonke izinto zenu ebenginikhuza kuzo, namhlanje sengiyanivumela, zenzeni.
 
70.Othakathayo ngithi akathakathe kakhulu, nawe mfazi ophingayo ngithi phinga kakhulu, nawe ndoda eqamba amanga ungawayeki; ukuze nithi uma senisha nithi sazenza izono sadela.”
 
71.Waphuma eKuphakameni kuGinyezinye egaqa ngamadolo; wagaqa ngamadolo njalo waye wayofika esangweni las’eKuPhakameni.
 
72.Kwagijima amaNdiya eza kuye ethi, “Baba thina siza wena?” Waphendula uMprofethi wathi, "Cha, angeke ningisize bantabami, ngiyavalelisa kulomuzi, angisenakuphinda nginyathele kuwo ngezinyawo zami, sengiyobuya sengithwelwe.”
 
73.Wahlabelela isihlabelelo wathi “Adedele aphume,
akekho umsengi weMashi!” Wasuka eKuphakameni eselibhekise kwaZulu.
 
74.Evela eNatali wafika emzini wakhe oseningizimu naseSikhawini, eNelisiwe. Nakhona eNelisiwe waphinda lawo mazwi, wathi:
 
75. “Ngingumakoti, ngizokwabela abantu imisebenzi yabo emihle nemibi, ichume kakhulu.
 
76.Othakathayo ngimnika ukuba athakathe kakhulu, uma ubebulale umuntu oyedwa abulale abaningi ukuze kuthi uma eya esihogweni, angabi nezaba.
Nowenza okulungile, akakwenze kuchume.”
 
77.Esuka eNelisiwe wedlula emzini wakhe osenyakatho
nase Sikhawini, eGibizisila, wasuka lapho waya eBhekizitha, wathatha isitimela esiteshini eMzingwenya eselibhekise eNyakatho.
 
78.NgolwesiHlanu wehla esiteshini esingaphambim kwaseMkhuze, eBhiyela, kwesikaMabuyakhulu, washumayela kakhulu enza izimangaliso.
 
79.NgeSonto wasuka ngezinyawo kwesikaMabuyakhulu ehamba nomhlangano waye wahlwelwa ezintabeni kwaShayindoda; balala entabeni.
 
80.Wavuka ekuseni wakhuphukela enkantolo oBonjeni eyocela imvume yokushumayela, sekunguMsombuluko.
 
81.Besuka enkantolo oBonjeni bahamba bazebahlwelwa eNtshongweni, balala entabeni. BasukaeNtshongweni ngolwesiBili ekuseni sebelibhekise eMseleni kwesikaMbazini.
 
82.Ukusuka eNtshongweni kuya eMseleni kwaba luhambo olunzima kakhulu kubo bonke abantu, ngoba indawo yakwaMhlabuyalingana inehlabathi, futhi abantu basebelambile.
 
83.Kwaqala ngalolo lusuku ukubonakala ukuthi uMprofethi usekhathele. Ibhulukwe owayeligqokile ladabuka laze lahlanganiswa ngameva.
 
84.Bafika eMseleni ntambama. Bathi befika eMseleni kwaMbazini bathola sekunabantu abaningi abasebelindele khona uMprofethi
 
85.UBabamkhulu wavula khona kunjalo inkonzo, kodwa abantu owayehamba nabo basebekhathele kakhulu, bengasakwazi ngisho ukuhlabelela. Khona kunjalo wavula inkonzo yabagulayo, wathandazela abantu kwaba sengathi akwenzekanga lutho.
 
86.Kwalalwa khona koMbazini, ngakusasa uMprofethi wavuka wayobhabhadisa abantu ababengamashumi ayisishiyagalombili.
 
87.Ebuya ekubhabhadiseni, sekungolwesiThathu, kwabe sekuyasinwa isihlabelelo esithi: “Sakubona kuPhakama sakubona Judiya.” Yasina lensizwa yasezulwini ngesambulela yavuka yaba yintsha.
 
88.Yakhomba eNingizimu, yakhomba eNyakatho, yakhomba eMpumalanga, yakhomba eNtshonalanga. Waphenduka wabheka izinsizwa owayesina nazo, wabe esethi:
 
89. “Niyangiqinela bafana ngoba sengimdala.” Wabe eseshaya isaga esingaziwa esethi, Hoo! Hoo! Kuyophela konke lokhu lapho sengembethe inyama entsha!”
 
90.Emva kwalokho wabiza inkonzo, wathatha iBhayibheli, wabe esefunda iNcwadi yamaHubo 71:17-18: “Nkulunkulu, ungifundisile kwasebuntwaneni bami, kuze kube manje, ukushumayela ngezimangaliso zakho. Noma sengimdala, ngimpunga, Nkulunkulu ungangishiyi, ngize ngitshengise amandla akho esizukulwaneni esizayo, nakubo bonke abezayo.”
 
91.Wathi eseqedile ukufunda wabe esethi: “Kwakukhona indoda eyayinamadodana alishumi, kodwa ayengakwazi ukuzingela, ngaphandle kweyodwa futhi eyayikhuthele.
 
92.Ngelinye ilanga lendodana yavuka ekuseni nezinja zabafowabo yaya eqeleni ukozingela. Kulezi zinja kwakunesimaku okwakuthiwa nguTobi. Lesi simaku sasifunde ukuvusa izinyamazane, bese ezinkulu ziyayisukela.
 
93.Kwathi kanti ubehlala ethola izinyamazane, ngalolo lusuku zavuka izinyamazane, wathi lapho ethi uyayisasazela ngezinja, zavele izinja zazithela ngabandayo. Wathatha isagila wazibulala zonke izinja; wavuka lapho waya ekhaya.
 
94.Bambona abafowabo engaphethe lutho, nezinja zingekho. Kwagijima unina weza kuye, wafike wabuza ukuthi ziphi izinja. Wamtshela unina ukuthi izinja uzibulele.
 
95.Unina wahlaba umkhosi, etshela amadodana akhe ngokwenzekile. Beza kuye bethetha bethi uzibulaleleni izinja. Kepha bathi befika kuye bembuza, bamfica esethule, elele engasenandaba nabakukhulumayo.”
 
Emva kwalo mzekeliso uMprofethi wathula isikhathi eside engacwayizi. Wathi esuka wayevala inkonzo.
 
96.Wasuka eMseleni ngolwesine eselibhekise eMkhuze, balala kanye endleleni baze bayofika eMkhuze ngolwesiHlanu.
 
97.Basuka eMkhuze sebelibhekise kwaZulu waze wehla esiteshini esiseduze nakwa Mbonambi, eMaphoza.
 
98.Esuka kwaMbonambi walibhekisa emzini wakhe uMkhayideni, oseduze nase Richards Bay. Lapha wayeze ukuzokwenza umhlangano ka April wePhasika. Wayehamba nabantu abaningi ababemhlangabeze esiteshini.
 
99.Njengoba wabe esevele ekhathele, u-Ezra Mbonambi wamtholela ithole lembongolo, wafika eMkhayideni eseligibele.
 
100.Abantu bagcwala izinkalo begijima bemhlangabezile, bakha isundu balendlala phansi lapho wayezohamba khona. NjengoJesu engena eJerusalema, kanti lomuzi ongena kuwo naye usengena okokugcina.
 
101.Njengamhla ephuma eKuphakameni, naseMkhayideni wathi uma efika wehla embongolweni wagaqa ngamadolo, wathi uma efika phakathi nesango walala ngesisu, badumala abantu; abaze bazi ukuthi kwenzekani.
 
102.Waqala ukuhlabeka ekhona eMkhayideni, kanti nomfundisi uMngoma usebambekile kakhulu. Ezwa ukuthi umfundisi uyagula wavuka waya kuye, wafika wathi, “Mngoma uyakwesaba yini ukufa, mina mfundisi sengiyahamba, wena uzophila bese uyangingcwaba!” Nempela waphila khona lapho umfundisi uMngoma.
 
103.Mhla lulunye kuMay 1935, wabonakala uMprofethi ehlalele nxanye, engathokozile. Enye inkosikazi eyayingumabhalane wakhe, yezwakala ikhuluma namanye amakhosikazi ithi, uBaba useyahamba emhlabeni.
 
104.Umfundisi uMngoma waya kuyo eyoyibuza ukuthi ithini. Yamtshengisa incwadi ekade ibhalwa nguMprofethi ethi: “Inyama yami ikhathele, izolala ethuneni. UMoya wami uzovuka wembathe inyama entsha. Kwaphakade bengizelwe, nanini ngoba khona. Vusa omunye endlini yami, ahole abantu bakho. Umnike inhliziyo efana nayo eyakho. Umphathe umgcobe ngamafutha omusa.”
 
105.Lapho bezwa lamazwi, bonke abantu bashawa luvalo, wonke umuntu waba nosizi, bezibuza beziphendula ukuthi kompe lento ingenzeka?
 
106.Mhla ka 2 May 1935, kwakungolweSine. Umthandazo wokuvuka wawusangena ngo 7 ekuseni. Kwathi uma kungeniswa umthandazo wabe esethumela ukuthi umthandazo awungangeni, kepha abantu bahlale balinde isikhathi sokuphuma komphefumulo wakhe.
 
107.Abantu ke bahlala bethuthumela. Wabiza abafana ababili, omunye okwakungu Josephat Dlamini. Wathi ababeke iwashi bebheke isikhathi umphefumulo wakhe ozohamba ngawo.
 
108.Kwathi ngo 9 ekuseni, kanti kade esejumekile, wavuka, wabe esethi, ‘hawu, kanti ngikuphi la? Wabe esethula isikhathi eside. Emva kwalokho waphenduka wabheka eNingizimu, wathula, wabuya wabheka eNyakatho, ethule, wabheka eMpumalanga elokhu ethule. Khona lapho umzimba wakhe waqhaqhazela, wabe usuyehla, wathula inguna phakade ngo 9 ekuseni!
 
iNkosi ibusise izwi layo!

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *