Skip to content

UKHONA UMVUZO WOKUNGALALELI IZITHUNYWA ZIKAJEHOVA

Kuyishwa ukuthi uhlakaniphele izwe kunokuhlakaniphela izulu, ngoba ukuhlakaniphela izwe kuyinto edlulayo, usho njalo uShembe. Manje bantwana baseKuphakameni ngiyafisa ukuba uNkulunkulu angangiphuci, angangiphuci umuzwa. Uthi uShembe ngiphe izindlebe zokuzwa izwi lakho ukuze ngibuyele kuwe. Uma umuntu engamuzwa uNkulunkulu ukuthi uthini, uzobuyela kanjani kuye…

Inkonzo yangeSabatha ekuseni mhlaka 13 August 2022: uMfundisi uKhathi.
 
1.Ngiwumuntu nje wasemhlabeni ngiyacela uNkulunkulu ukuba angikhumbule, ngingakhulumi okwami, ngicela uNkulunkulu abenami, ngikhulume okwakhe. Isihloko salenkonzo yamanje sithi: 
 
UKHONA UMVUZO WOKUNGALALELI IZITHUNYWA ZIKAJEHOVA.
 
118. ISIHLABELELO
1 Lalelani nanti ilizwi
Wezizwe nonke,
Phendukani nibhabhadiswe
Nize nisindiswe.
 
2 Geza inhliziyo yami
Iziyeke engizithandayo
Amen Haleluya
Balekani nonke zoni.
 
3 Akukhalelwa muntu
Esihogweni somlilo,
Akakho okhalela omunye
Esihogweni somlilo.
 
4 Amen Haleluya!
Balekani nonke zoni
Akukho ukuphumula
Esihogweni somlilo.
 
5 Bahleli kulolo lusizi
Esihogweni somlilo
Bahlezi bekhala
Abasenaku khululwa.
 
6 Ukudla kwakhona
Usizi lodwa,
Amanzi akhona
Izinyembezi.
 
2.Bangcwele baseKuphakameni ngibonga ukuba uNkulunkulu asiphephise kuzo zonke izingozi ezikhona emhlabeni, ngibonga ukuba ngaphansi kophiko lukaJehova okuyinto engandele bani. Ngisemhlabeni wabantu abamphikayo uNkulunkulu, kodwa bemphika, angazi noma basuke bazi yini ukuthi baphika ini, kodwa inkinga ukuthi abayiboni ingozi abazifaka kuyo.
 
3.Bantwana baseKuphakameni kukhona inkinga ekhona kubantu, nathi esikhona la sike saba nayo, kodwa njengamanje sesizibona nje singabantu abahlakaniphile ngoba sesiphumile kulenkinga ephethe abantu. Ukuba phakathi kwalelibandla kungifundisa nje izinto eziningi nje ngaso sonke isikhathi uma kukhona ukukhuluma okukhulunywayo, noma intshumayelo ekhona eshunyayelwayo.
 
4.Manje sesiside isikhathi zikhulunywa lezi zindaba zasezulwini, kodwa uthole ukuthi abantu abafuni ukuphuma kulenkinga, inkinga yokungezwa, noma inkinga yokuzwa kodwa kufane nokuthi awuzwa uzwile.
 
Kukhona unyaka esake sahamba ngawo siphelezela abaholi bethu bemenyiwe, angisazi noma kwakuwu 2015 noma kuwu 2016, kodwa ngangisengumshumayeli, sahamba saya eManguze, uma sifika eManguze, kwakuyibandla lezayoni, angisazi igama lalo. Uma sifika lapha kukhona amazwi akhulunywa umholi waleliyabandla, umholi waleliyabandla umuntu owayeyimpumputhe owayengaboni emehlweni. Wakhuluma into eyangisanganisa ikhanda.
 
5.Uthi “Njengoba ngingaboni nje,” noma ngingeke ngibeke ngendlela owabeka ngayo, njengoba enjalo, kodwa ngiyawakhumbula lawo mazwi. Uthi “njengoba ngingaboni nje emehlweni ngacela kuNkulunkulu ukuthi ngingaboni, bengiwumuntu obethi uma ebuka ebese uyabukisisa, bengiwumuntu obethi uma ezwa, ebese uyazwisisa, ngacela kuNkulunkulu ukuthi Nkosi ngiyacela ungiphe ukungabonisisi, ngicela ungiphe ukungazwisisi. Kwathatha isikhathi ngabona ngingasaboni, ngokuhamba kwesikhathi ngakhumbula ukungaboni kwami kwacelwa imina”
 
6.Ngiyacabanga ukuthi wayezwa ngoba yonke into eyayikhulunywa wasitshengisa ukuthi uyayizwa, kodwa uNkulunkulu wamnika ukungabonisisi, ngoba wayecelile. Ngazibuza ukuthi umuntu onjengomholi ukucela kanjani ukungabonisisi, ngoba uyena okufanele abukisise impela nokungazwisisi. Phela uma umuntu onjengomholi uma engezobukisisa noma engezozwisisa, ziningi izinto ezingase zonakale. Wabe esemnika, ngizothi uNkulunkulu owamnika ngoba wacela kuNkulunkulu ukuthi uyakucela lokho. Kodwa isimanga esasithola la, kulelibandla i-NCG, safundiswa ukuthi siyakucela ukuhlakanipha kwasezulwini, ngoba kukhona ukuhlakanipha kokuthi uzitshele wena ukuthi uhlakaniphile, kodwa uma ungenakho ukuhlakanipha okuphiwe uNkulunkulu, awuhlakaniphile.
 
7.Ngazibuza ukuthi ukuhlakanipha kuyacelwa, impela ukuhlakanipha kuyacelwa, safika sizithingithingi nathi la, siyizinto nje, siyiziyabhuyabhu siyizinto ezazizitshela ukuthi ziyazi, kanti azazi lutho. Kulelibandla ngifunde into eyisimangaliso ukuthi asazi lutho, asazi lutho nje, kwayithina futhi asizazi. Ukube siyazazi phela ngabe zikhona izimpawu ezikhona, asizazi ukuthi singobani. Ukube siyazazi ngabe siyazi ukuthi sihamba nini emhlabeni safika kanjani emhlabeni.
 
8.NoShembe wabe esekhuluma noma wabe esehlabelela ku 239 esifundisa ukuthi ukuzwa kuyacelwa, ngoba kukhona ukuthi uzwe kanti awuzwa. Uzitshele ukuthi uyezwa kanti awuzwa. 
 
239. ISIHLABELELO. 20 verse 1
J.G SHEMBE
 
1 Ngiphe Baba izindlebe
Ezivulekile,
Ukulizwa izwi lakho
Ngibuyele kuwe.
 
9.Kungani kufanele kucelwe izindlebe zokuzwa izwi likaNkulunkulu ngoba izindlebe wonke umuntu unazo, kungani kunesidingo sokuthi umuntu acele ukuthi ezwe, ingoba abantu bayezwa, kodwa abakuzwa lokho okufanele bakuzwe. Indlebe yomuntu iphelele, nanti iqwaqwa likhona, ikhona i-eardrum, ukhona umthambo lo omkhulu okuthiwa i-auditory canal, iphelele ikhona yonke into. Hawu pho umuntu akezwe ngani, hhayi ukuthi umuntu akezwa, kodwa into angayizwa ile kaNkulunkulu.
 
10.Iyona nkinga esibhekene nayo leyo emhlabeni. Sibabonile abantu bengezwa, kodwa bezwa, umuntu uyezwa kodwa engezwe. Ngesikhathi ngiqala ukuzwa uBaba uMelusi emsakazweni, ngiyambonga uNkulunkulu ukuthi wangipha indlebe yokuzwa, ngoba ngangithi uma ngithi umoya ulalela nayi indaba engathi inkulu ngapha, kuthiwe indaba enkulu, akukho ndaba enkulu la. Ngithi ngithi hhayi bo niyayizwa lento engiyizwayo, kuthiwe hhayi wena uyahlanya wena, uyasangana wena? Ngadideka ukuthi ngoba sonke sinazo izindlebe, kungani abanye bengayizwa lento ngendlela engiyizwa ngayo. Kungani bengezwa? Namanje siyababona abantu ku Facebook, hhayi kufana nokuthela amanzi emhlane wedada. Uthi, uthi umuntu uyambonisa, kutholakale ukuthi eh eh, akanazo izindlebe zokuzwa lezindaba. Kodwa inkinga yabantu abangazizwa lezindaba, izindaba zasemhlabeni bazazi njengoba bezazi bona.
 
11.Kuyishwa ukuthi uhlakaniphele izwe kunokuhlakaniphela izulu, ngoba ukuhlakaniphela izwe kuyinto edlulayo, usho njalo uShembe. Manje bantwana baseKuphakameni ngiyafisa ukuba uNkulunkulu angangiphuci, angangiphuci umuzwa. Uthi uShembe ngiphe izindlebe zokuzwa izwi lakho ukuze ngibuyele kuwe. Uma umuntu engamuzwa uNkulunkulu ukuthi uthini, uzobuyela kanjani kuye, angeke aze abuyele kuye, kunzima ukubuyela kuye. Sibonga asiphezi, umuntu uma ephakathi kwalelibandla uye azincinze, azibuze ukuthi ngihleli kanjani la, ukube lento yayingekho ngabe ngashonaphi, ngabe nje ngiyini emhlabeni, ngabe ngisaphila yini. Yazi ukuthi uma ula ufikelwa izinyembezi, ufikelwe usizi, uthi Nkosi yacishe yangigeja indaba enkulu kangaka. Ngiyabonga Nkosi ukuthi ungihlwithe emalangabini omubi.
 
12.Ngoba lento esikuyona bantwana baseKuphakameni sithe singena kuyo, sayibona, kodwa sangayibona ngokuphelele, manje uma sesiphakathi sesiyibona ngenye indlela ukuthi sacishe sagejeka, sacishe sasala kulomkhumbi ohambayo, ngoba uyahamba lomkhumbi. Ngiye ngithi ngiyamubongela umuntu ongakafi, uma ezoyibona lento engakafi ngoba thina sibe nenhlanhla yokuthi noma sesilengelile ekufeni, kodwa uNkulunkulu wathi cha, buyelani esandleni sami, buyelani esandleni salo engimthumileyo. Inhlanhla esinayo leyo bantwana baseKuphakameni.
 
13.Noma singabantu basemhlabeni abacondozelayo abakhasayo, kodwa sibonga ukuba ngaphansi kwalompheme, ngoba ngelinye ilanga uNkulunkulu uyosikhumbula size singakhasi, size singacondozeli size siqine nathi sibe strong sibe ngabantu basezulwini. Usho njalo uShembe esihlabelelweni engiqale ngaso, uthi geza inhliziyo yami iziyeke engizithandayo ngoba esizithandayo ilezo ezingathandwa uNkulunkulu, inkinga ileyo.
 
14.Ukube abantu bahlakaniphile njengoba bezitshela ukuthi bahlakaniphile nje ngabe bayazicela izindlebe ezivulekile, zokulizwa izwi likaNkulunkulu ukuze babuyele kuye, ngoba uNkulunkulu maNazaretha ayingcwele usidinga sonke njengezidalwa zakhe. Kuyadabukisa ukubona abantu bethuka laba baholi abaphambi kwethu, kufikisana ngosizi ukuthi laba bantu bayabona ukuthi bathuka bani? Laba bantu bayazibona ukuthi bakuphi, bonake. Ubone ukuthi engathi kuhlwile, kuhlwe khona emini. Bayazi laba bantu ukuthi bathuka yena uNkulunkulu uqobo uma bethuka abaholi bethu, abazi.
 
15.UYeshua kukhona into ayikhulumile ecashe kabi, ongayibuka nje uyithathe kancane. Ngizocela ukuthi simuzwe ukuthi uthini, ngicela ningifundela bantwana baseKuphakameni kuMathewu 25 niqale kuvesi 42, sizwe ukuthi ikuphi ingozi ekuthukeni laba baholi, ngoba ukuthuka abaholi kunengozi engase ibehlele laba bantu abathuka laba baholi, kodwa ukuthi abazi. Namhlanje siyabatshela ukuthi ikhona ingozi ekhona, enkulu futhi. Ningixolele bangcwele amehlo ami abuye afiphibale bengizozifundela mina.
 
16.Matthew 25 verse 42-45. Ngokuba ngangilambile, aningiphanga ukudla; ngangomile, aningiphuzisanga; ngangingumfokazi, aningingenisanga; ngihamba ze aningembathisanga; ngigula, ngisetilongweni, aningibaambanga. Khona bayakuphendula nabo, bathi: ‘Nkosi, sakubona nini ulambile, noma womile, noma ungumfokazi, noma uhamba ze, noma ugula, noma usetilongweni, singakukhonzanga, na?’ Khona iyakubaphendula ithi: ‘Ngiqinisile ngithi kini: Lokho eningakwenzanga komunye walaba abancinyane anikwenzanga nakimi.’
 
17.Usho njalo uYeshua, usho into enganakekile, ngangilambile nangangipha ukudla, ngahambaze nangangimbathisa nina, ukhuluma nabantu asebephambi kwakhe, asebefuna ukungena ezulwini. Uthi ngaboshwa ngaya etilongweni nanganginaka nakhona lapho. Babuza umbuzo ukuthi sasikubonaphi Nkosi ngoba asikaze sihlangane nawe thina. Uthi uYeshua laba ababenezinkinga nangabanaka, naninganaki mina.
 
18.Hawu uma umuntu ethuka abaholi bethu kunzima yini ukuthi uma esephambi kukaNkulunkulu, athi uNkulunkulu wangithuka wena, athi cha angithukanga wena Nkulunkulu, ngathuka uMelusi. Kunzima yini athi uNkulunkulu njengoba uthuka iNceku yami nje wawuthuka mina. Kunzima yini ukuthi bathi laba bantu sasikubonaphi Nkosi. Kunzima yini ukuthi ithi iNkosi lowo enimthukile naningathuki yena, kodwa nanithuka mina.
 
Ngiyayisaba le ndaba ngoba kukhona izinto esiyaye sizenze kubantu ezimbi singabantu, kodwa sikhohlwe ukuthi ngelinye ilanga lonto leyo siyobe siyenze kuNkulunkulu, kuyovela ukuthi asiyenzanga kulabo bantu esasibabukela phansi. Lelivesi lingifundisa ukuthi ngingamubukeli phansi omunye umuntu ngoba uma ngingamubukela phansi omunye umuntu, kuyobe ngibukela uNkulunkulu phansi. Why ubukela uNkulunkulu phansi, ingoba lo muntu uyisidalwa sikaNkulunkulu.
 
19.Izaga 1 verse 24. Angazi noma le ndaba iyozithola yini izindlebe ezivulekile, abantu bazibheke ukuthi umuntu ophila naye emhlabeni kufanele umphathe kanjani ngoba konke okuhle okwenza kumuntu uyakwenza kuNkulunkulu, konke okubi okwenza kumuntu nakuNkulunkulu usukwenzile. Izaga 1:24 ,“Ngokuba ngibizile nala nina, ngelula isandla sami, akubangakho onakayo, kepha nichithile konke ukweluleka kwami.”
 
Ngokuba ngibizile nala nina, into eniyenzile nichithile konke ukweluleka kwami. Bakhona abantu abayombuza uNkulunkulu uma esekhuluma lamazwi. Ethi ngibizile nala nina. Bese bethi sasikubonaphi, bese bethi wakhulumaphi Nkosi, ngoba abantu abaqondi indaba yokukhuluma komuntu ukuthi izwi lo muntu uma ekhuluma, livela kuNkulunkulu uma ethunywe uNkulunkulu. Abayazi leyonto abantu. Uyosho uNkulunkulu athi ngikhulumile, ngikhulume ngeNceku yami uBaba uMelusi, ngikhulumile okuningi, nginiyala, nganibiza, kodwa nina nase niyenqaba. Bese bethi asikaze sikubone Nkosi, asikubonanga. Ngikhulumile kuma social media, kodwa nina nangezwa nangalalela. Bathi hhayi Nkosi umuntu owayekhuluma lapho uBaba uMelusi hhayi wena, ebese ethi uNkulunkulu kwakuyimina.
 
20.Niyayibona ingozi maNazaretha ezovelela abantu, abantu abangananqondo, abantu abanganandlebe zokuzwa lezi zindaba. Abantu bekufanele bahlale bethule, bebuzane ukuthi kuthiwani. Uzovela umuntu ohlakaniphile athi kuthiwa, kuthiwa. Azame ukubatshela ngoba abantu inkinga yomuntu uma umuntu eqhamuka…. Uyabona maNazaretha into engiyibonile, angazi ukuthi inqondo yomuntu injani. Mina bengiwumKrestu, uma ngifika eBuhleni kuthiwa uShembe uNkulunkulu, ngavela ngaba nokudideka. Kodwa ngagcina sengivuma kanye nami ngathi ehhene impela kunjalo baqinisile. Angazi ukuthi kwenzekalani, sivumelana kanjani ngobuphukuphuku, ngokungahlakaniphi.
 
21.Ngangitshela uMfundisi uMabaso ngelinye ilanga ngithi mina, Mfundisi, ukuba nawe ngiyakujabulela ngoba nami ngozibona senginezimoto ezingangalezi, hawu ngithethelele Mfundisi, ngithelele. Angifuni ukuhamba nabantu abangahlakaniphile ngoba bazokuthelela ngokungahlakaniphi. Asho njalo amahubo, amahubo 1, ‘ubusisiwe umuntu ongahambi ngeziluleko zababi, ongemi endleleni yezoni.’ Manjeke ngabona ukuthi ayi ngingase nami uma ngiseduze kukaMfundisi, ningibone ngihamba nge fortune, ningibone ngihamba ngonyanyavu lwemoto, into emnandi leyo, hhayi ukuthi ngizothi ngifuna okwakho uMfundisi, cha, ngifuna angithelele.
 
22.Ngizama ukuthi ngalamazwi abantu uma ethena omunye lento imbi, bavele bavumelane bonke, hhayi imbi noma iyinhle. Uma ethi umuntu into yinhle ibe iyimbi bonke bathi yinhle. Hawu zase ziba ningi kangaka, base beba baningi kangaka abantu abangahlakaniphile, kwenzenjani? Usho njalo uNkulunkulu uthi nginibizile nala nina. Ayi bantwana baseKuphakameni ibuhlungu lento. Angazi, angazi bantwana abangcwele kodwa kukhona into okufanele ukuthi singabantu emhlabeni, siyibheke, sizibuze yona futhi, umuntu kufanele azibuze ukuthi inhloso yokuthi uNkulunkulu angenze ngibe khona emhlabeni kwakuyini. Uyabona mhlawumbe uma ngase sizibuze lokho singaqonda, ukuhamba kwethu angeke kugwegwe, noma kugwegwa mhlawumbe kungagwegwa kancane ngoba sisemhlabeni. Kodwa nje uma sizibuza nje, umuntu ngamunye ngamunye, noma ngabe inhloboni yomuntu, okholwayo nongakholwa, azibuze nje ukuthi ngibe khona emhlabeni uNkulunkulu angenze ngibe khona kwakuyina?
 
23.Uthi omunye umama owuthisha, oyi deputy principal, ungitshela ukuthi wake walala esibhedlela isikhathi eside, egula kakhulu, waze waba se-ICU, uyangichazela lonake uhambo lwakhe aluhambayo, ukhuluma izinto ezisabekayo, uthi-ke wahlala 30 days, inyanga yonke leyo. Uthi-ke wasinda lapho, wavuka after 30 days ephaphama ekwi coma. Uthi-ke ufundile ukuthi umuntu, laba bantu angathi baphuphile ababukelela phansi, kufanele ukuthi abaholiniphe, angabathatheli phansi. Washo kumina maNazaretha, uthi lo thisha mina e-office lami kungena noma ubani, ngisaba ngisho ukuhlala esihlalweni sami ngoba ngafunda ukuthi bonke abantu bayafana akekho ongcono kunomunye.
 
24.Uthi laphana kwakungafanele ngibuye, angazi ngabuya kanjani ngoba ngazibona sengikwelinye izwe engingalazi, engingakaze ngilibone. Kwahamba kwahamba kulonyaka wehlelwa ingozi yemoti, walimala, kodwa hhayi kakhulu, wathinteka nje lapha nalapha kodwa imoto owayekuyo yalimala kakhulu, uthi-ke ngicela ukubuza ukuthi ngenzenjani, ngididekile manje, yindaba mina ngisinde ezingozini ezinkulu, ngivuke ekufeni ngibone nento ebizongibulala, ingangibulali?
Ngithi-ke mina kuye cha sir, kufanele ukuthi uke uzinike isikhathi noNkulunkulu, akakholwa ndawo lo Baba. Uke umfonele manje uNkulunkulu, bese umbuza uthi Nkosi ufuna ngikwenzeleni, ngoba uyabona ukuthi uNkulunkulu akafuni afe manje, kodwa kuyabonakala ukuthi kukhona into okufuneka ayenze. Ngazama nokumnxenxela ngapha.
 
25.Lo muntu maNazaretha wazi yonke into le esiyifundiswa lapha ekhaya, ngendaba yobuzwe bethu, uyazi njengoba isuke ifundwa layikhaya. Uyazi ukuthi yena ungumHebheru, uyazi ukuthi umuntu nje omnyama ola ungumHebheru, wazi yonke into mina ngifika sengichazelwa uyena. Ngithi ngiyachaza nami ngendlela yami engichaza ngayo ngoba ngeke ngichaze njengomfundisi uXakaza, nami ngichaze nami ngendlela yami encanyana, avele angichazele kakhulu, ngithi uyabona lo, ula, wazi kahle. Uyabona nje uma ngase ahlale noMfundisi uXakaza, hhawu bengakhuluma into ephambili. Manje-ke ngamutshela ukuthi kuyafuneka ukuthi ube nesikhathi noNkulunkulu, umbuze ukuthi yini okufanele uyenze ngoba kukhona into okufanele uyenze. Ngisho ukuthi ke kunabantu abanenhlanhla yokuphila kodwa abangafuni ukuphenduka. Sisho njalo isihlabelelo engisihlabelelile sithi phendukani nibhabhadiswe ukuze nisindiswe.
 
26.Manje-ke ngithe bantwana baseKuphakameni umuntu kufanele azibuze ukuthi inhloso yokudala kwami kwakuyini, sonke njengoba sikhona la emhlabeni kukhona izinto okufanele siziveze. Njengoba ngila nje, kule position, ngangingazi ukuthi ngogcina ngikuyona. Konke engikhona manje, enginakho nokuyikho ngangingayazi. Kodwa sengiyabona ukuthi angizelanga nje ubala la, kukhona into engangiyizele, nawe kukhona into oyizele. Umuntu nomuntu kukhona into ayizele emhlabeni.
 
27.Nayi inkinga-ke ngabe emhlabeni wazela ukuthakatha yini, awuzibuze ukuthi njengoba ukhona uphila nje, ulala, uphefumula konke, bese u-add ukuthakatha, ngabe mhlawumbe iyonanto owayizela yini, awuzibuze, uma ukwenza lokho. Uma uthakatha uNkulunkulu owakudalayo, uyajabula yini, uyajabula yini ngalokho. Ngabe wawuzele ukuzohlabela amadlozi emhlabeni?
 
Manje zibuze ukuthi yonke into engiyenzayo, njengoba ngiphila nje, yonke into engiyenzayo, ngabe uNkulunkulu iyamuthokozisa yini, lo ongidalile. njengoba uginqa izinkomo nje ujabula, ngabe iyonanto oyizele yini la, uyolifeza nini idinga, mm? Wazela ukuzonda abantu?
 
28.UNkulunkulu angavele akudale nje, akudalele ukuthi uzohliphiza, into yakhe eyithanda, eyenze ngokuyithanda? Weza emhlabeni uzogebenga abantu, uzoba isigebengu nje, kucace ukuthi wena nje uyisigebengu nje, into oyizele, into oyidalelwe nje ukuthi uyenze? Mmm? Kanti kunjani emhlabeni. Yini nje othi uma uzibuka, uthi cha, uyabona njengoba ngikhona nje, ngibalulekile kuNkulunkulu, ubaluleke ngani? Uyathokoza yini, uyakusho na athi ngiyathokoza ngawe? Cha ngeke.
 
29.UNkulunkulu uma ekubuka nje uhamba, ekubuka uhleka, ekubuka wenzani, ebese ebheka izinto ezinye ozenzayo, uthini, ake sizibuze sonke ukuthi yini inhloso yokuba khona kwethu, lokhu esasikuzele, uma singakakwenzi sokwenza mhlaka bani, ngoba kukhona okufanele sikwenze, kodwa akukhona ukuhlukumeza abantu, akukhona ukuthakatha, akukhona ukugebenga, akuzona izinto ezimbe esizizele emhlabeni kodwa izinto ezijabulisa uNkulunkulu.
 
30.Yazi uNkulunkulu wenzenjani maNazaretha, uNkulunkulu Wadala izulu nomhlaba, wenza yonke imvelo, emva kwalokho uNkulunkulu wayesenza umuntu esekwenze konke, ukuthi umuntu ahlale emhlabeni abuse, ukuthi umuntu ahlale emhlabeni ebese edumisa uNkulunkulu ngemisebenzi yonke ayenzile. Sikwenza nini lokho?
 
31.Ikuphi lan esithi khona yeyi uNkulunkulu unamandla, bukani ilanga, bukani ilanga liyakhanya imini yonke, bukani unyezi uyakhanya ubusuku bonke, bukazi izihlahla, izihlahla Zinhle, asibabazi lutho kuphela nje senza lokhu okuthandwa ithina, sithi uyajabula yini, akajabuli uNkulunkulu. Kodwa kukho konke, kukho konke maNazaretha kukhona isiphethu.
 
32.Kukhona into eyangithusa uma ngifika kulelibandla, uma ngibuka isihlabelelo 28 esithi uyeza umhla wokuphela. Isihlabelelo esangishayisa ngovalo into eyisimangaliso, ukuthi utshelwa la emehlweni ukuthi umhla wokuphela uyokuma phambi kwakho noma ngabe uyathanda noma ngabe awuthandi. Ngathi ngiyaqala, ngihambile emabandleni, ebandleni engikhulele kulona ayikaze ishiwo lonto, kumnandi nje ukutshakadula nje, ukuthi kuza umhla wokuphela, yini leyo, ukuthi umhla wokuphela uyeza noma ngabe uyathanda noma awuthandi! Ngiyizwa la, ngashawa uvalo, hawu madoda kunjani kanti?
 
33.Incwadi ka-Amosi 8 verse 11: “Bhekani, izinsuku ziyeza,” isho iNkosi uJehova, lapho ngiyakuthuma indlala ezweni, kungabi yindlala yezinkwa, kungabi ngukomela amanzi, kepha kube ngeyokuzwa amazwi kaJehova. Bayakuzulazula kusukela elwandle kuze kube selwandle, kusukela enyakatho kuze kube sempumalanga, bahambahambe ukufuna izwi likaJehova, kepha abayikulifumana.” Ibuhlungu indaba yokuzulazula ungazi ukuthi ubhekephi, uhambe ubheka into ongeke uze uyithole, angizukukhuluma ngalencwadi kakhulu ngoba uMfundisi ukhulumile ngayo eNewcastle. Kodwa khona inkhona into enje bantwana baseKuphakameni, yokuthi sesiswele, abantu beswele izwi likaNkulunkulu lingasekho.
 
34.Uzulazula, kuthiwa izintombi nezinsizwa ziyozulazula, kusukela olwandle kuze kube solwandle.
Ukuzulazula-ke bantwana baseKuphakameni kubuhlungu ngoba kuncono nokuzulazula ufuna into ongase uyithole, uzulazula nje ufuna into engekho, ongeke usayithola, ohluleke ukuyibambisisa kusenesikhathi, kuseyisikhathi esihle lesi, sokuba singabantu basemhlabeni, silisebenzise, silandele amazwi ka-Isaya athi, mfuneni uJehova esenokutholwa omubi makashiye indlela yakhe (Isaya 55 verse 6-7 UMalaki 4 verse 
 
1. “Ngokuba bheka, luyeza usuku, luvutha njengeziko; bonke abaziqhenyayo nabo bonke abenza okubi bayakuba ngamabibi; luyakubashisa lolo suku oluzayo,” usho uJehova Sebawoti, “lungabashiyeli mpande nagatsha.
 
35.Kepha kinina enilesabayo igama lami, kuyakuphuma ilanga lokulunga, linokuphilisa emaphikweni alo; niyakuphuma, nitshekule njengamathole esibaya. Niyakunyathela phansi ababi, ngokuba bayakuba luthuli phansi kwamathe ezinyawo zenu ngosuku engilwenzayo,” usho uJehova Sebawoti. “Khumbulani umthetho kaMose inceku yami engamyala ngawo eHorebe ngaye wonke u-Israyeli, waba yizimiso nezahlulelo. “Bhekani, ngiyakuthuma kini u-Eliya umprofethi, lungakafiki usuku lukaJehova olukhulu nolwesabekayo. Uyakuphendulela izinhliziyo zawoyise kubantwana nezinhliziyo zabantwana koyise,” Injalo indaba bantwana baseKuphakameni, IsiZulu asitolikwa, kodwa wonke lamazwi angaphansi kwesihloko esithi ukhona umvuzo wokungalaleli izithunywa zikaJehova. Amen!

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *