Bayothi, kodwa sasikhipha amadimoni, siprofetha ngegama lakho, senza imisebenzi emikhulu ngegama lakho, manje wenqabelani ukuba singene ezulwini?
Uthi-ke uJesu, ngoniphika ngithi anginazi ngoba nobe ningakwenzanga engathi kuMathewu 5:19 kwenzeni, OKUNGUKUGCINA UMTHETHO KANKULUNKULU!
180. ISIHLABELELO
Lesi sihlabelelo safika esikhonzini senhlupheko ngo June 1931.
1 Wozani nonke zizwe
Selibasiwe lelo ziko,
Ziyalotha zonke izizwe
Yizani badingayo.
2 Bamenywa wozani
Ifa lenu livuthiwe
Nikhalelani niliphethe
Sekwenele lidlenini.
3 Lincishwa abangalithandi
Abalithandayo wozani,
Amasango alelo lifa
Avulelwe nina.
4 Lelo lifa ligcinelwe
Ligcinelwe nina,
IZulu nalomhlaba
Lali ngakabibikho lona.
1.Babusisiwe abantu, banenhlanhla abantu abaye beqonde ukuthi lelibandla ngelikaJehova, babusisiwe abantu, banenhlanhla abantu abaye bazi ukuthi sihamba nengelosi. Ekuseni kukhona into ekhulunywe uMfundisi uMdlolo, uyikhulumile lento, kodwa abantu abaningi babengakabi bikho la ngenkathi kwenzeka lonto.
2.Sasinensizwa la esasisonta nayo, le nsizwa yayisihamba iya kuMfundisi uMdlolo, imtshengisa ukuthi kwi cellphone yayo kuvele inkulumo ethi “njengoba uzama ukubulala uMvangeli uMdlolo, uMvangeli uMtolo, noMshumayeli uMkhize,” uMkhize wayengakabi uMshumayeli ngaleso sikhathi. Lemessage thi “ngiseduze kwakho, ngikubhekile, uma nje uke wababulala, noma wenzani kubo, ngizobhekana nawe, kuzofa wena.” Lo muntu wawuthatha lomyalezo wawuyisa kuMfundisi uMdlolo, kodwa manje lo myalezo, uku Whatsapp, kodwa awunayo inombolo yokuthi uvela kuphi. Kodwa skukwazi ukuthi umyalezo oku whatsup ungebe ne namba ukuthi uvelaphi.
3.Waya kuMdlolo, wathi “hhayi, kodwa manje mina angithakathi.” Waxakeka uMdlolo ukuthi uthi akenzeni ngoba phela manje lo myalezo uthunyelwe kuyena, kodwa futhi awunanombolo ukuthi uqhamukaphi. Kwathatha isikhashana kwafika inkosikazi wakhe yeza kithi sinoMkhokheli, yathi “yeyi lo muntu engimganile uyathakatha”.ngizibambele mina. Yathi le nkosikazi ngeke ngikumele lokho, ngiyamshiya. Mhlawumbe ngokubona ukuthi ngeke sikwazi ukukuvuma lokho, yavele yahlubuka yalishiya lelibandla, kodwa yavalelisa kithi, yazositshela ukuthi angikwazi ukuthi ngihlalele nomuntu esengizibamele mina ukuthi uyathakatha. Angimazi lowo nkosikazi waphelelaphi kodwa angikaze ngizwe ukuthi kukhona elinye isonto aya kulo.
4.Kodwa kwahamba kwahamba angazi ukuthi kwenzekani, ngoba kwagcina nebandla selishaya amakhala, lathi no, ngeke. Wagcina exoshiwe kulelibandla. Ngizwa kuthiwa wazama ukuya eBuhleni nakhona kwabakhona into owayenzayo nakhona, bamxosha. Ngisho ukuthi uma ngabe uNkulunkulu ekulahlile, ngeke ubone ukuthi kukhona uNkulunkulu lapha, uma uNkulunkulu ekulahlile ngeke ubone ukuthi kukhona ingelosi lapha. Ngoba into enjalo ayikwazi ukwenzeka, akukwazi ukuthi kuvele kuqhamuke nje, i-message kwi whatsapp yakho, ingenayo inombolo ukuthi ivelaphi, akukwazi ukwenzeka lokho. Lokho kwakunitshengisa ukuthi lelibandla linabantu basezulwini abalibhekile.
5.Isihloko engizokhuluma ngaso, sithi INCEKU KAJEHOVA KUFANELE ISEBENZE NJENGOSONHLALA KAHLE.
Le nkulumo engiyikhulumayo isewukuqhubeka kwensthumayelo yangesonto eledlule. Phambilini ngelinye ilanga, ithi ingelosi kithi, ‘uma ngase uNkulunkulu eninikeze uR40 million ningayenzani? Sakusho esingakusho, kodwa sayibala indlu yesonto, sase sibala izinto eziningi esingazenza, yathula nje. Sithe sesiqedile yayisithi “akekho umuntu ohlupheka njengoNkulunkulu, ngoba abantu abaningi abamkhonzi uNkulunkulu, kodwa uma ngabe sebehluphekile ithemba labo liba kuNkulunkulu!”
Nempelake abantu abaningi abamkhonzi uNkulunkulu, bamkhumbula uma asebesosizini. Kodwa uma bengekho osizini abantu abaningi abamkhonzi uNkulunkulu, bakhonza ezinye izinto nje.
Ithi-ke ingelosi “akekho umuntu ohlupheka njengo Nkulunkulu ngoba noma imuphi umuntu uma esosizini, ubheka uNkulunkulu” Iyaqhubekake ingelosi ithi “ezulwini uNkulunkulu akasebenzi ngomlingo ngaphandle uma ingasekho enye indlela, kodwa nje ngokwejwayelekile uNkulunkulu akasebenzi ngomlingo, uNkulunkulu uyakwelekelela ekusebenzeni kwakho, ekwelekelele ekuthandazeni kwakho kodwa uNkulunkulu akasebenzi ngomlingo, uNkulunkulu usebenza ngabantu” Yasho kanjalo ingelosi yathi uNkulunkulu akasebenzi ngomlingo kodwa uNkulunkulu usebenza ngabantu.
6.Ithike ingelosi “Uma ngase kube nezikhala zomsebenzi eziwu 50, kodwa abantu abadinga umsebenzi bewu 100, laba bantu abawu 50 abangawutholanga umsebenzi bazobheka uNkulunkulu ukuthi akabafunele umsebenzi, kodwa uNkulunkulu awukho umlingo ozowenza ukuthi akakutholele umsebenzi, ngoba awukho umsebenzi ozokwehla ezulwini ngokomlingo uqhamuke ube umsebenzi ungekho. Ngakhoke uNkulunkulu ukuze etholele lo muntu umsebenzi kufanele evulele omunye either kuxoshwe omunye umuntu emsebenzini, noma kudaleke omunye umsebenzi, udalwa ngumuntu onemali. Kodwa awukho umlingo womsebenzi ozovela ezulwini ungadalwanga ngumunytu.
7.Ithi-ke ingelosi “Uma uNkulunkulu ekunikeza imali, usuke ebheke ukuthi ngaleyomali wakhe umsebenzi ukuze kusizakale abanye abantu abazokhala kuye befune umsebenzi. Ngaso sonke isikhathi uma nithola imali, nazi ukuthi uNkulunkulu usuke ebheke ukuthi usize yena ngayo. Ithike ingelosi, ukusiza uNkulunkulu, ukusiza omunye umuntu, ngoba uNkulunkulu uma umuntu ekhala ecela umsebenzi engawutholi, uNkulunkulu ubheka kubantu abanomsebenzi, akawehlisi umsebenzi ongekho ezulwini, kodwa ubheka abantu abanomsebenzi bese ekuthatha eyokufunela umsebenzi kubo.” Ngakhoke uma ngabe uNkulunkulu ekunikeza imali, noma ngabe inkulu kangakanani, ungathi mawuthola imali bese uyazicebisa, bese ufuna ukuzitamasela ngalemali oyinikwe nguNkulunkulu. Akufanele ukuthi uma uthola imali enkulu, bese ucabanga izindlu eziphambili noma izimoto ezibizayo, cabanga umsebenzi ozokwandisa ngawo lemali. Kumele uzibuze ukuthi uNkulunkulu njengoba enginikeze le mali, uthi angimsize ngani” Ayikho enye indlela yokusiza uNkulunkulu ngaphandle kokuthi usize abantu bakhe ngoba uma uqhamuka ukhala, ufuna uNkulunkulu, ufuna umsebenzi, uNkulunkulu kufanele acabange ukuthi lo muntu ngzomtholela kuphi umsebenzi”
8.Ithi-ke ingelosi: “Ngakho-ke kubalulekile ukuthi uma ngabe uNkulunkulu ekunikeza imali, into yokuqala okufanele uyibuze ukuthi ufuna uNkulunkulu ngimsize ngani ngokunginika lemali engaka? Iithi-ke “Ukusiza uNkulunkulu ukwakha imisebenzi ukuze abantu nabo besebenze bedle.” Ngaphandle kokwenza umsebenzi wesonto, kodwa imali onayo icabange ukwenza umsebenzi ezokwenza ukuthi abanye abantu bedle. Kufanele ube naleyonto enqondweni yakho, hhayi ukuthi uye kuNkulunkulu uyothandaza ucele i-jackpot, ucele i-Lotto, kodwa uma ngabe uNkulunkulu ekubuze ukuthi le mali mangase ngikunikeze yona uzoyenzani, bese ubala i-luxury yakho, kodwa uNkulunkulu yena ufuna ukuthi ngalemali usize abantu bakhe.
9.Ithi “uma ngabe usebenzela uNkulunkulu, ngaso sonke isikhathi ungazibuki wena, ubuke ukuthi uNkulunkulu ungamjabulisa ngani ngalemali okunikeze yona, umbalele leyonto ozomjabulisa ngayo, uyenze. Uma usebenzela uNkulunkulu awukwazi ukuthi uhlupheke, awukwazi. Uma ngabe niyibandla, i-bandla lifana ne-charity organisation, liyi charity organisation yasezulwini ngoba abalandeli bebandla kufanele ukuthi bengalambi ngokomphefumulo, futhi bengalambi ngokwenyama.
10.Niyabona lento isafana nalento ebengiyikhuluma last week, akufanele ukuthi amalunga ebandla elambe ngokomphefumulo. Ngamanye amazwi amalunga ebandla kufanele ayiqonde indlela yokuthi uma behamba emhlabeni bazongena kanjani ezulwini befundiswe nguwe oyiNceku kaNkulunkulu, kodwa ungagcini lapho, ubuye futhi ucabange ukuthi lamalunga azophila kanjani ngokwenyama. Ngamanye amazwi iminikelo enikelwa ngamalunga ebandla, kufanele ngandlela thize ibuye ibasize nabo. Kufanele ibasize ngokuthi bebe nendlu yesonto. Kodwa futhi kufanele ibuye ibasize ukuthi ibandla lakhe imisebenzi yabo, abazophila ngayo.
11.Hhayi ukuthi ibandla lijabulele ukuthi licebile, kodwa lingeke liyikhombe into yokuthi nansi into esiyenzile ngeminikelo yethu, akufanele ukuthi kube njalo. ibandla akufanele ukuthi umuntu ethi ekholwa kodwa elale engadlile, kodwa ibandla linemali eningi elingamondla ngayo. Ikhona nje lapha lokho sikufundiswe kakhulu ingelosi. Angikholwa ukuthi emabandleni abantu abamnyama lilkhona ibandla elinakekela amalunga alo njengaleli bandla.
12.Sinenhlanhla ngoba sibuye sibe nomuntu ofana noMkhokheli, uMkhokheli uyakwazi ukuqonda umuntu ohluphekile ngisho engazange wezwa ngaye, uyakwazi, kodwa angazi ukuthi kanjani, mhlawumbe kusuke bekusho uNkosazana! Uma ngingathi abasukume abanye besho, bengaba baningi kabi abantu abashoyo lapha ukuthi uMkhokheli wavele waqhamuka nje wanginikeza R1 000 wathi angodle abantwana bami, wanginikeza R500, wanginikeza R500 wathi angihambe ngiye esibhedlela ngobona udokotela ngoba ngiyagula kakhulu. Baningi abantu abayizalukwazi lapha abangasho ukuthi njalo ngenyanga ibandla kuba khona elisinika khona ukuze zingalali sinbgadlile.
13.Izalukwazi ezilapha ziyasizakala ngomnikelo enisuke niwunikele, wedlula kubo ukuba yondle izalukwazi namakhehla. UMkhokheli akakhohlwa, unazi nonke, angazi ukuthi kanjani, kodwa nje, baningi abantu abaye bethi uma kuphele inyanga belambile, evele azi uMkhokheli, ambize umuntu amnikeze noma imali ethi akayothenga ukudla. Kodwa lokho sikufundisiwe ukuthi la esontweni, umnikelo ubasize abantu besonto, ukube mhlawumbe sibaningi kakhulu, siba nezigidi zezimali, ngabe lapha sinesikhwama nje esiqondene nabantu abahluphekile, nezalukwazi kanye namakhehla,nomfundazwe wabantwana abazintantane.
14.Lapha ekhaya siyazibheka izintandane, zikhona ezikhona Phakathi kwethu ezingenababa, ezingenamama, zondliwa libandla. Ngikhuluma ngezintandane zabazali abebe vele bekholwa lapha!
Baba khona futhi bomndeni wakwaShembe esibondlayo, ikakhulukazi kumantombazane asemadala kakhulu, nabancane uma ingelosi isitshela ukuthi asikwenze lokho. Kodwa asondli noma imuphi umuntu wakewaShembe, kodwa kuba yilowo ethe ingelosi asimsize uma wanele umnikelo. Kuba nomkhuba omubi wokuthi abanye bayaye bacabange ukuthi ngoba bengabakwaShembe bese becabanga ukuthi kumele banikelelwe, ngoba bethi ibandla yinto yakubo. Lelibandla ngelikkaMenzi wezulu nomhlaba, alihlanganise lutho nomndeni wakwaShembe! Lokho abantu kumele bekwazi!
15.Kodwa engiqonde ukukusho ukuthi ibandla liyi Charity Organisation, ibandla kufanele ukuthi libe usizo kumalunga alo, libuye libe usizo emphakathini wonke. Hhayi kumalunga alo kuphela, thina sisasiza amalunga ngoba siyibandla eliseli ncane, kodwa uma singaba nebandla elinezinkulungwana nezigidi zezimali, singabhekela inhlalakahle yabo bonke abantu.
16.Ngokwalelibandla, uma ngikhuluma ngalelibandla angikhulumi nge-NCG, kodwa ngikhuluma ngebandla lamaNazaretha kusukela kuBabamkhulu, uBabamkhulu wakubeka ukuthi lelibandla apart from ukuthi lishumayele indaba kaNkulunkulu kufanele ukuthi lisize abantu. UBabamkhulu waze wahamba emhlabeni engenayo imoto, kodwa uBabamkhulu wahamba emhlabeni ethenge imihlaba engaphezu kwamashumi amane (40 lands). Angeke ukukholwe lokho, engafundile, wathenga imihlaba engaphezu kuka 40.
17.Kodwa waze wahamba emhlabeni engazange wayithenga imoto yakhe, ehamba ngezinyawo, kodwa yonke imali ayitholayo ebandleni ethenge imihlaba, leyomhlaba leyo yayihlala amaNazaretha, belima kuyo, yayihlala izintandane, ihlala abafelokazi. Kuwumsebenzi webandla ukuthi libheke abafelokazi balo, kuwumsebenzi webandla ukuthi libheke izintandane zalo, umsebenzi webandla lowo..
18.UBabamkhulu, kwi-will yakhe wakubeka ukuthi iminikelo etholakala kulelibandla iyokwakha izikole zomphakathi, ibe nezimali zokufundisa izingane, wabala izinto eziningi iminikelo eyozenza eqondene nebandla. Kodwa lonto ayizange yenzeka, angazi noma kwayona le mhlaba engikhuluma ngayo isekhona yini. Ngoba eminye yagcina ithathwa ngabantu, enye yaba sembangweni engingazi noma isekhona yini.
19.Manje-ke ngithi umholi walelibandla, noma iNceku kaJehova kufanele isebenze njengosonhlakahle, ngamanye amazwi akufanele ukuthi ijabulele iminikelo ezocebisa yona nemindeni yayo, kufanele iminikelo iyibuke ukuthi iyichaza kanjani ukuthi isize amalunga ebandla ngandlela thize. Kuwumsebenzi wethu ukuthi sibheke ukuthi nanoma iliphi ibhizinisi enilenzayo sinelekelele Ndlela thize kulo. Uma kukhona i-land engase ibe khona, ngibe involved ukuthi ngiyithole le-land ngiyitholele amalunga ebandla, ngoba uShembe ukubhale phansi ukuthi lelibandla leli kufanele lisebenze umhlabathi. Kuwumsebenzi wethu lowo. Uma amabandla noma akwaShembe engakayenzi lento kodwa thina kufanele ukuthi siyenze ngoba ibhalwe phansi, ibhalwa uBabamkhulu.
20.Yakubeka ingelosi ukuthi lelibandla ngeke lihambe lakhela umholi izindlu. Yathi kumathempeli kokwakhiwa izindlu zesonto, hhayi izindlu zomholi. Yathi umholi uyoba ne-motorhome. Yakhuluma nge motorhome, ngangingakayazi i-motorhome uktuhi yini. Yakubeka yathi “kukhona indlu eyimoto, okofanele ukuthi umholi walelibandla eyithenge, uma eseyithengile, lapho eya khona uyofike ekhempe ngalendlu eyimoto.” I-motorhome-ke iyindlu, inayo yonke into, depending on ukuthi inkulu kangakanani, ine-dinning room, ine- lounge, ine-bed room, inekhishi, inayo yonke into, ine-tv nokunye, yonke into ongase uyicabange endlini yakho, ikhona kwi motorhome, uma uku motorhome kuyafana nokuthi usewotela.
21.Ithi-ke ingelosi “Umholi uyoba ne-motorhome” noma ngabe-ke i-motorhome ozohamba ngayo. Hhayi ukuthi la ofika khona abantu bakhona sekufanele ukuthi bakhe indlu yakhe. Indlu yakhe ayibe sendaweni eyodwa, umuzi wakhe awube sendaweni eyodwa, kuzo zonke ezinye indawo azihambelayo akahambe nge motorhome.” Ngaqala lapho ukuthenga i-motorhome, kodwa kwakungayiyo i-motorhome etheni ngoba lelibandla alikabanayo imali, kodwa nje umholi walelibandla uyoba ne-motorhome noma ngingasekho emhlabeni. Lezi zinto ngizikhulumela ukuthi noma ngabe kuthiwa angisekho emhlabeni nizazi, ukuthi mina ngathi ingelosi yathi.
22.Ngakho-ke asiyilandele lento ngoba kungenzeka ukuthi uma sengihambile mina, bese kungenzeki ngalendlela engiyikhulumayo, noma ingelosi ikhulume into bese ngithatha kancane, igcina ingaziwa. Yathi ingelosi kulelibandla umholi uyoba nomuzi wakhe owodwa bese kuthi kwezinye indawo asebenzise imotorhome, angalali ewotela, futhi engalali emzini womuntu. Ibandla liyomthengela i-motorhome kuphela.
Ithi-ke ingelosi, “ibandla lifana nohulumeni, kuvumelekile ukuthi kulelibandla ube umholi we political party, noma ube kupolitical party,” ithi “ngoba uma ngabe amakholwa angeke engene kuma political party, kohlale kwi political party kungabantu abangazi lutho ngoNkulunkulu, izwe lize libhujiswe ngabantu abangasoze baphatha izwe ngendlela yokukholwa!” “Kodwa uma ngabe kwanda abantu abakholiwe kwipolitiki, abantu abakholiwe bayofike bayilwelwe indaba kaNkulunkulu, beyilwele indaba yokukholwa, be-influence umhlaba ngendaba yokukholwa.”
Njengamanje-na nje sine ACDP, yi-Christina Movement leyo, ephethwe u-Kenneth Moshweshwe, u-Keneth Moshwe lapha ephalamende uyedwa, akanamandla atheni okuhambisa umbuso ngendlela yokukholwa nobuntu.mKodwa kuyafuneka ukuthi bebekhona abantu abasaba uNkulunkulu ePhalamende, abazoba nesibindi sokushumayela intando kaNkulunkulu nasePhalamende.
23.Njengoba ngimi phambi kwenu ngathunywa ukuba ngiqondise indaba kaNkulunkulu emhlabeni, kodwa ngikwenze nginebandla. Ibandla is a strong platform yokukhuluma indabsa kaNkulunkulu. Ukuba lalingekho lelibandla, ayikho into ebengingakwazi ukuyikhuluma izwiwe ngabantu. Kanjalo, ipolitical party I platform enye yokuqondisa izwe. Ayikho into eyipolitiki ongayikhuluma ulalelwe ngabantu ungekho ku political party. Kodwa ngalokho angisho ukuthi abantu abahambe bevula wonke amapaety ngegunya lokuthi bazoshumayela izwi likaNkulunkulu. Ngaphambi kokuba uvule ipolitical party, kumele ube ngumuntu ovuthiwe kupolitiki, ube ngumuntu oke wakhethelwa ukuba ileader kwelinye iqembu, nabantu abakwazi njengomuntu o strong ku politic njengoba kwenza uMalema. Njengoba ngingumholi webandla, nasezulwini akuvelanga kwakhethwa umuntu ongazi lutho ngokukholwa kwathiwa akahole abantu. Nangaphambili ngangivele ngishumayela kakhulu, kodwa ingelosi yafike yangiqondisa lapha nalaphaya. Baningi ke abantu ababulawa i-ambition, bese besukela into abangazi lutho ngayo ngoba befuna izikhundla!
24.Kodwa njengoba ngihlale ngisho, uShembe wathi kimi: “Wena uyimantshi kaShembe, namaNazaretha, ungacabangi ukuthi ubuMantshi ngobakho.” Wayazi ukuthi noma manje ngiseyimantshi, kodwa ngelinye ilanga ngoba ngumholi webandla, lapho ulwazi lwami lobumantshi losebenza ekukholweni. Ngakho lemfundo yobumantshi iyamsebenzela uNkulunkulu ekuholeni ibandla. UNkulunkulu usebenzise umuntu ukuba kube nebandla elizokhuluma ngendaba kaJehova, akuzange kwavele njena kwehla izingelosi ezulwini, zaqhamuka zakhuluma ngoJehova, cha, kusetshenziswe umuntu.
25.Ithi-ke ingelosi “Ibandla lifana nohulumeni. EPhalamente, kuno-President kanye nama ministers. U-president ufike ethengelwe imoto, enikezwe indlu uhulumeni, efakelwe i-furniture uhulumeni, athole ukudla uhulumeni” Ayikho into edingwa u-minister. Sengikhuluma nge minister nje ngingasakhulumi ngisho ngo-president. Indlu kuba ngekahulumeni, ibe yinhle, i-furniture, yonke le furniture lena kube i-furniture enhle. Kube nokudla okuthola nyangazonke. I-minister uma kufika izivakashi kunokudla vele okuningi okwaziwayo ukuthi njengoba uyi minister njena, uzo attend abantu, ngakho-ke nansi budget eqondene nokudla.
26.U-minister unamasudu, u-minister akazithengi izingubo zokugqoka, uzithola kuhulumeni, nokuthi kufanele agqoke kahle kanjani, kuba nabantu abaqashiwe, beqashelwe lokho, ukuze umsebenzi wakhe uhlonipheke. Kodwa lokho kwenzelwa ukuthi engahlupheki, anake umsebenzi wakhe ngokukhululeka.
Kodwa sekwenziwe lokho, ama taxpayers, kufanele ukuthi imali etholekele kubantu (taxpayers’ money) eyisebenzise ngendlela efanele. Hhayi ukuthi ufike unikezwe indlu, unikezwe izimoto, unikezwe ama security guards, unikezwe yonke, kodwa bese kuthi le mali etholakala kuma taxpayers bese futhi uyintshontsha nayo. Yonke lento lena inikezwe wena ukuze ube umuntu owethembekile ekusebenziseni i-taxpayers money. Uma kufanele abantu benzelwe umgwaqo bewuthole, besizwe uwena, uma abantu kufanele bethole amanzi, bewathole besizwe uwena, uma abantu befuna noma yini edingwa umphakathi, beyithole, besizwe uwena ngoba uhulumeni wena ukunikeze yonke into. Ukunikeze umshayeli, wakunikeza imoto enhle ephambili, wakunikeza indlu ephambili, wakunikeza ukudla okufanele u entertain ngazo, wakunikeza izingubo, wakunikeza abantu abazokugqokisa, njengoba nibona ama ministers egqoka kanjena nje, ayagqokiswa.
27.Unikezwe indlu. Imoto oyitholayo, i-instalment sayo sikhishwa uhulumeni, indlu oyitholayo instalment sikhishwa uhulumeni, at the same time futhi usubuya uyantshontsha! Ngakho ke emaphalamente sidinga abantu abamesabayo uNkulnkulu! Yikho nje uthole ukuthi nje ngaso sonke isikhathi la kwipolitiki kuyabulawana, kuze kubulawane ngisho eqenjini elilodwa ngoba laba bantu ba-after imali, hhayi ukuthi ba after ukusiza abantu.
Ithi-ke ingelosi uma nina ningena kwipolitiki, akungene umuntu oyaziyo indaba kaNkulunkulu, umuntu uyongena kwi politiki ngoba efuna ukusiza abantu ngampela, umuntu uyongena kwipolitiki ngoba efuna ukuqondisa indaba kaNkulunkulu, ngoba those are the two things that are lacking, ukuthi umuntu angene kwipolitiki ngenhloso ye ambition yakhe, kodwa engazimisele ngokusiza umphakathi, umuntu engene kwipolitiki ngoba efuina ukuzicebisa kodwa bonke laba bantu abagcwele ephalamende banjalo, abayazi nhlobo indaba kaNkulunkulu.
28.Ithike ingelosi, sinayo imvume yokuba kuma political parties, sinayo imvume yokuba sibe ngamakhansela, sinayo imvume yokuba amalunga ephalamende ukuze i-influence yethi ishintshe ukucabanga kukahulumeni. Nalapha kuhulumeni uyishumayele indaba kaNkulunkulu, ngoba ukube sinabantu abakholiwe kuhulumeni ngabe ayikho lemithetho igqugquzela i-abortion, igayism neminye imithetho ephambene nama good morals kanye nobuntu! Imithetho yase South Africa, ibole kunayo yonke imithetho yamazwe amaningi. Uma lemithetho isibaphendukela, babambe lokhu nalokhuya. Ababoni ukuthi zonke lezi zigebengu ezigcwele la e-South Africa zakhiwe yibo, abakuboni lokho!
29.Lobu bugebengu obuse South Africa, bakhiwe imithetho yase South Africa, uma ungaqondisa umithetho wase-South Africa, bungaphela ubugebengu e-South Africa. Lobu bugebengu nokungawuhloniphi umthetho e South Afrika kudalwe imithetho kahulumeni wase South Africa. Futhi ngeke bayiqede lemithetho, ngoba abanandaba naNkulunkulu, abanandaba na-Africanism engubuntu kithina! Umuntu engafike abulale abantu abawu 6, azivumele yena ukuthi ubabulele laba bantu, noma ngabe bawu 100, efike ebaqhokloze ngesibhamu befe, kodwa yena ngenke abulawe, kuthiwa unelungela lokuphila, yize abanye engababonana benelungelo lokuphila! Bese kuthiwa i-democracy, bese uyazibuza ukuthi i-democracy inhloboni, yadalwa ubani ngoba wonke amabandla abayemukeli, angithi nje sonke isintu ngenke sikwazi ukuthi umuntu engafike eedubule abulale bonke abantu, bese kuthiwa yena akafanel ukufa! Uvikelwa isilwane esibizwa ngokuthi yi democracy, kuthiwa alikho izwe eli neconstitution efana neyase South Afrika, le constitution ekuvumele ukuthi ungaphatha inyakanyaka yesibhamu, ngaso ubulale abantu abangu 100, kodwa wena angenke ubulawe!
30.Kodwa ngoba abantu abasePhalamende abazi lutho ngendaba kaNkulunkulu, iyasebenza, kodwa manje isisebenza against them ngoba abasazi ukuthi laba bantu ababavumele ukuthi bebulale abantu bazobavimba kanjani ukuthi bengababulali ngoba umuntu ufike ebulale abantu abawu 10, eboshwe, kuthiwa engabulawa. Ukuthi unikezwe isigebo se-life sentence kuchaza ukuthini, ngoba le life sentence uzobe wondliwa, futhi uma weqa ejele uyoqhubeka nokubulala abanye, uzolokhu u safe, akukho nkantolo ezokugweba intambo. Udilika-jele wenziwa into enkulu, kanti yinto engathi shu!
31..Akukho suffering ozoyithola ngokuthi ubulale abantu abawu 10 bese uhamba uyohlala ejele, ngoba vele ejele laphana abanye abantu bayaku enjoy ukuyohlala khona!
Ngikhuluma into engiyaziyo, ngibe imantshi ethetha amacala okudlwengula nokubulala, ngike ngabhekana nabantu abane life sentence, abanye nami ngabagweba i-life sentence. Isigebengu asinendaba nayo yonke lento. Yinye kuphela into ongayisabisa umuntu owenze icala elibi, ukuba naye abulawe! Nezigebengu ziyakwesaba ukufa! Ngaphandle kokuthi isigebengu ngempela sibulawe, i-life sentence ayithi shu kuso, ngoba ejele siyazi ukuthi ngenke silale singadlile, futhi sizoba yi boss laphayana. Uma ojele besihlukumeza, sizoba bopha!
32.Into kuphela engasabisa iusigebengu ukubulawe uma naso singumbulali, ngoba lokho nangokukaNkulunkulu, kulungule, nangokwanoma imuphi umphakathi kulungile.
Lokhu osekushiwo iphalamende ukuthi akulungile, kufanele umuntu ebulale noma u10 wabantu, kodwa bese yena ayohlala ejele ondliwe, enikezwe amalungelo amaningi, into nje ongayazi ukuthi uzoyithini. Ngoba phela njengamanjena iziboshwa ziyakwazi ukubopha amaphoyisa ngokuthi azihlukumezile kodwa vele umuntu osejele kufanele ahlukunyezwe, how is he going to feel ukuthi uboshiwe uma engahlukunyezwa, ngoba noNkulunkulu uma ngabe unesono ukusa esihogweni uyoshiswa? Kungani ungafanele ukuhlukunyezwa uma uboshiwe?
Isihlabelelo 203.
Wonke amaNazaretha
Makabe munye
Njengebumba
Likasimende.
33.Umuntu osebenzela uNkulunkulu, uyiNceku kaNkulunkulu, uyisisebenzi sikaNkulunkulu, ngakhoke ngaso sonke isikhathi ungakukhohlwa lokho!
Ungakuvumi ukuthi uthi uyiNceku kaNkulunkulu ebese uziphathisa okweNkosi, ungakuvumi ukuthi uyiNceku kaNkulunkulu bese ufuna ukuthi wena ukhulekelwe, wena ukhonzwe. Ulungile ukuba uhlonishwe ngoba kukhona umehluko phakathi kokuhlonishwa nokuakhonzwe. Bonke abantu bakuleli bandla uma befuna ukuthi uNkulunkulu ehlale phakathi kwabo, kufanele bazi ukuthi uma ekunika umsebenzi, esikhundleni sokudumisa yena, bese uzidumisa wena, uyasuka kuwe! Uma usukhonzwa ungumholi walelibandla usuke usubukela phansi lo okuthumile! Ngakuchaza ukuthi uma ngingena enkonzweni bese niguqa nithi Amen!, lokho nisuke ningakwenzi kimi, kodwa kwasho ingelosi ukuthi, njengoba kuguqwa uma kungena iladi, noma isihlalo, ukuguqa kwethu kumele ukungena kuka Baba iLanga esontweni, ngoba lelibandla emoyeni lingelakhe, noma ngokwasezweni abantu bazi ukuthi ngelami. Ngu Baba iLanga owathi kimi: NGAKHELA IBANDLA LIKA JEHOVA! Kungakho ke lelibandla lingelika Baba iLanga, owathi angimakhele lona, kodwa lingelakhe, lifundise UKUKHONZA UJEHOVA, LOKHO LIKUSUSELE EZIMFUNDISWENI ZIKA BABAMKHULU!
34.Ngangike ngisho, ngihlale ngisho ngithi uma ngabe ngingena nisho u-Amein, kwasho ingelosi ukuthi kushiwo kuBaba iLanga ngoba yena uhamba phambi kwami. Kodwa mina angingcwele, ngifana nani nje, nginezono njengani nje. Kufanele ningihloniphe ngoba okokuqala ngingumpristi kaJehova, ngiyinceku kaJehova, futhi ngimdala. Kodwa ningangikhonzi, ngoba uma ningikhonza, ngizokhukhumala, bese uJehova uyasuka kimi!
35.Nami ngisafuna ukuthi umsebenzi wami unconywe ezulwini, angifuni ukuthi uma ngihamba lapha emhlabeni ngifike ngithethe amacala ezulwini, kuthiwe: wanikezwa umsebenzi kaNkulunkulu, wase uzibona sekunguwe uNkulunkulu, wavuma abantu bethi unguNkulunkulu, bese ngibhujiswa njengo Herode! Ingelosi yangiyala ngalokho mhla 26 March 2011, mhla ingigcoba!
36.Ngaso sonke isikhathi kufanele ngiqaphele ukuthi njengoba ngimi phambi kwenu njena, kukhona ingelosi eningayiboni, njengoba phambi kwami kukhona uBaba iLanga, kodwa osengumoya, kuhlale kuhleli yini lokho engqondweni yami, ngiyazi yini ukuthi ngihamba nabantu basezulwini, ngakho ke nami kufanele ngibathobele noma ngingaba boni ngamehlo enyama!
37..Ngaso sonke isikhathi kumele kungasuki engqondweni yami ukuthi leli bandla NGELIKAJEHOVA, LIBANDLA LIKAMENZI WEZULU NOMHLABA! Kungaba yinto eyisilandelo nje esisesihlabelelweni samaNazaretha! Kufanele ukuthi bonke abantu bekuqaphele lokho ukuthi ayikho into enkulu edlula uJehova, uJehova ngaso sonke isikhathi kumele simbabaze, simdumise, ngoba nabangcwele abasemoyeni benze njalo. UMBUSO WAKHO MAWUZE EMHLABENI, INTANDO YAKHO YENZIWE EMHLABENI NJENGOBA YENZIWA EZULWINI! lelibandla kumele libe ngelokuqala emhlabeni ukufeza isifiso sika Yeshua!
38.Uma kokwenzeka lokho, zonke izinceku zikaNkulunkulu ezingaphambi kwami zongihalalisela, ngiyongena ngokusina emasangweni ezulu, ngohlangabezwa ngabangcwele, ngojatshulelwa nguMose, ethi ‘ mfana wami uwubuyisile umsebenzi wami emhlabeni, ngijatshulelwe nguYeshua, ethi ‘ mfana uyicacisile imfundiso engayishiya emhlabeni; ngijatshulelwe nguBabamkhulu, ethi ‘mntanami ukuvusile ubuNazaretha engabuphemba emhlabeni, wangilwela noma sebengithuka, sebeqamba amanga ngemisebenzi yami, ngijatshulelwe nguBaba iLanga, athi mfana wami ukwenzile konke engithe kwenze; ngifakazelwe ngu Hlalekleni ezulwini phambi kwabangcwele, athi, impela uMelusi wezimvu zikaShembe, wazelusa, akangiphikisanga kukho konke engangimtshela khona! Nani enihamba nami nozithola izibusiso kwelizayo, sozibona sesicambalele nabangcwele abahleli belindile!
INkosi ibusise lokho enikuzwile!