Skip to content

SINGAZIKHONZI IZITHA ZETHU

Umuntu omnyama ocabanga ukuthi ibandla likaYahusha ubuKrestu bamaRoma, hhayi ubuNazaretha bakwa-Israel, ngumuntu owafunzwa inkolo yabezizwe, kodwa ongazi lutho ngomlando wesizwe nenkolo yakhe!

Isihlabelelo 75.
1.Nkosi nika izindlebe zethu
Ukulizwa izwi lakho
Sibambe singayeki
Imiyalo yakho,
Noma sibamba liphunyuka
Singayeki.
 
2.Ngokuba ludondolo oluhle
Imiyalo yakho.
Lubanika ithemba
Abaluphetheyo.
Sibambe singayeki
Singayeki ngethemba.
 
1.Amahubo 83:3-4: “Ngobuqili benza uzungu ngabantu bakho, baceba ukulwa nabafihliwe bakho. Bathi wozani sibaqothule, bangabe besaba isizwe, negama lika-Israel lingabe lisakhunjulwa.”Amein!
 
2.Igama elithi “Israel” kwakuyigama likaJakobe onguyise wamadodana alishumi nambili agcina esezinze eGibhithe, abe esebizwa ngokuthi ngabantwana bakwa-Israel.
 
2.Sebaphuma eGibhithe, kwakuhlale kuba nezimpi phakathi kwabantwana bakwa-Israel nabezizwe, kodwa abakwa-Israel bagcine ngokunqoba.
 
3.Emva kwesikhathi abantwana bakwa-Israel bamhlubuka uNkulunkulu owayehlale ebalwela kulezi zimpi.
 
4.Ngaphambili uJehova wayekhulume kabanzi ngoMose kuDutoronomi 28, ukuthi uma abantwana bakwa-Israel bemhlubuka, uyoba yekelela ezitheni zabo ukuba zibanqobe, zibenze izigqila zabo.
 
5.Nempela emva kwesikhathi abantwana bakwa-Israel bamhlubuka uJehova, wabe esebayekelela kwabezizwe ukuba zibanqobe, abagcina ngokunqotshwa okokugcina isizwe samaRoma ngo 70 A.D, lesi sizwe saqeda nenkolo yabo kanye nobuzwe babo!
 
6.Bonke abaprofethi ababethunywa nguJehova, abakwa-Israel babebachitha, njengoba nanamuhla umuntu othunywa ukubuyisa abantu kuNkulunkulu abantu bayaye bamchithe.
 
7.Kuleli bandla lamaNazaretha, njengabo bonke abaprofethi bakaJehova babenza, uShembe wayehlale esixwayisa ngabamhlophe, esazisa nokuthi ukucindezelwa kwethu ngabamhlophe kuyisijeziso uJehova osijezisa ngaso njengoba wachaza kuDutoronomu 28.
 
8.Kodwa uJehova wabuye waseluleko ukuthi uma sibuyela kuye, lesi siqalekiso sodlula!
 
9.Namuhla ngifisa ukuba kesibuke izeluleko ezithinta abezizwe umprofethi u-Isaya Shembe owazenza kumaNazaretha eRosboom mhla ka 28 August 1933. Uthi ke uShembe:
 
10.“Fundani nizwisise kahle sizwe sakithi, NINGAKHONZI IZITHA ZENU. Leli lizwi lathi: ‘UJehova uyakunilethela isizwe sakude ekugcineni komhlaba, nolimi lwaso ongayikulizwa,’ (Duteronomi 28:49).
 
11.‘Lesi sizwe siyakudla inzalo yezinkomo zakho nenzalo yezimvu zakho, asiyikukushiyela nammbila.’ (Vesi. 51).
 
12.Nina-ke ndlu kaSenzangakhona, HLOLISISANI ENIKUFUNDAYO, NIZWISISE, NINGAKHONZI IZITHA ZENU AKHULUMA NGAZO UJEHOVA KININA EMANDULO, wathi uyonilethela isizwe sakude, (Duteronomi 28:48); kuleso sizwe niyakukhonza izithixo zemithi namatshe. (vesi 36).
 
13.Wathi uJehova kuwe, kuleso sizwe akulethele sona uyakuba isimangaliso nesiga; ukuthi isiga kusho into yokuhlekisa. Wathi futhi uJehova negama lakho liyoba elokuntela (vesi 37).
 
14.Wena-ke muntu oNsundu vula izindlebe uzwe, namehlo akho abone igama okuntelwa ngalo lapha emhlabeni, ukuthi elasiphi isizwe!
 
15.Kulentshumayelo uShembe ukhuluma ngoDutoronomi 28, ukuthi zonke izibusiso neziqalekiso uJehova owakhuluma ngazo wayebhekise kokhokho bethu, ezigcine sezehlela nasesi zukulwaneni sabo, okuyithi!
 
16.Uyaqhubeka umprofethi uthi: “Akuwena muntu omnyama na? Umuthi ongenazithelo usizani kowutshalileyo na? Uma ukukholwa kwenu kunilethela usizi, kusizani na?
 
17.UJehova wathi uyozala amadodana namadodakazi akho, kodwa awuyikuthokoza ngawo. Akashongo kuwe muntu omnyama na? (vesi 41).
 
18.Akusiwena yini ofundisa indodana yakho kahle esikoleni, ekuqedeni kwayo ukufunda, leyo ndodana yakho yathi-ke uma ibuya esikoleni, yakulandelani wena na?
19.Yake yabuya ukuzosenga izinkomo lapha ekhaya na, yake yawabamba amazinyane embuzi ukuba ancele?
 
20.Ayizange ibuye! Yahamba yaya kwesinye isizwe yayosebenzela abafazi abangesibo onina, namadoda angesibo oyise.
 
21.Lagcwaliseka-ke izwi loMlomo ongakhulumi manga, uJehova, lokuthi uyozala amadodana namadodakazi akho, kodwa awuyikuthokoza ngawo ngokuba ayakuthunjwa (vesi 41).
 
22.Namuhla intombi yakho ikhuleliswa yiNdiya liyitshinge phansi njengamafinyila, ngokuba kuyintombi yesithunjwa. Konke lokho uyakubona uphelelwe amandla ungenakusho lutho.
 
23.Ngoba AWUMKHONZANGA UJEHOVA, WAKHONZA IZITHA ZAKHO! Intombi yakho namhla ikhuleliswa umlungu ayitshinge phansi njengamafinyila, ngokuba kuyintombi yesithunjwa!
 
24.UJehova wakuyekela khona lapha ezinyaweni zezitha zakho, ukuba zikuxove zikunyathele njengesitingi (vesi 46).
 
25.Wafundisa indodana yakho, uyifundisela ukuba ihloniphe esinye isizwe, KODWA INGAMHLONIPHI UJEHOVA!
 
26.Yathi thengisa ngale nkomo yakho engazange iyeluse esibayeni sakho. Nempela wayithengisa. Yathi: ‘Baba nikelela uNzondelelo.
 
27.Awuyi buzanga ukuthi; ‘Mntanami lo Nzondelelo, uNzondelela ukwenzani?’ Awubuzanga ngani ukuthi; ‘Ndodana yami ilobu bufundisi engakufundisela bona na?’
 
28.Yasuka lapho yaya kunina yathi; ‘Mama khipha imali yenyangantathu yethikithi nemali kaHona.’ Nonina akabuzanga ukuthi; ‘Mntanami yibona yini lobu bufundisi engakufundisela bona na?’
 
29.Le mali indodana yayithatha yayibopha ngeduku yahamba nayo yonke, eyithathe kuyise nakunina, eyithathe ngobuqili eyonika enye indoda yesinye isizwe esingaziwanga oyihlo benu (vesi 36).
 
30.Yashiya unina ehlubule engembethe lutho; ayizange ibuyise lutho emzini kayise ngalobo bufundisi bayo.
 
31.Kepha uyise wathintitha konke okusesandleni sakhe mhla eyiyisa esikoleni, kodwa ayizange ibuyise lutho emzini wakhe.
 
32.Wayethi uyifundisela ukuba ibe uMfundisi kaNkulunkulu, kanti uyifundisela ukuba ibe isitha sokumhlubulisa kanye nonina wayo.
 
33.Ekuyifundiseni kwakhe le ndodana yakhe, wathengisa ngocansi lwakhe, efuna imali ukuba le ndodana yakhe iye esikoleni iyoba umfundisi kaNkulunkulu.
34.Kodwa iyabuya lapho isizothatha imali kunina, iyonika lo mfazi ongaziwayo, wesinye isizwe, ongazange ayihluphekele ngalutho.” Amein!
 
35.Ekufikeni kwengelosi yangimangalisa uma ithi isizwe sakwa-Israel yithina bantu abamnyama balapha e-Afrika. Ngaleso sikhathi ngangingakayitholi lentshumayelo yomprofethi.
 
36.Kulapho ngaqala ukwenza ucwaningo olunzulu ngobuzwe bethu, ngagcina ngithola ukuthi ngempela ithina esingabantwana bakwa-Israel.
 
37.Lokhu kukodwa kwakuveza amaqiniso anzulu ngobuqili bobakheka kwenkolo yobuKrestu nguConstantine, nokuthi lombusi wamaRoma wayiqeda kanjani ngama Creeds inkolo yamaHebheru eyayiholwa nguMoshe! Kodwa okwanamuhla angikhulumi ngalokho
.
38.Okokuqala kwachithwa umprofethi wethu uYeshua Ha Ma Shiach ozalwa nguMaria noJosefa, base besakhela uJesu Krestu okwakungu Cesare Borgia, sekuthiwa nguye uJesu uMsindisi!
 
39.Iningi lamaKrestu lifundile, abanye bangodokotela bezenkolo, kodwa uma ubheka indlela lamaKrestu acabanga ngayo, uvele ungaqondi ukuthi kuthi laba bantu bengathatha lenkolo yabezizwe bese bemfunzwani, ngoba nomuntu othi uhlakaniphile uvele ebe yinkinga nje!
 
40.Ukunikeza isibonelo: Kucaciswe kahle eBhayibhelini ukuthi usuku lokubuya kweNdodana yomuntu alaziwa ngisho zingelo, noYeshua akalazi, laziwa nguYahuwa kuphela! 
 
41.bese uxakeka ukuthi lolusuku olungaziwa ngisho uJesu, bona sebelwazi kanjani?
 
42.Usuku lokubuya kweNdodana yomuntu lufana nosuku lokufa kwethu. Akekho ke umuntu owazi usuku lokufa! Abanye abantu ukukholwa kuyabasanganisa!
 
43.Lokhu kusangana kwalamaKrestu kuyisifo esifanayo nesalama Nazaretha alanda umuntu emgwaqeni, amgcobe, bese bethi usenguNkulunkulu.
 
44.LamaKrestu ungawezwa ehleka lama Nazaretha aseno nkulunkulu olandwe emgwaqeni, kodwa okuseqinisweni lapha usifumbu ubona uqhaqhazela!
 
45.Yini nje eyehlukile phakathi kwamaKrestu anosuku lokubuya kukaJesu ozobalanda, nama Nazaretha alanda umutu ezidlela insangu, bese bethi ungunkulunkulu? Konke kuyidimoni elizifihle ngokukholwa!
 
46.Ngaphambi kokuba uthi uYahushua uyabuya ukuzolanda ibandla lakhe, kunezinto eziningi okumele uzicacise! Lo Jesu ozobuya ngabe uCesare Borgia, oliNtaliyane, noma ukhululuma ngo Yahusha Ha Ma Shiach ongumprofethi wakwa-Israel nongumuntu omnyama?
 
47.LoJesu iliphi ibandla oyobuyela kulo? Ngabe libandla lamaHebheru elasungulwa nguMoshe noma libandla lamaRoma elasungulwa ngu Contstantine?
 
48.Umuntu omnyama ocabanga ukuthi ibandla likaYahusha ubuKrestu bamaRoma, hhayi ubuNazaretha bakwa-Israel, ngumuntu owafunzwa inkolo yabezizwe, kodwa ongazi lutho ngomlando wesizwe nenkolo yakhe!
 
49.Mina ngingumNazaretha,kodwa ngiyazi ukuthi kulesi sikhathi samanje umprofethi wamaKrestu othunywe nguJehova, ngu Sister Celestial! Ngiyakwazi lokho ngoba ngiyalwazi ulimi lukaNkulunkulu! UmKrestu ophika uSister Celestial ilomKrestu onemfundiso yabe zizwe ngo nkulunkulu, akazi lutho ngenkolo kaJehova!
 
50.Kade ngilalele inkulumo yalomprofethikazi kaJehova, u Sister Celestial, ngamangala ukuthi konke okushoyo yilokhu esikufundiswa yingelosi nesasikufundiswa ngumprofethi u-Isaya Shembe ngo Dutoronomi 28!
 
51.Kodwa kunamaKrestu akuphikayo lokhu, bathi amaJuda ilaba belungu abasezweni lakwa-Israel ahlukumeza amaPalestine ngesi hluku esi mangalisayo! USiste Celestial uthunyelwe e-Amerika, lapho naye ongowakhona.
 
52.Uma echaza ngoDutoronomi 28, lomprofethikazi uthi: “…uyadinga ukufunda uDuteronomi 28 uma ungumuntu omnyama e-America. I-America iyizwe lesiqalekiso sabantu abamnyama base-America.
 
53.Umehluko ngomuntu omnyama wase-America ukuthi yena usesezweni lokuthunjwa kwakhe!
 
54.Abase Jamaica manje iJamaica ilikhaya labo! Nabase Haiti nabo isingeyabo manje iHaiti. Abantu base DR nabo isingeyabo!
 
55.Abanye abantu abangama-Israel kwezinye izindawo amazwe abakuwo asengawabo manje, nakuba babelethwe lapho beyizigqila; sebethokozela impilo yabo la bekhona!
 
56.AmaJuda asala emazweni awo, ayawabusa lawo mazwe emva kokuzitholela ozimele geqe, (njengabantu base South Afrika) asezizweni zakubo, nakuba kungenzeka ukuthi awasaphelele njengoba amanye athathwa ayiswa ekuthunjweni, njengamaNegro.
 
57.I-America iyaqhubeka nokuba yinkambu yezigqila njengalokhu kungekho bantu abamnyama nabomnsinsi wokuzimilela e-America, asebe nqobile, ngoba isystem ibacindezele.
 
58.Bayaqhubeka nokucindezelwa, kanti namathuba okuphucula izimpilo zabo ayindlala. Lokhu kubangwa ukuthi isystem yayivele yakhelwe khona ukucindezela umuntu omnyama.
 
59.UDuteronomi 28 unamavesi awu 68, kodwa awu 14 kuphela asho nje okuthile okuhle, akhuluma ngezibusiso nempumelelo, lawa asele awu 54 aqondene nje noNkulunkulu ekushaya uze uvale amehlo ngenxa yokwehlulwa, uze uwe phansi uyindoda onqotshiweyo.
 
60.Ukuze uqonde ukuthi ukuphi, bheka izikhathi ezedlule, esikhundleni sokulokhu uhamba ukhononda ngesimo sakho!
 
61.Lezi ziqalekiso zazibhekiswe kokhokho bakho abazemukela base bezedlulisela kuwe njengalokhu wena wawusesiswini sabo mhla benza izono, nawe wabe usuchithwa, usujeziswa!
 
62.Kuze kube namuhla usahlushwa yiwo lomphumela wokona kokhokho bakho. Awazi ukuthi sakufica kanjani lesi siqalekiso!
 
63.Usesikhathini sokungaphumuli wena Juda; njengebhongo lengonyama uyabhonga, ufuna ukulahla ijoka ukuze ukhululeke.
 
64.Kodwa ngaphambi kokuba wenze konke lokho, kufanele uphenduke; kufanele uhlale phansi enhlabathini ususe izibopho entanyeni yakho (Isaya 52).
 
65.Lezo zibopho akuzo lezi oboshwe abamhlophe ngazo, kodwa lokhu kungenxa yesono sakho, intamo yakho elukhuni!!
 
66.Kungenxa yabesifazane bakho abanendelelo, abangaqeqeshiwe emakhaya, abasho zonke izinto ezimbi kimi lapho ngifundisa ngeBhayibheli ongaliqondi nokuliqonda!!
 
67.Qembu lika TikTok, wozani la ngaphambili, ngikhuluma nani! Nivamise ukuthi, ‘lokhu akuzwakali ukuthi kungakhulunywa uNkulunkulu!’
 
68.Nazi kanjani, zihlakaniphi ndini? Sisezikhathini ezibalulekile emlandweni; kuyeza ukubuthwa kwabantu!! Iyeza i-Exodus yasibili, ukubizelwa ndawonye kwabahlambulukileyo kwa-Israel.
 
69.Angisho abahlumbulukileyo ngokwegazi; ngisho abangenakusolwa phambi kukaNkulunkulu, labo abathobekileyo ngokwencwadi kaDaniyeli isahluko 9, abazisolayo njengokuka-Ezekeli 39 noma 40 lapho abantu babekhala khona ngoba sebebona ihlazo ababekulo lokudumaza uNkulunkulu!!
 
70.Anizazi lezi zinto!! Ku-Ezekeli 16 uNkulunkulu ukhuluma ngabantu abagwiliza egazini labo ngoba engekho owabageza wabahuqa ngosawoti mhla bezalwa!!
 
71.Laba aba khononda ngezi mfundiso okuthatha isikhathi eside zilungiswa, bafana nabavimba uhele lwabantu ababuyela kuNkulunkulu, ngoba vele bethwele iziqalekiso zamavesi awu 54 kaDuteronomi 28!!
 
72.Zonke iziqalekiso ziyokwenzeka kuwe njengalokhu zibalwa kusukela ku vesi 15 kuya kwelika 68!!
 
73.Emzini uyokhishelwa eceleni komgwaqo ngokungathi kuhlolwa isimo sakho sokugcina imithetho yomgwaqo, kodwa uhlohlwe ngezinhlamvu zesibhamu kungabi ndaba zalutho!!
 
74.Ensimini uyoxinwa, ubanjwe uze ubulawe ngokulengiswa phambi kwesixuku sesitha sakho!!
75.Njengoba kuthiwa umkhombe wesinkwa sakho uyokoma, wena ulambe, uyothi uma uqala ibusiness livele lingaphumeleli, uze uhambe uyogunda izinwele zamaNtaliyane!! Bayobulala abantwana bakho.
 
76.Bayokwakhela uzungu nakuphi la uyoya khona. Negazi lakho bayolifuna nakuba sekufanele ubelethe, futhi bakubelethise ngokukusika nakuba kungenasi dingo!!
 
77.Wena uyothi ke ‘kuyitulo,’ yebo kuyilo!! Iqhinga akusilo icala, kodwa ukungazi kwakho yikho okuyinkinga!!
 
78.Uzolokhu ubheka la kwi internet, uncoma idolobha labamnyama elake ladlondlobala, kodwa lase lishiswa!! Yebo lashiswa ngoba vele konke ozama ukuba nakho kuqalekisiwe!!
 
79.Akukho okuvela ezeni nje; ngeke uze uyibalekele le ncwadi!! Izokubusa noma ngabe uyayifunda noma ngabe awuyifundi; iyona nkinga ke leyo!!!
 
80.Ungayifunda kodwa ungayiqondi, kodwa okuyibona bantu abayifunda ngokuyiqonda yilabo uNkulunkulu abapha isihumusho sayo uma beyifunda.
 
81.Noma ungazama miphi imizamo yokwenyuselwa kwezinye izikhundla emsebenzini, kodwa ngeke uphumelele!!
 
82.Noma abanye bethunyelwa eParis ukuba bayofunda amakhono athile, wena ngeke uye ndawo ngoba kuyothiwa ubaluleke kakhulu ukuthi ungadedelwa uhambe njengabanye!!
 
83.Ngokwamazwi ale ncwadi, uma ungakwazi ukusiphula iDNA yakho kuwe, mhlawumbe ungasinda emazwini ale ncwadi!!
 
84.Uyobhubha ngokushesha ngenxa yobubi bezenzo zakho, lokhu umhlubukile uYahuah!! Nani enise-Afrika ngikhuluma nani; sondelani!
 
85.Umuntu okuthandayo uyokutshela iqiniso nokufanele ukwenze nokufanele ungakwenzi!!! Lolo ke uthando; akusiyo inzondo noma umhobholo. UNkulunkulu nguye osho la mazwi; awashiwo yimi!! Uwasho ngoba ekuthanda!!
 
86.Izifo ezinhlobonhlobo ziyokuxina zize zikufice, zinamathele kuwe uze ubhujiswe!! Zonke lezi zifo zamanje nazo zivela ngenxa yalezi ziqalekiso!!
 
87.Noma uthi uyalima, kuyoba nesomiso, isibhakabhaka sibe njengethusi, kungamili kudla kokutshalileyo uze ubhujiswe!!
 
 
88.Zonke lezi zinhlupho zabehlela abasendulo bakaw-Israel njengalokhu zisasehlela nathi namuhla!!
 
89.Ungaphumi uye empini uma uhleli esonweni, ngoba ngeke ubuye uphile; kuyokwenzeka njengalokhu kwenzeka emadodaneni kaMpristi u-Eli afela empini phakathi kuka-Israel namaFilisti.
 
90.Ukubulalelwa ize kwabase-America kuluphawu lokufulathelwa uNkulunkulu, umzimba wakho awuyekele ezinyonini zezulu ukuba ziwudle.
 
91.Le yindlela eyesabekayo uNkulunkulu akhombisa ngayo ukukucanukela, inyama yakho ichofozwe zinyoni zasendle kodwa kungabikho ozihebezayo!!
 
92.Ayikho indlela uNkulunkulu angakhombisa ngayo ukukwenyanya ngaphandle kwayo le, isidumbu sakho ngenke singalondolozwe ethuneni eline headstone enegama lakho njengomuntu oke waphila lapha emhlabeni!!
 
93.Ukuba ubungabuya uzobheka isidumbu sakho, kodwa usithole sidliwa yilo lonke uhlobo lwezinyoni nezilwanyana, kanye nanezinja uqobo, ubungaqonda ukuthi uzondiwe impela ezulwini!! Amein!”
 
94.Lenkulumo ka Sister Celestial ifakazela isililo sikaShembe ngempi kaDingane namaBhunu mhla ethi:
 
95.Ngaleyo mini amalawu ezinsizwa nawabanumzana, aphenduka abamnyama kusemini, imithango yamacansi ayendlalelwa izinsizwa nabanumzane awa phansi emgibeni, akhuluma ngezwi njengomuntu, Athi: ‘sesiyokwedlalwa ngubani.’
 
96.Iqhele elihle laba lobokazi bakithi, laphenduka laba mnyama, abazali bezi nsizwa baphenduka baba nesibibithwane.
 
97.Amakhosikazi amadala, onke izinyembezi zampompoza emehlweni awo, omunye wabuza komunye ethi: we masibani bani kwenze njani, nomunye wambuza ekhala, bengazi ukuthi kwenze njani.
 
98.Kwezwakala izwi elikhulu embusweni wezulu, limemeza izinyoni zomkhathi, lithi: PHUMANI NIYOKUDLA INYAMA YABANGALILALELI IZWI LIKA JEHOVA! PHUMANI NIYOKUDLA OKUCEBILEYO KWESIZWE SIKADINGANE!”
99.Kodwa njengaye uSister Celestial, uthi uShembe konke lokhu kwaliwa ezulwini kwadalwa ukuhlubuka uJehova!
 
Kusihlabelelo 120 uShembe uthi:
100.South Afrika vuka
Zokhele izikhuni zakho
Zisondele zonke izizwe
Ziwothe Umlilo wakho.
 
101.South Afrika vuka
Ulibase iziko lakho
UJehova uThixo wakho
 
102.Akunike elakho iziko.
 
103.Asikho esinye isisekelo
Kuwena Afrika
UJehova kuphela
Oyisibani sakho.
 
104.Ngiphelele
Liyophuma bengathandi
Ilanga lakho Afrika
Zolotha zonke izizwe.
Njengoba washo uBabamkhulu isiyaqala ukukhululeka i-Afrika!
 
Inkosi ibusise izwi layo!

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *