Skip to content

INDODA YOMEMO LWEZULU

Uyaqhubeka uBaba iLanga ekhasini 159 uthi, uShembe wathi: “Noma ngihamba bantabami, angazi ukuthi ngiyaphi, kodwa ngazi ukuthi ngiya kuNkulunkulu.

39.Noma uNkulunkulu ungibeka elangeni, noma enyangeni, noma phezu kolwandle, noma ezintabeni zaseNtshonalanga, noma eMpumalanga, lapho engiyobe ngikhona ngiyolokhu nginikhumbula nje! Angiyikukhathala, angiyikudinwa, angiyikuphela amandla.

1.Imini yesabatha ayibenhle kwabangcwele. Isihloko salenkonzo sithi: iNdoda yomemo lwezulu.
 
2.Esikhathini esiphambili ngesikhathi somthandazo ka 12 ebusu ngangithola umama evuka ebusuku ehlabelela ebe eluka ucansi.
 
3.Lokhu kuhlabelela kwangithinta kakhulu ngaze ngakhala. Ekuseni ngase ngibuza ukuthi yini umama emkhumbuzayo ngoBabamkhulu?
 
4.Uthi ke umama: “Ngelinye ilanga sasise Velabahleke oNgoye kumakhaza, wangibiza uBabamkhulu, ewayesethi angimbasele umlilo othe, nempela ngakwenza lokho.
 
5.Njengenhlala yenza, uBabamkhulu wabe engazange alale ubusuku bonke elokhu eshaye ugubhu ehlabelela. Wabe esethi kimi:
 
6.“Mntanami yini sengathi awuphilile?” ngabe sengithi: “Baba ngiyagula, ngivukwe yisifuba.” Wathi uBabamkhulu: “Awuguli mntanami, kodwa ukhumbule ekhaya.”
 
7.Ngamangala ukuthi uBabamkhulu usho ukuthini ngoba lapha eVelabahleke kusekhaya.” Wabe esethi umprofethi: “Angisho kini, kodwa ngisho ekhaya kithi.”
 
8.Uthi ke umama, ngathula, wabe esethi:“Mntanami, sengiyahamba ngibuyela kithi. Kodwa nginovalo lokuthi uma ngikushiya uzosala uhlupheka kakhulu. Uyafuna ngihambe nawe siye ekhaya kithi?”
 
9.Uthi ke umama: “Ngavele ngashawa uvalo, ngoba ngangazi ukuthi uBabamkhulu akasiye owakulomhlaba. Ngase ngithi: “Baba, ngiyesaba ukuya kini.”
 
10.Wasethula, esethi: “Kulungile sesohlangana eNhlangakazi.” Kwakungu December 1934.
 
11.NgoJanuary 1935 umama waba futhi eNhlangakazi. Kuthe sekuvalwa umhlangano uBabamkhulu wambiza futhi umama, esethi:
 
12.“Mntanami, uyakhumbula ukuthi ngathini kuwe eVelabahleke. Ngithanda ukuhamba nawe siye kithi, ngoba ngibona ukuthi uma ngikushiya uzosale uhlupheka kakhulu. Kodwa angikuphoqi ukuba uhambe nami.”Ngathula angamphendula.
 
13.Uthi ke umama:“Sengiyazisola ukuthi ngenqabelani ukuhamba noBabamkhulu, ngoba vele emva kwakhe ngahlupheka kakhulu!” Angikhulumi kodwa ngalokho.
 
14.Lendaba ngiyikhunjuzwa ngumfundisi uMhlongo waseGinyezinye lapho ebeshumayela khona ngezimanga zikaBabamkhulu.
 
15.Uthi uMhlongo uBabamkhulu wabe ehamba namaNazaretha sebelambile, amaNazaretha ase ecosha imali, ajabula kakhulu athi okusho ukuthi uNkulunkulu uyabona ukuthi balambile.
 
16.Base sebeyisa kuBabamkhulu, bethi ngalemali sebezothenga ukudla.
 
17.UBabakhulu wafike wathi: “Bantabami, asikwazi ukuyisebenzisa lemali, ngoba lapho ekhona umnikazi wayo uyakhala kakhulu ngokulahlekelwa yimali yakhe, ihambiseni ephoyiseni liyibuyisele kumnikazi wayo.”
 
18.Uthi umfundisi abantu bajabha kakhulu ngoba basebethi uNkulunkulu usebalethele ukudla!
 
19.Kwathi futhi ngelinye ilanga amaNazaretha ehamba noBabamkhulu, balamba kakhulu, base bebona inkopholo ngaphandle kwayo okwakuchithwe ukudla.
 
20.Wafike wathi uBabamkhulu abakukuqoqe lokhu kudla okuchithiwe; wakuwasha, kwaqala yena ukukudla, namaNazaretha abe eselandela ekudla!
21.Ayikho ke into eyayizondwa nguBabamkhulu njengokuchitha ukudla, ngisho owakhe ubhatata wayewudla namakhasi, engavumi ukuba uhlutshwe.
 
22.Akakho umuntu owayehlonipha njengoShembe futhi uBabamkhulu waye thanda kakhulu abantu bonke.
 
23.ESouth Coast kwaba nempi phakathi kwamanye amakholwa namaNazaretha, kodwa anqotshwa lamakholwa, alimala kakhulu.
 
24.Kwathi sekuse nkantolo kuzothethwa icala, uBabamkhulu wahamba wayothenga izinkwa, wafike wazinika nalamakholwa eyelwa nabo, badla besutha, yize bebe kade belwa nalama Nazaretha umprofethi owabe engumholi wabo.
25.Njengoba sisho uShembe wabe engumuntu othobile kakhulu, futhi ezehlisa, ungenke ubone ukuthi ngumholi webandla.
 
26.Kwakhiwa umuzi waseKuphakameni wayezibambela ekwakhiweni, naye etholakale ethwele izingoqo njengabantu bonke.
 
27.Sekuqedwe izindlu ezintathu, kwathi sekuyolalwa watshela amakhosikazi namakhosazana ukuthi akangene kulezi zindlu alale, yena walala egcekeni ngaphansi kwezihlahla.
 
28.Ukucabangela ibandla kunaye, noBaba iLanga waqhubeka nalesi senzo. Yena ke wayenayo imoto yokuhamba.
 
29.Uthi u-anti umaMpanza kwathi besuka eMkhayideni ngezinyawo, uBaba iLanga wehla emotweni wahamba ngezinyawo wathi imoto ayigitshelwe ngamakhosazana. Sabamangalisa lesi senzo sikaBaba.
 
30.Ayikho into uShembe owabe eyithanda njengamaNazaretha. Ekhasini 127 lwencwadi ka-Advocate Mnyandu ethi IZINTSHUMAYELO ZENKOSI ILANGA, iNKosi iLanga ithi:
 
31.“UShembe esezohamba emhlabeni wembatha ingubo yamasaka, wathi: “Nkosi, ngitshele uma ngihamba lapha emhlabeni, laba bantu bazosala babe yini emva kwami?
 
33.Akuyikungena utshwala eKuphakameni; akuyikungena ugwayi eKuphakameni, akuyikungena izingulube na?
 
34.Abayikugcwala yini onondindwa eKuphakameni, abayikugcwala yini abathakathi eKuphakameni, aliyikuphulwa yini iSabatha, abayikuyilahla yini lemvunulo engibanike yona, lokhu kusina engibafundise khona akuyoba yinto yokusina izidakwa na?”
 
35.Uthi Baba iLanga: “Uthe uma umlungu engibuza ngoBaba, ngathi, cha into yinye engangiyibona ngoShembe, ngangingaboni ukuthi nguBaba, ngangibona isilwanyana nje esivela ezulwini.
 
36.Kodwa lesi silwanyane sinothando. Ngisho ethule, wawuye uzwe ukuthi lomuntu uyangithanda, noma ekhuluma nawe uzwe ukuthi lomuntu uyangithanda, akazenzisi.
 
37.Wayethi uma ethi “Mntanami, kube mnandi yonke indawo; kube sengathi nezono zakho zonke ziphelile, zathethelelwa, nempela kunjalo.”
 
38.Uyaqhubeka uBaba iLanga ekhasini 159 uthi, uShembe wathi: “Noma ngihamba bantabami, angazi ukuthi ngiyaphi, kodwa ngazi ukuthi ngiya kuNkulunkulu.
 
39.Noma uNkulunkulu ungibeka elangeni, noma enyangeni, noma phezu kolwandle, noma ezintabeni zaseNtshonalanga, noma eMpumalanga, lapho engiyobe ngikhona ngiyolokhu nginikhumbula nje! Angiyikukhathala, angiyikudinwa, angiyikuphela amandla.
40.Nezono zenu zingenke zingivimbele, ngiyonikhumbula ngothando lwami olungapheli.
 
41.Uyaqhubeka uBabamkhulu uthi: “Bantabami, uma ngiphakathi kwenu nginjengomfazi onabantwana,
 
42.Noma umntwana ebulele umuntu, unina akaze abona, noma umntwana ebile, noma umntwana enjani, unina akaze ngabona.
 
43.Ngilindile ukuba loluthando lwenu nilwembathe nonke. Ngilindele ukuthi mhla nifika esangweni lomuzi ongcwele, uma ningqongqoza nithi: “Baba, sivulele, ngiyonivulela!
 
44.Ngoza nengubo yami endala enkulu ngiyembethe, noma eyesikhumba, noma yamasaka, bese nginifaka lapha ngaphansi, nginifukamela, nginithwale ngingene nani.
 
45.Uma bebuza abasezulwini bethi: “Shembe uthweleni, wamkhulu kangaka namuhla?” Ngothi, cha Nkosi, impahla yami.” Akukho namunye oyobuye angiphenye. Kodwa lokho ngokwenza kwabangangisoli, kwabangangihlubuki!” Amein!
 
46. Ngohambo lwakhe lokugcina laseNyakatho, bahlwelwa ezintabeni zaseNtshongweni kwaMhlab’uyalingana, base belala khona lapho namaNazaretha.
 
47.Ngoba kwakusemahlathini anezilwane eziyingozi, uBabamkhulu akalalanga, wahlala wabheka amaNazaretha aselele ekhathele, washaya ugubhu lwakhe ehlabelela kwaze kwasa.
 
48.Kubasiwe, yena ngokwakhe wangena ehlathini watheza izinkuni zokuvuselela umlilo; ekwenza lokho amaNazaretha eselele ubuthongo entabeni ekhathele.
 
49.Efika eMseleni kwesikaMbazini wafica sekunabantu abaningi abamlindile, wangenisa inkonzo, washumayela. Eqeda inkonzo wavula inkonzo yokuthandazela abantu, wabathandazela. Kodwa lamaNazaretha ahamba nawo abe sekhathele kakhulu engasakwazi ngisho ukuhlabelela. Sikhuluma ngesimanga somuntu!
 
50.Wahamba emhlabeni esethenge imihlaba engaphezu kwa 43, ewuthengela abafelokazi nezintandane ukuze zondliwe ngawo, kodwa yena engenamoto, ehamba ngezinyawo!
 
51.Wenza iWill, ebizwa nge Protoco 293, owathi ngomnikelo kuyothuthukiswa ibandla ngokwakha izindlu zesonto, ibuye yakhe izikole, yelekelele ekufundiseni abantwana bamaNazaretha!
 
52.Konke lokhu kwenziwa ngumuntu ongakaze angene ngisho esikoleni. Eminye imihlaba yayihlala amaNazaretha, kulinywa kuyo! Angazi noma isekhona yini leyonto njengamanje!
 
53.Wayefuna ukwakha indlu yesonto, kodwa uhulumeni nezimishini bamenqabela, bathi leli akulona isonto, kodwa inhlangano yezomshoshaphansi esebenza njengesonto!
 
54.Kwathi ibandla seliholwa yiNkosi iLanga wayakha indlu yesonto eKuphakameni. Wathi uhulumeni uyamxakazisa, kwasiwana ezinkantolo, wathi uBaba iLanga indawo yaseKuphakameni ithengiwe, ngakho ke unelungelo lokwakha noma iyiphi indlu endaweni yesonto.
 
55.Base behlulekake ukuyisusa, kodwa indlu yesonto nensimbi yagcina eKuphakameni, namanje iyonandlu amaNazaretha aziqhenya ngayo, ngoba kusukela kuyinkosi uSolomoni kwaba yindlu yesibili emhlabeni eyakhelwa uJehova njengoba uJehova ephakathi kwalesi sizwe sakwa-Israel.
 
56.NoBaba iNyangayezulu yahamba emhlabeni ilungiselela ukwakha indlu yesonto eBuhleni. Yayisikhona iplan yayo eyayidwetshwe ngabelungu. Ngendlela leplan eyayidwetshwe ngayo yayiyizo faka wonke amaNazaretha kuyo.
 
57.Yayizoba nezinsika eziningi, bese phezulu iba nemipheme efana nemiphemme yezimoto, futhi ikwazi ukukhuliseka ngangokukhula lwebandla!
 
58.Kodwa ekuhambeni kweNyangayezulu, iphupho lwendlu yesonto lase liyanyamalala!
 
59.Kukho konke lokhu uBabamkhulu owayekwenza, wayefundisa thina ukuthi uma unikwe ukuba uphathe umsebenzi kaNkulunkulu kufanele uziphathe kanjani, abantu bakaNkulunkulu ungabenzi abakho.
 
60.Ngaso sonke isikhathi uBabamkhulu wayazi ukuthi UNGUMELUSI! Mina ke ingelosi ayingifihlelanga, yavele yathi UNGUMELUSI WEZIMVU ZIKASHEMBE INKOSI ILANGA!
 
61.Ithi kimi ingelosi: “Ungazifundisi ukuba ube ngumthwalo ebandleni, ibandla libe lingatholi lutho kuwe ngaphandle kokuthi likukhonze ngeminikelo. Konke okwenzayo ubuke ukuthi uBabamkhulu wayezani kumaNazaretha
 
62.Uma ungumholi webandla usuke uyisisebenzi sikaNkulunkulu, ungabe sekuba nguwe uNkulunkulu, kukhonzwe wena! Ungazicebisi ngeminikelo yabantu, kodwa wena sebenzise iminikelo ukuthuthukisa ibandla!
 
63.Uma uhambela amabandla, yiba nemoto eyodwa kanye ne Caravan, uma kungasiyo icaravan ube nalemoto eba yindlu, imotohome.” Ngangingayazi imotorhome, kodwa ngayitshelwa yingelosi.
 
64.Uthi ke lomuntu wasezulwini: “uma une caravan uzokwazi ukuthi noma ukumuphi umhlangano ulale kule Caravan, kunokuba ulale emahotela, noma uhambe wakhelwa imizi yonke indawo. Sebenzisa iminikelo ukondla izintandane nabafelokazi, uthuthukisa ibandla noma ngayiphi indlela.
 
65.Ngelinye ilanga ingelosi ithi: “Uma uNkulunkulu enganipha uR40m ningawenzani?” Sase siyachaza ke izinto eziningi. Uthi ke lomuntu wasezulwini: “Akunjalo, uNkulunkulu akamniki umuntu imali njengokwenza komubi.
 
66.Ngendlela kaSathane uma ufuna ukuba yisicebi kungaphela inyanga unayo yonke imali oyifunayo, ube yisigwili, ngoba uSathane uyashesha ukukunika okufunayo, kodwa ekugcineni imphumela walokho yisihogo!
 
67.Ezulwini imali iyasetshenzelwa, ayivele iwe phezulu njengamana! Uma uthola imali, ubobuza kuNkulunkulu ukuthi ngalemali ufuna ukuba umenzeleni uNkulunkulu, ngoba ngaso sonke isikhathi uNkulunkulu ukunika imali ukuba ngayo usebenzele yena, hhayi ukuzicebisa wena.
 
68.UNkulunkulu uyahlupheka, ngoba noma imuphi ohluphekile ubikela uNkulunkulu, kodwa uNkulunkulu akasebenzi ngemilingo njengoSathane, ukukusiza, uyaphuma ehambe ekufunela okucelayo, ekuthole noma engakutholi ngaleso sikhathi.
 
69.Ngakho ke uma uthola imali ubovula amabhizinisi, wakhe imisebenzi ukuze abantu bakaNkulunkulu basizakale ngawe, bazondle.
 
70.Yikho uBabamkhulu wayethenga izindawo ezingi; ngazo ondla izintandane nabafelokazi. Nawe ke kufanele uhambe ezinyaweni zoMqali wendlela yokukholwa kwethu, uzame ukulandela umprofethi!
 
iNkosi ibusise izwi layo!

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *