Ungabovilapha ukunikela ngenkathi usaphila. Ubokukhuthalela kakhulu, ngoba kuyinto eseduze noNkulunkulu kunezinto eziningi ongase uzenze.
Futhi kuyinto enkulu kakhulu uma wazi ukuthi uNkulunkulu
Isihlabelelo 243.
1.Hamba kahle, Baba wethu
Usikhumbule Nkosi yethu.
Laph’ uya khona.
Chorus: Amein, amein, Nkosi yethu.
2.Silileleni, bantu nonke
UJehova usishiyile
Sisebumnyameni.
Chorus.
3.Ukwenama, kuphelile
Buya Baba, buya Nkosi
Siyakukhumbula.
Chorus.
4.UJehova, usizwile
Ibuyile iNkosi yethu
Siyabonga.
Chorus.
5.Jabulani, bamthandayo
Isililo nobumnyama
Sekuphelile.
Chorus.
6.Sibongiseni, zingelosi
Ngokubuya kweNkosi kithi
Sithi halala!
Chorus.
1.Namuhla sisesi khumbuzweni seNkosi iLanga. INkosi iLanga yazalelwa entabazwe, eHarrismith, mhlaka 27 th July 1904 yasishiya emhlabeni mhla ka 19 December 1976, kusho ukuthi yahamba emhlabeni ineminyaka engu 70 ngoba yaqala ukuhola ibandla ineminyaka engu 30.
2.Amagama akhe agcwele ngu Galilee Johannes Shembe, kodwa wayevame ukubizwa ngo Galilee Shembe.
3.Waqala ukufunda eNatal, wenza uMaric eManzimtoti, uB.A nobuthisha wabenza e Forth Hare University.
4.Waba nguthisha khona eMnzimtoti College, wagcina esenguPrincipal kuyo le College. Wayeka ukuphatha le College ngawo u 1935 emveni kokuhamba emhlabeni kwayise umprofethi.
5.INkosi iLanga kwakungumuntu owayengafani nabantu ngezindlela eziningi, emuhle kakhulu, kodwa futhi esabeka, enamehlo ahlabayo; isikhathi esingi ehlale ethule.
6.Uma evula umlomo ngaso sonke isikhathi wayekhuluma ngokufundisa.
7.Noma sasizazi izimangaliso zakhe, kodwa mhla efihlwa, izikhulumi kwakuyizifundiswa ezakhula naye, yize zazingwona amaNazaretha, zona zamchaza kangcono ukuthi kwakunhloboni yomuntu.
8.Uthi uProfesa uNgcobo babefundisa eManzimtoti, okwathi iNkosi iLanga isingu Principal, kwaminza ingane esizibeni esikoleni.
9.Uthi baya kuThishomkhulu ukombikela ngesehlo esesenzeke esikoleni, kodwa yena wavele wazithulela waqhu beka nokwenza lokho owayekwenza. Babuka ukuthi unenhliziyo elikhuni lomuntu!
10.Emva kwesikhathi babona lomfundi ephuma eqhasha esizibeni, wabe, esebuza ukuthi uphi uthisha omkhulu. Bamtshela ukuthi use-office lakhe.
11.Lomfundi wabe esethi njengoba ephuma esizibeni ukhishwa nguye uthishomkhulu, kade enaye ngaphansi kwamanzi.
12.Othisha baya ukomtshela uPrincipal ukuthi lomntwana usephumile esizibeni, futhi uthi ukhishwe nguye uthishomkhulu. Wabe esephendula uShembe ethi: “Kanti beningibikela ukuthi ngimenzeni?” Isikole sonke sasala sididekile ukuthi inhloboni yomuntu lena!
13.URev. Dr Sikhakhane wase Mgungundlovu wathi bafika bengabafundisi abane bezotsheleka eNkosini iLanga imali yokuqedela ukwakha indlu yesonto.
14.Emva kwesikhathi base bebuya bezoyibuyisa, kodwa babuya bengasaphelele, base bexolisa ukuthi omunye umfundisi akezanga ngoba usesibhedlela uyagula.
15.Wabe uShembe esephendula ethi: “Ningazihluphi ngalowo ngoba akasekho emhlabeni, nangu edlula lapha.,” esho ekhomba esandleni sakhe.
16.Uthi ke umfundisi uSikhakhane bathi uma bebuyela emuva, bafika bathola ukuthi umphefumulo womfundisi uphume ngesikhathi uShembe ethi: “Nangu edlula lapha!” Nabo baxakeka ukuthi kanti inhloboni yomuntu lena!
17.Njengoba ngike ngikuveze, mina iNkosi iLanga yaqala ukuziveza kimi kusukela ngo 1972 ngifunda eDlangezwa High School, ngalesokhathi yayisaphila.
18.Ngo 1973 kwasuka isiteleka esikhulu eDlangezwa High School, nami ngiphakathi kulesi siteleka sabafundi.
19.Kwathi ebusuku sitadisha, ngabona kuvela isithombe somuntu odongeni njengoba sivela kuTV.
20.Ngabona ukuthi uBaba ilanga, ebukeka ethukuthele. Ngashawa uvalo ngase ngiphuma ngiya etoilet lapho engangivame ukuthandaza khona.
21.Ngaguqa ngithi ngiyathandaza, ngamuzwa esekhuluma khona lapha etoilet, wabuza ukuthi ngizihlanganiselani nalesi siteleka.
22.Wathi: “Uyazi ukuthi othisha basengozini yokufa, kodwa bengasindiswa nguwe, ngoba uwena wedwa umNazaretha kulesi sikole?”
23.Khona lapho ngavele ngaba semoyeni, ngabona zonke izinto ezazizokwenzeka esikoleni, ngibona abafana abadle insangu begijima isikole sonke bezingela othisha.
24.Kwathi uma idlula lento ngabuyela eklasini, kodwa ingqondo yami ididekile, ngicabanga ukuthi mhlawumbe ngingenwa ukuhlanya!
25.Kwathi ngo 8 ebusuku kwavele kwacisha ugesi, kwathi zonke lezi zinto ebengizibona esibonakalisweni, ngazibona sezenzeka ngempela, abafana abadle insangu begijima isikole sonke befuna othisha.
26.Ngase ngibona ukuthi kanti angihlanyi, khona ebengikuboniswa. Kulapho ngabuyela etoilet ngothandazela ukuthi labothisha bevikeleke.
27.Sesedlule isiteleka sodlame, kodwa abafundi abavumanga ukubuyela emaklasini.
28. Ngangiyaye ngithi nami ngisahleli nabafundi, bese ngimbona uBaba iLanga esedlula phambi kwami, bese ngisukuma ngibashiye behlezi ngibuyele eklasini. Bese ngilandelwa ngabantwana abasindisiwe, nabo abangasasi thandi lesi siteleka.
29.Ngelinye ilanga abafundi banquma ukuthi sonke esesingateleki, sesibizwa ngezimpimpi ukuthi sishawe. Ngatshelwa nguSibisi.
30.Wabe esethi uSibisi asishiye isikole socasha kweminye imizi yamakholwa. Ngamphendula ngathi: “Ingani niyaye nithi nisindisiwe, uJesu akazukusivikela ngani kulaba bafundi?
31.Ngase ngithi: “Mina ngihamba naloNkulunkulu owavikela oShadrack noMishack no-Abednego esithandweni somlilo.
32.Ngihamba naloNkulunkulu owavikela uDaniel emlonyeni wezingonyama. Mina ngihamba naloNkulunkulu owashaya ulwandle lwehlukana Phakathi bawela kulo abantwana bakwa-Israel! Ngakho ke angisoze ngabalekela abantwana abangenwe ngumoya omubi!” Wathula uSibisi wangibuka, wasuka wangishiya. Vele ke empilweni yami ngangingakwazi ukubaleka!
33.Ngakusasa ngathola ukuthi uSibisi nalabantwana abasindisiwe sebebalekile esikoleni, sengisele ngedwa!
34.Ngo 3 ntambama abafundi babuthana, behlabelela izingoma zomzabalazo beza kimi, kuthiwa angibulawe ngoba ngiyimpimpi enkulu!
35.Ngangena endlini ngalala embhedeni wami ngathula ngathi du, kwabuya ulaka engangingalwazi ukuthi luvelaphi. Ngazibuza ukuthi bazongishaya kanjani? Bathi sebengenile endlini yami, owabe ebahola wavele wama, wabe esethi: “Gents, akusiye uMpanza lona!”
36.Washo ehlela ebaleka. Bamemeza abanye bathi: “No it’s superstition!” Kodwa besho nabo behlehla bebaleka!
37.Angazi ukuthi babonani, kodwa babaleka bonke bangishiya ngizilalele endlini. Ngiyasola ukuthi babona yona iNkosi iLanga ngoba yiyo eyayilokhu ifika kimi!
38.Kusukela lapho ngisho abafundi engangihleli nabo babaleka lapho sasilala khona bayolala kwezinye izindawo, ngasala ngedwa, abafundi sebengesaba behambela kude nami!
39.Lesi simo sangidida kakhulu ngisho sengiqedile esikoleni. Ngingazi ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi umuntu olapha emhlabeni eqhamuke kimi ngingalele, efike angivikele ezitheni zami?
40.Kufanele amaNazaretha kaNkulunkulu azi ukuthi uma ungumNazaretha uhamba naloNkulunkulu owayehamba noShadrack, oMishack no-Abednigo kanye noDaniel!
41.Kodwa konke lokho kwenzeka uma uba ngumNazaretha ohamba ngokwezimiso zikaJehova!
42.Ukufika kwengelosi izohlala nathi sekuyisiwombe sesibili uNkulunkulu esibonisa ukuthi singabakhethiwe ezulwini! Lokho singakubukeli phansi!
43.Namuhla ke ngikhethe ukuveza kafuphi izimfundiso zeNkosi iLanga ngoShembe uBabamkhulu nezobu Nazaretha njengenkolo yethu.
44.Ku-ISambulo 19:11-16 kuthi: “Ngase ngibona izulu livulekile: Nanto ihhashi elimhlophe nogibele kulo, obizwa ngokuthi oThembekile noQinisileyo, uyahlulela, futhi ulwa ngokulunga.
45.Amehlo akhe anjengama langabi omlilo, ekhanda lakhe kukhona imiqhele eminingi, enegama elilotshiwe elingaziwa muntu, ngaphandle kwakhe uqobo.
46.Wayembethe ingubo ecwiliswe egazini; igama lakhe nguLizwi kaNkulunkulu. Amaviyo empi yasezulwini amlandela, egibele amahhashi amhlophe, embethe ilineni elicolekileyo.
47.Emlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali, ukuze ashaye izizwe ngayo.
48.Uyakuzibusa ngentonga yensimbi, Yena anyathele isikhamo sewayini lentukuthelo yolaka lukaNkulunkulu uSomandla.
49.Engutsheni yakhe nasethangeni lakhe kulotshwe igama elithi: INKOSI YAMAKHOSI NOMBUSI WABABUSI. Amein!”
50.Ingelosi yakhuluma ngalencwadi, yabe isithi:“UJohane lo owabe embona kwakuyiNkosi iLanga.”
51.Iyaqhubeka ingelosi ithi: “Nina ninenhlanhla ngoba nithandwa yiNkosi iLanga, ngoba ukuthandwa yiNkosi iLanga kuyefana nokuthi uthandwa nguNkulunkulu, ngoba ezulwini akakho umuntu ongaphikisa okushiwo yiNkosi iLanga Amein!.”
52.Ekhasini 82 lencwadi ka-Advocate Mnyandu ethi IZINTSHUMAYELO ZENKOSI IlANGA, iNkosi ilanga yakhuluma kanje:
53.“Akukho muntu ongavela onjengami nje anikhiphe nina endleleni kaShembe. Uma ngithi onjengami ngisho ngoba kuyaye kuthiwe ngingumholi wama Nazaretha, kepha angisiye! Umholi wenu uShembe kuphela! NgoShembe uBaba iLanga wayesho uBabamkhulu!
54.Kodwa akukho muntu ongavela athi phambukani endleleni kaShembe; noma ikomiti lamadoda, ibandla labefundisi,
55.noma yinina nonke njengoba nihlangene lapha, aninakuveza umthetho ophambene noShembe, ngoba lelibandla akusilo elabantu, akusilo elomuntu, elasezulwini.
56.UShembe lo owaphemba lobu buNazaretha wayengesiye umuntu, wayevela ezulwini, engaqali ukufika lapha emhlabeni.
57.Wayefike ayiphembe lento esibuthene ngayo, ayishiye, acabange ukuthi izosala ilunge, bese emva kwakhe kuvela abantu abanjengami nje, abaye bathi bangabaholi, bengenawo uMoya kaShembe, bese beyiphambukisa lento, sebeyiphendula ngobuthakathaka babo.
58.Uma ngifuna ukweba bese ngifuna amavesi angivumelayo ukuba ngebe, uma ngifuna ukuphinga bese ngifuna amavesi angivumelayo ukuba ngiphinge, uma ngifuna ukuphuza utshwala bese ngifuna amavesi angivumelayo ukuba ngiphuze!
59.Ziningi izincwadi ezithi umuntu akaphuze utshwala adakwe uma ethanda, kodwa akusiyo indlela kaShembe leyo; uShembe wathi ningakuphuzi utshwala.
60.Futhi akukho muntu owake wakhuluma into enjalo emhlabeni ngaphambili.
61.UJesu noMose abazange bayikhulume indaba yotshwala. UMose wathi nje uma ungumNazaretha ungakuphuzi utshwala.
62.Kodwa uShembe wathi ungabuphuzi utshwala uma uthanda ukuba ngumntwana kaNkulunkulu kusukela ekuzalweni kwakho uze ufe.
63.Emveni kwami mhlawumbe kungase kuvele amabhoxongwana acabanga ukuthi ahlakaniphile kunoShembe, anifundise ukuthi utshwala kulungile. Ningakuvumi lokho.
64.Akusiyo into esindayo ukuba nilwe, nigwazane noma nibulalane uma kuvela imfundiso enjalo, ngoba iyabuchitha ubuNazaretha!
65.Ngisho njalo kini, ngithi kungase kwenzeke ukuthi kusasa nithole umfundisi oyisidakwa, ophuzayo; ikakhulukazi kulaba bafundisi abancane.
66.Kodwa ke ningakuvumi lokho; ningangabazi uma lowo mfundisi ephuza noma ebhema, nimcishe encwadini yenu; nimkhiphe aphele, ngoba ukuphuza kuyimpande yazo zonke izono.
67.Kuthiwa imali iyimpande yesono, yebo kunjalo, kepha mina ngithi ukuphuza impande yazo zonke izono; imali iza kamuva, zonke izono ziqala ngokuphuza utshwala. Amein!”
68.Lentshumayela iyadinga ukuvuselelwa, ngoba ingumgogodla walelibandla.
69.Futhi njengoba sekunamabandla amaningi akwaShembe asephumile endleleni yokukholwa, kumele njalo sihlale sizikhumbuza ukuthi uShembe wathi umuntu ukuze ethi ungumNazaretha kumele aziphathe kanjani.
70.Okokuqala uBaba iLanga ukucacisile ukuthi kuleli bandla silandela umthetho owashawa nguShembe uBabamkhulu.
71.Akakho umholi ongaqhamuka esechitha umthetho kaBabamkhulu ovuselela umthetho kaNkulunkulu!
72.Singawushintsha umthetho oyi tradition, ngoba kusuke kunesizathu esithize esenza umprofethi alandela usiko oluthize!
73.Kodwa asikwazi ukushintsha umthetho lapho uBabamkhulu wayevuselela khona umthetho kaJehova.
74.Kulelibandla iNkosi iLanga yagcizelela kakhulu ngesono somNazaretha ophuza utshwala! Uthi uBaba iLanga, lelibandla ngelasezulwini, umnikazi walo nguNkulunkulu kuphela.
75.Ngakho ke wonke umuntu ongumNazaretha kumele azi ukuthi uma sekunomholi othi unguNkulunkulu, nosethi leli bandla noKuphakama ngokwakhe, noma ngokwebandla lakhe, usuke engenwe ngumoya kaSathane ngoba ubangisa uNkulunkulu!
76.Ithi iNkosi iLanga: “Akukho muntu ongavela onjengami nje anikhiphe nina endleleni kaShembe. Uma ngithi onjengami ngisho ngoba kuyaye kuthiwe ngingumholi wamaNazaretha, kepha angisiye! Umholi wenu uShembe kuphela! Amein!”
77.Njengamanje ibandla lama Nazaretha selinabaholi esebethathe indawo kaBabamkhulu ngenkani, osekuyibo abalawula konke ngalelibandla; sebethi ngelabo!
78.Iseluleko sami ngesokuthi singasuki ezimfundisweni zeNkosi iLanga ngesimo sobuNazaretha!
79.Iyaqhubeka iNkosi iLanga ekhasini 81-82 ithi: “Kodwa uKuphakama lokhu akusikho okwenu, akusikho futhi okukaShembe lo obonwayo. okukaNkulunkulu, okukaShembe osezulwini, okukaShembe owakuqalayo lokhu kuhamba.”
80.Nansi iNkosi yasemaQadini kanye namakhosi akhona lapha. Wona lamakhosi abantu ngababo.
81.Njengoba silapha nje singabenkosi yaseMaqadini. Uma sikwenye indawo singabenkosi yakuleyo ndawo.
82.Kodwa nina eyenu iNkosi ayibonwa, nguNkulunkulu kuphela. Ayikho enye. Ngakho nilibambisise lelo lizwi noma nini, noma singasekho thina emhlabeni, nikhumbule ukuthi ubuNazaretha lobu, nalomuzi waseKuphakameni akusikho okomuntu! Amein!”
83.Uyagcizelela uBaba iLanga ukuthi ubuNazaretha akusikho okomuntu, ngokweNkosi engabonwa, ngokuka Nkulunkulu!
84.Uthi uBaba iLanga lelivangeli lokuthi lelibandla ngelikaNkulunkulu silishumayele ngisho yena engasekho emhlabeni; njengoba senza nje lapha eNCG!
85.UBaba iLanga wabuye wakhuluma kabanzi ngkubaluleka kokunikela esusela endabeni kaMonoa etholakala ekhasini 26 lalencwadi kaMnyandu, lapho ethi:
86.“Uthi ke uManowa kulomfazi wakhe: “Siyakufa nokufa ngokuba simbonile uNkulunkulu, besithi lo ngumuntu wasemhlabeni kanti umuntu wasezulwini.
87.Lomfazi uthi: “Cha uma uNkulunkulu ubethanda ukusibulala ngabe akawemukelanga esandleni sethu umnikelo wokushiswa nomnikelo wempuphu, futhi ngabe akasibonisanga konke lokho.”
88.Likhulu kakhulu lelo lizwi elikhulunywa ilomfazi, elithi: “Ukuba uNkulunkulu ubethanda ukusibulala ubengenke awamukele umnikelo wethu.”
89.Kungakho ngiye ngithi abantu abangavilaphi ukunikela, ngoba ukunikela kudlula konke okukhona ekukholweni, ngoba kusuke kuyinto oyisebenzile ngegazi lakho nangesi thukuthuku sakho.
90.Uma umnikelo uwubekile phambi kwaNkulunkulu wawemukela, akukho muntu ongakwephuca wona; futhi njengoba nihlale nisho, baningi abantu asebafa.
91.Abanye bafa uShembe engakabi bikho, abanye bafa uShembe esekhona, kodwa abazange bayinaka lendaba kaShembe.
92.Abanye beze kini bathi: “Sisizeni ngokusinikelela, ngoba ngenke sikhululeke uma singanikelelwana.”
93.Ungabovilapha ukunikela ngenkathi usaphila. Ubokukhuthalela kakhulu, ngoba kuyinto eseduze noNkulunkulu kunezinto eziningi ongase uzenze.
94.Futhi kuyinto enkulu kakhulu uma wazi ukuthi uNkulunkulu uyawemukela umnikelo wakho.
95.LoManowa wayebheke ukuthi njengoba lomuntu uvela ezulwini, ukhulumelani nathi, ngakho ke sizokufa.
96.Umfazi uthi ‘cha’ singenke sife ngoba uwuthathile umnikelo wethu, wasemukela, futhi wasibusisa, pho singafa kanjani?
97.Into eyasifundisa yona ingelosi ngisho siseseBuhleni ukuthi njalo uma sicela into kuNkulunkulu, sikhiphe umnikelo.
98.Awuyi kuNkulunkulu uyobika noma yini ungawuphethe umnikelo. Sifundiswe kakhulu yingelosi ngokunikela noma sicelani kuNkulunkulu. Senza njalo namhla sicela ukuba sivikeleke esifweni iCovid 19! Nempela savikeleka!
99.Iyaqhubeka iNkosi iLanga kwenye intshumayelo ithi: “Nina niyingubo kaThixo okuthi uma nihlangene ngeNhlangakazi, ngamadokodo nangoJuly uNkulunkulu ayembathe kathathu unyaka umunye.” Njengoba sizohlangana nje ngoJanuary!
100. “Manje laba abathi lomuzi awuphele abasho ukuthi lengubo uNkulunkulu uzoyembatha ikuphi ngoba akeyembathi uma nihlakazekile noma nisemakhaya; uyembatha njengoba nibuthene nindawonye phambi kwakhe.”
101.Njengoba iNkosi iLanga isichazele, uma sihlangene ukukhonza uJehova, Yena uba phakathi kwethu!
102.Inkosi iLanga yabuye yasiyala ngokuthi uma ungumNazaretha ungejwayeli ukuzihlanganisa nabantu ababhemayo abaphuzayo nabadla izingulube. Yakhuluma kanje:
103.“Sinjalo isono, nobuhle bunjalo. Isono uyasithola uma ungumNazaretha ujwayelana nokugudlana nabantu bakagwayi notshwala.
104.Uma futhi ujwayelana nabantu abadla ingulube uyalithola leliphunga okungenzeka mhla udlula emhlabeni bese umiswa endleleni kuthiwa njengoba ungowaseKuphakameni nje leli phunga walithathaphi?
105.Bese kutholakala ukuthi ubungumuntu ojabulayo uma uphakathi kwezidakwa kanye nababhemayo.”
106.Ekhasini 126 lapho esixwayisa ngokuphuza ngesikhathi esizayo okungase kutholakale kumaNazaretha,
uShembe uthi:
107.“Kulula kabi maNazaretha, ikakhulukazi kumuntu onjengami, njengomuntu othandwa ngabantu bonke ukuba nginifake etshwaleni. Ubani ongangivimbela uma ngithanda ukuba niphuze utshwala?
108.Uma ngithanda ukuba nidle ingulube ubani ongangivimbela? Anize ningayicabanga leyonto? Mina ngiye ngikucabange ukuthi emuva kwami koba njani?
109.Nosala nifuye izinja noma nosala nidle amatshwala noma nosala nidle izingulube. Nithi kungenzeke lokho? Kungenzeka!”
110.Yingakho ngihlale ngithi funani abefundisi abanoMoya kaShembe. Noma bebancane ngeminyaka nibafundise, namakhosikazi nawo engaba abefundisi. Kodwa nifune abefundisi abanomoya kaShembe.
111.Yize benezono, ngenke kodwa beyifake ingulube lapha eKuphakameni. Ngenke futhi bayifake inja notshwala lapha eKuphakameni!
112.Akengibuze kini. Uma namuhla ngiqala ngiphuza utshwala noma ugologo, noma obesizulu, ningabanjani nina?
113.Bangaki abangasala kini bengaphuzi? Ngingaqale ngibuthukuse utshwala ilanga elilodwa.
114.Kodwa ngelinye ilanga ngithi uma ngifika phakathi kwenu nibe senibona ukuthi uBaba namuhla unomusa kakhulu, nokuhamba kwakhe uyakubona nje ukuthi kunjani!
115.Utshwala ke lobo! Uma wenza isono usifihla siyathanda ukuba sivele obala. Kobe sekuyachitheka uKuphakama, kungabe kusaba khona. Njengoba sekuchitheka nje!
116.UShembe ke wabe elindile ebuza kuNkulunkulu ethi: “Nkosi, njengoba uthi angize kuwe, emuva kwami kosala kube njani?
117.Wahlala izinsuku ezilishumi elindile, engadli, nabamlethela amanzi okuphuza awabeke kude aphume azithathele wona aphuze. Wayehluphekela thina!”
INkosi ibusise enikuzwile.