Umlando uthi itheology yokuthi uJesu wasifela izono yavela sekwedlule iminyaka engu 1000 uJesu engasekho.
KuJudaism imfundiso-nkolo ithi uJesu wafa as a martyr and not as a sacrifice!
Isihlabelelo 180.
1.Wozani nonke zizwe
Selibasiwe lelo ziko
Ziyalotha zonke izizwe
Yizani badingayo.
2.Bamenywa wozani
Ifa lenu livuthiwe
Nikhalelani niliphethe
Sekwanele lidlenini.
3.Lincishwa abangalithandi
Abalithandayo wozanini
Amasango alelo lifa
Avulelwe thina.
4.Lelo lifa ligciniwe
Ligcinelwe nina
Izulu nalomhlaba
Lalingakabi bikh olona.
SINGABANTWANA BOPHEZUKONKE.
1.UJehova ku Dutoronomi 14:1-3 uthi: “Ningabantwana bakaJehova uNkulunkulu wenu; aniyikuzisika, ningawaphuculi amakhanda enu ngenxa yabafileyo.
2.Ngokuba ningabantu abangcwele kuJehova uNkulunkulu wenu.
3.UJehova unikhethile nibe yisizwe senzuzo yakhe ngaphezu kwezizwe zonke ezisebusweni bomhlaba.” Amein!
4.Mhlawumbe ngenxa yokuthi abantu abamnyama abakho ngaphansi kwenkolo yabo njengesizwe sakwa-Israel, abakuqondi ukuthi kubaluleke kangakanani ukuba yisizwe esingcwele, siyinzuzo kaNkulunkulu phezu kwezizwe zonke.
5.Ngaphambi kokuba ngichaze kabanzi ngalokho, ngifisa futhi ukubonga, ngibabaze umusa kaNkulunkulu ukuthi kulesi sikhathi samanje kukhethwe leli bandla laseNCG ukubhala iBhayibheli.
6.Uma umusa kaNkulunkulu wehlele kithi, wasenza sakwazi ukubhala incwadi ezofundisa umhlaba ngaye, lokho kumele sikubonge, sikubabaze njalo.
7.Yasifundisa lokho ingelosi, yathi asofana nenkosi uDavide, sihlale simbonga, simdumisa uJehova kukho konke osenzela khona; ngoba nesezulwini uJehova uhlale edunyiswa!
8.Ngathi isizukulwane esizayo sesiyoba nokuyiqonda indlela yokukholwa okwamukelekile ezulwini.
9.Njengoba kwenza uMoshe nabaprofethi bakwa-Israel; lapha eSouth Afrika lelivangeli ngokukhonza UJehova latshalwa nguShembe; nathi-ke siyabonga ukuthi uNkulunkulu asikhethe ukuba yingxenye ekwandiseni izwi lakhe!
10.Ngithe namuhla akengichaze kahle lesi simanga uNkulunkulu osenzele sona, kodwa futhi engaqali!
11.Ngijwayele ukuchaza ukuthi cishe ngangineminyaka engu 13 noma 14, ngifunda cishe uStd 2 noma 3 ngilele, khona lapho ngabona incwadi enkulu ngaphezu kweBhayibheli, kuyo kubhalwe ukuthi IBHAYIBHELI LAMANAZARETHA.
12.Ngajabula ngaze ngaphimisela ngathi “Hawu kanti namaNazaretha aseneBhayibheli?” Kwase kuvela izwi lithi: “UNGAJABULI, NGOBA LELIBHAYIBHELI LOBHALWA NGUWE!”
13.Leli phupho aledlulanga engqondweni yami, ngakhula nalo, ngazama ukubhala izincwadi eziningi, kodwa azaba liBhayibheli engaliboniswa.
14.Ngomunye unyaka ngiseseBuhleni ngaqoqa izifundiswa saya entabeni soxoxa ngokubhalwa kwaleli Bhayibheli, kodwa konke lokho kwabuye kwabhuntsha.
15.Ngo August 2006 kwafika kithi ingelosi, kwathi ekuqaleni kwaSeptember yathatha umfundisikazi uMaNxumalo yayongena naye emfuleni, wazibona esephumela ezweni ongalazi.
16.Kuleli lizwe wahlala nabantu abangamaJuda izinsuku ezingu 7 eboniswa izinto eziningi, ezinye esesazichaza.
17.Kodwa uMaNxumalo uthi ngelinye ilanga ingelosi yahamba naye, wasebona inqola, phakathi kuyo kunamadoda amathathu, nawo ayebukeka sengathi ayisizwe samaJuda, emahle kakhulu.
18.Kulamadoda amathathu kwase kuphuma enye iphethe ibhuku elikhulu; yafika yalinika umfana osengathi wayeneminyaka engu 12.
19.Lomfana walithwala ekhanda lelibhuku, ehamba ewa nalo limsinda, kodwa ehamba ekhipha ikhasi nekhasi lalencwadi elinika abantu.
20.Abanye belithathe lelikhasi belifunde bese beyoma eduze kwalenqola, kodwa abanye bamhleke, bamdudule aze awe phansi, belithathathe ikhasi baliklebhule.
21.Waqhubeka lomfana nalelibhuku elalimsinda ehamba amakhasi alo ewanika abantu, abanye bewathathe bawafunde, abanye bawathathe bawaklebhule, bamhleke kakhulu.
22.Ngaleso sikhathi umaNxumalo akachazelwanga lutho ngalento uNkosazane owayembonisa yona.
23.Ngo 2010 ingelosi yafika nomyalezo wokuthi uthi uBaba iLanga angisungule ibandla elizofundisa indlela eyiyo yokukhonza uJehova.
24.Selikhona lelibandla, ngo 2014 yafika futhi kithi ingelosi, yabe isithi manje sekuyisikhathi sokuba sazi konke lokhu umaNxumalo owakubona esemanzini.
25.Ithi ke ingelosi: “Lawa madoda amathathu owawabona ehamba ngenqola kwakungamakhosi aseKuphakameni, uMprofethi, iNkosi iLanga neNkosi iNyangayezulu.
26.Lo owaphuma enqoleni wanika lomfana ibhuku elikhulu wathi akalithwale, kwakuyiNkosi iLanga.
27.Lo owaphuma enqoleni wabe esevalelisa ehamba, kwakuyiNkosi iNyangayezulu. Lo owasala enqolweni kwakungu Babamkhulu, umprofethi.
28.Lomfana owayethwaliswa ibhuku yiNkosi iLanga kwakunguye lo uMelusi; lelibhuku okwakuthiwa akalithwale kwakungukwakheka kwalelibandla likaNkulunkulu!
29.Laba okwakuthi uma sebelifundile ikhasi bese beya enqoleni lapho kwakuno Babamkhulu khona kwakungabantu abathi uma belizwa lelivangeli uMelusi alithunyiwe, bese bephenduka bekholwa. Ababemthuka bemhleka ilama Nazaretha namanje asekhona!”
30.Emva kokuthi ingelosi isichaze kanje, ngabe sengiyakhohlwa ileliya phupho lami leBhayibheli, ngacabanga ukuthi leliyaBhayibheli engangilibona lalichaza lelibandla okuthiwa angilisungule.
31.Manje ngimangele ukuthola ukuthi njengoba ngihlale ngishumayela, amalunga eNCG aseziqoqile lezi zintshumayelo zami, zaba ileliya Bhayibheli engalibona ngisemncane.
32.Ngenkathi ibandla lilihlanganisa leliBhayibheli angizange ngazi, ngize ngazi ngawo nje lonyaka seliphelele. Leli phupho labe seliyafezeka! Lesi isimanga esingethuse kakhulu!
33.Ngithi angiphinde ngibabaze amandla nemfihlo kaNkulunkulu ukuthi kuthiwe ngobhala iBhayibheli lamaNazaretha, leliBhayibheli ligcine libhaleke ngempela, linezahluko namavesi njengawo wonke amaBhayibheli.
34.Sithe igama laleliBhayibheli: ITESTAMENTE LOMOYA ONGCWELE, ngoba okokuqala sibuke ukuthi uma sithi liBhayibheli lamaNazaretha, amanye amakholwa azocabanga ukuthi liBhayibheli lakwaShembe, kanti incwadi yanoma imuphi umuntu olikholwa.
35.Noma abanye sebengithuka ngalo, besho lokhu nalokhu, kodwa mina ngaleli gama angichazi ukuthi imina uMoya ongcwele; kodwa ebengikuchaza ukuthi uJesu wathi emva kwakhe kovela uMoya ongcwele ozoqhuba ivangeli lakhe ngokukhonza uJehova.
36.Ingelosi efike yahlala nathi inguMoya ongcwele, leliBhayibheli lifezeke ngokufika kwayo yazohlala phakathi kwethu, yashumayela ngoJehova njengoba kwakwenza bonke abaprofethi abayendulelayo!
37.Labo ke abakuphikayo ukuthi sihamba nengelosi, asinakuba phoqa ukwamukela abangafuni ukukwamukela!
38.Ngithi nisibongise kuNkulunkulu ukuthi lokhu yafika ingelosi uNkulunkulu ubonisile kithi ukuthi USIKHETHILE UKUBA YINZUZO YAKHE PHEZU KWMABANDLA ONKE OMHLABA!
39.KunamaNazaretha ahlale engihlasela ngokuthi mina uma ngishumayela ngiyaye ngigxeke amaNazaretha aseBuhleni kanye namaKrestu.
40.Ngithi lento namuhla angiyichaze kahle ukuze labo abafuna iqiniso balithole, abangalifuni ke akukho lutho nami engingalwenza!
41.AmaKrestu amaningi akholiwe ngempela, kodwa abanalo ulwazi lwento abayikholwayo. Encwadini kaHoseya uJehova uthi: “Abantu bami bayabhujiswa ngokweswela ulwazi…”
42.Lokho kusho ukuthi akufanele uvele ukholwe noma yini ngaphandle kokuthi okukholwayo ukuhlole ukuthi kuyikho yini, ngoba uma ukholwa yinto engemukelekile, uNkulunkulu uyakujezisela lokho. Lesi isexwayiso esivela kuye uNkulunkulu!
43.Thina ke saba nenhlanhla yokuthi kuthunyelwe kithi ingelosi ukuba izosifundisa izinto eziningi abantu bomhlaba abangazazi, kanti ngaphandle kwalokho, mina ngokwemvelo ngingumuntu okunakekelayo ukufunda.
44.Okuseqinisweni amaKrestu anolwazi oluncane kabi ngenkolo yabo. Isikhathi esiningi abakwazi ukulandeli ubuqiniso bento ngisho ibhalwe eBhayibhelini abaliphethe!
45.Lapha ngizoveza izinto ezikholwa ngamaKrestu, kodwa ezingalona iqiniso.
46.UYahusha, eBhayibhelini obizwa ngoJesu, wayeliJuda, engaphansi kwenkolo kaMoshe; waze wafa engaphansi kwalenkolo, futhi wabulawa yiwo amaJuda.
47.Kodwa amaKrestu akakwazi ukwahlukanisa phakathi kwenkolo kaMoshe, okuyinkolo yamaHebheru, nobuKrestu okuyinkolo yamaRoma.
48.UJesu wabethelwa ngo 33 A.D kungakabi bikho ubuKrestu, ngoba ubuKrestu basungulwa ngu Constantine oliRoma ngo 313 A.D.
49.Kodwa amaKrestu ayaye athi ubuKrestu inkolo eyasungulwa nguJesu! Bathatha noma yini abayitshelwa ngabezizwe!
50.UJesu wayengumholi wamaNazaretha ayebizwa ngokuthi ngamaNazareens, lokho kuyavela kancane naseBhayibhelini, kodwa amaKrestu akakwazi lokho, athi uJesu wasungula ubuKrestu!
51.AmaKrestu athi iSonto lusuku lwesithathu uJesu efile, UJesu kuthiwa wavuka ngosuku lwesithathu, kodwa uma ubala kusukela ngolwesihlanu kuya eSontweni akuzona izinsuku ezintathu!
52.UMaria kuthiwa akakhuleliswanga nguJosefa, wakhuleliswa nguMoya ongcwele, kodwa uPaul kwabaseRoma1:3-4 uthi “MAYELANA NENDODANA YAKHE EVELA OLIBENI LUKA DAVIDE NGOKWENYAMA(Biologically), KODWA OBIZWE NGENDODANA KANKULUNKULU NGAMANDLA NGOKOMOYA WOBUNGCWELE NANGOKUVUKA KWABAFILEYO, UJESU KRESTU INKOSI YETHU.”
53.UPaul uthi uJesu wazalwa ngokwenyama, wabizwa ngendodana kaNkulunkulu ngamandla obungcwele nangokuvuka kwabafileyo.
54.Lencazelo siyinikwa nguPaul ohlale ecashunwa ngamaKrestu, kodwa lencwadi angenke beyicaphune ngoba iphambana nenkolo yamaRoma ethi uJesu wazalwa ngomoya, bekususela ekuzalweni kuka Tamuz abathi uzalwa nguNimrod unkulunkulu welanga!
55,Inkolo yobuKrestu ingesiphambano, kodwa uJesu akakaze abethelwe esiphambanweni, ngoba wayengaphansi kwenkolo yamaHebheru.
56.Kulenkolo umuntu wayebethelwa emthini njengokushiwo kuDutoronomi 21:22-23, hayi esiphambanweni.
57.UPetro owayekhona kubethelwa uJesu kuMatewu 5:30 uthi uJesu wabethelwa emthini. Isiphambano yinto entsha ngisho ebuKrestwini, kodwa kumaKrestu inkolo yabo inamathele esiphambanweni, okuyinto engahlangene noJesu!
58.Lapha ngikhuluma ngezinto ezingafihlekile ngisho eBhayibhelini, nongadingi ukuthi uze wenze ucwaningo ezincwadini zomlando ukuthola ubuqiniso bayo.
59.Akuludingi ucwaningo ukwazi ukuthi uJesu wayeyinzalo yamaJuda, eliJuda, futhi engaphansi kwenkolo kaMoshe!
60.I-Common sense iyakutshela ukuthi ubuKrestu inkolo yamaRoma, okuyisizwe esimhlophe, futhi namaKrestu ayazi ukuthi ziningi izinto eziphambene nokukholwa kuJehova ezenziwa ngamaRoma.
61.Kodwa isimanga ukuthi amabandla angasekho ngaphansi kobuRoma enza sengathi ubuKrestu nobuRoma zinkolo ezahlukene, kanti ubuKrestu yinkolo yamaRoma!
62.Uma kukhulunywa ngoJesu awusoze amaKrestu uwezwe ekhulunywa ngomnyaka wobukhona bukaJesu emhlabeni, ngoba ukwenza njalo kuzoveza ukuthi uJesu akaze abe khona! Umprofethi owayekhona kwakunguYahusha owazalwa ku 6 kuya ku 4 B.C, wahamba emhlabeni ngo 33 A.D.
63.UYahusha nguyena owazalwa nguMaria noJosefa nowayaziwa ngokuthi unguMesaya, kodwa manje uMesaya sekunguJesu Krestu!
64.Ngakho ke ukuze kubukeke sengathi uJesu wake waba khona, kwakumele kuchithwe ubukhona bukaYahusha, futhi kungavezwa minyaka uJesu owabakhona ngayo emhlabeni!
65.Uma ufuna ukuba nesiqiniseko ngenkolo kaYahusha, manje osenguJesu, ubofunda nge Judaism, ngoba iyona nkolo elandela iMosaic Faith ngenqubo yokukholwa!
66.KuyiMosaic Faith yayingekho imfundisonkolo ethi nguJesu yedwa oyiNdodana kaNkulunkulu, njengoba emaningi amadodana kaNkulunkulu ku Old Testament!
67.Kodwa kubuKrestu indodana kaNkulunkulu sekunguJesu yedwa!
68.Noma ngokwe doctrine yobuKrestu uNkulunkulu kunguBhali, njengoba kuchaza amaCreeds, kodwa amakholwa akachazelwa lokho; kuyaye kwenziwe sengathi kushiwo uJehova, yize uJehova nenkolo yakhe kwachithwa enkolweni yobuKrestu!
69.Kunemfundiso yobuKrestu ethi uJesu wasifela izono, kodwa le-theology yayingaziwa kuma Early Christians, ayikho nakuyi Judaism.
70.Umlando uthi itheology yokuthi uJesu wasifela izono yavela sekwedlule iminyaka engu 1000 uJesu engasekho.
71.KuJudaism imfundiso-nkolo ithi uJesu wafa as a martyr and not as a sacrifice!
72.Enkolwweni yobuKrestu lemfundiso-nkolo yavela nesifundiswa sezenkolo egama laso ngu Anselm ku 11 centuary. AmaKrestu amuva abe esenza lemfundiso-nkolo sengathi into eyavela kuNkulunkulu!
73.Kodwa njengoba sazi, uYahusha owagcina esenguJesu, wayengowenkolo yamaHebheru, okuyiJudaism, akaze abe senkolweni yobuKrestu!
74.Kodwa ngaphambi kokuba ngibuyele kumaNazaretha akengiqondise lendaba yenja okuhlale kuqagelwa ngesizathu sokungafuwa kwayo ngamaNazaretha!
75.IBhayibheli alisho lutho ngokufuwa kwenja ngoba vele kwa-Israel inja kwakuyisilwane sasendle esingafuwa, njengoba namanje zikhona izinja zasendle! uJehova ke wayengenke ashaye umthetho ngesilwane sasendle.
76.Kodwa inja iyisilwane esidla inyama, iyamudla nomuntu. Zonke izilwane ezindla inyama ziyisinengiso kuNkulunkulu, azifuwa likholwa!
77.Sezifuwa izinja, uJehova wayalela uShembe ukuthi atshele amaNazaretha angayifuyi inja ngoba angcwele; hhayi lemibhedo ehlale ikhulunywa!
78.Mina ngathunywa nguShembe ukuba ngiqondise inkolo kaMenzi wezulu nomhlaba.
79.Ukukukholwa nokungakukholwa komuntu akusho lutho kimi, ngoba ngiyazi mina ukuthi ezulwini ngithunywe ukuba ngenzeni!
80.KuHezekeli 2:5-8 uJehova uthi: “Bona-ke, noma bezwa noma benganaki… wena ndodana yomuntu ungabesabi, ungesabi namazwi abo, noma uhlezi phakathi kofezela.., ungapheli amandla ngobuso babo, ngokuba bayindlu ehlubukayo.
81.Uyakukhuluma amazwi ami kubo, noma bezwa noma benganaki, ngokuba bangabahlubuki!”
82.Lenkulumo kaJehova sayifundelwa yingelosi, isichazela ukuthi noma imuphi umuntu othunywa nguNkulunkulu kubantu, bayaye bamhlasele, balwe naye ngayo yonke indlela. Ngakho ke okwenzeka kithi kungasethusi!
83.Kumele ngiqondise ukuthi ibandla laseBuhleni limhlubukile uJehova, ngakho ke njengoba ngithunywe ukubuyisa abantu ekukholweni, angikwazi ukungakusho okuthiwa angikusho kumaNazaretha nakumaKrestu; uma nje beyizinkolo ezingaphansi kwaJehova!
84.Umholi waseBuhleni uthi nguye uNkulunkulu wamaNazaretha!
85.Leyonkulumo ingukuhlubuka, iphikisa imfundiso yomprofethi yokuthi uNkulunkulu wethu munye, nguJehova!
86.Umyalo wokuqala uthi: “Ungabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami(mina Jehova.)”
87.Akakho umholi ongaphansi kwenkolo kaJehova ongakhuluma kanje ngaphandle kwabaholi babezizwe abakhonza izithixo!
88.Okwesibili ubuNazaretha yinkolo ngaphansi kwayo okunamabandla amaningi, ngakho lenkulumo yalomholi ichaza ukuthi namanye amaNazaretha unkulunkulu wawo ilomholi waseBuhleni!
89.Inkulumo enjalo inochuku! Omunye umholi wathi engumKrestu waganwa yisithembu.
90.ABaholi bamaKrestu bamphonsela inselelo ngalokhu akwenzayo, bathi uhlambalaza ubuKrestu. Wagcina lomholi esememezela ukuthi yena akaseyiye umKrestu, base bayathulake!
81.Nathi maNazaretha, uma lomholi engamemezela ukuthi akaseyena umNazaretha, ngenke siphinde simhluphe ngenkolo yakhe ephikisa uJehova noBabamkhulu, ngoba uyobe esezimele. Kodwa akakwazi ukuhlambalaza lenkolo naye osathi ungaphansi kwayo!
82.UShembe wakwenza kwaba yisisekelo sobuNazaretha ukuthi sokholwa ngokugcina umthetho kaJehova owawuletha kithi ngoMoshe. Bheka uvesi 3 womthandazo weSabatha nesihlabelelo 119.
83.Ngakho ke njengamaNazaretha asikwazi ukuthula uma kuqhamuka umholi othi ungumNazaretha, bese ephikisa uShembe ezimfundisweni zakhe ngokugcina imithetho kaJehova!
84.Kwasho uJehova kuLevi 20:27 ukuthi: “Owesilisa noma owesifazane elikubo idlozi bobulawa nokubulawa, bakhandwe ngamatshe, igazi labo libe phezu kwabo.”
85.NoShembe entshumayelweni yakhe lapho elwa nezangoma, uthi: “Njengoba uJehova namuhla engithumile phakathi kwenu ukuba nginilethele uMbuso wakhe oyifa lokuphila kwaphakade, kanjalo no Sathane ufinyelela kubantu ngezithunywa zakhe ukuba zilethe imbubhiso yaphakade kubantu.
86.Yikho lokhu izolo ngithe kini yemukelani uMoya oyingcwele kuphela, ngoba ungoka Nkulunkulu, ningemukeli noma munye umoya ofuna okuphambene nalencwadi ka Nkulunkulu.
87.Xwayani iZangoma ngokuba ziyiladi nesihlalo sika Sathane phakathi kwabantu.
88.Ningasingenisi iSangoma ngamasango emizini yenu, nalapha eKuphakameni, nakuyo yonke imizi ka Nkulunkulu, ningaganiselani neZangoma bantabami, ningemukeli lutho esandleni saso.
89.UMUNTU OKHULUMA NABAFILEYO NGOKWAKHE NINGAZIHLANGANISI NAYE, ngokuba lowo uyisihlalo semimoya yobumnyama exoshiwe eZulwini, yabuya ngaye lowo ukuba yonakalise umhlaba ukuze kwande uMbuso wobumnyama emhlabeni, ngokuba isebenzela ukuthobisa uJehova.
90.BANTABAMI UMA NIKE NANGENISA ISANGOMA, NABA NEMIMOYA ENGCOLILEYO KULOBU BUNAZARETHA, NIBOKWAZI UKUTHI KUSUKELA NGALELO LANGA LOBU BUNAZARETHA SEBUFILE, ABUSEKHO, NGOKUBA ISITHA SOKUQALA SIKANKULUNKULU YISANGOMA.” Amein!
91.UbuNazaretha ebandleni laseBuhleni bufile, akusho mina, kodwa kwasho yena uBabamkhulu! Angazi ke ukuthi ibandla eselaxosha uNkulunkulu liba ubuNazaretha kanjani?
92.Kwenye yezintshumayelo uthi uBaba iLanga uma simthola edakiwe kuleli bandla simkhiphe, ngoba lelibandla leluswe yithi.
93.Asikwazi ukuxosha umholi waseBuhleni ngoba uvunwa libandla aliholayo, kodwa okungenziwa enkolweni yobuNazaretha kumele sikuvezele umhlaba ukuze izenzo zaleli bandla zingadukisi abantu abafuna ukukholwa ngenqubo yobuNazaretha!
94.Ibandla laseBuhleni alisiwo amaNazaretha ngoba lisonta nezangoma, nomholi walo unabagcotshwa abayizangoma, futhi umukela iminikelo yezangoma, okuyisenzo esiphambene nobuNazaretha!
95.Ukuhlubuka enkolweni akudingi ukuthi uze ukumemezele, kuyaye kusho izenzo!
96.Onke amabandla akwaShembe axova ubuNazaretha ngiwanika iminyaka emihlanu kusukela manje, uNkulunkulu uzozibonakalisa ukuthi iliphi ibandla elihamba ngokwezimiso zakhe!
INkosi ibusise enikuzwile!