Skip to content

NINA ENIMESABAYO UJEHOVA THEMBANI KUJEHOVA

NjengeBandla likaJehova, umyalezo wokuqala ukuthi asitshele abantu ukuthi abamesabe uJehova ngokugcina imithetho yakhe uJehova owayiloba ngeNceku yakhe uMose.

Lomyalezo akusiwo owanamuhla; noYahusha wabatshela kanjalo abalandeli bakhe kuMathewu 5:18-19; noShembe wawatshela kanjalo amaNazaretha kumthandazo weSabatha kuvesi 3-4.

1.Imini yeSabatha ayibenhle kwabangcwele. Isihloko sethu sanamuhla sithi: “NINA ENIMESABAYO UJEHOVA, THEMBANI KUJEHOVA.”
 
2.AMAHUBO 115: 1-13: “Ungasiphi thina Jehova….kepha uliphe igama lakho inkazimulo, ngenxa yomusa wakho, nangenxa yeqiniso lakho.
 
3.Abezizwe bayakusho ngani ukuthi uphi manje uNkulunkulu wabo na?” Kepha uNkulunkulu wethu usezulwini, wenza konke akuthandayo.
 
4.Izithombe zabo ziyisiliva negolide, umsebenzi wezandla zomuntu. Umlomo zinawo, kepha azikhulumi, amehlo zinawo, kepha aziboni, izindlebe zinazo, kepha azizwa; zinamakhala, kepha azihogeli….
 
5.Nina enimesabayo uJehova thembani kuJehova; yena ulusizo lwabo nesihlangu sabo. UJehova usikhumbulile; uyakubusisa abamesabayo uJehova, abancane nabakhulu.”
 
6.Ngijwayele ukuchaza ukuthi ngo 2010 kwafika kimi ingelosi yathi ithunywe nguShembe uBaba iLanga, uthi angimakhele ibandla likaJehova.
 
7.Ithi-ke iNgelosi, uthe uBaba ngikutshele ungesabi lutho ukuthi lokhu uzokwenza kanjani, ngoba leliBandla lizoholwa nguye.”
 
8.Lokhu kukhuluma kungenza ngibe nesibindi sokuqhuba lelivangeli. Ithemba lami likuShembe uBaba iLanga, ngoba yathi iNgelosi ngithunywa nguye.
 
9.Lomuntu wasezulwini uyaye akhulume kakhulu ngoMprofethi u-Isaiah Shembe; uze ufikelwe usizi, uzibonele nawe ukuthi njengamaNazaretha uMprofethi simcekela phansi.
 
10.Ngelinye ilanga ingelosi ikhuluma ngolaka nokukhathazeka ithi: “UShembe akanalo icala lokuthi amaNazaretha athuke uJesu, ngoba uShembe wawafundisa amaNazaretha ukuthi uJesu uyini, washiya umyalezo ezihlabelelweni zakhe.
 
11.UShembe akanalo icala lokuthi amaNazaretha amhlaze phambi kukaJehova, athi sekunguye uJehova, ngoba yena wazichaza ukuthi uyisikhonzi sikaJehova, uyiNceku kaJehova, unguMprofethi kaJehova.
 
12.UShembe akanalo icala lokuthi amaNazaretha atholakale esedla amagobongo, esethwasa, esenza zonke izinto eziyisinengiso kuJehova; ngoba uShembe amaNazaretha wawashiyela imibhalo esencwadini, futhi lencwadi ayinkulu, iyaphatheka, iyafundeka.
 
13. UShembe wabe azi ukuthi empilweni yomuntu kufika isikhathi sokuhlupheka, wabe esebhala emthandazweni wokulala kuvesi 16, wathi lomthandazo uyofundwa njalo uma kulalwa.
 
14.Uthi uShembe, “ngezinsuku zonke zokuphila kwakho, uma ulala ubomkhonza uJehova uNkulunkulu wakho uThixo wakho.
 
15.Ngosuku lwenhlupheko umbize, uyakukulalela, uyakuza akusindise, uma uyendlala ngezikhathi zonke inhliziyo yakho emikhondweni yezimemezelo zezwi lakhe.”
 
16.Iyabuza-ke iNgelosi ithi, “Kuphi lapho uShembe owanifundisa khona ukuthi anothi uma senihluphekile bese niba nabanye onkulunkulu enethembela kubo ukuthi bazonisindisa, ngoba uthe uShembe ekuhluphekeni kwenu nobiza uJehova?
 
17. Iyaqhubeka ingelosi thi: “kusihlabelelo 23 uShembe wanixwayisa ngalemimoya enizethwesa yona, wathi, ‘Nkosi bengiluthuli kakade, ngathatshathwa emhlabeni, ngafakwa ethembeni elihle elinguMoya wakho; anginikwanga ukhula lolu enginalo namuhla.
 
18.Amandiki namandawu yikhona ukufa kwabezizwe. Nkosi yandisa izibusiso, ngegama lakho lodwa, kukhishwe konke ukungcola, phakathi kwendlu yakho.”
 
19.Ithi-ke iNgelosi, “uShembe wanichazela ukuthi uNkulunkulu mhla enithatha emhlabeni wanifaka ethembeni elihle elinguMoya wakhe, elinguMoya oNgcwele.
 
20.Manje ubani osenifundise ukuthi khona omunye umoya ongahlala kumuntu onguMnazaretha ngaphandle koMoya kaJehova; imimoya yamandiki namandawu ihlangana kanjani nomuntu onguMnazaretha?”
 
21.Uthi-ke lomuntu wasezulwini; “njengoba uShembe wanibhalela incwadi echaza konke ngoMdali wezulu nomhlaba nonguMdali wethu sonke; wasifundisa ngezindlela uJehova ofuna ukukhonzwa ngazo, manje amaNazaretha asweleni, afuna kubuye kuvele muphi omunye uMprofethi, ozochaza okwehlukile kulokhu akuchazelwe nguShembe?”
 
22.Kwesinye isikhathi ngiyaye ngiphelelwe ubuthongo, ngikhale ngisengutsheni, noma ngingedwa e-study room, kuthi uma kungena umuntu ngesule izinyembezi.
 
23.Ngoba ngingazi ukuthi umuntu ngizomchazela ngithi ngikhalelani. Kodwa ngisuke ngicabanga lomthwalo onzima kangaka 
engiwethweswe nguNkulunkulu.
 
24.Akwenzeki ngani ukuthi bonke abantu bayibone leNgelosi, lezi zinto ezikhuluma kimi izikhulume kumaNazaretha, ngoba mhlawumbe ngingaphumula kulezi zinhlamba nakulenzondo?
 
25.Abantu abanokujula ngokucabanga kufanele babone ukuthi kukhona okungasahambi kahle phakathi kwethu noJehova; ngoba angazi ukuthi kwenziwa yini ukuthi uShembe athume iNgelosi, bese ethi angimakhele iBandla likaJehova?
 
26.Kanti iBandla owalishiya emhlabeni kwakungelikabani, ngoba wabhala emthandazweni ukuthi ngelikaMenzi wezulu nomhlaba?
 
27.NjengeBandla likaJehova, umyalezo wokuqala ukuthi asitshele abantu ukuthi abamesabe uJehova ngokugcina imithetho yakhe uJehova owayiloba ngeNceku yakhe uMose.
 
28.Lomyalezo akusiwo owanamuhla; noYahusha wabatshela kanjalo abalandeli bakhe kuMathewu 5:18-19; noShembe wawatshela kanjalo amaNazaretha kumthandazo weSabatha kuvesi 3-4.
 
29.Ukukholwa okungenisa umuntu ezulwini ukukhonza uJehova.
 
30.Kuvesi 29 womthandazo wokulala uShembe uthi, “umkhonze uJehova uThixo wakho, ngezenzo zonke zezithelo zobuhle benhliziyo yakho, nangokumthanda ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho.”
 
31.Uthi-ke uShembe, ekumkhonzeni uJehova, uboyendlala ngezikhathi zonke inhliziyo yakho emikhondweni yezimemezelo zezwi lakhe. Achaza ukuthini lamazwi?
 
32.Umkhondo wezimemezelo zezwi likaNkulunkulu imithetho kaNkulunkulu esitshela ukuthi uJehova ufunani kithi.
 
33.Wena kufanele umthetho kaJehova uwamukele ngenhliziyo enhle nethobekileyo.
 
34.Uthi uShembe uma wenze njalo, kothi ekuhluphekeni kwakho, uma ubiza uJehova, akulalele, eze kuwe azokusindisa. Isifundo esikhulu lesi esisifundiswe uShembe.
 
35.Okwesibili uthi umprofethi kuvesi 29: uJehova uyomkhonza ngezenzo zonke zezithelo zobuhle benhliziyo yakho. Ubuhle benhliziyo yakho bubonakala ngezithelo zayo.
 
36.Abantu kufanele bakwazi ukukhomba izinto ezinhle ozenzile ezitshengisa ukuthi uyamkhonza uJehova.
 
37.Kuvesi 13 uthi uShembe “ungaphuthi nalunye usuku ukumkhonza uNkulunkulu uThixo wakho. Uvuka mdumise, noma ulala mdumise.”
 
38.Kuvesi 30 uShembe uthi, noma uphaphama phakathi kobusuku umkhonze uJehova uNkulunkulu wakho, ngayo yonke inhliziyo yakho nangowo wonke umphefumulo wakho.
 
39.UShembe kuvesi 31 uthi: “Uma ukhuleka uyendlale kahle inhliziyo yakho, ungakhuleki nje ngomlomo, ungazi ukuthi uthini, futhi ungazi ukuthi ukhuluma nobani. Ukhuleke ngokwesaba uNkulunkulu wakho.”
 
40.Lapha uShembe usifundisa into engavamile ukufundiswa abantu uma bethandaza; ukuthandaza ngokwesaba nokuhlonipha.
 
41.Uthi-ke uShembe uma uthandaza usuke ukhuluma noNkulunkulu, ukhuluma neNkosi yamakhosi.
 
42.Awukwazi-ke ukuthi uma ukhuluma neNkosi uvele ukhuleke nje noma kanjani. Into yokuqala ukuthi uma ukhuluma noNkulunkulu kumele uguqe.
 
43.Awukwazi ukukhuluma noNkulunkulu umile noma uhlezi phansi. Guqa! Uma ungasaguqeli uNkulunkulu uyoguqela bani?
 
44.Okwesithathu kumele ucimeze; isizathu sokucimeza ukuthi akumele uthi uma ukhuleka kube khona into ekuthikamezayo, ingqondo yakho yonke ayigxile kuJehova osuke ukhuluma naye ungamboni ngamehlo enyama.
 
45.Okwesine uShembe usifundisa ukuthi uma sithandaza singathemelezi.bUmNazaretha akavunyelwe ukuthi uma ethandaza amemeze, aklabalase ukuze aziwe ngabanye abantu.
 
46.Futhi akuvumelekile ukuthi uma uthandaza usalele kwabanye abantu, ngaphandle kwalowo osuke ehola iBandla ngaleso sikhathi nakulelo thempeli.
 
47.Lemfundiso iyefana nekaJesu ekuMathewu 6:7 lapho uJesu ethi, “kodwa nxa nikhuleka, ningathemelezi njengabezizwe, ngokuba bathi bayokuziwa ngokukhuluma kwabo okuningi.”
 
48.Okwesihlanu uShembe kuvesi 35 womthandazo wokulala uthi, “ngokuba uJehova uyabahambela abantu bakhe ekulaleni kwabo. Uboyiphatha kahle indlu olala kuyo ukuze uJehova angacunuki ukuza kuwe ngephupho.”
 
49.Thina kwethu sakhula umama indlu eyihlanza ngaphambi kokuba silale, hhayi ekuseni.
 
50.Sasitshelwa ukuthi indlu ilungiswa ngaphambi kokuba silale, ngoba uJehova akufanele afike endlini yakho ebusuku eyifice ingcolile.
 
51.Uthi-ke lomuntu wasezulwini, uShembe waninika incwadi ephelele njengamaNazaretha. Zonke izihlabelelo zazivela ezulwini, zifika neziNgelozi ukuze ziqondise indlela enizophila ngayo.
 
52.UShembe waninika isihlabelelo 76 singumthandazo womuntu onguMnazaretha ososizini. Lesi sihlabelelo sithi, “Uyalwazi lonke usizi lwenhliziyo yami, lungethulwa ngubani enhliziweni yami. Mondli wezintandane, yondla inhliziyo yami.
 
53.Ekupheleni kwamandla ami wodana umqondo wami, ngovuselelwa nguwe Nkosi ekudabukeni kwami. Umthwali akazethuli wemsizi wami; ngethule ungisize wemsizi wami.”
 
54.UShembe akagcinanga lapho, wasinika isihlabelelo 157. Lesi sihlabelelo sibonisa lonke usizi umuntu oluyaye lumehlele oludalwa izinto eziningi zomndeni ezigcina ziba umthwalo kuwe ngezindlela eziningi.
 
55.Lesi sihlabelelo sithi: “Ngehlelwe isisindo sezono zami nezabazali bami bazishiya kimi. Inyanga ngubani Mkhululi wami, nguwe kuphela weMkhululi wami.”
 
56.Uthi-ke uShembe noma ungavelelwa ibuphi ubunzima okudalwe abazali bakho, noma okudalwe nguwe; kodwa awunayo inyanga engakwelapha ngaphandle kukaJehova onguMkhululi wakho.
 
57.Asikho-ke isidingo sokobhula nokufuna abanye onkulunkulu.47. Izihlabelelo zamaNazaretha zikwazi ukwenza umuntu onguMnazaretha aphile impilo yobungcwele kusukela ezalwa aze ayokufa.
 
58.Wasinika isihlabelelo 100, okuyisihlabelelo sokubelethisa; sithi, “Siyobeletha sinethemba, ngaleligama lakho; siyokubazala bephilile, abakholwa yizwi lakho; siyozula emahlane ngaloludumo lwakho.
 
59.Isiqu sokunqoba nguJehova kuphela; iqhawe eliya ngokwehlula, nguJehova kuphela.”
 
60.UShembe wasinika isihlabelelo 233 esosihlabelela uma sibhekene nezitha, esithi “Thixo wami dwala lami, wena ungikhohlwa ngani; ngiyalila imihla yonke ngokuhlushwa isitha sami.
 
61.Abahluphi bami bona, bayangizingela njalo, bayasho imihla yonke, bathi uphi uThixo wakho.
 
62.Yini mphefumulo wami, wena udumaleleni; methembe uThixo wakho; ayikho enye inqaba.”
 
63.UShembe wasinika isihlabelelo 58 owathi sosihlabelela siphilise ngaso abagulayo; sithi, “Baba wethu osezulwini, ngisebusweni bakho, aliphathwe ngobungcwele lelogama lakho.
 
64.Umoya wakho mawuze Nkosi, ubaphilise abantu bakho.
 
65.Lowo owasethembisa wona ngoJesu Krestu iNkosi, wathi awusishiya sisodwa, uyosithumela uMoya ongcwele.”
 
66.UShembe wasinika isihlabelelo 235 owathi sosihlabelela ukuphelezela lowo oyobe esishiyile emhlabeni; lesisihlabelelo sithi, “Ngingumhambi emhlabeni likhona ikhaya lami, ngizongena ngenjabulo ngokuthandwa iNkosi yami.
 
67.Thuma uMqondisi wakho akhanyise indlela yami; zonke izono aziphele ukhululwe umoya wami.’‘Nxa ngifika ekhaya lami ngingesabi Nkosi yami, mangingene ngenjabulo uSathane unqotshiwe.”
 
68.Ithi-ke iNgelosi, “nisweleni; yini uShembe onganichazelanga yona ngezulu, yini uShembe onganichazelanga yona ngenhlalo yobungcwele.”
 
69.Ukukholwa kufana nokufakela umshwalense. Umshwalense ukhokhela abawufakele. Awukwazi ukuthi ungenawo umshwalense bese ubheka ukuthi ngoba ushelwe indlu, noma uginqikelwe imoto, lemoto isizokhokhelwa umshwalense ongenawo.
 
70.Abantu abakhokhelwa umshwalense ngabafakele umshwalense kungakenzeki lutho.’
 
71.Abantu abaningi abakunaki ukukholwa; bakubuka njengento ekude nabo, into yabantu abaphansi; mhlawumbe abanenkinga ethize.
 
72.Kodwa mhla kufika usizi, noma ukugula okanye ukufa, bese beqala bekhumbula uNkulunkulu, bese bazi ukuthi uNkulunkulu ukhona; uyakhonzwa, bafune abakhumbule, ebakhiphe osizini lwabo.’
 
73.‘Uma sebefuna uNkulunkulu bayaye bazifanise nabantu ababekhonza uNkulunkulu, bezibone benelungelo lokufuna usizo kuNkulunkulu.
 
74.Angazi ukuthi bayaye bacabange ukuthi leyonto izokwenzeka kanjani.”
 
75.UBaba iLanga wake wathi, umuntu ongathandazi akaziwa ezulwini, uyefana nesilwane; ukufa nokuphila kwakhe kuyefana nje nokwenkomo; akuthusi muntu ezulwini; noma ngabe wehlelwa yini, ngoba vele awaziwa.
 
76.Ngabe uNkulunkulu akanakho ubulungiswa uma kungathi umuntu ozihlupha ngokukhonza uJehova kungenzeke lutho, afaniswe nomuntu ongazihluphi ngokukholwa, kodwa okhumbula ukukholwa ngoba esesezinkingeni.
 
77.Lokho kungafana nomuntu obheke ukukhokhelwa umshwalense engawujoyinanga.
 
78.Uthi uShembe kusihlabelelo 39 “mbonge uJehova mphefumulo wami usenethuba, ngoba sosondela leso sikhathi, lapho okungasayikuvuma ngisho ukuguqa ngamadolo ukumdumisa; lapho okungasayikuvuma nokuphakamisa isandla ukuzembesa.”
 
79.Baningi abantu abakuleso simo ngezindlela eziningi; sebefuna usizo lukaJehova; sebeyamazi manje ukuthi uJehova ukhona, unguMkhululi osizini olubembethe; kodwa abakaze bamdumise besaphila. Sebekhumbula manje ukuthi ukhona.
 
80.Baningi abantu abakulesi simo, abazi ukuthi bazophuma kanjani kuso; kodwa siyeza nakuwe, ungazikhohlisi. Kukhona isikhathi lapho ozofuna uJehova kuphela, lapho ozofuna amakholwa.
 
81.Lapho-ke okwasemhlabeni kobe sekuyedlula; kuzodlula usekhona lapha emhlabeni, ungacimezile.
 
82.UShembe kuvesi 4 womthandazo weSabatha uthi, “ngokuba uma ningamdumisi ngemithetho yakhe akasoze ayilalela imithandazo yenu, akasoze anehlisela izibusiso uma ningayilaleli imithetho yakhe niyigcine.”
 
83.Mhla iNgelosi ikhuluma lezi zindaba, yafunda lencwadi yeZaga 1: 24-33. Lapho kuthi “ngokuba ngibizile, nala nina, ngelula isandla sami, akubangakho onakayo; kepha nichithile konke ukululeka kwami, anivumanga ukusola kwami.”
 
84.”Khona bayakungibiza, kepha angiyikuphendula, bayakungifunisisa, kepha abayakungifumana, ngenxa yokuba babezonda ukwazi, kabakhethanga ukwesaba uJehova, bengavumanga ukululeka kwami, bedelela konke ukusola kwami.’ Kepha ongilalelayo, uyakuhlala elondekile, agcineke, angabi naluvalo ngokubi.”

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *