Ukwazi ngenkolo okuyo kubaluleke kakhulu, ngoba kuHoseya 4:6 uNkulunkulu uthi abantu bakhe bayabhujiswa ngenxa yokweswela ulwazi!
Ngakho ke namaKrestu akabhujiswe ngokuhlubuka uJehova njengamaNazaretha, hhayi ngkuhlubuka uJehova bengaboni ukuthi sebengamahlubuka kuMenzi wezulu nomhlaba!
Isihlabelelo 36.
1.Ngofa ngingenani
Mina ngedwa soni
Ngofela esandleni sakhe
Owathunywa nguwe.
2.Lokhala icilongo
Lokwamukela umoya wami
Songena entokozweni
Yabakhethiweyo.
3.Hhayi umusa kaJehova
Ngami mina ngedwa
Ebengingafanele lutho
Okhukhwini lwakho.
4.Namhla sengicambalele
Kanye nabangcwele
Abamagama alotshiwe
Ebusweni bakho.
ABAFUNA UKUNGENA EMBUSWENI WEZULU ABAQONDISE UKUKHOLWA KWABO.
1.KuHoseya 4:6 uJehova uthi: “Abantu bami bayabhujiswa ngokweswela ulwazi, njengoba ulwenqabile ulwazi, nami ngiyenqaba ukuba ube ngumpristi wami.
2.Ukhohliwe ngumthetho kaNkulunkulu wakho, nami futhi ngiyakubakhohlwa abantwana bakho.” Amein!
1.Ngazalwa umuntu owayekholwe kakhulu, futhi engalokothi ukuphuma enqubeni yokukholwa.
2.Umama wakhula ehlala noBabamkhulu umprofethi u-Isaya Shembe (ukuthula kube kuye.)
3.Ekuhambeni kwaBabamkhulu emhlabeni, umama wahlala kuBaba iLanga waze wayogana kwaMpanza ehlala kuye.
4.Kwethu azikho izinganekwane esasinazo ngaphandle kokukhuluma ngokukholwa noma umama asixoxele ngoBabamkhulu nangeNkosi iLanga.
5.Yikho ke ngiyaye ngimangale uma sengizwa sekunemfundiso ethi umuntu odla inkukhu akangeni ezulwini, neminye imithetho engingayazi, ngoba kwethu zazifuyiwe izinkukhu, sizidla. Angazi ke ukuthi uma kwakunomthetho onjalo, kwenziwa yini ukuthi umama engasifundisi ngawo?
6.Kodwa imfundiso kaBabamkhulu esiyaziyo ukuthi ngaphambi kokuba inkukhu siyihlabe, sasiyigcina endlini idle umbila izinsuku ezingu 7, emva kwalokho bese siyayihlaba ke
.
7.Cabanga nje umuntu engumgcotshwa ebe nevangeli elithi uma udla inkukhu ngenke ungene ezulwini, kodwa engasho lutho ngokusonta nezangoma kanye nokuhlabela amadlozi!
8.Uma kwakunomthetho wokuthi umNazaretha akayidli inkukhu, yiyingenke idliwe kwethu!##
9.Mina ngangiyisishoshovu senkolo yobuNazaretha; ngashumayela futhi ngabhala izincwadi eziningi ngoShembe nobuNazaretha.
10.Yimina engaphumela eshashalazini emsakazweni ngilwisana naleli lumbo lokuthi uShembe wazama ukundiza, wafa!
11.Imina engaya ku TRC ngochaza ngokuhlukunyezwa komprofethi namaNazaretha, behlukunyezwa zimishini nohulumeni.
12.Imina futhi engangihamba noBaba iNyangayezulu elwela ukuba ibandla lamaNazaretha libe semthethweni njengawo wonke amabandla.
13.Futhi yimina engakhipha ibandla lamaNazaretha ngaphansi kwenkolo yobuKrestu, ngathi alibe yinkolo ezimele, emva kwalokho ngaba ne slot emsakazweni esibizwa ngokuthi USHEMBE NOBUNAZARETHA.
14.Imina engangivame ukushumayela ema-Unversities amaningi ngichaza ngoShembe nobuNazaretha.
15.Empilweni yami yonke bengilwela uShembe nebandla lamaNazaretha!##
16.Kodwa mhla ka 4 January 2010, kwafika ingelosi kithi ihamba ngezinyawo, yathi ithunywe nguShembe uBaba iLanga kimi, uthi angiphume eBuhleni, bese ngakha ibandla, kulo engizofundisa abantu indlela eyiyo yokukhonza uJehova; ngisusele eBhayibhelini nasezi hlabelelweni zama Nazaretha.
17.Ngibuye ngilandele izintshumayelo nezimfundiso zikaBabamkhulu efundisa ngokukhonza uJehova!
18.Ingelosi ayikhulumanga ngokufundisa ngoShembe, kumbe ngobuNazaretha; ngoJesu kumbe ngobuKrestu, kodwa yathi kuthiwa ANGIFUNDISE INDLELA USHEMBE OWAYEFUNDISA NGAYO NGOJEHOVA! Leyo-ke iyona ‘imandate’ yami kuze kube namuhla!
19.Mhla ka 26 March 2011, ingelosi isizongigcoba njengomholi webandla lamaNazaretha kaNkulunkulu, yathi: “UTHI UBABA ILANGA UYABONGA KUWO WONKE UMSEBENZI OWENZILE ULWELA USHEMBE NEBANDLA LAMANAZARETHA; KODWA MANJE USUTHUNYWA UKUTHI USHUMAYELE NGOJEHOVA, UFUNDISE ABANTU INDLELA EYIYO YOKUKHONZA UJEHOVA!”
20.Kulenkulumo yengelosi imfundiso ngoShembe nobu Nazaretha yasuswa kimi, kodwa esikhundleni lathi ilizwi UYOFUNDISA ABANTU NGOKUKHONZA UJEHOVA! UKHIYE WEVANGELI LAMI NGUJEHOVA!
21.Lencazelo ngiyiveza ukuze amaKrestu namaNazaretha aqonde ukuthi njengamanje izimfundiso zami azisekho NGOSHEMBE NOBUNAZARETHA, KUMBE NGOJESU NOBUKRESTU, KODWA SEZINGO JEHOVA NOMBUSO WEZULU!
22.Leli ivangeli elivusa inkolo kaMoshe eyagcwaliswa nguYahusha, njengoba namuhla izovuswa kithi nguShembe uBababmkhulu!
23.Izihlabelelo zama Nazaretha zikhuluma ngoJehova kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni; azikhulumi lutho ngoShembe!
24.Kepha uma mina ngenza lokho engikuthunywe nguShembe, amaNazaretha ayaye ehlale engithuka ethi ngilihlubuka ebandleni lamaNazaretha, asho ngoba engasangizwa ngikhuluma ngoShembe njengoba ngangenza ngaphambilini.
25.Kodwa kusukela ku 2010 ngathunywa nguye uShembe ukuthi ngishumayele ngoJehova. Engikwenzayo angisuswa lugqozi njengakuqala, kodwa ngithunywe ngokwasezulwini!
26.Ekufundiseni kwami ngiholwa yingelosi ukuthi kumele ngifundise ngani, ngithini. Yikho ke ivangeli lami seligxile nakumaKrestu, ngoba LELI ILIZWI LEZULU ELIMEMA BONKE ABANTU ABAFUNA UKUBONA UMBUSO WEZULU!##
27.Kukhona umehluko phakathi kokwenza kwamaKrestu Nazaretha uma kuza ekukholweni.
28.AmaKrestu amaningi akholwe ngempela, kodwa akanalwazi ngenkolo yawo.
29.Kodwa amaNazaretha amaningi anolwazi ngenkolo yawo, ngoba isezihlabelelweni zamaNazaretha; kodwa angamahlubuka, amhlubukile uJehova noBabamkhulu!
30.Ngenxa yokuthi kunezinto eziningi enkolweni yamaKrestu nawo angazazi, ivangeli engithunywe lona ngelokuba cacisela ngalenkolo abayilandelayo!
31.Uma sebenolwazi ngenkolo yabo, sebengalandela noma yiphi inkolo ngokuthanda kwabo; kodwa kube yinkolo ehamba ngokwezimiso zikaJehova ezalethwa kithi nguMoshe!
32.Ukwazi ngenkolo okuyo kubaluleke kakhulu, ngoba kuHoseya 4:6 uNkulunkulu uthi abantu bakhe bayabhujiswa ngenxa yokweswela ulwazi!
32.Ngakho ke namaKrestu akabhujiswe ngokuhlubuka uJehova njengamaNazaretha, hhayi ngkuhlubuka uJehova bengaboni ukuthi sebengamahlubuka kuMenzi wezulu nomhlaba!##
33.Ukuze inkolo uthi uyayazi, kumele wazi umlando wayo. AmaKrestu afundiswe ukuthi uYahusha, eBhayibheini owaziwa ngokuthi nguJesu, wayengumsunguli wobuKrestu!
34.Kodwa akunjalo, uYahusha wayeliJuda, engaphansi kwenkolo kaMoshe, naye ehlale egcizelela ngokugcinwa komthetho kaJehova njengokufundisa kuka Moshe, (Bheka uMathewu 5:17-19 no Mathewu 7:21-23).
35.Futhi uYahusha, owayengu mprofethi enkolweni kaMoshe wafa ngo 33 A.D, ubuKrestu bungakabi khona emhlabeni!
36.Inkolo kaMoshe yasungulwa nguYahuwah entabeni yase Snayi cishe ngo 1447 B.C, yafikela kubantwana bakwa-Israel ababeholwa nguMoshe!
37.Kungakabi bikho ubuKrestu, elinye lamabandla amaJuda elalaziwa ngokuthi iNazareen sect, lasungulwa laholwa nguJohane, okwathi emva kwakhe lase liholwa nguYahusha, kwalandeli uJames, kwase kugcina umpostol Paul.
38.Ekhasini 25 lwencwadi ka Rav Shaul ethi THE NAZARENS: Betrayed, beaten…begotten.” lomlobi uthi: “We know the Nazareen sect was established by the great Prophet, John the Baptist, who was given the “WAY OF SALVATION” by Yahuah. Kodwa amaKrestu afundiswe ukuthi nguJesu yedwa OYINDLELA!
39.John’s role was to instruct and mentor the Messiah in the office of High Priest and teach Yahusha “The Way.” We know then, that Yahusha took over as the leader of the Nazareens from John.
40.James the Just then took over from his elder brother Yahusha and led the early Nazareens.
41.Sha’ul the Apostle then took over from James the Just and became the most influential leader of the Nazareens in history (second only to Yahusha)”
42.John was the true sons of Yahuah and they were all known as the Hebrew Notsri (Nazareens.
43.And were spoken of in the Dead Sea Scrolls as guuardians of the Law, Prophets and Messiah.
44.They were fierce defenders of The Torah against all attempts to Hellenize it and apply pagan influences” Amein!
45.Kodwa isizwe esagcina ngokunqoba amaJuda ngo 70 A.D kwaba ngamaRoma asebizwa ngamaNtaliyane!
46.Esenqotshiwe amaHebheru, amaRoma alwela ukuyiqeda lenkolo yamaHebheru!
47.Kodwa ngo 313 A.D kwaba nombusi wamaRoma, uConstantine, okunguye owasungula inkolo yobuKrestu.
48.Ngo 335 A.D uConstantine waba nama Creeds, ngawo owashaya umthetho oqeda inkolo yamaHebheru, okuyiMosaic Faith.
49.Wabe esethi kulo lonke izwe kuzoba nenkolo eyodwa, okuyi Christianity.
50.Igama elithi Catholic Church kusho ukuthi Universal Church, okwakuyibandla eliliphethe umhlaba wonke.
51.Kafuphi, iCreed echitha inkolo kaMoshe ithi: “Ngiyayichitha yonke imikhosi, nemicimbi, nemithetho, ukudla isinkwa esingena mvubelo, iminikelo yamawundlu eyenziwa ngama Hebheru.
52.Ngichitha nayo yonke iminikelo, imithandazo, ukuzi ngcwelisa kanye nokudumisa kwabo.
53.Ukuzila kwabo, imikhosi yokweshwama, amaSabatha, amahubo, nezaga, nenkoloze yokuya kwabo ukuyokhonza emathempelini.
54.Mina ngokwami ngithi angikufisi nakancane ukuthi kube khona ukubuya kule nkoloze yamaJuda, noma ukutholakala ngidla namaJuda, noma ngenza imikhosi kanye nabo, noma ngandlela thile kukhulunywa nabo ngasese kuphikiswana noma kugxekwa inkolo yobuKrestu.
55.Kunalokho uma kukhona ukukhuluma nabo kufanele kube ukuthi bayatshelwa ngokusobala ukuthi bashiye lomsangano wabo wenkolo yamaJuda.” Amein!
56.Le Creed engiyifinqile iwubufakazi okumele kwaziwe yiwo wonke amaKrestu esizwe esimnyama ukuthi inkolo kaJehova yachithwa yinkolo yamaKrestu ngamaCreeds!
57.Enye iCreed engibona amaKrestu kufanele ayazi ile efundeka kanje: “Ngiyawemukela onke amasiko, imicimbi, imithetho, imikhosi yamaRoma, iminikelo, imithandazo, ukuzihlanza ngamanzi, ukungcweliswa umPriest omkhulu wamaRoma.
58.Ngamukela nomkhosi weSabatha lika nkulunkulu oyilanga “i Sun-day.
59.Ngalokho usuku lwangesonto olokukhonza uJesu iNkosi, njengoba bekade lwaziwa ngokuthi usuku lwenkosi uBaal, uma uBaal ekhonzwa ngalolusuku ngoba eyinkosi, kanjalo noJesu ukhonzwa ngalolusuku ngoba naye eyiNkosi!
60.Kwamukeleka nayo yonke imigubho yamaKrestu, kanye nokudla neziphuzo zesizwe samaRoma.” Amein!
61.Isizwe esimnyama asazi ukuthi kulusiko lwenkolo yobuKrestu ukuthi bakhonze unkulunkulu olilanga, uBhali, yingakho besonta nge Sunday; nokuthi enkolweni yobuKrestu bagcine imikhosi namasiko amaRoma, okuyisizwe esimhlophe!
62.Ngokusobala amaKrestu amaningi lenkolo ayilandela ngokungasazi isimo sayo; ngoba uma bebazi bekungasho ukuthi kukhona okungahambi kahle emakhanda abo!
63.Akakho umuntu ophile kahle ekhanda ongajoyina inkolo yabezizwe ekhonza izithixo, futhi echitha inkolo kaJehova!
64.Kodwa abantu bakithi bayakulahla okwabo ngokungazi, balandele inkolo ekhonza uBhali! Bayalichitha iSabatha likaJehova bekhonze ngeSonto likaBhali, bayigcine yonke imikhosi yezithixo zamaRoma, oKhisimuzi, ama-Easter nokuningi okunjalo!
65.Uthi ke uNkulunkulu: “Abantu bami bayabhujiswa ngokuswela ulwazi.” UNkulunkulu uyakujezisa noma ungazi, uma wenza into eyisinengisao kuye!
66.Ngakho njengoba ngithunywe ukubuyisa ivangeli likaJehova kuma-Israel elafika noMoshe, kithi lalethwa nguShembe, kumele sibenze abantu bazi ukuthi lenkolo yabezizwe iyisitha sikaJehova!
67.LamaCreeds akasavezwa enkolweni yobuKrestu ngoba kubonakala ukuthi ngokuwaveza abantu bazovuleka amehlo bese beqala ukuba nemibuzo ngalenkolo-mbumbulu!
68.Esikhundleni salama Creeds kwakhiwa iBhayibheli, kwase kwenziwa sengathi ukungawugcini umthetho kaNkulunkulu kususelwa ekuhumusheni imibhalo ethize kuyiTestamente Elisha nelidala.
69.Kanti akunjalo, iBhayibheli lavela sekuneminyaka eminingi aba khona amaCreeds chitha inkolo kaMoshe!
70.Uma amaKrestu echitha isabatha, echitha umthetho wokusoka, ethi akasaphili ngaphansi komthetho, ayaye acaphune izincwadi ezithize eziseBhayibheli, kanti ngokuchitha umthetho kaJehova sebengaba lahliwe embusweni wezulu. (Mathewu 5:17-19).
71.Esikhundleni sokukhuluma ngenkolo KaMoshe nenkolo yobuKrestu, sesikhuluma ngeTestamente Elidala neTestamente Elisha.
72.Ngenxa yokuthi yonke inkolo isibuswa ubuKrestu, inkolo kaMoshe isiyi Testamente Elidala. Lobu buqili benzelwe ukuthi kuthi uma bechitha inkolo yamaHebheru kube sengathi ichithwa ngabaprofethi bawo amaHebheru!
73.Ubufakazi balokho sikuthola emibhalweni kaJerome owabe engu Father enkolweni yamaRoma. Lomfundisi ukhuluma kanje:
74“Kufanele ukuthi esikhathini samanje sike sibhekisise lababahlubuki abazibiza ngokuthi amaNazaretha (Nazareens), ngisho ubabheka nje uyabona ukuthi bangamaJuda, ayikho enye into.
75.Abasebenzisi i-Testamenti Elisha kuphela kodwa baphinde basebenzise nalelo elidala lamaJuda.
76.AmaNazaretha akayichithi imithetho yamaJuda, nabaprofethi, nemibhalo yabo.
77.Ngalokho kwenza, baba ngabemukelekile kumaJuda njengoba bengahluke ngalutho kuwona, basho zonke lezi zinto ezifundiswa emabandleni abo amaJuda.
78.Okuhlukile ngabo kumaJuda ukuthi bona bayakholelwa kuMessiah uJesu Krestu, bafundisa nokuthi kukhona uNkulunkulu oyedwa, kodwa uJesu uyindodana yakhe.” Amein!
79.Ngokusobala inkolo yobuKrestu ifundisa ukuthi sinonkulunkulu abaningi!
80.Uyaqhubeka lomfundisi wamaRoma uthi: “Balandela yonke imithetho yamaJuda nabaprofethi babo, bona okubenza ukuthi behluke kwamanye amaJuda ukuthi nje bayamemukela uMessiah.
81.Kodwa ngale kwalokho balandela imithetho yonke yamaJuda, okufaka phakathi ukusoka, iSabatha, namanye amadili amaJuda.” Amein!
82.Uma iTestamente Elidala kungesilo lenkolo yamaHebheru, pho amaKrestu enqatshelelwani ukulifunda? AmaNazareens anqatshelelwani ukugcina iSabatha, ukusoka, okungumthetho wenkolo kaJehova?
83.Ngiyazi ukuthi amaFanatics enkolweni yobuKrestu azozama ukuzivikela kulokhu esikuvezayo, yize siveza amaqiniso omlando bona abangawazi!
84.Kodwa abantu abahlakaniphile bazobona ukuthi balandela into eyakhiwe ngobuqili obumangalisayo; izizwe ezimhlophe zisesusa kuNkulunkulu wokhokho bethu!
85.Njengoba sesichazile, okokuqala uYahusha wayeliJuda, okuyisizwe esiyizitha ezinkulu zamaRoma, nowazisholo ngokwakhe ukuthi inkolo yakwa-Israel ingazi hlanganisi nabezizwe !
86.Sekukaningi sichaza ukuthi ngo 1492 uPope Alexander the 6th wayalela ukuba kudwetshe isithombe somfana wakhe u-Casaer Borgia.
87.Esedwetshiwe lomfana, uPope wanquma ukuthi lesi sithombe sifakwe kuzo zonke izindlu zamasonto ngoba sekuyiso esesinguJesu!
88.Uma uJesu wake waba khona, kwakungenke kuyekwe isithombe sakhe bese esikhundleni saso kube isithombe somunye umuntu; into enjalo ayikaze yenzeke!
89.Ziningi kakhulu izincwadi zomlando ezithi iNazareen sect, engavezwa eBhayibhelini, kwakuyi sect eyayiholwa nguJohane, emva kwakhe kwaba nguJesu, kwalandela uJames, kwagcina uPaul!
90.Yikho ku-Izenzo 24:5 kuvela ukuthi umpostoli Paul wayengumholi wehlelo lamaNazaretha!
91.Kodwa ngobuqili obuyisi mangaliso, leliqiniso lafihlwa ngisho kuyiTestamente Elisha, kwavezwa abaFarisi nabaSadusi kuphela!
2.Into eyaye ingimangaze ukuthi ziningi izifundiswa ezimnyama engiyaye ngizithole zihlaziya iBhayibheli, kodwa zingasho lutho ngama Creeds obuKrestu, ngawo umsunguli wobuKrestu owaqeda inkolo kaJehova!
93.Ungabezwa bethi kwachithwa inkolo yethu, besho inkolo yoMdabu; kodwa ngokomlando inkolo yethu yinkolo yamaHebheru!
94.UYahuah wasiyekisa zonke izinkolo zabanye onkulunkulu!
95.Sayemukela ngokwethu inkolo kaJehova emva kokuba esikhiphe ebugqilini baseGibhithe. Yithina esayocela usizo kuJehova emva kokugqilazwa nguFaro! Abanye onkulunkulu abasisizanga ngalutho!
96.Njengoba ngishilo ekuqaleni, mina ngasuswa ngokusemthethweni ebandleni lamaNazaretha, lathi izwi angishumayele ngoJehova njengoba kwakwenza uShembe uBabamkhulu!
97.Noma ungathatha izihlabelelo zamaNazaretha, kuyimithandazo nezihlabelelo uBabamkhulu ugqugquzela ukukhonzwa kukaJehova Yena yedwa, nokugcinwa kwemithetho yakhe!
98.Kusobala ukuthi ezulwini kwabonakala ukuthi lamaNazaretha akwaShembe asephumile evangelini elalishunyayelwa nguShembe umprofethi, kwase kuthunywa thina ukuzolivusa lokhu kukholwa kwasezulwini ngeNCG!
99.Angisho ukuthi abantu abajoyine ibandla lamaNazaretha kaNkulunkulu, kodwa ngigqugquzela onke amakholwa ukuthi alandele iMosaic Faith, eyaqhutshwa nguBabamkhulu ukuba sigcine imithetho kaJehova owayiletha kithi ngenceku yakhe uMoshe!
INkosi ibusise izwi layo!