Ngoba thina sivela kwelizayo, noma nisibona silapha kodwa sivela kwelizayo ngoba uNkulunkulu usibonise izinto ezingabonwa umuntu walapha emhlabeni, izinto thina esizaziyo, abantu basemhlabeni abazazi.
07 March 2026
245. ISIHLABELELO. 3
Rev M.P Mpanza
Lesi sihlabelelo safike neNgelosi uHlaleleni ngolwe Sine mhla ka 23 November 2018.
1 Ngiyambonga uJehova
Ngalolu thando lwakhe,
Owangithanda ngalo
Phambi kwezitha zami.
2 Wahlenga umphefumulo wami
Ogibeni lalokho kufa,
Zijabhile izitha zami
Zingibona ngisaphila.
3 Wasula izinyembezi kimi
Emehlweni ami Nkosi,
Wazichitha izitha zami
Zazula umhlaba wonke.
4 Namhla ngidumisa nabangcwele
Ngenhliziyo ekhululekileyo,
Ngiyakubonga Thixo wami
Wangivusa ekufeni Nkosi.
5 Ngiphe lawo mandla Nkosi
Okudumisa wena wedwa,
Khanyisela umphefumulo wami
Ukubone nasezulwini Nkosi.
1.Ngiyabonga lelihubo lafika nengelosi kithi mhlaka 23 November 2018, liyihubo nje eliqondene nami noma nathi. Ngoba ngaleso sikhathi, njengoba namanje kunjalo, ngangihlaselwa kakhulu amaNazaretha onke. AwaseBuhleni, awaseKuphakameni, awaseGinyezinye, awaseThembezinhle, wonke ayengihlasela njengoba namanje esangihlasela.
2.INgelosi kodwa yathi ngoba ngithunyiwe uNkulunkulu ukuthi ngenze lo msebenzi okuthiwa angiwenze, angeke bangenze lutho, yase-ke iletha lesi sihlabelelo ukuthi siyosihlabelela, sibonga uNkulunkulu ukuthi izitha zethu uzinqobile.
3.Ayikho inhlamba engingakaze ngithole ngithukwa ngamaNazaretha, ayikho, angikaze ngithukwe ngamaKrestu, kodwa isitha sami esikhulu, ngamaNazaretha. Kodwa ngathunywa ezulwini ukuthi ngiqondise ubuNazaretha, kodwa izitha zami ezinkulu ngamaNazaretha.
4.Angikhaliswa usizi, kodwa ngikhaliswa ukujabula, akulona usizi olungikhalisayo, kodwa into engikhalisayo ukujabula ukuthi kukho konke ukunzima engibhekane nabo kusuka ekukhuleni kwami kuze kube manje.
5.Kancane kancane uNkulunkulu uyabonisa kulabo abakhethile ukuthi angiyona lento amaNazaretha athi ngiyona, ngithunyiwe uNkulunkulu ukuthi ngikhulume indaba kaNkulunkulu.
6.Ngiyafisa ukuthi namhlanje ngichaze ngalelibhayibheli ngoLwesithathu (11 March 2026) esizobe silethula e-University of UKZN, ukuthi uNkulunkulu into uma eseyinqumile akekho umuntu ongayijikisa, akekho.
7.Ngicabanga ukuthi ngangisena-13 years, ngangifunda cishe ibanga 3 (std 3) kodwa khona ngangifunda ibanga 3 noma ibanga 2, ngihlala eVelabahleke, ngimncane kakhulu, ngase ngibona incwadi enkulu.
8.Uma ngithi ngiyayibheka le ncwadi enkulu ngabona kubhaliwe ukuthi “Ibhayibheli lamaNazaretha” ngajabula kakhulu ngathi hawu namaNazaretha asenebhayibheli.
9.Kwase kuvela izwi, angilazi ukuthi lavelaphi, futhi angimbonanga umuntu owayekhuluma, ngabe nginamanga uma ngithi ngambona, angizange ngimbone. Kodwa kujwayelekile nje ukuthi uma uNkulunkulu ekhuluma izinto ezinzima kimi, ngizwe izwi. Nalaphake kwaqhamuka izwi, lathi ungajabuli ngoba lelibhayibheli liyobhalwa nguwe.
10.Uyayibona lento mawuyicabanga ukuthi ngangineminyaka ewu 13 kuphela, ngifunda ibanga 3 noma ibanga 2, kodwa uma sekufika izwi lithi ungajabuli ngoba lelibhayibheli liyobhalwa nguwe, ngangimncane kakhulu ukuqonda ukuthi lento imi kanjani.
11.Lento ngavuka ngayitshela umama, angikhumbuli ukuthi wathini, kodwa ngamtshela ukuthi ngibone ibhayibheli lamaNazaretha, kodwa kwase kuqhamuka izwi lathi lelibhayibheli liyobhalwa yimi, ngingakujabuleli lokho ukuthi ngibona lelibhayibheli ngoba imina ekufanele ngilibhale.
12.Kusukela ngaleso sikhathi kuze kube manje yangihlupha kakhulu lento, ngakhula ingihlupha ukuthi ngiyolibhala kanjani ibhayibheli, kanjani emhlabeni, ngiyolibhala kanjani ibhayibheli.
13.Ngithe mangikhula ngazama ukuthi ngibhale izincwadi, abantu bayazi ukuthi ngaqala ngenza amakhasethi, ngishumayela ngawo, ikhasethi nje elidume kakhulu elithi ubuNazaretha ngalenza nethempeli laseMadadeni, lagcwala umhlaba wonke, kodwa ngithe uma sengiphuma eBuhleni lase liyalahlwa angilazi ukuthi lagcinaphi.
14.Ngangagcina ngokwenza amakhasethi, ngazibandakanya nezinto eziningi, kodwa kukho konke lokhu ngangizama ukuthi mhlawumbe lokhu ukuthi angibhale ibhayibheli, kuzofezeka ngokwenza lento engiyenzayo.
15.Ngangingowokuqala owaqala ukushumayela ngamakhasethi, ngangagcina lapho, ngahlabelela kumakhasethi. Ziningike izinto engizenzile ebandleni lamaNazaretha.
16.Eyokuqala nje enkulu, ngaya kuBaba ngamtshela ukuthi, kwakusenguBaba iNyangayezulu, ngamtshela ukuthi ngifisa ukuba kube khona inhlangano yentsha. Ngayiqala leyonhlangano yentsha, ngicabanga ukuthi kwakungu 1980, yayingakaba nalo igama.
17.Ngicabanga ukuthi kwakungu 1985 lapho engahamba khona noMvangeli uMkhize sase siyiqala sobabili, kodwa ngithe ngibona ngase ngisitha salaba bantu engithi ngisebenza nabo.
18.Lokho kwenzeka ngesikhathi seNkosi uThingo, ngase ngiyahamba ngiya kwiNkosi uThingo ukuthi cha, ngicela ukuba ngihlehle ngoba lento ebengithi ngiyayenza, ayihambi ngalendlela ebengithi ngiyenza ngayo, ngakho-ke angifuni ukuthi igama lami lihlangana nalento esiyenzeka. Ngase ngiyaphuma entsheni ebizwa ngokuthiwa i-NABACHU.
19.Ngenxa yokuthi angikaze ngiyeke ukushumayela, ngagcina ngibhekana nezifundiswa ezinkulu ezazibhale izinto ezingelona iqiniso ngoShembe, oProfessor Oosthuizen, ngazihlanganisa no Professor Oasthuizen, ngabachazela ukuthi lento enibhalile ngoShembe ayisilona iqiniso.
20.Kwakunomngani wami okwakuthiwa uPapini, uRobert Papini owayekhona lapha eBuhleni, wayesethi uRobert Papini ucela ukuthi njengoba kune symposia ehlala ibakhona ngonyaka e-Wits University lapho okusuke kukhulunywa khona ngoShembe, ucela ukuthi ngibe involved kulokho.
21.Ngempela ngaba involved, ngiyakhumbula ukuthi kwaba nephepha elalibhalwe uProfessor Kitchiff oyi Dean e-University of Zululand, owayekhulume khona ngoShembe, kabanzi, uBabamkhulu.
22.Wayesethiu Papini, muphendule lo mlungu, ngimphendule ngingenalo nolulodwa ulwazi lwezenkolo, ngingenayo university degree or a paper kwezenkolo, kodwa ngahamba ngaya e-Wits University, kwakuno Professor abahlukene abanye bevela e-University e-Canada abanye kungabantu abamnyama. Ngase ngiyamphendula uProfessor Kitchiff ukuthi lento oyikhulumayo ayisilona iqiniso.
23.Leliphepha engangilibhalile, labathinta kakhulu abantu abamnyama abango Professor nodokotela, ngangokuthi kwathi uma kuphuma ilantshi beza kimi, bazohlala kimi, bathi ikhona into enje emhlabeni ngathi mina ikhona.
24.U-Professor Oosthuizen wayesengithanda kakhulu, kuthe uma ngabe sekungena i-New South Africa, wayese uProfessor Oosthuizen engimema ukuthi ngibe kwi Interfaith Conference lapho engizomela khona ibandla lamaNazaretha.
25.Ngase ngiya kuBaba iNyangayezulu ngiyomtshela ukuthi ngifuna ukuba ngibe kwi Interfaith Conference ngimele ibandla lamaNazaretha, ngaleso sikhathi ibandla lamaNazaretha lalisengaphansi kobuKrestu.
26.Ngempela la kwi Interfaith Conference ngafike ngacela kuBaba ukuthi ngicela ukuba ngilikhiphe ngaphansi kobuKrestu, ngicela ukuthi lizimele, wathi uBaba iNyangayezulu kungani, ngikwenzelani lokho?
27.Ngathi mina uma liba ngaphansi kobuKrestu, angizukukwazi ukushumayela ngokukhululeka ngoba amaKrestu into engizoyikhuluma azothi lento oyikhulumayo ayibona ubuKrestu, so, kuncono ukuba ngizimele.
28.Ngathi uma ngifika kwi conference amaKrestu anqaba, athi no, ibandla lamaNazaretha lingaphansi kobuKrestu, kwase kusukuma inkolo yoMdabu, bathi no ubuNazaretha bungaphansi kwenkolo yoMdabu, kwase kuba khona impikiswane lapho.
29.Ayese amaJuda nama Muslims ethi akuchaze mina ukuthi kungani kufanele ukuthi lelibandla liphume ngaphansi kwenkolo yoMdabu futhi liphume ngaphansi kwamaKrestu.
30.Ngase ngithi mina inkolo yomdabu ithi izwi Labantu, ngamanye amazwi yakhiwe yizwi Labantu, kodwa thina sithi Izwi Lezulu ngoba uShembe wahlangana noNkulunkulu.
31.Ngathi inkolo yobuKrestu ngiyayivuma anginankinga noJesu, kodwa asikhulumi ngoJesu, sikhuluma ngoShembe, ngakhoke kuzoba nokushayisana. Ayase ama Muslims namaJuda evumelana nami ukuthi isizathu esizwakalayo leso.
32.Ngase ngibiza ngokuthi le nkolo ubuNazaretha, ngoba noBaba iNyangayezulu wathi uma ethi uzoyibiza ngokuthini, ngathi mina uBabamkhulu wathi “Thabani, Thabani bufikile ubuNazaretha.” So, ukuthi le nkolo izimele, imina engenza lokho.
33.Kuthe ngesikhathi sikaBaba uThingo, kwaba khona commission ekwakuthiwa i-Truth and Reconciliation Commission. Nalapho futhi uProfessor Oosthuizen wangibhalela incwadi wathi angiyochaza ukuthi ubuKrestu noma abezimishini zamhlupha kanjani uMprofethi namaNazaretha.
34.Ngase ngiya kuBaba uThingo ngathi ngicela ukuba kube khona ongiphelezelayo sihambe siyomela ubuNazaretha, bonke benqaba, nabefundisi, nabavangeli.Ngahamba ngedwa ngaye ngayofika e-East London, ngiyomela ubuNazaretha.
35.Ngathi uma ngifika le e-East London ngathola izinkolo zonke zinabantu abayishumi nambili (12), befike beme laphana e-Stage kukhulume oyedwa, kodwa uma sebebuzwa imibuzo bese belekelelana.
36.Kodwa kwathi uma sekuyi turn yami ngathola ukuthi ngingedwa, akekho umuntu ohamba nami, ngathola ukuthi ngingedwa. Kwakukhona ngisho i-ZCC wahlala lapha umholi we-ZCC kwaba into enkulu kakhulu bahlala laphana e-stage babuzwa, bachaza but mina ngangingedwa engaya laphana.
37.Kodwa ngendlela uNkulunkulu owasebenza ngayo ngami, ngathi ngibuya ngase nginabangani abaningi bamaKrestu, ngoba u Bishop Tutu, ngase ngitshelwa omunye u-Bishop engangihamba naye ukuthi u-Bishop ubuzile ukuthi uyisima kanjani loyamuntu, ngabe ungummeli, wathi lo Bishop cha, akayena ummeli, uyimantshi ngoba ngabuzwa imibuzo ngayiphendula njengoba kufanele.
38.Kwakuyimi kuphela owamela ubuNazaretha, ngimele uBabamkhulu, ngichaza emhlabeni ukuthi uBabamkhulu wahlupheka kanjani.
39.Akukhona kodwa lokho engakwenza, ngo 1985 ngaya oKhozini ngashalenja amaKrestu ukuthi ake achaze ukuthi uBabamkhulu wandiza kanjani, ngaya laphana OKhozinim agcwala amaKrestu kulelihholo esasikulona.
40.Ngachaza, ngachaza indaba kaBabamkhulu ngase ngithi abangiphikisayo abaqhamuke, akuzange kwaqhamuka noyedwa umuntu njengoba kungasekho nje lokhu ukuthi uBabamkhulu wandiza ngoba ngase ngiyazi yonke into ukuthi ihambe kanjani.
41.Ngoba ngaso sonke isikhathi into ngiyaye ngiyicwaninge ngibe nesiqiniseko sokuthi lento ihamba kanje kodwa futhi ngelekelelwa uMoya Oyingcwele.
42.Ngisho ukuthi njengoba ngimi phambi kwenu nje, noma amaNazaretha ehlale engithuka ngazo zonke izinsuku. Kodwa angikaze ngifise ukuthi ngihole ibandla, angikaze ngkufise ukuhola ibandla.
43.Ingelosi yafika cishe kwakungu September 2006, ngaleso sikhathi sasingazi ukuthi iNgelosi, sasibona iNkosazana nje enhle esithandayo. Kodwa ngo 2010, mhlaka 04, kwakusekuseni kunguMsombuluko, kade ngisemhlanganweni wabagcotshwa silungiselela ukuya eNhlangakazi.
44.Yafika iNgelosi yaguqa phambi kwethu nanangu uMkhokheli (Mfundisikazi) yathi ngithunywa uShembe uBaba iLanga, uthi makhele indlu kaJehova, indlu ka-Jehova ke ibandla, kulelibandla uyofundisa abantu indlela eyiyo yokukhonza uJehova, uyothathela ebhayibhelini nasezihlabelelweni zamaNazaretha.
45.Ayikho into esesihlabelelweni samaNazaretha oyiyithola iphambana nebhayibheli, ngakho-ke kukho konke oyokwenza uyobheka ukuthi ibhayibheli lithini, ubheke ukuthi izihlabelelo zamaNazaretha zithini, ubuye ulandele izintshumayelo zikaBabamkhulu efundisa amaNazaretha ukuthi uJehova ukhonzwa kanjani.
46.Ileyo i-mandate engayimukela engelosini mhlaka 04 January 2010 ngilungiselela ukuya eNhlangakazi ngiseseBuhleni.
47.Empilweni yami angikaze ngiwaqambe mina amanga lokhu ngazalwa nje, ngisho ungaya ezulwini ngeke ufice lapho kuthiwa khona ngake ngaqamba amanga, anginawo mina amanga, angikaze ngiwaqambe amanga.
48.Njengoba ngike ngisho ukuthi njengoba ungibona nje mina angikaze mina ngishawe umuntu futhi angikaze ngimshaye umuntu, ngisho ungaya ezulwini ngeke uthole lapho mina ngishaye umuntu ngisho ingane yami angikaze ngiyishaye.
49.Mina angikaze ngibaleke, futhi angikaze ngimhubhe umuntu, ileyo impilo engiyona, ngisho uMkhokheli uhlala nami njena akayona into engiyona ngazalwa nginje, angiwaqambi mina amanga.
50.Angikaze mina ngiyakhe into engekho, ngisho ungaya ezulwini ngisho ungayaphi ngeke uze uthole mina ngiqamba amanga, ngisho ngisesenkantolo ngathi ngifuna ukuba imantshi ngoba ngangifuna ukukhuluma iqiniso, hhayi okunye kodwa iqiniso.
51.Ngakwenqaba ukuba ummeli, ngathi uma ngiba ummeli kuzofika lapho kuthiwa khona angiqambe amanga ngathi mina angikwazi ukuqamba amanga lokhu ngazalwa.
52.Njengoba ngithi angkaze ngishawe, ngisho uBaba akakaze aze angishaye, uma uma wangishaya, wangishaya ngisemncane kodwa sengibuka nje angikaze mina ngizibone ngibaleka ngishawa ngoba yonke into ngadalwa ngilento engiyona. Njengoba nje amaNazaretha engithuka, ngiyathula nje, kodwa mina ngimele iqiniso.
53.Manje-ke yangihlupha le ndaba yebhayibheli ngingazi ukuthi ngizokwenza kanjani. Ngiyakhumbula ngiseBuhleni ngahlanganisa intsha ngithi asakhe lelibhayibheli, sahlangana eMaqadini.
54.Omunye walabo bantu kwakunguMfundisi uVilakazi, kukhona omunye umfana, angisazi noma usekhona noma uphi kodwa waba seThembezinhle, abantu bayafa-ke njengoba sesehlukana, uyaye ungatshelwa, kodwa sahlangana sithi sakha ibhayibheli, kodwa saze sehlukana akukho lutho olwenzeka.
55.Ngazitshela ukuthi okusho ukuthi lelibhayibheli kwakushiwo ukuthi ngizohlangana nengelosi ngishumayele, ngempela ekuhlanganeni kwami nengelosi kusukela ngeyi 30 Sept 2010 akukaze kube khona weekend, usuku lweSabatha lapho ngingami khona ngikhulume indaba kaNkululunkulu.
56.Akukaze ngisho ngangolulodwa usuku kusukela ngeyi 30 Sept 2010 kuze kufike lolusuku, alikho iSabatha mina ngingakaze ngime phambi kwenu ngikhulume indaba kaNkulunkulu, alikho.
57.Ngangokuthi ngisemusha ngisenamandla, ngangingagcini ngokushumayela ngeSabatha kodwa ngangishumayela naphakathi nezinsuku, ngishumayela ngayo yonke indlela.
58.Ukuthi umdlandla ongaka nganguthathaphi, angazi, kodwa nganginganakile ukuthi ngibhala ibhayibheli, ngangicabanga ukuthi ngiyashumayela nje ngoba ngithunyiwe ukuthi angishumayele, kanti uNkulunkulu uyazi ukuthi lelibhayibheli ngizolibhala kanjani.
59.Ngicabanga ukuthi kwakuko 2023/24 kwakunabantu ababelokhu bengibhalela ukuthi ngingazithatha yini lezintshumayelo zakho ngizenze incwadi eyodwa, ngithole ukuthi anginaso ngisho isikhathi sokumphendula.
60.Ngithe ngizwa lapha kithi babesho ukuthi sihlanganisa izintshumayelo zakho. Nganginganakile ukuthi lo msebenzi usumkhulu kangakanani ngoba bengisebenzisa computer, computer awukwazi ukubona ukuthi umsebenzi usumngakanani owenzile, nganginganakile.
61.Kodwa cishe ngo 2025 or so ngithe ngithola lo msebenzi wawusuko 5000 wama pages, over 5 000 wama pages, ngathola ukuthi lapha esontweni kanti njengoba ngishumayela bahlanganisa lo msebenzi engiwushumayelayo.
62.Ukuthi baqala nini kanjani, bahlanganaphi kanjani, abakaze bangitshele, ukuthi obani, ngiyazi nje ukuthi i-group yaseGoli enoMfundisi uNtuli, kodwa okungaphezu kwalokho angazi bakwenza kanjani.
63.Kodwa kuthe ngo 2026 ngathola ukuthi sekunama volumes awu 8 ebhayibheli, lama volume lawa, eyokuqala ingaphezulu kwa 400 pages, ngathuka ukuthola ukuthi sekunomsebenzi omkhulu kangaka osuwenziwe i-NCG ukuhlanganisa izintsumayelo zami.
64.Kulezintshumayelo ngenkathi ngizenza I was so articulate, angizange nje ngashumayela nje isizulu, ngashumayela isizulu, yonke into engangishumayela kuze kube manje ngangiyicwaninga futhi nginikeze abantu ukuthi bangivumele uma bengivumela, bangiphikisa uma bengiphikisa, bangithuke uma bengithuka.
65.Kodwa ngivumele wonke umuntu, amaNazaretha namaKrestu naboMdabu noma imuphi umuntu ukuthi abangiphikise kulento engikhulumayo. Kodwa bonke abaye bengiphikise baye bangiphikise emotional, akekho oyaye eqhamuka with something ezwakalayo.
66.Ngisho ngokomlando, ngoba yonke into engiyenzile lapha ebhayibhelini, ngiyenze, ngenza research ngayo yonke into, ngenza research ngebhayibheli, ngenza research ngomlando. And namuhla I ended up ngazi ukuthi of all the people. Noma ngabe bango professor, noma bangodokotela, they know nothing about lento abathi bayayazi, ungathola nje ukuthi abazi lutho.
67.Kodwa uNkulunkulu emkhulu wangilethela nangu Dr Xakaza, uDr Xakaza played a very important role ekubeni ngibe nesiqiniseko somlando wenkolo yethu.
68.Ngoba uDr Xakaza is a student of history, of biblical history, ngakhoke yonke into, kwatholakala ukuthi ube frustrated lapho ebekhona, wathi uma engizwa ngikhuluma wathi nakhu lapho enginga fit khona, wa-fit.
69.Kwangacgina ngo Dr Xakaza, uNkulunkulu wangilethela nje abantu, ukuthi lona uzokusiza lapha, lona uzokusiza lapha.
70.Ngiyazi ukuthi uma kukhona izinto engizifunayo biblical ngizothinta uMfundisi uNtuli, uMfundisi uNtuli uzongitshela, ngoba sengumuntu okhululie okhohlwayo, enye into ngiyayikhohlwa, one memory yakhe engasaqondile, enye into ngiyayikhohlwa.
71.Kodwa mangithi Mfundisi get me into ekhuluma ngento ethize, akupheli sikhathi ngiyayithola, Dokotela ngitholela lezi zinto engitholele, nangu uDumisani Ntshangase, ngitholela lezi zinto, engitholele, ama creeds amaningi ngawathola ngoMshumayeli Ntshangase.
72.Angikhulumike indaba ka-Delwa, uDelwa played a very important role ekuthenini to retain yonke into engikhulumayo ngoba une memory eyisimangaliso and ukhuthele.
73.Bengithi uma ngikhuluma ngento, ngaso leso sikhathi uDelwa ayibhale phansi, ayilethe kimi isibhaliwe, bese ngi edit, in a week ngothi intshumayelo kade ngiyishumayelile uDelwa useyenze yonke into.
74.Nabanye abaseGoli, nabanye engingabazi, kodwa bonke basebenze njenge team ukwenza lo msebenzi kaNkulunkulu.
75.UNkulunkulu wangilandela abantu abafunekayo kulento ekuthiwa angiyenze, and yenzeka bantwana baseKuphakameni.
76.NgoLwesithathu (11 March 2026) sizobe si launch ibhayibheli, first of it kind, ibhayibheli elibhalwe yithi njengoba singelutho nje sihlale sithukwa amaNazaretha, amaNazaretha ayibona eyinto enkulu kunathi, into nje isiyenziwa amaNazaretha ukuthi ahlale esithuka.
77.Ngiyawancoma amaKrestu ngoba amaKretsu noma bengikhuluma izinto ngiwahlaba lapha nalapha kodwa akekho umuntu ongumKrestu owake wangithuka.
78.Zonke izinhlamba enginazo bengithukwa amaNazaretha, kodwa abantu okufuneka sengabe ba understand better than amaKrestu indaba kaNkulunkulu amaNazaretha.
79.Ngoba lo mbhedo lona wokuthi uShembe uNkulunkulu. Lo mbhedo lona wokuthi ibandla lamaNazaretha ibandla lakwaShembe, umbhedo ozophela, ngoba umbhedo. Njengoba ngimi lapha mina ngathunywa uShembe uBaba iLanga ukuthi ngiqondise indaba kaNkulunkulu.
80.Namhla amaNazaretha akasenendaba noBaba iLanga, akasenendaba noBabamkhulu, adumisana wodwa, ngoke ngibone ukuthi iyogcinaphi indaba yakhe, ngoke ngibone, kuyobe uNkulunkulu akekho.
81.Ngoba wathi uBaba iLanga ayikho into emhlabeni ezobanhle njengobuNazaretha, I am the person ocacisele umhlaba wonke ukuthi Jesus was not a Christian, Jesus was a Nazarite, and I have proved it historical and otherwise that Jesus was a Nazarite, ukuthi njengoba singamaNazaretha, Jesus was a Nazarite, not a Christian.
82.And lento lena isazoqhubeka, abantu basazobona ukuthi ubuNazaretha is not something for Shembe only, it is for the whole world.
83.Lelibhayibheli elikhona liziphela ngoba lelibhayibheli elikhona into engekho ngoba abamhlophe bathatha umsebenzi wabantu abamnyama, bawu edit ngendlela yabo, base bethi ibhayibheli.
84.Whether it is an Old Testament or it is a New Testament, iyinto engekho, kodwa ukuze babone abantu ukuthi into engekho kufanele kuqala kube khona into ekhona and into ekhona ile eyenziwe ilelibandla, few as we are.
85.Kodwa ngoba sesihamba noNkulunkulu, we are great in heaven, asilutho emhlabeni kodwa ezulwini siyinto enkulu ngoba ingelosi iphumile ezulwini yazohlala nathi physical, yathi lapha Lungisa kanje, lapha ulungise kanje.
86.Akekho umuntu emhlabeni kulesisikhathi samanje obe kulesi simo thina esibe kusona, ngoba thina uma sikhuluma ngendaba kaNkulunkulu asihambe siyofuna mabhayibheli, ibhayibheli lithini lapha, u verse bani uthini, thina sihleli nengelosi esichazela yonke into.
87.Thina sahlala noMprofethi, uMprofethi Isaiah Shembe owayesichazela yonke into, kodwa more than anything njengamanje sihleli neNgelosi, umuntu noma engaqhamuka nani, nani, nani, we just look at you, we just look at you ngoba sihleli neNgelosi.
88.Ngoba thina sivela kwelizayo, noma nisibona silapha kodwa sivela kwelizayo ngoba uNkulunkulu usibonise izinto ezingabonwa umuntu walapha emhlabeni, izinto thina esizaziyo, abantu basemhlabeni abazazi.
89.Noma bengafunda noma bengakholwa, noma bengayini kodwa into esiyaziyo ngoNkulunkulu akekho umuntu oyaziyo, noma oShembe bengabakhulu, bebeyini, but abazi lutho ngombuso wezulu, ngisho okukodwa, bengakhukhumala nje besho lokhu nalokhuya, kodwa umuntu owazi ngendaba kaNkulunkulu ithina.
90.We may be few, but we are many in heaven, we may be nothing, but we are great in heaven, we are great.
91.INkosi ibusise enikuzwile.