Skip to content

UJEHOVA UFUNA SETHEMBEKE KUYENA

UBaba uMelusi ngelinye ilanga usifundisa nge character uthi, “I-character yakho kufanele ukuthi i-prevail(e) over uma isilingo sesfikile. Iyona le ekutshelayo ukuthi ngiyi Nazaretha ukuthi ngeke ngikwazi ukukwenza.” I-character leyo. I personality yakho isuke isikwenye indawo ngaleso sikhathi kusuke sekufanele kume i-character, ithi u-1 no-2 ngeke mina ngiwenze ngoba ngiyiNazaretha.

Inkonzo yangeSabatha ekuseni ngomhlaka 28 February 2026 eNqobizitha. Besiyethulelwa nguMvangeli uThusi wase Mpangeni, ebisihloko sithi: 
 
UJEHOVA UFUNA SETHEMBEKE KUYENA.
 
36. ISIHLABELELO
1 Ngofa ngingenani
Mina ngedwa soni
Ngofela esandleni sakhe
Owathunywa nguwe.
 
2 Lokhala icilongo
Lokwamukela umoya wami
Songena entokozweni,
Yaba khethiweyo.
 
3 Hayi umusa kaJehova
Ngami mina ngedwa,
Ebengingafanele lutho
Okhukhweni lwakho.
 
4 Namhla sengicambalele
Kanye nabaNgcwele,
Abamagama alotshiwe
Ebusweni bakho.
 
1.Ngiyabonga baNgcwele ngokungilekelela kulesi sihlabelelo. Isihlabelelo engisithanda kakhulu ngoba sixoxa indaba enhle ende ngokuhawukelwa kwethu. Noma bekukuningi obekungasifanele kodwa sithole sesikanye nabaNgcwele.
 
2.Yinto enkulu leyo abantu abaningi abaye beyithathe kancane ukuba Phakathi kwabaNgcwele. Abayaye beyithathe kancane ukuba phakathi kwalelibandla esikulo sibe nalabaholi esinabo. Abantu bayaye beyithathe kancane leyonto kanti yinto enkulu.
 
3.UNkulunkulu usakhele indawo yokuba size phambi kobuso bakhe. Baye bethi abanye abantu kunandabani ngiyakwazi ukuzikhulumela noNkulunkulu.
 
4.Angimudingi umfundisi ukuze ngikhulue noNkulunkulu. Athi omunye angidingi ukuthi ngibe sebandleni ukuze ngikhulume noNkulunkulu noma ukuze uNkulunkulu angizwe. Kanti benza iphutha elikhulu kakhulu.
 
5.Uma ulalele indaba yase Edeni, ukuthi uNkulunkulu bathi sebonile wafike wathi, “Adam ukuphi?” Okusho ukuthi kukhona indawo owayeyimakile ukuthi ufuna ukubathola kuyona and kwakhomba ukuthi uNkulunkulu noma ebona zonke izindawo kodwa yena ubebuka lendawo le ababuza ukuthi bakuphi.
 
6.Ngale kwalokho kwakungafanele ukuthi ababuze ukube wayebuka yonke indawo engenayo indawo ayimakile ukuthi ngifuna ukunithola la.
 
7.So natike usenzele into enjalo uNkulunkulu wasibekela indawo wayesethi ufuna ukusithola la. Uma sikhala ufuna, uma sikhala ufuna ukuthi sikhale sila ukuze yena asizwe ukuze yena asibone.
 
8.So ke ukuthi awudingi indawo efana nale ukuze uNkulunkulu akubone kuyiphutha elikhulu kakhulu elenza abantu bengene ezinkingeni azingaxazululeki ngelinye ilanga. Bese bekudinga lokhu kukholwa abakuyeke kusenesikhathi.
 
9.Ngixolise kakhulu baNgcwele ngifisa ukukhuluma ngesihloko esithi: UJEHOVA UFUNA SETHEMBEKE KUYENA. So ke ngisakhuluma ngokuthi siyadingana kunencwadi laphana engifisa siyifunde ka Mark 2 verse 2 kuya ku5. Ngicela ongakwazi ukungilekelela angifundele.
 
10.{Kufunda umfundisi B. Mpanza} “Incwadi ka Mark 2 kusuka ku verse 3 kuya ku verse 5: BEZA KUYE BETHWELE UMUNTU OFE UHLANGOTHI APHETHWE NGABANTU ABANE, BENGENA KUSONDELA KUYE [UJESU] NGENXA YESIXUKU. BAQAQA UPHAHLA LAPHO EKHONA. BATHI SEBEBODLOZILE BEHLISA UHLAKA ALELE KULO OFE UHLANGOTHI. UJESU EBONA UKUKHOLWA KWABO, WATHI KOFE UHLANGOTHI, “NDODANA UTHETHELELWE IZONO ZAKHO.” AMEN”
 
11.Amein iNkosi ikubusise, ithi lencwadi abangani bezwa kuthiwa kuzobe kunoJesu efikile. Ngokukholwa kwabo base beyithatha lensizwa esohlakeni bayihambisa lapho kwakuno Yeshua(Jesu) khona.
 
12.Kodwa kwakunesiminyaminya kugcwele bengakwazi kusho ukudlula. Kuthiwa endlini bangcina sebeqaqa iroof phezulu behlisa loluhlaka but la ingithinta khona ila ethi khona uYeshua, ebona ukukholwa kwalaba abaqaqe iroof bangenisa lo osohlakeni.
 
13.Wathi izono zakhe zithethelelwe ngenxa yokukholwa kwalaba abamehlise ngohlaka abathe uma bebona isixuku bathi ngeke umngani wethu kufane egcine efikile ngeke ngeke ngeke. Bavula phezulu.
 
14.So ke lento isitshela ukuthi siyadinga ukuba la akukho la udinga khona ukuba wedwa ngoba ngelinye ilanga ukukholwa kwalaba osuke ulethe kubo usizi lwakho, ikhona okungenza ukuthi uNkulunkulu asise usizi kuwe.
 
15.Abaholi uNkulunkulu abalethe phambi kwethu size sifike kulesi sigaba esikusona njengamanje. Usivezele ukuthi uNkulunkulu usithanda kangakanani ngabaholi. Angikwazi mina uku prove(va) ukuthi uNkulunkulu ungithanda kangakanani.
 
16.UNkulunkulu angizange ngamubona ngaphambilini kodwa ngenxa yabaholi asithumele kubo namhlanje sengazi okuningi ngoNkulunkulu. Namhlanje sengikwazi ukuthi ngikhale kuJehova ezwe kodwa before bengeke ngikwazi.
 
17.So ayikho le yokuthi ngingakholwa la mina ngizihlalele ngedwa endlini, ngingazihlalela akusho ukukholwa ukuthi kufanele uze uye endlini yokukhonza akusho ukuthi kufanele uze ube nomfundisi. Kofika izikhathi la uyodinga khona abantu abathi uma bekhuleka uJehova abezwe.
 
18.So ke ingithatha kakhulu leyonto ngoba abantu bayaye bezitshele ukuthi ukuvuka size eSabatheni, ukuza lapha e NCG kuyinto nje esiyenza for fun noma esiyenza noma sizwa kuvuma.
 
19.Kanti ngisho ukuza lapha eNqobizitha kukhona abazitshela ukuthi, “Hhawu! Why kufanele ngiye eNqobizitha?” Abazi ukuthi kuba nomehluko ukufika phakathi kwekhaya lapha eNqobizitha uzohlangana nabaNgcwele ufike phambi kwabaHoli.
 
20.Kwenza umehluko omkhulu kabi, angeke uze ukuqhathanise nokuthi kunani uma ngizihlalele ethempelini unyaka wonke ngingayi ekhaya elikhulu.
 
21.So ke ileyonto ethi uNkulunkulu ngokuthembeka kwabanye abantu esinabo lapha engasihawukela uma sinezinkinga ezithile uma bekhuleka besikhulekisa amein. So ngithe ngifisa ukukhuluma ngesihloko esithi uJehova ufuna sethembeke kuyena.
 
22.Ngiyaye ngibona uma ngifunda isikhathi esiningi noma ngilalela abantu bekhuluma bayaye begcizelele ngazo zonke izikhathi ukuthi uJehova uthembekile kithi.
 
23.Kodwa akaze ngingezwa ukuthi thina sithembeke kanjani kuye uJehova. Ngiyaye ngibone engazuthi ukuthi thina sihlale sithembekile kuye uJehova sikuthatha njengokuthi asinayo i-obligation efana naleyo yokuthi sithembeke kuJehova.
 
24.And uJehova kulokhu kuvela kaningi ukuthi ufuna abantu abathembekile kuyena hhayi esikhulwini esithile noma kumuntu othile kodwa kuyena uJehova.
 
25.And uJehova siyamethemba, uJehova siyamthanda, uJehova siyamesaba siyamdumisa kodwa umbuzo uthi sithembekile yini kuJehova? Eh! Angeke ngithi sinomkhuba wokungathembeki kuJehova kodwa ngizothi mina ngelinye ilanga ngathola ukuthi angithembekile kuJehova.
 
27.Ngoba uma ngingathi “si”, kukhona ongathi, “Ay uMvangeli ushayisile wafaka nami Phakathi kanti mina ngithembekile kuJehova.” Aze abe ne proof.
 
28.Kodwa ngathi uma ngithola ukuthi engathi angithembekile kuJehova ukuhamba kwami kwansuku zonke kukhomba ukuthi angithembekile kuJehova. Akuze kube yizinto ezinkulu ongaze ungathembeki ngazo kuJehova.
 
29.Ezinye izinto izinto ezincane ezinganakekile. Ukuthenga nje esitolo bese kubuya ushintshi o-extra bese ungasasho ukuthi sekuno R10 la osungene ngephutha. Ukungathembeki lokho kuJehova.
 
30.Ukuze singasho izinto ezinkulu, uzoze uthi uthembekile. Ukuthatha nje u-R10 ungasho ukuthi nakhu imali yenu isiyeqile ukungathembeki lokho kuNkulunkulu ngoba oMubi(uSathane) uma sekuvaleleke u-R10 wentombazane edayisa esitolo isize yawukhokha emalini yayo ngoba sekushoda, oMubi ufika esezofuna i-product yakhe kwakho noma kuwe.
 
31.And uma ekwazi uku claim(a) kuNkulunkulu ethi, “Kuno R10 ngaphakathi.” Kufanele avulelwe angene ukuze athathe into okungeyakhe. OMubike ngifunda ukuthi uma esengenileke awukwazi ukumukalela manje ukuthi thatha uR10 uphume uhambe. Eh! uR10 ungaphuma sekuyindlu eshayo, uvele ushelwe umuzi ngoR10 ovaleleke ngaphakathi.
 
32.Once oMunbi sekune product yakhe ayibona ngaphakathi, utshela uNkulunkulu ukuthi, “Lo muntu usho ngani kanti ukuthi uthembekile umuntu wakho ngoba wena Nkosi uthembekile, engahlala kanjani nalento ngaphakathi okuyinto yethu?” UNkulunkulu ugabe ngathi kodwa kunezinto zabanye abantu ezitholakala ngaphakathi kithi.
 
34.Uma ungezwa kuthiwa ingane yakho njengoba uyethemba kangaka, uhamba ukhuluma ngayo ukuthi ihlakaniphile kodwa ngelinye ilanga kutholakala ukuthi kune cellphone yomuntu ela phakathi emzini wakho. Kune bayisikili ongalazi elila. Ayikho into ephoxa njengaleyo and kufanele ubavumele bangene bayithathe into yabo.
 
35.So ke ngenzela ukuthi uma sibuka lento yokuthembeka kuJehova singabuki size sithi sense into enkulu size sicabanga ukuthi ukungathembeki ngezinto (ezinkulu). Izinto ezincane… omunye wayengixoxela ethi, uthi lomlungu kwadlula umfana angazi noma omsebenzelayo noma owayekanjani kodwa wafika anama CD omusic awuthandayo.
 
36.Uthi wathi, “Hhawu! Nawu lomusic.” Uthi nje ayemaningi mhlampe ayeze la ko 10. Uthi wayesewathenga ngoba emethemba lomfana ukuthi hhawu nangu usibanibani engidayisela lama CD.
 
37.Uthi emveni kwalokho wadlalu music wakhe wawudla shuthi lomculo wawudlala uthi koda ngelinye ilanga esekhohliwe nje, uthi bagqekeza endlini yakhe kwathathwa i-system yonke la adlala kuyo lama CD banezezela angazi noma nge TV yini kodwa ama CD asala abangawathatha.
 
38.Ngithi mina kuye, “Umoya wangena ngama CD and njengoba esele nje oMubi usazokuphinda ngoba ushiye into okuyiyona efake Isela.” Because uyasho naye ukuthi later wathola ukuthi lomfana ama CD wayewantshontshile. So ke bathathe yonke lento adlala kuyo i-system yakhe ebizayo ne radio yakhe bathatha ne TV base bephinde bewashiya futhi.
 
39.Ngase ngithi mina, “Omubi usazophinde azogadla ngoba umoya ungaphakathi, lento uyivalele ngaphakathi la.” Wayewathenge ngoba emu trust(a) lomfana kodwa uma usulalele esekhuluma usuyabona ukuthi lomfana akathembekile.
 
40.Uku trust(a) umuntu-ke kuyinto encane kakhulu kabi kodwa okubuhlungu ngoku trust(a) umuntu aku guarantee(we) ukuthi ureliable uhonest akugarantee(we) lokho.
 
41.Ukuthembeka kumuntu kuyinto encane kabi and kulula. Eh! Uma umuntu ethenga omunye ethi akayobulala omunye bese lona omunye efike emubulala lona (athunywe kuye) usuke ethembekile kulo omthumile but kuNkulunkulu akathembekile.
 
42.So ke ukuthembeka kubantu angeke kuze kusilekelele kodwa ukuthembeka kuJehova ikhona esikudingayo ngoba bonke abantu uJehova onguyise wabo bayokwazi ukuthi bahambisane nawe uma uthembekile kuJehova.
 
43.And ukuthembeka kuJehova kuyoba isihlangu sokuthi labo uJehova angasiye uYise kubo, uvikeleke kubo uma bekwenza okubi ngoba uthembeke kuJehova.
 
44. Ungaba lapha e-NCG uze phambi kwabaholi ulibike usizi lwakho kodwa lungeze lwasuka ngoba unento ekuwe oyenzayo eyenza ungathembeki kuJehova. So ke uzwa umuntu ethi ngaba lapha e-NCG ngaze ngahamba izinkinga zami zazingapheli.
 
45.But uma uthi uyabuka wayi question(a) yini i-character yakho ukuthi yona i-character yakho iya align(a) yini nokuthi uJehova alususe lolusizi owawufike nalo. Sifuna izinto kuNkulunkulu kodwa thina asethembeki kuJehova. Ngelinye ilanga ngise Goli umfundisi uNtili uyangithinta uthi kunobaba okumele siyomkhulekela use Springs.
 
46.So ke sizohamba, kwakusekhona umvangeli uDlamini bese sihamba naye umfundisi. Safika lobaba impela ekhona ehleli egarage eyedwa. Sayiqala inkonzo ka-9 sakhuleka senza konke.
 
47.Sase sihamba, angazi kwenzakala kanjani ukuthi athole inombolo yami ngoba ngangihamba nabagcotshwa. Ngangilindele ukuthi hlampe ebe nenamba yabagcotshwa ngoba angazi wayelubike kanjani usizi saze safika endaweni yakhe.
 
48.Kodwa uthi kimi uma esengifonela, “Thusi lokhu nangithandazela namanje angikasindi.” Ngathuka kakhulu ukuthi loludaba yini lwabhekana nami ukuthi akakasindi. Ngiyaphoxeka manje wangiphoxa uthi angikasindi kodwa nangikhulekela. Sengithi mina kuye, “ISabatha wagcine wenzenjani ngalo, uyaligcina?” Wathi, “Hhayi manje angikakakwazi ukuhamba hhayi…” wabika izaba.
 
49.Ngathi, “Ingulube uyasidla?” wathi, “Hhayi hhayi.” Ngathi mina, “Udokotela umaekunika amaphilisi uyake akutshele ukuthi ungawadli amaphilisi ungadlile ungawenzi u-1 no-2 no-3, nathi uma silethe umkhuleko ukuze ube effective kufanele ukuthi nathi ungakwenzi lokhu nalokhu nalokhu ngoba loNkulunkulu esafika naye akakufuni lokho.”
 
50.Akathembeki kithi ubaba (logulayo) kodwa ufuna loNkulunkulu athembeke amlulamise. Uma ngibuza umfundisi ukuthi ubaba ubani wake wakuthinta, uthi umfundisi, “Hhayi lokhu sagcinana ngalela langa.” Ngase ngibona ukuthi asithembekile ngisho kuyena uNkulunkulu kodwa siyazifuna izinto kuJehova.
 
51.Uyafona ngelinye ilanga sengakhohlwa futhi uthi, “UBaba uMelusi uza nini la eGoli?” ngithi mina, “Noma ulwazi ngingakabi nalo kahle kodwa yena uyeza hlampe phakathi nonyaka noma uma usuya ngasekupheleni.”
 
52.Uthi, “Umtshele adlule kimi.” Ngaluvala ucingo savalelisana ngalelo langa ngayi block(a) inombolo yakhe ngoba emveni kokuba angibeke icala lakhe lokungasindi… angazi ngoba uwumuntu onebandla ukuthi yena abantu eseke wabakhulekela bayasinda ngakusasa noma basinda ngalelo langa.
 
53.Ngabonake ukuthi manje usezokona nami eyephambilike uma esethi angodlula noBaba kwakhe. Ngatshela umfundisi ukuthi lendaba inkulu, uthi uthi uthi ubaba lo esasiyomkhulekela.
 
54.So unesinye isithombe hlampe uma ezwa ubaba uMelusi ekhuluma emsakazweni ezwa indaba yase-NCG. Unesinye isithombe, unesithombe sokuthi lelibandla lincane and liyamdinga kufuna lidlule kuyena.
 
55.Akathembekile ngayo yonke indlela kodwa ufisa thina ukuthi sethembeke kuye size sense izinto ezinkulu. Ngimethembe ngize ngithathe wonke umuntu, ngithathe uBaba ewumholi eyodlula eSprings.
 
56.So ke i-character yakhe imenza angathembeki. Lento ye character iyasihlupha kakhulu ngoba ngiyathola ukuthi akulula wethembeke i-character uma ungayilungisile.
 
57.I-character ne personality ungaze uzitshele ukuthi yinto eyodwa kodwa akusiyo into eyodwa. I personality ilena esiyibona sonke nje ukuthi hhawu usibanibani unamahloni usibanibani uyahlonipha, hhawu usibanibani unothando. Iklokhu nje wonke umuntu ola angafakaza ngakho uma kungathiwa unjani umvangeli uThusi, i-personali(thike) leyo.
 
58.Kodwa i-character ithanda ukujulake yona, ivela uma umpintshekile noma usezikhathini ezinzima. Uma kungukuthi ulambile bese untshontsha kusuke sekuyi character-ke leyo kusuke sekungeseyona i-personality. Uma usukelana nomuntu nixabane bese umshaya sekuyi character-ke leyo akuseyiyo i-personality.
 
59.Ivame ukuvela uma usumpintshekile kodwa ayiveli uma abantu bebaningi, ivela mhlampe nibabili noma uwedwa. Engayedwa umuntu ongafakaza ngawe uma kuthiwa kufuneka i-character yakho. Ababi baningi abantu abafakazayo ngawe uma kuthiwa kufuneka i-character yakho.
 
60.UBaba uMelusi ngelinye ilanga usifundisa nge character uthi, “I-character yakho kufanele ukuthi i-prevail(e) over uma isilingo sesfikile. Iyona le ekutshelayo ukuthi ngiyi Nazaretha ukuthi ngeke ngikwazi ukukwenza.” I-character leyo. I personality yakho isuke isikwenye indawo ngaleso sikhathi kusuke sekufanele kume i-character, ithi u-1 no-2 ngeke mina ngiwenze ngoba ngiyiNazaretha.
 
61.Yiwo lo okwenza ukuthi ujike ubuyele ethilini uthi lo R10 onginike wona u-extra, ngoba i-character ethi ngiyiNazaretha angikwazi ukuphuma nemali. NgiyiNazaretha angikwazi ukuthi uma kufika umuntu ezongitshela into efana nale futhi niyizwa nami ukuthi ingamanga lento noma kangiyazi. Kuyenzeka utholukuthi omunye umuntu ukhuluma into kodwa awuyazi.
 
62.I character lekwenza ukuthi kuvuke ukuthembeka kuwena uthi, “Angilwazi lolodaba lolo kodwa ngisazobheka.” I character ledala ukuthi wenze lokho and iyona i-character eyenza ukuthi luthi udaba malufika bese uthi wena, “Kade ngangibona yazi bengimusola kodwa.” Uzwa kahle kodwa ukuthi awunayo i-proof, uyezwa ukuthi i-proof awunayo so i-character le kwenza ungathembeki.
 
63.Eh…uNkulunkulu u divert(the) lomuntu wamuletha kuwe ngoba ethi uyiNazaretha lento izofike icisheke uma ike yafika kuwe. Uthembekile kanti wena uthembeke kulo ozakuwe nodaba, uthembeka kubantu awuthembeki kuNkulunkulu. Ufike uthi, “Yazai ngake ngamubona enza u-1 no-2, ngaxakeka ukuthi wenzani okusho ukuthi yiyo lento.”
 
64.Usuqalile uyayifakaza into ongenayo i-proof yayo. Konakale kuze kufike ekugcineni, i-character yalona oza nodaba, i-character yakho wena owemukela udaba. So ke ukungethembeki kuNkulunkulu kuhamba indawo ende kakhulu and angeke sikwazi ukuthi sizilekelele sethembeke kuNkulunkulu ngaphandle kokuthi i-character yethu siyi question(e) ngingedwa.
 
65.Ngiyaye ngitshele abantu abaningi ukuthi uma kuke kwasuka into ngihlala nami ngedwa angiyi kubantu ngithi, “Nakhu kwenzeka ukuthi, nakhu kwenzeka…” Ngihlala kimi ngedwa ngithole ukuthi ikuphi la engishayise khona mina ngingedwa. Kwesinye isikhathi bayakufakazela abantu bethi hhayi u right.
 
66.Nginaye nje udadewethu noma ungathi ngenzeni uzofike aphike eqala nje ukukubona. Kuthiwe, “Hhayi wenze ukuthi wenza ukuthi.” Athi (udadewethu), “Hhayi ayikho leyonto.” Uma sengifika mina ngithi, “Hhayi sisi kwenzekile sengixolisile.” Bese eyashintsha ethi, “Manje sebefunani ngoba usuxolisile?”
 
67.Akasayi la ekuthenini uthe…laba bantu ulwenabo futhi wabatshela ukuthi lento uma beyiqhuba lento le kuzokonakala. Mase ngifika mina ngithi, “Hhayi sisi ngibe wrong ngampela baqinisile, ngikukhohliwe u-1 no-2 no-3 kodwa ke sengikulungisile ngaxolisa kubona.” Ashintshe athi, “Manje bafunani pho ngoba usuxolisile?”
68.So bakhonake abantu abanjalo. Ukungethembeki kushona ngapha kushona ngapha ngenxa yezinhliziyo ngenxa yokuzalana. Ikakhulukazi nje la esizalana khona ikhona into enjalo. Befike belwe nami ngingena kuleli bandla kuthiwa, “Phuma kuleli bandla, phuma kuleli bandla.” Uma sebezwa ukuthi sengikhishiwe kuleli bandla, sebeyalihlaselake manje lelibandla.
 
69.Abazi ukuthi bekwenzekalani sonke lesi sikhathi ngila kodwa uma sebezwa kuthiwa, “Hhayi ibandla limkhiphile.” Sebethi, “Yha! Kade sabona ukuthi ayikho lento eniyenza lapho.” Ababuzi lophumayo ukuthi, “Wenzeni laphana?”
 
Ukwethembeka, ingane yakho ifika isihayiwe awubuzi ukuthi yenzeni. Kuthiwa, “Yazi lengane lento abayenza kuyo mhlambe bazitshela ukuthi ayinayise.”
 
70.Nami bese ngisukuma ngithi ake ngibakhombise. Kodwa ingane ayibuzwa ukuthi, “Wenzeni le ekwenza kuze kufike la ukuze nginga respond(i) nami ngisebumnyameni?” Ngizocela sidlule encwadini Romans 12 verse 1 kuze kufike lapha… ngicela siyiqale ku verse 1.
 
71.{Kufunda umfundisi B. Mpanza} Incwadi yabase Roma beshumi nambili kusuka kwi verse lokuqala kugcine kwelesibili: NGAKHO NGIYANINCENGA BAZALWANE NGOBUBELE BUKA NKULUNKULU UKUBA NINIKELE IMIZIMBA YENU IBE NGUMNIKELO OPHILILEYO ONGCWELE OTHANDEKA KUNKULUNKULU KUBE NGUKUKHONZA KWENU KOKUQONDA. NINGALINGISI LELIZWE KODWA NIGUQULWE ISIMO NGOKWENZIWA IBENTSHA INGQONDO YENU UKUZE NIBE NOKUHLOLISISA OKUYINTANDO KANKULUNKULU OKUHLE NOKUTHADEKAYO NOKUPHELELILEYO AMEIN.
 
72.Amein ngiyabonga mfundisi weNkosi. Lencwadi lena ngiyayithanda kakhulu, ngivamile ukuyi share(ra) ngezikhathi zonke ngoba izimo esike sabhekana nazo kulelibandla zazikhomba ukuthi siyayidinga le guideline. Ngithi i-guideline lena ngoba ngifunda incwadi kwabase Roma.
 
73.Kwabase Roma lana uPaul… it a letter le, akusiyo le athi uShembe uMprofethi (ukuthula kube kuye) athi asesabe uJehova ngemithetho yakhe asilobela yona ngenceku yakhe uMose, imithetho leyo kodwa lana i-conversation lena ka Paul ne bandla elalise Rome.
 
74.So inkulumo yabo i-conversation so yikho ngithi i-guideline enhle kodwa akusiwo umthetho ngoba ayikho ezincwasini zemithetho kodwa iyi guideline enhle ngoba ikhuluma ngento ejulile uma ikhuluma ngokuthi kumele sibe umnikelo ophilileyo ongcwele othandekayo kuNkulunkulu, kube ngokukhonza kwethu konkuqonda with an understanding.
 
75.“NINGALINGISI LELIZWE KODWA NIGUQULWE ISIMO NGOKWENZIWA IBENTSHA INGQONDO YENU UKUZE NIBE NOKUHLOLISISA OKUYINTANDO KANKULUNKULU OKUHLE NOKUTHADEKAYO NOKUPHELELILEYO.” Leyonto Ibiza ukuthi kufanele i-character yakho uyikhande ulwe nayo, ibe ilento efunekayo la e-NCG.
 
76.Ingqondo yakho kufanele yenziwe ibentsha. Awukwazi ukukholwa (lapha) nengqondo yokukholwa kwala osuka khona. Ngicabanga ukuthi isishaye saba baningi lapho. Uthi omunye uMshumayeli esezohamba kulelibandla uma esithethisa siyigoli, wayengathethisi mina ngedwa wayesithethisa nje siyiGoli.
 
77.Uthi, “Lento eniyenzayo nase Kuphakameni ibingenziwa nje. Lesisihlabelelo nje asisinelwa, asisinelwa nhlobo kwi first half.” So ke ingqondo yakhe inkinga ayiguquliwe yaba yintsha. Ngaphambi nje kwalapho ezinyangeni ezimbalwa ngabona esengekho. Wabaleka engathintwe wumuntu.
 
78.Kwathiwa uma kuthiwa wathi, “Hhayi bengibona ukuthi ngizoze ngithinteke, mangisahleli.” Hhawu! So ke ingqondo ayiguquliwe yaba yintsha and sinaleyo nkinga enkulu besinaleyo nkinga enkulu. Kuyaye kube ngokuhlukahlukana kwethuke ngokwama characters ethu.
 
79.Uthi ubaba uMelusi, ngiqala ukufika kulelibandla. Khathi ngifikake abaningi akaze bangibone ngiqala ukufika, ngicabanga ukuthi mhlampe uMfundisikazi wangibona nabanye ngoba ngangimenywe umfundisi uNtuli ngize emshadweni wakhe. Ngangithatha izithombe nje, ngangilwa nezithombe.
 
80.Ngalelo langa ngangilwa nezithombe ngingazinakile izinto eziningi ezingama processes nganginganakile. Imoto engangihamba ngayo yayine sunroof, ngikhumbula ngihamba nomzala wami wayevele kwi sunroof ezinye izithombe ezithatha evele kwi sunroof. Sangena la eNqobizitha sidlala enye ingoma.
 
81.Kwafika umfundisi uMdlolo wafike wangicela kahle wathi, “Ehlisa umsindo ngoba sesise Nqobizitha.” Ngathi awu, “Ngizowehlisa kodwa le Nqobizitha. Wangibizela emshadweni manje wayesethi uya eNqobizitha?” Ngawehlisa umsindo kodwa ngayithanda i-approach.
 
82.Uma sekumileke ukushuthake, la i-attention yami eyayisikhona uthi uBaba, “Njengoba silapha sikwi relio-social function.” Angiphindanga ngayikhohlwa… ngangiqala ukuzwa lelo gama angiphindanga ngalikhohlwa.
 
83.It was 2014 August. Uthi, “Konke esizokwenza la kufanele emva kwezingqondo zethu sikhumbule ukuthi kukhona uJehova. Jabula kodwa ukujabula kwakho ungakhohlwa ukuthi kunoNkulunkulu. Zibuze ukuthi ngabe uNkulunkulu usaneme yini ngami?”
 
84.Ngalela langa nganqobeka bangcwele noma indaba yalayikhaya ngase ngiyizwile kodwa ngangingakaze ngifike qathatha kodwa kulowamshado nganqobeka ngoba ngakhumbula izinkinga ezike zangehlela. Ngathi, “Yazi bengingekho kwi religio-social event or function.”
 
85.Ngikhumbula imishado esike saya kuyo yamaNazaretha sisina kakhulu, mhlampe ngithe ngifika kwa grade 7 u-standard 5 hlampe bese ngihambe imishado engaphezulu kuka 23.
 
86.Amadolobha nje ase KZN ebese ngiwahambile abesemaningi kakhulu ngoba bebesilanda ekhaya and ulayini wethu thina esibancane kwakuyiwona ulayini oqalayo emshadweni, ekuseni nje sasithi sehla ebhasini kwakusina thina kuqala.
 
87.Kwi primary engangifunda kuyo yimi engaqala ukusina khona, ngangithanda ukusina nje kuyo yonke into enobuNazaretha ngangimandla kakhulu ekusineni. Ngangithanda ukusina ngoba ngangingakaze ngiyibone into enhle njengaleya kuthiwa yenziwe umuntu omnyama yenziwa uBabamkhulu.
 
88.Ngithi uma ngifika emhlanganweni ngisina ngolwesibili ngisina ngolwesine ngangisebenzisa imvunulo kababa enjobeni uma ngisina ngolwesibili nangolwesine bese ngesontoke sengiya esikoshini. Kodwa ubonomama namakhosazane nobaba, bonke abantu besina ngesikhathi esisodwa akekho umuntu owake wa achieve(va) into enjalo.
 
89.Ngale kweminyaka akekho umuntu omnyama owake wa achieve(va) into enjalo. Ngeli nye ilanga ngibe nengozi yemoto ngibuza i-occupational therapist eyayingilekelela ngithi, “Lesandla sami sisazokwazi kodwa ukubamba ihawu uma ubuka?” Because ngangicabanga ukusina, ngithi, “Ngisazokwazi kodwa ukusina?”
 
90.So ke ngakhumbula imishado ebesiyihamba yamaNazaretha kodwa sihamba nabantu abaphuza utshwala, sihamba nabantu bezinduku. Kuma occasions amaningi sixabana nalaba bantu kodwa sisemshadweni wamaNazaretha.
 
91.Ngigcina ukuhamba umshado kwaxatshanwa bashiywa abantu bezinduku kwathiwa abangabe besangena ebhasini befuna thina nalamahawu esiwaphethe bethi lamahawu alwa nini.
 
92.Kusuka nje umsindo ngalokho, “Lamahawu enu kuliwa nini? Nina njalo siyahlangana nani siphethe amahawu ethu yonkinto, nilwa nini ngalamahawu eniwaphethe?” umuntu ophuzile uma eke waqhamuka ne topic ngisho kungathiwa ayiwenzi kangakanani umqondo kodwa nize nilwe ngaleyo topic leyo.
 
93.Kwathiwa abasale basala. Safika ekhaya, lisehlise ibhasi sasesithi no ngoba imoto ezosilanda iyeza kodwa ayikakaqhamuki ake sibe siyihlangabeza ngoba laba bantu laba ababathathayo bazosifica la egcekeni phinde beqale umsindo njengoba ibhasi libashiyile zikhona izimoto abagibele kuzona baseza la.
 
94.Ngelinye ilanga oPhongolo kwabangwa ukuthi bathi kithi asizodla inyama nabo, sase sithi thina, “Cha hhayi siryt syabonga.” Kwasuka nje umsindo lapho kwathiwa, “Kungani ningafuni ukudla inyama nathi?” Sehla endleleni kulelo bhasi ngoba sebethe la esiyokwehlakhona ekhaya egcekeni kwamakoti ibhasi sesilibeka, bafuna lento ingaphinde(yenzeke) bafuna ukuyiqeda.
 
95.So ke ngangidideka kodwa ukuthi yini kanti sinenkinga emishadweni yamaNazaretha. So labake esathi uma siyihlangabeza imoto sase sihlangana nabanye abaqhamuka komunye umshado abaphethe izinduku.
 
96.Ilaboke abasishaya bengasazi kumnyama. Baqhamuka nje entabeni sahlangana nje kanje asibabonanga ngisho besa kude.
 
97.Ngaphoseka komunye umuzi ngaphuma nezinja khona kodwa izinja zaba confused ngoba indlela esasibaleka ngayo zabona ukuthi hhawu… ngoba zangijaha angizazi nokuthi zagcinaphi ngihamba emathuneni akhona anameva namatshe.
 
98.Ngendlela esasilimele ngayo ubaba wabafonela bonke wathi, “Ngingaphinde ngizwe kuthiwa izingane zihambe zaya emshadweni.” Wathi, “Ningaphinde ningaphinde hambani nodwa maniya emshadweni ningabe sabathatha.”
 
99.Ngendlela esasilimele ngayo. Ubaba uma esethi i-religio-social function sengiyasho ukuthi, “No ngisemcimbini e wrong la, ngilimala kangaka ngize ngizitshelukuthi hawu kodwa bhadi lini leli?” Ngizihlanganisa nabantu aba wrong ngiyiNazaretha ngisemcimbini, ngibhizi nemicimbi engingazi mina ukuthi ayisiyo i-religio-social function.
 
100.Ayinakwenza lutho noNkulunkulu kusuka ekuqaleni kuze kube sekugcineni, noma singaba ngamaNazaretha sisine kwenziwe yonke into kodwa lento ayinakwenza lutho noNkulunkulu.
 
101.OKhisimuzi bonke ebesibahamba, imicimbi yonke ebesiyihamba nani nani. Ngathi uma ngibuka leyonto ngihlehla ngathi akekho umuntu obezongitshela lento. Njengoba sengiyitholile ake ngiyi test(e) ukuthi iyasebenza yini lento iyiqiniso yini.
 
102.Ake ngenze ukuthembeka ngami nje. Kuze kube namuhla akazi ngiphinde ngibe naleziya zinkinga. Akazengibe nenkinga yokuxabana nje nabanye abantu engihlangana nabo. Ngathi uma ngibuya kulowa mshado ngatshela uMfundisi ngathi, “Mfundisi ngeke inginqobile lento yase NCG, besihlale sikhuluma ngayo kodwa namhlanje ngiyezwa ukuthi inginqobile.”
 
103.Ngangingenayo imoto ngaleso sikhathi ngathi, “Mfundisi kuzomele uNkulunkulu asinike imoto ngoba le yokuthi uphathe amakhekhe uze ulandwe umfana osuka emsebenzini esebuya koziphuzela ima usaya esontweni ayikho safe.” Because manje ngibambe leli le religio-social function.
 
104.So imoto yami yokuqala ngayithola ngo September kade ngilapha ngo August. Ngayithola ngizibophezele kakhulu ukuthi ngifisa ukulekelela kuyo yonke into. Ziningike izinto uBaba ayezifundisile kodwa ngathi lezi zinto bezizongi cost(a) ngoba izinyanga nezangoma babengathule labo bantu kodwa i-solution ingabibikho.
 
105.Kodwa ngezinto esazifundiswa uBaba ngathi uma ngizi apply(a) ngabona ukuthi lento iyasebenza. Imoto yami ngayithenga ngo September ngingenayo imali yokuyi khokhela, kwaliwa kakhulu ukuze ngiyithenge.
 
106.Wabuza umfundisi, “Uzoyikhokhela ngani?” because inkampani esasisebenza kuyona yayingasiholeli imali eyayingenza ukuthi ngikwazi ukuyi khokhela imoto.
 
107.Ngathi mina, “Mfundisi ngikhalile kuNkulunkulu ukuthi ngiyayidinga imoto ukuze sikwazi ukukholwa, uma ngingayitholi lemoto ngizohluleka.” Wangithethisa kakhulu umfundisi uNtuli wathi, “Ungaphinde umnqumele uNkulunkulu.” Kodwa uhleli kwi passenger seat, uyathetha uthi, “Ungaphinde uNkulunkulu umnqumele.
 
108.So sikuleyonto yokuthi ngizoyikhokhela ngani, baye benginikezake i-break ke bathi ngizoqala ukuyikhokhela ngezi 1st zika November. So ngahamba ngayo ngo September ngiyifake u petrol ngiyazibuza ukuthi, “Yazi angazi uma uma kufika lo November kodwa ake ngihambe.”
109.Ngiyaqala vele ukuba nemoto anginasikhathi sokucabanga izinto eziningi ngoba… Ekupheleni kuka September ngabizwa e Airport kwathiwa angize ngizo sayina i-contract. Ucingo nje lwasho njalo lwathi fika uzo sayina i-contract.
 
110.Angikholwanga i-contract ngathi uma ngifika ngafike bathi izoqala ngezi 1 zika October, so imoto kwakufanele ikhokhelwe ngezi 1st zika November.
 
111.Bangifonela ePitoli bebuza ukuthi ngikuphi, ngathi, “Yini nifunani?” bathi, “ulovile unga report(thile). Ngathi hhayi ngizofika namhlanje hlampe ngabo 11/12. Ngaya e internat café ngafike ngenza i-resignation letter yami ngase ngiyayihambisa ngoba babevele bengasiphethe kahle, bekusetshenzwa ngendlela eyisimanga kuleya nkampane.
 
112.UMfundisi engishiya kuyo ngakhala ngathi, “Yeyi! Ngiyasala kulenkinga ngingedwa.” Ubusebenza uma wathi ungena etoilet ucingo luvele lulahle i-network, ngeke uyocofa ifoni etoilet ngeke ukwenze lokho. Bekuvele kuhambe i-network uma ususe toilet. Uthi uMfundisi ngelinye ilanga, bengingakafiki nokufika ngaleso sikhathi.
 
113..Uthi kimi, “Le nkampane kufanele siyishiye kunzima.” Ngangiqalake ukuzwa uMfundisi esho njalo. Ngithi mina, “Yini?” uthi… Kunentombazane yoMshangane ekhalile khakhulu yathi kunzima, usethi uMfundisike, “Thina njengoba singaBantu thina…”
 
114.Leyontoy aba yihlaya nanamhlanje ngiyaye ngithi uma ngiyicabanga ngithi uMfundisi… angithi naye uwumuntu ukuthi phela nje uwuMshangane.
 
115.Uthi, “Yey uma kukhala umuntu o strong, thina njengoba singabantu…” So ke izimo lezo esidlulekuzo kodwa ngizama ukuveza lento yokuthi ngakhetha ukuthembeka kuNkulunkulu from leliya langa. Ngaphinde ngathola endleleni ukuthi ziningi ezinye izinto engingathembekile ngazo kuNkulunkulu.
 
116.Ngazama ukhi ngiyi shape i-character yami ukuthi ngize ngisondele ngisondele ngisondele ngisondele ngisondele ngize ngifike kuleli zinga elingenza ukuthi okungcono ngicambalale nabangcwele noma ngingasafikanga kodwa ngikwazi ukuthi ngi fit(the) kwabaNgcwele.
 
117.So ke ziningike uNkulunkulu izinto asengibonise zona ngabona ukuthi uNkulunkulu mukhulu futhi uNkulunkulu ukhona. Lento ubaba uMelusi abasitshela yona nomama uMfundisikazi abasifundisa yona akusiyo nje into esemoyeni.
 
118.Ngelinye ilanga hlampe siyoba nethuba lokuba izimanga zikaJehova size share zihleliwe kahle ngokwe list ukuthi kusuke la kwaya la kwaya la.
 
119.Kodwa okwanamhlanje bengifisa ukuthi ngibe nalokho ukuthi siyi sebenze i-character yethu sethembeke kuJehova. Uma sethembeke kuJehova akekho omunye umuntu ongasithinta. Kunoma yini esiyenzayo uma sithembeke kuNkulunkulu akekho omunye umuntu ongaba namandla ngaphezu kwethu.
 
120.Ngifunde ukuthi ngisho abelungu uma uke wathembeka kuJehova ababinawo amandla phezu kwakho ngoba ukhuluma iqiniso from zisuka. Kukhona incwadi engake ngayifunda ngiyithole eBuhleni eyayithi, “IQINISO LIYISIHLALO SIKANKULUNKULU.”
 
121.Yangithatha kakhulu ngoba ngabona ukuthi uma ngase ngihlale eqinisweni izikhathi eziningi kusho ukuthi njengoba liyisihlalo sika Nkulunkulu, uNkulunkulu akakuba kude nami.
 
122.And lokho ngikuy experience(ile) ngabona ukuthi Oh! Uma uqamba amanga uba nomsebenzi omningi kufana nokuzonda umuntu uba nomsebenzi omningi uma umzonda ngoba kufanele uhamba utshela abantu ukuthi usbanibani ngiyamzonda. Kodwa ukuthanda umuntu kulula awuhambi uthi usibanibani ngyamuthanda.
 
123.Akekho umuntu oke ehambe enza umbimbi ethi asambe siyothanda usibanibani ngoba useduze kwenhliziyo yami kodwa uma eke wazonda nje umuntu uvele athi hhayi lelibandla leli lidukisa abantu, uMelusi uwu 1 uwu2 uwu3 uwu4. Kodwa thina esimthandayo asisho lutho thina.
 
124.So ke ingakho ngithi iqiniso lifana nokuthanda kulula nje, and akufanele ukuthi uvuke ebusuku ukhumbule izinto eziningi ngoba ukhuluma iqiniso. Ngisho ungangivusa ngasikhathi sini ngisho ungangilanda ngasikhathisini ngofike ngikutshele leyonto ngiphinde ngikutshele leyonto noma inini.
 
125.Ungaba nomhlangano nami ngisho ongahleliwe o unscheduled ngiyofike ngikutshele leyonto ngoba ngineqiniso. Ama commission akhona uma ubona abantu behleli laphana uyaye ubone ukuthi i-NCG isanomsebenzi omningi. Umsebenzi wethu usemuningi kakhulu.
 
126.Ngangitshela abanye abelungu ngithi, “Ama CEO azoba u best aqhamuka ngaphansi kwababa uMelusi. But njengamanje e business(sini) akukakazuhamba kahle for a very long time kuze kukhule Labantu okufanele baqhamuke kulelibandla ukuze baphathe ama business.
 
127.Ngobani baphekiwe abantu base NCG, uma uphilile nje kahle ingqondo yakho yenziwe yaba yintsha. Akukwazi ukuthi zonke lezi zimfundiso zikaMfundisikazi, zikababa uMelusi zingakwakhi ukuthi ube umuntu ofunwa umhlaba wonke.
 
128.Uma ulalele ukuthi zonke izikhohlakali ezilapha zinama security companies, then uyabona ukuthi izinkampani zama security zihleli ezikhohlakalini ezigangayo.
129.Kufuneka umuntu ozophuma la ahambe ayokwenza umsebenzi ngokuthembeka (audio unclear). Ngale kwalokho uma abantu esebephekwe njengathi behleli la, izwe ngeke lilunge leli esi complai(a) ngalo. Kubiza ukuthi sethembeke kuJehova.
 
130.Uma uthembeke kuJehova ngisho umuntu ngeke uthi uyamthanda umuntu ungamthandi ngoba kufanele ukuthi uthembeke kuJehova.
 
131.Ngeke uqambe amanga uthi uyamthanda umuntu ungamthandi bese uhamba nijikelana endleleni (audio unclear) ngobani siphekiwe safundiswa saba ilabantu esiyibona njengamanje.
 
132.So ke baNgcwele bengiphethe lokho ukuthi uNkulunkulu lapho engishayise khona ngicela ukuba angithethelele inhloso sibancane kakhulu abanye bethu sima trouma ezinto esidlule kuzo before kusithole lokhu kukholwa mhlampe ukuba umnikelo ophilile nakho siyalwa nakho ngoba siqhamuka nezinto la siqhamuka khona.
 
133.Kepha lokho enikuzwile baNgcwele ngicela ukuba iNkosi ibusise enikuzwileyo Amein.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *