Skip to content

KUNZIMA LAPHO SIYA KHONA

Kodwa uma usuthi uJesu noma uShembe banguNkulunkulu, usuwenza isono, ngoba kusemthethweni wokuqala emthethweni elishumi ukuthi singabi nabanye oNkulunkulu ngaphandle kwaNkulunkulu oyedwa, uJehova!

Isihlabelelo 118.
 
1.Lalela nanti ilizwi
Wezizwe nonke
Phendukani nibhajadiswe
Nize nisindiswe.
 
2.Geza inhliziyo yami
Iziyeke engizithandayo
Amein haleluya
Balekani nonke zoni.
 
3.Akukhalelwa muntu
Esihogweni somlilo
Akakho okhalela omunye
Esihogweni somlilo.
 
4.Amein haleluya
Balekani nonke zoni
Akukho ukuphumula
Esihogweni somlilo.
 
5.Bahleli kulolo lusizi
Esihogweni somlilo
Bahlezi bekhala
Abasenakuphumula.
 
6.Ukudla kwakhona
Usizi lodwa
Amanzi akhona
Izinyembezi.
 
1.Angazi noma sonke siyasizwa yini lesi sihlabelelo somprofethi ukuthi sithini?
 
2.Uthi uShembe zonke izizwe azililalele leli lizwi lasezulwini, bese ziphenduka zisindiswa, zibe ngabantu abantu abangcwele!
 
3.Lesi yisihlabelelo somemo, kodwa futhi isihlabelelo esisikhumbuzayo ukuthi njengoba siphila lapha emhlabeni, ekufeni sisabhekene nosizi lokwahlulelwa.
 
4.Asazi ke ukuthi ekwehlulelweni kwethu umuntu nomuntu uyogcinelaphi?
 
5.Kukhona isikhathi lapho sonke sizohlungwa, ababi beye ekulahlweni, abangcwele beyohlala ezulwini noKhonzekile iNkosi yezulu.
 
6.Ngaleso sikhathi kokwehlulelwa wonke umuntu, noSathane uyokwehlulelwa aphonswe esihogweni nezingelosi zakhe.
 
7.Uyaqhubeka umprofethi uthi asigeze izinhliziyo zethu, siziyeke izinto esizithandayo, sifune uNkulunkulu kuphela.
 
8.Kulelihubo kunamavesi engiwesabayo, angazi noma esatshwa yimi ngedwa yini? Uthi ke uShembe ‘akukhalelwa muntu esihogweni somlilo, balekani nonke zoni, akukho ukuphumula esihogweni somlilo!
 
9.Bahleli kulolo lusizi esihogweni somlilo, bahlala bekhala, abasenaku khululwa. Ukudla kwakhona usizi lodwa namanzi akhona izinyembezi!
 
10.Baningi abantu abangenwe ngumoya kaSathane abahlale bephika ubukhona besihogo, bephika nobukhona bukaNkulunkulu. Kodwa basuke bezikhohlisa, befuna ukuthi nawe uhlale wenza izono ukuze ulahlwe kanye nabo!
 
11.Abanye onkulunkulu abakhulumi lutho ngesono, abakhulumi lutho nangobungcwele komuntu osaba ukwenza isono.
 
12.Kulelizulu thina esiya kulo, abantu babuthwa ngokwemisebenzi yabo, iNkosi yakhona nguJehova kuphela. Kodwa ababi baya kwaba njengabo!
 
13.Ngabe akukho ukulungiswa ezulwini uma umuntu kungathiwa akasithwali isono sakhe.
 
14.Awukwazi ukuthi uma ungumbulali, udlwengula, kodwa uma ungajezanga usesemhlabeni, bese ucabanga ukuthi nakwelizayo uJehova akazukukujezisa.
 
15.Nguye uYahusha owasifundisa ngobukhona besihogo. KuMathewu 10:28 uYahusha uthi: “Ningesabi ababulala umzimba bengena mandla okubulala umphefumulo, kepha mesabeni obulala umphefumulo nomzimba esihogweni.”
 
16.KuMathewu 23:33 uJesu uthi:“Zinyoka, nzalo yamabululu, niyakukubalekela kanjani ukulahlwa esihogweni na?”
 
17.KuMathewu 25:41 uthi:“Kepha iNkosi iyakuthi kwabanga kwesokhohlo sayo: “Dedani kimi nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe.” Amein!
 
18.Asingazikhohlisi ngokuthi ekufeni kwethu angenke sijeze kwelizayo, kuya ngokwemisebenzi yethu! Ababi boya esihogweni boshiswa kanye noSathane nezingelosi zakhe!
 
19.Esikhathini esiphambili nganginomngani wami ongasekho emhlabeni, uBongani Mthethwa nowayeshaya uphiyane enkonzweni. Uthi ke uBongani kimi:
 
20.“Mpanza, umuntu ongumngani wakho umxoxele ngendaba kaShembe nobuNazaretha.
 
21.Mina benginomngani omkhulu ebengifunda naye oHlange High School. Lomngani wami bengihlale ngiya naye eKuphakameni ethi ufuna ukubona umgidi.
 
22.Kodwa wayeno mkhuba engingawuthandi. Wayevame ukungibamba ngesihluthu, bese ekhuluma amazwi aziswana ngaso, kodwa ngingaze ngamphendula.
 
23.Lomngani wami wabe useyashona. Eseshonile, ngalobo busuku wabuya wazongiklinya.
 
24.Ekungiklinyeni kwakhe elwa nami, ebuza ukuthi njengoba wabe engumngani wami, nganginga mchazeli ngani ngoShembe nobu Nazaretha?
 
25.Ngaxakeka ukuthi wayefuna incazelo enjani ngoba ngangihlale ngiya naye eKuphakameni.
 
26.Uthi ke uMthethwa kimi: “Ngafunda lapho ukuthi akwanele ukuya nomuntu enkonzweni, kodwa kumele umchazele konke ngaleli bandla.
 
27.Uyaqhubeka uMthethwa uthi: “Angazi ukuthi yini le eyenza umngani wami abuye ezolwa nami ekufeni kwakhe, angazi ukuthi wahlangana nazinqinamba zini kwelizayo.
 
28.Kodwa kuyacaca ukuthi leli bandla owayehlala engichwensa ngalo, engibamba nangesihluthu, kukhulu owahlangana nakho ekufeni kwakhe!” Amein!
 
29.Sengichaze kakhulu ngesimo sokukholwa okusithinta sonke, ukuthi lapha emhlabeni singaba ngamabandla nezinkolo ezahlukene, kodwa kwelizayo izulu linye, noNkulunkulu munye.
 
30.Uma ngithi asibuyele egameni likaYahusha esikhundleni sikaJesu, lokho akusho ukuthi ngokubiza uJesu usuwenza isono.
 
31.Asikho isono oyobekwa sona ngokusebenzisa igama liJesu esikhundleni sika Yahusha, ngoba ekukholweni kwakho wafundiswa lokho.
 
Kanjalo angenke futhi ujezele ukubiza igama likaShembe uma ungumNazaretha, ngoba uShembe ngumprofethi kaJehova! Ingelosi yasifundisa lokho.
 
32.Kodwa uma usuthi uJesu noma uShembe banguNkulunkulu, usuwenza isono, ngoba kusemthethweni wokuqala emthethweni elishumi ukuthi singabi nabanye oNkulunkulu ngaphandle kwaNkulunkulu oyedwa, uJehova!
 
33.Ku-Isaya 44:6 kuthi: “Usho kanje uJehova iNkosi ka-Israel noMhlengi wakhe, uJehova wamabandla, uthi: “Ngingowo kuqala ngingo wokugcina, ngaphandle kwami akekho uNkulunkulu!”
 
34.Kuyisono esikhulu ke ukuthi ubize omunye umuntu ngoNkulunkulu ngaphandle kwa Yahua noma uJehova!
 
35.Umbuso wezulu munye, nombandela wokungena ezulwini munye, ukuhamba ngokwezimiso zikaYahua njengoba wazishiya kuMoshe, zafundiswa nangabaprofethi.
 
36.Lokho ke akujiki noma ngabe ukuliphi ibandla elingaphansi kwenkolo kaJehova.
37.Ingelosi yake yakhuluma indaba ebuhlungu maqondana nokuchitha umthetho kaYahua.
 
38.Lendaba ngifisa ukuba bonke abafundisi bayilalele, kungakhathaleki ukuthi ukuliphi ibandla.
 
39.Uthi ke lomuntu wasezulwini: “Bayizigidi ngezigidi abafundisi ekufeni kwabo ababa nemincwabo emikhulu njengabafundisi abakhulu, kodwa ezulwini bafike bayiswe esigodini sosizi, kuthiwe baphula umthetho okuMathewu 5:19, noMathewu 7:21-23, othi noma ungaze wenze izimangaliso ngegama likaJesu kodwa uma ungawugcini umthetho kaNkulunkulu, uJesu uyokuxosha ezulwini.
 
40.Okokuqala abawugcinanga umthetho kaNkulunkulu njengokusho kukaYahusha kuMathewu 5:19, okwesibili benza izimangaliso egameni likaYahusha, kodwa bangazihluphi ngokugcina umthetho kaNkulunkulu njengokuyala kwakhe kuMathewu 7:21-23!
 
41.Ithi ke ingelosi: “Izigidi ngezigidi zabefundisi liyazehlula ithuna, ngoba noma kuthiwa bangabefundisi, kodwa abasebenzeli umbuso wezulu, basaphikisa umyalo kaYahusha okuMathewu 5:19 lapho ethi:
 
42.“Ngakho ke oweqa owodwa kulemiyalelo emincinyane, afundise abantu kanjalo, uyakuthiwa mncinyane embusweni wezulu; kepha oyigcinayo, ayifundise, lowo uyakuthiwa mkhulu embusweni wezulu!”
 
43.Ithi ke ingelosi: Laba bantu abathi bangaba phathi bezwi leNkosi behlulwa ngumthetho wesine obaluleke cishe kunayo yonke imithetho kaYahua, ukugcina iSabatha!
 
44.Njalo uma beya enkonzweni baphatha amaBhayibheli, bathi iBhayibheli liyi Lizwi likaNkulunkulu, kodwa futhi yibo abokuqala ukuchitha izwi likaNkulunkulu!
 
45.Abagcini ngokwehluleka ukugcina iSabatha, kodwa bayabafundisa abalandeli babo ukuthi bangaligcini iSabatha.
 
46.Bewaphikise amazwi kaYahusha athi ongawugcini umthetho kaMoshe, abuye afundise abanye ukuthi bengawugcini, ngenke angene ezulwini.
 
47.Manje bona bazongena kanjani ezulwini ngoba baliphikisile izwi likaYahusha abathi bayamlandela?
 
48.Ithi ke engelosi, kwelizayo labafundisi abakwazi ukuphendula uMahluleli ukuthi kungani bechitha iSabatha likaJehova ngoba ilona lodwa elibhalwe kuleli Bhayibheli abahlale beliphethe ezindlini zamaSonto?
 
49.Abagcini ngokungali gcini iSabatha, kodwa nabalandeli babo babafundisa ukuthi abangaligcini iSabatha likaJehova!
 
50.Ithi ke ingelosi uMehluleli uyaye athi ababheke emhlabeni, bese bezibona izihlwele zabantu abazidukisile, bazivimbela ukugcina umthetho kaNkulunkulu, ngoba bethi yibo abaphethe izwi leNkosi!
 
51.Laba befundisi bayaye bakhulume njengo Divasi uYahusha owake wakhuluma ngaye, becele ukuthi babuyele emuva beyoqondisa lomonakalo abawenze bengabefundisi.
 
52.Kodwa inkinga ukuthi basuke sebehlulelwe, lingasekho imuva abacela ukuya kulo!
 
53.Bayaye bevunyelwe ukuba babuyele emuva, kodwa ekuphaphameni kwabo esidunjini, bathole ukuthi sesingcwatshiwe, baphaphamele ethuneni!
 
54.Abakade bekungcwaba sebekhohliwe nguwe, nengelosi ebihamba nawe usesemhlabeni, isuke isiwuqedile umsebenzi wayo ngoba wena usungohlulelwe!
 
55.Ekufeni kwakho, sekuphelile ngawe, ngenke futhi ubuye ufe okwesibili, ikhaya lakho sekulithuna!
 
56.Ithi ke ingelosi asikho isijeziso esibuhlungu njengokuthi uthi usufile, umphefumulo wakho uzohlala nesidumbu sakho ethuneni, ngoba awukwazi ngisho ukwenzani. Nihlale nikuthandazela ukuthi leso sijeziso singehleli kini.
 
57.Uba kuleso simo owaba kuso mhla uncgwatshwa, udliwe zimpethu uzwa ungenaku khala kumuntu wasemhlabeni akuzwe; nezulu selehlukene nawe ngoba usungolahliwe!
 
58.Uthi ke lomuntu wasezulwini, bonke laba bafundisi abadlala ngezwi likaJehova, noma bengaba bakhulu kangakanani lapha emhlabeni, kodwa kwelizayo baqonde ukuthi umuzi wabo lithuna! Lizobehlula ithuna!
 
59.Ngingumhambi emhlabeni
Likhona ikhaya lami
Ngizongena ngenjabulo
Ngokuthandwa yiNkosi yami.
 
60.Chorus: Ngiphe Nkosi amandla akho
​​ Ngizodlula ethuneni.
​Chorus.
 
61.Umbuzo uthi kungani abefundisi abaningi bephatha amaBhayibheli, kodwa ezinkonzweni bafundise okuphambene nokuqukethwe ileli Bhayibheli?
 
(Kulentshumayelo abantu baseBhayibhelini ngibabiza ngamagama aseBhayibhelini.)
 
62.Kuwo wonke amagospel uJesu uvela eliJuda, eyindodana kaMaria noJosefa. IBhayibheli alisitsheli ukuthi uJesu wayephila kuyimiphi iminyaka lapha emhlabeni, kodwa izincwadi zomlando zithi wazalwa cishe ku 6-4 B.C, wabethelwa ku 33 A.D.
 
63.Kodwa neBhayibheli liyakuveza ukuthi uJesu wayengaphansi kwenkolo kaMose, ehamba ngokwe nqubo yenkolo yamaHebheru.
 
66.UJesu waqhuba ivangeli lakhe ngokwezi mfundiso zikaMose. KuMathewu 5:17-19 uyachaza ukuthi akazile ukuchitha umthetho kaMose nezimfundiso zabaprofethi, kodwa uzowugcwalisa.
 
65.Nguye uJesu ogcizelela ukuthi akunakususwa ngisho icashaza lomthetho emthethweni kaMose.
 
66.NguJesu owawu gcwalisa umthetho ngokuchaza ukuthi ongawugcini umthetho kaMose, abuye afundise abantu ukungawugcini, angenke angene ezulwini!
 
67.Pho ubani owabuye wachitha umthetho kaMose ogcizelelwe nanguJesu amaKrestu athi angabalandeli bakhe? Ungasho kanjani ukuthi ungumlandeli womuntu obuye uphikise ivangeli lakhe?
 
68.UJesu waze wabethelwa esiphambanweni elokhu esenkolweni yamaHebheru, efundisa ngenkolo kaMose.
 
69.Akukho eBhayibhelini nasezi ncwadini zomlando lapho kuthiwa khona uJesu wake waba senkolweni yamaRoma, njengoba amaRoma ngisho esekhona uJesu ayeyizitha ezinkulu zamaJuda!
 
70.KuMathewu 10:5-6, uJesu uze ayale abafundi bakhe ukuthi uma seboshumayela, bengangeni emizini yabezizwe, kodwa beshumayele kuma-Israel kuphela. Othi uJesu owayeliJuda wake wahlangana nenkolo yamaRoma, okungubu Krestu, akasinike incwadi, isahluko nevesi elikhuluma ngalokho!
 
71.KuMathewu 29:19 uJesu uthi abafundi aboshumayela kuyiZIZWE (nations), HHAYI kwaBEZIZWE (gentiles). Ngezizwe echaza izizwe zakwa-Israel nesezaduka!
 
72.KuyiZenzo 28:23 kuthi: “Sebemmisele usuku uPaul, baya kuye endlini ngobuningi, wabacacisela efakaza ngombuso kaNkulunkulu, ebanxenxa ngoJesu ethathela emthethweni kaMose nakubaprofethi….”
 
73.Kuse Bhayibhelini ukuthi uPaul wayefundisa ngomthetho kaMose njengaye uJesu! Njengenkolo yabo, uJesu nabo bonke abafundi bakhe babelibandla lama Nazaretha (Nazarene sect, Izenzo 24:5) ngaphansi kwenkolo kaMose.
 
74.UJesu wabethelwa esi phambanweni ngo 33 A.D. kungakabi khona ubuKrestu.
 
75.UJesu engasekho emhlabeni, kusukela ku 55 A.D abafundi baphuma eJerusalema bayo shumayela ivangeli lakhe kwabezizwe nasesizweni samaRoma.
 
76.Kodwa kususukela ku 66 A.D kwaba nezimpi phakathi kwamaRoma namaJuda, okwathi ngo 70 A.D amaJuda anqotshwa.
 
77.Wonke umlando walempi ukhona encwadini ka Profesa Rudolf R. Windsor esihloko sithi FROM BABYLON TO TIMBUKTU.
 
78.Kulencwadi kucaciswe kahle ukuthi lezi zigqila kwakungabantu abamnyama abakuDutoromi 28 uJehova owathi uyobaqalekisa uma bemhlubuka.
 
79.Esenqotshiwe amaJuda, aba zigqila zamaRoma, amanye abalekela eSouth West Afrika naseMzansi Afrika.
 
80.UConstantine inkolo yobuKrestu wayisungula ngo 331 A.D, sekwedlule iminyaka engaphezulu kwa 260 uJesu owayesenkolweni kaMose engasekho emhlabeni.
 
81.Asazi ke ukuthi sekwenzeka kanjani ukuthi sibone sekuyinkolo yamaRoma, okungubuKrestu, esihamba phambili ukwamukela uYashua njengomsindisi!
 
82.Noma kungaveli eBhayibhelini, kodwa izincwadi zomlando ziyakuveza ukuthi amaRoma ayishisa imiqulu yezincwadi zamaJuda, abangayishisanga zahunyushwa ngokuhlanekezelwa!
 
83.Ngo 335 A.D uConstantine waba nama Creeds, ngawo owayeqeda inkolo yamaHebheru, okuyinkolo kaJehova. Sihlale siwafunda lama Creeds!
 
84.Akugcinanga lapho, ngo 358 A.D ku Council of Laudicia kwaba ne Canon efundeka kanje:
 
85.“Christians must not Judaize by resting on the Sabbath but must work on that day. Rather, honoring the Lord’s Day (day of Baal and Jesus). But if any shall be found to be Judaizers, let them be anathema from Christ.” Amein!
 
86.Kubhalwe phansi ukuthi iSabatha lachithwa ngamaCreeds lingakabi bikho ngisho iBhayibheli, lesi senzo esingahlangene noJesu njengoba noma engasekho abalandeli bakhe babeligcina iSabatha!
 
87.Seziqhamukaphi ke kumaKrestu izizathu zokuchitha umthetho kaMose ezingabanga bikho kubalandeli bakaJesu esaphila noma engasekho?
 
88.Ngokuchitha iSabatha, amaKrestu alandela ama Creeds omholi wabo uConstantine ngezindlela ezicashile.
88.Ngakho ukucaphuna ivesi leBhayibheli ukuchitha umthetho kaJehova kungubuqili obuyisi mangaliso!
 
89.Ukuchithwa kwenkolo yamaHebheru kuhlanganisa nokuchithwa kwe sabatha akuhlangene nezimfundiso zikaJesu, kodwa isizwe samaRoma sasicwasa amaJuda ngobuzwe, ngoba vele bewenyanya kakhulu!
 
90.Uma uthi uhlanganisa umlando wamaRoma namaJuda ngalelivangeli lobuKrestu, kuvele kucace ukuthi lo ngumlando owakhelwe ukudida thina ukuze nathi sibe yingxenye yokuqeda ngenkolo kaJehova!!
 
91.Kunobufakazi obungaphikiseki ukuthi uYahusha, osebizwa ngoJesu, wayeliJuda, abazali bakhe kungu Maria noJosefa, nokuthi esaphila akaze azihlanganise nenkolo yamaRoma!
 
92. Ngathi uma ngikuveza lokho ezintshumayelweni zami, amanye amaKrestu angiphikisa, kodwa ngasizwa liBhayibheli lesiHebheru lona elikhuluma ngoYahusha. Base bethi hhiya, uJesu yigama lesiGriki elahunyushwa lisuselwa kuyisiHebheru!
 
93.Uma uthi uYahusha noJesu ligama lomuntu oyedwa, kodwa eselihunyushelwe kusiGriki, lokho kushiya imibuzo eminingi engaphenduleki.
 
94.Okokuqala uYahusha owayeliJuda wafa 260 yeminyaka ubuKrestu bamaRoma kungakabi khona emhlabeni.
 
95.Okwesibili awukho umlando wokuthi uYahusha noma uJesu wake wazihlanganisa nenkolo yamaRoma esaphila noma engasekho.
 
96.Abalandeli bakaJesu esekhona noma engasekho kwakungama Nazaretha (Izenzo 24:5), nababaziwa ngokuthi bangaba londolozi bomthetho kaMose.
 
97.Njengoba ngokwemibhalo uJesu waze wafa abalandeli bakhe kungama Nazaretha, waphenduka nini, nakanjani ukuba ebe senkolweni yobuKrestu esichitha izimfundiso zakhe? Kukuphi lapho uJesu owake wazihlanganisa khona namaKrestu osekuyiwo aphambili ukuchitha ukugcinwa komthetho kaMose?
 
98.Awunampendulo lombuzo, ngaphandle kokuba samukele incazelo kaDr Kotze lapho ethi:
 
99. “Abezizwe babefuna uMsindisi, kodwa bewe nyanya amaJuda(uYahusha owayeyilo), bezonda noNkulunkulu oku-Old Testamente.
 
100.Ngalokho babe sebezakhela umsindisi wabo okwasa Griki.” Amein!
 
101.Ngokwakha lomsindisi wabo abathi nguJesu, nabathi uzalwa nguMaria, ngaye sebechitha umthetho kaMose.
 
102.Ngokubona ukuthi sebasinqoba, bawucima umlando wethu, manje sebechitha inkolo yethu egameni laloJesu abamakhileyo!
 
103.Okuyisimanga ukuthi ngisho izifundiswa zakithi azizihluphi ngokwenza ucwaningo ngokwabo ukuze bathole iqiniso ngalobu buqili bamaRoma bokuchitha inkolo kaMose egameni likaJesu-mbumbulu!
 
104.Abasazibuzi ukuthi sesimphikisa kanjani uJesu owathi kuMathewu 5:19 uma singawugcini umthetho kaMoshe angenke singene ezulwini?
 
105.Ababuzi nokuthi ngokwe Bhayibheli uJesu esaphila wake wazihlanganisa nini nebandla lamaRoma, okungubuKrestu?
 
106.Our people have forgotten our oppresors and we are now worshipping gods of wood and stone in our land!
 
107.Christianity is the faith of all Roman churches who reject and abolish the Sabbath and all other Divine Laws of our Almighty, Yahuah!
 
108.Phansi ngabalwa nemithetho kaJehova, phansi!
 
109.Phansi ngamahlubuka acekela phansi ibandla likaJehova, phansi!
INkosi ibusise izwi layo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *