Skip to content

ISIZWE ESIMNYAMA SIBHUJISWA UKWESWELA ULWAZI

AmaKrestu ayazi ukuthi awukho umkhosi wama Easter noKhisimuzi eBhayibhelini, nama Nazaretha enkolweni yobuKrestu abizwa ngama Early Christians akaze awagubhe lama pagan holidays. Kodwa afika namaKrestu, ngawo kufihlwa ukugubha lemikhosi yezithixo zabo!

Isihlabelelo 181.
1.Phakama kuPhakama
Ngegama leNkosi
Zivuse zonke izizwe zakithi.
Zisese buthongweni
Ngegama leNkosi
Zivukele kuwe
WeKuphakama.
 
2.Sinosizi
Ngesizwe sakithi
Sihawukele Nkosi
Sizindandane,
AsinaMkhululi
Ngaphandle kwakho
Ongasikhulula
Ekuboshweni.
 
3.Usidele ngani
Nkosi kangaka
Buyela kithi
Usithethelele
Obaba bethu
Bona abasekho
Sithwele ke thina
Izono zabo.
 
4.Shaya Nkosi uphozise
Wena sonile
Siyavuma
Ebusweni bakho
Singabakabani
Uma silahlwa nguwe.
Buyela kithi
Nkosi yoxolo.
 
ISIZWE ESIMNYAMA SIBHUJISWA UKWESWELA ULWAZI.
 
1.Lesi sihlabelelo esaqanjwa ngumprofethi u-Isaya Shembe (ukuthula kube kuye), sikhuluma indaba enkulu, kodwa abantu abaningi abangayazi.
 
2.Uthi uShembe uKuphakama (esho ubuNazaretha), abukhule ngoba yibo obokhulula isizwe sakithi ebugqilini bokungazi.
 
3.UbuNazaretha bungasikhulula kanjani isizwe esimnyama kulobu bugqili? Kukhona ukuba yisigqila ngokucindezelwa physically, bese kuba khona ubugqila okuthi noma usukhululekile kodwa ngengqondo ungaze wabona ukuthi usukhululekile!
 
4.Ngo 2010 kwafika kimi ingelosi yabe isithi: “Kuthiwa angikutshele uphume ebandleni lamaNazaretha aseBuhleni, bese uvula ibandla, kulo ozofundisa abantu indlela eyiyo yokukhonza uJehova!
 
5.Akushiwongo ukuthi angishumayele, kodwa kwathiwa ANGIFUNDISE ABANTU INDLELA EYIYO YOKUKHONZA UJEHOVA ngisebenzisa iBhayibheli nezihlabelelo zamaNazaretha.
 
6.Lokhu kwase kungiphoqa ukuba ngazi kabanzi ngezinkolo ezintathu: inkolo yamaHebheru eyasungulwa nguMoshe, inkolo yamaRoma eyasungulwa nguConstantine, nobuNazaretha obasungulwa nguShembe.
 
7.Isizathu sokuqonda ngenkolo yamaHebheru ukuthi nguMoshe owaletha emhlabeni esizweni samaHebheriu lenkolo kaYahua noma kaJehova.
 
8.Isizathu sokufunda kabanzi ngenkolo ka Constantine ukuthi iyona eyaqeda ngama Creeds inkolo kaMoshe;kanti isizathu sokufunda kabanzi ngobuNazaretha bukaShembe yingoba ingelosi yathi ithunywe kimi nguShembe, futhi ngangivele ngingumNazaretha.
 
9.Ngokukhulu ukushesha ngazithola senginolwazi olunzulu ngalezi zinkolo ezintathu!
 
10.Ukuze ube nolwazi olunjulu noma nangani, ubozijwayeza ukufunda, ngoba ukufunda yikhona okukunika lonke ulwaze ngezinto eziningi.
 
11.Kodwa inkinga engihlangane nayo ukuthi iningi labefundisi enkolweni yobuKrestu bayaye baye emakholiji beyofundela ubufundisi, abanye bagcine bebe ngothisha kulamakholiji, kodwa uthole ukuthi iningi labo abazi lutho ngalento abathi bayifundela ekolishi!
 
12.Ukunika isibonelo: Cishe zonke izindlu zamasonto nasemizini yamaKrestu kunesithombe okuthiwa ngesikaJesu, kodwa lemfundiso iphambene kakhulu nomlando walesi sithombe okuthiwa ngesikaJesu.
 
13.Umlando oliqiniso uthi ngo 492 A.D, uPope Alexander V1 wajuba ukuba umdwebu owayedumile uLeonard da Vinci, adwebe isithombe sendodana yakhe uPope, okungu Caesar Borgia.
 
14.Okwathi lomdwebi esesidwebile lesi sithombe, loPope wabe eseshaya umthetho wokuthi asifakwe ezindlini zamasonto, kube yisona esinguJesu!
 
15.Kodwa lomlando awufundiswa amaKrestu, okufundiswayo inkolelo yokuthi lesi sithombe ngesikaJesu.
 
16.Ngaleso sizathu lesi sithombe siyakhonzwa, kuthiwa isithombe seNdodana kaNkulunkulu. Kodwa akunjalo!
 
17.Umbuzo uthi ngabe lesi sithombe esisezindlini zamasonto ngokomlando ngesikaJesu, noma ngesika Caesar Borgia?
 
18.Uma okufundiswa ngokwenkolo kuphambana nokungumlando, ngabe inkolo ifundisa iqiniso?
 
19.Ngabe amaKrestu afundiswa ukukholwa ngokweqiniso lomlando, noma afundiswa ukukholwa noma yini abayitshelwa ngabezizwe, kungakhathalekile ukuthi iliphutha kangakanani?
 
20.Uma kwaba nesidingo sokuba kuthiwe isithombe sika Caesar Borgia ngesikaJesu, kanti siphi isithombe sangempela sikaJesu?
 
21.Iqiniso ukuthi u90% wenkolo yobuKrestu ayakhelwe phezu kweqiniso, kodwa ifundise ukuthi amakholwa amukele lokho abakufundiswa ngabezizwe, kungakhathalekile ukuthi kuliphutha kangakanani!
 
22.Emva kokuba ngithunywe nguShembe ukubuyisa abantu kuJehova uNkulunkulu wethu, ngazinikela ukuba ngifunde kabanzi ngalezi zinkolo ezintathu, ngoba ngingafuni ukuba ngifundise abantu ngento engayilo iqiniso.
 
23.Lapha ke sizobuka okuyikho ngomlando walezi zinkolo, silethe ubufakazi bomlando njengoba unjalo!
 
24.Inkolo yethu yokuqala eyafikela entabeni yaseSnayi ngo 1447 B.C, uYahuah owayiletha kuyisizwe samaHebheru esagcina sesibizwa ngabantwana bakwa-Israel, wayiletha kubo ngoMoshe!
 
25.Kwahamba kwahamba abantwana bakwa-Israel bamhlubuka uYahuah, obuye abizwe ngoJehova, kwase kuthi ngo 6-4 B.C. kwazalwa endlini kaJuda uYahusha Hamashiach obuye abizwe ngoJesu Krestu.
 
26.Ngalesi sikhathi amaJuda ngaphansi kwenkolo kaMoshe ayesenama bandla (sects), amathathu, okwakungaba Sadusi, abaFarisi nama Essenes agcina esebizwa ngama Nazaretha, (bheka iZenzo 24:5).
 
27.Umholi owasungula ibandla lama Nazaretha (Nazarene sect) kwakungumprofethi uJohane, emva kwakhe kwaba ngu Yahusha Hamashiach, uJesu Krestu, kwalandela umfowabo kaJesu uJakobe, kwagcina umpostoli uPaul njengoba kubhaliwe kuyiZenzo 24:5.
 
28.Namuhla leli bandla selivuselelwe ngumprofethi u-Isaya Shembe (ukuthula kube kuye).
 
29.Kodwa uYahua, noma uJehova, okungunkulunkulu wabantwana bakwa-Israel, igama lakhe lafihlwa ku New Testament, kanjalo nelika Yahusha Hamashiach.
 
30.Nebandla leNazarene sect lifihliwe kuleliBhayibheli lamaRoma ngaphandle kweZenzo 24:5! AmaKrestu afundiswe ukuthi ibandla lamaKrestu lasungulwa nguJesu, ngoJesu besho uYahusha!
 
31.UYahusha wabulawa ngokubethelwa esiphambanweni ngamaJuda ngo 33 A.D; kwathi cishe ngo 55 A.D abafundi bakhe baphuma eJerusalema bayoshumayela ivangeli lakhe.
32.Ngo 70 A.D kwaqubuka impi phakathi kwamaRoma namaJuda, okwagcina ngokuthi amaJuda anqotshwe.
 
33.Kusukela ngo 70 A.D amaJuda aba zigqila zamaRoma, okwathi ngo 331 A.D, uConstantine wasungula inkolo yobuKrestu!
 
35.Ngo 335 A.D iRome isibuswa ngu Constantine, lombusi washaya umthetho obizwa ngamaCreeds, ngawo owaqeda inkolo yamaHebheru, okuyinkolo kaMoshe.
36.AmaJuda amaningi abalekela eSouth West Afrika endaweni eyabizwa nge Negroland.
 
37.Kunamabalazwe amathathu adwetshwa ngabamhlophe abonisa lelizwe iNegroland eline Kingdom of Juda, indawo kaNaphtal, nezinye izindawo zenzalo yabantwana bakwa-Israel.
 
38.Okuseqinisweni asikho isizwe okuthiwa ngama NEGRO, kodwa leli gama saliqanjwa ngabezizwe!
 
39.Manje-ke sesibizwa ngaba’mnyama’ noma ‘abebala,’ okungama’Zulu,’ ama’Xhosa,’ abe’Suthu,’ abe’Tswana,’ ama’Shangane,’ ama’Swati,’ ama’Ndebele,’ njalo njalo.
 
40.Zonke lezi zizwe ziyimbewu kaYisrael futhi zinebala elinsundu, izinwele ezimfishane, amakhala ayizibhadlalaza kanye nezindebe zomlomo eziwugqinsi – konke lokhu kuyizimpawu zabantu ababizwa ngamaNegro.
 
41.Empeleni lonke ulwazi mayelana nomlando wangempela kaYisrael selwagqitshwa ngabezizwe njengokusho komhlabeleli kumaHubo 83:4.
 
42.Kuze kube namuhla, uquqaba olukhulu phakathi kwamaYisrael alapha e South Afrika lukholwa yiyo yonke inkohliso eyafika nabacindezeli bohlelo lwe colonialism. Sesibizwa ngama “Negro namaBantu.”
 
43.Lama gama ayizinhlamba, ayindlela yokunyundela amaYisrael ukuze igama elithi ‘Yisrael’ lingabe lisaziwa, likhohlakale emhlabeni.
 
44.Kodwa izizwe zabahedeni ziwazi kahle umlando kaYisrael nesivumelwano phakathi kukaYahuah nokhokho bethu, esabuye sephulwa yithi!
 
45.Lenkolo yamaKrestu eyasungulwa eminyakeni yo 300 A.D yayinesithixo esibizwa ngesiLatin ngokuthi u-IESIS.
 
46.UConstantine waze wafa lingakabi bikho igama likaJesu; kodwa kwathi cishe eminyakeni yo 500 A.D sekunohlamvu u”J” lesi sithixo sabe sesibizwa ngo “Jesus.”
 
47.UDr Kotze ongumfundisi enkolweni yobuKrestu ukuchaze kahle lokhu encwadini yakhe ethi COME OUT OF HER MY PEOPLE, lapho ethi abezizwe babengamemukeli uMsindisi wamaJuda, okunguYahusha, ngoba abamhlophe babewazonda amaJuda, bemzonda noNkulunkulu oku Old Testament, uYahua, noma uJehova.
 
 
48.Ngakho ke base bezakhele umsindisi wabo osaGriki, kwaba nguye othatha indawo yaloMsindisi oliJuda abezizwe abamenyanyayo!
 
49.Ngokusobala umesaya wamaKrestu okuyinkolo esungulwe ngamaRoma ngo 331 A.D, uJesu Krestu!
 
50.Njengoba sesichazile ngaphambili, ngo 492 A.D, uPope Alexander V1 wenza isithombe sendodana yakhe uCaesar Borgia ukuba kube yisona esikhonzwayo kuthiwe singuJesu!
 
51.Umbuzo uthi uma ngokomlando lesi sithombe kungayiso esika Caesar Borgia, njengoba abanye bephika, empeleni ngesikabani, ngoba awukho umlando wokuthi uJesu wake waba khona emhlabeni, nokuthi uma waba khona, wayekhona ngasiphi isikhathi?
 
52.Ubukhona bukaJesu kungamanga anobuqili obuyisi mangaliso! Kwantshonthwa umlando kaYahusha Hamashiach owayeliJuda base bethi ngokaJesu osenkolweni yamaRoma!
 
53.Lokho bakwenza ngoba bazi ukuthi amaJuda sebawanqoba, ahlakazeleka emazweni ahlukahlukene!
 
54.Kodwa okumangalisayo ukuthi sona lesi sizwe esintshontshelwe uMsindisi waso ngabezizwe, yiso esesinabefundisi abashumayela ivangeli lokulahla uNkulunkulu waso, okungu Yahua, ngoba sithi loJesu owakhiwe ngabezizwe sekunguye uNkulunkulu okumele akhonzwe!
 
55. Asigcini lapho, isizwe sakithi sesalahla nobuzwe baso, sathi abantwana baka-Israel ngo Netanyawu baseJerusalema!
56.Kodwa inkolo yethu yachithwa yizo lezi zizwe esezithi asikholwe nguJesu owakhiwe yizo! Nansi iCreed ka Constantine echitha inkolo yethu:
 
57.“Ngiyayichitha yonke imikhosi, nemicimbi, nemithetho, ukudla isinkwa esingena mvubelo, iminikelo yamawundlu eyenziwa ngama Hebheru.
 
58.Ngichitha nayo yonke imikhosi yama Hebheru, iminikelo, imithandazo, ukuzi ngcwelisa kanye nokudumisa kwabo.
 
59.Ukuzila kwabo, imikhosi yokweshwama, amaSabatha, amahubo, nezaga, nenkoloze yokuya kwabo ukuyokhonza emathempelini.
 
60.Mina ngokwami ngithi angikufisi nakancane ukuthi kube khona ukubuya kule nkoloze yamaJuda, noma ukutholakala ngidla namaJuda, noma ngenza imikhosi kanye nabo, noma ngandlela thile kukhulunywa nabo ngasese kuphikiswana noma kugxekwa inkolo yobuKrestu.
 
61.Kunalokho uma kukhona ukukhuluma nabo kufanele kube ukuthi bayatshelwa ngokusobala ukuthi bashiye lomsangano wabo wenkolo yamaJuda.” Amein!
 
62.UbuKrestu abugcinanga ngokuchitha inkolo kaYahuah ngamaCreeds, kodwa babuye baphoqa ngamaCreeds ukuthi amaKrestu alandele amasiko nemikhuba esizwe samaRoma. Nalama Creeds abhalwe phansi ahamba kanje:
 
63.“I Accept all” Customs, Rites, Legalism, and Feasts of the Romans; Sacrifices, Prayers, Purification’s with water, Sanctification’s by High priests of Rome, Propitiations, and Feasts, and the New Sabbath Day of the Sun, Sunday Worship, the Lord’s Day also known as Baal’s Day, since Baal is Lord and so is Jesus.
 
64.All New chants and Observances of Holidays of the Christians, and all the foods and drinks of the Romans.
 
65.In other words, I absolutely accept everything Roman, every new law, Rite and Customs of Rome, and the New Roman Religion, “Christianity”.
 
66.Christians must not judaize by resting on the Sabbath, but must work on that day, rather, honoring the Lord’s Day.
 
67.But if any shall be found to be Judaizers, let them be anathema from Christ”
 
68.Nanamuhla amaKrestu ayilandela yonke lemithetho ka Constantine echitha yonke imithetho kaYahua ebizwa ngokuthi imithetho kaMoshe.
 
69.Kanjalo futhi, onke amaKrestu kuze kube manje alandela amaCreeds ka Constantine ethi onke amaKrestu akagcine imikhuba namasiko esizwe samaRoma. Nempela onke amaKrestu agcina amasiko esizwe samaRoma njengokuyala kuka Constantine!
 
70.Njengoba ngikhuluma nje kulelisonto kugujwa umkhosi wesithixo samaRoma, u-Ishter!
 
71.AmaKrestu ayazi ukuthi awukho umkhosi wama Easter noKhisimuzi eBhayibhelini, nama Nazaretha enkolweni yobuKrestu abizwa ngama Early Christians akaze awagubhe lama pagan holidays. Kodwa afika namaKrestu, ngawo kufihlwa ukugubha lemikhosi yezithixo zabo!
 
72.Ama Early Christians ayengenke awagubhe lama holidi ngoba wona abakhona kungakabi bikho ubuKrestu! Ngokomlando lama Early Jewish Christians were persecuted by the Romans!
 
73.Lemikhosi yavela nobuKrestu obasungulwa nguConstantine esanqotshwa amaJuda ayelandela imfundiso kaYahusha ngokugcina umthetho kaMoshe.
 
74.ENkonzweni edlule ngichazile ukuthi imibhalo eminingi echaza kabanzi ukuthi amaNazaretha ayengabalandeli bakaYahusha, ayekuqinisa ukugcinwa kwemithetho ekuTorah njengoba injalo.
 
75.Ngaze ngacaphuna naku Geogle lapho amaNazarenes echazwa kanje: “The Nazarenes were a sect of early Jewish Christians following Jesus while strictly observing the law of Moses.”
 
76.Siyazi ukuthi kusukela uYahusha waqala eshumayela waze wabethelwa esiphambanweni, wayenebandla lamaNazaretha elaligcina umthetho kaMoshe. Manje uma uYahusha noJesu kungumuntu oyedwa, leli bandla likaJesu, kodwa elingawugcini umthetho kaMoshe, lahluka kanjani ebandleni likaYahusha elalaziwa ngokubheka ukugcinwa kweTorah?
 
77.Impendulo ithi ibandla okuthiwa ngelikaJesu, libandla lika Constantine elavela ngo 331 A.D, kodwa elazibiza ngokuthi liyibandla likaJesu!
 
78.Lokhu sikubon ngoba ligcina onke amaCreeds enkolo ka Constantine njengoba ebhaliwe enkolweni yobuKrestu!
 
79.Angiqondi ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi umuntu omnyama agqugquzele ukuthi isizwe sakubo siyeke inkolo eyalethwa kithi ngu Yahuah, bese ethi akulandelwe inkolo eyasungulwa ngumuntu wakwesinye isizwe, futhi okunguye owachitha inkolo kaNkulunkulu wethu!
 
80.Noma imuphi umuntu oyisi scholar enkolweni yobuKrestu, njengomfundisi nabafundisi balenkolo emakolishi, kufanele ngabe uyakwazi ukwahlukanisa ibandla likaYahusha elaba khona kungakabi bikho ubuKrestu, elibizwa ngamaNazaretha, nebandla likaJesu elisenkolweni kaConstantine, okungamaKrestu.
 
81.Abalandeli bakaYahusha, okwakungamaNazaretha babaziwa ngokuba strict ekugcineni umthetho kaNkulunkulu, kanti ibandla likaJesu, okungamaKrestu, liyayichitha imithetho kaNkulunkulu!
 
82.Umbuzo osalayo ukuthi ingempela uJesu wake waba khona yini emhlabeni?
 
83.UYAhusha wahamba emhlabeni ngo 33 A.D, kusasele iminyaka engaphezulu kwa 260 u Constantine asungule ubuKrestu! Lesi isikhathi eside kabi! Ayikapheli iminyaka engu 200 inkosi uShaka yahamba emhlabeni.
 
84.Siyazi ukuthi kusukela ku 55 A.D abafundi bakaYahusha baphuma bayoshumayela ivangeli likaYahusha nakwabezizwe, kodwa impi phakathi kwamaRoma namaJuda eyaba ngo 70 A.D amaJuda anqotshwa.
 
85.Esenqotshiwe amaJuda, ivangeli likaYahusha laphela, ngoba amaJuda aba zigqila zamaRoma, amanye abalekela e West Afrika, amanye agcina ngokuhlakazeka izwe lonke!
 
86.Njengoba amaRoma awanqoba amaJuda, kwenzeka kanjani ukuthi sibone uYahusha esenguJesu, esesenkolweni yesizwe samaRoma? Ngabe noYahusha wathunjwa yini?
 
87.Uma amaKrestu ethi uYahusha wasungula inkolo yobuKrestu, lokho wakwenza nini ngoba ngokomlando kwaphela iminyaka engaphezu kwa 260 uYahusha engasekho ngaphambi kokuba khona kobuKrestu?
 
88.Ekuqaleni igama likaYahusha alikaze libe khona enkolweni yobuKrestu, kodwa kuthe sekuvela ukuthi uMesaya igama lakhe kwakunguYahusha, kwase kushintsha ukukhuluma, sekuthiwa uYahusha noJesu ligama lomuntu oyedwa!
 
89.Kodwa liphutha lelo. Okokuqala uYahusha wahamba emhlabeni ngo 33 A.D, ubuKrestu basungulwa ngo 331 A.D, sekwedlule iminyaka engaphezu kwa 260 uYahusha engasekho.
 
90. Okwesibili uYahusha wayeliJuda, okungumuntu omnyama, kanti uJesu uvezwe engumRoma, engumuntu omhlophe.
 
91.Lencazelo ivumelana nokushiwo ngu Dr Kotze ukuthi ngenxa yokuthi abamhlophe babemenyanya umJuda, bazenzela umsindisi wabo okwasaGriki!
 
92.Njengoba ngo 335 A.D uConstantine washaya umthetho ochitha inkolo yamaHebheru, okuyinkolo kaYahusha, manje uYahusha waba kanjani enkolweni yesizwe esasesichithe inkolo yesizwe sakhe?
 
93.Futhi njengoba ubuKrestu bavela uYahusha sewafa, ngabe wabuya ezulwin wazosungula lenkolo yobuKrestu?
 
94.Ngisho abantu abamnyama sebetholile ukuthi umholi wabo kwakungu Yahusha, engumuntu omnyama, abafundisi babafundisa ukuthi akalahlwe uYahusha kulandelwe uJesu wesizwe esimhlophe; njengabezizwe, nabo bayayichitha imithetho kaYahuah!
 
95.Bengagcini lapho, kodwa bamukele imikhuba namasiko esizwe esimhlophe esachitha inkolo yabo!
 
96.Ngumprofethi uShembe uBabamkhulu kuphela osibuyisele enkolweni yokhokho bethu, wathi asigcine imithetho kaYahuah owayiletha kithi ngoMoshe.
 
98.Umprofethi owafika wabuyisela abantu enkolweni kaYahua ngumprofethi u-Isaya Shembe (ukuthula kube kuye), kuphela!
 
99.Onke amanye amabandla alandela inkolo kaConstantine owafika egameni likaJesu wachitha inkolo yethu ngamaCreeds!
Inkosi ibusise izwi layo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *