Kulesi sikhathi uJehova ungithumile ukuba ngimemezele kubantu bonke umbuso wezulu; bawemukele abawuthandayo, bayeke abangawuthandi; akukho muntu ophoqiwe ukudla lelifa lasezulwini.
Isihlabelelo 180.
1.Wozani nonke zizwe
Selibasiwe lelo ziko
Ziyalotha zonke izizwe
Yizani badingayo.
2.Bamenywa wozanini
Ifa lenu livuthiwe
Nikhalelani niliphethe
Sekwanele lidlenini.
3.Lincishwa abangalithandi
Abalithandayo wozanini
Amasango alelo lifa
Avulelwe nina.
4.Lelo lifa ligciniwe
Ligcinelwe nina
Izulu nalomhlaba
Lalingakabi bikho olona.
UJESU AKAZE ABE SENKOLWENI YOBUKRESTU.
1.Ngaphambi kokuba ngigxile kulesi sihloko ngibona kufanele ngichaze kafuphi ngesimo senkolo yami.
2.Mina ngiyinzalo ngaphansi kwebandla lamaNazaretha elivama ukubizwa ngokuthi ibandla lakwaShembe.
3.Ngaba yinkosana ngaba ngumshumayeli ngaze ngaba umvangeli ngikuleli bandla lamaNazaretha. Futhi ngangingumuntu ohlale emlwela uShembe nebandla lamaNazaretha.
4.Kodwa njengamanje angisekho ebandleni lamaNazaretha akwaShembe, kodwa nginguye umNazaretha, ngoba ngingaphansi kwebandla lomprofethi u-Isaya Shembe (ukuthula kube kuye).
5.Kwaku mhla ka 4 ku January 2010 mhla sivakashelwa ingelosi, yafika yaguqa phambi kwami nginomkhokheli umaNxumalo, yabe isithi ithunywe nguShembe uBaba iLanga kimi, uthi angiphume ebandleni lama Nazaretha aseBuhleni, bese ngimakhela ibandla likaJehova.
6.Kuleli bandla ngifundise bonke abantu indlela eyiyo yokukhonza uJehova; ngithathele eBhayibhelini nasezi Hlabelelweni zama Nazaretha.
7.Ngibuye ngithathele ezimfundisweni zika Shembe umprofethi efundisa amaNazaretha indlela eyiyo yokukhonza uJehova.
8.Ngomhla ka 26 March 2011 ingelosi yafika futhi isizongi gcobela ukuhola lelibandla lama Nazaretha kaNkulunkulu.
9.Emva kwalokho yabe isingitshela ukuthi uthi uShembe uBaba iLanga uyabonga wonke umsebenzi engiwenzile ukulwela uShembe nebandla lama Nazaretha, kodwa manje sengithunywa ukuba ngisebenzele uJehova.
10.Ileligunyake elingenza leli vangeli ngilise nakumaKrestu, ngoba ngikholwa ukuthi sonke singaphansi kwebandla likaJehova!
11.Yathi ingelosi manje sengizokwenza umsebenzi wobupristi njengoba wawenziwa zithunywa zikaJehova kuyiTestament Elidala.
12.Lokho kusho ukuthi lelivangeli liyefana nelabapristi bakwa-Israel, ngifundisa abantu ngomthetho kaMose.
13.Kodwa mina angisiye umprofethi, ingelosi yathi umprofethi uShembe uBabamkhulu!
14.Mina ngithunywe ukuvuselela ivangeli likaJesu elaqhutshwa nguShembe umprofethi ngombuso wezulu!
15.(Ngizosebenzisa amagama aseBhayibhelini ukuze sonke siyilandele lenkonzo).
16.Nokho mina angihlubukanga ebandleni lama Nazaretha aseBuhleni njengokusho kwamanye amaNazaretha, kodwa kuleli bandla ngakhishwa nguye uShembe uBaba iLanga!
17.Kujwayelekile ke ukuthi uma ngishumayela, bese kuqhamuka abanye abantu bengilawule ukuthi angishumayeleni, ngiyekeni.
18.Kodwa umuntu okumele angiqondise ukuthi angishumayeleni, kanjani, ilo ongithumile.
19.Awukwazi ukuthi ungathunywa ngomunye umuntu ukwenza into ethize, bese ulawulwa ngumuntu othunywe kuye.
20.Izwi lathi ANGIFUNDISE BONKE ABANTU INDLELA EYIYO YOKUKHONZA UJEHOVA, ngakho ke angikwazi ukubuye ngilawulwe ngabantu engithunywe kubo.
21.Emveni kwalomyalezo ingelosi yahlala nathi isifundisa okumele sikufundise abantu kusukela ngawo unyaka ka 2010 kuze kube namuhla.
22.Sesikhulume kakhulu ngobu Nazaretha, sakhuluma kabanzi nangobuKrestu, kodwa kunezinto eziningi amaKrestu angakazazi ngenkolo yawo, nengithunywe ukuthi ngizichaze kahle.
23.Kulokhu engizokuchaza lapha, amaKrestu anelungelo lokuphikisa abakuphikisayo, bakuvume abakuvumayo, kodwa ekuphikiseni kwabo, bakwazi ukukusekela abakuphikisayo!
24.Encwadini kaHoseya 4:6 uJehova uthi: “Abantu bami bayabhujiswa ngokweswela ulwazi, njengoba ulwenqabile ulwazi, nami ngiyenqaba ukuba ube ngumpristi wami.
25.Ukhohliwe wumthetho kaNkulunkulu wakho, nami futhi ngiyakubakhohlwa abantwana bakho.” Amein!
26.Encwadini ka-Isaya 58:1-2 uJehova uthi: “Memeza ungazibambi, liphakamise izwi lakho njengecilongo, batshele abantu bami iziphambeko zabo, nendlu kaJakobe izono zayo.
27.Nokho bayangifuna nsuku zonke, bayaku thokozela ukwazi izindlela zami sengathi bayisizwe esenza ukulunga, esingazishiyanga izimiso zikaNkulunkulu waso.
28.Babuza kimi izehlulelo ezilungileyo, bayakuthokozela ukusondela kukaNkulunkulu! Amein!
29.Kulesi sikhathi uJehova ungithumile ukuba ngimemezele kubantu bonke umbuso wezulu; bawemukele abawuthandayo, bayeke abangawuthandi; akukho muntu ophoqiwe ukudla lelifa lasezulwini.
30.Isono esikhulu samaKrestu ukuthi bethi bengamakholwa angaphansi kukaJehova uNkulunkulu wethu, kodwa bakhohlwe ngumthetho kaNkulunkulu wabo, bamkhonze ngezindebe zomlomo, kodwa ngakolunye uhlangothi bafundise izimfundiso eziyimiyalo yabantu!
31.UJehova kulenkulumo engenhla usitshela ukuthi uma ungawugcini umthetho wakhe, uyokulahla, kungakhathaleki ukuthi uyazi yini ukuthi wenza isono!
32.KuMathewu 7:21-23 uJesu wathi noma ungenza izimangaliso, uprofethe ngegama lakhe, kodwa uma ungayenzi intando kaNkulunkulu, okuwukugcina umthetho wakhe, ekufeni kwakho uyothi uma uza kuye, akuxoshe, athi: “Suka kimi menzi wobubi angikwazi.”
33.IGoden Rule ekukholweni kuMenzi wezulu nomhlaba ukugcina umthetho wakhe owawuletha kithi ngenceku yakhe uMose.
34.KuMathewu 5:17-19 uJesu wafike wayigcizelela lemfundiso kaMose ethi ukukholwa kwethu kuJehova kungukuhamba ngokwezimiso zakhe njengoba zazifundiswa nguMose nabaprofethi abamlandelayo.
35.Uthi uJesu intando kaNkulunkulu ayenziwe emhlabeni ngendlela efanayo naleyo eyenziwa ngayo ezulwini. Sonke asibe ngcwele njengabasezulwini!
36.Ngakho ke kumele ngizicacise lezi zinto sisaphila, ngoba umhlaba usuyasongwa, iningi lethu sizokufa sisebancane!
37.UbuKrestu inkolo enga sungulwanga ngumprofethi, kunalokho yasungulwa ngumuntu ongasilo ngisho ikholwa, kodwa onguSombusazwe, uConstantine!
38.Kulenkolo uConstantine owayengumbusi wamaRoma kuyo, wayisungulela ukuvikela ubukhosi bakhe basemhlabeni!
39.Okuseqinisweni uConstantine wayeyisitha esikhulu kuNkulunkulu kaMose, uJehova!
40.Ngike ngathola inkulumo yomunye umbhali echaza ngokusunguleka kwalenkolo nguConstantine. Lombhali uthi lenkolo yasungulwa ngobuqili obuyisimangaliso.
41.Ngesikhathi sikaConstantine umbuso wama Roma wawusezi nkingeni eziningi, abantu bengasalawuleki.
42.Lombusi wayesebona ukuthi akenze sengathi abantu ubaphethe ngokwenkolo.
43.Ekusunguleni kwakhe ubuKrestu, waziqeda zonke izinkolo ezingekho kulenkolo.
44.Kodwa kulenkolo yakhe yena wazinika amadla okuphatha inkolo ayihlanganise nombuso wakhe.
45.Wayeseba nesigungu, (Council) esizokwenza inkolo nombuso kube yinto eyodwa.
46.Ilendlela ke lapho okwaba nama Creeds aqeda inkolo yamaHebheru, wenza umbuso wamaRoma nobuKrestu kube yinkolo yombuso.
47.Inkolo kaMose yabizwa ngeTestamente Elidala, kwathi ubuKrestu kwabizwa ngeTestamente Elisha elichitha inqubo yokukholwa kweTestamente Elidala, okuyinkolo kaMose!
48.UConstantine washaya umthetho wokuthi wonke amaKrestu agcine amasiko nemikhosi yesizwe samaRoma.
49.Yikho lokhu enkolweni yobuKrestu yachithwa yonke imikhosi kaJehova, kwase kuthi endaweni yayo amaKrestu abuswa ukudumisa imikhosi yezithixo zamaRoma, njengo Khisimuzi, ama-Easters nokuningi okunjalo.
50.Njengoba ngihlale ngichaza, uJesu wayengowesizwe samaHebheru, ezalwa nguMaria noJosefa. Wahamba emhlabeni ngo 33 A.D.
51.Kodwa ubuKrestu obungaphansi kwesizwe samaRoma, kwasungulwa ngo 331 A.D, sekwedlule iminyaka engaphezu kwa 260 uJesu ahamba emhlabeni.
52.Uma uJesu wayesenkolweni yamaHebheru, wahamba emhlabeni ngo 33 A.D, ubuKrestu basungulwa ngu Constantine oliRoma ngo 331 A.D, akukwazi ukwenzeka ukuthi uJesu ebe ngumsunguli wenkolo eyavela engasekho emhlabeni!
53.Njengoba kubhaliwe kuyiZenzo 24:5 ukuthi uPaul wayengumholi webandla lamaNazaretha, lobu buholi busukela kuJesu. Kodwa enkolweni yobuKrestu lamaqiniso ayafihlwa!
54.Ngaphandle kokuvezwe zincwadi zomlando ngobukhona bebandla lamaNazaretha, uJerome owayengu mfundisi ebandleni lama Roma ubhale kanje ngaleli bandla:
55.“Kufanele ukuthi esikhathini samanje sike sibhekisise laba bahlubuki abazibiza ngokuthi amaNazaretha, ngisho ubabheka nje uyabona ukuthi bangamaJuda, ayikho enye into, abasebenzisi iTestamenti Elisha kuphela, kodwa baphinde basebenzise nalelo elidala lamaJuda.
56.AmaNazaretha akayichithi imithetho yamaJuda, nabaprofethi, nemibhalo yabo. Ngalokho kwenza, baba ngabemukelekile kumaJuda njengoba bengahluke ngalutho kuwona.
57.Basho zonke lezi zinto ezifundiswa emabandleni abo amaJuda, okuhlukile ngabo kumaJuda ukuthi bona bayakholelwa kuMessiah uJesu Krestu.
58.Bafundisa nokuthi kukhona uNkulunkulu oyedwa, kodwa uJesu uyindodana yakhe; bafunde njengawo amaJuda lawa, futhi balandela yonke imithetho yamaJuda nabaprofethi babo.
59.Bona okubenza ukuthi behluke kwamanye amaJuda ukuthi nje bayamemukela uMessiah, kodwa ngale kwalokho balandela imithetho yonke yamaJuda okufaka phakathi ukusoka, iSabatha, namanye amadili amaJuda.” Amein!
60.Njengoba sesichazile, amabandla amaJuda ayemathathu, kungabaFarisi, abaSadusi, namaNazaretha.
61.AmaNazaretha ilelibandla elalingabalandeli bakaJesu. Umholi wokuqala waleli bandla kwakunguMprofethi uJohane, emva kwakhe kwaba nguJesu, emva kwaJesu kwaba ngumfowabo uJakobe, emva kwaJakobe kwaba nguPaul.
62.Kodwa enkolweni yobuKrestu sifundiswe ukuthi nguJesu ongumsunguli wobuKrestu, nokuthi uPaul wayengumpostoli enkolweni yobuKrestu.
63.AmaKrestu ayafihlelwa iqiniso lokuthi ubuKrestu bavela uJesu sewahamba kudala emhlabeni, nokuthi kwakungenke kuthi uJesu esenkolweni kaMose, bese futhi eba senkolweni eyayichitha inkolo kaMose!
64.NJengoba ngesikhathi sika Jerome ibandla lama Nazaretha elali ngaba landeli bakaJesu laselaqedwa, lomfundisi ukhononda ngokuthi lelibandla lisagcina imithetho enkolokaMose amaRoma aye seyichithile!
65.AmaKrestu ayengavunyelwe ukufunda iTestamente Elidala eliqukethe inkolo kaMose, benqatshelwe nokulandela izimfundiso zabaprofethi bayo; bengavunyelwe ukukholelwa kuNkulunkulu oyedwa.
66.Kwakufanele balichithe neSabatha kanye nokusoka, ngoba lemikhosi isenkolweni kaJehova ochithiwe enkolweni yamaRoma, okungubuKrestu!
67.Ubufakazi bokuthi naye umpostoli uPaul wayengaphansi kwenkolo kaMose kuyiZenzo 28:23 kuthi: “Sebemmisele usuku uPaul, baya kuye endlini ngobuningi, wabacacisela efakaza ngombuso kaNkulunkulu, ebanxenxa ngoJesu ethathela emthethweni kaMose nakubaprofethi” Amein!
68.Sesaku veza ukuthi ama Nazaretha, okwakungaba landeli bakaJesu, babaziwa ngokuthi bangaba londolozi beTorah.
69.Lokho ngisho ungavula iGeogle izokutshela ngaleli bandla likaJesu,‘the Nazarenes,’ elalaziwa ngokuthi noma livuma ukuthi uJesu unguMesaya, kodwa futhi laziwa ngokuba ngabalondolozi beTorah, ligcina umthetho kaMose!
70.Uma ama Nazaretha kaJesu ayengaba londolozi beTorah, ehamba ngokwezimiso zikaJehova, kodwa amaKrestu engabachithi bomthetho kaMose, uJesu wayengaba ngumholi kanjani enkolweni echitha umthetho kaNkulunkulu?
71.Nokho amaKrestu amaningi esizweni esimnyama abazi ukuthi bayinkolo eyichithayo inkolo kaJehova, futhi abazi ukuthi uJesu, lo abathi wasungula ubuKrestu, wayengu mNazaretha. Abazi futhi ukuthi ubuKrestu yinkolo yesizwe samaRoma, isizwe esasilwa nenkolo kaJehova!
72.AmaNazaretha kwakulibandla likaJesu elalihamba ngokwezimfundiso zikakaJehova owazishiya kuMose, kodwa amaKrestu akaze abe libandla likaJesu, they are fronting ngoJesu! UJesu bamdumisa ngezindebe zemilomo kuphela, kodwa bayazichitha izimfundiso zakhe ezithi asigcine umthetho kaNkulunkulu!
73.Kusukela ku 66 A.D kwaba nempi phakathi kwamaRoma namaJuda, ngo 70 A.D amaJuda agcina ngokunqotshwa ngamaRoma.
74.Ababusi abaningi bamaRoma bawahlukumeza kakhulu amaJuda, baqeda nenkolo yabo ngezikhali.
75.Sekubusa umbusi uConstantine, ngo 331 A.D kuyi Council of Nicaea kwasungulwa inkolo yobuKrestu.
76.Kubalulekile ke ukwazi ukuthi ngokomlando inkolo yobuKrestu yasungulwa ngu Constantine ngo 331 A.D uJesu engasekho emhlabeni.
77.Kodwa ukukhathazeka okukhulu ezulwini akukho ukuthi uJesu wake waba khona yini enkolweni yamaRoma noma qha.
78.UNkulunkulu ukhathazwa ubuqili bokufundisa abantu abamnyama ukudumisa uJesu ngezindebe zomlomo, kodwa ngokwenza balandela ama Creeds ka Constantine achitha inkolo yoPhezukonke!
79.Ngo 335 A.D uConstantine waba neCreed ngayo owayechitha inkolo kaMose.
80.Abakufihlanga ukuthi bachitha inkolo kaJehova, noJehova bayamchitha kulenkolo, baze bamkhipha nasencwadini yabo, okuyiTestamente Elisha.
81.Kodwa amaKrestu angikholwa ukuthi ayazi ukuthi inkolo kaMose yachithwa ngu Constantine lingakabi bikho ngisho iBhayibheli.
82.Kuliphutha ke ukucaphuna noma isiphi isahluko nevesi leBhayibheli uma uchitha umthetho kaMose ngoba inkolo kaMose yachithwa ngumubtu oyedwa ngama Creeds lingakabi bikho iBhayibheli!!
83.Kwabuye kwaba nenye iCreed echitha iSabatha, ivusa isonto. Kule Creed kuthiwa iSabatha usuku lwamaJuda, ngakho uma uya esontweni ngesabatha you are Judaizing!
84.Kwabuye kwaba nenye iCreed ephoqa wonke umuntu ongumKrestu ukuthi amukele lonke usiko nemikhuba yesizwe samaRoma.
85.Yikho uthola ukuthi amaKrestu ayichitha yonke imikhosi kaJehova ekuyiTestamente Elidala, kodwa esikhundleni salemikhosi kaJehova, agcina imikhosi yabahedeni besizwe samaRoma.
86.Ukuze lemikhosi yaba hedeni ilangazelelwe ukugcinwa ngamakholwa, it is fronted by Jesus Christ, kwenziwa sengathi le imikhosi eqondene nokukholwa!
87.Ngenkathi abasunguli bobuKrestu sebechithe uNkulunkulu onguJehova, endaweni yakhe baqhamuka nesithixo esingunkulunkulu omthathu emunye, bephikisa inkolo kaNkulunkulu oyedwa!
88.UbuKrestu abugcinanga ngokuqeda inkolo yamaHebheru, kodwa bachitha yonke into ethinta ubuzwe balesi sizwe sikaJehova!
89.Umfundisi u-Alexander Hislop encwadini yakhe ethi THE TWO BABYLONS uthi inkolo yobuKrestu yakhelwe phezu kweyabahedeni baseRoma, nayo eyakhelwe kweyaseBabylon, iMystery Religion of Babylon.
90.Nokho asizugxila kulokhu okushiwo ilombhali, ngaphandle kokuthi sibonise ukuthi izimfundiso zobuKrestu ziyayichitha inkolo kaJehova, kodwa isizwe esimnyama asikuboni lokho! Ngizonika mhlawumbe isibonelo esisodwa esichaza lesi simo.
91.Kusukela encwadini kaGenesisi uJehova ukhuluma ngokugcinwa kwesabatha, nakuyi Testamente Elisha kukhulunywa ngokugcinwa kweSabatha.
92.Ngisho uPaul lo amaKrestu ovele ezincwadii zakhe njengophikisa uJesu, kodwa wayegcina iSabatha. Noma uJesu sewabethelwa, abalandeli bakhe abasukanga ekugcineni iSabatha.
93.Uma uJesu nabalandeli bakhe babegcina isabatha ngisho engasekho emhlabeni, sizathu sini esenza amaKrestu engaligcini iSabatha?
94.Yingoba amaKrestu ngabalandeli baka Constantine who fronted with Jesus! Yikho ke kuthi noma ngomlomo bedumisa uJesu, kodwa ngezenzo begcina umthetho ka Constantine ongumbusi wesizwe samaRoma!
95.Ngu Constantine owathi amaKrestu angaligcini iSabatha, ngoba ngokuligcina they would be Judaizing.
96.Namanje ke amaKrestu emhlabeni wonke alandela imfundiso ka Constantine ethi bangaligcini iSabatha, hhayi imfundiso ka Mose ethi asigcine iSabatha.
97.KuMathewu 5:17-19 uJesu wathi akazile ukuchitha umthetho kaMose, kepha uzowugcwalisa. Wathi umthetho umi nguna phakade, akunakususwa ngisho ichashaza lomthetho.
98.Waqhubeka uJesu wathi uma kuba nomuntu ongawugcini umthetho, abuye afundise abantu ukungawugcini, ngenke angene ezulwini.
99.Kodwa kulenkolo abafundisi abawugcini umthetho kaNkulunkulu, futhi bayabafundisa abalandeli babo ukuthi bengawugcini umthetho kaJehova, bephikisa yena loJesu abathi bayamkhonza!
100.Ngabe amaKrestu angabalandeli bakaJesu noma baka Constantine?
101.Ngezindebe zomlomo balandela uJesu, kodwa ngezinhliziyo zabo bakude noJesu, abamkhonzayo ngu Constantine obafundise ukukhonza unkulunkulu welanga!
102.Isono esikhulu samaKrestu ukuvuma ukusetshenzisa ngabezizwe ukuchitha imithetho kaJehova uNkulunkulu wethu, kodwa nawoamaKrestu ngomlomo wabo bebe bethi uJehova unguNkulunkulu wabo!
103.Kungumsebenzi wami ke ukuba ngimemeze, ngiphakamise izwi njengecilongo, ngitshele abantu bakaJehova izono zabo!
104.NgeSonto eledlule ngishayelwe ucingo insizwa yase Eastern Cape engumKrestu, yathi ibiya enkonzweni yangeSonto.
105.Kodwa ekuzweni lentshumayelo ngokuthi kanti nguConstantine owathi abasonte ngeSonto, ivele yakhumula izingubo zayo yahlala phansi, yathi ayikwazi ukulahla umyalo kaNkulunkulu ngomthetho womuntu; yafuna ukwazi kabanzi ngeSabatha!
106.Nonke niyamenywa ngabanye ngabanye ukuthi nisuke ezimfundisweni zomubi ezithi bukelani phansi uJehova ngokuchitha imithethetho yakhe owayiloba ngenceku yakhe uMose!
iNkosi ibusise izwi layo.