Skip to content

AMASIKO NEMIKHUBA EHLUKUMEZA ISIZWE

Okuyisimanga ukuthi baningi nabazali abaye bahlukumeze abantwana babo ngokuthi bafune ilobolo elinenhloso yokuphundla umkhwenyane, bengabi naluzwelo lokuthi ngaleli lobolo umntanabo angase alahlekelwe ngumshado, noma emzini umntanabo ahlale ethukelwa leli lobolo

1.Imini yeSabatha ayibenhle kwabaNgcwele. Isihloko sale nkonzo sithi: “Amasiko nemikhuba ehlukumeza isizwe.”
 
2.GENESIS 29:28: “UJakobe wenza kanjalo, waqeda iviki enoLeya, uLabani wasemnika uRaheli indodakazi yakhe endala ukuba abe ngumkakhe.” Amen!
 
3.UJakobe wayethembise ukuganwa ngu Raheli, wabe esesebenza kuLabani iminyaka eyisikhombisa, okwakuyi lobolo owaye lobola ngalo uRaheli. Kodwa ebusuku, uLabani waletha kuJakobe uLeya.
 
4.UJakobe walala naye ubusuku bonke ecabanga ukuthi ulele noRaheli, waze wabona ekuseni ukuthi ubelele noLeya.
 
5.Wathi uma uJakobe embuza uLabani ukuthi ubenzeleni lobu buqili, wathi uLabani usiko luthi akugane intombi endala kuqala.
 
6.Ukuthi lento eyayishiwo nguLabani yayiliqiniso, noma qha, okusalayo ukuthi uLabani waganisela uJakobe uLeya ngobuqili!
 
7.Kodwa esikufunda lapha ukuthi ukulobola usiko lwasendulo kuyisizwe esimnyama, okungubufakazi bokuthi uJakobe wabe engumuntu omnyama.
 
8.Kuyini ukulobola? Ziningi izincazelo ongazithola kulombuzo; kuya ngokuthi uwubuza kubani.
 
9.Ngokwesenzo, ukulobola umfazi kungukuthenga owesifazane emndenini wakhe ukuba abe semndenini wakho.
 
10.Abanye bazothi ngokumlobola owesifazane usuke ungamthengi, kodwa ngokwesenzo ukulobola owesifazane kuyefana nokumthenga, ngoba njengokuthenga noma yini, othengwayo akanazwi ekuthengweni kwakhe.
 
11.Konke kwenziwa ngabazali bakhe, uma engenabo, kwenziwe ngowomndeni.
 
12.Noma ilobolo ekuqaleni lwaluyisiko oluhlanganisa imindeni emibili, kodwa namuhla ilobolo sekuyisenzo esivumela abalobolisayo ukuhlukumeza abalobolayo.
 
13.Esikhathini esiphambili ngisese nkantolo ngahlangana nezinkinga eziningi eziphathelene nelobolo nezibizo, kanye nokuhlelela umshado.
 
14.Into engayithola ukuthi lezi zinkinga azixazululeki kalula, ngoba awukho umthetho oqondile nolandelekayo ukuzixazulula.
 
15.Izinkinga ezinkulu engabhekana nazo kulapho lowo okulotsholwa kuye kungasiye umzali wentombazane.
 
16.Ongayizali intombazane uyakwazi ukuba uma kufika abasemzini, avele abize ilobolo elingekho, nelisuka kuye, kodwa uma sekufanele intombazane ayigcagcise, avele angayingeni leyo!
 
17.Ngokusemthethweni ilobolo kumele libe zinkomo ezingu 11; kodwa kunombuzo othi lolusiko lwavela kanjani?
 
18.Umthetho wokuthi uma silobola asikhiphe izinkomo ezingu 11 washaywa uSir Theophilus Shepstone (uSomtsewu kaSonzica), owayebusa iNatal Colony esuka eBritain.
 
19.Lomlungu waqhamuka nemithetho yokuthuthuka ngokwahlukana ecindezela abamnyama, nentela yamakhanda kwaba ngumqondo wakhe.
 
20.Konke lokhu kwakwenzelwa ukuthi bonke abesilisa ngaphambi kokuganwa bahambe beyosebenzela abamhlophe ezimayini noma emapulazini.
 
21.Ngaphambili ilobolo 
lalinganqunyiwe, umuntu wayehambisa lokho anakho, ngisho ukudla, kuyisiboniso sokwakha ubuhlobo phakathi komndeni kamkhwenyana nokamakoti.
 
22.Kodwa okuyisimanga ukuthi kwathi noma abamnyama sebezimele, baqhubeka nalo mthetho kaSomtsewu, bagqilazana bodwa!
 
23.Lokhu kuhlukumeza abagananayo esizweni esimnyama kwenziwa ngaphansi kosiko-mbumbulu abamnyama abalakhelwa ngabacindezeli babo!
 
24.Okuyisimanga ukuthi baningi nabazali abaye bahlukumeze abantwana babo ngokuthi bafune ilobolo elinenhloso yokuphundla umkhwenyane, bengabi naluzwelo lokuthi ngaleli lobolo umntanabo angase alahlekelwe ngumshado, noma emzini umntanabo ahlale ethukelwa leli lobolo.
 
25.Inkinga ukuthi awukho umthetho oqondisa lesi simo, lowo nalowo uba ngugombela kwesakhe!
 
26.Ziningi izingane ezilahlekelwa umshado kubantu ebebe funa ukushada nazo, kodwa ngokungaba namandla elobolo elifunwa ngabazali bentombazane, bahluleke endleleni.
 
27.Ngiyasazi isigameko sentombazane abafuna ilobolo nezibizo okuza kuR100 000.
 
28.Lehluleka endleleni isoka, intombazane yavele yeqa kubo yayohlala nomkhwenyane wayo. Namanje baganene, sebenaba ntwana abakhulile.
 
29.Lolu lunya olunje lwenziwa ngabazali kubantwana babo! Abanye kuthi sebebize ilobolo, bese befuna izibizo ezingaphezu kwelobolo, bezicebise ngale ntombazane.
 
30.Kwesinye isikhathi kuthi intombazane isilotsholiwe, abazali bengafuni ukuyigcagcisa ize itholele abantwana ekhaya, kodwa yalotsholwa.
 
31.Ziningi kakhulu izinkinga ezibhekana nabantu besilisa kanye nentombazane uma sekuza elobolweni nasemshadweni.
 
32.Okuyisimanga ukuthi yize lesi simo sibahlukumeza kangaka okumele bashade, kodwa amakhosi nohulumeni abazihluphi ngokusilungisa.
 
33.Umbuzo uthi uma singazukulungiswa ngamakhosi nohulumeni, kumele silungiswe ngubani?
 
34.Kodwa amanye amakhosi angiboni ukuthi ayoke athande silungiswe, ngoba nawo ayahlomula kakhulu ngenxa yalesi simo!
 
35.Angazi ngempela ukuthi ingane yenkosi ilotsholwa ngezinkolmo ezingaki, kodwa ziyaba ngu 20, zifike naku 50, mhlawumbe nako 100.
 
36.Ngalokho kuyishwa ukuzalwa yinkosi uyintombazane, ngoba uyozalela ekhaya, ngaphandle uma uba nenhlanhla yokugana kwenye inkosi, noma uthandwe yisigwili!
 
37.Angazi ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi noma uyinkosi, kodwa uzicabangele wena kunokucabangela umntanakho, ngoba uthando alubheki ubuqumama besoka, kodwa lukhetha eselumkhethile!
 
38.Njengomholi wesizwe, kumele ngabe yinkosi eba yisibonelo kulesi simo, ingenzi umntwana wayo ezalele ekhaya ngenxa yokungaloboleki!
 
39.Kodwa akuba njalo, abazali abaningi uma indodakazi yabo igana, kufika kuqala ukuthi ngokugana kwale ngane bazokudla kahle.
 
40.Lokhu kwenzeke ngaphandle kokucabanga ukuthi indodakazi yabo yona izohlala kanjani emzini wayo!
 
41.Lesi simo siyawahlukumeza amadodakazi amakhosi, ngoba akusho ukuthi ngoba iyindodakazi yenkosi, izozikhethela indoda ezoyigana; indoda ekhetha intombi!
 
42.Ngenxa yalesi simo amantombazana amakhosi agcina ngokukhuleliswa, kodwa angashadi! Hhayi ngoba abesilisa bengathandi ukuyishada intomi, kodwa amandla angekho!
 
43.Sonke lesi simo sidalwe wusiko-mbumbulu olwakhiwe nguSomtsewu!
 
44.Yini eyenza ukuthi uma uyinkosi ungabi nalo uzwelo ngabantwana bakho, kungakukhathazi ukuthi abantwana bakho bazalele ekhaya ngenxa yesimo esidalwe nguwe?
 
45.Yini eyenza ukuba uzicabangele wena, ungamcabangeli umntwana wakho?
 
46.Uma ilobolo kulusiko, kungani salushiya usiko lwethu, sase silandela lolu esilwakhelwe uSomtsewu noma sesikhululekile?
 
47.Ezinye izizwe zithi zingafika ebangeni elithize, zithandane, zishade, ngoba akunazingqinamba abahlangana nazo uma sekumele bashade!
 
48.Kodwa kulesi sizwe esihlwempu, kuba yiso esicindezelana sodwa! Kungani singakhuli, kungani kumele sihlale sicatshangelwa?
 
49.Uma sibathanda abantwana bethu, asenze ukushada kwabo kube lula njengakwezinye izizwe, singacashi ngamasiko asihlukumezayo, kodwa angavelanga kithi.
 
50.Akumele nangephutha singenwe ngumoya wokuzicebisa ngamadodakazi ethu. Akube yithi esenza imishado yabantwana bethu ibe lula, kube isona sikhathi ababona ngaso ukuthi sibathanda kangakanani.
 
51.Ngokubuka kwami, uma singabazali abaqotho nabanothando labantwana bethu, lolo luthando asilubonise ngokuphatha kahle abantwana bethu abayoshada!
 
52.Abantwana abangachithekelwa yimishando ngenxa yemigoqo esibabekele yona, edalwa ubugovu obungenalo uzwelo ngisho kumntwana wakho!
 
53.Okusalayo ukuthi uma intombi isifike ebangeni elithile, ayikwazi ukungamthandi owesilisa.
 
54.Noma lowo emthandayo unezinkomo zelobolo noma qha, okwethu akube ukucabangela amadodakazi ethu!
 
55.Okwenzekalayo ukuthi laba bantwana bagcine ngokuzalela ekhaya, abazali babo kungaba hluphi lokho, baze besho nokusho bethi: “Mina ngifuna ukudla ngomntanami!”
 
56.Ayikho into eyinkinga njengokuthi kuyo yonke into oyenzayo, uzicabangele wena, ungacabangeli ngisho ingane yakho!
 
57.Kodwa abantu abaningi banjalo, bayabadayisa ngisho abantwana babo, ngoba nje befuna ilobolo elizocebisa bona!
 
58.Lesi simo esibi kangaka akakho okhuluma ngaso, abezenhlalakahle abakhulumi ngaso, abafundisi abakhulumi ngaso, amakhosi akakhulumi ngaso, nohulumeni akakhulumi ngaso, kucashwe egameni lokuthi usiko!
 
59.Kodwa akusilo usiko; kuyindlela evumelekile yokuhlukumeza abafuna ukuganwa, ngaphandle kokuvikeleka ngisho emthethweni!
 
60.Ngokubona kwami, kungumsebenzi wabo bonke abaholi nabezenhlalakahle ukuba kwenziwe ucwaningo ngalesi simo, kubhekwe ukuthi mangaki amantombazana alahlekelwa umshado ngenxa yelobolo elingakhokheki, nokuthi lesi simo sinamphumela muni!
 
61.Lokho kunamphumela muni kubantwana abakhula bengenayise ngenxa yokungaganeki konina?
 
62.Ngiyazi ukuthi abazibiza ngabazali bentombazane bayihlukumeza kangakanani intombazane esilotsholiwe uma sekufanele ukuthi ishade.
 
63.Kanjalo futhi, ngiyazi ukuthi baningi abafana abahlukana namantombazane bewathanda, kodwa behlulwe yilobolo.
 
64.Sonke lesi simo sihlukumeza amantombazane ngendlela emangalisayo!
 
65.Ilobolo kanye naso sonke isimo somshado kumele sibe namitheshwana ezovimba ukuhlukumeza abagananayo.
 
66.KumaNazaretha kaNkulunkulu lesi simo sibhekwe kakhulu.
 
67.Ingelosi yathi noma ukulobola kulusiko olwamukelekile ezulwini, kodwa alisiyo ingxenye yokuba khona komshado.
 
68.Ukulobola akuhlangene nomthetho kaNkulunkulu, kodwa futhi uNkulunkulu akaphambene nalolu siko uma kuzokwenziwa ngendlela eyiyo.
 
69.Okokuqala, kusemthethweni ukuthi uma abantu sebefike ebangeni elithize baganane, kodwa futhi ekukholweni akuvumelekile ukuthi uma abantu sebethandana bese behlobonga, yisono leso!
 
70.Kanjalo futhi, akuvumelekile ukuthi abantu asebethandana bengashadi ngenxa yezihibe ababekelwe zona; uthando ngolwabantu ababili!
 
71.Ukuze bonke abantu abathandanayo bekwazi ukushada, ilobolo kumele libe yinani wonke umuntu ongakwazi ukuli khokha!
 
72.Ebandleni lamaNazaretha kaNkulunkulu, ilobolo ngu R16 000 kuyi nkosazana, bese kuba ngu R15 000 entombazaneni engasaphelele.
 
73.Sikholwa ukuthi leli lobolo wonke umuntu engakwazi ukulikhokha.
 
74.Azikho izibizo kanye nayo yonke lemi cikilisho ethatha imali ngaphambi komshado.
 
75.Umshado uyisivumelwano esenziwa ngabantu ababili phambi kwaNkulunkulu, emelwe ngumfundisi ukufakaza ukuthi laba sebengumfazi nendoda!
 
76.Kungalolu suku lapho bonikwa isibusiso sokuthola abantwana.
 
77.Kulelibandla umshado wenzelwa ethempelini, kuthi onke amalunga ebandla alekelele ngemali kulomkhosi kaJehova!
 
78.Uma ababili befuna umshado omkhulu, sebengazenzela bebobabili ngokwamandla abo, uma nje lowo mshado ungazukuphambana nomthetho kaNkulunkulu!
 
79.Ngaleyo ndlela, abantwana bayakwazi ukulandela umthetho kaNkulunkulu ngokucelwa, bashade besengama khosazana, ngoba bayazi ukuthi insizwa ebacelayo isuke inenhloso yokwakha umuzi nabo.
 
80.Omunye umkhuba ohlukumeza abantu ukuthi kuthi uma umuntu efelwe, lokho bese kusho ukuthi usenedili! Akuqondakali ukuthi isifo nedili kuhlanganaphi?
 
81.Okuseqinisweni ofelwe kumele abantu ngabe baya kuye bomxhasa ngemali nangokudla.
 
82.Kodwa okwenzekayo ukuthi ngisho umfelokazi kumele ezame ukuthola imali ezokwenza lomngcwabo ube lidili.
 
83.Umuntu ofelwe yisiphi isidingo sokuthi aphekele abantu abeze emngcwabeni?
 
84.Lona lolu siko lokuthi uma umuntu efelwe bese enza idili ngosuku lomngcwabo, lwavelaphi, luvezwa ngubani?
 
85.Lesi simo asivumelekile kumaNazaretha kaNkulunkulu; uma umuntu efelwe, kuyimpoqo ukuthi amalungu ebandla anikele esontweni ukuxhasa lowo ofelwe.
 
86.Amalungu ebandla akavumelekile futhi ukudla emngcwabeni; umuntu akaziphathele ukudla kwakhe njengase mhlanganweni.
 
87.Umshado nomngcwabo kuleli bandla akumele kudale isimo esizohlukumeza umkhwenyana noma umfelwa.
 
INkosi ibusise izwi layo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *