Skip to content

UBABA ILANGA

JOHANNES GALILEE SHEMBE

299729517_2363511753800472_330097788555668946_n

UBaba iLanga uyindodana yoMprofethi u-Isaya Shembe. UBaba iLanga wazalwa ngo-1904 eNtabazwe e-Free State, wafika eNatal ngo-1914 esezohlala eKuphakameni nomndeni wakhe uMprofethi owaye kade ewushiye eNtabazwe. Wafunda ezikoleni zaseNanda, umatric wawenza eManzimtoti College. Esephase uMatric waya e-University of Forthare lapho owaphothula khona u-B.A. Emva kwalokho wabuyela eManzimtoti ukuzofundisa, nokulapho owagcina esenguMphathi waleli College. Ekuhambeni kwaMprofethi ngo-1935 uBaba iLanga wayeka ukufundisa wabe esezoba ngumholi wamaNazaretha kusukela ngawo u-1935 kuze kube nguDecember 1976. Wahola leliBandla iminyaka engamashumi amane.

Ukuthi uBaba iLanga iNkosi yamaNazaretha sakutshelwa nguye uMprofethi. Kwafika izwi esehlukene namakhosikazi akhe, lathi akabuyele kuwo ngoba kuneNkosi ezayo, kodwa leNkosi izovela okhalweni lwakhe. Nempela wabuyela kumaNgwenya, wabe useyatholakala uBaba iLanga. Kwathi mhla ebelethwayo, engakanqunywa inkaba, uMprofethi wangena endlini wamthatha wagibela ihashi waya naye emhosheni, wafica amanzi eliqhwa ngoba kwakusebusika e-Free State. Wabe eselibhodloza iqhwa esembhabhadisa. Kusukela uBaba iLanga ekhula uMprofethi wayembiza ngokuthi iNkosi.

NgoDecember 1934, kusele izinyanga eziyisihlanu uMprofethi ahambe emhlabeni, waqamba isihlabelelo 218 esikhuluma ngaye uBaba iLanga, embiza ngeNkosi yamaNazaretha. Amagama akhe aphelele nguJohanes Galilee Shembe; kodwa wayebizwa ngokuthi uGalilee. Ukuthi “iLanga” igama amaNazaretha ayembiza ngalo elisusela esigamekweni esithize engingazukhuluma ngaso okwanamuhla.

Kusukela ekukhuleni kwami ziningi izigigaba ezingehlele ezithinta uBaba iLanga, kodwa namuhla ngizoqala ngesigameko esangehlela ngo-1973 ngifunda umatric eDlangezwa High School. Ngangingumntwana owayevele ekuthanda ukukholwa, kodwa ngikufihla ukuthi ngingumaNazaretha ngoba sasivama ukuhlukunyezwa kakhulu ngalelibandla. Ngakhetha elinye itoilet ngalenza isiguqo sami, okwakuthi uma sekulelwe bese ngivuka ngiyothandaza ngedwa kulo ngingabonwa muntu.

Kulonyaka ka-1973 kwaba nesiteleka sabafundi nami engangiyingxenye yaso. Kwathi sise study ebusuku ngezwa ngishawa luvalo; ngithe uma ngiphakamisa amehlo ngathola uBaba iLanga esodongeni, sengathi yifilimu. Wayethule engibuka ngamehlo agcele ulaka. Ngabheka phansi, ngase ngiphuma ngiya etoilet elaliyisiguqo sami. Ngathi ngithi ngiyaguqa, ngezwa esekukhuluma khona la etoilet, engithethisa ethi yini engihlanganisa nalento eyenziwa ngabafundi, ngiyazi yini ukuthi othisha basencupheni yokubulawa, kodwa yimi engingabasindisa ngoba kulesi sikole yimi ngedwa umNazaretha.

Ngaso leso sikhathi kwabe sekuvezwa yonke into ezokwenzeka esikoleni, ngiboniswa ngikhona e-toilet elaliyisiguqo sami. Emva kwalokho ngabuyela e-study ngishawa luvalo, ngididekile, ngicabanga ukuthi ngingenwa ukuhlanya. Kodwa emva kwemizuzu elishumi kwacisha ugesi esikoleni, kwathi yonke lento ekade ngiyiboniswa esiguqweni yabe isiyenzeka phambi kwami. Kwaqhamuka abanye abafundi sebeyizilwane bezohlasela othisha ababese staff room. Othisha bazikhiyela e-staff room, kodwa abafundi basigqekeza isicabha, bangena.

Kwathi ngisashawa luvalo ngibona lento ekade ngiyibona esiguqweni, ngabona uBaba iLanga esekhona lapha phakathi kwabafundi. Wafika wangithethisa futhi, ebuza ukuthi ngizofunani phakathi kwalaba bafundi, kanti utheni kimi! Nempela ngaphindela esiguqweni ngafika ngathandaza, basinda othisha ngoba bagcina ngokuzivalela e-strong room.

Kusukela ngaleso sikhathi ngaba ngomunye wabafundi ababephikisana nesiteleka. Iningi lethu esasiphikisana nesiteleka sasiku Student Christian Movement, kwaku nabafundi abasindisiwe, mina ngingomunye wabaholi kulenhlangano. Isiteleka sathatha cishe inyanga yonke kwaze kwavalwa isikole. Ngalesi sikhathi isiteleka siqhubeka ngangiyaye ngethuke uBaba iLanga esephambi kwami, bese ngisukuma ngeqholo ngibashiye abafundi ngiye eklasini ngofunda. Abafundi babeye bangihahameze bengibiza ngempimpi; kodwa ngingabi nandaba!

Ngelinye ilanga kwezwakala ukuthi abafundi bazosihlasela sonke thina “zimpimpi”. Ngatshelwa uSibisi owayengumngani wami omkhulu, ogcine esenguMfundisi kwaSizabantu, nosewasishiya emhlabeni. Wangitshela ukuthi kumele sibaleke singalali ehostela ngoba abazalwane sebesilungisele indawo. Impendulo yami kuSibisi yathi, “Ngiyazi singabangani, kodwa kukhona ingxenye yami ongeke uyiqonde.

Mina ngihamba naloNkulunkulu owahlala noDaniel emphandwini wezingonyama, izingonyama azamudla; ngihamba naloNkulukulu woShadrack noMishack no-Abednigo, abangena esithandweni somlilo, abaze basha. Abafundi angenke bangenze lutho mina, ngoba kukho konke engikwenzayo angihambi ngedwa!” Wathula uSibisi wangibuka, wanikina ikhanda maqede wangishiya.

Nempela ntambama abafundi babuthana beshaya iziqubulo zokuhlasela izimpimpi. Bonke abangani bami basebebalekile, sengisele ngedwa ehostela. Ngazizwa iziqubulo zabafundi beza e-dormitory engangilala kulo. Abafundi engangihlala nabo bathi angiphume ngibaleke; kodwa ngavele ngahlala embhedeni wami ngalindela okuzokwenzeka. Aluzange lufike nakancane uvalo; ngoba ngangazi ukuthi noma ngalelo langa ngingambonanga uBaba iLanga, kodwa wayekhona eduze kwami.

118883530_3124485454327258_4862694298328636105_n

Bangena abafundi e-dormitory besho iziqubulo zomzabalazo. Owayebahola wahlangana namehlo ami, ngambona eshawa luvalo; wahlehla kancane eqhunsule amehlo. Wathi esuka wayememeza ethi, “heyi gents, akusiye uMpanza lo!” Baphendula abanye bathi, “suka isuperstition!” Wahlehla kancane lomfundi, waphuma wabaleka. Nabanye bethi uma befika phambi kwami bese behlehla bephume bebaleka. Angazi-ke ukuthi babebonani, ngoba mina angibonanga lutho, kodwa ngezwa ukuthi angisengedwa, kunoMoya waseZulwini osungembethe! Ilesi sehlakalo esenza ukuthi uma ngiqeda umatric ngenze ucwaningo ngalesi simanga salomuntu, ngoba zonke lezi zinto zazenzeka uBaba iLanga esaphila; kodwa mina ngihlala naye esikoleni, ngendlela ecishe ifane nale eyenzeka njengelosi uHlaleleni. Nokho kuze kube manje anginakho ukuqonda ukuthi uBaba iLanga inhloboni yomutu; kodwa engikwaziyo ukuthi uyangithanda kakhulu!

Ngo-2005 ngathola ucingo ngibizwa ngomunye uMshumayeli osekhona namanje eBuhleni, kodwa engingeke ngimveze ngenxa yezizathu zokuphepha (kwakhe). Ngathi uma ngifika wabe esenginika isihlalo, yena wahlala ocansini. Wathi akakwazi ukuhlala nami esihlalweni. Ngangingamejwayele loMshumayeli, ngiqala ukufika nakwakhe. Ngisamangele yilokhu kukhuluma, wabe esethi, “Ngithunywe uBaba iLanga kuwe, uthi angikutshele ukuthi kumele uziphathe kahle ngoba wena ungumholi weBandla lamaNazaretha.” Ngabuza kuloMshumayeli ukuthi uBaba ubechaza ukuthini ngalokho? Wathi, “angazi, kodwa mina ngedlulisa umyalezo weNkosi iLanga engithume wona.”


Ingelosi uHlaleleni yayingesiyo eyokuqala ukuthuywa nguBaba iLaga kimi; owokuqala kwaba yiloMshumayeli namanje osekhona eBandleni laseBuhleni. NgoSeptember 2006 kwafika ingelosi uHlaleleni. Kwathi cishe ngo-August ka-2007 yabe isithi ingelosi, “uyazi yini ukuthi abeFundisi bakuzondelani? Ngathi angazi. Yabe isithi, “Loludaba enalutshela uMfundisi uKhumalo entabeni yaseNhlangakazi ngo-2003 lwawela ezindlebeni zomubi.” Yaqhubeka lengelosi yathi, “UBaba iLanga ukhathazekile ngokukubona uhlukunyezwa izikhulu zeBandla, kodwa umholi weBandla engakuvikeli. Lesi senzo uBaba iLanga sesimthukuthelise kakhulu. Manje ungithume ukuba ngizokuvikela kulaba bantu; angeke besakwazi ukukwenza lutho.”

Nempela kusukela ekufikeni kwengelosi alukho uzungu lwalaba baFundisi olwabuye lwaphumelela, ngoba ingelosi yayingazisa kuqala wonke amacebo abo.

Ngelinye ilanga yafika yathi, “uthi uBaba iLanga babhale phansi bonke laba bantu abakuhlukumezayo.” Nempela ngakwenza lokho. Yabe isithatha iphepha elinamagama alababantu yahamba nalo. Emva kwesonto yabuya isithi, “uBaba iLanga uthi angibakhiphe bonke eBandleni laba bantu abakuhlukumezayo. Manje sengiyobakhipha!” Kwathi kungakapheli ngisho isonto, kade ingibikela ukuthi isiyobakhipha eBandleni, lezi zikhulu zavele zavukelwa iBandla, zaxoshwa zonke eBuhleni phambi kwami. Ezinye basale bazixosha sengihambile

Ngelinye ilanga sasingenamali. Sabona ingelosi isiguqe phambi kwethu. Yabe isithi, “ngiyabona ukuthi aninamali, uma niyicela kuBaba iLanga uzonipha ngoba uyanithanda.” Nempela sathatha uR20 sanikela phambi kwefodo likaBaba iLanga, sacela imali. Ekuseni ngathi ngithatha isikhwama sami ngiya emsebenzini, ngathola sekuno R2000 engingawazi ukuthi uvelaphi. Kwathi koshona ilanga kwasekuno R2 900.

Ngakusasa yafika ingelosi, yathi, “uthi uBaba iLanga akusho ukuthi senizohlale nithola imali ngokusamlingo, eZulwini imali iyasetshenzelwa. UBaba ubenibonisa ukuthi uyanithanda, futhi uhlale eseduze kwenu. Ninenhlanhla nina ngokuthandwa uBaba iLanga, lokhu kuyafana nokuthi nithandwa nguNkulunkulu, ngoba uBaba iLanga uyisikhulu seZulu.”

Ngomhla ka-4 January 2010 kwafika futhi ingelosi kithi, yathi, “Ngithunywa nguBaba iLanga kuwe, uthe, ‘tshela lomfana ukuthi ngithi akangakhele indlu kaJehova, indlu kaJehova-ke liBandla. KuleliBandla uyofundisa abantu ukukhonza uJehova ngendlela uBaba (uMprofethi u-Isaya Shembe) owayefundisa ngayo amaNazaretha. Umtshele ukuthi angakhathazeki, ngoba leliBandla lizoholwa yimi; yimina engizohamba phambi kwakhe.”

Kusukela ngaphuma eBuhleni ngihamba nalengelosi engifundisa izinto eziningi ngendlela eyamukeleke eZulwini yokukhonza uJehova; esuke ithunywe nguBaba iLanga. Namanje angiqondi ukuthi kungani ukuthi lesi simanga somuntu waseZulwini singithande ngalendlela. NguBaba iLanga owehlisa ingelosi eZulwini ukuba izohlala nami, ingivikele esimweni esinzima sempilo yami. Kuyisimanga ukuthi ingelosi ingasuka eZulwini izohlala nabantu abanjengami emhlabeni, kodwa uBaba iLanga wenzile ukuthi kwenzeke lokhu. Lesi isimo esingaziwa ngisho emandulo. NguBaba iLanga obone kungifanele ukuhola iBandla likaJehova, yize ngiyinto nje engelutho; ngingesiye nowakwaShembe; kepha yena wahamba phambi kwami. Awaze wangehlulela ngokwesibongo!
Okuseqinisweni into okufanele ngabe amaNazaretha iyawahlupha ukuzibuza ukuthi kungani uBaba iLanga engithanda kangaka; hayi ukuthi kungani ngihlale ngikhuluma ngaye. Ngikhulunyiswa ukumthanda, ngoba nguye owangithanda; ungivikele ezitheni eziningi, wangifundisa ukuthanda nokukhonza uJehova! Kunentshumayelo yeLanga yangoJanuary 1976, owayenza kusele izinyanga ezilishumi asishiye emhlabeni. Kulentshumayelo uthi:

“Bantabami nizophathwa ngabantu; abanye bayathanda ukukhulekelwa kuthiwe Nkosi! abanye zidakwa. Kuyodlula umuntu la eKuphakameni, ethi hawu, into eyayi la! Ngaleso sikhathi uShembe uzobe engekho, uNkulunkulu uzobe engekho, mina ngizobe ngingekho. Kodwa ngobuya, kokwedlula iminyaka engamashumi amathathu kuya kwamane, ngiyobuya! Kuyovuka inhlansi emlotheni!”

Lesi siprofetho safezeka kubuka wonke umuntu! Okokuqala: Emva kwaBaba iLanga amaNazaretha awushiya umuzi waseKuphakameni, kwasala cishe u-3% weBandla. Angazi ukuthi wayesho ukuthini uma ethi abanye abaholi bothanda ukubizwa ngamakhosi; nokho engikwaziyo ukuthi uBaba iLanga ngokusemthethweni wayebizwa ngoMfundisi. Angazi futhi ukuthi wayesho ukuthini uma ethi amaNazaretha ayophathwa zidakwa. Lithi-ke iLanga, kuleso sikhathi uNkulunkulu kanye noShembe (esho uMprofethi), nalo iLanga, bobe bengekho eKuphakameni, noma phakathi kwamaNazaretha.

Okwesibili: Iminyaka engamashumi amathathu uBaba iLanga wahamba emhlabeni yaphela ngoDecember 2006; kanti ingelosi uHlaleleni eyayifike ngoSeptember 2006, yaqala ngo-2007 ukusitshela ukuthi uBaba iLanga ubuyile, nokuthi yona ithunywe nguye kithi.

Okwesithathu: Kuphakathi kweminyaka engamashumi amathathu kuya kwengamashumi amane, (ngo-2010), lapho uBaba iLanga ongithume ukuba ngimakhele iBandla likaJehova, okungamaNazaretha kaNkulunkulu; wathi lizoholwa nguye. Kuthina-ke maNazaretha kaNkulunkulu ukuthi uBaba iLanga ubuyile asifanisi, futhi asilinganisi; umyalezo ufikiswe ingelosi ihamba ngezinyawo zayo; yakhuluma kithi ngomlomo wayo; yaze yahuba ngokubuya kweNkosi iLanga! Inhlansi isivukile emlotheni, makabongwe uJehova uMdali wezulu nomhlaba!