UBABA INYANGA YEZULU
AMOS SHEMBE
Leligama elithi iNyangayezulu, akulona igama lakhe, igama lakhe u-Amos Shembe noma u-A.K Shembe. Wasichazela uBaba ukuthi igama elithi Khula, akuyona indlela esilibiza ngayo, kodwa igama lakhe u ‘Kula,’ uBabamkhulu wamqamba ngokuthi uKula ngoba wathi uma efika la eNatal wahlala namaNdiya ngaleso sikhathi ayesabizwa ngokuthi ngamaKula, wayesethi uBabamkhulu uKula, sasesithi thina uKhula ngoba sasingazi, kodwa kwachaza yena uBaba iNyangayezulu wathi, cha, mina angisiyena uKhula nginguKula.
UBaba iNyangayezuluke kwakumuntu owahlale enamahlaya.
Leligama elithi iNyangayezulu alisona isithopho owasinikezwa amaNazaretha, kodwa kwathi kusekhona uBabamkhulu, wabe uBabamkhulu esesukumisa enye indoda ethi ayichaze ukuthi iboneni ebusuku. Ithike lendoda: “Ngibone kuqhamuka ilanga empumalanga, lisemkhathini, lithe seliphakathi nendawo lase lehlela emhlabeni, lase liphenduka umuntu lahamba laze layosithela entshonalanga. Ngithe ngisabheke lesosimangaliso kwase kuqhamuka inyanga, nayo ihamba emkhathini, ithe uma isiphakathi nendawo, yehlela emhlabeni yayisiphenduka umuntu yahamba yaze yayosithela lapho kusithele khona ilanga.
Wayesethi uBabamkhulu lendoda ayihlale phansi. Wayesethi “Ubungaboni lona ilanga futhi ubungaboni yona inyanga kodwa ububona abaprofethi basezulwini abayovela emva kwami. Laba baprofethi ibona okukhulunywa ngabo kwi Sambulo 11:3 Omncane kuyakuthiwa u-Elisha.” Ayibambake lento amaNazaretha, kuthe uma ngabe uBaba iLanga eseba umholi walelibandla, base besho bethi nanti lelilanga uBabamkhulu owayekhuluma ngalo, kwase kuthiwake iLanga. Kuthe uma uBaba iNyangayezulu eselandela uBaba iLanga kwase kuthiwa nansi leNyangayezulu uBabamkhulu owayekhuluma ngayo.
Isizathu sokuthiwa iNyangayezulu sasehlukanisa phakathi kwenyanga elaphayo, i-herbalist nenyanga esemkhathini okuthiwa i-moon. Manje ke kwakuye kubhalwe kuthiwe The Sun and The Moon, kodwa ngesizulu konke kubizwa ngenyanga. Sasingeke sikwazi ukuthi uBaba iNyanga iherbalist, ngoba akukhona okwakuchazwe nguBabamkhulu. Wayesebizwake ngokuthiwa iNyangayezulu kwehlukaniswa phakathi kwenyanga elaphayo nenyanga yasemkhathini.
Lokhu kubalulekile ukuthi sikuchaze, ngoba ngaphandle kukaBaba iLanga neNyangayezulu, akekho uMholi walelibandla owaba nezithopho ezavela kuNkulunkulu, bonke babeqanjwa abalandeli babo. NguBaba iLanga, noBaba iNyanga noBabamkhulu kuphela abanamagama avela ezulwini. UBabamkhulu isithopho sakhe uBabamkhulu, esinye isithopho sakhe uThumekile. Ukuthi uBabamkhulu nokuthi uThumekile akazange aqanjwa yithi. UBaba iLanga, njengoba ngichazile, isithopho sakhe esachazwa nguMprofethi, kanjalo neNyangayezulu.
Kodwa ukuthi ‘uThingo’ zithopho uThingo owalinikezwa yithi, ukuthi uPhasha zithopho owaziqanjwa abalandeli bakhe, ukuthi iNcoyincoyi izithopho owaziqanjwa abalandeli bakhe. Ukuthi iMisebeyelanga kwafika ingelosi yaqamba leliyathempeli elalise Pinetown, yathi iMisebe yelanga. Abantu baseThembezinhle babona leligama limnandi, kodwa lingasifanele thina, base baqamba umholi wabo ngokuthi uMsebe yelanga. Ngingaba bala bonke, sengibakhohliwe abanye, kodwa bonke baqanjwa abalandeli babo. Kodwa ukuthi mina nginguMelusi, angizange ngaqanjwe yini, ngaqanjwa ingelosi. Lezi zintoke kufanele ukuthi nizazi ngoba kukhona into engiqonde ukuthi niyazi ngazo, ngoba iningi lenu niyafika kulelibandlakusenezinto eziningi eningazazi, neningakwazi ukuzahlukanisa.
UBaba iNyangayezulu wazalelwa eNtabazwe, zaziwu 25 September 1906, njengoba eze wahamba emhlabeni ngo 25 September 1995. Lokho kuchaza ukuthi uBaba iNyangayezulu uhambe emhlabeni ena 89 years. Waqala ukufunda lapha eThekwini ngoba cishe wafika lapha ena 10 or 11 years, uBabamkhulu wayevele esekhona lapha eThekwini. Wafunda ezikoleni ezi around Durban, wafunda oHlange, eManzimtoti, wayesehamba eya e-Fort Hare lapho owenza khona i-BA, wagcina esenguthisha.
Waba uthisha ezikoleni eziningi la eNatal nasemaXhoseni, wafundisa oHlange, eManzimtoti nakwezinye izindawo waze wathatha impesheni. Wahola lelibandla enemnyaka ewu 69/70 walihola iminyaka ewu 19. Ngaleso sikhathi wayevele engasasebenzi. Ngiyakhumbula ngelinya ilanga emenywe enkonzweni enkululu yama Anglican Church, wahamba nathi.
Eseqede ukushumayela, kwasukuma umMntwana wakwaPhindangene wayomxhawula, washo ukuthi kwakunguthisha wakhe we History noma Geography, angisakhumbuli.
Lelibandla elikaNkulunkulu, lelibandla elikaMdali wezulu nomhlaba, lelibandla elikaJehova! Uma sithi lelibandla elikaNkulunkulu, asisho into esiyicabangayo, kodwa sisho into eyashiwo umsunguli walo. Wakubhala phansi lokho, wabhala imithandazo. Yonke imithandazo uma iqala ithi “Bandla likaMenzi wezulu nomhlaba.” Ngakhoke uma sithi lelibandla elikamenzi wezulu nomhlaba, asisho ngokukholwa, sisho ngokufundiswa, sifundiswa umsunguli walo. Akagcinanga lapha umsunguli walelibandla, uMprofethi wethu, wakubhala ukuthi noma senzani sokwenza ngokwesaba uJehova, ngokugcina imithetho yakhe owayiloba ngeNceku yakhe uMose, ukuze ukudumisa kwethu kwamukeleke kuThixo wemikhosi.
Ngamanye amazwi sifundiswe ukuthi lelibandla ibandla elinomlando osukela kuMose, osukela entabeni yaseSinayi, uze kubaprofethi baka Israel, uze ufike kuMprofethi uYeshua, wase ugxuma usuza kuBabamkhulu, ngoba kwabakhona isikhathi lapho lelibandla likaJehova elaphela khona. Uthike uNkulunkulu “Ngithe bukani endulo, nibheke ukuthi iyiphi indlela enhle okufanele nihambe ngayo bese nihamba ngaleyondlela enhle. Bathi abantu no, angeke sikwenze lokho! Uthi ngabathumela abaprofethi, ngabathumela abalindi ukuthi bebafundise abantu ukuthi kufanele behambe kanjani, bebalalele kodwa bathi abantu angeke sibalalele.
Ukuhamba komholi kulelibandla akuqalanga lapha eKuphakameni, ngokwasendulo, noMose wayewumholi walelibandla, kodwa kwafika isikhathi sokuthi ehambe, wahamba emhlabeni, emva kwakhe kwasala uJoshua, noJoshua kwafika isikhathi sokuthi ehambe emhlabeni wahamba emhlabeni. Kodwa uthi uNkulunkulu uma nifuna ukuhamba ngendlela enhle, bukani ukuthi kwakwenzekani endulo uma kuhamba umholi kulelibandla.
Uma ufunda incwadi ka Duteronomi 31:14 ithi “uJehova wathi kuMose, bheka izinsuku zakho zokuba ufe sezisondele, biza uJoshua ningene etendeni lokuhlangana ukuze ngimuyale.”
Ngamanye amazwi kwathi uma kufika isikhathi sokuthi uMose ehambe emhlabeni, uNkulunkulu wamutshela ukuthi usuyahamba emhlabeni kodwa umuntu ozothatha indawo yakhe uJoshua, mbize ngimyale ukuthi uma usuhambile emhlabeni uyoliphatha kanjani lelibandla. Nangempela uMose wambiza uJoshua, uNkulunkulu wakhuluma naye, wakhuluma nesizwe sakwa Israel, ukuthi njengoba ehamba nje uMose sebezoholwa uJoshua.
UJoshua wayengesiyo indodana kaMose, engahlobeni ngalutho naye, kodwa kwakumfana nje owayesebenza naye, kodwa uthe uma esehamba emhlabeni, akusiyena uMose owakhetha uJoshua, kodwa wakhethwa uNkulunkulu, njengoba kusho lapha, wathi, biza uJoshua ngoba uyena engimbeka ukuthi ethathe indawo yakho. Nangampela uJoshua walihola lelibandla waze wayofika nalo eKhenana. Kodwa kwafika isikhathi sokuthi naye ehambe emhlabeni. Uma ehamba emhlabeni uNkulunkulu abantwana bakwa Israel akazange wabatshela ukuthi ubani ozothatha isikhundla sikaJoshua. Kodwa uma esehambile uJoshua, abantwana bakwa Israel abazange bazikhethela umholi.
Uma ufunda incwadi yabahluli 1- 1-2 ithi “emveni kokufa kukaJoshua abantwana bakwa Israel babuza kuJehova bathi ngubani ozosihola siyokulwa namaKhenana na? UJehova wathi nguJuda ozokwenyuka, bheka izwe ngilinikele esandleni sakhe.’
Abantwana bakwa Israel babuza kuNkulunkulu bathi Nkosi usehambile emhlabeni uJoshua, manjeke asazi ukuthi sizokhetha bani, sicela kuwe igama lo muntu ozosihola, wathi uNkulunkulu nizoholwa uJuda.
Uthini uNkulunkulu? uthi “ Imani ezindleleni nibone, nibuze ngemikhondo yasendulo ukuthi ikuphi indlela enhle nihambe kuyo niyakufumana ukuphumula kwemiphefumulo yenu, kepha bathi asiyikuhamba ngayo.”
Ekuqaleni ngithe lelibandla elikaJehova, lelibandla elikaMdali wezulu nomhlaba, lelibandla liyasiphoqa ukuthi sime endleleni sibuke ukuthi ngenkathi lelibandla liqala, kwakuye kuthi uma ngabe umholi ehambile, bese umholi olandelayo ekhethwa kanjani. Kuyasiphoqa lokh,o kodwa sathi thina angeke sikwenze lokho.
Ngifunde incwadi yamakhosi esibili, u-Eliya wayewumprofethi ehamba nomfana wakhe u-Elisha, just like uMose ehamba noJoshua. Kwase kufika isikhathi lapho uNkulunkulu enquma ukuthi uzomthatha u-Eliya, kodwa wathi: “Ngaphambi kokuba ngihlukane nawe, cela kimi into ofuna ngikwenzele yona.
Uthike u-Elisha: “Ngcela ukuthi uMoya wakho uphindwe kabili kimi, uthike u-Eliya, “Ucele into elikhuni, kodwa uma ungibonile uNkulunkulu engthatha, lokho kobe kusho ukuthi umoya wami wehlele kuwe, kodwa uma ungangibonanga uNkulunkulu engithatha, kobe kusho ukuthi uMoya wami awehlelanga kuwe. Nangampela wathi uma uNkulunkulu efika ngenqola ethatha u-Eliya, u-Elisha wamubona, wase ebamba ingubo yakhe yase isala ngakuye, wase eyayithatha lengubo eseya emfuleni eJolidane esefika eshaya amanzi ngalengubo ka-Eliya wathi “Jehova Nkulunkulu ka-Eliya ukuphi?”
Wathi uma ewashaya amanzi ngalengubo, amanzi ahlukana phakathi, kanti abantwana baba profethi baseJerico bayayibona lento yenzeka, base bethi abantwana abakholiwe, abafundiswe ukukholwa, hhayi njengalaba bakithi, bath,i “UMoya ka-Eliya wehlele ku-Elisha,” base beya kuye bafike beguqa bemkhulekela. U-Elisha wakhulekelwa kuqala abantwana babaprofethi, kodwa yena wayengalutho, wayehamba nje noMprofethi, kodwa kwathi lababantwana abafundisiwe ngendaba kaNkuunkulu, futhi abakholiwe, bebona lento yenzeka phambi kwabo, base bebona ukuthi umoya ka Eliya wehlele ku-Elisha bafika baguqa bamkhulekela!
Uthike uJehova “Imani ezindleleni nibone, nibuze ngemikhondo yasendulo ukuthi ikuphi indlela enhle nihambe kuyo niyakufumana ukuphumula kwemiphefumulo yenu, kepha bathi asiyikuhamba ngayo.”
Uma silibandla likaMenzi wezulu nomhlaba, uma siyibandla likaJehova, kwenziwa yini kithi uma kuhamba umholi bese kusuka impi, lempi isuswa ngamadodana oMprofethi ethi iwona okufanele ethathe isikhundla? Kwenzeka kanjani lokho, uma ngabe sihamba ngendlela kaNkulunkulu? Njengoba sengishilo uBaba iNyangayezulu ngo 1919 wathathwa uBabamkhulu noBaba iLanga noMfundisi uMnqayi, noMfundisi uMzobe waya nabo entabeni yaseNhlangakazi kuwumhlangano wafike wabamisa phambi komhlangano. Kwafike kwaba uMnqayi, ngaphambi kwaMnqayi kwaba uBaba iLanga, kwase kuba uMzobe, ngaphambi kwaMzobe kwase kuba uBaba iNyangayezulu. Ngeleso sikhathi uBaba iNyangayezulu wayena 13 years, uBaba iLanga ena 15 years laba ababili sebengabafundisi abakhulile.
Uthike uBabamkhulu eqondise kumaNazaretha, “Bantwabami, ngithunywa uJehova uthi angimgcobele laba bafundisi, ngoba bangabaholi balelibandla bakusasa, uma uJehova esheshe engithatha lelibandla liyoholwa uMqayi, kodwa uma lingasaholwanga uMnqayi loyoholwa inangu umntanami” ekhomba uBaba iLanga, “uma lingaholwanga ilomtanami liyoholwa uMzobe, uma lingaholwanga uMzobe liyoholwa iNyangayezulu” Lokhu uBabamkhulu akakwenzanga ebusuku, wakwenza emini phambi kwamaNazaretha, sakhula sikwazi. Abanye bamaNazaretha ababekhona nami ngababona njengoMfundisi uNene, uMfundisi uNene safika naye lapha eBuhleni.
kodwa sinenhlanhla thina ngoba uNkulunkulu usithumele ingelosi, ingelosi
uHlaleleni wayekhona kwenzeka lento, uyixoxa kahle lendaba ngoba
wayekhona. Nalokhu ukuthi uBabamkhulu wathi bantabami ngithunywa uJehova
ngakutshelwa ingelosi. UBaba iNyangayezulu wabekwa uBabamkhulu ena 13
years ukuthi uyohamba ehambe ehole lelibandla, kodwa kwathi kushaya
u1935 uMfundisi uMzobe noMfundisi uMnqayi, babengasekho, kodwa for the
second time uBabamkhulu wenza i-will ene-trust, kule will ene-trust
kwakunama trustees awu 7. Kulama trustees awu 7 kwakungabafundisi abawu
5, bese kuba iNyangayezulu bese kuba uBaba iLanga phezulu. UBaba iLanga
kwase kuthiwa is a Titular Head, ukuthi Titular Head akusho ukuthi you
are the owner, kodwa kusho ukuthi you are the chairperson yama trustees
and uBaba iNyangayezulu wase eba i-Deputy Titular Head.
Ngamanye amazwi uBabamkhulu akagcinanga ngo 1919 ukuba ebeke
iNyangayezulu ukuthi ibe ngabanye babaholi balelibandla, nango 1935
wayewu number 2 ekuholeni lelibandla, eyi trustee number 2. Ngakhoke
umuntu okholiwe akudingi ukuthi eze efunisele ukuthi uBaba iNyangayezulu
wayebekiwe yini uNkulunkulu ukuthi ehole lelibandla, akudingi eze
efunisele lokho. Ngo 1976 ngesikhathi kuhamba uBaba iLanga uMnqayi
noMzobe babengasekho, laba bafundisi abawu 5 babengasekho sekusele uBaba
iLanga noBaba iNyangayezulu kuphela, kodwa ngo 1976 kuhamba uBaba
iLanga kwase kusele uBaba iNyangayezulu kuphela kubantu ababekhonjwe
uBabamkhulu ukuthi bayohola lelibandla.
UBaba iNyangayezulu wagula waya esiubhedlela, uthe uma ebuya esibhedlela emva kwesikhathi ngase ngicelwa abefundisi bethi asiye kuBaba, saya kuBaba, safike sathi kuBaba: “Baba siphatheka kabi ukuthi manje uyagula, kodwa asinaso isiqiniseko sokuthi uyenzile yini i-Will yokuthi uma uhamba emhlabeni ebe khona umuntu othatha indawo yakho.” Sathi asifuni ukuthi lento eyenzeke eKuphakameni ibuye yenzeke la, sikhuluma noBaba iNyangayezulu.
Uthi uBaba iNyangayezulu “Awu, nifuna ngiqede izingane zeNkosi, nifuna ngiqede izingane zomnewethu? Njengoba ngike ngaya esibhedlela, ngathi ngibona kwakufika iNgonyama khona esibhedlela, yabe isingiphoqa ukuba ngiyinike igama loyosala ehola ibandla umka ngedlula emhlabeni. Ngokwazi ukuthi vele ikholelwa ukuthi lelibandla alihambe ngobukhosana, njengombuso wamakhosi akwazulu, ngibe sengimnika igama lenkosana yeLanga(wamusho kithi). Kodwa ngithe sengiphumile esibhedlela, lomfana wavele wafa.
Ngase ngiyabona ukuthi ngonile, ngikhombe umuntu ukuthi ahole ibandla ngingamnikwangwa nguNkulunkulu, ngenza sengathi leli bandla ngelami. uma ngike ngamukhomba lowo muntu, naye uzokufa ngoba ngokhomba umuntu osuka kimi engingamnikwanga uJehova, lelibandla akusilona elami elikaNkulunkulu.
Wayesethi “Kombe wathini uBaba” wathi uBaba umholi wokugcina walelibandla uyothi uma ehambile emhlabeni bese abafundisi beye entabeni iNhlangakazi belinde izinsuku eziwu 7 bebuza kuNkulunkulu ukuthi ubani ozohola lelibandla.” Uthike uBaba uyovela uNkulunkulu enitshele ngoba ngelakhe.
Kwathi emva kwesikhathi esethi angibhale i-Constitution, ngayibhala. KwakukwaMashu emzini wenkosana uNkanyezi, kunomgidi, lapha engaya khona kuBaba. Ngathi Baba sengiyiqedile i-Constitution, kodwa angazi ukuthi ngizothi umholi uyokhethwa kanjan? Wathi uBaba, engani ngasho ukuthi uBaba wathi ekuhambeni komholi abefundisi bayolinda entabeni iNhlangakazi izinsuku eziyisikhombisa, uNkulunkulu uyovela ebatshele 8mholi. Hamba ke ubhale lokho okwashiwo nguBaba.”
Ngayibhala i-constitution, ngakubhala lokho, ngahamba nomfundisi uMwelase sayomtshela uBaba, wayibona, wayesethi uMwelase akaqoqe abefundisi bonke ngibafundele iConstitution, sabaqoqa bayifundelwa bajabula kakhulu, wayisayina uBaba i-constitution. Kodwa kuthe ngesikhathi uBaba esegula ngangingase Kimberly, ngiyi regional court magistrate khona. Ukuthi uBaba iNyangayezulu akasekho emhlabeni ngakuthola ngingekho la.
Ngase ngishaya ucingo kumfundisi uMpanza ngoba wayewusihlalo wabefundisi, ngathi mina mnewethu ukhumbule ukuthi uBaba wathini, ningasuki kwi constitution ngoba uma nisuka kwi constitution sizoba nezinkinga futhi. Wathi umnewethu wooooo! usakhuluma ngalokho, kade bekushintshile lokho, uke wahamba nje uBaba, leyo constitution yaklejulwa kwabhalwa enye engasayisho yonke lento. Hawu kunjalo na? yes ngicela ungabe usakhuluma lutho, thula uthi du, ngoba sekucushwe wena!”
Wathi uma efihlwa uBaba iNyangayezulu kwavele kwaqhamuka indoda eziphucele ikhanda, yathi itshelwe uBaba iNyangayezulu ukuthi akubekwe uThingo lube umholi, leyonto noThingo lwalungayazi, lwavele lwashaqekwa nje. Ngaxakeka ukuthi uBaba iNyangayezulu efundile engangibhalisa i-constitution eze eyisayiyine, bese uma esehamba emhlabeni eyishintshe ebuye edale lenkinga, kodwa ngase ngiyazithulela njengokuyalwa ngumnewethu!
37.Ngizama ukunichazela ukuthi nimesabe uNkulunkulu, uma niyibandla likaNkulunkulu ningayenzi into ephambana neshiwo uNkulunkulu, ngoba emva kwesikhathi izonishaya, into ekhulunywa uNkulunkulu uyibone futhi ungayithathi ngokuthi eyakho, futhi ungabe usushayela umthetho uNkulunkulu. Lababantwana bakwaShembe abalwa neNyangayezulu baqalekisiwe, baqalekiswe nezingane zabo, bayohlupheka beze befe, ngoba okokuqala uBaba iNyangayezulu wakhethwa uNkulunkulu ukuthi ehole lelibandla bengakazalwa nokuzalwa bona.
Okwesibili uBaba iNyangayezulu uyise, abanye uyisemkhulu, okwesithathu bakwenza lokhu ngoba bebona ukuthi uBaba iNyangayezulu akazalanga, bamthuka ngazo zonke izinhlamba ngoba bebona ukuthi uBaba iNyangayezulu akazalanga, ibona asebenqumela uNkulunkulu ukuthi uNkulunkulu kwakufanele enze lokho, that is the greatest danger ebusa kulelibandla. AmaNazaretha asazohlupheka kakhulu ngakho ukuthi uma ngampela ukholiwe, ukwazi kanjani ukunqumela uNkulunkulu, ukwazi kanjani ukuthi lelibandla elikaNkulunkulu, lelibandla elikaMenzu wezulu nomhlaba, bese futhi lelibandla kuba ngelakho, kuba uwena otshela uNkulunkulu ukuthi ufuna ukuthi enzeni ngalo.
Ithi ingelosi kimi, wena ukhishiwe kulelibandla, lelibandla selingelakwaShembe, lelibandla sekungumbuso wakwaShembe, uJehova ke usukhishiwe kulo, ikho uBaba iLanga wafike wathi makhele ibandla likaJehova ngoba uJehova akasenalo ibandla lakhe, lelibandla seliyifa lakwaShembe, ngakhoke uBabamkhulu akasazihlanganisile nalo, uBaba iNyangayezulu akasazihlanganisile nalo, selingelakwaShembe selingelomndeni wakwaShembe. Ngakhoke wena uthunywa ukuthi uvuse uthetho kaJehova, uvuse ubuNazaretha okusukela kuMose. Ithi ke ingelosi, “bayeke laba, ababoni ukuthi sebe bodwa, noma bayaxabana, noma bayashayana, noma baba nombuso omkhulu, ezulwini abasenendaba nabo, ngoba sekungumbuso wabo, akuseyiwo okaNkulunku, sekuyinto yabo yasemhlabeni ngoba sebemchithile uJehova, bazakhela ababo onkulunkulu, abayikhulumi indaba kaJehova sekuwumbuso womndeni wakwaShembe!
So, njengoba nilapha njena, anisahlangene nobuholi bakwaShembe, ngoba mina ngibekwe njengomholi ovuselela ubuhyoli bukaBabamkhulu, ovuselela babaprofethi bakaJehova kusukela kuMose kuze kube manje. Angikho kulayini wombuso noma womndeni wakwaShembe noma wobukhosi bakwaShembe. Ngatshelwa ingelosi, yathi lento yakwaShembe ingakuhluphi, noma ingaba nkulu, noma ingafa, ngoba uNkulunkulu usekude kuyo, uBabamkhulu uphumile kuyo, uBaba iLanga usephumile kuyo, yikho efike kuwe wathi ucela ukuthi umakhele indlu kaJehova, umakhele ibandla likaJehova.
Ezulwini kufunakala ibandla elizokhuluma ngoJehova, hhayi ibandla elizokhuluma ngoNyazi, noma ngani engahlanganisi lutho noJehova, ngoba uBabamkhulu owafika lapha wakhuluma ngoJehova, ngakho ke qhuba lokho okwaqalwa uBabamkhulu. Laba bayeke babe noNkulunkulu babo, ungazikhathazi ngabo Lezi zingane zakwaShembe zammisa ngonyawo uBaba iNyangayezulu, zemenza yonke into, zafuna ukumbulala, zamthuka umuntu omdala engenze lutho, ekhehwe uNkulunkulu ukuthi ehole lelibandla. Banjanike manje, basazokulwa, belwe, belwe, angazi kothi kufika isizukulwane sesithathu nesesine bobe bekuphi nokuhlupheka ngalento yabo abayenzayo.
Into uma ngabe ivela kuNkulunkulu kufanele ukuthi uyibone ngezimpawu, ukuthi lento ekaNkulunkulu, noma ngabe ivela ngomuntu mhlawumbe obungamthandi ngezizathu zakho, kodwa uyibone lento ukuthi ekaNkulunkulu uma ngabe ungumuntu kaNkulunkulu. Ngaphuma eBuhleni ngo September 2010, kodwa ngenkathi ngiphuma eBuhleni ngo 2010 ngashayelwa umthetho, yathi ingelosi: “Uyakhishwa eBuhleni, kodwa usazoba ngaphansi kukaBaba uThingo, lapho oya khona awuzukufike ube ngumholi, uzofaka nje ingubo ijazi elimhlophe njengabafundisi abangakagcotshwa, ngoba ngeke ugcotshelwe ubuholi kusekhona uBaba uThingo, ngoba yize uphumile eBuhleni, ukhishelwe ukuba ungahlukunyezwa ngabefundisi.
Ngakwenza lokho, esaqala nabo lelibandla bayazi ukuthi siselapha ePinetown ngangihlala nayo yonke inhlalisuthi, ngifake nje ijazi elimhlophe elikhombisa ukuthi angigcotshiwe. Ngalalela lokho okushiwo ingelosi. Ngo amarch 2011 ingelosi yafike yathi kumele ngamukelwe libandla, sase sibeka usuku lomhla ka 3 April 2011. Cishe mhla ka 23 yafika isithi akukwazi ukuthi ngingemukelwa libandla mhla ka 3 April 2011, ngoba kulelo sonto kobe kunomcimbi ongemuhle ezulwini. Asikwazanga ukuthi kusho ukuthini lokho, kodwa salushintsha usuku lwaba mhla ka 27 March 2011.
Kuthe mhlaka 26 March 2011, kuzosa kube lisabatha, yafika ingelosi singazelele, isizongigcoba ukuba ngibe ngumholi webandla ngokuphelele. Asaqonda ukuthi sekwenze njani ngoba yathi ngogcotshwa ukuhola ibandla uma uThingo lungasekho emhlabeni. Yangigcoba mhla ka 26, kwathi mhla ka 27 kwaba nomcimbi wokungamukela, kwathi mhla ka 28 kwafika umbiko wokuthi uBaba uThingo akasekho emhlabeni.
Emva kokufika kocingo lokuthi alusekho uThingo, yatheleka futhi ingelosi, yathi: “Seniyabonake ukuthi bengichaza ukuthini uma ngithi umcimbi awube mhlaka 27, uma ubumhlaka 3 April ubuzomukelwa kanjani libandla kuhambe uThingo emhlabeni?
Yase iyaguqa, yathi “Ngiyabonga Nkosi, ngoba ufezekile umsebenzi wakho ubungithume wona, abasemhlabeni sebengaqhubeka nokwenza okwasemhlabeni!” Uma uyilandela kahle lento, uyabona ukuthi yinto eyahlelwa ezulwini, ngoba uma ngabe yayingahlelwanga ezulwini, kwakungeke kuthi ngifike ngicotshwe mhlaka 26 ngemukelwe ibandla mhlaka 27, bese mhlaka 28 kuhambe uBaba uThingo, lona ibethe ingelosi ngeke ngigcotshwe uBaba esekhona emhlabeni.
Lento yahlelwa ezulwini, noma umuphi umuntu ohlakaniphile uyabona ukuthi bonke laba bakwaShembe abathi bangabaholi, bangabaholi nje bamabandla abo ngokwasemhlabeni, kodwa ubuholi bobuNazaretha kwanikwa mina emva kwaBaba uThingo, yimina engibheke ubuNazaretha bonke, noma ngobaseBuhleni, noma ngobaseKIuphakameni, noma ngobaphi, ngokwasezulwini kunikwe mina igunya lokulwela ubuNazaretha. Ngokwasezulwini ibandla lamaNazaretha lashiywa kimi, kodwa elakwaShembe linabaholi balo, kodwa lobubuNazaretha busuka kuMose, bushiywe kimi, njengamanje bulapha kimi. Ukuthi bukimi kuchazwa ngezindlela eziningi, ngaphandle kwale esengiyichazile. Ngahamba ngaya kuBaba iNyangayezulu ngathi, ‘Baba ngicela ukuba ngiyeke ukuba imantshi, ngifuna ukuba ngofundisa enyuvesi ngigcine ngiwu professor womthetho. Wavela uBaba wathi, “Angifuni!’ Wase esuka kubantu, ema buqamama, wase engibiza, wase ethi “wena ucabanga ukuthi lobubumantshi obakho, lobubumantshi obukaShembe nobuNazaretha, ngakhoke musa ukucabanga ukuthi uzoke uyeke ukuba imantshi, ngoba akukhona okwakho.”
Kwahamba kwahamba emva kwesikhathi wathuma abafundisi abathathu ababengabavangeli ngalesosikhath,i wayongibiza eMadadeni ngaze ngayofika eBuhleni, wafike wathi ngikubizela into eyodwa, ngizokutshela ukuthi ukuwa nokuvuka kwalelibandla lamaNazaretha uNkulunkulu uyokubuza kuwe, kusho uBaba iNyangayezulu ephila, hhayi ukuthi ngangilele.
Ngakhoke nginegunya ezulwini ukuthi into eyenziwa amaNazaretha ebhedayo ngiyiphikise, ngiyiqondise. Ukuthi bathini, angindaba, ngoba nginikezwe igunya ezulwini. Lobu buNazaretha obusukela kuMose kubheke mina ukuba ngikuqondise uma sekuphuma endleleni.
Kodwa elakwaShembe angihlanganise lutho nalo, kodwa uma umuntu esathi uliNazaretha, uma umuntu esonta ngeSabatha esathi ungaphansi kwaBabamkhulu, ngizomqondisa uma esenza into ephambene noJehova. Washo njalo uMkhokheli, wathi bathi singabaphekula abaqedeli, singamaphekulazikhuni.
Kodwa abantu abadelela uNkulunkulu ngeke sibayeke, ngeke ngize ngithule, uma nje udelela uJehova ngeke ngize ngithule, ukuthi useKuphakameni, useBuhleni ukuphi nakuphi, anginandaba, kodwa once wathi ungaphansi kwaBabamkhulu wadelela uMthetho kaNkulunkulu, ngeke ngize ngikuhloniphe ngizokutshela ukuthi udukile, ngoba njengamanje imina ezulwini engibekwe ukuthi ngibheke ubuNazaretha kusukela kuMose. Ayikho ke into eyingozi ukuthi ezulwini ufike unikwe umsebenzi, bese wesaba abantu basemhlabeni!
Uma ngabe ufuna ukuthi uphume kuleli bandla, phuma. As far as umthetho kaNkulunkulu is concerned I am in the line of Moses, I am in the line of uBabamkhulu, I am in the line of uBaba ILanga, I am in the line of uBaba iNyangayezulu. Uma ngilwela iNyangayezulu, ngiyillwela ngoba uBaba iNyangayezulu akanamuntu omkhulumelayo, uma ngabe ingaqondiswa indaba yakhe, uzovele aphele, kube sengathi akazange abe ngumholi waleli bandla, engaziwa ukuthi wayengumprofethi kaJehova!
Njengoba wayewumprofethi kaJehova, uBaba iNyangayezuu, zimhluphile izingane zakwaShembe, zamthuka, zenza yonke into, kodwa uBaba iNyangayezulu uyena owakha uxolo. Ngangihleli noBaba iNyangayezulu eJudiya silalele iradio mhla kuthiwa eKuphakameni sekuyaliwa, sekufe abantu abawu 5, wayengekho uBaba iNyangayezulu eKuphakameni, wayeseJudiya sasihleli naye. AmaNazaretha aveva efuna ukuyongena eKuphakameni abhubhise umuzi waseKuphakemeni.
Kodwa personally uBaba iNyangayezulu waya kuvulwa umhlangano eKuphakameni, wafika wama esangweni, wathi wonke umuntu ongumlandeli wami akazukungena lapha, bhekani le! Bhekani le, elokhu ethena nje (ekhomba). Abafowethu bathukuthela baqhuma ukuthi uBaba ubenqabelelani ukuba bangene eKuphakameni behlasele laba bantu ababulele abantu ngezibhamu. Uthi uBaba iNyangayezulu “Uma nginivumela ukuthi ningene nibulalele abantu, kuychitheke igazi kulomuzi, uNkulunkulu uzosishiya, kungcono kube yimi engiyohlala ezintabeni, kunokuba ngixoshe uJehova kulomuzi.”
Washo njalo uBaba iNyangayezulu. Nangampela sahamba saya emzini weNkosi uMzonjani sahlala khona senza umhlangano khona, senza into ebesingayihlelele, ngoba uBaba iNyangayezulu efuna uxolo, emva kwalokho kwakhiwa uBuhleni emaTabetulu,, sasiyakha naye uBaba iNyangayezulu iBuhleni and he was working very hard kwakhiwa lomuzi!.
Njengoba ngisho, uBaba iNyangayezulu wathatha lesisikhundla ena 70 years, kodwa esithathile lesi sikhundla uBaba wakha indlu enkulu yamakhosazana, wakha i-office, wakha indlu yokuhlala izitsha. UBaba iNyangayezulu wahamba emhlabeni eseyidwebile indlu yesonto, inkulu. Wathi, ‘ngifuna ukuthi ngihamba emhlabeni lendlu iphelile’. USibisi uyazi ngoba ngahamba naye uSibisi ngiya kuBaba iNyangayezulu ngiyomtshengisa lendlu eyayisidwetshiwe, lendlu leyo mhlambe yayingagcwatshwa leliyathempeli elikhona eBuhleni, ngendlela eyayakhiwe
ngayo.
UBaba iNyangayezulu wayazi ukuthi into yokuqala okufanele uyilwele ukuthi uNkulunkulu umakhele indlu, yena, ucabangele uNkulunkulu ngaphambi kokuthi uzicabangele wena. UBaba iNyangayezulu akazange ehambe ngezimangaliso zezimoto, wayenemoto nje eyodwa ehamba ngayo, akaze ebe nezimangaliso nje zezimoto, akaze ebe nezimangaliso zezitezi, kodwa amaNazaretha ayemaningi, hhayi ukuthi amaNazaretha ukuba maningi aqala manje. Wahamba uBaba iNyangayezulu amaNazaretha ebalelwa ku 3 million. Kodwa sekuye kube sengathi amaNazaretha aqale manje ngoba sekunoNyazi, cha, amaNazaretha kudala ayeba maningi sasingasazi nokuthi sizohlala kuphi sisese Kuphakamen.
Kodwa bonke abantu abasenendaba nendaba kaBaba iNyangayezulu, nangezikhumbuzo zakhe, akekho umuntu onendaba naye, kunconywa nje abaholi abakhona, akekho umuntu ocabanga indaba kaBaba iNyangayezulu, uBaba iNyangayezulu wabekwa uNkulunkulu ukuthi ebe umholi walelibandla. Lokho angikufuniseli, angisho ngalokhu ekade ngikusho, ngakutshelwa ingelosi ukuthi uBaba iNyangayezulu waqokwa uNkulunkulu ukuthi ehole lelibandla.
60.Ithike ingelosi uBaba iNyangayezulu wabekwa uJehova, ngakhoke akekho umuntu ozouthuka uBaba iNyangayezulu, aphile, ngoba weyisa uNkulunkulu, akekho! Ithi uBaba iNyangayezulu njengoba engekho nje, wethembe wena, uma wena ungasamkhulumeli uBaba iNyangayezulu, uma wena ungasamlweli uBaba iNyangayezulu isibusiso uzosithola kubani, ngoba uBaba iNyangayezulu wethembe wena?
61.Manjenake lento ngiyayikhuluma kini, ngoba nami ngizodlula emhlabeni, angifuni ukuthi uma ngedlula emhlabeni, lendaba kaBaba iNyangayezulu bese iyaphela, ngoba ngitsheliwe, kuthunywe ingelosi, ngazotshelwa ngoBaba iNyangezulu ukuthi akasiyona lento amaNazaretha ambuka eyiyona. Kunezinye izinto kwanina eningazazi ngendaba kaBaba iNyangayezulu, ezaziwa imina nomkhokheli kuphela, ukuthi uBaba iNyangayezulu unamandla amangakanani ezulwini. Mhlawumbe kohambe kuhambe nazi, kodwa asikaze sitshelwe ukuthi kufanele nikwazi lokho.
62.Ngakhoke uBaba iNyangayezulu kufanele simkhumbule ngeqiniso, abantu abangamaNazaretha abantu abagcina umthetho kaJehova, awukwazi ukuthi uthi ukulelibandla, kodwa ube ukhuluma ngokuthi uNkulunkulu wakho uNyazi, bese kuthiwa ungaphansi kwaJehova, awukho ngaphansi kwaJehova ngoba uzisholo wena wathi ungaphansi koNyazi 100%, okusho ukuthi uJehova akasenandawo kuwe! AmaNazaretha ngempela okumele akwazi ukuthi kulelibandla iNkosi yethu nguJehova kuphela, njengoba esho uvesi 2 wesihlabelelo 10.