USHEMBE
UMQALI WE NDDLELA
AmaHebheru 6:20; namaHebheru 7:1 – 7:
“Lapho uJesu eyisigijimi sokusandulela wangena khona, esewaba nguMpristi
omkhulu kuze kube phakade ngokukaMelkizedeck. Ngokuba uMelkizedeck lo, inkosi yaseSalema, nguMpristi kaNkulunkulu oPhezukonke,… Engenayise engenanina, engenaluzalo, engenakuqala kwezinsuku, nakuphela kokuphila, kepha efaniswe neNdodana kaNkulunkulu,
Lenkulumo ekhulunywa nguMphostoli uPawuli iyadida; kodwa uMphostoli wayengayisuseli ekhanda. Indaba ngoMelkizedeck isencwadini kaGenesis 14: Into engezwakali ukuthi uMelkizedeck wayengenayise, engenanina, engenaluzalo, engenakuqala kwezinsuku, futhi engenakuphela kokuphila. Uthi-ke uPawuli uMelkizedeck wayefaniswe neNdodana kaNkulunkulu, bese ethi; noJesu unguMpristi ngokukaMelkizedeck.
Igama elithi; “iNdodana kaNkulunkulu” lisho isithunywa saseZulwini noma ingelosi.
Ngamanye amazwi uMelkizedeck kwakuthi kanti ungumuntu ohlala nabantu, kodwa engowaseZulwini, enguMpristi kaNkulunkulu. Yikho-ke uPaul
ethi uJesu unguMpristi ngokukaMelkizedeck, ngoba noJesu kwathi
esemhlabeni ezalwe yinyama, kodwa engowaseZulwini.
Isihloko salenkulumo sithi uShembe yena ungubani? Lombuzo kumele uphenduleke ngoba abantu abaningi, kuhlanganisa namaNazaretha, uShembe bayaye bemchaze ngokwemizwa yabo, hayi ngokwezimfundiso zakhe.
Igama elithi “Shembe” lafika kukhokho woMprofethi, uMzazela Khumalo, ebaleka esuka kwelakwaZulu elibhekise eNtabamhlophe. IZwi lamtshela ukuthi uma efika eNtabamhlophe useyokwaziwa ngokuthi unguShembe. Igama, “Shembe,” liyefana negama likaJakobe owalinikwa esendleleni elithi “Israel”, noMzazela leligama walinikwa esendleleni.
SekuseNtabazwe leligama lafika ngesibonakaliso kuyisemkhulu woMprofethi uNhliziyo, lathi umntwana ozozalwa nguye uShembe. Esezelwe uNhliziyo wabe esethi kuzelwe uShembe. Noma leligama elithi SHEMBE lagcina seliyisibongo, kodwa lona ligama LOMPROFETHI U-ISAYA SHEMBE, owabe eyindodana kaMayekisa.
Uma umuntu efika kubantu kuba nguye ozichazayo ukuthi ungubani, nokuthi uyini. NoJehova mhla efika kuMose wazichaza yena, noJesu wazichaza yena.
UShembe waqamba amahubo angu 218 nemithathandazo. Lencwadi ebizwa ngokuthi IZIHLABELELO ZAMANAZARETHA iliVangeli likaShembe, njengoba sineVangeli likaJesu. Imfundiso-nkolo kaShembe eshicilelwe itholakala KULELIVANGELI LAKHE. Kuzihlabelelo zamaNazaretha uShembe uzichaza ngokuthi, uyi-NCEKU KANKULUNKULU, UYISITHUNYWA SIKANKULUNKULU, UYISIKHONZI SENHLUPHEKO, UYISICHAKA SIKANKULUNKULU, UNGUMPROFETHI.
Kusihlabelelo 139 uMprofethi uthi loMoya ongcwele uJesu owakhuluma ngawo kuJohane 16 wehlela kuye. Ngokwesihumusho salesi sihlabelelo-ke imfundiso-nkolo yobuNazaretha ithi uShembe unguMoya ongcwele.
Kulentshumayelo yanamuhla uShembe simchaza ngokwemfundiso-nkolo esuselwa evangelini lakhe nangokwemfundiso-nkolo esuselwa ezintshumayelweni zeNkosi iLanga. Sikugwemile ukumchaza ngokwemizwa nemibono yethu, ngoba yona yahlukahlukene.
INkosi iLanga, eyayingumholi wesibili emva koMprofethi, yiyo ezintshumayelweni zayo eyayihlale icacisela amaNazaretha ngobudlewane bukaShembe noNkulunkulu. Ngakho-ke kulenkulumo sizobheka ukuthi iNkosi iLanga uShembe uMqaliwendlela yamchaza ngokuthi ungubani, nokuthi ubuNazaretha buyini.
Ekhasini 57 le 2nd Edition yencwadi ka-Advocate Mnyandu ethi; “Izintshumayelo zeNkosi iLanga” sizwa iLanga likhuluma lamazwi emavesini 1-3: “NgeSabatha eledlule ngakhuluma kancane ngizama ukunikhumbuza ukuthi uNkulunkulu lo enibuthene ngaye, menzeni abe nguNkulunkulu wenu. Uma uNkulunkulu engesiye uNkulunkulu wabantu akasizi lutho.’ ‘Selokhu kwadabuka umhlaba uNkulunkulu ukhona; noma uShembe engakafiki kulomhlaba uNkulunulu wayekhona, kodwa engasizi ngalutho. UNKULUNKULU OMUHLE NGOHAMBA NABANTU; UNKUKUNKULU OMUHLE YILOWO ENIKWAZI UKUZIBIKA KUYE.’
‘UShembe engakafiki kulelizwe lakithi kwakungaziwa lokho; kwakuthiwa uNkulunkulu wagcina ukukhuluma nabantu ngesikhathi sikaJesu nabaPhostoli. Kepha selokhu uShembe afika kulomhlaba seniyakwazi ukucela izinto (kuNkulunkulu) aniphe; seniyakwazi nokucelela abantwana benu izipho uNkulunkulu abaphe.’ ‘Seniyakwazi nokucelela abantu bakini abasemathuneni izinto ezinhle, uNkulunkulu aniphe zona, kanjalo nabasemajele. NgeSabatha eledlule bengikhuluma khona lokho nje kuphela, ukuthi ningakhohlwa ukuthi uma UNKULUNKULU, LO KASHEMBE, ENGESIYE UNKULUNKULU WENU, angeke anisiza ngalutho.’ ‘Bengizama ukuba nginikhumbuze ukuthi USHEMBE WAYEZE EMHLABENI UKUBA ABANTU BAPHENDUKE BABE NGABANTWANA BASEZULWINI; BAHLALE NONKULUNKULU, UNKULUNKULU AHLALE NABO, NABO BAHLALE NAYE!’ ”
Kanti ekhasini 81-82 lecwadi kaMnyandu iNkosi iLanga kwenye yezintshumayelo zayo ithi: “Kodwa uKuphakama… akusikho okwenu, futhi akusikho okukaShembe LO OBONWAYO, NGOKUKANKULUNKULU, NGOKUKASHEMBE OSEZULWINI; NGOKUKASHEMBE OWAKUQALAYO LOKHU KUHAMBA… Nansi inkosi yasemaQadini kanye namakhosi akhona lapha, wona lamakhosi abantu ngababo….KODWA NINA EYENU INKOSI AYIBONWA, NGUNKULUNKULU KUPHELA, AYIKHO ENYE.’ ‘NGAKHO NILIBAMBISISE LELO LIZWI NOMA NINI, NOMA SINGASEKHO THINA EMHLABENI; NIKHUMBULE UKUTHI UBUNAZARETHA LOBU, LOMUZI WASEKUPHAKAMENI, AKUSIWO OWOMUNTU. Akukho muntu ongavela ONJENGAMI NJE, anikhiphe nina endleleni kaShembe. UMA NGITHI ONJENGAMI NGISHO NGOBA KUYAYE KUTHIWE NGINGUMHOLI WEBANDLA LAMANAZARETHA, KEPHA ANGISIYE, UMHOLI WENU NGUSHEMBE KUPHELA…’
‘UShembe lo owaphemba lobu buNazaretha WAYENGESIYE UMUNTU, WAYEVELA EZULWINI. Kodwa wayengaqali ukufika lapha emhlabeni. Wayefike ayiphembe lento enibuthene ngayo, ayishiye, ecabanga ukuthi izosala ilunge. Bese emva kwakhe kuvela abantu ABANJENGAMI NJE, ABAYE BATHI BANGABAHOLI BENGENAWO UMOYA KASHEMBE, bese beyiphambukisa lento, beyiphendula ngobuthakathaka kwabo.’ ”
Ekhasini 86 evesini 9 iNkosi iLanga ithi: “UbuNazaretha abuqali ukufika emhlabeni; kade bafika. NakoMose nakoJesu nakubaProfethi kwafika, kodwa behluleka. Afike lowo ofikayo akuphembe njengoShembe nje; bese kuthi abalandelayo bahluleke, bengabugcini ubuNazaretha.”
Kwenye intshumayelo esekhasini 168 kuvesi 2 walencwadi kaMnyandu iNkosi iLanga ifanisa uShembe no-Enock okukhulunywa ngaye kuGenesis 5:21-23, lapho ethi: “UShembe wayengahambi yedwa, unjengalomuntu esifunda ngaye lapha (uEnock); wayehamba noNkulunkulu isikhathi sonke, futhi engakufihli lokho. Noma kufanele ukuba akufihle, engakufihli.” Kanti ekhasini 176 evesini 34 wayo lentshumayelo uBaba iLanga uthi: “UShembe wayengumoya, wayengesiyo inyama. Uma nikhuluma niye nithi wathi; ‘Bantabami sekungokwesihlanu ngifika phakathi kwenu.’ Umuntu oyinyama engakwenza kanjani lokho? Engakwenza kanjani ukuthi afe abuye avuke kuze kube kahlanu?’ ”
Lezi zintshumayelo esizicaphune lapha zingumgogodla wemfundiso-nkolo yobuNazaretha ezicacisa ubudlelwano phakathi kukaShembe noNkulunkulu, zibuye zicacise ngobudlelwane phakathi kwamaNazaretha noNkulunkulu. Okokuqala lithi iLanga; “Uma uNkulunkulu, lo kaShembe engesiye uNkulunkulu wenu, angeke anisiza ngalutho.” Umbuzo uthi ngubani uNkulunkukulu kaShembe? UNkulunkulu kaShembe NGUJEHOVA! Kuyo yonke imithandazo nasezihlabelelweni zamaNazaretha uShembe ukhuluma ngoJehova.
Kusihlabelelo 119 uShembe uthi: “Thina siyamthanda lo onokusindisa, isihlangu sethu nguJehova onokusindisa. Sophelela sonke kuJehova onokusindisa. Alikho nalinye igama esingasinda ngalo kuphela igama likaJehova esingasinda ngalo. Asinazihlangu esingavika ngazo kuphela igama likaJehova esingavika ngalo. Asinazikhali esingalwa ngazo kuphela igama likaJehova esingalwa ngalo.” Uthi-ke uBaba iLanga lo Nkulunkulu kaShembe onguJEHOVA amaNazaretha akamenze abe nguNkulunkulu wawo, ngoba uma amaNazaretha engamenzi uJehova uNkulunkulu wawo, angeke uNkulunkulu wawasiza ngalutho.
NjengamaNazaretha kumele sizibuze ukuthi ngaphandle kokufunda umbhedesho, sihlabelele amahubo kaShembe, thina simenza kanjani uJehova ukuba abe nguNkulunkulu wethu; njengeseluleko seLanga, umhlaba siwufundisani ngoJehova? Akwenele ukusho ngomlomo ukuthi siliBandla likaJehova, kodwa lokho kumele sikubonise ngezenzo, sibe nevangeli eliphakamisa uJehova. Ezinkolweni ezifana neJudasm ne Islam, noma zikhuluma kabanzi ngabasunguli bazo, kodwa igama eliphambili nokufundiswa ngalo kulezi zinkolo ligama likaJehova!
Lokhu zikuthathela ezimfundisweni zabasunguli bazo. Nathi maNazaretha ngikholwa ukuthi kubalulekile ukuthi sifundise umhlaba ngoJehova njengokufundiswa nguShembe noBaba iLanga!
Liyaqhubeka iLanga lithi; “UShembe wayeze emhlabeni ukuba abantu baphenduke babe ngabantwana baseZulwini, bahlale noNkulunkulu, uNkulunkulu ahlale nabo, nabo bahlale naye.”
Lapha iLanga lisicacisela kahle ukuthi uShembe wayeze emhlabeni ukuzosifundisa ngoNkulunkulu, ukuze kuthi uma lemfundiso siyamukela siye eZulwini, sohlala embusweni weZulu. Angiqondi nokho ukuthi lemfundiso yoMprofethi neNkosi iLanga ngokufundisa umhlaba ngoJehova igxile kangakanani kithi.
Eminyakeni ephambili kwafika ingelosi kimi, yabe isithi; “Uthi uBaba iLanga makhele iBandla likaJehova, kuleliBandla ufundise abantu indlela eyiyo yokukhonza uJehova njengoba uShembe wayefundisa amaNazaretha.”
Amanye amaNazaretha angiphosela inselelo, athi belithi iLanga uzokwakha liphi iBandla likaJehova ngoba vele iBandla lamaNazaretha liBandla likaJehova? Kodwa ngokubuka kwami uBaba iLanga wayefuna iBandla elizophumela obala lifundise umhlaba ukudumisa nokubabaza uJehova phezu kwakho konke, njengoba sihlale senza nje.
Uthi-ke uBaba iLanga, lo Nkulunkulu uShembe ohlale emdumisa ethi nguNkulunkulu wakhe, nani maNazaretha menzeni uNkulunkulu wenu, nimdumise ngokufundisa umhlaba ngobuNkulunkulu bakhe kini! Ngakho-ke imfundiso-nkolo kaShembe ngobuNazaretha ithi amaNazaretha akashumayele adumise uNkulunkulu ogama lakhe linguJehova.
Umbuzo wesibili ngothi ingempela uma sikhuluma ngoShembe sisuke sikhuluma ngobani? Lombuzo ubalulekile ukuphendulwa ngoba uShembe kubuye kube isibongo. Ngabe iNkosi iLanga uma ikhuluma ngoShembe yayikhuluma nanganoma yimuphi umholi weBandla lamaNazaretha noma yayikhuluma ngoBabamkhulu kuphela?
Lithi iLanga; “Akukho muntu onjengami nje onganikhipha nina endleleni kaShembe. Ngithi onjengami ngoba kuthiwa ngingumholi wamaNazaretha, kepha angisiye. UMHOLI WENU NGUSHEMBE KUPHELA… UShembe lo owaphemba lobu buNazaretha wayengesiye umuntu, wayevela eZulwini.”
Kuyacaca ukuthi uma ILanga lalikhuluma ngoShembe lalikhuluma ngoMqaliwendlela, lithi nguye INKOSI NOMHOLI WAMANAZARETHA.
Ngelinye ilanga ingelosi ithi kimi; “Uthe uBaba iLanga angikutshele ukuthi uma kuba nemfundiso eyafundiswa nguye, kodwa iphambana neyoMprofethi, uyolandela eyoMprofethi.”
Ayesethi amanye amaNazaretha ayikho into enjalo, awukwazi ukuchitha imfundiso yeNkosi iLanga ngemfundiso yoMprofethi. Kodwa nguBaba iLanga owazisholo yena esesemhlabeni ukuthi akanalungelo lokusikhipha ezimfundisweni zoMprofethi. Ingelosi yayisikhumbuza inkulumo yalo iLanga. Uthi-ke uBaba iLanga; noma uShembe waba lapha emhlabeni njengabantu bonke, kodwa wayenesimo esifana nesoMelkizedeck kanye noJesu, wayengesiyo inyama, engowaseZulwini; ngoba umuntu oyinyama akakwazi ukufela kwesinye isizwe, avukele kwesinye isizwe!
Liyaqhubeka iLanga lithi “ubuNazaretha akusikho okukaShembe LO OBONWAYO, NGOKUKANKULUNKULU, NGOKUKASHEMBE OSEZULWINI, NGOKUKASHEMBE OWAKUQALAYO LOKHU KUHAMBA”…. esho uMPROFETHI.
Lithi-ke iLanga ubuNazaretha ngokukaNkulunkulu, kodwa futhi ngokukaShembe oseZulwini, uMqaliwendlela, ngoba kwathi mhla uNkulunkulu ekuletha emhlabeni wathumela uShembe ukuba ezokuphemba.
Umyalezo omkhulu weNkosi iLanga ngothi; NOMA ENGASEKHO YENA EMHLABENI, SISALE SILIQHUBA LELIVANGELI ELITHI AMANAZARETHA AKANAYO INKOSI EBONWAYO enjengamakhosi ezizwe, kodwa iNkosi yawo NGUNKULUNKULU, NOSHEMBE OSEZULWINI!
NgokweNkosi iLanga ubuNazaretha bunemfundiso-nkolo efanayo neyamaKrestu. AmaKrestu aneNkosi eyodwa OKUNGUJESU KRESTU oseZulwini. Bonke abaholi abavela emva kwaJesu abakhonzwa, abadunyiswa, kudunyiswa uJesu kuphela.
NoBaba iLanga wayegcizelela leyomfundiso-nkolo ethi ubuNazaretha buneNkosi eyodwa nengabonwa, OKUNGUNKULUNKULU, kodwa ngaphansi kwaNkulunkulu KUNOSHEMBE OSEZULWINI, oyisimo esifanayo nesikaJesu kumaKrestu.
Lithi-ke iLanga noma lingasekho lona emhlabeni singakhohlwa ukufundisana ukuthi iNkosi yamaNazaretha yinye, NGUNKULUNKULU; ngaphansi kwaNkulunkulu KUNOSHEMBE ONGABONWA, OSEZULWINI!