“Kunjalo ukuphika ubukhona buka Thixo, uyojeza uthanda noma ungathandi, akukhalelwa muntu esigodini sosizi; nani bemindeni yabo akukho eniyobenzela khona uma sebendlulile emhlabeni, kuphela ngumlilo ubusuku nemini, aninandlela yokubakhulula ngaphandle kokubacelela intethelelo enkosini ngeminikelo, nangemithandazo. Nani niyoze nidlule emhlabeni nikwenza lokho.
Isihlabelelo 6.
1.Sakubona Kuphakama Sakubona Judia.Ubabekephi abafowethu Abathunyelwe kuwe.
2.Babalekile bakushiya
Baxoshwa ubungcwele
Akungena sono kuwe
Kwanasono sinye.
3.Masango okuPhakama
Phakamani singene
Sizahlulekele nathi
Kwanjengabanye.
4.Wozani, wozani
Siye kweliphezulu
Makabongwe lowo ozayo
EKuphakameni.
5.Jehova ungakushiyi
UKuphakameni,
Kuzungeze Nkosi
Amacala omane.
USHEMBE UTHI SIKHOLWA NGOKUGCINA UMTHETHO KAJEHOVA.
1.Inyanga ka March iyinyanga yokukhumbula ukufika kwaBabamkhulu kwazulu-Natal ngoba wafika eNatali mhlaka 10 March 1910.
Ekusungulweni kwebandla lama Nazaretha kaNkulunkulu sakuveza ukuthi sithunywe nguShembe uBaba iLanga ukuba sifundise abantu indlela eyiyo yokudumisa uNkulunkulu onguJehova!
2.Izwi lathi konke lokhu sokwenza ngokulandela izimfundiso zoMprofethi uBabamkhulu efundisa amaNazaretha ukuthi uNkulunkulu ukhonzwa kanjani.
3.Lelivangeli lethu alivuseleli umthetho kaJehova kumaNazaretha odwa, kodwa sihlanganisa amaKrestu kanye namaMoslems, libuye ligqugquzele abangakaze bakholwe, ukuthi nabo bakholwe!
4.Uma ulilandela kahle lelivangeli lase NCG, alikho ngoShembe noma ngoJesu, KODWA LINGOJEHOVA!
5.Engifisa ukukugcizelela ukuthi, njengoba nomprofethikazi uCelestial eke washo, izwi likaNkulunkulu alikho ekutheni umfundisi wakho, noma abazali bakho bakufundiseni, kumbe wena imizwa yakho ikutshelani ngomthetho kaNkulunkulu, kodwa izwi likaNkulunkulu lingokuthi uNkulunkulu utheni kuwe encwadini engcwele!
6.Izwi likaNkulunkulu liyafana kumuntu wonke, ungumKrestu, ungumMoslem, ungumNazaretha noma ngabe awukholwe ndawo!
7.Amanye amaNazaretha acabanga ukuthi ngoba lelivangeli ligxile ekukhonzeni uJehova, thina esilishumayelayo asisekho ebandleni lamaNazaretha! Kubona umNazaretha ngumuntu ohlale edumisa uShembe kuphela!
8.Kodwa ngingaze ngazi ukuthi kungenzeka kanjani ukuthi ngingafike ngithunywe uShembe ukushumayela ivangeli ngoJehova, bese kuthi uma ngenza engikuthunyiwe, bese kuthiwa yimina futhi engihlubuke uShembe?
9.Labo abakhuluma lokho basuke bazi ukuthi lento abayi khulumayo ayinamqondo, ngaphandle kokuthi basuke bezama ukusinyundela, noma ngingazi ukuthi basinyundela kobani ngoba leli ilizwi lezulu!
10.Asifune kwenza okuthandwa ngabantu, kepha sithunywe ukuba sibuyisele abantu kuNkulunkulu njengoba kwakwenza uMprofethi, naye evuselela izimfundiso zikaJehova njengabo bonke abaprofethi abamendulelayo!
11.Uma uthi ubheka amabandla amaNazaretha nawamaKrestu, indlela abakhonza ngayo abaholi babo, ungaze uthi bayaqhudelana ngabo, ngoba lowo nalowo uthi ngowami umholi onguNkulunkulu, yize kubo engekho okhuluma iqiniso!
12.Ukubiza umuntu ngokuthi unguNkulunkulu kuphambene nomthetho kaJehova, lo othi uShembe wathunywa ukuba ezowuvuselela!
13.Okuyikho ukuthi bonke abaprofethi bakaJehova bathunywe nguJehova ukuzoshumayela ngezwi lakhe kubantu bonke!
14.UShembe iNyangayezulu wakuchaza kahle ukuthi uJesu, uMahomede noShembe zithunywa zikaNkulunkulu ezifike emhlabeni ngezikhathi ezahlukene, ezizweni ezahlukene, kodwa zilethe umyalezo owodwa, okuyizwi likaJehova!
15.Namanje-ke ayikho imfundiso yabaprofethi, kuhlanganisa uJesu, uMahomede noShembe, engaphikisa umthetho kaJehova njengoba sawufundiswa nguMose!
16.Ebandleni lamaNazaretha incwadi eliTestamente elivuselela iTorah, zihlabelelo zamaNazaretha!
17.Kusukela kuMthandazo wokuvuka kuze kube isihlabelelo sokugcina uShembe ukhuluma ngoJehova, efakazisa ukuthi nguJehova yedwa uNkulunkulu wethu okumele simkhonze!
18.Mhla ingelosi iqala ukusifundisa ngomthetho kaJehova, yavula uvesi 3 no 4 womthandazo weSabatha, ofundeka kanjena:
19.“Mesabeni uJehova zizukulwane ngezizukulwane, nigcine imithetho yakhe owanilobela yona uJehova ngenceku yakhe uMose, ukuze ukudumisa kwenu kwamukeleke kuThixo womkhosi.
20.Ngokuba uma ningamdumisi ngemithetho yakhe, akayikuyamukela imithandazo yenu, akasoze anehlisela izibusiso, uma ningayilaleli imithetho yakhe niyigcine!”
21.Ithi-ke ingelosi, yilesi sisekelo sobuNazaretha. Lokhu kusho ukuthi ukukholwa kwenu kusezincwadini ezinhlanu zokuqala eBhayibhelini!
22.Uma uthi ukholiwe, kodwa ungayigcini imithetho kaJehova owayiletha kithi ngoMose, lokho kukholwa kugcina lapha emhlabeni, ngokwebandla lakho, kodwa akwaziwa ezulwini!
23.Uthi-ke uShembe noma nithandaza ngegama likaJehova, uJehova angenke awamukele umthandazo wenu, futhi akukho zibusiso oyokunahlisela zona uma ukukholwa kwenu kungagxilile ekugcineni umthetho kaJehova.
24.Lemfundiso kaShembe ivuselela imfundiso kaYeshua ngokubaluleka kokugcina umthetho kaMose.
25.KuMathewu 5:17-19, uYeshua uthi umthetho kaMose umi nguna phakade, uma kubakhona ongawugcini, abuye afundise abantu ukuthi bangawugcini umthetho kaMose, angenke angene ezulwini.
26.UYeshua akagcini lapho, kanjalo futhi kuMathewu 7: 21-23 uthi noma ungahlale ubiza igama likaYeshua, uthi, Nkosi, Nkosi, ngiprofethile ngegama lakho, ngakhipha amadimoni ngegama lakho, ngenza imisebenzi emikhulu yamandla ngegama lakho, kodwa uma ungawugcini umthetho kaNkulunkulu, kothi ekufeni kwakho, usufika phambi kwaYeshua, uyokuxosha, ethi: “Suka kimi menzi wobubi angikwazi!”
27.UYeshua usitshele ngokungananazi ukuthi uma ungawugcini umthetho kaNkulunkulu, njengoba eshilo kuMathewu 5:19, akumele ungene ezulwini ngoba ungumuntu ongumenzi wobubi!
28.Njengoba lathi ilizwi asifundise indlela eyiyo yokufundisa ukukhonza uJehova, sithathele ezimfundisweni zikaMprofethi u-Isaya Shembe, (ukuthuthula kube kuye), ngifisa ukuveza kafuphi ivangeli likaShembe eliqinisekisayo ukuthi uShembe wayefundisa ngokukhonza uJehova yedwa!
29.Kwenye yezintshumayelo zakhe, lapho uMprofethi echaza ngokubaluleka komthetho kaMose, uthi:
30.“Labo abafihla iqiniso elithize emthethweni ka Jehova ayiloba ngenceku yakhe uMose, noma bekushintshe, noma bekuzibe, labo badla umlilo uqobo, futhi uNkulunkulu akasoze akhulume lutho nabo ngosuku lokuvuswa kwelizayo.
31.Labo bangabathengisa ngeqiniso ekukholweni, bayoba ngabancinyane embusweni weZulu.
32.UNkulunkulu uJehova uveze iqiniso eliphelele ngemithetho yakhe ebhalwe phansi, wayifundisa nangaba profethi kanye naba priest, ngakho labo abangavumelani nemithetho ka Mose, baya ekulahlweni!” Amen!
33.Lemfundiso kaShembe ngokubaluleka komthetho kaMose ibonisa ukuthi asigcini ngokubhalwe emthandazweni wesabatha ngokuthi uJehova SIYOKUMESABA NGOKUGCINA UMTHETHO WAKHE OWASILOBELA YONA NGOMOSE, kodwa noma eshumayela wayehlale egcizelela ukugcinwa komthetho kaJehova.
34.Ngokusobala uBabamkhulu uyasifakazela ukuthi lelivangeli esilishumayelayo ngokukhonza uJehova, alisuki lapha eNCG, kodwa livangeli elivuselela izimfundiso zakhe uBabamkhulu!
35.Kuyaye kube sengathi ibandla lamaNazaretha kaNkulkunkulu liqhamuka nento yalo uma lifundisa ukuthi ekukholweni umthetho kaNkulunkulu mkhulu kunamasiko ethu, ngakho-ke awukwazi ukuthi uthi ukholiwe, bese ucabanga ukuthi uzohlanganisa amasiko akho aphambana nomthetho kaNkulunkulu!
36.Akesizwe ukuthi uMprofethi wathini efakaza lokhu esikushoyo. Kulenkululumo uShembe uthi: “Ngesikhathi kuthiwa kunina landelani lokho uJehova akuvezile, bathi: “Cha, silandela lokho esafica obaba bekulandela.” Kuyilapho noYise babo babengaqondi lutho.
37.Ningabi njengo khokho benu abazenza lukhuni izinhliziyo zabo, kuyimanje sithwele izono zabo.” Amen!
38.Njengoba uYeshua osifundisile ukuthi uma singahambi ngezimiso zikaJehova, siyolahlwa ngokungeniswa esihogweni somlilo, noShembe ufundisa lokho. Kulentshumayelo uShembe uthi:
39.“Kunjalo ukuphika ubukhona buka Thixo, uyojeza uthanda noma ungathandi, akukhalelwa muntu esigodini sosizi; nani bemindeni yabo akukho eniyobenzela khona uma sebendlulile emhlabeni, kuphela ngumlilo ubusuku nemini, aninandlela yokubakhulula ngaphandle kokubacelela intethelelo enkosini ngeminikelo, nangemithandazo. Nani niyoze nidlule emhlabeni nikwenza lokho.
40.Kunabantu abanevangeli uCelestial olibiza ngokuthi i-Love Theology, lapho ngaso sonke isikhathi sithola kunezimfundiso zabantu ezikhuluma ngothando lukaJesu, kuze kuthiwe noma sifa angenke sisithwale isono, ngoba ngokubethelwa kukaYeshua esiphambanweni, sesit hethelelwe izono.
41.Kodwa uthi uma ufunda iBhayibheli, lezi zimfundiso ngothando (grace) lukaYeshua, ungazitholi ezimfundisweni zikaYeshua, esikhundleni uthole uYeshua efundisa ngokuthi uma ungahambi ngokwezimiso zikaJehiova uyolahlwa esigodini sosizi!
42.Ukuthi uma wenza isono, uthi uma ufa uye esihogweni, leyo imfundiso kaYeshua, akakho futhi omunye umprofethi owake wakhuluma ngento enjalo.
43.Kungenzeka kanjani ukuthi umuntu oyedwa engafika afundise ukuthi uma ungawugcini umthetho kaJehova uyoxoshwa nguye uYweshua ezulwini, kubuye kube yilowo Yeshua futhi othi ngokufa kwakhe asisena sono? UYeshua engakhuluma kanjani abuye aziphikise?
44.Njengoba ingelosi yasichazela, izihlabelelo nemibhedesho yebandla kanye nezintshumayelo zikaShembe zilibeke obala ivangeli loMprofethi, ISISEKELO SOBUNAZARETHA IMITHETHO KAJEHOVA NJENGOBA YAYIFUNDISWA NGUSHEMBE UBABAMKHULU.
45.Nokho kulo ibandla lamaNazaretha kunamaNazaretha azama ngazo zonke izindlela ukuchitha umthetho kaJehova ngokusebenzisa izintshumayelo zeNkosi iLanga out of context, bese kufihlwa enye ingxenye yentshumayelo, ukuze kubukeke sengathi iNkosi iLanga yayiphikisa izimfundiso zoMprofethi noJehova!
46.Lomkhuba uzowutholwa kakhulu uma bezama ukuchitha umthetho wokuthi uJehova uthi singabahlabeli abalele!
47.Ngike ngezwa intshumayelo yomholi waseKuphakameni kuvideo, lapho ethi khona ukuhlabela abangasekho akugcini ngokubanikelela elatini, kodwa kusho ukuhlabaela abangasekho esikwaziyo.
48.Uthi-ke lomholi noBabamkulu lento yokuhlabela amadlozi wahamba emhlabeni engakayicacisi, yaze yacaciswa iNkosi iLanga!
49.Ngiyamphikisa lomholi kulento oyikhulumayo. Udukisa amaNazaretha! Akavele yena ayhi uyawuphikisa umthetho kaJehova kanye nemfundiso kaBabamkhulu ngokuhlabela amadlozi.
50.Nansi imfundiso kaShembe owayikhuluma ngo 1927 emzini waseKuphakameni ngokuhlabela amadlozi. Uthi-ke uBabamkhulu:
52.Ngaso leso sikhathi babuza oNkwanyana noMzelemu, bathi: “Nceku yeNkosi, angenke sisahlabela okhokho bethu na?”
53.Waphendula uMprofethi wathi: “Cha bantwana bakaNhliziyo, okwenu kuhle ukuba nibakhumbule elatini elikhulu, emzini kaJehova eKuphakameni, kunokuba nenze njengalabo abangenaye uThixo.”
Uthi-ke uShembe ABAHLABELA AMADLOZI ABANAYE UTHIXO!
54.Ngakho-ke ngawo u1927 uBabamkhulu wakucacisa ukuthi singawahlabeli amadlozi!
55.Uma wayengakaze uBabamkhulu akucacise lokho, kodwa wakucacisa ngo July 1927 eseKuphakameni!
56.Kulento othi lomholi uBabamkhulu wathi kwenye intombazane: “Ngizokuhlabela imbuzi emhlophe ngibonge amadlozi akini”, ngalokho sekusho ukuthi uBabamkhulu wayegunyaza ukuhlatshelwa kwamadlozi? Akasho ukuthi uShembe wayihlabela leyo mbuzi!
57.Noma ngabe uBabamkhulu wayihlabela lentombazane, uma uShembe engathi kuwe dlana ukudla okushisayo ngesabatha, usungathi ngoba uShembe usho njalo kuwe, bese ufundisa amaNazaretha ukudla ukudla okushisayo ngesabatha, uchithe umthetho wesabatha owufundiswe nguye uShembe?
58.Kuyimfundiso yoMprofethi ukuthi okhokho bethu abasiwo amadimoni, kodwa futhi kuyimfundiso yakhe ukuthi singawahlabeli amadlozi.
59.UBaba iLanga wafike walandela izimfundiso zikaBabamkhulu ukusifundisa ukuthi okhokho bethu abasiwo amadimoni, kodwa futhi akukho lapho ethi khona uBaba iLanga asihlabele amadlozi!
60.Lapha ngizoveza lentshumayelo yeNkosi iLanga ehlale icashunwa ngamanye amaNazaretha, kodwa hhayi ngokuphelele, ngenhloso yokubukela phansi noma ukuphikisa izimfundiso zoMprofethi. Lentshumayelo ihamba kanje:
61“Lezi zinto ngizifundela ukuba ningakhohliswa muntu, ningathi uma nihlangana nabantu abahlakaniphile nabafundisiwe, bese benikhohlisa.
62.Ningaqali okunye ukuhamba, enye into abaye banikhohlise ngayo abezinye inkonzo, ukuthi nina nikhonza amadlozi, angazike ukuthi umuntu okhonza idlozi wenzenjani, likhonzwa kanjani, angazi ukuthi likhonzwa kanjani.
63.Kodwa ngazi ukuthi mina uBaba akafanga, nogogo akafanga nobabamkhulu bakhona, nabakho oyihlomkhulu bakhona, baphilile, abanye bakuNkulunkulu, abanye basejele; ngikholwa ilokho ukuthi abanye baboshiwe, njengoba sihamba nje, abanye obaba, nomama abadala bakuNkulunkulu.
64.Ngiyabuzake kini maNazaretha, ubani owathi idlozi libi, kolotshwephi lokho ukuthi idlozi libi, kulotshwephi ukuthi obaba ngoSathane…?
65.Le ncwadi engiyifundile ithe, uma ngabe nizwile indaba kaMose, uMose uma ehlangana nesihlahla sisha singapheli, kukhona uMoya okhulumayo esihlahleni, uyabuza ukuthi hawu, lona okhulumayo kulelisihlahla ngubani.
66.Uthi lona osesihlahleni: “NginguThixo kaYihlo, uMose uthi uBaba ongubani na? Uthi lo muntu, nginguThixo ka-Abraham, ngiwuThixo ka-Isaka, nginguThixo kaJakobe!” Kwabe kuyini labo bantu, kwabe kungesilona idlozi?
67.Uma kungabanye abantu, kuthiwa bangcwele, uma kungoBaba kuthiwa ngoSathane, uma kungu-Abraham ungcwele, uma kungu-Isaka uNgcwele, uma kunguJakobe uNgcwele.
68.Uma kungu Senzangakhona, kungu Mpande, kungu Dinizulu, kuthiwa ngoSathane, akukho lokho maNazaretha, ninga khohliswa ngabantu, ninga dukiswa ngabantu.
69.Ngesabatha eledlule bengikhuluma ngomfana owahlubuka kuyise nakubafowabo. Lo mfana wathi noma esezenzile zonke izono, kodwa wangakhohlwa nguyise.
70.Uthando lukayise lwalokhu lukhona enhliziyweni yakhe. Angazi ukuthi lwasala kanjani. Kusho ukuthi inhliziyo kayise yayilokhu ikhala ithi: ‘Nkosi, umntanami wezenjani?’
71.Noma ehlupheka kakhulu esechithe yonke into yakhe, akashongo ukuthi ubaba mubi, ubaba uyahlupha, ubaba wangipha kancane imali, inkomo, imbuzi.
72.Akashongo njalo. Wathi uma esexakekile kakhulu wathi: ‘Ukhona ubaba ekhaya. La manikiniki wonke engiwambathile nokudla kwezingulube engikudlayo okungangifanele ukhona ubaba ngizoya kuye’.
73.Akazange aduke lo mfana. Omunye wayezothi kuhle ngigqekeze noma ngebe, abeke isono phezu kwesinye. Akakwenzanga lokhu!
74.Wahamba wayosebenza ezingulubeni, nakhona lapho abaze bamphatha kahle. Yize kunjalo akaqhubekanga nokwenza okubi, yize ayephatheke kabi.
75.Lo mfana uthi yena: ‘Ngizobuyela kubaba ngithi baba, ngonile kuwe, ngonile kuNkulunkulu’. Baningi abantu lapha uma bethandaza bathi: ‘Nkosi ngithethelele izono zami’ Ungubani wena ongasho njalo? Ubona ngani ukuthi uNkulunkulu uyawuzwa umthandazo wakho?
76.UNkulunkulu uzowuzwa kanjani umthandazo wakho na, ngoba ulimu lwakho lubi, nenhliziyo yakho imbi nezenzo zakho zimbi zifana nezami nje. Umuntu ohlakaniphile uma ethandaza uthi: “Baba, ngonile, nina bakwethu ngonile.
77.Angazi-ke ngoba abanye abantu bacabanga ukuthi oyise ngoba sebafa sebeyizipoki, umoya omubi. Thina asikholwa yilokho lapha eKuphakameni. Sikholwa ukuthi obaba nomama nogogo bakhona nokuthi sibhekwe yibo.
78.Sikholwa ukuthi yibo ekufanele sithandaze kubo bese imithandazo yethu bayidlulise iye kuNkulunkulu.” Amen!
79.Lenkulumo ehlale icashunwa ngamanye amaNazaretha, ayiphelele, kodwa amanye amaNazaretha ahlale icaphuna lesi sigaba sentshumayelo, bese kungavezwa lapho iLanga selibuye liyicacisa lendaba eqondisa lokhu owabe esekushilo.
80.Lokho wakwenza ukuze abantu indaba yakhe isale isidida!
81.Uma iqhubeka iNkosi iLanga ithi: “Kodwa angikhulumi ngoyihlo ababeyizidakwa, benza zonke izinto eziphambene nobuNazaretha. Mina ngikhuluma ngoBaba wami, ngoba uBaba wami wayengcwele! (Esho uMprofethi.)
82.Manje uma ushiya lentshumayelo yeNkosi iLanga njengoba injalo, ungenza izinto eziningi ezizogcina zikudalele enkulu inkinga le.
83.Okokuqala iNkosi iLanga “ends up by qualifying” obese ekushilo, kodwa lokhu osekuchaza muva akusavezwa, lenkulumo isihunyushwa ngokuthi kumele sithandaze sibhekise kubazali bethu, kungakhalekile ukuthi uthandaza ucela kumuntu mhlawumbe osesihogweni, kumbe kumuntu owabe eyisitha sakho noma engu bababa wakho!
84.Kulokhu engikushiyo ngizonika izibonilo ngezinto esengike ngahlangana nazo. Mina ekhaya ngahamba ngina 10 years, sabuyela kwaShembe ngoba uBaba engamphathanga kahle umama.
85.Sesihambile ubaba wavele wakhohlwa yithi, safana nabantwana ongakaze abazale!
86.Kodwa kubantwana bakababa kwaba yimi ngedwa engifunda ngize ngiyophuthula e-University.
87.Kwabuye futhi kwaba yimi ngedwa enginamathela enkolweni, sengikhulile ubaba waziqhenya kakhulu ngami.
88.Kodwa esehambile emhlabeni, ngase ngiba nokuhlupheka okukhulu engangingakwazi ukuthi kuvelaphi.
89.Ngaya kuBaba iNyangayezulu ngobika lokhu kuhlupheka. Wabe uBaba esengibizela eceleni, esethi: “Wabe ekuthanda ubaba wakho?”
90.Ngasho ngeqholo ukuthi uBaba wabe engithanda, ngoba ngangicabanga kanjalo. Yabe isithi iNyangayezulu:
91.“Ubaba wakho wabe engakuthandi, ukuba wayekuthanda ngabe mina ngiyakwazi lokho. Wabe esebuye ekhuluma ukukhuluma okungakuhle ngobaba, kodwa engingazukuku veza lapha.
92.Ithi-ke iNyangayezulu: “Konke lokhu kuhlupheka kwakho kudalwa inhliziyo kababa wakho.
93.Kuzofanele uhlale umnikelela ukuthambisa inhliziyo yakhe, ngoba lenhliziyo yakhe izohlale ikuhlupha ngoba kwakungubaba wakho!”
94.Lo kwakungubaba wami, kodwa ngingazi ukuthi ukufunda kwami nokukholwa kwami kwakungamjabulisi, ngoba izingane zakhe owabe ezithanda azizange zifunde, futhi zingakholwanga.
95.Manje ukuba ngathatha ngokuthi ngubaba ngase ngithi uma ngithandaza ngibhekise kuye, yini eyayizokwenzeka kimi?
96.Ingelosi yayisifundise ukuthi uma sizonikela asoqale sinikele, sisho sisese ndlini yonke into esiyi nikelelayo ukuze kuthi uma sesise nkonzweni singalokhu sichitha isikhathi ngoba kunabantu abaningi.
97.Emva kwenkonzo, sathi sethula umnikelo elatini, kwangena ingelosi, yabe isithi asithathe omunye umnikelo ongu R20 siwubeke eceleni.
98.Sathi uma sikwenza lokho, kulomnikelo kwaqhamuka izwi lenye inkosana ithandaza ibhekise kokhokho bayo, icela izinto eziningi.
99.Khona lapho kwabe sekukhuluma kulomnikelo ikhehla elidala, lathetha, limthethisela lokhu kucela kwakhe.
100.Kodwa okukhulu kwaba ukuthi uma ethi ucela imoto, lelikhehla lathi akaye ehlathini eyofuna izingodo zokwakha isihlibhi egibele sona, ngoba nabo babesebenzisa izihlibhi.
101.Yasibuka ingelosi, yamoyizela, yabe isithi: “Seniyabonake ukuthi kwesinye isikhathi kwenzekani uma nithandaza nibhekisa koyihlo?
102.Lomuntu othethisa lomfana ngukhokho wakhe, kodwa wayengayifuni lendlu, enenhliziyo embi nomona. Konke ukuhlupheka kwalomfana kusuka kulelikhehla ohlale ethandaa noma enikela abhekise kulo.
103.Ukuba lomfana uthe uma ethandaza wabhekisa kuShembe bekungenke kwenzeke konke lokhu.
104.Ninenhlanhla nina ngoba uNkulunkulu waninika umxhumanisi ovela eulwini, noma ngabe nivelelwa yini uyaye mukela imithandazo yenu, anehlisele nezibusiso! Ukubika kuShembe yikhona okuqondile, ngoba uShembe uyisithunywa sasezulwini.” Amen!
105.Noma ngokwejwayelekile kungayiso isono ukuthandaza ubhekise kuyihlo, kodwa kuyingozi, ngoba usuke ungenalo ulwazi lwalomuntu othandaza noma onikela ubhekise kuye!
106.Kuyingozi ukuthandaza ubhekise kumuntu ongenalwazi lokuthi lapho ekhona usezulwini noma usesihogweni; noma nguye yini odinga usizo lwakho?
107.Ithi-ke iNkosi iLanga: “Oyihlomkhulu bakhona, baphilile, abanye bakuNkulunkulu, abanye basejele; ngikholwa ilokho ukuthi abanye baboshiwe.” Manje-ke uzothandaza kanjani kumuntu ongazi noma uboshiwe?
Isihlabelelo 36.
Ngofa ngingenani
Mina ngedwa soni
Ngofela esandleni sakhe
Owathunywa nguwe.
INkosi ibusise enikuzwile.