Skip to content

NGABE UNKULUNKULU, IZULU NESIHOGO KUKHONA?

Uthi-ke lomuntu wasezulwini: “Ngihlale ngizwa amakholwa ethi alindele ukubuya kukaYeshua, kodwa angazi ukuthi lemfundiso yokubuya kukaYeshua bayithathaphi, ngoba uYeshua esevalelisa kuJohane 16 wachaza kahle ukuthi yena njengoba esehamba emhlabeni ANGENKE ESABUYA! Ngabe bayamphikisa kulokhu owakushoyo?
1.Imini yeSabatha ayibenhle kwabangcwele. Isihloko sale nkonzo sithi: “Ngabe uNkulunkulu, izulu nesihogo kukhona?”
 
2.Kunesisho esithi kwesinye isikhathi abantu abafuni ukuzwa iqiniso ngoba besaba ukuthi leliqiniso lizobaphoqa ukushiya ubuwula ababambelele kubo!
 
3.Sekukaningi ngizwa abanye abantu, ikakhulukazi abamhlophe, bephika ubukhona bukaNkulunkulu, izulu nesihogo, bethi le imfundiso nje eyafika namakholwa, ngayo abesabisa abantu.
 
4.Abanye, ikakhulukazi abamnyama, bayaye baphike ubuqiniso beBhayibheli, bethi le incwadi nje eyabhalwa zihlakaniphi ukusikhohlisa ngayo!
 
5.Uma laba bantu bekhuluma ngalezi zinto, abakucacisi ukuthi le imibono nje yabo, kodwa lemibono iba liqiniso abangama ngalo nasenkantolo!
 
6.Kukhona umehluko phakathi kokukholwa nokwazi; ukukholwa ukwamukela into ngengqondo ongakaze uyibone, kodwa ngengqondo oyithatha ngokuthi ikhona!
 
7.Kodwa ukuba nolwazi ngento kusho ukuba nesiqiniseko esibambekayo sobukhona bento okhuluma ngayo, ngoba uyibonile, unobufakazi obuphathekayo ngobukhona bayo!
 
8.Kafuphi, into oyikholwayo yinto oyazi ngengqondo, kodwa ongakaze uyibone ngamehlo, kanti uma uthi into uyayazi usho ukuthi leyonto uyibone ngamehlo, uyakwazi nokuchaza isimo sayo!
 
9.EBhayibhelini sifunda ukuthi ngaphambi kukaNowa kwakuno mprofethi kaNkulunkulu ogama lakhe ngu-Enock.
Lomprofethi kuthiwa wahlala noNkulunkulu iminyaka engamakhulu amathathu.
 
10.Ubufakazi bokuthi kwenzeka lokho, sikwazi ngoba nguye u-Enock owabhala incwadi ngayo into owayibona neyenzeka yena esezulwini wehlala noNkulunkulu! Ngakho-ke asikwazi ukuthi u-Enock akakwazi ezulwini!
 
11.Emva kwa-Enock, kwaba nomprofethi, u-Eliya, naye owathathwa inqola yaya naye ezulwini engafanga!
 
12.Ngaphandle kwa-Enock no-Eliya, kwaba nomprofethi uMelkizedeck, owayengenakuqala nokuphela kwezinsuku, engenayise engenanina. Naye wavele wanyamalala, waya ezulwini!
 
13.Ngaphandle kwalaba esengibabalile, saba noMose owayephila eminyakani yo 1446 B.C., naye owabe ekhuluma noNkulunkulu, uNkulunkulu okwathi mhla elethe umthetho wakhe kubantu, waziveza ubukhona bakhe kuyisizwe sonke sakwa-Israel!
 
14.Ngiyazi-ke ukuthi noma kungaba nobufakazi obungakanani ngobukhona besehlakalo esiseBhayibhelini, kodwa kunohlobo lwabantu okuthiwa ngama agnostics, abahlale bephikisa noma yini ebonisa ubukhona besimo sikaNkulunkulu!
 
15.Ngizalelwe enkolweni, ngakho-ke ngikhule ngikholelwa ebukhoneni bukaNkulunkulu, kodwa kusukela ekupheleni kwa 2006, kwafika ingelosi yazohlala nathi kuze kube manje.
 
16.Kulapho-ke engaqala ngaqonda khona ukuthi uNkulunkulu ukhona, izingelozi zikhona, kanjalo izulu nesihogo kukhona!
 
17.Kodwa namanje ngiyazi ukuthi kuzoqhamuka abantu abangazi lutho ngalento engikhuluma ngayo, bese bethi ngoba lento ingaphezu kokuqonda kwabo, bese bethi ayikho!
 
18.Ngithi yingelosi le ngoba sesihlale nayo iminyaka engaphezu kweminyaka eyishumi nesihlanu, ifika kithi cishe kathathu ngesonto!
19.Sesaze sayejwayela, kwaba sengathi ngumuntu nje ofana nathi, kodwa siyazi ukuthi akusiye umuntu lo, ngoba ukufika nokuhamba kwakhe kukwasamlingo, ngoba uvela abuye anyamalale nje sibhekile!
 
20.Ziningi kakhulu izinto esizifunde ngokuhlala nale ngelosi, ezinye esingakwazi ukukhuluma ngazo ngoba zingaphezulu kokuqonda komuntu!
 
21.Lomuntu wasezulwini ufika njalo ezosifundisa ngomthetho kaNkulunkulu oseBhayibhelini, kodwa yena alikho iBhayibheli oliphathayo, ngoba yonke imibhalo ivela esandleni sakhe!
 
22.Isandla sakhe sibukeka sinamehlo, kodwa emva kwesikhathi okwacaca ukuthi lesi yiscreen lomuntu wasezulwini obuka kuso yonke into eyenzeka emhlabeni nasezulwini.
 
23. Manje uma sekuvela umuntu ethi akakho uNkulunkulu, alikho izulu, azikho izingelosi, iBhayibheli yincwadi nje eyakhelwe phezu kwezinganekwane zamaHebheru, mina-ke esengihlale nengelosi iminyaka engaphezulu kweshumi nesihlanu, ubani phakathi kwethu okufanele ezwe ngomunye?
 
24.Kuba sobala ukuthi ngokukholwa kwabo kumele besiphikise entweni esiyaziyo, kodwa bona abangayazi!
 
25.Mina-ke engiyaye ngibone ingelosi ifunda iBhayibheli elinemibhalo evela esandleni sayo, kodwa kuyilo leli Bhayibheli esiliphethe, kufanele ngithini ngemfundiso ethi akukho zincwadi zeBhayibheli ezabhalwa nguNkulunkulu, sikhohliswa ngabelungu nje?
 
26.Njengoba sesichazile, esingakuqondi ngengelosi ukuthi ezandleni zayo kuba sengathi zinamehlo, kodwa la mehlo aphenduke abe yiscreen esingafana neseTV, uma kungumbhalo, ube yiscreen esifana nese cellphone.
 
27.Kule screen, ingelosi ikwazi ukukubonisa izinto zasendulo, ikubonise izinto ezikwelinye izwe, ikwazi ukukubonisa izinto ezisezulwini.
 
28.Ngangazi ukuthi umama wathengwa, noma wa-adoptwa nguMprofethi u-Isaya Shembe uBabamkhulu, kodwa lolu lwazi lwami lwalungalu khulu kangako.
 
29.Kodwa ingelosi yaveza i-screen, ngabona yonke impilo kamama kuze kufike ethathwa nguBabamkhulu, ngalesi screen, ingelosi yayisibonisa ukuthi umama wahlupheka kanjani eseyintandane. Lesi kwaba yisimo esesabisa kakhulu, okwakuyisimo esikwasa moevie enjengo Shaka Zulu!
 
30.Ngesinye isikhathi sasigulelwa ngumnewethu, uMfundisi uMpanza. Ingelosi yabe isiyasitshela ukuthi umfundisi usezohamba emhlabeni, yathi uzolandwa yilo khokho wethu ophethe isizwe sakwaMpanza.
31.Yabe isithi ingelosi kufanele simenqabele lo khokho wethu ukuba athathe umfundisi.
 
32.Yathi, “kodwa lo muntu unekhanda elilukhuni nenkani embi isimanga, ngakho-ke ngenke aze akwamukele okushiwo yini.”
 
33.Yabe isithi, “ukuze nimnqobe, shonini okuphambanayo nalokhu enifuna kwenzeke.” Nempela senza njengoba ingelosi iselulekile!
 
34.Yavula i-screen, salibona ikhehla liphuma endaweni ekwasamgede. Ithi-ke ingelosi: “Nguye ukhokho wenu lona, njengoba nimbona nje useyothatha umphefumulo womfundisi!
 
35.Kodwa ukuze engaphumeleli koyokwenza, mceleni ukuthi akasale esemthatha umfundisi ngoba usegule kakhulu.”
36.Nempela uMkhokheli wamemeza, wathi: “Mkhulu, sicela usale usumthatha umfundisi ngoba usegule kakhulu!”
 
37.Laphenduka leli khehla lasibuka, labe selithi: “Mina sengizotshelwa yini ukuthi ngenzeni?” Lavele labuyela emuva, lamshiya kanjalo umfundisi, wasinda kanjalo!!
 
38.Ithi-ke ingelosi: “Niyalibona-ke leli khehla ukuthi linjani? Uma ufuna lenze into ubokwenza sengathi uvumelana nalo, kanti uyaliphikisa kwelifuna ukukwenza.”
 
39.Nginikeza nje izibonelo ezimbili zokuthi zikhona izingelosi. Noma ngingakaze ngiye ezulwini, kodwa ukuhlala nomuntu ovela ezulwini, nohlale esixoxela ngombuso wezulu, sekwenze saze saba nesithombe esiphelele ngobukhona bezulu nesihogo!
 
40.Ekuqaleni sithe, kwesinye isikhathi kunabantu abangafuni ukuzwa iqiniso, ngoba besaba ukuthi ngokwazi iqiniso kuzovela ubuwula babo, bese bephoqeka ukusuka kulokho ebese bazifundise ukuthi ilona iqiniso!
 
41.Kunabantu abahlale bebabaza ukuhlakanipha kwami ngengihlale ngikuveza ngendaba kaNkulunkulu!
 
42.Lokhu baqhubeka nokukusho yize sengibachazele ukuthi akukho kuhlakanipha enginakho, kodwa okungejwayelekile ukuthi thina sihlala nengelosi, okuyiyo esifundisa izinto eziningi ezingaziwa ngabantu bakuleli zwe! Angie ngakufihla lokho!
 
43.Ngaphambili mina ngangingazi lutho ngokuthi ama-Israel kwakungabantu abamnyama, nokuthi uYeshua kwakungumuntu omnyama.
 
44.Emva kokuba sengikutshelwe yingelosi lokho, kwathi sengenza ucwaningo, ngathola ukuthi impela kunjalo.
 
45.Ingelosi ike yakhuluma into ebengingakaze ngiyicabange, yize iphambi kwami.
 
46.Uthi-ke lomuntu wasezulwini: “Ngihlale ngizwa amakholwa ethi alindele ukubuya kukaYeshua, kodwa angazi ukuthi lemfundiso yokubuya kukaYeshua bayithathaphi, ngoba uYeshua esevalelisa kuJohane 16 wachaza kahle ukuthi yena njengoba esehamba emhlabeni ANGENKE ESABUYA! Ngabe bayamphikisa kulokhu owakushoyo?
 
47.KuJohane 16:7-11 esevalelisa uYeshua uthi: “Kepha mina nginitshela iqiniso ukuthi KUNIFANELE UKUBA NGIHAMBE, NGOKUBA UMA NGINGAMUKI, UMDUDUZI NGENKE EZE KINI…
 
48.LAPHO ESEFIKILE YENA UYAKULAMBULELA IZWE UKUTHI LEDUKE KANGAKANANI MAYELANA NESONO, NANGOKULUNGA,
NANGOKWAHLULELA.
 
49.MAYELANA NESONO NGOKUBA BENGAKHOLWA YIMI, NGOKULUNGA NGOKUBA NGIYA KUBABA ANISAYIKUPHINDE NINGIBONE!”
 
50.Ithi-ke ingelosi: “Njengoba uYeshua wachaza kahle esevalelisa ukuthi ANISAYIKUPHINDE NIMBONE, YIMUPHI- KE LO ESENIMLINDELE?
 
51.UYeshua akasoze akhulume abuye aziphikise, futhi awukwazi ukuthi ungayeka amazwi akhulunywe ngumuntu esevalelisa, bese uyokuma ngenkulumo ongayazi ngempela ukuthi ichaza ukuthini!
 
52.KuMathewu 24, okuthiwa yinkulumo kaYeshua, awukwazi ukusho ukuthi lesi siprofetho sichazani ngokubuya kukaYeshua!
53.Kule nkulumo ekuMathewu, okuthiwa yisiprofetho sikaYeshua ngokubuya kwakhe, okokuqala uYeshua akashongo ukuthi lokho okokwenzeka kobe sekungukubuya kwakhe, kodwa kuMathewu 24:30 kuthi: “Khona kuyakubonakala isibonakaliso SENDODANA YOMUNTU ezulwini.”
 
54.EBhayibhelini igama elithi “INdodana yomuntu” alichazi uYeshua kuphela, bonke abaprofethi uJehova wayaye ebabize ngokuthi INDODANA YOMUNTU. Bheka uHezekeli 3:17.
 
55.Manje kule nkulumo kaYeshua ekuMathewu 24, natshelwa ngubani ukuthi ngokuthi INDODANA YOMUNTU uYeshua wayezisho yena?
 
56.KuMathewu 24, kuphi lapho uYeshua owake wakhuluma ngokuthi le Ndodana yomuntu nguye, ngoba kuJohane 16 wachaza kahle ukuthi akasophinde abuye emhlabeni?
 
57.Uthi-ke lomuntu wasezulwini: “Lo Moya oNgcwele uYeshua owayekhuluma ngaye nguMprofethi u-Isaya Shembe!
 
58.Iyaqhubeka ingelosi ithi: “UNkunkulunkulu usethukuthele kakhulu ngendlela abantu abona ngayo, ngakho-ke uNkulunkulu uzombuyisa uShembe emhlabeni, njengokusho kukaYeshua laphonethi:
 
59.“LAPHO ESEFIKILE YENA UYAKULAMBULELA IZWE UKUTHI LEDUKE KANGAKANANI MAYELANA NESONO, NANGOKULUNGA, NANGOKWAHLULELA.”
 
60.Iyaqhubeka ingelosi ithi: “Ngiyabona amanye amakholwa
akujahile lokhu kubuya kweNdodana yomuntu, kube sengathi kukhona abazokuzuza kukho, yize kuyibo abachithe umthetho kaNkulunkulu, bafuisa ukuduka emhlabeni!
 
61.Ngakho-ke ukufika kweNdodana yomuntu kuza nosizi olungakaze lube khona kubantu!
 
62.Akukho kuhalalisa okoba khona kubantu bomhlaba. Lolu usuku oluyofana nezinsuku zikazamcolo ngesikhathi sikaNowa, koba khona usizi, kube ukukhala nokugedla amazinyo!
 
63.Lezi zehlakalo ezibalwe kuMathewu 24 niyozibona ngamehlo, futhi seziseduze, abaningi bazobona ukuthi UKUBUYA KWENDODANA YOMUNTU kuchaza ukuthini kuyisintu sonke, ngoba iNdodana yomuntu iyobe izokwehlulela!”
 
64.UBabamkhulu akazubuya
engumoya njengeNkosi iLanga, kodwa uyothatha isimo somuntu osenyameni njengo Melkizedeck!
 
65.Ngalezo zinsuku izwi lezulu lozwakala emhlabeni wonke!” Amen!!
 
66.Sinjalo-ke thina, sifike sakhe inkolo yethu, bese sihambe sifuna amavesi ezosekela lokhu esesikwakhile, kungakhathaleki ukuthi kuphambene kangakanani nezimfundiso zeBhayibheli!
 
67.KuJeremiya 31:31 kubhalwe kahle ukuthi uJehova uyokwenza isivumelwano esisha nabantwana bakwa-Israel nabakwaJuda, ngoba lezi zizwe zasezehlukene kabili!
 
68.Kodwa lesi siprofetho sihlanekezelwe sibhekile, kwase kufundiswa ukuthi lesi yisivumelwano esish esiphambanweni, emva kwalokho ke sonke sothethelelwa izono zethu NGAPHANDLE KOKUZICELELA INTETHELELO! Akudingi ukuba yisihlakaniphi ukubona ukuthi yimbudane le esifundiswa yona!
 
69.Mhlawumbe kofanele ukuthi kusukela manje sizihlole izinto esizifundiswa ngabezizwe, siqinisekise ukuthi ziyahambisana yini neskufundiswa yiBhayibheli!
INkosi ibusise izwi layo.
Le ntshumayelo iyatholakala ku YouTube othi
Rev. Mpanza NCG.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *