Uthi uNkosazana: “Nibohlala njalo nicela umlilo kaJehova, nihlale njalo lelivangeli likaJehova niliphethe ngezandla, ukuze uSathane ehluleke ukuthi eninikeze elakhe.
Inkonzo yesabatha ekuseni mhla ka 17 September 2022: ngu Mkhokheli Nomcebo Mpanza.
ISIHLABELELO 126.
Ukwenanela kweNceku kaJehova uShembe kwelakwazulu eJudia ngomhlaka June 24, 1926.
1 Kuphakama sabela wena
Yamkela nazi izizwe,
Zivela emagumbini omane
Aphansi kwamaZulu.
2 Kuphakama sabela wena
Luzwakele udumo lwakho,
Oluvela emagumbini omane
Aphansi kwamaZulu.
3 Sinanela sithokoza ngakho
Ukungena kwezizwe,
Ezivela emagummbini omane
Aphansi kwamaZulu.
4 Wozanini zizwe nonke
Niyabizwa eKuphakameni,
Nani mazulu halalisani
Ngokuphansi kwamaZulu.
5 Bathi yebo siyahalalisa
Ngokungena kwezizwe,
Ezivela emagumbini omane
Aphansi kwamaZulu.
1.Ngiphinde ngiyikhethe iNkosi enkulu yaseKuphakameni, ngibonge lokho kuthunywa, engathi ukuthunywa kwami nami ngingathembeka kubo abantwana baseKuphakameni.
Isihloko sithi BABUSISIWE ABABALEKELA KUJEHOVA NGOBA UJEHOVA UNGUMNQOBI WAZO ZONKE IZINTO.
Ngiyacela ukuba samukele lamazwi NgamaHubo 86 verse 11-13.
2.“Ngifundise Jehova indlela yakho, ngiyakuhamba eqinisweni lakho, yenza inhliziyo yami iqonde intonye, yesabe igama lakho, ngiyakukubonga Nkosi Nkulunkulu wami, ngenhliziyo yonke yami, ngidumise igama lakho kuze kube phakade, ngokuba umusa wakho mkhulu phezu kwami. Ukhululile umphefumulo wami endaweni yabafileyo ephansi. Amein.
3.Sinenkonzo namuhla yokuzila ukudla. Sizoya lapha ku-Ezra 8 verse 21-23.
Isihlabelelo 126.
5 Bathi yebo siyahalalisa
Ngokungena kwezizwe,
Ezivela emagumbini omane
Aphansi kwamaZulu.
4.“Ngase ngimemezela khona ukuzila ukudla ngasemfuleni I-Ahava, ukuba sizithobe phambi kukaNkulunkulu, sizifunele kuye indlela emhlophe, thina nabantwana bethu, nemfuyo yethu yonke.
5.Ngokuba nganginamahloni ukucela eNkosini impi nabamahashi ukuba basisize ezitheni zasendleleni, ngoba sasikhulumile eNkosini sathi, isandla sikaNkulunkulu wethu siphezu kwabo bonke abamfunayo, ukuba kube kuhle, kepha amandla akhe nentukuthelo yakhe, kuphezu kwabo bonke abamshiyayo. Sase sizilake, sanxusa kuNkulunkulu wethu, ngalokho wasizwa.”
6.Bantwana baseKuphakameni, ngamazwi engimukela ngawo inkonzo, ngamazwi engiwaphathisiwe. Abantu kufuneka yonke into abayenzayo baphinde bayithole futhi lapha eBhayibhelini. Lokhu kuzila kwethu kusemthethweni, uma ukhala kuJehova,. Sizwile bantwana baseKuphakameni nakhona lapha kumahubo ukuthi uNkulunkulu uyakuba kithi uma sifuna nathi ukuba kuye.
7.Sisenkonzweni bantwana baseKuphakameni yosizi, lapho sizihlalele sithi kuhle konke, kodwa bese kufika isithunywa sezulu, sithi tshelani abantu ukuthi nansi impi ihloma ihlasela kubantwana bakaNkulunkulu. Kubenjalo bangcwele. Nathi besithi kuleliviki kuzoba inkonzo nje ekhululekile, ngoba besinayo enye inkonzo ecishe ifane nalena evikini eliphelile.
8.Kodwa uma efika uthi: “Celani kuNkulunkulu, khalani kuJehova ukuba anqobe inkolo kaSathane, okuyona ekhiqiza ubugebengu, ekhiqiza notshwala nensangu, nezidakamizwa zonke, nobungqingili, nobungoma, nokweba nokuvukela abazali, nokuvukela uNkulunkulu.”
9.Wathi khalani kuJehova ngezingane ezihamba zingamakholwa ziye ezikoleni zibuye izingane zingesesiwo amakholwa, sezimelana nabazali sezingasafuni ukulalela ngoba sezifike zathola lelivangeli, litshalwe kakhulu ezikoleni, ukuthi abantwana bathi befunda isingisi nemisebenzi, kodwa babe nayo le nkolo beyifunda.
10.Uthi: “Khalani kuJehova ukuthi izingane zenu uma ziya laphana zingayithathi le nkolo yobungqingili, zingayithathi le nkolo yezidakamizwa ezigcina izingane ziphelela ejele. Lezi zidakamizwa zitshela umuntu ukuthi konke zingakunqoba noma yini, akekho umuntu omkhulu. Lezi zidakamizwa zenza umuntu abe nesibindi sokwenza into embi.
11.Uthi-ke uNkosazana: “Lelivangeli likaSathane liyakhula, uthi linamandla kakhulu, uthi ngibona abantu abasebenzela uNkulunkulu bengamavila, bengafuni ukusebenza, kodwa bathi inkonzo bayoyithola ngosuku lweSabatha lapho kuhlangene khona abantu bebaningi, abafuni ukusebenzela uNkulunkulu.
12.Uthi: “Ivangeli likaNkulunkulu hambani niliphethe ngezandla, njengoSathane amalunga akhe ahamba eliphethe ngezandla ivangeli lakhe, lapho ahamba khona, alithola ngisho kumaselula, alithola ngisho kuphi, aliswelakali noma ngabe bakuphi lapho kuphithizela abantu, lapho kukhulunywa khona ngoNkulunkulu, lelivangeli lisuke likhona liphathiswe amalunga alo ukuthi liphikisane nalelivangeli likaNkulunkulu.
13.Wathi: “Zilani ukudla, zilani nikhale kuJehova, “Lezi zincwadi akuzona izincwadi engizifunile ngazithola, kodwa ngizinikiwe nguye, wathi ubanike abantwana beNkosi babone ukuthi lezi zimpi ezikhona manje, nasemandulo zazikhona. Kodwa kufanele ukuthi bese niyafunda ukuthi ababekhona ngaleso sikhathi bazinqoba kanjani lezi zimpi, impendulo ithi bazinqoba ngoJehova.”
14.Uthi-ke lomuntu wasezulwini: “Nani benizoba isiqalo kulelibandla elafika noMprofethi u-Isaya Shembe, (ukuthula kube kuye.) ethunywe uJehova ukuthi akazolivuselela, wathi benizoba isiqalo sokuthi nani nibe ibandla elakhala kuJehova, lafuna amandla kuye, laba njengeNkosi uDavide, niphinde nibe njengaye, njengoba ethi kwenye indawo: “Lapho izitha sezimuhaqile, uhlehlela kuJehova, uthi Nkosi yamakhosi, uthi ngiyacela Baba, ukuthi ungiphe amandla okunqoba lezizitha, wathi, Nkosi uma ngizinqobile, uthi ngiyoqamba izihlabelelo, ngihlabelele ngawe phakathi kwezizwe zonke, ngoba wena uyobe ungikhuphulile esigodini sethunzi lokufa lapho kade sengiyogqitshwa khona izitha zami.
15.Namhlanjena-ke sinalelovangeli likaDavide owayethi uma ngabe esehluphekile, noma impi seyimkakile, ebese ebalekela kuJehova, ebese uyakhumbula ukuthi ukhona onamandla angaphezu kwawo wonke amandla, ebese ebalekela kuye!
16.Njengoba sikhishiwe emathembeni ayize ebekade sithembana kuwo, sasuswa, sabuyiselwa kuJehova ukuthi uJehova muhle ngezikhathi zonke, ngoba yena uma ummemeza uyeza akusindise, uma uyendlala inhliziyo yakho emikhondweni yezimemezelo zezwi lakhe!
17.Kusho uThembekile, kusho uThumekile ezosikhipha, esikhipha emavungwini lapho esasishuthekwe khona uSathane, ezosibuyisela ebuhleni esasinabo, uNkulunkulu esithandile, wasikhetha saba isizwe sakhe, saba nguJuda, saba isizwe sikaNkulunkulu, wasithanda ngisho siboshiwe, sisemakhamandela, kodwa wasondela ngoba sasivele siyisizwe sakhe!
18.Namhlanjena siyilabo bantwana sibuyela kuJehova, sithembela kuye njengoba bekunjalo, sizokhala kuJehova ukuthi akasilekelele empini kaSathane elwa nathi nabantwana bethu. Yasho njalo le Ngelosi, yathi nicele kuNkulunkulu waseKuphakameni uma ngabe senivumile ukubuyela kuye, uyakunizwa uma ngabe nivumile ukubuyela kuye, njengoba uShembe eshilo wathi kukho konke ukuhlupheka kwenu memezani uJehova.
19.Washo njalo bangcwele, wathi ningamkhohlwa uSathane. Wathi ngelinye ilanga uSathane uyaba ngumntwana wakho, nenkosikazi iyajabula ithokoze ithi ngizozala umntwana, mhlambe oyokhula angenzele izinto ezinhle, kanti uSathane wabathe uyameshela wabona ukuthi akaqomi, akavumi ukumukela ivangeli lakhe, wayesegijima ezovundla esizalweni sakhe, esezonzenza umntwana, uyomthola uhelwe njengezingane zamakhosikazi onke, kodwa uyakumkhulisa umncelise, uthi wena uncela kuwe kanti akanceli, ukhona unina, ukhona uyise, uSathane ushayile uphawu kuye, uyamazi uyise ukuthi ngubani, noma ungakhomba indoda oyiganile, ngoba kufanele ukuthi uyikhombe!
20.Nobabili niyojabula nithi nithole indodana noma nithole intombi. Kodwa uma senikhulisile, le ngane iyokhula, le ngane ingene ebunsizweni, ithi uma isingene ebunsizweni ebese ziyaqhamuka izimpawu ukuthi yona ayisiye eyalapha ekhaya futhi ayisiyona ingane kaNkulunkulu.
21.Ebese iyasebenza ngoba ingamandla kaSathane, beseke iyalwa, iyalwa le ngane, uthi wena bakuloyile, ugijime uye kubantu, bafike bakutshele ngenhlambuluko engabanga khona ekuhambeni koyisemkhulu. Niyakuhlaba, nize nihlabe, kodwa ingapheli inkinga, ngoba akusiye umuntu lona, akusiye umuntu lo mntwana, kodwa uSathane wabona ukuthi uyamehlula, wase egijima eyovundla okhalweni lwakho.
22.Yakhulelwa inkosikazi yakho, wathi ikhulelwe insizwa, kanti ikhulelwe uSathane, uyomelana nawe, uma unenhlanhla uyokwazi ukubaleka, kodwa uma ungenayo inhlanhla uyokubulala. Maningi amathuna abanumzane ababulawe bagwazwa amadodana awo, namakhosikazi aphansi kwenhlabathi abulewe ngamadodana awo.
23.Wancelisa uSathane evundle okhalweni lwakho, wehelwa uthi uthola umntwana, kanti kusenguye lona owawuphikisana naye uthi ngeke ngilahle uNkulunkulu ngithathe wena. Uma ngabe esengumntwana wakho umzwela ubuhlungu, ngeke ukwenze okubi kuye, uyolokhu umbhambatha uthi wena umtanakho, kanti ubhambatha indoda yokuhamba, ubhambatha indoda eyaxoshwa ezulwini, ubambhatha indoda eyathatha isinqumo sokuthi izenze umntwana wakho ngoba ikubona ukuthi uyayehlula uma ngabe ikuhlukumeza.
24.Ithi-ke ingelosi, kuba njaloke, nicele kuNkulunkulu ukuthi ngaso sonke isikhathi nicele ngisho abantwana eniyobazala, nicele abantwana enizobaphiwa uNkulunkulu, ngoba ngisho uSathane uyalwa. Ivangeli agadla ngalo kubantwnaa, ugadla ngevangeli locansi, kuphi nakuphi la ahamba khona abahlukani namafoni ngoba uSathane ivangeli lakhe lihlala lisezandleni zalabo okufanele ukuthi balijoyine.
25.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni, lithi-ke izwi asizokhala kuNkulunkulu, lapho okwakukhala khona amakhosi asendulo lawo ayethembela kuJehova ngoba azi ukuthi uJehova unamandla angafaniswa nalutho. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni sithola umvuzo omkhulu ngokubalekela kuJehova. Uthi umuntu wasezulwini uSathane uhamba nawe, uthi uhamba nomuntu, kanti awusahambi nomuntu, ukonela ngisho emsebenzini, akubhalele ngisho izinto ongazibhalile, noma sebekukhombisa usibona isandla ukuthi ngesakho, kodwa uzibuze ukuthi ngibhale nini lapha, ngoba ngiyazi ukuthi angikaze ngiyibhale lento, kodwa uSathane usebhalile, ubhale lapha phansi kwegama lakho, ukuphelele umsebenzi ngoba useduze kwakho.
26.Uthi uNkoisazana: “Nibohlala njalo nicela umlilo kaJehova, nihlale njalo lelivangeli likaJehova niliphethe ngezandla, ukuze uSathane ehluleke ukuthi eninikeze elakhe. Lelivangeli alibe kini noma nisemsebenzini noma nikuphi, lelivangeli elibe kini, noma kungelona iSabatha, kufanele wonke umuntu, noma ngabe usebenza engadini yakhe, noma ngabe usebenzaphi noma ngabe usemsebenzini, kodwa ahlabelele ngalelivangeli, ngoba uMoya kaJehova uyokwehla, ngoba uma uhlabelela ngoJehova usuke umbiza, uthi akabe seduze kwakho, uyakufika abe seduze kwakho!
27.Uthi kukhona abantu abaye bazidele, bagcine sebengasaceli lutho kuNkulunkulu, bethi ayikho into engingaba ngisayicela, sengemukela sona isimo, ethi ‘mina angisayimuntu oyophinda alungelwe yinto.’ Uthi. ‘kanti khona lapho ekuhluphekeni kwakho, lapho uSathane esehlekisile ngawe phambi komhlaba wonke, kodwa mhla efika owadala izulu nomhlaba, kuyakufika ukukhanya okungakaze kuvele kuwe, kukhanye, kumxhophe omubi, abaleke, abalekele ukukhanya kukaJehova, bese izinto zakho ziyaqoqwa, ziyasuswa lapho ezazikade zikhona, bese beyaphucwa abazithathile, ziyabuya kuwe, ngoba uJehova uwukukhanya kwabo bonke abantu abathembela kuye.
28.Ngithike bantwana baseKuphakameni, uthi lomuntu wasezulwini: “Nabantwana bethu sibafundise, sibafundise ukuthi lelivangeli bahlale belifumbethe nomaphi. Ngenye imini ingelosi yake yakhuluma isimangaliso, yathi ziningi izindlela uma ungumntwana kaNkulunkulu, uma ngabe uzazi izindlela zoMkhululi wakho. Wathi kuningi ongabona ngakho, wathi abantu ukuthi izinto azihambi kahle, babala ukuthi emsebenzini akuhambi kahle, nasempilweni egazini akuhambi kahle.
29.Uthi: “Kodwa ababe besazibuka izinto ezenzakalayo eceleni, uma uNkulunkulu esesukile kuwe, uma uyintombi yomNazaretha, uyothi noma uhamba emgwaqeni, uhambe nabasezulwini, uhambe nezintombi ezenza kahle, zihamba phambi kwakho, ngoba seziyizingelosi. Ayikho insizwa yasemhlabeni eyokuma phambi kwakho, ishele, ngoba wena ugcinelwe ukuthi ugane umuntu okholiwe. Ulungele ukuthi ugane umuntu owazi uJehova, ngoba wena ungumntwana kaNkulunkulu, wena uyimbali kaThixo, wena unomzimba ohlanzekile, wena kuwe ziyasondela izingelosi zikuthinte, ngoba awunakho ukungcola, unomzimba ohlanzekile.
30.Uthi: “Noma ngabe insizwa ingeza igijima ngoba abantu abangamaNazaretha babahle, kodwa iyothi uma ifika kuwe, bese ibuza ukuthi ungowakwabani, uthi uma usho, ebese ifuna ukwazi ukuthi ukhonzaphi, ebese uyasho, iyobe isiyaflathela ibonge ihambe, ngeke isakusho lokhu ebekade ithi izokusho ebikuthunywe uSathane. Kodwa uma intombi isibalekelwe uNkulunkulu, kusuka yonke imfucuza izokuma phambi kwayo, ngoba uNkulunkulu, ubungcwele bukaJehova, busukile kuyo iNkosazana.
31.Waphinde wathi: “Nenkosikazi yakulelibandla eziphethe kahle engoni lutho umzimba wayo, iyothi uma ihamba emgwaqeni, iyothi noma kuqhamuka insizwa iza kuyo, ifike ikhulume ngothando lalapha emhlabeni. Inkosikazi yalapha kulelibandla, ngoba umuntu akusiyona into ongavika ngayo, kodwa into ekuvikeka ngayo uNkulunkulu.
32.Uyothi uma ngabe kade esethi uzokonisa, uyofike abuze ukuthi ungowakwabani, usho, wagana kabani, usho, ukhonzaphi usho, athi hhawu ngikubonile ukuthi uliNazaretha, uyogcina ebika izinkinga zakhe ezimhluphile, ebese uyasho ukuthi hhayi ubofika ngeSabatha uzobika eNkosini yaaseKuphakameni, kodwa ize le nsizwa izoshela, kodwa ingelosi ka-14 yama phambi kwakho, ngoba awungcolile, ayisabi ukuthi ime phambi kwakho, ngoba awungcolile, kodwa uma usuncolile, akukho okungezi kuwe, ngoba awusenakho ubungcwele, awusenakho ukukhanya kukaJehova, usungumuntu oshelekayo, usungumuntu kaSathane, usulindele ukukhetha, ukuthi imuphi omkhethayo kulaba abakushelile, awulindele ukuthi uNkulunkulu akunqobele!
33.Vele uSathane utshale ivangeli enhliziywe yakho ukuthi ufanele ukuthi ube nomunye umuntu owaziwa inhliziyo yakho. Wabaleka uNkulunkulu eduze kwakho, engabaleki ngoba engeyilutho, kodwa ebalekela ukungcola kwakho!
34.Ngithike bantwana baseKuphakameni ngikhuluma ngalezizimfundiso ezingezintsha kubantu abadala belapha. Ingelosi yakhuluma yathi kunje nensizwa uma isibalekelwe ubungcwele nengelosi ka-23 ibonakala ngokuthi kusuke zonke iziyabhuyabhana zize kuyo. Wathi bogijima, bayoyeka bonke abantu bagijimele yona, bethi waze wamuhle nsizwa, bese iyajabula, ijabulele ukuthi yinhle, ijabulele ukumenywa nguSathane, igcine seyiqonywa ngoba ijabulile uma bethi yinhle ingaboni ukuthi lobu buhle akusibo ubuhle, kodwa ububi kuyo! Bese buyaphela ubungcwele, zibaleke izingelosi ebezibekwe eduze kwayo ukuthi ziyibheke. Bese kuthi uma isihluphekile insizwa, yehlelwe ukuhlupheka okwesabekayo, yehlelwa nawukugula, uma seyithi iyonikela, noma ingakhipha umnikelo ongakanani, kodwa lezi zingelosi ezabaleka lapha, zibalekela ukuqonywa kwakhe, ziyakuma eduze kwembenge zithi: “Nkosi ungamniki lona, akakufanele ukuthola isibusiso bese isho ithi: ngalokhu, nanakhu, nanakhu!
35.Ithi-ke ingelosi: “Umuntu ucetshwa ingelosi yakhe ayinikwa, iyo emicebayo, eyazi umsebenzi wakhe wemihla ngemihla yonke yokuphila kwakhe, iyo ema phambi kukaNkulunkulu, ethi “ungamuniki lona, lona akalungile, akakufanele ukuthola isibusiso!’ Ithi-ke bantwana baseKuphakameni, izwi lithi: “Namhla asabuyele kuJehova thina nabantwana bethu. sizokhala kuNkulunkulu, sizocela ukuthi asisindise!
36.Ngibuyela laphana kubaphathiswa esiphathiswe nabo umsebenzi kaNkulunkulu. Ithi-ke ingelosi ayisiboni ukuthi senzani ngokugcotshwa kwethu, ngoba inkolo yethu ingeSabatha, asikwazi ukuthi sisize abantu abahluphekile, abangazi ukuthi bazokwenzanjani, angisho abahlupheke ngokudla. Abahluphekile abagulayo, nabantu abomele izwi, kodwa abangazi ukuthi bazolithola kuphi.
37.Ithi-ke ingelosi abantu abaphathisiwe umsebenzi kaNkulunkulu, ivangeli kufanele behlale beliphethe njengoba amaKrestu ehlale ephethe ibhayibheli, kodwa engaliphethe ivangeli likaNkulunkulu. Uma kuyisonto, umuntu oyisisebenzi sikaNkulunkulu, akanayo i-off, namhla sihlangene sonke iSabatha, kodwa kusasa sizobe sihleli emzini yethu, asikwazi ukuya emzini yabantu siyothandaza. Asikwazi ukushumayela, ukuphuma siyoshumayeza abantu, kodwa sifuna ukuzoshumayeza abantu asebeshumayezekile, abantu asebevele beqoqekile!
38.Angeke ushumayeze umuntu osendlini uyeke umuntu ophandle, onethwa izulu, oshiswa ilanga, kodwa siyobusiswa ngoba siqoqe abantu abomele lemithombo, njengoba evikini eliphelile bengikhuluma kuJohane 7 ngithi mhlawumbe 39 ivesi lapho bekukhunywa khona ukuthi abakholwa kimi, abayophuza lamanzi kubo kuyogobhoza umthombo. Noma sifunda siyezwa ukuthi abaphostoli babehamba, asizwa ukuthi babehleli, abazange babe naso nesikhathi sokuganwa, ngoba babesebenzela uNkulunkulu. Kusasa isonto, akekho umuntu ophumayo ayokhuluma indaba kaNKulunkulu, sonke sifuna ukuzokhuluma la, sifuna ukuzolungisa abalungisiwe, asifuni ukuyongena emenweni, ehlathini elinezingonyama, siyodonsa abantu abathunjiwe khona!
39.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni usho njalo lo muntu wasezulwini, uthi baningi abantu abomile kodwa abangazi ukuthi bengawuthathaphi lomthombo, abanye bathunjiwe! Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni, uthi umuntu wasezulwini, lelibandla linqotshelwe izinto ezinkulu, linqotshelwe ukufa, ngesikhathi abantu bewa ngapha nangapha, kodwa uNkulunkulu walinqobela ukufa, ngoba libandla lakhe, liyisizwe sakhe!
40.Uthi kufanele ngenye imini nibe nomkhosi wokubonga, uthi lomkhosi bekufanele wenziwe ngamabandla wonke ukube abantu bebekholwa ukuthi bayisizwe sika Israel, sikaJehova! Ukube abantu bayazi ukuthi bayisizwe sikaNkulunkulu, lesi esakhishwa ebugqilini. Uthi bekufanele ukuthi ukukhishwa kwethu ebugqilini, nakho siba nomkhosi wokubonga uJehova ukuthi uJehova wasithanda wasipha ukudla lapho silambe khona, wasipha amanzi lapho some khona, wasinikeza ilanga lapho kumakhaza khona, wasinikeza umthunzi lapho kushisa khona, kodwa asikwenzi lokho!
41.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni ingelosi iyaqinisa ithi lelibandla lakhiwe ngentando kaJehova, akusenakubuye liphele, liyakuba ibandla likaJehova kuze kube phakade, kuze kubhubhe umhlaba! Uthi kufaneleke amaqhawe, abantu uma beziqhenya ngobunjinga, thina siziqhenye ngoJehova! Uthi uma ngabe siyakuhamba ngezimiso zakhe, siyakumbona ngamehlo uJehova, ngoba uyakwehla aze esizweni sakhe, ajabule ebona abantu abamgcinele ubungcwele!
42.Ngithike bantwana baseKuphakameni usho njalo, uthi ukukholwa sihlale sikuphethe nasemzini yethu. Nabantwana bethu sibafundise noma behamba ekuseni beya esikoleni, sibafundise ukuthi noma ungeke uqongoloze mntanami, uhlabelele ngenhliziyo.
43.Sengigcina bantwana baseKuphakameni, ngiyafisa ukuhalalisa phambi kukaNkulunkulu, ukuthi kuNkulunkulu. kubo bonke abantu abakhalile, bacela ukuthi sibacelele kuJehova, ngibone uJehova ephendula, ngabona uNkulunkulu ephendula ubugqili babo baba ubukhosi, labo akade sebeyizigqila emsebenzini.
Isihlabelelo 246.
Ubungcwele buqala lapha.
Ubungcwele buqala lapha.
Khona lapha emhlabeni.
Ukukholwa kwami kuyangisebnzela
Ukukholwa kwami kuyangisebenzela
Yikho lokhu ngiphumelela.
44.Bangcwele kuyangisebenzela ukukholwa kwami, ngiphumelele lapha ekungafanele khona ngiphumelele, ngiphumelela ngamandla kaJehova. Njengoba isihloko sithena BABUSISIWE ABABELEKELE KUJEHOVA NGOBA UJEHOVA UNGUMNQOBI WEZINTO ZONKE.
INKOSI IBUSISE ENIKUZWILE.