Ubuqili obenziwa ngabezizwe ukuthatha impilo kaYeshua ongumJuda, bakhe ngayo umsindisi wabo, bese besikhonzisa unkulunkulu owakhiwe yibo!
Lobu buqili obenziwa ngabezizwe esizweni sakithi sekuyisikhathi sokuba kuvezwe obala!
1.Imini yeSabatha ayibenhle kwabangcwele. Isihloko sanamuhla sithi EMHLABENI USHEMBE WAYELETHE IZWI LEZULU.
2.Ngokulokhu siveza izimangaliso zikaShembe; asiqondile ukuphakamisa igama lakhe, kodwa siphakamisa igama likaJehova ngoShembe, sivuselela inkolo kaJehova ngoShembe!
3.Kungani kumele inkolo kaJehova siyivuselele ngoShembe?
4.Emva kokuchithwa kwenkolo kaJehova ngabezizwe, uJehova wathuma uShembe emhlabeni ukuzoyivusa, kodwa abamhlophe naye uShembe bamchitha, njengoba bachitha uYeshua!
5.Njengesizwe, kumele sazi ukuthi umlando wethu awukwazi ukusahlukanisa nenkolo yethu, ngoba siyisizwe esakhethwa nguJehova ukuba sibe ngabantwana bakhe.
6.Emva kokufika kwalenkolo kaJehova kuMose entabeni yaseSnayi, uJehova wathumela abaprofethi abaningi ngezikhathi ezahlukene ukuba bahlale beyivuselela lenkolo yakhe!
7.Kodwa okhokho bethu bamhlubuka uNkulunkulu, kwase kuthi ngo 70 A.D. sanqotshwa isizwe samaRoma!
8.Sesinqotshiwe, abezizwe bamchitha uJehova uNkulunkulu wethu, bachitha negama lika Yeshua onguMprofethi wokugcina esizweni sikaNkulunkulu!
9.Njengoba sihlale sisho, uShembe unguMprofethi wokuqala othunywe nguJehova ukuzovusa lenkolo emuva kokuqedwa kwayo ngabezizwe!!
10.Njengoba ngike ngachaza enkonzweni edlule, isizwe esimhlophe naye uShembe saqeda ngaye, wagcina engaziwa esizweni sakhe ukuthi wayenguMprofethi kaJehova!
11.Yikho-ke ngithi kulezintshumayelo asiqondile ukuphakamisa igama likaShembe, kodwa sivuselela inkolo kaJehova ngoShembe, ngoba nguyena owathunywa nguJehova emva kwaYeshua ukuvusa lenkolo kaMenzi wezulu nomhlaba!
12.Noma amaNazaretha onke efana ngomNazaretha, okuyingubo yebandla, kodwa ehlukene ngokwezimfundiso zokukholwa!
13.Izimfundiso zokukholwa kumaNazaretha kaNkulunkulu azifani nezamaNazaretha akwaShembe, okusho amaNazaretha anobuholi benzalo yakwaShembe.
14.Ubuholi bebandla lamaNazaretha kaNkulunkulu bavela ezulwini, yikho singamaNazaretha kaNkulunkulu!
15.Kwakungu Msombuluko ekuseni, mhla ka 4 January 2010, mhla ingelosi ilethe umyalezo wasezulwin kithi!
16.Yazisholo ngomlomo wayo ukuthi ithunywe nguShembe, uBaba iLanga, ukuthi ayingitshele ngiphume ebandleni lakwaShembe, bese ngimakhela IBANDLA LIKAJEHOVA!
17.Kuleli bandla ngithunywe ukuvuselela umthetho kaJehova owafika noMose, njengokubhala kukaShembe kuvesi 3 womthandazo wesabatha!
18.Le ngelosi ayigcinanga ngokuletha umyalezo kaShembe kithi, kodwa kusukela ngaleso sikhathi kuze kube namuhla, iyona esifundisa sonke isimo senkolo kaJehova!
19.Yasikhumbuza ukuthi kusukela kuMose kuze kufike kuYeshua, bonke abaprofethi babefundisa ngokugcinwa komthetho kaJehova!
20.Yabuya yasikhumbuza ukuthi abezizwe sebeyiqedile inkolo kaJehova, nguShembe ofike wayivuselela lenkolo yasezulwini!
21.Isizwe sakithi-ke asazi lutho ngoYeshua, kanjalo nangoShembe!
22.Abezizwe baqhamuka nomsindisi wabo, kodwa ongaziwa ezulwini!
23.Encwadini yakhe ethi COME OUT OF HER MY PEOPLE, uDr Koster wakuchaza kahle ukuthi yavela kanjani indaba yomsindisi wabezizwe.
24. Uthi: “Abezizwe babewazonda amaJuda, (uYeshua owayeyilo,) bemzonda noNkulunkulu wethu, okunguJehova, kodwa bemdinga umsindisi!
25.Ngakho ke base bezakhela umsindisi wabo omhlophe ongumGriki, sebethi sekunguye umsindisi othatha indawo kaYeshua, ongumHebheru!”
26.Kodwa lomsindisi owakhiwa ngabezizwe akahlanganise lutho noJehova!
27.Ubuqili obenziwa ngabezizwe ukuthatha impilo kaYeshua ongumJuda, bakhe ngayo umsindisi wabo, bese besikhonzisa unkulunkulu owakhiwe yibo!
28.Lobu buqili obenziwa ngabezizwe esizweni sakithi sekuyisikhathi sokuba kuvezwe obala!
29.Yikhona-ke kubalulekile ukuthi ngaphambi kokuthi sazi ukuthi sifundisweni ngokugcinwa komthetho kaJehova,
kumele sazi ngoYeshua owayengumJuda, nangoShembe ongumZulu!
30.Imfundiso kaYeshua ithi songena ezulwini ngokugcina umthetho kaMose!
31.NoShembe ufike wavuselela izimfundiso zikaYeshua ngokugcinwa komthetho kaJehova njengokusho kukaYeshua kuMathewu 5.19.
32.Kubalulekile futhi ukuthi sikuchaze ukuthi thina, njengamaNazaretha kaNkuluinkulu, sithunywe ukuba siqondise inkolo kaJehova eyachithwa ngabezizwe emhlabeni.
33. Kanjalo futhi, sithunywe nokuqondisa inkolo kaJehova esichithwa ngamanye amaNazaretha egameni lokuthi bona sebenomunye unkulunkulu ngaphandle kwaJehova!
34.Kuyinto engafihlekile ukuthi amanye amaNazaretha, ngaphandle kokuchitha imithetho kaJehova eminingi esiyifundiswe nguMprofethi, baziqhakambise ngokuhlambalaza uJehova ngokubiza abaholi babo ngonkulunkulu!
35.Ukubiza umuntu ngoNkulunkulu kungukuhlambalaza igama likaJehova!
36.Ngakhoke kungumsebenzi wethu ukukuchaza ukuthi leyonhlamba esuke ibhekiswe kuJehova ngamanye amaNazaretha, thina kulelibandla likaMenzi wezulu nomhlaba siyaziqhelelanisa nayo!
37.UJehova wakwenza kwaba umthetho wokuqala emthethweni elishumi ukuthi ungabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwakhe!
38.Ku-Isaya 43:10-11, uJehova wakuchaza ukuthi akakho uNkulunkulu owake waba khona, noyoba khona, ngaphandle kwakhe!
39.Kuyi-Zenzo 12:21-23, abantu babiza uHerode ngokuthi nguNkulunkulu, ingelosi kaJehova yamshaya wafa, wabola ngaso leso sikhathi!
40.Lithi-ke iBhayibheli lokho ingelosi yakwenza ngoba uHerode ethathe udumo lukaJehova wazinika lona!
41.Uma-ke kulicala elibi kangaka ukubiza umuntu ngokuthi ungunkulunkulu, leso sono asibalwa kanjani kumuntu othi unguNkulunkulu ebandleni likaMenzi wezulu nomhlaba, engesiye noMprofethi?
42.Lapha sizoveza izimangaliso ezazenziwa nguMprofethi ekusindiseni abantu, kodwa ngaso sonke isikhathi owayechaza ukuthi azenziwa nguye, kodwa zenziwa nguJehova!
43.UShembe wakuchaza kuzo zonke izintshumayelo, imithandazo nakumahubo akhe ukuthi nguJehova kuphela onguMsindisi, nokuthi yena uyinceku kaJehova!
44.Enkonzweni edlule ngakhuluma ngesimangaliso sikaShembe ephilisa umntwana owayesefile.
45.Kodwa ngaphambi kwalokho, nanka amazwi akhulunywa nguShembe: “NKOSI FUKAMELA UMPHEFUMULO WALO MNTWANA NJENGOBA UFUKAMELE UMUZI WASEKUPHAKAMENI!” Amen!
46.Ngaphambi kokuphilisa lo mntwana, uShembe wacela amandla kuNkulunkulu!
47.Noma uShembe wayenza simangaliso sini, kodwa ngaso sonke isikhathi wayebakhumbuza abantu ukuthi lokhu akwenzayo, kwenzeka ngamandla kaNkulunkulu, yena uyinceku kaJehova!
48.Sizwa uPhillip Ngubane kobunye ubufakazi ethi: “Emveni kwalokho wasibiza uShembe, wathi: “INGELOSI EHAMBA NATHI ISITSHELILE UKUTHI UJEHOVA UTHE NGINGAYI BHABHADISI LE NTOMBAZANE.’
49.Ku Volume1, page1 wencwadi kaMnyandu ethi: IZINDABA ZIKASHEMBE, sizwa uShembe efakaza ethi: “Kwafika indoda nenkosikazi bezongibikela ukuthi ababatholi abantwana.
50.Njalo ezinyangeni eziyisithupha lo nkosikazi ekhulelwe kuqhamuka imamba iyihlasele, bese kuphuphuma isisu.
51.Uthi-ke uMprofethi: “NGABE SENGIBUZA KUNKULUNKULU UKUTHI LENYOKA IHLANGANAPHI NOKUFA KWALABA BANTWANA BALO MFAZI?”
52.UNKULUNKULU WASE UYANGIPHENDULA, wathi: “Le ndoda yafuna umuthi wentando ukuze iqonywe yile nkosikazi iseyintombi.
53.Inyanga yabe isithi akabulale imamba bese ethatha amafutha ayo ewaletha kuyo.
54.Nempela wakwenza lokho, imamba wayibulala, wathatha amafutha ayo wawasa kule nyanga, yabe isiyenza umuthi wentando.
55.Uthi-ke uShembe: “UNkulunkulu wabe useyangichazela ukuthi le mamba ehlasela lo mama nebulala abantwana bakhe, ilo muthi wentando lo makoti owawufakwa indoda yakhe. ”Amen!
56.Engiqonde ukukusho ukuthi uShembe wazisholo yena ukuthi okushoyo nokwenzayo ukuthatha engelosini noma kuNkunkulunkulu ngqo!
57.UShembe, njengoYeshua kuMathewu 28:18, uphiwe amandla onke nguNkulunkulu ukuba enze noma yini ezulwini nasemhlabeni.
58.Kodwa ukuphiwa amandla, okuyi delegation, akuchazi ukuthi lawo mandla ehliselwe kuwe aphenduka enze wena ube nguNkulunkulu, NGOBA UNKULUNKULU WETHU MUNYE!
59.Sifundiswe nguye uJehova ukuthi akakho omunye uNkulunkulu ngaphandle kwakhe, safundiswa ngabaprofethi bonke, kuhlanganisa nomprofethi u-Isaya Shembe (ukuthula kube kuye), ukuthi sinoNkulunkulu oyedwa, okunguJehova!
60.Ngakho-ke umuntu osifundisa ukuthi ebandleni likaMenzi wezulu nomhlaba kunomunye uNkulunkulu ngaphandle kwaJehova, UNGUMHLUBUKI, AKUMELE SIZIHLANGANISE NAYE!
61.Lapha ngizoveza isimangaliso esenziwa nguShembe, engingakaze ngizwe ukuthi emhlabeni ukhona umprofethi owake wasenza.
62.Lendaba ixoxwa ngu Lina Nzimande: “Ngakhulela eKuphakameni nomama wami. Kwase kuphele iminyaka emibili ubaba ashona.
63.Ngolwesihlanu umama wathi angimembese ingubo yokulala ngoba uyagodola. Ngase ngimembesa. Ngase ngimshiya sengiya ukolala endlini yamakhosazane, eMosethemba.
64.Ngakusasa ekuseni, uMkhokheli uMaNsele weza kimi, wangitshela ukuthi umama akasekho emhlabeni, usishiye ebusuku!
65.Ngakhala kakhulu, ngase ngiya kuBabamkhulu ngihamba ngikhala. Ngafike ngambikela ngokufa kukamama.
66.Ngabuza kuBabamkhulu ukuthi ngoba nobaba sewashona, manje sekushone umama, mina sengizokwenze njani ngoba sengingedwa?
67.UShembe wabe esethi: “Kulungile, ngoba uyakhala, ngizombuyisa umama wakho, kodwa umphefumulo wakhe ngizowuhlukanisa kabili.
68.Ingxenye yokuqala izosala ibheke isihlalo sakhe ezulwini, bese kuthi ingxenye yesibili ibuye izobheka wena lapha emhlabeni.
69.Hamba uye kuMfundisi uNgubane umtshele abize izinsizwa ezine ezizomsiza ukuthwala isidumbu sikamama wakho.
70.Wena uzothatha izimpahla zakhe uhambe phambi kwabo, ufike uzendlale endlini eGinyezinye. Bayofika basibeke khona.
71.Uma ususigqokisile, uyosishiya khona lapho. Ubolokhu uza njalo ekuseni uzomhlola.”
72.Ngaqala ukuzomhlola ekuseni ngeSonto, ngasifica isidumbu silokhu sisafile. Ngeza ngoMsombuluko nangoLwesibili, ngafica umama esalokhu eyisidumbu, efile.
73.Ngithe ngifika ngoLwesithathu, ngamfica umama esevukile! Ngajabula kakhulu, ngathi: “Hawu! Mama, ngiyajabula ukuthi uvukile ukuzongibheka!”
74. Waphendula umama ngolaka wathi: “Ujabulelani, ungihluphelani kangaka mntanami ngokuthi ungibuyise?
75.Kade sengisekhaya ezulwini, wafika uShembe wathi uyakhala, wathi angibuye ngizokubheka.
76.UShembe wanqamula umphefumulo wami izigaba ezimbili.
77.Ingxenye yokuqala wayishiya ezulwini kwathi enye ingxenye wathi izobheka wena lapha emhlabeni.”
78.Emva kwalokho ngahamba ngayobikela uBabamkhulu ukuthi umama usevukile!
79.Wayesethi: ‘Mthathe umyise kwaBhekuzulu endlini yamakhosikazi, uhlale naye, umbheke umlungisele nokudla.”
80.Wavuka umama weza kwaBhekuzulu sazohlala khona. Ngambheka ngamlungisela ukudla.
81.Akekho umuntu owayebona ukuthi umama kade esewushiyile lo mhlaba, sahlala kahle naye.
82.Umama uhlale emuva kokuvuka kwakhe ekufeni iminyaka engu 19, wase uyashona.” Amen!
83.Lapha ngiveza izimangaliso ezazenziwa uShembe ekuphiliseni abantu ngendlela engakholeki.
84.Ngaphandle kukaYeshua, asikaze sizwe ukuthi kukhona umuntu ongathi uma ufelwe ngumzali wakho, uthi uma uya kuye, ubika usizi lwakho, ebese evusa umzali wakho ekufeni, njengoba uBabamkhulu wakwenza kunina kaLina Nzimande.
85.Ngenke sisho ukuthi kwakwenzeka kanjani ukuthi uShembe ehlukanise umphefumulo womuntu kabili, omunye usale ezulwini, omunye ubuyele emhlabeni.
86.Kodwa ke ngoba uShembe ezulwini wayenikwe wonke amandla, wayenza noma ntoni ngegama likaJehova!
87.Kodwa sesikushilo konke lokho, ASINAKUDUKISA ABANTU ngokuthi uShembe kwase kunguye uNkulunkulu!
88.Ukufundisa abantu ukuthi kukhona omunye unkulunkulu ngaphandle kwaJehova, kunguku hlambalaza ibandla likaMenzi wezulu nomhlaba!
89.UShembe wabe engumprofethi kaNkulunkulu, ELETHE IZWI LEZULU UKUBA LIZWAKALE EMHLABENI WONKE! Kumele sonke sibuyele kuJehova njengokufundisa kukaYeshua noShembe!
INkosi ibusise izwi layo.
Le ntshumayelo iyatholakala kuYouTube othi Rev. Mpanza NCG.