ebesikwenza enyameni sisemhlabeni, umoya wethu ekufeni kwethu uthatha leso simo! Konke obukwenza, nobuyikho usenyameni, noma usungumoya uba yikho. Ngokusobala inyama igobongo nje, kodwa umuntu ngumoya wakho. Noma sithi siyafa, kodwa asifi, okugugayo nokufayo iinyama yakho, kodwa umphefumulo wakho awufi!
31 December 2022.
ISIHLABELELO 36.
1 Ngofa ngingenani
Mina ngedwa soni
Ngofela esandleni sakhe
Owathunywa nguwe.
2 Lokhala icilongo
Lokwamukela umoya wami
Songena entokozweni,
Yaba khethiweyo.
3 Hayi umusa kaJehova
Ngami mina ngedwa,
Ebengingafanele lutho
Okhukhweni lwakho
4 Namhla sengicambalele
Kanye nabaNgcwele,
Abamagama alotshiwe
Ebusweni bakho.
1.Kulesisihlabalelo ngithatha nje ivesi lokuqala elithi “Ngofa ngingenani, Mina ngedwa soni, Ngofela esandleni sakhe, Owathunywa nguwe.” Lesi sihlabelelo sithi: “Ngofela esandleni sakhe(uShembe) owathunywa nguwe (Jehova,) uShembe uzisholo yena ukuthi uyisithunywa nguJehova!
2.Kodwa sonke njenga silapha siyofela esandleni sikaShembe, ngoba konke ukukholwa kwethu sikufundiswe uShembe, uJehova kwathi uma esibizela embusweni wezulu, wasibiza ngoShembe!
3.Ngiyafisa ukuba ngikhulume ngenye inkulumo eyakhulunywa uBabamkhulu. Le nkulumo ifundeka kanje: “Mina ngiyakholwa kakhulu amazwi ebhayibheli, ngiyakholwa futhi ukuthi uJesu waba ngenyama emhlabeni njengomuntu, kodwa engokaNkulunkulu. Nguye oyisisekelo semisebenzi engiyiphetheyo, ngoba mina ngisesenyameni njengayo iNdodana kaNkulunkulu enginguufakazi wayo.”
4.Angazi noma niyamuzwa yini uShembe ukuthi uthini? Uthi: “Mina ngiyakholwa kakhulu amazwi ebhayibheli, ngiyakholwa futhi ukuthi uJesu waba ngenyama emhlabeni njengomuntu kodwa engokaNkulunkulu. Nguye oyisisekelo semisebenzi engiyiphetheyo, ngoba mina ngisesenyameni njengayo iNdodana kaNkulunkulu engiwufakazi wayo. Yashumayela isesenyameni” Amein.
5.Ngamanye amazwi uShembe uthi uYeshua kanye naye uShembe bayinto eyodwa, naye uYeshua waba senyameni, washumayela, kodwa engowasezulwini. Uthi-ke uShembe, njengamanje, njengaye uYeshua, uyena osenyameni, oshumayelayo, bayinto eyodwa, bonke bangabasezulwini!
6.Lokhu kukhuluma kubalulekile ngoba lelibandla liyafundisa, sisesikoleni lapha. Kuningi esisazokufundisa, abanye abantu okungazukubaphatha kahle, kodwa okufanele ukuthi sikufundise, ngoba sithunyelwe ukuthi sibuyisele inkolo kaJehova kubantu!
7.Kunabantu abangama Nazaretha ngendlela engingayiqondi, ngoba indlela yokukholwa kulobu buNazaretha ibhalwe phansi! Lama Nazaretha akakwemukeli ukuthi uShembe uyisithunywa sikaNkulunkulu, uShembe uwuMprofethi kaJehova! Abafuna ukuthi sithi uShembe uNkulunkul!
8.Angazi noma ukuphukuphuku, noma ukusetshenziswa nguSathane, ngoba ukubiza uShembe ngoNkulunkulu kungukumnyundela! Akakho umuntu osile ekhanda ongemukela leyonto, esikhundleni salokho uvele umuntu adumale, ethi: “bengilithanda lelibandla, kodwa lento asebeyisho iyangijabhisa! Angazi ukuthi inkinga ikuphi ekubeni senze lokho uShembe owasifundisa khona, ukuthi uyisithunywa sikaJehova, unguMprofethi kaNkulunkulu!
9.Kanjalo kusekuningi okumele amaKrestu ekhanyiselwe khona ngalenkolo yobuKrestu! AmaKrestu akaboni ukuthi ubuKrestu inkolo eyisitha senkolo kaJehova! NjengakumaNazaretha, angazi ukuthi benziwa yini ukuthi bengayiboni into ephambi kwabo. Mhlawumbe kudalwa ukuthi abakwazi ukwahlukanisa inkolo kaJehova, okuyinkolo kaMose, nenkolo yabezizwe, okuyinkolo yabezizwe eyasungulwa ngu Constantine
Kodwa-ke intshumayelo yami yanamhlanje ayikho lapho, lokho sobuye sikhulume ngakho-!
10.Kulesi sihloko esithi: “Asiphile impilo ysesezulwini siselapha emhlabeni,” ngizokhuluma ngenye indaba engiyithathe encwadini ka-Advocate Mnyandu, kodwa engiyibhale kabusha ngoba ibingezwakali ngendlela ebhalwe ngayo, ngenhlanhla lendaba bengivele ngiyazi.
11.Le ndaba ixoxwa u-Petros Dlomo, owayengumabhalane kulelibandla lamaNazaretha. Uthi-ke uDlomo: “Ngezwa okokuqala ngendaba yendodana yakwaMathe ngonyaka ka 1929. Indodana kaMathe yagula ngesikhathi isebenza eDlokweni ngasemfuleni uThukela, KwaZulu. Ukufa okwakusesiswini sayo kwaba kubi yaze yabuyela ekhaya, nakhona ekhaya ukufa kwaqhubeka, isimo saba sibi kakhulu. Yehluleka yonke imizabo yokumsindisa waze waphuma umphefumulo wakhe ekuleso simo sokufa.
12.Kodwa engakafi, esesimweni sokuquleka, wazibona esemkhathini, wahlangana nabantu ababezixoxela, bambuza ukuthi uvelaphi, washo ukuthi uvela emhlabeni uya ezulwini. Wayene TATTOO esengalweni yakhe. Laba bantu base bebuza ukuthi yini le onayo engalweni yakhe, wathi lokhu kwabhalwa amaNdiya ngesikhathi sisebenza eKhimbali. Base bethi: “Umuntu onalemibhalo akayi ezulwini, ngoba lokhu kusho ukuthi uNkulunkulu akamdalanga kahle.
13.Bangeluleka ukuba ngibuyele emhlabeni ngiyotshela abantu bonke ukuthi umuntu one tattoo emhlabeni akangeni ezulwini. Lo mfana ke wavuka kulokhu kufa, noma kuleso sibonakaliso. Singeke sisho noma wayesefile noma wayequlekile, ngoba lento yenzeka vele egula kakhulu, esesimweni sokufa! Kodwa wavuka wayesebaxoxela abazali bakhe konke okubonile, yena othi wabe esefile!.
14.Wabuye “waphuma futhi umphefumulo” kulo mfana, wazibona futhi esemkhathini, wahlangana nabantu basezulwini, bambuza bathi: “Uyangaphi?” Wathi uvinjelwe ukuya ezulwini ngoba kunombhalo engalweni yakhe. Omunye walaba bantu wathatha ummese, wasika inyama lapho kunombhalo khona, wayesesika inyama engalweni yakhe, wayifaka esilondeni salomfana, wayesethi: “Sekulungile manje ndodana yami, hamba uyongena ezulwini.”
15.Wahamba izinsuku ezinhlanu, wafika edolobheni elihle, elinemigwaqo emihle, namatshe amhlophe emaceleni omgwaqo, wangena esangweni elingasempumalanga, wafica umbhoshongo, wacela ukungena. Lapho phakathi kulo mbhoshongo wafica uMfundisi owazichaza ngokuthi unguShembe, uShembe wathi kuye ‘Ndodana yami, izono zakho zixolelwe, manje ngiyakuthuma kubazali bakho ekhaya, ubatshele ukuthi abahlukane nokudla inyama yengulube nenyama yezilwane ezizifele, bahlukane futhi nogwayi notshwala.
16.Bamemeze lokhu emabandleni aseWeseli eMelika naseLuthela. Ubatshele ukuthi kuyinto embi ukubona lezi zinto endlini yekholwa.’ UShembe waqhubeka wathi: “Uma usukwenzile konke engikutshele khona, ngiyofika ngikulande, siyohamba siyoshumayela nawe.” Abazali bakho uyobatshela bahambe izinsuku ezinhlanu baze bafike endaweni lapho beyotshelwa khona ukuthi benzeni.”
17.Lo mfana uJosaya Mathe waphaphama futhi okwesibili, wabe esebatshela abazali bakhe konke akutsheliwe ekufeni kwakhe. Wabacela ukuba bamgqokise ingubo emhlophe uma eseshonile, nabo futhi bagqoke izingubo ezimhlophe. Bakulalela konke akushoyo. Nempela lo myalezo walomfana bawuyisa kuwo wonke amabandla amaWeseli, awamaLuthela nama Melika, bakwenza lokhu esaphila!
18.Ngelinye ilanga ngezithuba zo 9 ekuseni, kwabonakala ifu phakathi kwezintaba ezimbili, uMthunzini noNontethe ngasentshonalanga. Lelifu leza, lafika lama phezu komuzi wakwaMathe. Kwenzeka lokhu bonke abantu abasebenza edolobheni bebuka, kwaphuma nabantu emizini bababaza lelifu lezimanga elizoma phezu komuzi womuntu! Phakathi kulelifu kwakunabantu abafake ixzingubo ezimhlophe!
19.Ngaso leso sikhathi, lomfana owayegula kakhulu, wavuka wahlala ngezinqe, wathi abamnike ingubo yakhe emhlophe(umnazaretha), wawugqoka, wabe esethi: “Usefikile uShembe othe uzongilanda soshumayela eSitendeni eMnambithi!” waphumela emnyango lomfana, ethi useyahamba noShembe, wabe esewa phansi, waphuma umphefumulo!
20.Maduze kwase kufika amadoda amabili ayeqhamuka eThekwini, ayehamba eshumayela, bangena emzini kaMathe. Lamadoda kwakuwu Mvangeli uShange waseNkanyezi noMvangeli uMaphumulo waseMkhomazi. UMathe wabaxoxela indaba yokushona kwendodana yabo, nanokuthi ezulwini ihlangane nomuntu othe unguShembe. abakwaMathe babengazi lutho ngoShembe, nalomfana, ngaphandle kwaShembe owambona ezulwini, wayengazi lutho ngokuthi ukhona uShembe osemhlabeni.
21.Labavangeli base bethi: “LoShembe lomfana owayekhuluma ngaye, ukhona, thina sithunywe nguye ukuba sizoshumayela kulelilizwe lasenhla. Uma nifuna ukubona izinto ezikhulunywe ile ndodana yenu, Lungani siye eKuphakameni emhlanganweni kaJuly, niyozibonela ngamehlo enu.”
22.Balungisake oMathe noNkosikazi wakhe kanye nabanye endaweni ukuya eKuphakameni. Bahamba izinsuku ezinhlanu besuka kwaNobamba beya eKuphakameni njengoba babetsheliwe indodana kaMathe. Ngaleso sikhathi uShembe wayekwaZulu, watshela abantu lapho wathi ngihambile ngoMoya nabanye benu siyoshumayela enhla nezwe kwaNobamba. Sihlangane nomfana lapho owasitshela ukuthi wenqatshelwa ukungena ezulwini ngoba unemibhalo engalweni yakhe, ngase ngithatha ummese, ngasika isicucu senyama, lapho okwakunalombhalo, kwavela isilonda, ngase ngisika inyama yami, ngava isilonda sakhe. Ngamtshela ukuthi usengangena manje ezulwini.”
23.Ake ngichaze kahle le ndaba ngoba ngiyayazi. Lo mfana wakwaMathe, uJosaya, wagula kakhulu, esebenza, wagcina esebuyele ekhaya. Uma esesekhaya eMsinga, kwaNobamba, ekuleso simo sokugula okukhulu kokufa, wayesefa, uthe uma esefile, esehamba ngomoya, wahlangana nabantu endleleni, base bamubuza laba bantu bathi uyaphi, wathi lo mfana ngiya ezulwini. Base bethi laba bantu pho yini le esengalweni yakho. Wathi hhayi le itattoo ngayibhalwa ngamaNdiya sisebenza eKhimbali.
24.Base bethike laba bantu i-tattoo ayingeni ezulwini, ngakho-ke buyela emumva, uyotshela abantu ukuthi awukwazi ukungena ezulwini une tattoo. Wayesebuya lo mfana waphaphama, uma ephaphama, wayesebatshela abazali bakhe ukuthi kade esefile. Kodwa kuthe ekufeni kwakhe wahlangana nabantu bamtshela ukuthi njengoba ethi uya ezulwini nje akakwazi ukuthi emukelwe ezulwini ngoba engalweni yakhe une tattoo!
25.Lo mfana wabuye futhi wafa. Uthe uma esefile futhi okwesibili, noma ungakubiza ngokuthi ukuquleka angazi noma ungathi waquleka noma ungathi wafa noma ungathi isibonakaliso, angazi kodwa yena uthi wafa.
Waysehlangana futhi nabanye abantu, bamubuza futhi ukuthi uyaphi, wathi ngiye ezulwini kodwa nganqatshelwa ukungena ezulwini, kwathiwa ngine tattoo emzimbeni wami.
26.Kwase kuthi omunye wabo, esika isicubu senyama yakhe, esusa le tattoo. Uma emsika, kwadaleka isilonda, lo muntu wase ezisika yena umzimba wakhe, esethatha isicucu senyama yakhe eseyifaka kulo mfana, uma esesifakile kulo mfana, wayesethi ke ayisekho le tattoo usungahamba aye ezulwini.
27.Lo mfana wahamba izinsuku eziyisihlanu eya ezulwini, wayesebona umuzi omuhle onamatshe amhlophe okakwe ngawo, phakathi kunendlu ewumbhoshongo. Wacela ukungena kulo muzi omuhle kangaka owawuyidolobha. Uma engena kulomuzi, wafica umuntu onguMfundisi owazichaza ngokuthi uwuShembe lomuntu wayesethi: “Mfana izono zakho sezithethelwe, kodwa buyela emuva.”
28.Sekungokwesibili manje. Wathi: “Buyela emuva uyotshela abazali bakho, namabandle aseWeseli, eLuthela naseMelika ukuthi namaWeseli, ukuthi abayeke ukuphuza utshwala, abayeke ukudla ingulube, abayeke ukudla incuba, wabala zonke izono. Wathi umuntu oyikholwa akayidli lento.
29.Uthi-ke uShembe kulomfana: “Uma ukwenzile lokho, ngiyofka ngizokulanda, sihambe siyoshumayela.” Lo mfana njengoba ekhuluma noShembe nje akakaze ezwe emhlabeni ukuthi kukhona umuntu owuShembe. Ngamanye amazwi kuyena lo Shembe umuntu osezulwini nje, ofike wazichaza ngokuthi uwuShembe.
30.Waphaphama lo mfana, wabatshela futhi abazali bakhe konke otshelwe khona. Wabacela ukuthi behambe beyotshela amaLuthela namaWeseli namaMelika ukuthi abaziyeke lezi zinto okuthiwa abaziyeke ukuzenza. Nakubo kwalomfana babengamakholwa, kodwa angazi ukuthi babenkonzo yini kulezi ezibaliwe. Ngamanye amazwi wakwenza okutsheliwe ukuthi akwenze, ngoba abazali bakhe loludaba baledlulisa kumabandla onke.
31.Kuthe ngolunye usuku, kwabonakala ifu elalinabantu abafake izingubo ezimhlophe. Lelifu lafike lama phezu komuzi kaMathe, lapho lomfana owalele khona. Lomfana ngaso leso sikhathi wavuka wafuna ingubo yakhe emhlophe, ethi usefikile uShembe uzomlanda ukuba bahambe bayoshumayela, nabo abazali bakhe wabatshela ukuthi bembathe ingubo emhlophe. Ngenkathi ephuma phandle, wawa phansi, wafa! Njengoba sesichazile, lomfana kanye nabazali bakhe babengazi lutho ngobukhona bukaShembe emhlabeni, kodwa babecabanga ukuthi izimanga nje zasezulwini!
32.Lesi kwaba yisiga kubo bonke abantu abayibona yenzeka. Kuthe besakhuluma ngalesi simanga, kwase kufika abantu manje abaphuma eKuphakameni, abathunywe uShembe la enhla nezwe, bezoshumayela ngoShembe. Bangena kuwo futhi lo muzi wakwaMathe, uMathe wase ebachazela ukuthi kunomntwana wakhe oshonile, lo mntwana ukhulume kanje kanje.
33.Bathi-ke laba bavangeli baseKuphakameni, lento ebeniyitshelwa ilo mfana ikhona iseKuphakameni. Nalo Shembe lona okhulume ngaye lo mfana, ukhona useKuphakameni! Base bethi uma befuna ukuyibona lonto, abalunge, ngo July bahambe beye eKuphakameni. UMathe nomndeni wakhe nabantu abayibonile lento yenzeka bakhetha iNkosi yaseKuphakameni, base belungisela ukuthi baye eKuphakameni ngoJuly. Bahamba izinsuku ezinhlanu beya eKuphakameni besuka eMsinga ngezinyawo. Njengoba lo mfana eshilo wathi nami ngihambe izinsuku ezinhlanu ngiya kulomuzi. Nabo bahamba izinsuku ezinhlanu!
34.Uma befika eKuphakameni bathola ukuthi lento ibichazwa yindodana yabo ikhona ngempela eKuphakameni; bathola nokuthi lendlu enombhoshongo ikhona! Manje-ke kulenkulumo ngiqonde ukuba sazi izinto mhlawumbe zintathu, hhayi ukuthi sizikholwe kodwa sizazi. Uthi-ke uDlomo uBabamkhulu wayekwaZulu. Wayesethi njengoba ngilapha nje ngihambile ngoMoya nabanye abavangeli, safika le kwaNobamba sathola umfana, lo mfana ositshele ukuthi wenqatshelwe ukungena ezulwini ngoba ene tattoo. Ngase ngisika isikhumba sakhe sengiyisusa le tattoo, kwasala isilonda. Ngase ngisika umzimba wami, senginamathelisa ngawo kulesi silonda.
35.Umbuzo uthi sifundani ngalendaba? Okokuqala sifunda ngokuthi uShembe uthi esezulwini ebe esemhlabeni! Le akuyiyo nje inkolelo, kodwa kunobufakazi obuphathekayo, ngoba lomfana kaMathe wathi uShembe wathi uma ekwenza amtshela khona, uyofika amlande beyoshumayela. Wakwenza ngempela, noShembe wafika emini ngefu esezolanda lomfana! Okwesibili, sesiyazi ukuthi ekufeni uma singenile ezulwini, Siyahamba ngomoya siqhubeke sishumayele.
36.Kodwa okukhulu kakhulu, nalenkolo engakho, ukuthi ebesikwenza enyameni sisemhlabeni, umoya wethu ekufeni kwethu uthatha leso simo! Konke obukwenza, nobuyikho usenyameni, noma usungumoya uba yikho. Ngokusobala inyama igobongo nje, kodwa umuntu ngumoya wakho. Noma sithi siyafa, kodwa asifi, okugugayo nokufayo iinyama yakho, kodwa umphefumulo wakho awufi! Ngelinye ilanga ingelosi ithi kithi: “Umehluko Phakathi kwami ukuthi nina nisahleli kule-avaloni, ezohamba ihambe iguge, bese iyolahlwa, bese kuthi njengami, nisale ningumzimba ongafiy
37.Kubhaliwe kuLevi 19:27-28 ukuthi akufanele sibe nama tattoo, kodwa amatattoo asesesitayeleni! Kodwa okuyinkinga kakhulu ukuthi itattoo ayisuki. Kulelibandla kunabantu abaphenduka benamatattoos! Umbuzo uthi njengoba itattoo ingasuki, umbhabhadisa kanjani umuntu one tattoo? Nami angazi, ngisazobuza kuyingelosi.
Ukubonisa ukuthi itattoo imbi kanjani, umfana kaMathe kwafanele ukuba kususwe isikhumba sakhe, kwasala isilonda. Manje laba abanamatattoo umzimba wonke, kumele kwenziweni ngabo?
38.Manje ufake into engasuki emzimbeni wakho, kodwa okuzoba nesikhathi lapho ofisa khona ukuthi isuke, kodwa ozothi noma usufile ingakwazi ukusuka! Ngamanye amazwi ufaka into ozivimbela ngayo ukuthi ungene ezulwini ngisho ngabe usuthethelelwe! Ngoba lento oyenze emzimbeni wakhe ayikwazi ukuthi yamukeleke ezulwini, ngani na? Ngoba ezulwini bantwana baseKuphakameni asingeni isono khona. ULevi 19 verse 27-28 kuthi “Aniyikudilinga amakhanda enu emaceleni, awukona isilevi sakho emaceleni, aniyikuzigcaba emzimbeni yenu ngenxa yabafileyo, aniyikuqopha mibhalo emabalabala kuwe, nginguJehova.”
39.Kungcono okwezinwele ngoba zibuye zimile, kodwa okwe tattoo kuyinkinga ngoba ayisuki. Njengoba ingasuki le tattoo uma usufile uzothethelelwa kanjani, ngoba ngisho usuthethelelwe, ngeke ungene ezulwini. Ezulwini ayingeni into okuyisono ukuba nayo!
Isihlabelelo 179
Lowo muzi esiyakuwo
Akungeni sono khona,
Kwana sono sinye qhabo
Kuyahlala iziNgcwele zodwa!
40.Isifundo sethu sithi, kubalulekile ukuba la emhlabeni siphile impilo esizothi uma ngabe sifa sedlule nayo, semukeleke, ngoba ezulwini asingeni isono khona. Ngisho ungathethelelwa izono, awungeni ezulwini ngaso leso sikhathi. Ungathethelwa izono, kodwa mhlawumbe uhlale izinsuku eziwu 7 mhlawumbe eziwu 30 unsagezwa izono, ungakafaneli ukuba ungene ezulwini!
41.Njengoba kubhaliwe ukuthi lapho esiyakhona, akungeni sono khona, kunjalo, asingeni isono ezulwini! kuyishwa-ke ukuthi ube sesimweni sokutrhi uthi uvela nje ezulwini, uvele uxoshwe kungakabalwa ngisho izono zakho, kuthiwe: “Nampa abakini, akangeni umuntu onje lapha!” Ukhonjwe abafanele wena ungakatshelwa ngisho izono zakho, ngoba uthe ulapha emhlabeni wazishaya umaka wabantu abalahliwe! Injalo indaba yabantu abaphucula amakhanda, abanamatattoo nabadilinga amakhanda emaceleni!
42.Ngake ngaba kwenye indawo, kwakunengane yentombazane eyayiphethwe ingculaza, isigula kakhulu, sekucacile ukuthi vele iyahamba emhlabeni. Kodwa manje umzali wayo esehlale eyiphala izinziphio ezibomvu eminweni nasezinyaweni, ngoba uyabona ukuthi umntanakhe uyafa manje, futhi akasoze amukeleka nalezi zinzipho lapha eya khona. Omunye umntwana wentombazana wathengelwa isiketi ngoba sekucaca ukuthi uyahamba loumntu, kodwa lapha eya khona angenke amukelwe nalamabhulukwe owafakayo! Angazi ukuthi kube kusasiza yini uma usuphalwa izinzipho, uthengelwa iziketi ngoba usuzokufa, kodwa ungazange wazifaka usazibona uyintombi!
43.Zonke lezi zinto ezibaliwe eBhayibhelini ukuthi ziyisinengiso kuNkulunkulu, kumele wazi ukuthi ngosuku lwakho lokufa, uyoxoshwa uqhamuka emasangweni ezulu, kuthiwa,’abanje abangeni kulendawo engcwele! Ukhale ufisa ukisikhashana ungena, kodwa ungangeni, uyohlaliswa ekulahlweni inguna phakade! Iziwula zikhetha ukujabuliswa isikhashana yinto engekho, bese ziba sosizini ingunaphakade! Zicabanga ukuthi kuyadlalwa ezulwini! Kuza isikhathi lapho kuzophela nya ukucabanga ukuthi uhlakaniphile, lapho ozozisola khona, uthi ngakungcono ukuba ngalalela! Sinenhlanhla thina ngoba sifundisiwe ukuthi kumele siphile impilo yasezulwini siselapha emhlabeni.
44.Uma ufika ezulwini uwumuntu wesifazane ufake ibhulukwe, akudingekile ukuthi kuze kuvulwe amabhuku kubukwe izono zakho. Cha, ngoba vele okugqokile kuyakwenqabela ukuthi ungene ezulwini. izono oyobalelwa zona zobe sezixhuma kulezi vele oyizo, onke lama make-up oyiwo, nalezi zinwele zabezizwe oyizo ziyinhlamba kuNkulunkulu, indaba yonke yakho ixoxwa zinwele zakho!
45.Awungitshele bangakanani nje abantu njengamanje abathanda ukuphuca amakhanda, bangakanani abantu abaphuce amakhanda, kodwa nje eqinisweni muhle yini umuntu ophuce ikhanda? Akamuhle. Kodwa bonke abantu bayakuthanda ukuphuca ikhanda. Yini bekuthande ukuphuca ikhanda? Ukuthi i-fashion eyafika noSathane. Manje njengoba lefashion ivela kuSathane, ngayo uqholoshela uNkulunkulu, ebonisa ukuthi emhlabeni abantu bezwa yena!
46.UNkulunkulu ushilo ukuthi ungagundi udilinge ikhanda emaceleni kodwa ngoba kusho uNkulunkulu, uSathane uthi kwenzeni lokhu, ayikho lento eshiwo nguNkulunkulu, uNkulunkulu uifuna ningabi bahle njengaye! Gundani nina, aphuceni amakhanda enu, ngawenu lamakhanda! Sisesimweni senkohliso yasensimini yase-Eden! Kodwa uma ungayiso isiwula, zibuze ukuthi ekugcineni kwenzekani ko-Adam no-Eva? Wena ungasinda kanjani uma efike ethi uNkulunkulu into ethize ungayenzi, bese uyenza ngenkani?
47.Abantu benza noma yini othi uSathane abayenze. Uma ethi Thenga ibhulukwe, bese uldabula emadololweni, yifashini leyo, abantu bagijima bakwenze lokhu! Ungamangala uma ungabona izinto ezenziwa ngabantu besifazane, bethi isitayela, sekusele ukuba behambe ngamaphenti! Okuseqinisweni nawo sebefuna ukuwakhumula!
48.Mhla wathi uSathane abashiye iziqholo emakhanda njengamaqhude, bengazikami, uyobona nabafundisa namakhehla sebeneziqholoi! Woshi, nakho phela! Uyaye uthi uma ucabanga ukuthi uSathane udlala kanjani ngabantu, ngisho bethi bangamakholwa, uvele uphelelwa ngamandla!
49.Uma ucabanga nje, yini enhle ekutheni izintombi ezinhle zivele zifake izinkophe, bese zifana nezinkawu zohlobo? Ayikho into evela noSathane abantu abake beyibone iyimbi. Indlela abantu abawathanda ngayo amafashini abawanikwa nguSathane, bafana nabantu abakhonza amadlozi, abangasuki kuwo noma esebabulala kanjani!
50.Yonke into evele noSathane iyathandeka, ayiyekeki, ifana nokubhema iwunga, oyibhema ngisho usuya egodini! USathane udlalile ngathi! Izitayela zabesifazane zixakile, uthola umuntu ethenga ingubo edabuke ngapha eceleni, ufuna ukuthi kubonakale ithanga lakhe! Yini ebalulekile ekukhangiseni ithanga lakho? Lokho ukwenza ukuze kube njani? Udlala uSathane!
51.Manje ufuna ukuheheka kubani, ngoba awusiyena umahosha, uwumuntu nje wesifazane oqondile, kodwa wenza izinto zokuheha amadoda, inkinga yakho yini? Kodwa okufanele ukwazi ukuthi uma ngabe wenza into eheha amadoda, amadoda azoza kuwe ukuze azenelise ngawe, bese kugcina lapho. Kodwa akekho umuntu wesilisa ofuna umuntu wesifazane ohlale ezikhangisa kumadoda. Abanye abantu besifazane abayeki ukuzikhangisa kumadoda noma sebeshadile!
52.Ithi-ke ingelosi zonke lezi zinto ezingama fashion, zenziwa uSathane, ngakho-ke uma zenziwa uSathane, asikwazi thina ukuzivumela esontweni, ngoba uNkulunkulu uyisitha sikaSathane, lezi zinto ziyindlela zokuthi abantu besuke kuNkulunkulu beze kuSathane.
53.Ngithi-ke asifunde ukwenza izinto emhlabeni ezizokwamukeleka ezulwini. Ngoba uma senza izinto ezingamukelekile ezulwini, sizohlupheka, ngoba kuzothi nalapho uNkulunkulu efuna ukuba ekuthethelele athole ukuthi awuthetheleleki. Ngoba uma ngabe ingangeni i-tattoo ezulwini, khona uthethelelwa uzoya kuphi ezulwini ngoba kubhaliwe ukuthi kulowo muzi esiya kuwo, akungeni sono, nasono sinye, kuhlala izingcwele zodwa. Bangcono abantu abasuke begundile ngoba uyahlala ngaphandle kuze kukhule izinwele, noma enesono esithile uyakwazi ukuthi agezwe. Kodwa isono se tattoo asigezeki!
54.Abantu ebebephucula amakhanda ziboshwa, kodwa namhlanje amakhanda aphuculwa osaziwayo, osaziwayo manje banama tattoo nabo sebenama tattoo njengeziboshwa! Akungenzeki kithi ukuthi uma ngabe sibuka impilo yethu sisemhlabeni, sicabange ukuthi izokwehluka uma sesisezulwini. Impilo yakho ibuke ngeso lasezulwini, ungaziboni ungumuntu wasemhlabeni, noma usesemhlabeni, ngoba vele ungumhambi emhlabeni, ikhaya lakho lisezulwini!
55.Ngingakakhulumi ngezono, umzimba wakho akube umzimba wasezulwini uselapha emhlabeni! Njengoba sifake izingubo ezimhlophe nje, nasezulwini sobe sifake zona, zingubo zasezulwini! Usho njalo lo mfana wakwa Mathe, uthi ngenzelani ingubo emhlophe, nani fakani ingubo emhlophe. Bengakazi ukuthi kukhona uShembe, bona begcine ngoShembe osezulwini, wathi hhayi laphana engifike khona, ngifice befake izingubo ezimhlophe!
56.Njengoba sifake izingubo ezimhlophe njena, nasezulwini kufakwe izingubo ezimhlophe, ngakhoke akufanele ukuthi sikushintshe lokho, ngoba thina siyazi ukuthi singamakholwa!. Ayikho into emnandi njengokuthi wazi into abantu abangayazi. Njengoba silapha siyazi, ukuthi ngoba sekungene umhlangano sesihleli noJehova, sekumele siziphathe kahle ngezindlela eziningi, sekumele siphume ezindlini zethu, sekumele singasidli isinkwa esinemvubelo, ngoba sesaiphambi kwaNkulunkulu wethu!
57.Kodwa abantu basemhlabeni abazi nokuthi lidumephi, bazilalela namakhosi abo, bazidlela isinkwa, abazi ngisho ukwazi ukuthi ukuhlala noNkulunkulu kusho ukuthini? Manje abantu basemhlabeni bengafana kanjani nathi. Ukubaluleka kwethu kubonakala ngokuthi kusuke ingelosi izohlala nathi, umthetho kaNkulunkulu siwuthola ngqo ezulwini! Ngoba sinikwe imithetho eminingi, kodwa okuyisimangaliso kunazo zonke izimangaliso, ukuthi ezulwini kwehle ingelosi ize kithi, ifike ihlale nathi, isifundise impilo yasezulwini siselapha emhlabeni!
58.Ngakho-ke ngiyacela ukuthi njengoba kuqala unyaka ka 2023, siziphathe kahle. Ngiyacela nokuthi uNkulunkulu lo waseKuphakameni, uShembe uBaba ILanga owathuma ingelosi phakathi kwethu, ngicela ukuthi ebe seduze kwethu, esivulele umhlangano, noma sisina, sisine ekhona, nezingelosi zibe seduze kwethu. Konke esikwenzayo kubusiseke! Ngiyaqinisa ukuthi kothi kuphela u 2023 lelibandla lobe laziwa emhlabeni wonke ngoba phakathi kwethu kufike ingelosi, yahlala nathi! Ayaziwa into enjalo emhlabeni! Ziningi izinto esizozifundisa abantu abafuna ukuya ezulwini, kungakhathaleki ukuthi bakuliphi ibandla, noma bakuyiphi inkolo, ngoba izulu linye, nomthetho kaNkulunkulu owenza umuntu angene ezulwini, awuhambi ngokwamabandla, noma ngokwezinkolo!
.
INkosi ibusise lokho enikuzwile.