Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni, singabe asisibona abaholi abathunywe uJehova uma besingeke safundisa abantwana bakaNkulunkulu nangokudla, ukuthi umuntu uma esewumntwana kaNkulunkulu, ukuhlambuluka akusikhona ukuthi kufanele ageze ahlanzeke kuphela, kodwa kufanele kuhlanzeke ngisho ukudla okungena kuye emlonyeni wakhe, adle ukudla okuhlambulukile.
INkonzo yasekuseni ngeSabatha mhlaka 07 Janaury 2023. NguMfundisikazi Nomcebo Mpanza.
110. ISIHLABELELO
1 Izulu namafu
Lidumisa wena
Ilanga nenyanga
Lidumisa wena.
2 Izinkayezi zezulu
Zidumisa wena,
Ziya guqa ngamadolo
Zidumisa wena.
3 Zithi uyiNgcwele
Wena Simakade
Izintaba nemimango
Zidumisa wena.
4 Imithombo yamanzi
Idumisa wena,
Thokozani zindluzele
Nina enomileyo.
1.Ngiyababingelele abangcwele, ngiphinde ngikhethe iNkosi enkulu yaseKuphakameni, isihloko sithi: MASIBUYELE KUJEHOVA. Bantwana baseKuphakameni, simenyiwe umnikazi womhlangano, nasevikini eliphelile ngisho njalo. Siseze ngayo leyo ndaba enkulu, sikhethiwe ukuthi sizodumisa lo owadunyiswa ilanga nenyanga. Sikhethiwe ukuthi sizodumisa lo owadunyiswa izinkanyezi zezulu, zaguqa ngamadolo zamdumisa.
2.Sikhethiwe bantwana baseKuphakameni ukuthi namhlanjena sibe ngabantu abalalela izwi elithi masibuyele kuJehova. Ngicela ukumukela le nkonzo ngo Zakhariya 1 verse 2-6. Bantwana baseKuphakameni, kuyaye kube kuhle ukuthi umuntu azazi ukuthi uzokwenzani. Azazi ukuthi kusukela ekuqaleni azoba iNazaretha inhloso yakhe kwakuyini.
3.Zachariah 1:2- 6: “UJehova wathukuthelela nokuthukuthelela oyihlo. Kepha yisho wena kubo ukuthi usho kanje uJehova Sebawoti, uthi ‘buyelani kimi’ usho uJehova Sebawoti ‘ngiyakubuyela kini’ usho uJehova Sebawoti ‘ningabi njengaboyihlo abaprofethi bokuqala abamemeza kubo, bathi usho kanjena uJehova Sebawoti, uthi ake nibuye ezindleleni zenu ezimbi, nasezenzweni zenu ezimbi, kepha kabalalelanga. Kabangiqaphelanga’ Kusho uJehova.
4.‘Oyihlo baphi namuhla, nabaprofethi bakhona kuze kube phakade na? Kanti amazwi ami nezimiso zami engayala ngakho iziNceku zami abaprofethethi akubaficanga yini oyihlo, baze baphenduka bathi njengalokho uJehova Sebawoti ebehlose ukwenza kithi, njengezindlela zethu nemisebenzi yethu, wenze kanjalo kithina na?
5.Lamazwi uthi-ke uNkulunkulu emva kwezwi elithi masibuyele kuJehova, into enhle neyinhlanhla kithi uNkulunkulu uthi naye uzobuya kithi, uma ngabe sibuyela kuye, silahla izindlela zethu ezimbi nemisebenzi yethu engcolileyo, uthi uma ngabe sibuyela kuye, uthi naye uzobuya futhi kithi.
6.Singabantu-ke bantwana baseKuphakameni abanjalo, kusho lo Nkulunkulu lona owayedunyiswa ilanga nenyanga, uthi buyelani kimi. Uma ngabe senibuyela kimi nami ngiyakubuyela kini. Ukhuluma-ke ngokuthi wayebathumile abaprofethi, uthi ningabi njengabo oyihlo, kwathunyelwa abaprofethi kodwa abezwanga.
7.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni kuwumhlangano oyingcwele kaJehova, sifanele njengabantwana bakaNkulunkulu ukuba sibe nalo ulwazi lokuthi esimlandelayo ufunani kithi. Kuleliviki eliphelile bengikhuluma ngabantu abagcotshelwe umsebenzi kaNkulunkulu ukuthi njengoba kuwumhlangano, abantu abeze emhlanganweni, bayezwa ukuthi lona oguqe phambi kwabo wathunywa ubani futhi wathi akazokwenzani kubona.
8.Kodwa namhlanjena, ngilalela lelilizwi elimemezayo elithi buyelani kimi, mina Jehova, uma ngabe nibuya kimi, nilahla imisebenzi yenu emibi nezindlela zenu ezimbi, nibuye kimi nami ngiyakubuya kini.
9.Umhlangano bantwana baseKuphakameni wenziwa ngabantu abanesivumelwano noJehova, abazaziyo ukuthi bathini ekuqaleni. Umhlangano awusilona idili elenzelwe thina ukuthi sibuse kulo, kodwa wenzelwe ukuthi uJehova abuse kuwo ngabantu bakhe abadumisa yena, abaphakamisa yena, abashoyo ukuthi uyingcwele njengoba zasho njalo nezinkanyezi emva kwesikhathi.
10.Siyilabo bantu-ke bantwana baseKuphakameni, siyilelo bandla elabuthwa, labuthelwa endabeni enkulu yokudumisa uJehova yedwa. Siyilelo nalelo bandla bantwana baseKuphakameni, uShembe alitshele emandulo wathi niyikhumbule incindezi yendlela eya ngasekhaya. Walibika nesango elincinyane washo wathi lingenwa ngamandla. Asinawo amasango amakhulu ngoba umholi wethu usho njalo wathi isango lakhona lincinyana, wathi lingenwa ngamandla.
11.Bantwana baseKuphakameni ngike ngasho nakuleliviki eliphelile ngathi lelibandla lingumnyango wezulu. Abakhethiweyo nabayogcina umthetho kaNkulunkulu nabayokubuya ezindleleni zabo ezimbi, bayeke imisebenzi yabo emibi, bayongena kulelisango, badlule bangene ezulwini uShembe akhulume ngalo wathi likhazimula phezu kwelanga nenyanga. Nangezinsuku zabo zokugcina, abanakuzwa ubuhlungu
bokufa, abanakuya ekufeni, kodwa bayakuya ezulwini ngoba ekufeni kunosizi, kuya abantu abangaligcinanga izwi le Nkosi, ekufeni kuyahlushekwa, ekufeni akubuswa, kuyalanjwa, kuyomiwa kodwa ezulwini likaJehova akulanjwa akomiwa. Abaya ekufeni ngabantu abangazange balizwa izwa likaNkulunkulu abathi noma belizwa baligxobagxoba ngezinyawo. Izikhathi zabo zokugcina ziyoya ekufeni. Kuyakuthi noma imizimba yabo isingcwatshiwe, bese beyakuzwa ukusinda kwethuna, bayakukuzwa ukusinda kwenhlabathi ngoba abakusebenzelanga ukuthi baye ezulwini.
12.UNkulunkulu uyasincenga, usinikeza ithuba uthi singafani nobabamkhulu abangazanga bevume ukulalela abaprofethi abafika kuqala bethunywe uJehova. Uthi-ke uJehova iziNceku zami abaprofethi, uthi-ke uShembe uyiNceku yeNkosi. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni, lawamazwi ayasikhumbuza ukuthi sikhumbule ukuthi lo Nkulunkulu esimlandelayo uwuNkulunkulu onomhawu, ozisho yena wabhala phansi ukuthi unomhawu uma ekubona udumisa abanye onkulunkulu.
13.Sinikiwe bangcwele ukuthi noma ngabe iluphi usizi esinalo, sibe nalo ulwazi ukuthi akekho ongaliqeda uma uJehova engaliqedi. Sinikiwe ukuthi sifundise nabantwana bethu ukuthi noma singasithela kodwa umthetho kaNkulunkulu ungasitheli nathi, usale emzini yethu ugcinwe, ugcinwe ngabantwana bethu esishiye sibafundisile ukuthi uJehova nguye yedwa.
14.Nasezulwini, nasemhlabeni nguye yedwa ofanelwe udumo, ofanele ukudunyiswa. Uthi-ke uShembe ufanelwe ukubongwa ngamaNazaretha nezizukulwana zawo. Inhlanhla enkulu leyo ukuthi uShembe wakubhala phansi ukuthi uJehova ufanele abongwe ngamaNazaretha ngoba amaNazaretha iwona ayisizwe sikaNkulunkulu.
15.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni uJehova akasihawukele, nokuhamba kwethu sizazi ukuthi sisemhlanganweni, noma ukwakho kodwa wazi ukuthi usemhlanganweni kaJehova. Nasemsebenzini osebenza kuyo uzazi ukuthi wena usemhlanganweni kaNkulunkulu. Uwumuntu owakhethwa uJehova wakwenza waba ngcwele, owakwenza waba ifa lakhe.
16.Ngingena-ke bantwana baseKuphakameni ekuziphatheni kwabantwana bakaNkulunkulu, beziphatha besemzini yabo. Bangcwele siyazi ukuthi sihlezi nabantu abaphikisana nathi. Lelibandla ngoba ibandla likaNkulunkulu, ngesinye isikhathi noma ungasaphikiswanga ngabazali, usuphumile wazakhela, kodwa uSathane uyongena kumakhelwane, athi phikiswa umakhelwana, othi uma ucabanga ungazi ukuthi umhluphe ngani ngoba noma ukholwa kulelibandla, ukholwa ukwakho, awukholwele yena, naye akakholwe lapho akholwa khona.
17.Kodwa uyakubhekana nawe, athi ucabanga ukuthi uyini wena ngoba usekubonile ukuthi awusiyena umuntu olandela umuntu kodwa wena ungumntwana kaNkulunkulu, wena uyifa likaJehova, uyisizwe sikaNkulunkulu. Bantwana baseKuphakameni kukhona abaye benze amacala, uma bewenza, bazitshele ukuthi bayafika lapha behlambuluke. Lithi-ke izwi bantwana baseKuphakameni akukho ntethelelo kumuntu owenza into ayazi kahle ukuthi ayivumelekile phambi kwaJehova, bese ethi uzoza neshumi azohlambuluka ngalo. Kuwukwedelela nokubukela phansi umthetho kaNkulunkulu.
18.Abantu bayeka zonke izinyanga zokwenza izinto abazithandayo, bese kuthi inyanga eyakhethelwa uJehova, bese kuba iyona inyanga bona abavukwa izinto abazithandayo ngayo ngoba engingakubiza ngokuthi baphikisananoJehova, ukuthi akakwazi ukuthi angadunyiswa yena. Uma kumnumzane afune ukuthi inkosikazi yakhe idumise yena ngenyanga yomhlangano, uma kuyinkosikazi afune ukuthi umyeni wakhe adumise yona ngenyanga yomhlangano.
19.Lathi izwi bantwana baseKuphakameni abantu abashadileyo, noma ngabe kuthiwa ngabantu akade bezoshada, kodwa lowo mshado uyohlakazeka ngoba uyobe sewungcolile. Abashadile, yathi ingelosi, uma uyinkosikazi kufanele wazi ukuthi, wazi indaba yasekuqaleni, wazi ukuthi kungani useduze komyeni wakho. Uwazi umlando wakho ukuthi ukuba khona kwakho kwasuka ngani. Ithi-ke ingelosi angikhumbuze ukuthi uJehova wayemdalile umuntu wesilisa waba yedwa, kodwa emva kwesikhathi wabuye wadala umuntu owumama, wathi umenzela umsizi wakhe. Ngalokhu uma uyinkosikazi ekholwayo kufuneka uzazi ukuthi uJehova wangibeka eduze komyeni wakho ukuba ngibe umsizi wakhe.
20.Uma umyeni wakho esehlaselwe uSathane, kufanele ukuthi umsize ngoba udalelwe lokho ukuthi uzomsiza ukuthi angaphumi endleleni kaNkulunkulu, ungakuboni lokho kuwuthando, ungaziboni uthandwa uNkulunkulu kodwa bese uyazi ukuthi usuqokwa uSathane. Usekuqokile ukuthi wena ube Ilunga lakhe ngoba wena usuwenza intando yakhe. UNkulunkulu lokhu athe akwenziwe, wena awusakwenzanga.
21.Ngithi-ke bangcwele, lelibandla ibandla likaNkulunkulu, abantu njengoba belapha bezofunda, bafundela ukuphila lapha emhlabeni, bafundele futhi ukuyongena ezulwini. Kungabe asenzi khona uma ngabe singashiya lokho emuva okuyikona khona abantu abathanda kakhulu ukuchitha umthetho kaNkulunkulu ngakho bethunywa uSathane. Nawe noma uyinsizwa noma uwubaba, kufanele ukuthi ingelosi yakho, ebekwe kuwe, ingelosi ka 23, kufanele ukuthi ubone ukuthi ayisekho isikushiyile, uma ngabe uzozizwa ngenyanga yomhlangano kudunyiswa uJehova bese wena ufuna ukudumisa umkakho.
22.Ubobe usuyabona ukuthi kusho ukuthi sengihamba ngedwa, bese uyanikela uthi ngizocela kuShembe ukuthi akangisize nami ingelosi ka-23 ime phambi kwami, ngizibona manje sengihamba ngedwa. Uma ngabe uwumama, kufanele ukuthi nawe unikele, uthi Nkosi ngilahlekelwe ingelosi ka 14, ngizithola sengihamba ngedwa, ngiyibona ayisekho phambi kwami. Uma ngonile Nkosi ngithethelele ibuye. Ngoba uma ingasekho uyobona wena ukuthi hhayi umyeni wakho useyakuthanda kanti awuthandwa nguye, uthandwa uSathane, uzokuthanda ngomyeni wakho ukuthi nibe zinkuni zokuqala zokubasa umlilo wesihogo. Ngoba nenza isifungo nathi niyohlala endlini kaJehova nize nibe sekugcineni kwezinsuku zenu.
23.Ukuhlala endlini kaJehova kusho ukugcina umthetho wakhe wonke, akusho ukuthi hamba uyonyathela udaka, bese uyangena endlini kaJehova uzohlala khona. Awubalwa njengomuntu ohleli endlini kaJehova. Kodwa ubalwa njengomuntu onjengaloya muntu, owathi uma ngabe kukhona izisebenzi ezazikhishiwe, kwathiwa azihambe ziyomemezela idili elaliyokwenziwa iNkosi, imeme abantu ukuthi beze kulelidili, owatholakala esekhona, kodwa wabuzwa ukuthi ungene kanjani lapha kulelidili ngoba awunayo ingubo yalelidili.
24.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni laba abavukwa uthando enyangeni yomhlangano, bathembe ukuthi bazofika lapha bese beyahlambuluka, bayohlanjululwa nguye uSathane, engabahlambululi, kodwa ebagcoba ukuthi baqhubeke nalento beye phambili. Ngoba uJehova uthumile abantu, wabathuma abaprofethi, abaprofethi bagcoba abafundisi, abafundisi kwehla kwabakhona abavangeli nabashumayeli, kwaba khona abakhokheli. Bonke lab abantu abazwakali, akuzwakali ngisho oyedwa kubo.
25.Ngithi-ke bangcwele inhlambuluko kufanele ukuthi abantu bayazi ukuthi yabekelwa ini. Inhlambuluko yabekelwa ukuthi mawuphathe into embi, njengoba siyaziwa ukuthi sike sisebenze kubelungu, ubone ukuthi lento engiyiphathayo esontweni ayifanele kodwa ngoba ngisemsebenzile angiyiphathe, bese uyahlambuluka-ke.
Abahlambululi babekelwa lokho ukuthi bageze abantu abanjalo noma uhambile wayojova, uke ume ngaphandle wenzelwe ukuthi umhlambululi afike akuhlambulule, akucelele kuNkulunkulu ukuthi ubuyele ube umNazaretha kaNkulunkulu.
26.Ababekelwanga abantu abaphula umthetho, abantu abahamba bayocwila odakeni ngamabomu bese bethi bazohlambuluka, abekho abahlambululi abanjalo. UShembe akaze abagcobe abahlambululi bokuhlambulula abantu abanjalo, abekho kulelibandla.
Ngoba kufanele uvike ngoJehova ngaso sonke isikhathi, kufanele ukuthi uJehova abe ihawu lakho njengoba uShembe eshilo.
27.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni, ngize nasekudleni, njengoba silapha sibekelwe umgomo ukuthi uma singabantwana bakaNkulunkulu yini okufanele siyidle nento esingayidli. Sibekelwe umthetho wokuthi singakudli okubilisiweyo noma okukhukhumalisiwe, asisidli isinkwa, asazi ukuthi uNkulunkulu wabona ukuthi uma ngabe sidla isinkwa esinemvubelo, kuzoba nani, kwazi yena lokho. Noma sidla isinkwa, sidla isinkwa esinganamvubelo. Bantwana baseKuphakameni, siyaziwa ukuthi singabantu abathanda inyama, uma ungumntwana kaNkulunkulu kufanele ukuthi uzikhethe izitolo ongathenga kuzo ukudla okuhlambulukele wena.
28.Ungesabi ukusuka noma ngabe kukude kangakanani, uyofuna izitolo zamaJuda noma zamaSulumane uyothenga kuwo ngoba asikabi nakho okwethu. Ukuthenga inyama kwa Pick n Pay nakwa Spar nakwa Checkers, awuhlambulukile ngoba inyama oyidlayo inengulube, ngoba isikwa endaweni eyodwa, kusikwa ingukube, kuphinde kusikwe inkomo ngawo lowo mshini lowo.
29.Ngalokho-ke usuke usuyidlile ingulube uma uthenga kulezitolo nakwa Chester, lapho ubona khona kungangeni amaSulumane, ubobona ukuthi kukhona ingulube. Uma nje kungekho amaSulumane angena lapho kuleso sitolo musa ukungena nawe. Bese siza ekudleni okuvuthiwe, uma ungumntwana kaNkulunkulu awukwazi ukuyothenga ukudla okuphekwe kwa Checkers noma kwa Spar noma kwa Pick n Pay, noma kuphi ezitolo okungezona ezama Sulumane.
30.Noma bangathi lokhu inyama yenkukhu kodwa isuke iphekwe ngebhodwe elipheke ingulube, lisuke liwasho lapho okuwashwe khona izitsha ezinengulube. Ngalawo mazwi usuke usuyidlile ingulube ungahlambulukile. Ezitolo ezithengisa inyama yenkukhu kuphela, noma ungena lapho okuthengiswa khona kwa KFC, ubuka uphawu lokuthi leli lapho lokhu okukhona ku Halal yini, ngoba uma kungekho halal nakhona, bayakwazi abantu abasebenza khona ngoba bahlala badla le nyama le nkukhu, bayahamba beyofuna obhekeni, babuye bafudumeze khona lapha ngoba akusilo icala.
31.Funa into enophawu elithi konke okulapha kuhlambulukile akunyo ingulube. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni, noma ngabe uNandos, noma ngabe sekuwuNandos kodwa kufanele uluthole uphawu lokuthi kuhlambulukile, ku Halal ngolimi lwamaSulumane. Awukwazi ukudla ukudla okuhlambulukile, uye emabhusha amaSulumane, ufike uthenge khona inyama leyo oyifunayo ukuziphekela yona.
32.Lesi stolo, i-MacDonald kunengulube, ngaphandle kokuthi uthole u-Halal, kulapho-ke ongadla khona, kodwa lena nje, lawa la, kunengulube. Noma ungathi uthenga ama chips awuthengi inyama, uyayidla ingulube ngoba konke okwengulube, kufudunyezwa khona lapha la okukade kufudunyezwa khona ama chips. Ngithi-le bangcwele kufanele sazi ngisho ukudla esikudlayo ukuthi akusingcolisi yini phambi kwa Jehova njengoba kuyinhlangano. Noma siphuthume, sizikhethe izindawo esiphuthuma kuzo, ngoba lokho kuphuthuma, ungaphuthuma kodwa uthole ukuthi lokhu kuphuthuma kwakho, sewuphuthuma ukuthi uzikhiphe ezulwini.
33.Asikudli ukudla okungahlanjululiwe, siyathenga ezitolo kodwa inqobo nje uma kukuthi lezi zitolo esithenga kuzo, zihlambulukile, ayidliwa ingulube, isitolo samaJuda, esazi kahle ukuthi akukho okuthintene nengulube, isitolo samaSulumane, akukho okuthintana nengulobe. Sidle ukudla okuphelele bangcwele, sibe ngabantwana bakaNkulunkulu nangokudla. Kungathi uNkulunkulu sizile phambi kwakhe kufanele ukuthi athokoze ngathi kodwa ajabhe ngoba sesingena nengulube endlini kaNkulunkulu.
34.Singena nengulube ngoba asikwazanga ukuthi sizikhumbule thina ukuthi thina singabantu abayisizwe sikaNkulunkulu, nokudla esikudlayo kufanele ukuthi kusichaze ukuthi thina siyisizwe sikaNkulunkulu, singabantwana bakaNkulunkulu. Ngalokhu kufanele ukuthi sihlambuluke ngakho konke bantwana baseKuphakameni. Ngisho izinkwa, kunezinye izinkwa, okungafanele ukuthi usidle noma kuwumthetho wesinkwa, kodwa umthetho kaNkulunkulu wawungazange usivumele nje kwakuthi nje sisidle isinkwa noma ngabe isiphi isikhathi.
35.Kodwa ngobuthakathaka bethu siye sithi uma kuvalwa umhlangano sisidle isinkwa. Naso engathi singathenga khona ezitolo zamaSulumane ngoba kuhambe kuhambe kube khona izinto ezishayisayo kwezinye izinkwa. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni, singabe asisibona abaholi abathunywe uJehova uma besingeke safundisa abantwana bakaNkulunkulu nangokudla, ukuthi umuntu uma esewumntwana kaNkulunkulu, ukuhlambuluka akusikhona ukuthi kufanele ageze ahlanzeke kuphela, kodwa kufanele kuhlanzeke ngisho ukudla okungena kuye emlonyeni wakhe, adle ukudla okuhlambulukile.
36.Okulandela lokho kube umthetho wokugcina iSabatha. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni yathi ingelosi utshele abantu ukuthi bengabe besadla sitsha sinye ngoba uma bedla sitsha sinye abantu, kuhle futhi lokho kithi. Kodwa yathi ingelosi, kukhona abagcina ISabatha umlilo ocishwayo ngesikhathi esifanele, yathi-ke ingelosi kukhona abantu abanganendaba nokuthi isikhathi sini, kuthi sekushaye u 8 amabhodwe eseseziko. Manje ngoba uma sihleli lapha, nalo uletha isitsha sakhe, uzigcinile, sewudla ukudla okuphekwe ngeSabatha, ngoba kweminye imizi abanendaba neSabatha, ilanga liyashona, abanamsebenzi, bona banendaba nokudla.
37.Uma ngabe ubuhambile lashona ilanga, awukwazi ukuthi ungapheka ngeSabatha, ngeke ufe ufele ukuthi akuzange kube khona ukudla ngeSabatha, ngeke ufe ubulawe ilokho. Kodwa kukhona abangakwazi ukwenzanjalo, uvele umuntu abase enze ukudla uthi uyafika emzini, sengayekela nje uthi uyafika emzini wabantu, uthi phela mhlawumbe sewucishiwe umlilo, uthole abantu bebhizi kuze kube ileso sikhathi kodwa ilanga selishonile.
38.Yathi-ke iNkosi iNyangayezulu, abantu abopheka uphuthu, eyala abantu amakhosana asebenzayo, yathi noma nisebenza, uvuke ekuseni ushiye upheke uphuthu, yathi uphuthu alonakali masinyana. Ushiye upheke uphuthu, khona uzothi uma ubuya emsebenzini uthenge amasi uzokwazi ukuthi udle uphuthu. Kodwa ngenxa yalezitshulu esezikhona, nezinyama ezenziwa yonke into, akusakwazi manje lokho, kodwa yasho njalo iNkosi yathi kuphekwe uphuthu ngoba yayazi ukuthi angeke silenze iphutha. Kodwa nalo uma usulipheke ngeSabatha kwakuyoba icala.
39.Nabantwana bethu sibafundise, ngisho amapoloni bantwana baseKuphakameni, abantu baningi kabi abantu abalayishe ingulube, ngenxa yamapoloni bathenga, bahambe bathenge noma kuphi bafake amapoloni banike izingane zabo. Kubuhlungu kabi ukuthi uwumntwana kaNkulunkulu uhambe ukhalelwa izingulube emahlombe akho nasemathunjini akho. Lapho ufika khona, ziyakhala izingulube, ngoba zikhala kuwe ngoba zidliwe nguwe. Ngeke zikhale kubantu bezwe kodwa ziyokhala kuwe ungumntwana kaNkulunkulu.
40.Uma sekukhala izingulube nezibusiso ziyahlehla ngoba izingelosi zikathixo azinakuza, iza kumuntu okhalelwa ingulube esiswini. Yonke into ingakusizi, unikele noma wenzenii ngoba kukhala izingulube kuwe. Noma uthi utshela abantu ukuthi awuyidli, uyayidla ngoba uyagijima uye kwa pick n pay uyothenga ama chips, uyagijima uye kwa Spar uyothenga ukudla okuphekwe nengulube. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni asigijimele ezitolo zamasSulumane ngoba asikabi nakho okwethu kodwa uJehova uma esithandile, sizogcina sinazo izitolo zethu. UNkulunkulu uma esithandile sizogcina sinazo izitolo zethu uNkulunkulu uma esithandile ngoba kukhona bangcwele asebeqalile ngoNkulunkulu.
41.Sizohamba sihambe sihlale phansi nabo, sibone ukuthi angeke saba nayo yini ibusha okungeyethu. Lapho esizothenga khona inyama yenkukhu sazi kahle ukuthi ihlambulukile. Kulapho esizothenga khona inyama yemvu noma ngeyenkomo sazi ukuthi siyithenga endaweni ehlambulukile. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni namuhla lokhu kuyiSabatha, sihlangene size esikoleni sokungena ezulwini. Nabantwana sibafundise ukuthi nasesikoleni bangahambi behlafuna, izingane zethu sizifundise ukuthi zijwayele ukudla ukudla okungokwazo.
42.Ngoba zizakukhalelwa izingulube, kuthi noma seziqedile esikoleni, zingawutholi umsebenzi ngoba lapho esezime khona kukhala ingulube. Ingulube ayikaze ibe into enhle. Ngisho usuyibuka ngaphandle kweso lokukholwa, angiyazi ukuthi lesisilwane sadliwa kanjani lesi silwane esenyanyeka siphila. Lesi silwane, angazi ukuthi owathi nje asidliwe, kwakuyisilwane okwakufanele singadliwa esinjengenja nje. Ngoba ingulube hhayi ukuthi uqala ukuyenyanya uma usukholwa, iyisilwane nje esenyanyekayo.
43.Kodwa-ke manje uma udla lento enjena, wena uzoba njani, uzongabanazo yini lezi zimpethu abazishoyo. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni siyibandla likaMenzi wezulu nomhlaba. Akusikhona lapho esingajabulela khona ukuthi abantu babe izinkulwangwane kodwa bengazukuya ezulwini. Nina eniyingcosana kaThixo buyelani kuJehova. Masibuyeleni kuJehova, uthi uJehova naye uma sibuyela kuye, uthi naye uyabuya kithi. Ngiyathemba-ke ukuthi lezi zinto engizibalile abangcwele noma bebengazazi, kufanele ukuthi bakwazi lokho ukuthi ngisho izitolo esithenga kuzo ukudla. Nasezitolo ngiye ngithenge isinkwa esinegama, ngoba isinkwa esinegama, sisuke sisho ukuthi inkampane nje eyenza izinkwa kuphela. Lezi ezisuke ziphekwe lapha kulezitolo, zikhona nalapho ko-Spar zibekelwe ukuthi nje sithenge, ngoba ngiyazi ukuthi senziwe ngamapani ebekade enengulube.
44.Kuxovelwe u-flour lapho ebekade kuphethwe khona ingulube, nalaba abakade bebhaka, ibo bona abakade bepaka inyama yengukube, laba abakade bexova lo flour, ilabo ababekade bephethe inyama yengulube beyifaka laphana beyenza ama pack. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni namhlanjena kuwusuku lweSabatha, silindile sisemhlanganweni umhlangano kaThixo uyahlushekelwa. Namhlanjena abantu sebenza nje abakuthandayo, thina kwakuyimpoqo ukuthi kulenyanga lena ungabi semzini wakho, sasisuka emazweni akude size lapha eBuhleni, size lapha eNhlangakazi, siye eLinda, siye eJudiya.
45.Kwakuyimpoqo ukuthi njengoba uyikholwa, kufanele ukuthi uhambe. Uma uBaba eza eGoli kwakuyimpoqo ukuthi iNkosi ithi ifika, isithole sonke silindile, sigqolozele ezansi, lapho kuzoqhamuka khona isimangaliso. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni, ngiwabona amakholwa ebusa ngalenyanga lena, evuka emzini yawo, ephuza amatiye, enza yonke into. Ngibona amakholwa ebusa, engafuni ukuyohlupheka, ahluphekele uNkulunkulu. Abanye bathi ngeke bakwazi, ngapha ngakithi, bathi ngeke bekwazi ukungalali embhedeni. Kodwa angikaze ngiwubone umantrasi ungena ethuneni.
46.Abakwazi ukuhlupheka, thina sasigezela emaplastikini, uthi uthi, awunayo ngisho le mali yokuthenga indishi endleleni kuhanjwa. Kodwa satshelwa omama abadala bathi ubothi uma ngabe uthenga ushekhasi, wona lona ongavuzi, uwuthenge uhlale unawo, lapho esifka khona, sikhe amanzi sifake lapha eplastikini, ubophe kube indishi ugeze khona. Ngoba sasifuna lo NKulunkulu lona othi namhlanjena uma ngabe nibuya kimi nami ngizobuya kini, sasifuna lo Nkulunkulu owagcina esexoshwa sekufakwa abantu. Sekuthiwa asidumise obabamkhulu kodwa sakufica ukuxoshwa.
47.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni ngahamba noma nginomthungo umanzi, ngasithola isibusiso sokuhlala noBaba iNyangayezulu ngonyaka wakhe wokugcina, eseNhlangakazi ngo 1993, uBaba wagcina lapho ukuhlala entabeni, wayeseya ebuye ngenxa yokungaphili kahle. Kodwa ngabakhona mhla intaba isichazela ukuthi imbenge isiyaphethwa ngoba kwaqubuka umlilo eNhlangakazi, awuzange ubonwe, nabawubona, emakhosaneni wabonwa ngababili nabathathu, nakomama ababili abathathu.
48.Kodwa kwaqhuma engathi kuqhuma ibhomu, lana izulu kwadilika amatshe, amadokodo acekeleka phansi sikhona khona laphaya, kwagqabuka umlilo kwangathi intaba iphuma udaka ongathi luyigazi, kodwa kwabuye kwaphela nje. Yathula nje iNkosi iNyangayezulu yangasho ukuthi akuhanjwe kubuyelwe emumva.
49.Babaleka abantu baya emzini yabantu enezinja, baya lapho okufuywe khona ingulube, bathi bayacela ukuthi bafihlwe balale khona. Sasala wathi uMkhokheli owayekade engiphethe, wathi sizogqolozela entabeni, uBaba uma ehamba sizohamba, kodwa uma ngabe uBaba akahambi, sizofela khona lapha entabeni, ngeke size sihambe. Salala phezu kodaka, salala bantwana baseKuphakameni ngoba sasifuna lo Jehova. Kodwa abantu bathi abakwazi, balala emzini yabo kuyinyanga yomhlangano.
50.Sathike, bantwana baseKuphakameni ukube bese kwakhekile, hawu zonke izinto seziqondile, nami bengizophuma bantwana baseKuphakameni. Nami ngabe ngisho ukuthi, isikhathi siyahamba, noBaba naye akasangangakuqala, uyadinga kube khona umuntu, kodwa ezikhathini ezedlule, bayazi abantu ukuthi ngahamba kakhulu futhi ngangingakufundi la ukuhamba.
Ngahlala mina nginomthungo, ngahlala phezu kodaka, ngalala odakeni kwaze kwasa kodwa angizange ngigule, ngafika nawo umanzi ngizobabaza uNkulunkulu waseKuphakameni ngoba ngacishe ngangavuka, kodwa ngahamba nawo unjalo, ngafike nganikela ngahlala laphana.
51.Ngithi-ke bangcwele, umhlangano usho ukuthi hlupheka, ungayiphili impilo oyiphila ngezikhathi zonke ngenyanga yomhlangano. Hlupheka, lala phansi, noma ngabe ulele entweni kodwa lala endaweni yomhlangano, uNkulunkulu ekubona uhlupheka, ugeza ngamanzi abandayo. Akubone uphuzela kuyinkombodsi, abantu abazi lento ekuthiwa inkombosi yokuphuzela itiye. Kodwa indaba yoniwa ngama tray, ekufikeni kwama tray kwachitheka ukukholwa. Safika uhamba nemaki yakho ozophuza ngayo itiye, nobaba naye wayeba neyakhe. Afika ama tray, kufanele ukuthi egcekeni emzini kaNkulunkulu, kubonakala ama tray amboziwe, ahlobile, kuyonikezwa ubaba, uzobusa, akazile emhlanganweni, uzobusa, uzofuna ukubukwa ukuthi uganiwe.
52.Kumangaleke ukuthi kanti yena akazile ukuzohluphekela uNkulunkulu. Uzoze ufike late nje emgidini kuthiwe uhambisele yena ukudla. Kanti ubesazophinde afune ukudla okuphekwe ngomunye umuntu ngoba akahlupheke phela aziphekele ngoba sisemhlanganweni. Akahambe namabhodwe akhe apheke ngale ngoba uthena uNkulunkulu ongapha akabe ngapha. Kwathi kuvunyelwa ama tray kwaphela ukukholwa.
53.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni asibuyele kuJehova, nencwadi isho njalo, uthi uJehova buyani kimi. Uma ngabe niyabuya kimi, nami ngizobuya kini. Nilahle imisebenzi yenu emibi nakho konke okubi enikwenzayo.
Siyibandla likaNkulunkulu kodwa kufanele bantwana baseKuphakameni sihlupheke, kufanele ukuthi siphume emzini yethu, njengalaba abaphumile, abashiya bafulathela iGoli. Beza bazohlupheka, bashiya imizi yabo. Bazohlupheka bazolala esigangeni.
54.Umhlangano-ke unjalo, uyinto eyenza ukuthi ukhohlwe indlu yakho kodwa ukhumbule uJehova yedwa laba abakhumbula izindlu zabo, abafuni ukuphuma ezindlini zabo ngoba ithemba labo izindlu zabo, akusiye uJehova. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni amazwi amahle esiwathola emseni kaThixo, uthi uThixo uma sigcina izimiso zakhe sibuyela kuye, uthi naye, uyobuya kithi!
iNkosi ibusise izwi layo.