uNkulunkulu mdala maNazaretha kaNkulunkulu, into mayonakala uyayilungisa. Uma wena ungena ebugqilini uyakukhipha ebugqilini, akusho ukuthi okwenzekile uNkulunkulu akakwazi ukukukhipha. Ukwazi ukwenzela yonke into uNkulunkulu, kodwa uma uyendlala kahle ngezikhathi zonke inhliziyo yakho emkhondweni yezimemezelo zezwi lakhe.
Intshumayelo yasekuseni ngeSabatha mhlaka 18 February 2023: NguMfundisi Mseni Mdlolo
15. ISIHLABELELO
1 Nkosi yethu simakade
Wena ulithemba lethu,
Ulithemba lemphefumulo yethu
Samkele Sokhanyiso.
2 Khanyisela abadabukileyo
Abanhliziyo zino sizi,
Baba abazama ukubuya
Ekwadukeni okubuhlungu.
3 Hawu Jehova bahawukele
Bangakababani Simakade,
Uma ubalahla bayoshonaphi
Izwe liyizigqili weSimakade.
4 Zibheke Baba izinyembezi zabo
Nolimi lwabo selushwabene,
Sebejiyelwe na ukuthandaza
Samkele Baba isililo sabo.
5 Lathi izwi lika Simakade
Sekwanele sengizwile,
Sondelani nina abalusi
Yenamani kanye nami.
1.Ngiyayikhetha iNkosi yaseKuphakameni, ngibonga esihlalweni sasezulwini esiphakathi kwethu, ukuba umunwe ungikhombe ukuba ngikhulume indaba kaNkulunkulu, ngiphake nami esitsheni sasezulwini maNazaretha ayingcwele.
2.Ngiyacela kuNkulunkulu waseKuphakameni ukuthi konke engizokukhuluma kwehlele kumina okungokwakhe kuphela, ngingavukelwa umoya ngikhulume okungekhona okwakhe uNkulunkulu waseKuphakameni.
Kuthike noma kungenzeka ngephuthake kodwa uNkulunkulu waseKuphakameni azivale izindlebe zabantwana bakaNkulunkulu, zingakubambi lokho, zibambe lokhu okungokukaNkulunkulu esikuncelayo njalo lapha ekhaya ngawo wonke amaSabatha nangayo yonke imihlangano, amein.
3.Ngisukuma nokuzibongela, ngithi nje, sizibongela sonke thina ebesisemhlanganweni ka-July, sibonile, kuhambe kahle kakhulu ngoba ekugcineni sithole izibusiso ebesingakaze sizithole, selokhu sabakhona. Lokhu ngaba iNazaretha angikaze ngizibone izibusiso eziphuma zehla zilandelana kanjena, ziyinqwaba izibusiso esizitholile!
4.Ngicela uNkulunkulu waseKuphakameni ukuthi isitsha noma izitsha ebesikhongozele ngazo lezi zibusiso ezivela kuNkulunkulu sizithole kuvalwa umhlangano, enze uNkulunkulu izitsha zethu zihlanzeke zibe zinhle, zikwazi ukwemukela izibusiso, kungaphumi nasinye kuzona, lezi zitsha zikwazi ukuba zihlale ukuze sizithole. Ngoba kuyenzeka kwesinye isikhathi uthole ukuthi isibusiso usitholile, kodwa sesifika sichitheka kuwena ngoba isitsha sakho sinezimbobo mhlawumbe noma singcolile.
5.Ngiyamucela uNkulunkulu waseKuphakameni ukuba ezethu izitsha zihlanzeke kakhulu, ziphinde futhi zibe zinhle nje zikwazi ukumukela izibusiso. Sithi uma ngabe siya phambili, singafani nayo inkawu ethi uma ingena ensimini izontshontsha izikhwebu zombila, ingena ngapha ingenasikhwebu, iphume ngale inesikhwebu esisodwa. Lesi sikhwebu iyasithatha isifake ekhwapheni, bese ithi uma isilanda ithathe esesibili, ivule ikhwapha ebese siyawa, ifake esinye, ebese iqhubeka futhi iyaphambili, ithathe esinye. Kunjalo, igudla njalo, ingayihamba yonke insimu, iyothi uma ifika phambili, ifika kodwa iphuma ngale iphethe nje isikhwebu esisodwa. Into engayibona ngamehlo kwelakithi izwe, ngangibuka la mandla, inkawu ayikwazi ukuthatha kube kuningi ithatha kube kuncane. Siyamucelake kodwa thina bantwana bakaNkulunkulu ukuthi uJehova asiphe lezo zitsha ezizokwazi ukuba zimumathe wonke umthamo wezibusiso.
6.Isihloko senkonzo yanamuhla sithi ‘umbuso kaJehova, umbuso kaNkulunkululu’. Uma ngiqala ukushumayela kwesinye isikhathi ngithi sinenhlanhla thina ngoba sinezwi eliphakathi kwethu elifikile phezu kwethu njengoba esho uMprofethi ethi nanti ilizwi selifikile phezu kwethu nathi asilamukele. Lifikile phakathi kwethu, asishodi ngalutho esizokwetshisa, ngoba konke esikukhulumayo ngesikufundisiwe, sikufundiswa lapha ekhaya.
7.Noma ngabe mina nginganquma phezulu kodwa wena usuyazi ukuthi umuntu olapha ekhaya ukuthi uMfundisi ubekhuluma ngaleya ntshumayelo kaBaba uMelusi owwayeyikhuluma emsakazweni noma owayeyishumayela layikhaya ePhilangezwei, eNqobizitha, noma owayekhuluma ngayo, noma kuyiphi indawo lapho okwakushunyayelwa khona.
8.UBaba uMelusi uma ekhuluma ukhuluma ngentshumayelo njalo. Usuyobona ukuthi hhayi siyetshisa, sehlisa lokho. Sesifana nazo izinkomo ezithi uma ngabe zidlile emahlathini, la ezidla khona emadlelweni, `bese zithi uma zifika ekhaya noma esibayeni, zifike zihlale phansi, ziqale phansi lokhu kudla ebezikudla, zikugaye, zikugayisise kahle.
9.Into enjalo maNazaretha kaNkulunkulu eyenzeka manje, uMfundisi uMdlolo uzophaka izwi esivele silifunda layikhaya, silifundiswa uBaba uMelusi noMkhokheli omkhulu. Makabongwe uJehova! Lombuso kaJehova siwufundisiwe kakhulu lapha ekhaya, saze sayalelwa ukuthi lombuso asithi uma sesiwufundile, nathi siphume siyowufundisa ngaphandle ukuthi umbuso kaJehova uyisima kanjani.
10.Ngike ngaxoxa lapha ngesinye isitolo, angizukusibiza igama laso ngoba izintshumayelo zethu zibuye zingene kwi social media, kungaba ngathi nginenhloso yokuba ngiqede ama customer esitolo, kanti cha akufanele kube njalo, asifundisiwe kunjalo.
11.Lesi sitolo sithe sisuka sagcwala izangoma, u-cashier kwayisangoma, opakishayo isangoma, konke nje. Ngithe ngibuyelake emveni kwezinyanga kade ngagcina, ngithe ngithuka sengingaphakathi. Ngase ngibuza kulo ongasemnyango, ngithi ngibona ngingasaziboni izangoma, zashonaphi kulesi sitolo? Uthike lo engibuze kuyena opakisha amavesi, uyahleka ulala ngesisu. Uthi: “Hawu lento wawuyibone kanjani? Ngithi: “Phela thina singabombuso kaNkulunkulu, singabombuso kaJehova,
siyashesha ukubona into ephuma endleleni, engasafani, engaseyona i-level ngokwendlela yethu, nangokukholwa kwethu, izangoma sazibona kuqala, kusaqala ukuba nezangoma.
12.Ngoba kwathi kusuke kwayimenenja eyaba isangoma, sabona ukuthi kuyonakala-ke la, imenenja ayikwazi ivele isuke ibe isangoma, ifake zona iziphandla impela izigcinise endololwaneni, kwabonakala ukuthi cha engathi akuqondile kahle.” Uthi: “Kwahamba kwahamba kwafika isikhathi lapho khona kufika amakholwa amanye, afike a-complain athi asikwazi thina ukuthenga kulesi stolo ngoba ukudla kwethu sikuthatha ezangomeni, ukudla kwethu kupakishwa izangoma!” Bathi njengoba nje silapha, asikholelwa thina ezangomeni, singabantu abathi sisindisiwe, kodwa manje ukusindiswa kwethu kuhuduleka phansi uma kutholakala sipakishelwa isangoma!” Zabe sezixoshwa ngaleso sikhathi!
13.Kodwa ke into esingihlekisa kakhulu uthi lo mame lo ebengikhuluma naye, uthi “uyazi ukuthi lapha e-office kwase kuphenduke isigodlo sezangoma e-office lase msebenzini.” Ngithi mina ‘hawu kanjani?” Uthi uma ufika uzofuna umsebenzi, kwakufanele ukuthi ufike lapha, bese yona imenenja ozofuna kuyo umsebenzi, ikuhlolela ukuthi yini inkinga yakho uze ungawutholi umsebenzi?” Bese ithi thwasa, bese uqashwa khona la, le menenja isebenza namathwasa ayo esitolo, ewathuma khona la esitolo. Uthi siyapheka ukudla ngale, uyafika lapha uyathimula, uthatha idosha ulifaka emakhaleni. Uyakuhlolela wena othi uyapheka, ukuthi engathi izinto zakho zomsamu azihambi kahle.” Ngathi mina ‘hawu nayi indaba bo, nakhu kuxakile emhlabeni uma sekunjalo!”
14.Kodwa uNkulunkulu mkhulu ngoba kuthe uma sekwenzekile konke, baxoshwa nabangafuni ukuthwasa, kwenzeka yonke into, kodwa kwase kugcina kuhamba bona ekugcineni. Ngiyakhumbula ngelinye ilanga ngashiya ngahamba esitolo, ngangithi ngizothenga, ngicabanga ukuthi mhlawumbe sekwabangcono. Ngiyafika ufuna ukushaya lo, ethi engakashayi, basebabili abangaphambi kwami, lo wentombazane okuwuyena opakishayo laphana, angithi abakabi bikho abantu abapakishayo, iyashingila ibheka lena, iyasina, ngathi mina hawu lo muntu ucula iculo lezangoma lapha esitolo, ngaphuma ngahlehla, ngahamba!
15.Baba khona abantu abanganamahloni, bafike bamutshela ukuthi lesi sitolo ngeke siphinde sithenge kusona, batshela umnikazi wesitolo, bathi ‘ngeke siphinde sithenge la, uqashe abantu abazosiphazamisa ekukholweni kwethu, bayasipakishela benza konke?
16.Engikuthandileke ukuthi nayo le ntombazane ithe uma isibona ukuthi kubi, sekuthiwa ayifake imali ukuze ithengelwe imbuzi angazi yokugeza ini nani. Yajika yathi: “Hhayi mina ngikholwa kulamaNazaretha lawa ase Wyebank, lawa amaNazaretha kaNkulunkulu. Angithinti nje lutho olwezangoma, ngiwumuntu ohlanzekile kakhulu. Uma ngingase ngenze kanjalo, kungasho ukuthi ngizobhekwa izinto ezimbi zodwa! Wamuyeka wamushiya, wathi ‘oh kanti wena uyileyo nhlobo leyo, wamushiya kunjalo. Makabongwe uJehova!
17.Yasinda ngalokho nje le ntombazanyana leyo, wasinda ngokuthi athi usebandleni lamaNazaretha, kodwa ekhuluma iphutha ngoba usonta eBuhleni! Ngoba wathi uma esekhuluma wathi ubaba wakhe omdala uliNazaretha laseBuhleni, kodwa uthi naye wathi uma embuza uyise ukuthi enzenjani uma kunje, wathi uyise ayikaze yenzeke emhlabeni, ayikaze yenzeke ukuthi usuke layikhaya uthi uyosebenza, ufike emsebenzini uthi uyothwasa, inhloboni yomsebenzi leyo?
18.Into enjalo ebhekene nomhlaba, umbuso kaJehova ubalekile kakhulu, ukude nabantu, kodwa ababoni! Lapha-ke embusweni kaNkulunkulu, ikhona intshumayelo yeNkosi yamaNazaretha uMprofethi uBabamkhulu, lapho ehlezi khona noMzelemu echaza indaba kaNkulunkulu. Iyo futhi le ndaba iNkosana yaseGoli ebikade iseBuhleni exoshelwe khona, ixoshwa ingejana yabafana le ezibiza ngenhlangano yolusha. Yathi engathi usukhuluma okungekhona okwalapha. Uthi yena cha, nginawo ama facts, nginayo yonke into engiyishoyo ukuthi kwakukhuluma uMprofethi walelibandla ngesikhathi efikile kulelizwe, ezokhuluma ngoNkulunkulu. Sinazo izinto uMprofethi owazikhulumayo, akufanele sizifulathele singazibuki ngoba sisendleleni yakhe yena owayithunywa uJehova. Thina sasingakabi bikho ngaleso sikhathi!
18.Uma ekhuluma ngathi uMprofethi, uthi sizizukulwane ngezizukulwane eziyofika, uthi lezo zizukulwana lezo ziyodinga ukuligcina ISabatha ngoba uJehova waphumula ngalo. Ikhona incwadi esho njalo, engizobuye ngicele ukuyifunda, isencwadini emqulwini wokuqala ezindabeni zoMprofethi u-Isaya Shembe (ukuthula kube kuye). Lomqulu wokuqala lapho kuqala khona iSabatha, usho njalo uShembe, uthi angazi noma kodwa nizokwazi yini ukuba niligcine leli Sabatha, ngoba uma ningasaligcini uthi uNkulunkulu uzobulala nina. Usho njalo.
19.Laphake uMprofethi uma echaza umbuso wezulu kuleya nkulumo yakhe, uthi uNkulunkulu uthuma abaprofethi. Wathi uma le nkulumo eyichaza uBaba uMelusi, eyibeka into details, nge one sentence, ngabuka ngathi ungadweba i-graph uthi umbuso kaJehova, bese udweba izikwele ezimbili, uthi kwehla lapha umbuso kaJehova. Bese uthi ngapha, umbuso, angazi noma ngizothi imibuso wemimoya noma umbuso wababi, noma uzothi umbuso, kwathiwa asingasho ukuthi uSathane, umbuso womubi noma eminye imibuso, esingayazi.
20.Ngoba asikho kakhulu interested kulemibuso lena eminye, si-interested embusweni kaNkulunkulu lona okudinga sikhulume ngawo, lona esizibani ngawo, ngoba usho njalo uYeshua uthi nina ningusawoti wezwe. Uthi nina, nizibani, uma uthatha isibani usikhanyisa usifaka ngaphansi kwetafula, abantu abahlezi endlini abakazukubona, kodwa uma usibeka ngaphezu kwetafula siyakukhanyisela izwe lonke.
21.Usho njalo uMprofethi omkhulu uYeshua, uMesaya, usho njalo, uthi singusawoti, uthi thina uma singekho thina, izwe lonke lidumele. Alinakho ukujabula, alinalutho, ilhlaselwa inoma iyiphi into ngoba abekho abantu abayothandazwa beziwe uNkulunkulu. Kuyona futhi le ncwadi esizoyifunda, uzothola ukuthi uthi uMprofethi uNkulunkulu waphumula emva kwezinsuku eziyisithupha. Ube esethi uShembe ngaleliSabatha, babethi abantu uma bethandaza abaligcinayo, ebese uNkulunkulu ebezwa, ebaphendula ngaleso sikhathi leso. Usho njalo uMprofethi.
22.Ngoba nami bengiyazi indaba yokuthi ekuqaleni uMprofethi wathi uma efika kulelizwe, wase efika ekhonzisa ngeSonto. Kwahamba isikhathi, kwase kushaya isikhathi lapho uMprofethi esethi cha manje uNkulunkulu usefikile, usethi asimudumise ngeSabatha.
Kodwa ngathi uma ngifunda le ncwadi ka-Advocate Mnyandu, ngathola amagama ngamagama ashiwo uMprofethi. Okuyinto ebaluleke kakhulu maNazaretha kaNkulunkulu.
23.Asithizenge lezi zincwadi ngoba zivula amehlo, kukhona indaba oke uyizwe ngabantu kanti usuyizwa ngokomoya womuntu ukuthi uthini. Kanti lapha encwadini, le esuselwe emqulwini, eyayifihliwe yaze yanikezelwa kubelungu, abelungu bayibuyisa abelungu, bayipotshoza kulowo owayopotshozayo. Yaze igcina isifikile ko Advocate Mnyandu bayibuyisela esizulwini, uyathola ukuthi uMprofethi wayethe. And iyakwakhela i-sense into ekhulunywa uMprofethi lapha encwadini ngoba uvela ezulwini.
24.Usho njalo uMprofethi uthi lo mbuso kaJehova afike nawo phakathi kwabantu, azokhuluma phakathi kwesizwe, naphakathi kwezizwe zonke. Ngoba wayefike lapha KwaZulu kodwa waya naseMampondweni, waya nasezizweni zonke, nasemaShanganeni wafika uShembe. Noma ngingasakhumbuli kahle noma kwafika uBaba iLanga yini khona, kodwa uShembe wahamba lonke izwe!
25.Uthi uMprofethi, izithunywa zikaNkulunkulu kuba ngabaprofethi, ebese ehlela ngakule quorum engishilo ukuthi eminye imibuso, uthi kuleminye imibuso khona, izithunywa zakhona, izangoma. Ngoba izangoma zithunywa imimoya engayile ezulwini, ebese lemimoya lena ikhuluma ngezangoma, izangoma zithathe inkulumo zitshele abantu. Njengoba uNkulunkulu wayekhuluma ngoMose, ethi kuMose, hamba ukhulule abantu bami ezweni laseGibhithe, sengikuzwile ukukhala kwabo, ngikuzwile, ngicela ukuthi uhambe ubakhulule, enqaba uMose.
25.Nezangoma zinjalo nazo, ziyaye zifike lapha zinikezwe imimoya yasemsamu, zinikezwe izwi, bese lisuka izwi ezangomeni lihamba liye kumuntu. Liya kanjani kumuntu na? Liya kumuntu othi ephila la emhlabeni engabinalo ithemba likaNkulunkulu, kodwa yena abe nethemba lokuthi uzohamba ayobuza komunye umuntu ukuthi kambe inkinga yami ikuphi la ekhona. Iqala lapho indaba, uma ufuna ukwazi ukuthi, uma ufuna ukuthwasa ukuthi ungathwasa kanjani, gijima uhambe uye esangomeni, sizofika siqale sikunike umuthi wokuqala, wesibili wesithathu, sithi buya ngapha eceleni, unedlozi elikhulu hamba uyothwasa!
26.Ngapha endaweni kaNkulunkulu, umprofethi uyafika esizweni, afike ashumayele, ashumayele ngoNkulunkulu, akuqede konke ukushumayela, akwenze konke okungamasiko asezulwini. Abantu bawabone bawathande, laba abakhethiweyo, abakhethiwe nguNkulunkulu. Bayayikhetha indlela bamulandele lo othunyiweyo. Kodwa bahlezi bekhona futhi nabangakhethiwe abazokwazi ukuthi babe ngezizathu zokuthi thina ngeke siye la osho khona ngoba sisenezindlela zethu ezindala ebesenza ngazo.
27.Bezingeke zingabikhona izindlela ezindala ngoba size sifike lapho nje bahambe izindawo eziningi kakhulu okhokho bethu ukuze befike la. Bebexoshwa isomiso, bexoshwa izinto eziningi, ukuhlupheka, ukuguquguquka kwezulu. Yonke inhlobo yento ongase uyicabange ibibaxosha, bekudlulwa kubantu ngabantu nabantu ebebafundisa into yabo ukuthi kwenziwa kanje. Nokwakha izindlu, uma ungase ukhumbule ukuthi namhla sesakha izindlu ezinje, kodwa ngesikhathi esiphambili bebakha amagqugwana abanye, abanye njengabelungu nje babevele bezakha izindlu ngoba bazithola bona kuma planning la ababewathola khona bafika sebevele besiphethe bafika bazakhela la. Kodwa okukhulu kakhulu ukuthi imikhuba yezizwe sayithwala ngekhanda saze safika nayo la. Namuhla uJehova usefikile phakathi kwethu!
28.Uma efika uMprofethi phakathi kwethu abantu babesasele naleya nsila yokuthi thina siyazi ukuthi umuntu uye eyijombise indodakazi yakhe kumlilo. Siyazi ukuthi uke ebe khona umuntu ohlolayo, siyazi ukuthi uke ebe khona umuntu onemimoya, ngoba izangoma akusiyona into yamanje, nangalesi sikhathi somprofethi u-Samuel, zazikhona izangoma. Ngiyakhumbula ukuthi uSawuli waya kumuntu okwazi ukukhuphula umuntu ongasekho, amkhuphule, Ingakho nje yagcina ekugcineni lenkosi yaphucwa ubukhosi bayo.
29.Usho njalo uShembe uthi omunye uMvangeli waseWeseli, esemthukile kwelakithi izwe KwaMaphumulo. Ikhona futhi nayo encwadini. Isesigabeni sesibili yona sezindaba zikaMprofethi u-Isaya Shembe. Wathi uma esefikile kwelakithi izwe uShembe wafike washumayela, walandelwa amaWeseli, walandelwa amaLuthela, walandelwa amaRoma, walandelwa ibona bonke abantu.
30.Lo Mvangeli waphumela phambili wamthuka uMprofethi, wamthuka washiya angalazi. Wathi uma eseqedile, wayesethi uShembe kuyena, ngoba usungithukile, sengiyabuthathake lobubuvangeli bakho, wena usuzohamba uyodayisa ugwayi KwaDukuza, ugwayi wamakhasi. Wamuhleka lomvangeli, wathi hhayi lento oyishoyo, ucabanga ukuthi unguNkulunkulu yini, awukwazi ukuyisho lonto kimi, mina kwasho kwacima, kwanjani njani. Incwadi ka Advocate ithi akudlulanga nsuku, akudlulanga zinyanga ezingaki, kwatholakala ukuthi lo Mvangeli umithise intombazane esontweni lakhona emaWeselini. Kwehla uMfundisis omkhulu waseWeseli, wafike wamukhipha ngokusemthethweni wahamba wayodayisa amakhasi KwaDukuza, wadayisa ugwayi wamakhasi, ngokusho koMprofethi ngoba wayethunywe uNkulunkulu, konke ayekusho kwakwenzeka.
31.Nangaleso sikhathi wathi uma ngabe esehambile loya waya kulo onedlozi, uNkulunkulu wabuphuca ubukhosi kuyena, wathi wena awusezukuba iNkosi ngoba umbuso wezulu awukwazi ukubona ukubalaluleka kwawo, uwuthatha kancane, ubona nje umbuso kaNkulunkulu. Ngoba lo mbuso kaNkulunkulu wangesikhathi sakudala, sabaprofethi, uma ubhekile ngathi awufani, kanti ufana ncamashi, kodwa umehluko ngoba lo kaYeshua, uYeshua wathi uma efika wase evula izulu ethi bonke abamudumisayo uNkulunkulu ngemiyalo yakhe nangezimiso zakhe, bayongena beyohlala embusweni kaNkulunkulu. Bayokubona ukuphila kwaphakade.
32.Lapha abaprofethi babethi bona gcina intando kaNkulunkulu, gcina imiyalo elishumi njengokubika kukaJehova ngomlomo kaMoses, khona uzophila emhlabeni, kuthi nalapho uNkulunkulu kunezinto ezikuhluphile. Noma ulwa izimpi zakho emhlabeni kodwa uNkulunkulu afike phakathi kwenu azonilwela izimpi zakhe kodwa ngendlela eyodwa, nge formula eyodwa yalokhu kukhuluma ukuthi gcina imithetho kaNkulunkulu.
NoShembe usho njalo uthi “Mesabeni uJehova zizukulwana ngezizukulwana, nigcine imithetho yakhe anilobela yona uJehova ngeNceku yakhe uMoses, ukuze ukudumisa kwenu kwamukeleke kuThixo wemikhosi.” Sinjalo maNazaretha kaNkulunkulu, singabantu abakhuluma umbuso munye kuphela, umbuso kaJehova. Asikwazi ukukhuluma ngomunye umbuso kakhulu. Ingoba sisuke sixwayisa uma singena kuleminye imibuso ngoba kufanele ukuthi noma ngabe sikholiwe sindawonye, kodwa singathi sikholiwe kanti ulapha ethempelini nje, wena uthi unemfihlo onayo ezokusiza, kanti mina ngiyakwazi kulokho ukuthi ngeke ize ikusize leyo mfihlo, sesabuya kuyona sonke.
33.Kuhle ukuthi leyo mfihlo leyo ngiyidalule khona la ukuthi uthi uthembile nje ukuthi, wena usazobuya uyobuza kumthandazo othile noma esangomeni noma enyangeni ethile. Kodwa lokho ngiyakwazi, sengihambe ngaze ngafika ekugcineni khona akukusizi, ekugcineni kosuku kuyogcina kuthiwa bulala ingane yakho. Uthanda kakhulu imali, ekugcineni kosuku kuthiwa awunqume nansi inkukhu le, uthathe ummese uyinqume le nkukhu, uyothi uqeda ukuyinquma inkukhu kube kufa ingane ekhaya. Awazi ukuthi ubuwenzani lapha, ngabe useMozambikhi, ngabe ukuphi. La ukhona uthi unquma inkukhu kanti sekuphendulwe inkukhu yenziwa ingane, kodwa ingane yakho uyishiye ekhaya, lapha uyayinquma ingane, lapha iyafa ekhaya, nansi into ebuhlungu.
34.Umama othanda ukuthandwa kakhulu, othanda izigqabo, othi awuthi ngigqabe lapha, awuthi ngigqabe, awuthi ngishumayeze kanance. Awuthi ngishweleze kancane, awuthi ngithi ukunukanuka lapha. Akusizi ngalutho, ekugcineneni uzonikezwa umuthi kuthiwe hamba uyophalaza emfuleni zonke izinsuku, ehlabathini, ugubhe umgodi uphalaze njalo, uphalaze, ungabheki emuva, uphalaze ungabheki emuva, iyakhula leya nyoka lapha. Kothi ngosuku oluthile uthi uyafika nansi inyoka isinkulu isingaka. Kuyokusiza ngani, ngeke kukusize ngalutho. Thina sikhulume ngombuso kaNkulunkulu ofikile phezu kwethu ukuthi sikhulume ngawo, sigibela phezu kwamatafula. Ngiyakhumbula uBaba uMelusi noMkhokheli omkhulu baya kuMzansi, baningi kakhulu abantu abaphenduka ngaleso sikhathi, bezwa into ehlukile okokuqala, beyizwa emsakazweni, beyizwa kubantu, abanganalo uvalo, abangasabi, okubonakalayo ukuthi kukhona into abayibonile, kukhona into abatshelwe yona.
35.Kukhona ukungesabi okusemathanjeni abo ukuthi noma mina wena ungathini kodwa mina ngiyazi ukuthi uNkulunkulu uthumile ingelosi phakathi kwethu,ngiyibonile ngamehlo, yakhuluma umlomo ngomlomo ngayizwa ukuthi ithini. Angifani naye umuntu othi ngizwe ngosibani ukuthi uthi, nosibanibani ukuthi uthi. Le ngelosi izokhuluma ngombuso kaNkulunkulu. Kodwa into yokuqala eyayenzayo, yafike yahlasela lemimoya le engikhulume ngayo namhlanje, ukuthi phakathi kukaJehova uNkulunkulu Wethu, unombuso wakhe anawo! Bese kuthi lelimibuso lena yemimoya nayo, inayo imibuso yayo, asiyihawukelike nokho, mihle ikhona la ebikhona, asisho ukuthi abaphethwe khona abangayi khona.
36.Ngoba nathi asithandisisi kahle ukuthi singafikelwa umuntu esingalokhu sibabaza ukuthi uyazamula sonke les isikhathi, uyazamula. Simvulele icala lokuzamula, ngendaba yokuthi asazi noma uyisangoma noma akasona isangoma. Uma esefikile layikhaya umuntu uyashiya konke ngaphandle, uyashiya yonke into, athathe yonke into aphose emgodini omude awenze ube u-six feet awushonise phansi, alahle yonke into, ayishonise phansi. Ebese efika lapha athi ngiyayikhetha iNkosi yaseKuphakameni!
37.Ukhetha uJehova oyilombuso, onalombuso lona omnandi kangaka, okhanyayo ngaphezu kwelanga nenyanga, uMkhokheli wakhona munye kuphele uJehova, iNkosi yethu enamandla. Usho njalo.
195. ISIHLABELELO
1 Ngiyalithanda ngokulizwa
Lelo lizwe elizayo,
Ngokhululwa ngilibone
Wenhliziyo yami.
38.Ilelozwe athi uma efika uMprofethi kulelizwe, ezofundisa ngombuso kaJehova ewumemezela izwe lonke, ekhuluma ngalombuso kaNkulunkulu. Wathi uma ngabe efika la wabazuza abaningi ngoba bezwa ukukhuluma okuningi ekhuluma ngoJehova. Izithunywake zikaNkulunkulu lapho ebengise khona ngabaprofethi bakaNkulunkulu. Ngoba bonke ngisho nabangaphambili kweNkosi uYeshua, noMprofethi uYeshua, kwakungabaprofethi, wathi uma efika kwase kuthiwa iNkosi uJesu uYeshua, kodwa naye wathi uma efika, isho njalo incwadi kaMathewu, ithi angizile ukuzochitha, u 5 verse 17.
39.Endlelela abantu afikele kubona abangazi lutho ngoNkulunkulu abanye, abazi ukuthi uma ngabe uNkulunkulu ethumela abantu, uthumela abantu abakhuluma indaba engafani, bengazi ukuthi uNkulunkulu uma ethuma izithunywa zakhe zonke zikhuluma ukukhuluma okukodwa zimemezela ngombuso kaNkulunkulu. Ziyawuthanda kakhulu umbuso kaNkulunkulu, ayikho into ephambili ezithunyweni zikaNkulunkulu ngaphandle kombuso kaJehova.
40.Uma ungahamba noBaba uMelusi emotweni ungawuthandi umbuso kaNkulunkulu ungabhoreka, kodwa uBaba uMelusi ukhuluma ngombuso kaJehova kuphela. Uthi uBaba uMelusi uma ehamba emotweni ethi ‘yeyi Mfundisi uyabona indaba kaNkulunkulu ukuthi inkulu? Njalo ukhuluma ngombuso kaNkulunkulu! So, akadingi uBaba uMelusi ukuthi ahlale nabantu abangamuthandi uNkulunkulu, nabangayithandi indaba kaNkulunkulu, ngoba akanayo enye indaba azoyikhuluma, uzokhuluma ngendaba kaNkulunkulu, noma indaba ephathelelene noNkulunkulu!
41.Uma kungukwakha indlu kaJehova, kungukwakha indlu kaJehova, uma kuwukushumayela, kungukushumayela ngoNkulunkulu osezulwini yena yedwa! NgokukaBaba uMelusi ngabe umhlaba wonke wase South Africa, wonke, ngabe ungamaNazaretha noma ngabe ungamakholwa kaNkulunkulu, ngoba uma uthi maNazaretha abantu abaningi bacabanga ukukholwa okuningi abakucabangayo, becabange ukuthi hhawu ukungenisa nabantu abadala, ukushiya nesihluthu ebese ehamba ephethe ubhoko, ebese ehamba engenisa abadala. Amakholwa kaNkulunkulu ngamaNazaretha kodwa kaNkulunkulu!
42.Ngabe lonke izwe, ngabe ngisho umongameli, ngabe simubala mhlawumbe ukuthi uwumfundisi ubani, uwumfundisi webandla likaNkulunkulu. Uma ekhuluma kuthi uma ezokhuluma, kuqala noma ngabe iSONA noma yini ngabe uqala eze kwabagcotshiweyo, begcotshwa nguNkulunkulu, azolalela kubona ukuthi izwe leli alitshele ukuthini, alitshele ukuthi indlela eya phambili izoya kude kangakanani! Ngiyakholwa namuhla ngabe asinazo izinkinga ezike zihlale nje, zingasuki isikhathi eside, kuhambe ogesi kungenzeki lutho, ngoba ngabe uNkulunkulu wayilungisa kudala lonto leyo!
43.Ngabe ayizange ize ibe khona, ngoba vele abantu abakade bekhona ngabe bengekho corrupt ngabe kwabantu abangayithathi imali, into ngabe izihambela nje smoothy ize iyofika ekugcineni, ngoba angiboni nami inkinga, ugesi awunankinga. Inkinga izandla ezithanda ukuba neminwe emide lapha nalapho ezithathayo lezi ezibhaliwe lapha ebhayibhelini, engathi uma ngabe uba ikholwa likaNkulunkulu noma umhlaba wonke uba amakholwa kaNkulunkulu, bese uyifunda yonke lento njalo, ibhalwe kuwena.
44.Thina siyibandla likaNkulunkulu, asiyintshontshi into, noma ngabe ihlezi kabi, uyayithatha nje uyishonise e-reception, uthi ‘nayi ngithola ifoni lapha.’ Noma ngabe kuthiwa ile ebiza kakhulu, ebiza o R30 000. Hawu ngithole ngefoni, nayi ifoni, Ngcela lo ophethe la ayibeke, nithole ukuthi ubani. Bona bayokwenza ama procedures abo bebone ukuthi umuntu utholakala kanjani noma bamubuza imibuzo ngezinto ezikhona efonini aze ayithathe umuntu ofanele. Kodwa lelo iNazaretha likaNkulunkulu, umuntu ofundile ngokukaNkulunkulu ela emhlabeni! Uma umphathe kabi umuntu, uyabuya uye kuyena uthi ngiyaxolisa mtakaNkulunkulu, bengikade ngiqhuzukile ngakhuluma kabi nawe ngcela ukuthi ungixolele. Kungabe uyakuxolela noma akakuxoleli, kodwa wena mntwana kaNkulunkulu ijokwe lakho lisukile kuwe. Awuhambi namagqubu abantu asebafa, ukuthi umuntu uyothi umbophile lapha emhlabeni, umbophile nasezulwini, uyafika phambili, ushawele ulayini wabantu bakutshela ukuthi wathi asikulinde, sikulindile!
45.Asinabo abantu abanjalo, ngoba umuntu khona lapha emhlabeni uyamutshela ukuthi hawu, hawu ngenze iphutha ngakhuluma kabi nawe, ngicela ukuthi ungixolele. Noma nginesikweletu nawe, ngiyacela ukuthi lesi sikweletu lesi ungenze ngisikhokhe kancane kancane. Kungabe ukhokha uR2 noma ukhokha i-R1 kodwa ize iphele lonto, uma isiphelile ubone nawe ukuthi weneme ulenzile iqiniso waze wafika lapho. Ngoba ikhona incwadi esho njalo lapha kulelimthetho kaNkulunkulu ukuthi njengoba uYeshua ethi ngemithetho, kukhona owokuqala, kukhona owesibili. Kukhona umthetho kaNkulunkulu othi mdumise uJehova ngenhliziyo yakho yonke nangomphefumulo wakho wonke. Bese uthi owesibili, mhloniphe umuntu ophila naye, uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.
46.Ithinake labo ngoba uma umhlaba ngampela ungase ube njalo, singaba bahle emhlabeni, ngeke kube khona zonke lezi zinto zokudlwengula nokushayana nenzondo, nemikhokha yezepolitiki ngisho neyamatekisi isithathe imiphefumulo eminingi, angeke kwenzeke konke lokho ngoba kobe kungabantu bakaNkulunkulu. Kodwa leso isifiso sabantu abagcotshwe uNkulunkulu, abakhethiwe baphambi kwethu, abafisa ngaso sonke isikhathi ukuthi indaba kaNkulunkulu yande umhlaba wonke. Kodwa yande kahle, yande ngokuthi abantu bayamesaba uNkulunkulu, ingandi ngokuthi sifuna ukuba sibe baningi nje sibe ngamaNazaretha sigcwale umhlaba wonke, kodwa sibe siqhubeka nezinto ezingalungile okufanele engabe siyazenza, senze ezingalungile, sithathe eminye imibuso sizoyifaka endaweni kaNkulunkulu.
47.Ngelinye ilanga ngangisejimini, ngizwe enye insizwa ithi ‘sekunzima manje ukuhlukanisa ukuthi lo muntu isangoma noma iNazaretha yini!” Ngithi “usho ngani?” Uthi yena “cha, uthi ubona isihluthu, ubone neziphandla ezinde ezingalweni.” Ewu, kwadinga ukuthi ngichaze ngize ngibe mfishane ukuthi konakale kanjani and uNkulunkulu usekulungise kanjani lokhu. Ngoba uNkulunkulu mdala maNazaretha kaNkulunkulu, into mayonakala uyayilungisa. Uma wena ungena ebugqilini uyakukhipha ebugqilini, akusho ukuthi okwenzekile uNkulunkulu akakwazi ukukukhipha. Ukwazi ukwenzela yonke into uNkulunkulu, kodwa uma uyendlala kahle ngezikhathi zonke inhliziyo yakho emkhondweni yezimemezelo zezwi lakhe.
48.Ngiyamuchazela, cha mfo wakithi, ngokomthetho bekufanele engabe kwasiphandla leso esibonakala sisodwa ngabe asingenanga esontweni, ngoba inkulumo yaso, nalembuzi eyafayo, yayingakhulumi ngaye uNkulunkulu, yayikhuluma okunye ukukhuluma, kodwa namhlanje lo muntu isiphandla usifake esontweni. Ngase ngithi ‘ungibona nginjena nje, anginaso isiphandla, ngiliNazaretha likaNkulunkulu!” Ngase ngiba nengcwadi engithe akayifunde, u-Hezekiah 37 verse 1 engithena, uBaba uMelusi uthe uma ngabe eseshumayela phakathi kwethu. Le ncwadi wafike wayifunda. Kwase kuthi thina ngabanye ngabanye esibonayo ukuthi ithina laba ebesifile kodwa esesivukile ngezwi lakhe uJehova. Kwase kubuya futhi, kubuya umsebenzi kaNkulunkulu, usubuyela kuyena uJehova.
49.Wawazi yini ukuthi uma ngabe izingelosi zibingelela ezulwini zithi “Makabongwe uJehova, zithi makube ludumo emhlabeni nakweliphezulu.” Zibingelelana ngoJehova. Azisho ukuthi sawubona, unjani, usaphila? Lutho zibingelelana ngoNkulunkulu, ngoba ziyazi ukuthi ziphilela uNkulunkulu, abantu abaphilela uNkulunkulu!
Isihlabelelo 195
4. Nguyena owangithanda
Ngalithanda ngokulizwa
Lelo lizwe elizayo
Wenhliziyo yami.
50.Hezekiah 37 verse 1.
“Isandla sikaJehova sasiphezu kwami, sangikhipha ngoMoya kaJehova, sangibeka phakathi kwesigodi, sasigcwele amathambo. Wangidlulisa kuwo, ngawazungeza, Bheka ayemaningi kakhulu ebusweni besigodi, futhi Bheka ayomile kakhulu. Wayesethi kimi, “ndodana yomuntu, lamathambo engaphila na?” Ngathi “Nkosi Jehova, wena uyazi. Wayesethi kimi, “profetha phezu kwalamathambo, uthi kuwo, “nina mathambo omileyo, zwanini izwi likaJehova.
51.Isho kanje iNkosi uJehova kulawa mathambo, ithi, “bhekani, ngiyakungenisa kini uMoya niphile, ngiyakubeka imisipha phezu kwenu, ngihlumise inyama phezu kwenu. Nginimboze ngesikhupha, nginike uMoya niphile, nazi ukuthi nginguJehova.”
52.Zinjaloke izithunywa zikaNkulunkulu, uma befika abaprofethi bathi uJehova uthi, uma efika uYeshua uthi “uJehova ungithumile phakathi kwenu, kodwa angizukuchitha nawo wodwa imiyalo kulena eniyifundileyo, kuze kuyoshona izwe, kube liyagcina izwe, angikuchitha noyedwa kuleyo myalo. Uma efika uMprofethi kithi, ngicela ufunde umqulu wokuqala lapho uMprofethi ebuyisa khona iSabatha, uJehova ethi akabuyise iSabatha. Page 109, Isigaba 50 from verse 1.
Isihlabelelo 195
3 Wenhliziyo yami
Unga mdeli uJehova,
Ulidwala lenhliziyo yami
Ungumthunzi wokuphephela.
53.Indaba ka-Isaya Shembe umqulu wokuqala page 109 isigaba 50 verse 1-7. “Kwathi sisentabeni eNhlangakazi ngo Masingana ka 1922, uShembe wathi “UBaba ezulwini nami safihla into lapha entabeni ngesikhathi imibuso emkhulu yasemhlabeni ibulala usuku lukaJehova iSabatha, uNkulunkulu owadala izulu nomhlaba nezinto zonke, waphumula ngosuku lweSabatha. Wathi anogcina usuku lweSabatha, niphumule ngalo. Ayesegijima amaNazaretha esebona umphumela omuhle, ayesethi amakholwa ayekhona ngaleso sikhathi “siyacela ukuthi usivumele nathi, usicelele kuNkulunkulu ukuthi uNkulunkulu asinike nathi iSabatha.
54.Ibandla lase licela kuMqaliwendlela kuShembe ukuba uNkulunkulu alubuyise kubo lolusuku. UShembe waphendula wathi cha bantabami ngiyesaba ukuletha lesi sicelo senu kuJehova, ngoba uma into ilahlekile ekhaya, ayikwazi ukubuya. Uma lolusuku luba nzima ukulugcina, niyokwenzenjani, balichitha lolusuku, ngeke lubuye, uma ningaligcini luyobulala nina nabantwana benu kanye nezizukulwana eziyolandela. Ngakho-ke ngiyesaba impela ukunicelela kuJehova.”
55.Ibandla lakhala ngoba befuna ukuba lolusuku lweSabatha lubuye kubo, njengoba base bezwile ngemithetho nangezibusiso zalo. Bathembisa ukuthi bayozama kakhulu ukugcina imithetho nezimiso zonke zeSabatha. Kwathi emveni kwezinsuku ezimbalwa ibandla lenze lesi sicelo, sisekhona entabeni, uShembe wasukuma kulo ibandla wathi, bantabami ngiyanazisa ukuba uJehova usamukele isicelo senu sokunipha usuku lweSabatha. Kodwa angazi ukuthi kuzokwenzeka kanjani, kusukela namuhla usuku lwesonto ebenikhonza ngalo, alusekho phakathi kwenu, namuhla sibuyela kusuku lukaNkulunkulu iSabatha owaphumula ngalo emva kokudala izulu nomhlaba. Wayaleza ukuba nathi siphumule ngalo! Namuhla ngibeka lelijoka phezu kwamahlombe enu, abantwana benu, nezizukulwana ezizayo.”
56.Siyilezo zizukulwane maNazaretha kaNkulunkulu, ezinikeziwe umthetho kaNkulunkulu ukuba ziwugcine. Umthetho kaNkulunkulu ukuze kube wamukelwa ngabantu izithunywa zikaNkulunkulu ziqala zichaze ngobuhle obenzakalayo uma umuntu enoNkukunkulu, uma umuntu ehamba noNkulunkulu. Zichaza yonke indaba ngoba zingothisha, zifundisiwe ezulwini ukuthi uma ngabe ufunda, kufanele wazi ukuthi yini injongo yakho yokufunda le module oyifundayo, noma ngabe ufunda siphi isigaba, kufanele wazi ukuthi ekugcineni kodwa uma sengiyifundile yonke lento engiyifundayo, mina ngizotholani.
57.Lapha-ke sithola ukuthi uMprofethi kulomthetho weSabatha, kwiSabatha uchazile ukuthi kuba kuhle kangakanani uma umNazaretha egcina iSabatha. Kuba kuhle kangakanani uma umuntu ophilayo emhlabeni egcina iSabatha. Wakubika konke, wakusho konke, kwase kuthi bonke laba abantu abalalele, base bethi hhayi ngeke, siyasala thina lapha, uNkulunkulu siyathanda ukuthi asilalele, asiphendule futhi ngaso isikhathi, ukuze sibone ukuthi sinoNkulunkulu wo-Abraham, sinoNkulunkulu wawoJakobe, okungenani phakathi kwalendawo sinaye uNkulunkulu maNazaretha ayingcwele.
58.Ziningi izinto engike ngithi uma ngithi ngiyayixoxa lapha ngisabe ngithi eyi uBaba uzoyixoxa ethempelini, bese kuvela kuhlekwe, okunye ngihobe! Ngixoxe lokhu okunye, ngixoxele uMkhokheli, ngixoxele uBaba, ngibe ixoki nje elixakile, kodwa ngisuke ngibona ukuthi ekugcineni kosuku uma izwakala lento kuthiwa ngamanga!
59.Iphoyisa lalapha e-Pinetown yegadi lijaha abantu bathathu bephethe izibhamu, kade belidubula, lingadubuleki igadi, izimbobo zingemuva e-bathroom la elincike khona. kodwa emzimbeni walo akukho neyodwa imbobo. Kodwa licosha itshe, limjaha ngetshe, liyobakhipha bagibela bayawa, omunye cishe waze wawelwa isibhamu, bayoshona ngale kothango. Ivideo ephathekayo ekhona, ngiyithunyelwa iphoyisa, manje ngaphuza ukuyibona, liyathetha leliphoyisa, lithi hawu wangangiphendula ngikusendela i-video ehlekisa kanje.
Eyi kanti akazi, ngishawa uvalo ukuthi uNkulunkulu simukweleta ngokuningi kakhulu asenzele khona, sidinga engathi sibonga, angazi ngokunjani. (Umfundisi uMdlolo unenkampani yonoGadi ohlale enikelela onogadi bakhe ukuthi bengabulawa izibhamu. Yiyo okwathi kunezibheli zangoJune KwaZulu-Natal, yavikela zonke izinkampani nezitolo oziqaphile ngempumelelo.)
60.Kodwa isho njalo ingoma yamakholwa, ithi “anginakho okwanele, ngizokunika uqobo lwami, ukuthi uma kuthiwa akusetshenzwe, usukume nawe uhambe uyosebenza, uma kuthiwa akunikelwe, kungenzeka unganikeli. Noma ngabe uphethe malini, hamba unikele nawe. Ube khona endaweni kaNkulunkulu. Ukuze uma sebebalwa abantu, kuthiwa abantu ababekhona babebangaka, kwaba ukuthi nokuthi, ungasali, ngoba uyohlungeka usale kubantu, kanti nawe igama lakho belizobalwa. Ungathi hhayi mina nginezono, hamba nawe wenze njengabanye abenzayo, wenze nawe, khona uNkulunkulu ezokukhumbula kanye nabo abantwana bakhe.
61.Manje izinto ezenzeka ngaleliSabatha nangokugcina lo mthetho kaNkulunkulu izinto ezimangalisayo, umuntu ethi komunye, hawu wena, wena unomuthi. Eyi kuthi ngihobe kancane, ngizothi umuthi muni nami, anginawo umuthi mina, nginoNkulunkulu, hhayi umuthi, ngimtshele, nginoNkulunkulu kuphela, kodwa indaba kaNkulunkulu iyisimanga ngoba ayithembakele ukuthi uma ukhuluma ngayo yiyo ngampela. Kuba sengathi kukhona imfihlwana onayo engathi kukhona into enye onayo. Kanti njengoba sishumayela kanjena, sishumayela izintshumayelo zethu zibuye zihambe ziye ku Facebook, abantu abayibone imfihlo yethu ukuthi ikuphi nendawo.Nabo bekuthande ukuthi bebe nayo le mfihlo esinayo ngoba ayiyona imifhlo.
62.Ngake ngafunda incwadi eyayithi izinto zabantu ama witchcraft ziyizimfihlo. Lena kaNkukunkulu indaba uyaphuma ume phezu kwetafula, ukhulume ngawo umbuso kaJehova, uthi wozani embusweni kaNkulunkulu, nibe nalezo zihluthu enafika emhlabeni ninazo nezintshebe zenu ezinhle, nizibeke. Akusho lutho noma ngabe uyiphoyisa, noma uyi-security, umsebenzi wakho uyowenza kahle, noma ngabe uyi sosha, uyowenza kahle ngaphandle kwenkinga. Nanka ama Islamic State, anamasosha anezihluthu, mahle!
63.Kusuke igenge emhlophe lana ibona imali phesheya, ihambe iye laphana iyosebenza khona, uyabuya umuntu unesihluthu esingaka. Hawu kanti umuntu, athi hhayi akugundwa phesheya kodwa ngizogunda njengoba ngifika manje. Usethole inhlanhla yokuhlangana nabantu abaziyo ukuthi into kaNkulunkulu awuyisusi, kodwa kuphela uyayinakekela ibe yinhle, isihluthu sakho sicwebezele ube muhle njengathi njengoba sicwebezela, siyacwebezela! Sibahle, siyacwebezela. Uma sihlangana nabantu umuntu okhonjwa kuqala ukuthi ubani ongakukhulumela abantu, kubizwa mina kuqala.
64.Ngisukume ngime ngezinyawo, ngibakhulumele, kuthiwa Mr Mdlolo, please speak on behalf of them. Ngithi iyaa, angazi lutho, angilutho emhlabeni, kodwa ngoNkulunkulu siba utho. Silalelake bangcwele lezi zithunywa ezilapha kule quorum yombuso kaNkulunkulu, i-quorum yomunye umbuso, esingayazi ukuthi yavela kanjani, nanokuthi imi kanjani njani, thina sazi lena yethu i quorum yombuso kaNkulunkulu.
65.Lezi zithunywa lezi uma uzilalele kahle, awukwazi ukugudluka endleleni. Ngoba njengoba kukhuluma lapha uHezekeli, uHezekheli uthi iSandla sikaJehova sasiphezu kwami. Wayesebona, uJehova emkhombisa isigodi esinamathambo axakile, amaningi, asomile impela ukuthi ngeke esakwazi ukubuye ephinde ephile, okwase kukuthi iminyaka ngeminyaka ngeminyaka lamathambo ekhona laphana, awanasicucu, awanalutho.
Wathi uJehova kuyena uHezekheli uma uwabheka lamathambo asengaphila na? Wathi angazi Nkosi yami, angazi Nkulunkulu ukuthi kungenzeka yini lokho.
66.UNkulunkulu wathi profetha phezu kwawo, umoya awubuyele kuwona, kuwona, nenyama iphinde ibuyele kuwona. Ithina labo maNazaretha kaNkulunkulu okuthe uma kufika izwi phezulu kwethu salemukela, salibamba ngezinhliziyo ezimhlophe, namhlanje silapha, sisuke kudala lapho esisuke khona, uma singakuxoxela izimanga sikulelibandla lamaNazaretha kaNkulunkulu, ungahleka uthi hawu kukhona abantu abanjena kanti abake bahujwa, ngisho nabantu bashawa nangamatshe, benziwa yonke into, bacishe ukudutshulwa ngabantu ngale emjondolo kuthiwa siyasuswa. Kodwa namhlanje leyo ndawo ayikaze ibe nomjondolo, isahlezi kanjalo ikhona. Inkinga kwakuyindaba kaNkulunkulu, kwakuyilombuso kaNkulunkulu ofikayo phakathi kwabantu. Uxoshwa, kuthiwa sukani eduze kwethu ningabi eduze kwethu!
67.Kunjalo-ke, indaba kaNkulunkulu ayikho lula, uma uyikhuluma, awuyikwehlela mlingo, uthole ama million, utholakale usuno 10 million ephaketheni ungazi ukuthi uthathephi. Uzosebenza nje, uNkulunkulu akuphe umsebenzi omuhle usebenza kahle. Ngizonqamuleza ngehlele ngezansi bangcwele. Bengikhuluma ngombuso kaJehova okuncike kakhulu kuwona ukuba ulalele izithunywa zikaNkulunkulu, ukuze uwubone umbuso wakhe uJehova ngelanga lokugcina. Uphinde futhi uthi ulapha emhlabeni, ungadingi ungesweli. Usho njalo uMprofethi uma esifundisa ukuthandaza kwasekuseni ngo 4, uthi ‘ibusise Nkosi imisebenzi yezandla zethu, singadingi singeswelo, thina bantu bakhe.’ Aphinde asho ukuthi ‘yise wabo bonke abamukhonzayo.’ Ethi busisa ukuvuka kwethu kwanamuhla, usigcine ngomusa wakho.’ Esifundisa ukuthi konke esinakho kuvela kuNkulunkulu. Lapha emhlabeni uNkulunkulu uyakubusisa, nasezulwini aphinde akubusise futhi. Uma ungaphansi kwalombuso kaJehova, ungancethezi, ungayi ngapha uye ngapha, umbuso kaNkulunkulu, uNkulunkulu unomhawu, and into engenziwa uNkulunkulu kuwena ngokuthi umshiyile, waya kwabanye onkulunkulu, asiyazi thina, yaziwa uyena uJehova kuphela. Ngoba kuyicala elikhulu ukuthi ungasuka kuJehova uNkulunkulu wethu uthi uya komunye unkulunkulu ngoba kasazi, nguyena impela uNkulunkulu owaziyo, ushilo wathi unomhawu, ushaya ashaye ngisho isizukulwane sesithathu ngenxa yento eyenziwe uwena ngesikhathi.
68.MaNazaretha kaNkulunkulu asime isibindi, simumele uNkulunkulu emhlabeni, sibe isibani esikhanyayo njengokusho kukaYeshua, sibe uSawoti omuhle emhlabeni okhuluma izwi likaJehova. Ukuze kuthi nemiphefumulo yethu noma sesihambile emhlabeni uNkulunkulu abe nendawo enhle ayowubeka kuyona.
INkosi ibusise izwi layo.