“Kumele umuntu azi ukuthi uma esuka lapha emhlabeni, sekufike izinsuku zakhe, uyaphi?
Ungathi uma ujabule, ujabule wedwa, ubofuna ukujabula noNkulunkulu, ukuxwaye ukujabula wedwa! Ukujabula wedwa kokwenza ukuthi uNkulunkulu asuke kuwe!
Ngakho ngaso sonke isikhathi uboqala ngokufuna into ezojabulisa uNkulunkulu, uyenze, bese uthi noma ujabula, wazi ukuthi noNkulunkulu uyajabula…(Amazwi akhulunywa yiNgelosi uHlaleleni)
Imini yesabatha ayibenhle kwabangcwele.
Isihlabelelo 85
1.Ngonile ebusweni bakho
Nasebusweni bezulu
Iso lami lingonisile
Ngayephula imithetho.
2.Ngehlulwa ngowokuqala
Emithethweni elishumi
Owesibili ngingewunamathe
WeNkosi yoxolo.
3.Abaphula lemithetho
Bayokhandwa ngamatshe
Abazange bahawukelwe
Ngoba yini mina soni.
4.Sengonile nangolimi lwami
Ngakhuluma inkohliso
Sengonile nangenhliziyo yami
Ngacunuka ngayo.
5.Sengonile nasengesandla sami
Ngaphatha okungafanele;
Sengonile nangonyawo lwami
Ngahamba ehlazweni.
Isihloko salentshumayelo sithi:
UYEZA UMHLA WOKUPHELA
1.Ukuba kuya ngami bonke abantu abahlakaniphile bekufanele bayithole enye ingxenye yalenkozo. Kodwa okwamanje angizukusisho isizathu salokho.
2.KuMathewu 13:11-23 uYeshua wakhuluma lamazwi kubafundi bakhe:“Nina niphiwe ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu; kodwa bona abakuphiwanga lokho. Ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa, kuvame; kodwa lowo ongenakho, uyakwamuka nalokho onakho.
3.Kungalokhu ngikhuluma kubo ngemifanekiso, ngokuba noma bebona, kababoni, noma bezwa, kabaqondi. Yilowo nalowo olizwa izwi lombuso engaliqondi, ufikelwa ngomubi ohlwitha okuhlwanyelwe enhliziweni yakhe. Kepha ohlwanyelwe emhlabathini omuhle, nguye olizwa izwi, aliqonde, athele impela isithelo.”
4.Lamazwi kaYeshua ayisiminya. Njengoba silapha asifani, futhi asisoze safana. Kunabantu abaphiwe ukwazi izimfihlo zasezulwini. Uma wena ungenaso leso siphiwo, musa ukuphoqa, uthi ngoba lo unjena, mina bengingebe njengaye ngasizathu sini, ngoba siyefana!
5.Uma kuye kwakwazi ukufika ingelosi yahlala naye, kimi ingefike ngani? Unamanga lo, akukho ngelosi lapha! Uthi-ke uYeshua, leso simo sokungaqondi siyaye sidale ukuthi wena ongenakho ukuqonda, bese uSathane angena kuwe, akuhlwithe!
6.Inkinga enkulu ezosa amaNazaretha amaningi, nabanye bemindeni yakwaShembe ekulahlweni, yileyo! Uthi-ke uYeshua: “Yilowo nalowo olizwa izwi lombuso engaliqondi, ufikelwa ngomubi ahlwithe okuhlwanyelwe enhliziweni yakhe.
7.Kepha ohlwanyelwe emhlabathini omuhle, nguye olizwa izwi, aliqonde, athele impela isithelo.”
8.Lingaka sungulwa lelibandla ngangino mfowethu wakwaMpanza esasizwana kakhulu naye. Kodwa wake wezwa ukuthi sengiphumile eBuhleni, ngasungula ibandla, waqoqa sonke isiMpanza esingamaNazaretha, bakhipha umnikelo bayothi kuShembe uBaba uThingo, ngalomnikelo bayangikhipha esibongweni sakwaMpanza!
9.Bangagcina lapho, babulala nembuzi, babikela umndeni wakwaMpanza ongasekho ukuthi bayangikhipha esibongweni sakwaMpanza, ukuze lesi sono engisenzile singabathinti bona nemindeni yabo, base benza nezinye izinto ezizokwenza lelibandla lichitheke!
10.Lomfowethu, akukho nolulodwa usuku lapho owake weza kimi wazothi: “Mfowethu, yini le engiyizwayo, usuwenzani manje?”
11.Kodwa kunguye oseduze kakhulu kwami, wavele waqoqa umndeni wakwaMpanza, wenza lento engithi wayenza!
12.Akuthathanga amasonto amabili eyenzile lento, wavele wafa, kwavukwa nje esefile, kungaziwa ukuthi ubulelwe yini!
13.Kodwa mina ngiyazi ukuthi lokhu kufa kwakhe kwakuhlangene nalento owayenza, ngoba ngisho uSheme uBaba uThingo akayijabulelanga lento! Mina ngezwa sengitshelwa ngezinye izingane zakwaShembe!
14.Njengoba uYeshua esho, leso simo sokungaqondi siyaye sidale ukuthi abanye abantu abanganakho ukuqonda, bese uSathane engena kubo, akuhlwithe, uzithola usuwenza isono mhlawumbe esingenantethelelo!
15.Angingabazi ukuthi lomfowethu lapho ekhona usesigodini sosizi ngenxa yomona owamenza walwa nento ongayazi! Ngiyazi ukuthi nami kuzofika isikhathi esithize ngedlule emhlabeni; futhi ngiyazi ukuthi ukufa kwami kowajabulisa kakhulu amanye amaNazaretha, ngokucabanga ukuthi ngokufa kwami lelibandla likaJehova lophela!
16.Kodwa futhi engikwaziyo ukuthi mina ngizofa ngiye ezulwini, mina kwelizayo ngoba naye uBabamkhulu, ngoba nayo iNkosi iLanga neNyangayezulu, mina ngiyohlala ngakwesokunene sikaJehova uNkulunkulu wethu!
17.Thina sibe nenhlanhla yokuba sihlale nengelosi, isifundise konke okungenza ukuthi ekufeni kwakho ungawuboni umbuso wezulu, nento engenza ukuthi ekupheleni kwezinsuku zakho, ufike uhlale ngakwesokunene sikaNkulunkulu.
18.Kodwa labo abojabulela ukufa kwami, bayofana nalomfowethu engikhuluma ngaye, bazoya ekulahlweni, lapho kunokukhala nokugedla amazinyo!
19.Njengoba siphambi kwenu nje, siphiwe ukwazi izimfihlo zombuso wezulu. Kodwa ayikho into esingakuchazela yona ukuthi lokho kwenzeke kanjani, kungani ezulwini kwakhethwa thina ukuba kusuke ingelosi ezulwini izohlala nathi, into engingakaze ngizwe ukuthi yake yenzeka!
20.Nathi sabona sekufika ingelosi izohlala nathi, isisitshela izinto eziningi ngemfihlo yombuso wezulu!
21.Le akusiyo into uma uhlakaniphile okufanele uyifise, noma uyifune ngenkani, njengoba abanye benza njalo!
22.Kunabantu bakwaShembe, namanye amaNazaretha azoya esihogweni, ngoba basilwisa ngento abangayazi, nathi futhi esingayazi!
23.Kwenye yezintshumayelo zethu kukhona ozibiza ngokuthi uPhakama Indonsa Shembe, obhale kanje kuyiPost yami:
24.“Ubani owathi shumayela ngoShembe ube unguMpanza? Awukhulumi ngani ngalodoti wakho oholwa uHlaleleni esingamazi?”
25.Ngikholwa ukuthi lo ongithukayo lapha iloPhakama ongomunye wabaholi bakwaShembe. Lomfana sekuyacaca ukuthi uma lento engayibhalanga ephuzile, ngoba isikhathi esiningi ehlale enjalo, manje usengenwa ukuhlanya!
26.Kodwa lenkulumo yakhe iyababusa kakhulu abanye bamaNazaretha nasemndenini wakwaShembe, ukuthi nje engikusola ngaye ukuthi ubhale edakiwe!
27.Umuntu-ke odakiwe uyaye akhulume into esenhliziweni yakhe, kodwa bese kusho ukuthi uyikhuluma edakiwe!
28.Kodwa angikhulumi ngalokho, kepha ngikhuluma ngokufa, ngikhuluma ngokwahlukana komphefumulo nenyama!
29.Njengoba eshilo uYeshua, singabantu abavezelwe izimfihlo zasezulwini umhlaba wonke ongazazi!
30.Kukhona umehluko phakathi kokuthatha iBhayibheli ulifunde, bese uyakholwa, noma ushunyayezwe ngumuntu noma ngabantu, bese uyakholwa, kunokuba kusuke umuntu ezulwini ezokufundisa ngokuseBhayibhelini.
31.Uthole ekuchazela ukuthi lokhu okwakushiwo nguJehova kubantwana bakwa-Israel ngombuso wezulu, namanje kusenjalo, uNkulunkulu akaze ashintshe lutho!
32.Nawe futhi usibone sonke isimo salomuntu ukuthi uvela ezulwini, uzongifundisa ngempilo yasezweni nami engogcina ngikulo!
33.Ngiyathanda ukuba ngikhanyisele bonke abantu abakholiwe ngesimo sombuso wezulu! Lapha uma ngikhuluma ngamakholwa, ngisho amaKrestu, amaMoslems namaNazaretha; ngingazishiyi ezinye izinkolo ezikholwa kuNkulunkulu oyedwa, okunguJehova!
34.Onke amakholwa kumele aqonde ukuthi uNkulunkulu wethu Munye, nguJehova; umthetho kaNkulunkulu wethu Munye, yilo uJehova owawunika uMose wathi akasifundise wona.
35.Ibandla likaJehova libizwa ngokuthi NGABANGCWELE, okusho labo abahamba ngezimiso zikaJehova, abagcina umthetho kaJehova!
36.Umbuso wezulu Munye, ungokaJehova, kuwo kuphilwa impilo eyayiphilwa ngabantwana bakwa-Israel besahamba noJehova, okungukuhamba ngeziMiso zikaJehova! Umuntu ukuze angene ezulwini kumele ahambe ngaleyo Ndlela!
37.Yikho uYeshua wathi uma sithandaza wathi asocela kuNkulunkulu UKUBA INTANDO KAJEHOVA YENZIWE EMHLABENI NJENGOBA YENZIWA EZULWINI. Kusho ukuthini lokho? Kusho ukuthi izimiso, noma umthetho kaNkulunkulu awugcinwe emhlabeni njengoba ugcinwa ezulwini.
38.Kungasisiza ngani ukugcina umthetho kaNkulunkulu sisemhlabeni njengoba ugcinwa ezulwini? Buka impilo yabantwana bakwa-Israel ukuthi yini abayithola besahamba noJehova, bese uzibuza futhi ukuthi wathini uYeshua ngombandela wokungena ezulwini kuMathewu 5:19?
39.Kukhona ingozi ekhona enkolweni yobuKrestu, okothi abalandeli bayo bechithe isikhathi bekholwa, kodwa ekugcineni bezithole bengasangeni embusweni wezulu!
40.Okokuqala amaKrestu akakwazi ukwahlukanisa phakathi kwenkolo kaJehova nenkolo yobuKrestu; abakwazi ukwahlukanisa phakathi kwaJesu noYeshua!
41.Ngalokho bayaye bacabange ukuthi ubuKrestu, okuyinkolo yabezizwe, nenkolo kaMose, okuyinkolo kaJehova, yinto eyodwa!
42.Kodwa ukukwazi ukuthi lezi zinkolo ezimbili zehlukene akudingi ukuthi uze uyofunda umlando ngakho, ngoba yonke into iphambi kwakho!
43.Inkolo kaJehova uyilandela ngokugcina umthetho kaJehova, kanti inkolo yobuKrestu uyilandela ngokuchitha yonke imithetho kaJehova! Angidingi ukuthi ngize ngibale imithetho echithiwe, ngoba yonke imithetho kaJehova ichithiwe enkolweni yobuKrestu!
44.Bazisholo bona ukuthi sebesenkolweni entsha enesivumelwano esisha, ngakho ke abasaphili ngaphansi kwesivumelwano esidala; besho umthetho kaJehova owawuletha kithi ngoMose! Ngakho-ke uma usenkolweni yobuKrestu, kumele wazi ukuthi wenzani!
45.Asisho ukuthi abantu abayeke ukuba senkolweni yobuKrestu, kodwa esikushoyo ukuthi bengadideki, abangazikhohlisi ngokuthi inkolo kaMose nenkolo yabezizwe, okungubuKrestu, inkolo eyodwa!
46.Noma amaKrestu, ngokungazi, ubezwa ekukhulumeni, ekuthandazeni nasemahubeni abo, behlanganisa uJehova noJesu, kodwa bahlanganisa izinto ezingahlangene, futhi enkolweni yabo uJehova uchithiwe, njengoba engekho nakuyi Testamente Elisha!
47.Esikhathini esiningi amaKrestu abengazi lutho ngoYeshua, kodwa sekuthe uma sebethola ukuthi okuseqinisweni okukhulunywa ngaye kuyiTestamente Elisha nguYeshua, base bethi “uJesu” “noYeshua” ngamagama amabili omuntu oyedwa!
48.UYeshua kwakunguMprofethi esizweni samaHebheru, uJesu uvela kwabezizwe, angazi-ke ukuthi ngizothi unasikhundla sini, ngoba ubizwa ngamagama amaningi!
49.Kodwa uJesus noYeshua ngabantu abehlukene, abavela ezizweni ezahlukene, ngezikhathi ezahlukene!
50.Lokho ngikuveza ukuze umuntu ongumKrestu azi ukuthi imfundiso yethu ingoJehova noYeshua, ayikho ngoJesu, futhi lapha sikhuluma ngenkolo kaJehova eyasungulwa emhlabeni nguMose esizweni samaHebheru, esagcina sesaziwa ngokuthi ngabantwana bakwa-Israel!
51.Ekuqaleni ngithe ukuba kuya ngami ngabe wonke umuntu ohlakaniphile uyayilalela kahle enye ingxenye yalentshumayelo, ayidlulisele nakwabaningi, ngoba ukukhuluma okulandela lapha akukho emhlabeni, uyokuthola kulelibandla kuphela!
52.Kodwa noma kunjalo, kungukukhuluma okuthinta wonke umuntu ongaphansi kwenkolo kaJehova, kuhlanganisa namaKrestu!
53.Ngoba noma amaKrestu amaningi engazi ukuthi basenkolweni eyasungulwela ukuqeda inkolo kaJehova, kodwa iningi labo likholwa kuJehova ngokweqiniso, noma bengafundisiwe ukugcina umthetho kaJehova!
54.Ekuqaleni ngithe sibe nesiphiwo sokuba sazi izimfihlo zasezulwini ezingaqondwa ngabantu, ngaphandle kwalabo ababenenhlanhla okukwazi lokho! Ingelosi iyaye ifike kithi, isingenise eklasini, isifundise izinto zasezulwini eziningi!
55.Kodwa namuhla ngikhethe ezimbalwa, kodwa ezidle ngokuqinina, ngoba ngokwami, ngibona zisithinta sonke! Engizokukhuluma lapha kungamazwi engelosi! Ngethemba akakho kithi owake wezwa ingelosi ikhuluma noma ishumayela!
56.Ngakho-ke ngizocela siyilalelisise kahle, ngoba angizukunciphisa, kumbe ngenezele kokukhulunyiwe! Uma uNkosazana uHlaleleni esifundisa, wakhuluma lamazwi:
57.“Kumele umuntu azi ukuthi uma esuka lapha emhlabeni, sekufike izinsuku zakhe, uyaphi?
58.Ungathi uma ujabule, ujabule wedwa, ubofuna ukujabula noNkulunkulu, ukuxwaye ukujabula wedwa! Ukujabula wedwa kokwenza ukuthi uNkulunkulu asuke kuwe!
59.Ngakho ngaso sonke isikhathi uboqala ngokufuna into ezojabulisa uNkulunkulu, uyenze, bese uthi noma ujabula, wazi ukuthi noNkulunkulu uyajabula, bese kuyakujabulisa ukwazi ukuthi kukhona into engiyenzele uNkulunkulu!”
60.Noma silibandla elincane njengaleli esinalo, kodwa sithe ngaphambi kokuba senze noma yini, sanquma ukuba sakhele uJehova indlu yakhe! Sikwenzeleni lokho? Ku Samuel wesibili, isahluko 7:5-7 kuthi:
61.“Hamba uyitshele inceku yami uDavide ukuthi: “Usho kanje uJehova, uthi uyakungakhela indlu ukuba ngihlale kuyo na?
62.Ngokuba angihlalanga ndlu kusukela osukwini engakhuphula ngalo abantwana bakwa-Israel eGibhithe kuze kube namuhla, kepha ngangilokhu ngihamba ethendeni nakuyitabanakele.”
63.Nathi lokhu saqala lelibandla uJehova uhamba nathi, kodwa asikaze simakhele indlu! Ukujabula kwethu kuphelele ngoba sesiqalile ukuyakha indlu kaJehova, futhi sizokuyiqeda!
64.Kodwa asizange selulekwa nguNkosazana ukuba sakhele uJehova indlu, kwazisukela nje ezifisweni nasezinhliziweni zethu! Sizama ukujabula noJehova!
65.Sake sasho esikhathini esiphambili ukuthi ingelosi yabuza kithi ukuthi uma singase sithole u 40 million rand, singawenzani? Sase sisho lokhu nalokhuya.
66.Yabe isithi ingelosi, kumele sazi ukuthi kuyo yonke into onayo, okweshumi, noma u10% ungokaNkulunkulu.
57.Ngaso sonke isikhathi uma uNkulunkulu ekunika into, ubuzobuza ukuthi njengoba uNkulunkulu enginika lemali, ufuna ngimenzeleni, bese umenzela lokho osukucabangile ukumenzela khona!
58.Ithi-ke ingelosi: “Ayikho into ejabulisa uNkulunkulu njengokuthi uma unemali, udale imisebenzi, ngoba ngokudala imisebenzi, ulekelela uNkulunkulu ekondleni izihlupheki ebezizolokhu zikhala kuye zicela umsebenzi! Manje wena ngemisebenzi oyidalile, umenza ajabule uNkulunkulu ngokuceba kwakho!
59.Kuthe nawe ujabula ngokuthola imali, noNkulunkulu wayejabula ngokuba wandise imisebenzi, wondla abantu bakhe! Iyaqhubeka ingelosi ithi:
“Amasango asezulwini ayongenwa ngabantu abafaneleyo. Kukhona into abantu abangayazi, ukuthi noma ungaba mkhulu kangakanani, noma ungathandwa kangakanani, ulandelwe zinkulungwane nezigidi zabantu, noma ungaba namabandla amakhulu adlula awabanye, KODWA YINYE INTO EFUNEKA PHAMBI KWANKULUNKULU, uNkulunkulu ufuna ukwazi ukuthi umuntu ngamunye USEBENZELA KUPHI, UBEKHONZA BANI ESESEMHLABENI?
60.Noma ngabe uyisicebi, noma uyahlupheka; akakho umuntu oyolahlelwa ukuthi ubeyimpofana, akakho umuntu oyolahlelwa ukuthi ubeyisicebi, akakho umuntu oyolahlelwa ukuthi ufundile, akekho umuntu oyolahlelwa ukuthi yena ubengafundanga; kodwa UMUNTU ULAHLWA YICALA OLENZILE phambi kwaNkulunkulu!
61.Noma ungalandelwa izigidi zabantu lapha emhlabeni, kodwa uma unecala olenzile, liyothethwa, uyokuma phambi kwaMahluleli akwehlulele ngecala olezile; sewufike nazo izigidi, nazo izigidi azinakungena ezulwini ngokulandela wena, kodwa umuntu ngamunye uyongena ezulwini ngokwemisebenzi yakhe!
62.Uma ukufa sekumi phambi kwakho, buyaphela ubunjinga, ziphele izimoto ezigcwele igceke, noma abantu bebekuthanda kangakanani, uhamba ngebhanoyi lakho, kodwa konke kophela uma ukufa sekumi phambi kwakho, sekufuneka IZIMFANELO EZIFANELEKILE UKUTHI NGAZO UNGENE EZULWINI, NOMA UYE ESIHOGWENI, UYE EKUBHUJISWENI!
63.Ayofika amathimba ehlukene eminyango yasezulwini neyasesihogweni, nawo ezobona ukuthi ngabe uyalahlwa yini? Abanye bezobona ukuthi utholakala umuhle yini, ukuze angene nawe ebuhleni basezulwini!
64.Uma ungakulungeli ukuya ezulwini, ngokwahlukana, lawo mathimba ayokuthatha akuse lapho ubusebenzela khona, bese uya ekufeni kwesibili!”
65.Ingelosi yakhuluma kakhulu ngosizi lokuthi usufile uhlale ethuneni nesidumbu, yabe isithi: “CELANI UKUBA NINGABUZWA UBUHLUNGU BOKUFA, NGOBA KUKHONA INDATSHANA OKUYAYE KUTHI UMA NIJABULE BESE NIYAYIKHOHLWA UKUTHI IZOFIKA. NINA NINGABI YIBO ABANTU ABAZODINGA INGUBO YOKWEMBESA UMPHEFUMULO!
66.Iyaqhubeka ingelosi ithi: “Lingcono ijele lasemhlabeni, ngoba abakini bayakwazi ukuya beyokubona, nezwe nawe uyalibona, futhi uyadla, uyaphuza, uyakwazi nokukhululeka.
67.Kodwa ijele elikhulu lisethuneni! Kuye kuthi uma usufika phambi kwaMehluleli, ekuthola ukuthi bewungenzi kahle, awumdumisanga uJehova, awunakanga lutho, bese liyakulahla icala!
68.Uma uthi uyazincengela uthi kunganjani ngibuyele emuva ngokwenza lokhu okwakufanele ngikwenze ngisesemhlabeni, bese lithi ilizwi: “Kulungile, buyela emuva uyoqedela okwakufanele ukwenze, hamba uyokwenza lokhu okwakushiwo ngabaprofethi basendulo, ukuthi uma ufuna ukubona uNkulunkulu wenzani! Nqandeka-ke ubuyele emuva!”
69.Kothi usunqandekile, unganqandeki ukubuyela ekhaya lakho, kodwa ikhaya lakho kuba lithuna, umphefumulo wakho uyohlaliswa nesidumbu sakho ethuneni!
70.Uma umphefumulo wakho usubuyele ethuneni, bese uyakhumbula ukuthi nkombe njengoba ngihleli lapha nje sengifile, sengincwatshiwe!
71.Bese uyamemeza, umemeze kuze kuqhume iphimbo ungezwakali, ngoba ngosuku lomncwabo bathi bangathela inhlabathi phezu kwethuna, bakushiya khona lapho!
72.Akekho owabuyela kuwe wayolalela ukuthi mhlawumbe engezwa yini uma umemeza, ngoba kuthiwe, KUPHELILE; KWATHIWA INHLABATHI ENHLABATHINI, UMLOTHA EMLOTHENI!
73.Abazi ukuthi usufike lena uMenzi wezulu nomhlaba wathi jikake uyokwenza lokhu okwakufanele ukuthi ukwenze! Ngenke ube usakwazi ukubuye uze kubantu, kodwa umphefumulo wakho uyoya ethuneni lapho okunenyama yakho khona, lapho oyomemeza khona ubusuku nemini abantu bengakuzwa, ngoba ugqitshiwe, kwathiwa uthuli othulini, abantu abazi ukuthi awuselona uthuli othulini, sewuvusiwe!”
74.Ingelosi yakhuluma kakhulu iqondise kubaphathi bezwi likaNkulunkulu kumabandla ahlukene.
75.Uthi-ke lomuntu wasezulwini: “Kunabantu abathi bangabaphathi bezwi likaNkulunkulu, abaqoqa izimali zabantu bezibize ngomnikelo webandla. Kodwa umnikelo imali ekhishwa ngabantu ukuba isebenze imisebenzi kaNkulunkulu, noma isebenze I misebenzi ezojabulisa uNkulunkulu!
76.Awukwazi ukusebenzisa igama likaNkulunkulu kodwa uthatha imali kubantu ukuzicebisa wena, untshontshe imali yabantu ngegama likaNkulunkulu!
77.Lokho kungukweqa umyalelo wokuthi ‘ungaliphathi ngeze igama likaJehova uNkulunkulu wakho, ngoba uJehova akanakumyeka ophatha ngeze igama lakhe!’
78.Abanye bathi bangabaphathi bezwi likaNkulunkulu, kodwa bebe befundisa abantu ukuthi abahlubuke uNkulunkulou! Abaligcini isabatha, bagunda emakhanda bengabafundisi, bayabafundisa nabalandeli babo ukuthi bengahambi ngezimiso zikaJehova, kodwa babheke ukuthi ekupheleni kwezinsuku zabo babone umbuso kaNkulunkulu!
79.Okuyokwenzeka kubo ukuthi mhla befika phambi kwaMahluleli, bayoboniswa wonke umonakalo abawenzileyo besesemhlabeni, egameni lokuthi bangabaphathi bezwi likaNkulunkulu.
80.Sebecela ukubuyela emuva beyolungisa konke abakonile, uMehluleli uyabanika ithuba, bebuyele emuva ngokucabanga ukuthi nabo bazofundisa ngomthetho kaJehova njengoba kwakufundisa abaprofethi.
81.Kodwa njengoDivas ongavunyelwanga ukubuyela emhlabeni, bavukela emathuneni, lapho noma umuntu engakhala kuqhume imithambo, akekho umuntu osemhlabeni omuzwayo, kanjalo, ayikho nengelosi esayovela ikusize!
82.Lonke ithuba olinikiwe lokuthi khonza uJehova uNkulunkulu wakho ngokumthanda ngenhliziyo yakho yonke, ngenqondo yakho yanke nangomphefumulo wakho wonke, seledlule!
83.Ethuneni awukwazi ngisho ukuzenwaya, isidumbu sakho sibola umphefumulo wakho uhleli kuso, usuyokwembathwa ukufa kwesibili, okungukufa kwaphakade!” Amen!
84.Ekuqaleni ngithe kunengxenye yalentshumayelo esidinga sonke, ngoba sonke sisahlalelwe ukufa, bese kuthi ekufeni sibhekane nethuna!
85.UShembe kusihlabelelo 235, uthi: “Ngingumhambi emhlabeni, likhona ikhaya lami, ngizongena ngenjabulo ngokuthandwa yiNkosi yami.
Ngiphe Nkosi amandla akho, ngizodlula ethuneni!”
86.Ngicabanga ukuthi akakho umuntu owake wafundiswa ukukholwa yingelosi, ngoba ingelosi ivela ezulwini, lapho sonke sogcinela khona!
87.Uma ungakwemukeli okutshelwa yilengelosi ngemibandela yokungena ezulwini, angazi ukuthi ubheke ukuthi ufundiswe ngubani ngoMbuso wezulu kanye nesihogo!
88.Lenkulumo yengelosi kungumsebenzi wethu ukuba siyedlulise kubo bonke abantu, ngoba sibaningi esizoba nguDivas! Baningi abasazokhunjuzwa zonke lezi zimfundiso zengelosi esizedlulisa kini!
89.Uma ungakuthandi lokhu esikuyala ngakho, ungakhohlwa yikho, kodwa isihlungo sozihlunga!
INkosi ibusise izwi layo!
Isihlabelelo 28
1.Uyeza, uyeza
Umhla wokuphela
Uyakuma phambi kwakho
Noma ungathandi.
Amagquma nemimango
Ayolelezela.
2.Hhayi abaphelamandla
Ekukholweni kwabo
Bayogijima bekufuna
Ukukholwa kwabo.
3.Ngiyakukhalela
Wentombi nawe nsizwa
Uyokuthola ngasi isikhathi
Ukukholwa kwakho.
4.Icilongo lokuqala
Selizwakele
Umhlaba wonke
Wazamazama.
Uyogijima uzifihlephi
Nanti izwe selisongwa.
5.Wemhlaba uyozifihlaphi
Nazo zonke lezo zoni
Balekani zidindi
Uyeza uJehova!