Skip to content

UKUMESABA UJEHOVA KUNGUKUQALA KOKUHLAKANIPHA

Iningi labaprofethi babanye onkulunkulu bayakwazi ukwenza izimangaliso ezinkulu njengaye umprofethi kaJehova, ngoba mhla uSathane exoshwa ezulwini asizwa ukuthi kukhona amandla aphucwa wona.

Naye uyazenza zonke izimangaliso ukukuheha ukuba ube ngowakhe. Kodwa umehluko ukuthi umuntu ongaphansi kwenkambiso kasathane, ekugcineni uya esihogweni, lapho okunokukhala nokugedla amazinyo!

Isihlabelelo 181
1.Phakama Kuphakama
Ngegama leNkosi,
Zivuse zonke izizwe
Zakithi.
Zisesebuthongweni.
Ngegama leNkosi
Zivukele kuwe
Kuphakama!
 
2.Sino’sizi
Ngesizwe sakithi
Siha’wukele Nkosi
Sizintandane.
Asi’namkhululi
Ngapha’ndle kwakho
Ongasikhulula
Ekuboshweni.
 
3.Usi’dele ngani
Nkosi kangaka.
Buye’la kithi
Usi’thethelele.
Oba’ba bethu
Bona’ abasekho
Sithwele-ke thina
Izo’no zethu.
 
4.Shaya Nkosi uphozise
Wena sonile
Siya’vuma
Ebusweni bakho
Singa’bakabani
Uma silahlwa nguwe
Buye’la kithi
Nkosi yoxolo.
 
UKUMESABA UJEHOVA KUNGUKUQALA KOKUHLAKANIPHA
 
1.Lenkulumo ivela encwadini yeZaga 7. Iyaqhubeka lencwadi ithi: “Iziwula ziyadelela ukuhlakanipha nokuyalwa.”
 
2.Uma kukhulunywa ngobuwula bokungamesabi uJehova, ungacabanga ukuthi kushiwo umuntu nawe ongambona ukuthi akasile ekhanda, kanti qha, akunjalo, abantu abazazi ukuthi bahlakaniphe kakhulu, bayiziwula phambi kwaNkulunkulu!
 
3.Yini sithi baziwula? Noma ungaba liqhawe elinjani lapha emhlabeni, noma ungaceba kanjani, noma ungamkhulu kangakanani, noma ungaziwa umhlaba wonke, kodwa imisebenzi yakho iyokugcinisa esigodini sosizi, uyisiwula!
 
4.Isikhathi esiningi bonke abantu abasekulahlweni ngabantu lapha emhlabeni ababengo SAZIWAYO emikhakheni eyahlukahlukene, kodwa ababengamesabi uNkulunkulu!
 
5.Umuntu ongamesabi uNkulunkulu uyefana nengane ekhasayo.
 
6.Ingane ekhasayo iyakhasela kuyi pool, ifike iphoseke khona ingaboni ukuthi ipool le okuzothi uma ingena kuyo ife; mhlawumbe iqonde emlilweni, iwuphathe ngesandla, ingacabangi ukuthi ukuphatha umlilo ngesandla kuyabulala.
 
7.Banjaloke abantu abangamesabi uNkulunkulu, benza noma yini ejabulisa ingqondo nenhliziyo yabo, bengakucabangi ukuthi lempilo yabo iyinto engekho, engaphela noma nini, bese bezithola 
sebengabalahliwe kwelizayo!
 
8.Abantu abaningi bayakholwa, kodwa bakholwa yizinto ezivuna bona, ezingabavuni bathalalise ukuzenza, mhlawumbe bavele bazichithe njengento engekho, bethi hhiya, kuyashiwo nje lokhu ngamakholwa ukusesabisa, kodwa khona akukho!
 
9.Laba abantu ngokusho bathi bayakholwa njengathi, bathi bayakholwa ukuthi ekufeni sikhona isigodi sosizi, ekufeni sikhona isihogo, bayaye bathi bayakholwa ukuthi ukhona uNkulunkulu, zikhona nezithunywa zikaNkulunkulu.
 
10.Kodwa isikhathi esiningi uNkulunkulu bamdumisa ngezindebe zomlomo kuphela!
 
11.Bayahlabelela ngaye, basine ngaye, beshumayele ngaye mhla kuvela ithuba lokukwenza lokho, kodwa benze lokhu okushiwo nguYeshua kuMathewu 15:8, lapho ethi:
 
12.“Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo, kepha inhliziyo yaso ikude nami, bangikhonza ngeze, bafundisa izimfundiso eziyimiyalo yabantu!”
 
13.Abantu abaningi baba ngamakholwa kulokho okuvuna bona, abakwenzi okufunwa nguNkulunkulu uma kungazukuba siza ngalutho bona!
 
14.Siyaye sizikhethele indlela esifuna ukukholwa ngayo, hhayi ebekwe nguNkulunkulu, bese sithi siyakholwake!
 
15.Ngalendlela yokukholwa bese kuthi uma sibhekana nanoma iluphi usizi, bese simbize uJehova, ngokuzikhohlisa ngokuthi uma simbiza uzosisiza, ngoba sihlale simdumisa ngezindebe zomlomo.
 
16.Kodwa uShembe kuyisilandelo sebandla uthi: “NKULUNKULU ONAMANDLA ONKE, YISE WABO BONKE ABAMKHONZAYO!
 
17.Njengoba esho uShembe, uNkulunkulu unguyise walabo abamkhonzayo!
 
18.Ayikho into eshiwo zithunywa zikaNkulunkulu engasilo iqiniso, ngoba konke abakushoyo kusuke kulizwi likaJehova, kunguye ohleli olimini lwabo!
 
19.Ingelosi ivame ukusifundela incwadi yeZaga zokuqala kusukela kuvesi 22 kuya ku 33, lamazwi afundeka kanje:
 
20.“Koze kube nini ziwula ndini nithanda ubuwula,nani zedeleli nithokoziswa ukweyisa, nani ziwula nizonda ulwazi na?
 
21.Buyani ngenxa yokusola kwami, lalelani nginithulele okusemoyeni wami, nginazise amazwi ami.
 
22.Ngenxa yokuba ngimemezile, nenqaba, nginike isandla sami, kodwa anizange ninake.
 
23.Aninakanga zonke izeluleko zami, anikwemukelanga konke ukusolwa kwami.
 
24.NGAKHO KE NAMI NGIYONIHLEKA USULU NGESIKHATHI NEHLELWA YINHLEKELELE NGINIKLOLODELE LAPHO SENIGCWELE UVALO.
 
25.Lapho kufika isiphepho esibhubhisayo, nokwesaba kwenu sekufana nembhubhiso, nenhlekelele yenu ifika njengesivunguvungu, NALAPHO INHLUPHEKO NOSIZI KUNEHLELA, KHONA BAYAKUNGIBIZA, KODWA ANGIYIKUPHENDULA.
 
26.BAYOKUNGIFUNISISA, KODWA NGENKE BANGIFUMANE, NGENXA YOKUBA BEZONDE ULWAZI, BAKHETHA UKUNGAMESABI UJEHOVA!
 
27.Abasilalelanga iseluleko sami, bakudelela ukusola kwami.
28.Ngakho ke bazovuna lokho abakutshalile, basuthiswe yizithelo zobuqili babo.
 
29.Ukuduka kwabanganamqondo kuyababulala, nokudembesela kweziwula kuyazibhubhisa.
 
30.Kodwa lowo ongilalelayo uyohlala ephiphile engabi naluvalo lokwehlelwa ngokubi.”
 
31.Ziningi izinto uNkulunkulu ohlale esiyala ngazo eziseBhayibheli, kodwa ngoba iBhayibheli asilifundi, futhi asifune kulifunda, asazi lutho ngelukuqukethe!
 
32.Mhlawumbe akulona iqiniso ukuthi kungenxa yokuthi ibhayibheli asilifundi, ngoba kwimithandazo kaShembe esihlale siyifunda kunezaluleko eziningi, kodwa asikulandeli okushiwo kuzo, ngoba simhlubukile uJehova!
 
33.Lencwadi ekuyiZaga zokuqala sayinikwa yingelosi, yikho nje sejwayele ukuyifunda kulelibandla!
 
34.Noma abantu bengahlakanipha kanjani, befunde kangakanani, noma bengabafundisi, beneziqu zenkolo, kuthiwe bangodokotela enkolweni, kodwa uthola ukuthi the more umuntu ethola imfundo yasemhlabeni, the more eba yisiwula ngolwazi lwasezulwini, the more efundela ubufundisi, uvele abe isiwula kakhulu uma sekuza kulokho okufunwa nguNkulunkulu!
 
35.Kodwa ngiyaqonda ukuthi kungani kunjalo. Awukwazi ukuthi ungaba udokotela enkolweni yobuHindu, bese wazi ngenkolo yobuKrestu!
 
36.Le inkolo kaJehova. Noma iseBhayibhelini labenkolo yabezizwe, kodwa abafundiswa lutho ngayo, ngoba inkolo abakuyo ihlale inenhloso yokuqeda ngenkolo kaJehova!
 
37.Ingelosi yasinika lencwadi ukuba sizizwele ukuthi uNkulunkulu uyaye acabange kanjani ngomuntu ongahambi emikhondweni yezimemezelo zezwi likaJehova!
 
38.Uthi ke uNkulunkulu: “Ngenxa yokuba ngimemezile, nenqaba, nginike isandla sami, kodwa anizange ninake.
 
39.Aninakanga zonke izeluleko zami, anikwemukelanga konke ukusolwa kwami.
 
40.Ngakho ke nami ngiyonihleka usulu ngesikhathi nehlelwa yinhlekelele, nginiklolodele lapho senigcwele uvalo.
 
41.Lapho kufika isiphepho esibhubhisayo, nokwesaba kwenu sekufana nembhubhiso, nenhlekelele yenu ifika njengesivunguvungu, nalapho inhlupheko nosizi kunehlela.
 
42.Khona bayakungibiza, kodwa angiyikuphendula; bayokungifunisisa, kodwa ngenke bangifumane, ngenxa yokuba bezonde ulwazi, bekhetha ukungamesabi uJehova.
 
43.Abasilalelanga iseluleko sami, bakudelela ukusola kwami; ngakho ke bazovuna lokho abakutshalile, basuthiswe yizithelo zobuqili babo.
 
44.Ukuduka kwabanganamqondo kuyababulala, nokudembesela kweziwula kuyazibhubhisa.
 
45.Kodwa lowo ongilalelayo uyohlala ephephile engabi naluvalo lokwehlelwa ngokubi.”
 
46.Uma uhlala ngokulalela uJehova, uba ngophephile, awuba naluvalo lokwehlelwa ngokubi!
 
47.Kulelibandla sesinobukhulu ubufakazi bokuthi uma uhamba ngezimiso zikaNkulunkulu uvikeleke kunanoma iyiphi inhlekelela!
 
48.Ngo 2019, iCovid 19 ihlasele umhlaba wonke, kufa abantu ngapha nangapha, kwafika ingelosi kithi, yathi nikelani, nicele uJehova anivikele nemindeni yenu kulesi sifo!
 
50.Sanikela sonke, sacela ukuthi sivikeleke nemindeni yethu. ICovid 19 yaqala yaze yaphela kungafanga noyedwa kithi nasemindenini yethu!
 
51.UNkulunkulu akakufihlile ukuthi uma nimhlubukile uba yisitha kuwe.
 
52.Lokho kusemthethweni wesithathu emthethweni elishumi, lapho ethi:
 
“NGOKUBA MINA JEHOVA UNKULUNKULU WAKHO NGINGU NKULUNKULU ONOMHAWU, NGIHAMBELA UBUBI BAWOYISE KUBANTWANA, KUSO ISIZUKULWANE SESITHATHU NESESINE ABANGIZONDAYO.
 
53.KEPHA NGIBENZELA UMUSA ABAYIZINKULUNGWANE ABANGITHANDAYO, BEGCINA IMIYAL YAMI.”
 
54.KuNkulunkulu uma ungahambi ngezimiso zakhe, uyisitha sakhe, ngakho-ke uyakujezisa ngalokho, aze ajezise isizukulwane sesithathu nesesine somuntu omhlubukile!
 
55.Kodwa kukhona into iningi abantu abangayazi, akusho ukuthi uma abezizwe benza into ephambene nomthetho kaNkulunkulu, nabo bayajeza njengathi, ngoba akukho sivumelwano abasenze noNkulunkulu sokuthi bamkhonze!
 
56.Lesi isivumelwano esiphakathi kwaNkulunkulu nathi, izizukulwane ngezizukulwane zethu!
 
57.Kusho ukuthini lokho? UMose noYeshua bathi mibili imiyalo kaNkulunkulu; owokuqala ngothi THANDA UJEHOVA UNKULUNKULU WAKHO NGENHLIZIYO YAKHO YONKE, NANGOMPHEFUMULO WAKHO WONKE NANGENMGQONDO YAKHO YONKE!
 
58.Lowo ngumyalo oqondene nabantwana bakwa-Israel, okuthi uma bewephula baye ekulahlweni.
 
59.Owesibili uthi: “UBOTHANDA UMAKHELWANA WAKHO NJENGOBA UZITHANDA WENA!’ lowo ngumthetho othinta sonke isintu, ukuthi umuntu nomuntu akabe nobudlelwane obuhle nomunye umuntu. Lo ngumthetho osithinta sonke isintu, noma ngabe ukuyiphi inkolo!
 
60.Kodwa thina sizwe esimnyama uNkulunkulu wenza isivumelwano nokhokho bethu ukuthi singabantwana bakhe phezu kwezizwe zonke ezisemhlabeni.
 
61.Ngakho uyothi esenzela konke esikucelayo njengobaba wethu, nathi sihambe ngezimiso zakhe, njengoba noma ubani uyaye ehambe ngezimiso noma ngomthetho kayise!
 
62.Yileyonto ebukeka singayazi; siyaye sibuke kwezinye izizwe ezikwenzayo okuphambene nomthetho kaNkulunkulu, bese nathi senza njengazo, kanti zona azinasivumelwano noNkulunkulu!
 
63.Uma uJehova ethi: “Khumbula imini yesabatha uyigcine ibe ngcwele, esinye isizwe asenzi sono uma singaligcini isabatha, ngoba enkolweni noma osikweni lwaso awukho lowomthetho,
kodwa wena ungaphansi komthetho kaJehova izizukulwane ngezizukulwano zakho.
 
64.Ngakho-ke uma weqa umthetho kaJehova, uyajeza nesizukulwane sakho!
 
65.Ngeshwa asazi ukuthi isizukulwano ngokwasezulwini siphela nini. Yikho umthetho kaNkulunkulu sithi umi ngunaphakade!
 
66.Uthi ke uShembe kusihlabelelo esisihubile:
 
“Sino’sizi
Ngesizwe sakithi
Sihawukele Nkosi
Sizintandane.
 
Asi’namkhululi
Ngapha’ndle kwakho
Ongasikhulula
Ekuboshweni.
Usi’dele ngani
Nkosi kangaka.
 
Buye’la kithi
Usithethelele.
Oba’ba bethu
Bona’ abasekho
Sithwele-ke thina
Izono zethu.
 
4.Shaya Nkosi uphozise
Wena sonile
Siya’vuma
Ebusweni bakho
Singa’bakabani
Uma silahlwa nguwe
Buye’la kithi
Nkosi yoxolo.”
 
67.Sonke thina esiyisizukulwane sikaJakobe sithwele izono zokhokho bethu abazenza uJehova esebakhethile, wabatshela ukuthi bayisizwe sakhe!
 
68.Bavumelana naye ukuthi uyobenzela konke abakucelayo, bona bese behamba ngomkhondo wezimemezele zezwi lakhe!
 
69.Uma sesitholakala sesikhonza abanye onkulunkulu noma ngayiphi indlela, sesimhlubukile uJehova, ngakho-ke okumele sikulindele izijeziso ozibekile uJehova kuDutoronomi 28!
 
70.Abantu abakhonza abanye abantu, noma abakhonza umuntu bambize ngonkulunkulu, lowo muntu kuJehova uyisithombe!
 
71.Noma yini engomunye unkulunkulu, engasiye uMdali wezulu nomhlaba, phambi kwaNkulunkulu iyisithombe!
 
72.Njengoba singabantwana bakaNkulunkulu, uma sesitholakala sesikhonza abanye abantu, noma ezinye izinto, sesiweqile umthetho wokuqala othi UNGABI NABANYE ONKULUNKULU NGAPHANDLE KWAMI!
 
73.UJehova uzisholo yena ukuthi unguNkulunkulu onomhawu! UJehova uyacasuka uma ezwa umuntu othi ukholwe kuye ebiza omunye umuntu ngonkulunkulu!
 
74.LOKHO KUKHULUMA KUCHAZA UKUTHI USUMHLUBUKILE UJEHOVA UNKULUNKULU WAKHO OTHE NGUYE YEDWA UNKULUNKULU!
 
75.Ziningi izinto ezingukuhlubuka uJehova. Abantu abaningi, ikakhulu abafundile, abangabaphathi bezwe, abazihluphi NGENDABA KANKULUNKULU!
 
76.Bacabanga ukuthi inkolo ngeyabantu abathize, laba abangahlakaniphile kahle, bengaboni ukuthi yibona iziwula!
 
77.Uma umuntu engumholi wezwe, noma engumholi webandla engazi lutho ngoNkulunkulu lelo lizwe, noma lelobandla lisuke lisenkingeni yokubhujiswa noma yinini!
UMPROFETHO KAJEHOVA NABAPROFETHI BABANYE ONKULUNKULU.
 
78.Sesichaze kabanzi ngoShembe ukuthi ungumprofethi kaJehova, saletha ubufakazi obuphelele bokuthi lokhu esikushoyo kuliqiniso!
 
79.Kubalulekile ukuthi ukwazi ukwahlukanisa phakathi koMprofethi kaJehova nabaprofethi babanye onkulunkulu!
 
80.Iningi labaprofethi babanye onkulunkulu bayakwazi ukwenza izimangaliso ezinkulu njengaye umprofethi kaJehova, ngoba mhla uSathane exoshwa ezulwini asizwa ukuthi kukhona amandla aphucwa wona.
 
81.Naye uyazenza zonke izimangaliso ukukuheha ukuba ube ngowakhe. Kodwa umehluko ukuthi umuntu ongaphansi kwenkambiso kasathane, ekugcineni uya esihogweni, lapho okunokukhala nokugedla amazinyo!
 
82.Kodwa umuntu ohamba ngezimiso zikaJehova, ekugcineni uya embusweni wezulu, afike ahlale ngakwesokunene sikaNkulunkulu!
 
83.Usho njalo uShembe kuyisihlabelelo 117, lapho ethi:
“Zothokoza izingelosi ezilinde emasangweni, zibona abayizithunywa ebezinqamula emazweni.
 
84.Bayohlala ngakwesokunene ekupheleni kwalezo zinsuku. Bayothokoza ebusweni bakho benqamula emazweni!”
 
85.Kulula ukwehlusa phakathi kwezithunywa zabanye onkulunkulu! Izithunywa zabanye onkulunkulu ziqhakambisa izimangaliso ezizenzayo, kodwa zingakhulumi lutho ngokugcinwa komthetho kaJehova!
 
86.Washo njalo noYeshua kuMathewu 5:19, wathi: “Ngakho-ke oweqa owodwa kulemiyalo emincinyane, afundise abantu kanjalo, uyakuthiwa omncinyane embusweni wezulu.
 
87.Kepha oyigcinayo, ayifundise, lowo uyakuthiwa mkhulu embusweni wezulu!”
 
88.Ukhiye ulapho, ungomncinyane embusweni wezulu, noma umkhulu embusweni wezulu?
ISIBUSISO SOKUHLALA NONKULUNKULU USESEMHLABENI.
 
89.Angiphinde ngisho ukuthi thina siyefana nabantwana bakwa-Israel, uJehova usinike ingelosi ukuba izohlala nathi ngendlela efanayo uJehova owanika ngayo abantwana bakwa-Israel.
 
90.Ku-Eksodusi 23:20-22, uJehova uthi: “Bheka ngizothumela ingelosi ikwandulele ukuze ikuvikele ohambeni, futhi ikufinyelelise endaweni engiyilungisileyo.
 
91.Ilalelise, futhi uyithobele. Ungayivukeli, ngokuba ayiyikukuthethelela iziphambeko zenu, ngokuba IGAMA LAMI LIKUYO.
 
92.Kepha uma ulalela nokulalela izwi layo, wenze konke ekutshela khona, ngiyokubazonda abakuzondayo,ngibe yisitha sezitha zakho!”
 
93.Abantu abaningi umthetho kaNkulunkulu abawazi, nokubaluleka kokugcina umthetho kaNkulunkulu abakwazi, nomphumela wokuhlubuka uNkulunkulu abawazi.
 
94.Ngakho ukulahlwa kubo kuseduze kakhulu kunokuba babone umbuso wezulu!
 
95.Kodwa kithi akunjalo! iBhayibheli silifunda ukuze sifundise abantu ngalo, ngoba yonke imibhalo yeBhayibheli neyezihlabelelo zamaNazaretha isesandleni sengelosi.
 
96.Ingelosi ibhayibheli ilifunda esandleni sayo njengoba usuke ufunda iBhayibheli oli-downloadile kuyi cellphone! I-cellphone yengelosi isandla sayo!
 
97.Kodwa ukuba izingelosi zibe phakathi kwethu thina amaNazaretha, azifikanga nathi, kodwa zafika noMprofethi wethu, zafika noShembe!
 
98.Ukuba khona kwezingelosi phakathi kwethu, kukhombisa ukuba khona kwaNkulunkulu phakathi kwethu, obese wahamba phakathi kwabantu cishe iminyaka engu 2000!
 
IZWE LASE SOUTH AFRIKA LISEBUNYAMENI
 
99.Kusihlabelelo esikade sisihlabelela, uShembe uthi:
 
1.Phakama Kuphakama
Ngegama leNkosi,
Zivuse zonke izizwe
Zakithi.
 
Zisesebuthongweni.
Ngegama leNkosi
Zivukele kuwe
Kuphakama!
 
100.Sino’sizi
Ngesizwe sakithi
Sihawukele Nkosi
Sizintandane.
 
Asi’namkhululi
Ngapha’ndle kwakho
Ongasikhulula
Ekuboshweni.
 
101.Uthini uShembe ngalesi sihlabelelo? Usho ukuthini uma ethi: Phakama kuphakama ngegama leNkosi, uzivuse zonke izizwe zakithi ngoba zisesebunyameni, zivukele kuwe Kuphakama?
 
102.Njengoba sisho ukuthi sekuphele cishe iminyaka angu 2000 uNkulunkulu engekho phakathi kwethu, indawo kaNkulunkulu yathathwa nguSathane! UNkulunkulu waxoshwa ngabezizwe phakathi kwethu.
 
103.Kodwa lonkulunkulu wabezizwe ufike njengenyoka eyahlasela abantwana bakaNkulunkulu ensimini yase-Edeni, okwathi uma sebekwemukele abakutshelwe inyoka, balahlekelwa yikho konke.
 
104.Uthi-ke uShembe, nanamuhla sisasithwele isono sika-Adam!
 
105.Uthi-ke uYeshua: “Banamehlo, kodwa ababoni, banezindlebe, kodwa abezwa, banengqondo, kodwa bathuthuzela njengesilima esivuza amathe!
 
106.Izwe lase South Afrika lisebumnyameni ngendlela eyisimanga, futhi angiqondi noma liyoke liphume kulobu bumnyama!
 
107.Isizwe esimnyama, ikakhulukazi esase South Afrika, sifana nenkukhu eboshwa ngesisinga ivalelwe endlini, kuthi noma isikhululekile ingaboni ukuthi ikhululekile, ibuyele kuso isisinga!
 
108.Okuseqinisweni abantu abamnyama abawuboni umdlalo odlalwa ngabezizwe ukuqeda ngathi!
 
109.Zimbili izinto okumele uzazi uma ungumuntu omnyama. Okokuqala ukwazi ukuthi kithi okuyisono, akuyiso isono kwabezizwe, ngaphandle uma kungukwephula umthetho wesibili, othi THANDA UMAKHELWA WAKHO NJENGOBA UZITHANDA WENA!
 
110.Kodwa thina sithi siyisizwe sikaNkulunkulu, siziphathise okwabezizwe, sikhohlwe ukuthi okuyisono kithi, akuchazi ukuthi konke kuyisono kubo, asazi-ke konkulunkulu babo!
 
111.Okwesibili, uma isizwe esimnyama singakakwemukeli ukuthi siyinzalo ka-Israel, angenke siphume ebugqilini, ngoba ubugqili bethu kwakheke phezu kokuthi asikwamukeli ukuthi siyinzalo kaJakobe; asiboni ukuthi sinesiqalekiso. Asiboni ukuthi SITHWELE IZONO ZOKHOKHO BETHU!
 
112.Njengoba singamemukeli uJehova njengesizwe sakhe, yonke into siyenza ngokukhulu ubuwula, kodwa thina sicabanga ukuthi sihlakaniphile!
 
113.Isizwe esimnyama salwa iminyaka ngeminyaka silwela inkululeko, kodwa mhla sebethi bathole inkulunkulu, abamhlophe bavele babenza ezinkulu iziwula!
 
114.Bafaka izwe labo osizini engiyaye ngithi uma ngicabanga, ngingaboni ukuthi bophuma kanjani kulenkinga!
 
115.Amanye ama Constitution kwamanye amazwe anento okuthiwa i-Referandum, okusho ukuthatha umbono weningi.
 
116.Kodwa iConstitution yase South Afrika iyinayo iprovision yeReferandum.
 
117.Lokho kusho ukuthi noma abantu bonke bangasiphikisa isenzo esithize, kodwa umuntu oyedwa noma ababili bevumelana naso, angenke siphase, ngoba iConstitutional Court iyosichitha uma singahambisani neConstitution!
118.Lelizwe liphethwe iConstitution esebenza nge Constitutional Court!
119.Into abantu bakithi eyabachaza ukuthi kuthi le i-BEST CONSTITUTION, edlula ngisho i-constitution yase USA.
 
120.Kodwa okuseqinisweni this is the worst Constitution, ikakhulukazi ukubusa isizwe esimnyama!
 
121.Awukwazi ukuthi ungathatha iConstitution yezizwe eziphucuzekile uyenze ukuba isebenze esizweni esingazi lutho ngephucuzeko.
 
122.Awukwazi ukuthi uthathe iConstitution yezizwe ngokwemvelo ezihlala ngokuthula, ucabange ukuthi izosebenza ezizweni ngokwemvelo yaze ezinodlame, eziphila ngokulwa, bese ucabanga ukuthi lezi zizwe zingabuswa iConstitution eyodwa!
 
123.Ngenke uthathe i-Constitution yabantu abahluphekayo, abalala bengadlile, ucabange ukuthi iConstitution yabantu abayisizwe esidla izambane likaMpondo izosebenza kulezi zizwe!
 
124.ICrime eSouth Afrika yakhiwe i-Constitution! Le Constitution yakhiwe ngokukhulu ubucingo ukuthi iqede ngesizwe sakithi!
 
125.Kodwa uzwa abaholi abamnyama beziqhenya nge best constitution abayenzayo, kodwa besho iConstitution ebhubhisa isizwe ngezindlela eziningi.
 
126.INkosi iLanga yake yathi: “Izwe laseSouth Afrika lokhululeka, kodwa uma selikhululekile lophathwa ikati!”
 
127.Angazi ukuthi wayesho ukuthini ngalokho, kodwa uma ubuka into eyenzeka eSouth Afrika namuhla, uyazibuza ukuthi abantu abamnyama bazozikhipha kanjani kulobu bugqila abazifaka kubo!
 
128.Ngafundela umthetho, ngine Constitutional 2 engathola kuyo idistinction, ngakho-ke nginolwazi oluningi nge Constitution, nokuthi iConstitution ingalibhubhisa kanjani izwe, nokuthi iConstitution iwakha kanjani ama dictators!
 
129.Ngibe imantshi kusukela ngo 1985, ngakho-ke ngiyazi ukuthi i-justice system ye-old regime ishintshe kanjani kuyi New South Afrika, ngoba yimina ebengeyi put into practice uma ngithetha amacala!
 
130.Ngakho-ke ngiyazi ukuthi iNew Justice system iwakhe kanjani ama Criminals.
 
131.Uma uthi uyacabanga, uyazibuza ukuthi laba bantu abaphasisa leConstitution babethi benzani, ngoba namuhla isiyinkinga kubo!
 
132.Uma udlwengulwa isigebengu, kumele uyobika emaphoyiseni, ubhale isitatimende. Bese isigebengu siyoboshwa.
 
133.Uma isigebengu sesiboshwa, iphoyisa kumele lisitshele ukuthi sinelungelo lokuthi singasho lutho, singachazi lutho ephoyiseni, futhi singasibhali isitatimende!
 
134.Kodwa isitatimende esibhalwe ummangali kumele isiboshwa, noma ummeli wesiboshwa asifunde, bese ezilungisela ukuthi uzosiphikisa kanjani!
 
135.Akukho manga ongambamba ngawo ngoba akukho sitatimende oke wasenza esingase siphambane nokusho esenika ubufakazi.
 
136.Mhla futhi umboshwa evela enkantolo, ubekwa icala, bese inkantolo kumele imtshele ukuthi noma esebekwe icala, unelungelo lokuliphika, abuye angavezi ukuthi uliphika ngasizathu sini icala!
 
137.Ufakazi uyofakaza yena nenkantolo bengazi ukuthi umboshwa uliphika ngasizathu sini icala.
 
138.Uzobuzwa imibuzo ngummeli ambhedise amqede umboshwa engakaze asho lutho. Ekugcineni umboshwa uyophuma kungazwakalanga ukuthi yena uliphika ngasiphi isizathu icala!
 
139.Le system kusobala ukuthi yakhelwe ukuvikela umboshwa lize liyophela icala!
 
140.Nawe othetha icala uyabona ukuthi ayikho lento, kodwa akukho ongakwenza, ngoba kufanele ulandele iJustice system eyakhiwe iConstitution yezwe!
 
141.Le Constitution ayinayo iprovision ye immorality, into enjalo ayikho kuyiConstitution. Yikho ongqingili bevikelekile!
 
142.Ngokwale Constitution iBestiality neProstitution ivumelekile! Noma ungaba iyiphi iparty, noma ungaba imuphi umongameli.
 
143.Noma ungaba imuphi ungqogqoshe wamaphoyisa, angenke uyiqede iCrime eSouth Afrika, ngoba iCrime yakhiwe iConstitution!
 
144.Iconstitution iyakhe kanjani iCrime? Njengoba sike sachaze, okokuqala kumele ubuke abantu leyo Constitution ezosebenza kubo.
 
145.Kumele iConstitution yakhiwe ngendlela yokuthi ivimbe iCrime, hhayi ukuthi ithuthukise iCrime.
 
146.Yikho lokhu kukhona icala okuthi uma ulenza ubulawe, elinye udonse iminyaka eminingi. Kufanele umthetho wenze umuntu esabe ukwenza noma iliphi icala!
 
147.Cishe u95% wezigebengu azibopheki ziwenzile amacala, zisizwa i-Justice system ebusa leli lizwe!
 
148.Cishe u95% wabantu ababulala nabadlwengula abantu kungenxa yokuthi bayazi ukuthi bazoliwina icala.
 
149.Nokuthi noma bengaliwinanga, akukho bunzima abazobuthola ngokuboshwa!
 
149.Ejele bazophathwa kahle, abasoze belale bengadlile, angenke beshawe ngabomthetwa!
 
150.I-Crime elapha eSouth Afrika, ikakhulukazi lapha kwazulu, iyashaqisa!
 
151.Awukaze ulibone izwe elinamadoda adlwengula abulale abantu besifazane njengakulelizwe okuthiwa line best constitution!
 
152.Noma ungabulala abantu abangu 100 eSouth Afrika ngenke ubulawe ngoba iBill of Rights ithi unelungelo lokuphila noma ngabe wenze nhloboni yecala!
 
153.Uma uya emazweni ase-Europe, ayikho icrime, abanawo amacala e murder enzeka izinsuku zonke, akekho amacala erape ongawafica eSouth Afrka!
 
154.Amacala ongawathola mhlawumbe ngawokuntshontsha, kodwa lamacala atholakala emazweni ase-Afrika akatholakali emazweni ase-Europe!
 
155.Ngise Regional Court eKimberly, kwakunenkantolo enkulu efana nale yase Durban.
 
156.Into eyangikhathazayo ukuthi zonke izimantshi zimhlophe, abashushisi bamhlophe, amaphoyisa angabamhlophe; abameli bamhlophe, nomabhalana bamhlophe, omnyama utolika kuphela.
 
157.Kodwa uzofica zonke izinkantolo zigcwele abantu abamnyama, iziboshwa zimnyama, abamangali bamnyama. Laba babtu benze amacala anyantisa igazi.
 
158.Mina njengemantshi emnyama, kumele ngixoxe ngamacala enziwa ngabantu besizwe sami nezimantshi ezimhlophe.
 
159.Zikhuluma zinikine amakhanda, ubone nje ukuthi ukuba angikho ngabe zihleka zize zibhuquze phansi ngenxa yamacala enziwe abantu abamnyama kubantu bakubo!
 
160.Umuntu ophila saka avele adlwengule ingane yakhe aze ayikhulelise!
UJEHOVA ULIKHAMBI LOKUNQOBA KONKE UBUBI
 
161.Ngesonto eledlule iSilo sithe akekuphunywe neqhinga lokuqeda loludlame olubhubhisa isizwe.
 
162.Kulungile behlangane, kodwa akukho khambi abangaqhamuka nalo ukuqeda udlame kubantu abamnyama!
 
163.Okokuqala udlame lwakhiwe i-Constitution, okwesibili lesi simo sidalwe yithi ngokulahla uNkulunkulu!
 
164.Loludlame lungaqedwa nguJehova kuphela; kodwa kumele kuhlale ezingqondweni zethu ukuthi uJehova unguYise wabamkhonzayo!
 
165.Ku-Isaya 59:1-2 uJehova uthi: “Bheka isandla sikaJehova asifinyeziwe ukuba singasindisi,nendlebe yakhe ayinzima ukuba ingezwa.
 
166.Kepha ububi benu bunahlukanisile noNkulunkulu nezono zenu zibusithile ubuso bakhe kini ukuba engezwa!”
 
167.Zonke lezi zinkinga esibhekene nazo njengesizwe esimnyama zidalwa ukuthi sihlubuke uNkulunkulu wethu, isiqalekiso sehlela phezu kwethu.
 
168.Uthi uShembe kuvesi 4 womthandazo wesabatha: “Ngokuba uma uJehova ningamdumisi ngokugcina imithetho yakhe, AKAYIKUYAMUKELA IMITHANDAZO YENU, AKASOZE ANEHLISELA IZIBUSISO UMA NINGAYILALELI IMITHETHO YAKHE NIYIGCINE!
 
169.Manje singabheka kanjani ukuthi uNkulunkulu ezwe imithandazo yethu sibe singayigcini imithetho yakhe?
 
170.siphi isibusiso esisibheke kuNkulunkulu ngoba asiyigcini imithetho yakhe?
 
171.Uma isizwe sisenkingeni uxolo kuJehova kumelwe lucelwe inkosi yaso, noma nguhulumeni waso!
 
172.Kodwa ayikwazi inkosi ukukhalela kuJehova isizwe sayo uma leyo nkosi ingahambi ngezimiso sikaJehova, ingawugcini umthetho kaNkulunkul!
 
173.Kudingeka inkosi efana nenkosi uDavide, inkosi eyayimesaba uJehova, ihamba ngokwezimiso zikaJehova!
 
174.Uma lokho kungenziwe yinkosi, owesibili ongakhala kuNkulunkulu ngokuyinkinga esizweni, nguhulumeni.
 
175.Kodwa kubukeka sengathi uhulumeni wethu akazi lutho ngoNkulunkulu, futhi abafune kwazi.
 
176.Ngiyasho namuhla ngithi ngaphandle kokuba sibuyele kuJehova njengesizwe, ikusasa lethu limnyama!
 
177.Kusihlabelelo 120 uShembe uthi: “Asikho esinye isisekelo kuwena Afrika, uJehova kuphela oyisibani sakho!”
 
178.UShembe esihlabelelweni esikade sisihlabelela uthi: PHAKAMA KUPHAKAMA NGEGAMA LENKOSI ZISINDE ZONKE IZIZWE NGEGAMA LENKOSI! Kusho ukuthini lokho?
 
179.Yonke imfihlo yokukholwa komuntu omnyama kuyi-Afrika isenzimfundisweni zikaShembe ekutheni kumele simkhonze kanjani uNkulunkulu!
 
180.Kuleminyaka siqalile ukubuyisa abantu kuJehova, sibonisile ukuthi okokuqala inkolo kaJehova inkolo yethu, uNkulunkulu wehla ezulwini weza kithi! Sibonisile ukuthi yithina bantu abamnyama ABANGABATWANA BAKWA-ISRAEL!
 
181.Ngakho yithina okumele sibuyele kuJehova! Kepha abantu abamnyama banezindlebe, kodwa abezwa, banamehlo, kodwa ababoni!
 
182.Lamazwi kaNkulunkulu aku-Isaya 59 afunde nalenwadi yeZaga, lapho ethi uJehova: “Ngakho ke nami ngiyonihleka usulu ngesikhathi nehlelwa yinhlekelele, nginiklolodele lapho senigcwele uvalo.
 
183.Lapho kufika isiphepho esibhubhisayo, nokwesaba kwenu sekufana nembhubhiso, nenhlekelele yenu ifika njengesivunguvungu.
 
184.Nalapho inhlupheko nosizi kunehlela, khona bayakungibiza, kodwa angiyikuphendula; bayokungifunisisa, kodwa ngenke bangifumane, ngenxa yokuba bezonde ulwazi, bekhetha ukungamesabi uJehova.
 
185.Abasilalelanga iseluleko sami, bakudelela ukusola kwami. Ngakho ke bazovuna lokho abakutshalile, basuthiswe yizithelo zobuqili babo. Ukuduka kwabanganamqondo kuyababulala, nokudembesela kweziwula kuyazibhubhisa!”
 
186.Ngaphandle kokuthi ubukhosi bakwaZulu kubuyele kuJehova ngokweqiniso, zonke lezi zinkinga zokubulalana sodwa, zokudlwengula nokubulala abantu besifazane nezingane zethu, isiqalekiso esiyosuka kithi mhla sabuyela kuJehova! Kusekuncane lokhu, okukhulu ngokuzayo!
“Sino’sizi
 
Ngesizwe sakithi
Sihawukele Nkosi
Sizintandane.
Asi’namkhululi
Ngapha’ndle kwakho
Ongasikhulula
Ekuboshweni.
 
Usi’dele ngani
Nkosi kangaka.
Buye’la kithi
Usithethelele.
Oba’ba bethu
Bona’ abasekho
Sithwele-ke thina
Izono zethu.
 
Shaya Nkosi uphozise
Wena sonile
Siya’vuma
Ebusweni bakho
Singa’bakabani
Uma silahlwa nguwe
Buye’la kithi
Nkosi yoxolo.”
 
iNkosi ibusise lokho enikuzwile!

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *