Skip to content

ISIMO SOMTHETHOSISEKELO WEZWE

Ngakhoke abahamba ngendlela yentando yabantu ngoba besekelwa ngomthethosisekelo, kufanele bazi ukuthi kukhona abantu abahamba ngendlela kaNkulunkulu abangaphansi kwe Theocracy, hhayi i-Democracy, abahamba ngaleyondlela leyo ekhonjwe uJehova kuphela. Abangeke futhi baguquke kulokho kodwa siyaphinda sithi umuntu osevele esekhethile ukuthi yena akayi kulelizwe thina esiya kulo

Intshumayelo yangeSabatha ekuseni mhkaka 11 March 2023. ngu-Mfundisi Dr Mduduzi Xakaza.
 
1.Ngiyayikhetha iNkosi yaseKuphakameni, ngiyaphinda ngiyabonga ithuba engilinikwe esihlalweni sobukhosi ezulwini ukuba ngihole le nkonzo yasekuseni. Ngiyafisa kakhulu ukuthi uNkulunkulu uMninimandla wonke ahlale olimini lwami, kungabi ukukhuluma komqondo wami kodwa kube ukukhuluma kwakhe uNkulunkulu onguMdali wezulu nomhlaba ukuze ibandla lakhe labangcwele bathole ukudla kwasezulwini kwangampela, bangatholi okomqondo womuntu.
 
2.Ngicela uMvangeli uZulu asisize ngalengoma, u-195. “Ngiyalithanda ngokulizwa.” Ingoma le engiyithanda kakhulu bangcwele, okuyiyona ngoma yami ngoba ngicabanga ukuthi uma sekufike isikhathi sokuthi ngihambe emhlabeni, ngiyafisa kakhulu ukuthi ngiphelezelwe ngayo le ngoma ngoba izwe esiya kulo, silithanda singalibonanga. Amein.
 
195. ISIHLABELELO
1 Ngiyalithanda ngokulizwa
Lelo lizwe elizayo,
Ngokhululwa ngilibone
Wenhliziyo yami.
 
2 Ngokwenama kangaka nani
Uma ngilibona lelo lizwe,
Engilithnda ngingalibonanga
Wenhliziyo yami.
 
3 Wenhliziyo yami
Unga mdeli uJehova,
Ulidwala lenhliziyo yami
Ungumthunzi wokuphephela.
 
4 Nguyena owangithanda
Ngalithanda ngokulizwa
Lelo lizwe elizayo
Wenhliziyo yami.
 
5 Wenhliziyo yami
Unamathele kuJehova
Selikhalile elokuqala
Sengilindele elisibili.
 
6 Amen. Amen. Amen.
Amen. Amen. Amen.
 
3.Ngiphinde ngikhethe iNkosi yaseKuphakameni uNkulunkulu onguMdali wezulu nomhlaba, ngiyathokoza njalo uma kuculwa le ngoma iyangivuselela, ebese ingikhumbuza ukuthi siya kwelinye izwe elihle elingaphezulu kwaleli esilibukayo esicabanga ukuthi lihle nalo. Elikhanyayo ngaphezu kwenyanga, ngaphezu kwelanga lalomkhathi.
 
4.Lokhu kuyasithokozisa ukuba sazi ukuthi kunomgomo esinawo ekuphileni kwethu, kodwa ngiyathanda ukuthi namhlanje sibheke isihloko esingajwayele ukuthi abantu abakholwayo noma ngabe bakuyiphi inkolo, ukuthi bakhulume ngaso ngoba kuyisihloko engazuthi basibukela kude.isihloko esithi ISIMO SOMTHETHOSISEKELO WEZWE.
 
5.Angazike noma basibukela kude, noma bazama ukuba izakhamizi ezinhle, angazi kahle. Kodwa kulelizwe esiya kulo akukho uku ukuthembisa ngomthetho kaNkulunkulu.
Umthetho kaNkulunkulu uma ubekiwe, usuke ubekiwe ukuthi wonke umuntu ofuna ukufinyelela kulelizwe esifuna ukuya kulo okuthiwa liyizwe elihle kakhulu, ukuthi umuntu ahambe ngalomthetho obekiwe kaNkulunkulu, angaphambuki ngakwesokunxele nangakwesokudla.
 
6.Ngiye ngifise kakhulu ukuthi engathi uNkulunkulu owuMdali wezulu nomhlaba engasipha lawo mandla, asiphe lowo moya wokuthi sizindle ngezikhathi zonke mgomthetho wakhe, siwubone uyigugu kithi, singawuboni njengomthwalo phezu kwemiphefumulo yethu. Uma ngabe sibuka izwe esikulo, liyizwe elinemithetho, sengishoke elase South Africa, izwe leli esikulo esakhe kulo, liyizwe elinemthetho. Kodwa manje sesiphila ngaphansi kwesimo sokuthi alusekho ubandlululo lolu okwakukhalwa ngalo.
 
7.Kodwa ngiyazibuza ukuthi ngabe lokho kusho ukuthi sesikhululekile yini, ngabe mhlawumbe ukukhululeka, kuchaza ukuba ngaphansi kwamuphi umbuso? Kuyimibuzo engike ngizibuze yona leyo kodwa umuntu nomuntu usengazibuza naye mhlawumbe aziphendule uma kwenzeka. Kodwa kunezinhlelo zohulumeni ezike zibe khona, thina njengamaNazaretha kaNkulunkulu noma sihlezi ngokwenyama kulelizwe esihleli kulo, kodwa singaboMbuso wasezulwini, asibona balombuso walelizwe.
 
8.NoYeshua wakugcizelela lokho mhla esenza umthandazo wakhe wokugcina ngaphambi kokuthi kufike abazomubamba bamubeke icala, bamuphanyeke emthini. Wenza lowo mkhuleko wathi uyacela ukuthi UNkulunkulu uJehova laba bantu abasesandleni sakhe abaphe bona, bengabe besasuka, wathi noma bekulelizwe kodwa ababona abalelizwe. Okubaluleke kakhulu ukuthi sikuqaphelisise lokho.
 
9.Noma zikhona izinto oMubi ahlobise ngazo kulelizwe, thina kodwa izingqondo zethu zihlale kulelizwe esiya kulo. Noma sibona izinto engathi zinhle, ebese sizibuza ukuthi zingaba zinhle yini ukwedlula lelizwi esiya kulo! Uma senza kanjalo, sizibuza lowo mbuzo okanjalo ngezikhathi zonke, ngibona sengathi siyonqoba zonke izilingo zakulelizwe esisekulo. Lelizwe esisekulo amazwe amaningi asemhlabeni angaphansi kohlelo lwe Democracy noma mhlawumbe singathi uhlelo lwentando yabantu.
 
10.Ngike ngibone kuyiphutha ukuthi sithi uhlelo lwentando yeningi, kuyihlelo lwentando yabantu. Kuloluhlelo lwentando yabantu, intando kaNkulunkulu owuJehova ayikho, kukhona intando yabantu kuphela. Kuya ngokuthi abantu bona bathi bafuna ukwenzani, bafuna ukuphila kanjani, bafuna ukugcina yiphi imithetho. Akubhekwa kuloluhlelo, akubhekwa ukuthi uNkulunkulu owuJehova uthini, nangenxa yokuthi baningi onkulunkulu abakhonzwayo kulomhlaba esiphila kuwo.
 
11.Kukhona izinhlobonhlobo zoNkulunkulu nakuba sazi ukuthi iningi lazo lezo zinhlobobo zonkulunkulu lusukela enkolweni yasendulo, okuthiwa inkolo yemfihlakalo yaseBhabhiloni, inkolo yo Nimrod, noSemiramis noTammuzi, kwase ke izizwe nezizwe sezithanda le nkolo. Ngoba sonke isikhathi uma kuzodelwa uJehova izizwe ziyathokoza, ziyahlangana ngokwedelela uJehova, zingagcini kodwa lapho, ziphinde zedelele abantu bakaJehova, abantu abakhonza uJehova, zibedelele nabo, nabo futhi zibabeke izici eziningi.
 
12.Kangangokuthi kulenkolo yabezizwe uma sibukisisa namhlanje, kuleyonkolo yabezizwe esiyaziyo sonke eyasungulwa eRome, ngesikhathi sokubusa koMbusi u-Constantine The Great, siyazi ukuthi umthetho kaJehova awugcinwa lapho, kugcinwa umthetho waloMbuso, lo Mbuso waseRome osucashisa ngokuthi sekuyinkolo le abantu abahamba ngayo.
 
13.Kwase kwakhiwa onkulunkulu bakhona, kwase kubekwa phambi kwabantu, kwahamba kwahamba kwakhiwa nomfanekiso kalonkulunkulu welanga, wabekwa phambi kwabantu, kwathiwa nanguke uMsindisi wenu owanifela nina bantu, wase bekwa phambi kwabantu! Kodwa esimweni esinjalo, kuyaqapheleka impela ukuthi njalo umthetho kaJehova uyadelelwa, unyathelwa ngezinyawo, noYeshua onguMesiya naye uyedelelwa kulokho kwenza, ebeseke kubonakala sengazukuthi izwe selihamba kahle uma lihamba ngentando yabantu.
 
14.Ebese abantu beze belwe bethathe izikhali, bephume, bephume phandle kwezwe njengoba kwenzeka, kodwa bengalweli intando kaJehova, belwela intando yabantu, babuya bathi banqobile, kwakhishwa neziboshwa zepolitiki, zakhishwa, kwaphakanyiswa izibhakela emoyeni kwathiwa ‘Amandla ngawethu!’ Lawa mandla akuwona akaJehova, angawethu ngokusho kwabantu basezweni!
 
15.Lokhu ngikubona engathi kuyingozi enkulu kakhulu, engathi thina maNazaretha kaNkulunkulu kufanele siyikhuze le Ngozi, futhi thina sihlehle kulengozi ngoba iyingozi enkulu kakhulu ukuqhuba uhlelo lombuso kodwa uJehova ekhishele ngaphandle ngoba ziningi izisele abantu abazophoseka kuzo futhi asebephonsekile kuzo!
Isintu sonke nje emhlabeni asiboni ukuthi kukhona ingozi enkulu esesingene kuyo yokuphila impilo ngaphansi kombuso owedela uJehova, ebese kuyahalaliswa, ebese kuyabungazwa lokho, ebese kuba yinto enkulu!
 
16.Kulelizwe nje ngo April 27 siyohalalisa ukuthi sinenkululeko, kodwa igama likaJehova ngeke liphathwe lapho, kuyophathwa amaqhawe asemhlabeni alwa, kuphathwe ukuthi kube sengazukuthi ibhazuka iyona eyathi uma izamula kwase kuvela ukunqoba. Kodwa akukho lokho, iqiniso esilaziyo ukuthi ukunqoba kusezandleni zikaJehova kuphela, akekho omunye umuntu ongasinika ukunqoba kunoma iyiphi inkinga, kunoma isiphi isitha esibhekene naso.
 
17.Ngiyathanda ukuthi ngibheke la ngoba thina sesiyazi ukuthi siyisizwe esikhethiweyo, siyisizwe sakwa Israel, siyinzalo ka Abrahama, siyinzalo ka-Isaka, siyinzalo ka-Jakobe, sesiyakwazi lokho, futhi lokho sikuzwe kwasicacela. Nakuba abantu abaningi bengakuboni, kodwa thina siyakubona lokho, nakuba abantu abaningi bekuphika, thina siyakuvuma, thina siphambana nezwe, ukukhonza uNkulunkulu uJehova kusho ukuphambana nezwe, kusho ukungahambisani nezwe!
 
18.Le ndaba yokuthi si conform(e) nezinto zezwe iyonanto leyo okumele siyiqaphelisise kakhulu, singayibheki nokuyibheka lonto leyo singa conform(u) nama standards ezwe. Kodwa sibuke ukuthi uNkulunkulu onguJehova thina bangcwele uthi masenzeni, uthi masiyekeni, singakwenzi kuphi nakuphi. Ngenhlanhla enkulu sinoMprofethi, uMprofethi ovela ezulwini, akuyena uMprofethi nje wokuzibeka, ngoba baningi abaprofethi namhlanje, abazisho bona ukuthi bangabaprofethi, kodwa thina sinenhlanhla ngoba thina sinoMprofethi wasezulwini ongabekwanga yithi.
 
19.Esamphiwa ngomusa kaJehova, samphiwa singafanele, samphiwa ngenkathi uJehova esibuka, ebona ukuthi sesiduke saze saphela, sesiphenduke abantu abanqulu zisobala. Wathi uJehova ‘hamba uye kubona abantu bami laba abanqulu zisobala.’ Ubabuyisele kimi, baphinde babe ngabantwana bami njengalokhu beyibo kakade, ngoba noma sesikhohliwe ukuthi singobani, uJehova akakwazi ukusikhohlwa ukuthi singobani.
 
20.UMprofethi wethu uShembe uMqaliwendlela, esihlabelelweni sakhe emthandazweni weSabatha usilobelile esiyala ethi “Mesabeni uJehova zizukulwana ngezizukulwana, nigcine imithetho yakhe anilobele yona uJehova ngeNceku yakhe uMoses ukuze ukudumisa kwenu kwamukeleke kuThixo wemikhosi” Wase eku qualif(aya) lokhu uMprofethi wayesethi “ngokuba uma ningamudumisi ngemithetho yakhe akayakuyemukela imithandazo yenu, akasoze anehlisela izibusiso, uma ningayilaleli imithetho yakhe niyigcine.”
 
21.Konke lokhu njalo kukhulunyelwa ukuthi sibe ngabantu abafanele ukungena kulelizwe esithi siya kulo, kodwa singeke sifaneleke uma ngabe singaqapheli ukuthi singaphansi kwamuphi umbuso sisaphila la emhlabeni. Uma ngabe sibheka kahle hle, sikhumbula umlando wethu njengesizwe, isizwe sikaNkulunkulu kwaba nokuphuma eGibhithe, siphuma ebugqilini, okhokho bethu bekhululwa ngengalo enamandla, ngonyaka ka 1446 BC, kwakusekudala kakhulu, kwakusesendulo kakhulu.
 
22.Kodwa uma ngabe bephuma lapho kulelozwe lelo lobugqila eGibhithe, endleleni uNkulunkulu wayesebenza beba isizwe, wangabenza ngokubatshela nje, kodwa wabenza ngokuthi abanike imithetho yakhe, abanike imiyalelo eyishumi kanye nemithetho eminingi okufanele bayazi bayigcine. Eminye wayebakhumbuza yona njegalona weSabatha, wathi khumbula usuku lweSabatha, kwakungawona umthetho omusha, kwakuyinkumbuzo yokuthi anokhumbulake usuku lweSabatha.
 
23.Kodwa lo mbuso esiphila ngaphansi kwawo ezweni, lo mbuso lo wentando yabantu, iSabatha alikhunjulwa kuwo, akekho umuntu onendaba neSabatha, konke nje kubheke eceleni! Uma ngabe sesibuka kahle hle, siyabona ukuthi lokhu kwembuka kuNkulunkulu, lokhu kuvukela uNkulunkulu kunomsuka laphaya eBhabheli lakudala, eBhabheli lika-Nimrod njengoba sazi ukuthi uyena owaba uMastermind ekwakhiweni kombhoshongo waseBhabheli okwakuwuphawu lokuvukela uNkulunkulu, kuwuphawu lokwedelela uNkulunkulu!
 
24.Ngoba lowo mbhoshongo lowo, wawungakhelwa udumo lukaNkulunkulu, kwakuyi structure senkolo yakhona eBhabhiloni, inkolo yemfihlakalo. Lokho ngithi kwenzeka mhlawumbe lapha kuleyaminyaka elapha ko 4200 eseyedlule, mhlawumbe sekwedlule iminyaka eyikhulu emva kokuthi uzamcolo ufike wabhubhisa isintu sonke, futhi ngaphambi kokuzalwa kuka Abraham lo ongukhokho wethu.
 
25.Lokho futhi kwenzeka ngaphambi kwalezizimpucuko ezinkulu, ama civilization amakhulu adumile, eyase Gibhithe neyase Greece, kanye namanye ama Civilization enzeka emhlabeni, siyazi ukuthi naseNdiya kwakukhona eyakhona, maningi nje. OMubi kodwa uyakhonzwa, uyakhonzwa ngokuthi abantu banamathele kulenkolo yaseBhabhiloni, ngaleyondlela bayamkhonza abantu oMubi, bemkhonza ngalenkolo yemfihlakalo, kodwa umuntu engakwazi lokho, umuntu ethi yena uyakholwa ukhonza uNkulunkulu ophilayo. Kodwa uNkulunkulu ophilayo akakhonzwa ngokungagcini imithetho yakhe, akakhonzwa ngokuthobela imithetho yezwe, inqubo yentando yabantu!
 
26.Kulenqubo yentando yabantu, izwe nezwe liba nomthethosisekelo, bese kuthi yonke imithetho eshawayo, ishawe ngendlela yokuthi ihambisane nalomthetho sisekelo. Kodwa khona lapho awukho umthethosisekelo ohambisana nentando kaJehova, ikakhulukazi kulelizwe lase South Africa. Umthethosisekelo walapha kulelizwe umelene ngqo nomthetho kaJehova ngezindlela ezinimgi.
 
27.Kodwa namhlanje ngenxa yokuthi isikhathi ngeke savuma ulkuthi sibuke zonke izinto, ngiyafisa sibuke kulendaba yoluthi abantu bathi banamalungelo, kukhona i-Bill of Rights, ewu Chapter 2 kulomthetho sisekelo wase-South Africa. I-Bill of Rights okusho ukuthi uhla lwamalungelo uma ngingase ngisho ngesiZulu.
 
28.Kukhona laphayana ku chapter 2, laphana ku paragraph 3 noma ngizothi section 3, angazi nokuthi bakubizani, kuthi “The state may not unfairly discriminate directly or indirectly against anyone on one or more grounds, including race, gender, sex, pregnancy, marital status, ethnic or social origin, colour, sexual orientation, age, disability, religion, conscience, belief, culture, language, and birth.
 
29.Ake sigcine kulo ‘sexual orientation’, u-sexual orientation akuchazi ukuthi udalwe unjalo, kuchaza ukuthi into wena osuzizwa ukuthi usuyayithanda. Uma ngabe udalwe uyindoda ngokudalwa kwakho, ebese uzizwa sengazukuthi uzizwa sengathi uwumuntu wesifazane, kodwa uma uzibuka, uyazibona ukuthi uyindoda.
 
30.Kodwa wena ucabanga ukuthi uzizwa sengathi uwumuntu wesifazane ngoba uzizwa unemizwa yamanye amadoda, uthanda wena ukuthandana namanye amadoda, i-sexual orientation leyo, ebese uphumela obala, kuthiwa ukuphuma out of the closet, uma sebekuhlobisa sebesho abantu abakhonze loluhlelo lwentando yabantu, ebese bethi baphuma out of the closet!
 
31.Lokho kuyinto egqugquzelwayo, into edunyiswayo kakhulu emhlabeni, ikakhulu emazweni asentshonalanga, ayakudumisa lokho, ayakutusa lokho!
Ingakho aze athi lamazwe lawa, umthethosisekelo waseNingizimu Africa omukelwe ngo 1996 iwona mthethosisekelo omuhle odlula cishe yonke ekhona emhlabeni. Futhi akumangazi ukuthi i-Africa iyonke ilona lizwe leli la kuvunyelwa khona ukuthi indoda ishade nendoda, baphile sengathi bawunkosikazi nendoda!
 
I32.lona lizwe leli i-Africa yonke, ngisho ungayiqala phezulu eGibhithe, uze wehle ufike la, noma ungathi uyangase Madagascar noma ungathi uyaphi. Ilona lizwe leli lodwa e-Africa yonke elivumela ukuthi kushadwe umuntu wesifazane ocabanga ukuthi usezenza indoda, ashade nomuntu wesifazane ozoba ngowesifazane ngampela. Kodwa lokho kuphambene nentando kaNkulunkulu! Abantu abathi bangaphansi koMbuso kaJehova, esingenke siwubizeke wona nge Democracy, esiwubiza nge Theocracy, abanu okumele ukuthi beqaphelisise ukuthi bengangeni kulezi zisele ezimbiwa ngomubi, bese esebenzisa imithethosisekelo wamazwe ikakhulukazi lomthethosisekelo wakulelizwe lakithi!
 
33.Abantu abathi baphethe izwi likaNkulunkulu owuJehova kufanele bazwakale beyikhuluma lento, bangazwakali engathi baya compromi(za), engathi baya conform(a), uthi uma uthi uyayibuza le ndaba athi umuntu hhayi sesiphila ngaphansi kwesisekelo sentando yabantu! Uthi uma uthi uyabuza ukuthi uJehova uthini ngalento, hhayi cha ungabe usakunaka lokho, sesiphila manje ngaphansi komthethosisekelo, sesinenkululeko!
 
34.Iyinkululeko engahambisani nemithetho kaJehova leyo Nkululeko leyo, angibanqabeli, angishoko ukuthi kubi kwabaphila ngaphansi kwalelohlelo, ngoba vele bazikhethelile ukuthi baphile ngaphansi kohlelo olunjalo.
Kodwa ngiyabaxwayisa abantu abathi bakhonza uJehova, abathi bangaphansi koMbuso kaJehova bagcine imithetho yakhe, bangaphansi kwe Theocracy, ukuthi abakuqaphele lokhu! Uma bezwa lowo moya loyo ubangena, bakhuleke kakhulu ukuze kube khona umehluko phakathi kwabantu abaphila ngokwentando yabantu nabantu abaphila ngokwentando kaNkulunkulu owuJehova, kube khona umehluko!
 
35.Ngoba laba bantu laba abaphila ngaphansi kwentando kaJehova, ingoba nakuba belapha ngokwenyama, kodwa bona bakhothama embusweni wasezulwini, owumbuso kaJehova, owumbuso waphakade. Babe nokuhlakanipha bona bokubona ukuthi lo mbuso wasezweni okuthiwa uwumbuso wentando yabantu, uwumbuso obonakala umuhle, kodwa uwumbuso odlulayo, uzodlula, ngelinye ilanga intando yabantu angeke isebenze, kuyosebenza intando kaNkulunkulu owuJehova, iyonantando eyosebenza leyo!
 
36.Ngakho-ke kuhle ukuthi abantu bazi align(e) kahle, babuke ukuthi njengoba nje ngiwumNazaretha kaNkulunkulu, njengoba nje ngikuloMbuso kaJehova owu Theocracy, kumele mina ngihambe ngayiphi indlela. Ngoba lezi zinto ziyanconywa, nakwi Media, i-Media iyazincoma lezi zinto zokudelela uJehova, kuze kuthathwe namavesi eBhayibheli ahlanekezelwe! Kuze kube khona nama theologians, azothi hhayi, kodwa uJesu, besho uYesua-ke, mina angikhulumi ngoJesu, uma ngikhuluma ngoYeshua. Kodwa bona bathi hhayi noJesu akukho lapho ayihlaba khona lento!
 
37.Uma ngabe sibuka lomthethosisekelo wezwe, uwumthetho okhombisayo ukuthi ungowombuso odlulayo, ungowombuso ongenakuma kuze kube phakade! Ngiyafisa ukuthi ke sibheke ngoba nakhu la siyamuzwa uMprofethi uthi masimesabe uJehova, sigcine imithetho yakhe, uyashoke ukuthi asilobele yona ngeNceku yakhe uMoses. akesibheke ukuthi ikuphi konje uMoses akulobile, ngoba kuningi akulobile, kodwa sizobheka lokho okuqondene nesihloko sanamhlanje ngoba namhlanje sibuka lomkhuba wobutabane, sibuka lomkhuba wobunkonkoni, umkhuba wobungqingili!
 
38.Engingasho ukuthi umuntu ongekho ngaphansi komthetho kaJehova ngaphansi koMbuso kaJehova oyi Theocracy engingasho ukuthi ngiyamsola ngoba wenza lokho okuthandwa inhliziyo yakhe, futhi wenza lokho okuhambisana nezwe yena aya kulo. Ingakho-ke singeke samsola umuntu onjalo. Kodwa angeke sithule singakhulumi uma ngabe uNkulunkulu oyiNkosi thina esikhothama kuyo, thina ophethe uMbuso thina esikhothama kuwo, ekhuluma ngalezi zinto!
 
39.Ukuze umuntu olapha ngaphansi kombuso wentando yabantu ayizwe lento esiyikhulumayo, ebese ethatha isinqumo naye ngokuthi uyafuna yini ukuqhubeka noma esezwile ukuthi iNkosi yezulu nomhlaba ikhulume yathini, yase ilobani ngeNceku yayo uMoses. Mhlawumbe ake sifunde lapha, ku-Exodus 20 verse 1-17 ngoba amavesi amade lawo kodwa ngifisa ukucacisa ukuthi leyo imiyalelo eyishumi, okungasho ukuthi uma sesigcine yona sesiqedile.
 
40.Ngoba omunye uzothi kulemiyalelo eyishumi awukho umthetho ohlaba ubunkonkoni, awukho, vele uma uthi uyafunda, uyobona ungekho, kodwa akalobanga lokho kuphela uMose, waloba okuningi kakhulu emva kwalokho. Ikhona iNcwadi yoMthetho uMose ayiloba, wase ethi le Ncwadi yoMthetho ayohlala ezinhliziyweni zenu, nize niyifundise fuhi nabantwana benu, nabantwana babantwana benu bayazi ukuthi ithini le ncwadi yomthetho.
 
41.Kula kubhalwe khona imithetho eminingi okufanele abantu abangaphansi koMbuso kaJehova bayiqaphelisise, bayikhumbule njalo njalo, bangayikhohlwa ngoba abantu bavamile ukuvika nokugwema ukugcina imithetho kaJehova bese bethi kodwa akubhaliwe kulemiyalelo eyishumi enihlale nikhuluma ngayo. Cha, imiyalelo eyishumi imiyalelo ebhalwe kulezo ziBhebhe zamatshe ezimbili nje kuphela.
Akuyona imiyalelo ebhalwe encwadini.
 
42.Ingakho ama-Arab asibiza “ngabantu bencwadi” ayazi ukuthi yonke imithetho esiphila ngayo, ilotshwe encwadini, iNcwadi yoMthetho! Mhlawumbe ake sibhekeke manje ku Deuteronomy 31 verse 26 ukuthi uthini uMose uMprofethi weNkosi uma ekhuluma ngalencwadi, uthini: “Thathani le ncwadi yomthetho, niyibeke ngaseceleni koMphongolo wesivumelwane sikaJehova uNkulunkulu wenu, ibe khona, ibe ngufakazi, imelane nani.”
 
43.Le Ncwadi yoMthetho hhayi ukuthi incwadi ye entertainment nje ukuthi sifunde izindaba nezinganekwane ezithile ukuthi oh kwenzekani. Incwadi le okumele imelane nathi, okumele ibekwe eceleni koMphongolo wesivumelwane, njengokusho kukaJehova etshela uMose wathi niyibeke le ncwadi eceleni koMphongolo wesivumelawane. Ingoba ngaphakathi eMphongolweni wesivumelwane, kwakubekwe wona lamatshe ayingcwele, iziBhebhe zamatshe zemiyalelo eyishumi, kwakubekwe lezo zinto, kwase sekubekwa futhi le nduku ka Aroni.
 
44.Kodwa-ke thina esingaphansi kwaloMbuso kaJehova, kufanele sazi ukuthi asihambi ngalemfundiso yokuthi asisaphili ngaphansi komthetho, sesiphila manje ngaphansi komusa. Ngoba ila okonakala khona izinto, wonke umonakalo esiwubona wenzeka, abantu abakholwayo, abathi bekholwa uJehova bethi bayamkhonza. Sibonakala laphoke ngoba kushawa umthetho bese behamba ngayo leyo mthetho, bona bengakhulumi basho ukuthi yebo siyawuzwa umthetho, ushayiwe kodwa thina ngoba sikhonza uJehova sizohamba kanje kanje kanje. Kuyaphela lokho.
 
45.Baningi o- Arch Bishop esibaziyo, abahleli lapha ezikhundleni ezinkulu esibaziyo, kodwa abangavuli umlomo bakhulume ngaleliqiniso elibhalwe phansi. Kodwa mhlawumbe ake siphinde siyikhumbule lento ukuthi kusuke kungakhulunywa umqondo womuntu, kusuke kukhulunywa into esemqondweni kaNkulunkulu. Mhlawumbe ake sibuke futhi laphaya ku Genesis 1 verse 28, siqale nje uGenesis 1 verse 28, sizwe ukuthi lento esiyikhuluma la, siyithathaphi ngampela.
 
46.“UNkulunkulu wababusisa, uNkulunkulu wathi kubo, zalani nande, nigcwalise umhlaba, niwunqobe, nibuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni.” Mhlawumbe umuntu engakaqali ukusola nokubanga umsindo, mhlawumbe kumele kuqondakale ukuthi kuwuhlelo, kuyi order, i-Divine Order le kaNkulunkulu uJehova ongumdali wezulu nomhlaba. Kuwuhlelo lwakhe ukuthi abantu bazalane bande, abantu bangahlali nje bethi bashadile, bahlezi nje, kodwa abanda!
 
47.Ngoba inhloso yaloNkulunkulu ukuthi abantu kufuneka ukuthi bawubuse umhlaba, bawunqobe, babuse phezu kwezinto ezidaliwe, ezikhona emhlabeni, izilwane ezihamba phansi, izinyoni ezindizayo. Babuse phezu kwemvelo abantu. Kodwa manje uma bezohlala bebabili, abantu kuze kufike isikhathi sokuthi bafe, bengakwazi ukwanda, angeke ifezeke leyonhloso kaJehova uNkulunkulu wethu.
 
48.Laba bantu abashaya imithetho yokuthi kumele kuqhakanjiswe lomkhuba wobunkonkoni noma wobungqingili noma ubutabane, bangabantu abamelene nenhloso kaJehova, kodwa asibabekike icala ngoba baphila ngaphansi kwentando yabantu, asibabekike icala, kodwa thina esifungile ukuthi siyohlala endlini kaJehova kuze kube sekupheleni kwezinsuku zethu, sengathi singakuqaphela, singangeni kuleyondlela, singahambi ngalowo mgwaqo abahamba ngawo, balungile bona asibasoli!
 
49.Kubalulekile ukuthi sazi ukuthi uNkulunkulu ufuna ukuthi kwande abantu, uma ngabe kusuke indoda igana enye indoda, angeke bande abantu, angeke baze bande abantu. Ngoba indoda ayinaso isibeletho, into yendoda ayidalwanga yaba nesibeletho, nesimo sokudalwa kwayo nje akukhombisi ukuthi ingakwazi ukuthi igane enye indoda, isimo nje sokudalwa kwayo. Kodwa indoda idalelwe ukuthi ithole owesifazane, okuwuyena odalwe waba nesibeletho, namabele, nezinto zonke ezidingakalayo kuleluhlelo lukaNkulunkulu, luwuhlelo lasezulwini lolu.
 
50.Kodwa abantu basezweni ngenxa yokuthi banentando yabo nabo, intando yabo esekelwe phezu komthetho wombuso woMubi banokwabo abakushoyo. Ebese bekugqugquzela ebese beku justif(aya) bese besebenzisa ithuluzi elikhulu eliyi Media, ebese wonke umcebo wezwe ongaphansi kombuso womubi, ebese bewu channel(a) ukuthi uye kakhulu kulaba asebehamba ngentando yabantu, ngendlela yokuthi baze bathathe le ndlela yokuphila. Ebese kubonakala bephila impilo ewubucwebecwebe, ebese intsha nayo, ebese ibuka, kube ama role models lawa, ebese ibuka ukuthi kushuthi nami mangase ngiphume out of the closet, kushuthi nami ngingaphila impilo enje, ngigqoke ubucwebecwebe.
 
51.Lobucwebecwebe lobu esazi kahle ukuthi bunama code asembusweni kaSathane, lobu bucwebecwebe esazi kahle ukuthi asikho isibusiso sikaJehova kulobubucwebecwebe obusuke bugqokiwe, esazi kahle ukuthi nakulama weave asuke efakiwe, asikho isibusiso sikaJehova ngoba izinto ezinama code athile asembusweni kaSathane. Bese lezi zikhonzi zikaSathane ama devil worshippers ezihamba zibanga ingozi la emgwaqeni, kufa abantu abaningi kuchitheke igazi, ebese zilibutha leligazi, ziliyisa esigodlweni sombuso womubi ebeseke ziyathokoza lezi zikhonzi!
 
52.Mhlawumbe ake siphindeke futhi sibuke kuze kungashiwo ukuthi cha kwenzekile nje kwayivesi elilodwa kodwa ngampela le ndaba eniyikhulumayo, iyindaba engekho. Ake sibuke mhlawumbe ku Genesis 19 verse 4-5 sizwe ukuthi kuthiwani lapho. “Zingakalali amadoda omuzi, amadoda aseSodom, azungeza indlu, amasha namadala, abantu bonke bephelele, bambiza uLoti, bathi kuye, aphi lamadoda angenise kuwo ebusuku na, sikhiphele wona ukuba siwazi.”(okusho ukuthi “silale nawo).
 
53.Mhlawumbe umuntu angake acabange ukuthi kwakukudala kwenzeka lamanyala anje, kwakukudala endulo, ngoba sijwayele ukuthi hhayi sesiphila kwesinye isikhathi, kufanele sihambisane nezikhathi. Kuthiwe hawu usasele emuva wena, usacabanga leyonto, sesiphila manje kwezinye izikhathi, kodwa la sifunda ebhayibhelini, sifunda into eyenzeka kudala kakhulu endulu, kwakusaphila Abraham ngaleso sikhathi, ungake ucabange nje.
 
54.Kwakungaphambi kokuthi inzalo ka Abraham, inzalo kaJakobe yehlele eGibhithe, kwakusekudala kakhulu, kodwa sivamisile ukuthi si justif(aye) izinto ezingamanyala esizenzayo bese sithi ingoba sekuyisikhathi samanje, yeyi isikhathi samanje, isikhathi zishintshile. Azishintshile izikhathi, kushintshe abantu, abantu ibona abaguqukile, bafulathela umthetho kaJehova, base bezakhela indlela yabo yokuphila, base beyisekela bayi justif(aya), base beyisekela ngemithetho abayishayayo, kodwa imithetho engahambisani nentando kaNkulunkulu.
 
55.Sihlale sikhuleka lapha sithi intando yakho mayenziwe, umbuso wakho mawufike, nabantu abenza lomkhuba, bahlale bekhuleka kanjalo. Kodwa bese kubonakala ukuthi kushuthi sekuyisilandelo, sekuyinto nje eyisilandelo esingayikhuleki siyicabangisise ukuthi sithini uma sisho kanje. Bese kucaca ukuthi sesisho nje isilandelo. Bese kucaca ukuthi nokuya emasontweni sekuyi cultural activity, sekuyi social gathering ethize ukuthi kubonakale nami ukuthi nginayo imini skirt enhle, ngiyigqoke laphana neqhwayiqhwayi izicathulo eziphakeme ezilaphaya, ngibe mude, ngibe mude!
 
56.Kubonakale ukuthi nawe unalesudu ecwebezelayo nezicathulo ezibheke phezulu. Kubonakala ngoba phela kuyi social gathering, kodwa noma sekushiwo lezi zinto, sekuthiwa umbuso wakho mawufike, kodwa akekho umuntu impela osuke ekucabangisisa ukuthi kusho ukuthini lokhu esikushoyo. Uma sithi umbuso awufike kusho ukuthini? Ngoba phela umbuso nombuso unemithetho, awukho umbuso owumbuso nje, ebese wonke umuntu ezenzela umathanda nje, umbuso nje unemithetho ebekiwe ilowo mbusi wakhona, abantu abangaphansi kwalowo mbuso kumele bawugcine lowo mthetho.
 
57.Ingakho nakulesi simo engikhulume ngaso bangcwele la, isimo sokuthi kuyintando yabantu, umbuso lo wentando yabantu uNkulunkulu akekho lapha. Kwenzelwe abantu, bakhuluma ngomlomo bathi bayamkhonza uNkulunkulu., bamkhonza ngezindebe zomlomo, kodwa izinhliziyo zabo zikude naye. Ngiyafisa kakhulu bangcwele ukuthi singabi njalo thina, uma sisho ngomlomo, sisho okusenhliziyweni.
 
58.Noma sibuthakathaka mhlawumbe, mhlawumbe zisehlula izono, singakwazi ukugcina umthetho kaNkulunkulu, kodwa sikuthathe njenge project ukuthi lento iyi project yomphefumulo wami ukuthi ngifuna uNkulunkulu angiphe amandla ngigcine sengisinqoba lesi sono ngoba ngifuna ukuyalapha kuleliyazwe esifuna ukuya kulo, uShembe asimemele kulo. Mhlawumbe futhi ukuze singakushiyi okunye ngoba nesikhathi ngiyasibona ukuthi sesizonginqabela bangcwele. Ngyacela ukuthi sidlule futhi ku Leviticus 18 verse 22. “Ungalali nowesilisa njenganawosifazane, kuyisinengiso.”
 
59.Lana akufanekiswa nokufanekiswa, kushiwo ngqo, inkulumo le iyi direct statement nje, eshoyo ukuthi ungalali nowesilisa nawe ungowesilisa, iyisinengiso! Kodwa mawukhuluma lokho kulombuso esiphila kuwo uma uthi kuyisinengiso, kuzothiwa umelene nomthetho-sisekelo, ngamanye amazwi umthethosisekelo usuyiyona ncwadi enkulu esidlula izwi likaNkulunkulu ukuthi uNkulunkulu uJehova uthini.
 
60.Uma uthi uyakhuluma uthi hhayi bo nangu uJehova ethi lento iyisinengiso nje, ebese sekuthiwa wena umelene nomthethosisekelo. Siyathokoza kodwa ngoba thina maNazaretha umthethosisekelo esingaphansi kwawo, ilo wasezulwini, noma sisemhlabeni, umhlaba odalwe uJehova lo, siphila kuwona ngoba udalwe uJehova, awudalwanga ilemibuso ekhona emelene noJehova ayidalanga lutho lemibuso.
 
61.Ngakhoke kufuneka ukuthi isiyeke thina esingamaNazaretha kaNkulunkulu sihambe ngalendlela uNkulunkulu athe masihambe ngayo. Ngicela ukuthi sedlule ku Leviticus 20 verse 13. “Uma indoda ilala nowesilisa njengowesifazane, bobabili benzile isinengiso, bobulawa nokubulawa, igazi labo libe phezu kwabo.” 62.Angazike bangcwele noma siqamba amanga yini uma sikhuluma le ndaba, angazi ngoba lezincwadi zabhalwa uMose azibhalwanga ithina, sasingaka zalwa nokuzalwa.
Kodwa uMprofethi uyena othe asimesabe uJehova, sigcine imiyalo yakhe asilobele yona uJehova ngeNceku yakhe uMoses ukuze ukudumisa kwethu kwamukeleke kuThixo wemikhosi.
 
63.Ngakhoke abahamba ngendlela yentando yabantu ngoba besekelwa ngomthethosisekelo, kufanele bazi ukuthi kukhona abantu abahamba ngendlela kaNkulunkulu abangaphansi kwe Theocracy, hhayi i-Democracy, abahamba ngaleyondlela leyo ekhonjwe uJehova kuphela. Abangeke futhi baguquke kulokho kodwa siyaphinda sithi umuntu osevele esekhethile ukuthi yena akayi kulelizwe thina esiya kulo. Akafuni yena ukuya kulelizwe izwe yena leli akulo manje elihamba nge Democracy sekuyilonazwe vele eliyiphupho lakhe!
 
64.Lowo muntu singeke simsole, kodwa umuntu othi ukhonza uNkulunkulu owuJehova ebese ebonakala kodwa esenza lezi zinto ezisekelwa umthethosisekelo wezwe, eziphambana nomthetho kaNkulunkulu, aphikise uhlelo lukaNkulunkulu, lowo muntu lowo ngiyathanda ukuthi ngimuxwayise ukuthi uyobuzwa ngalelocala ukuthi wawenzani ngoba wawuwumfundisi wawu Bishop, wawu Archbishop.
 
65.Ufaka lesi gqoko lesi esinomlomo wenhlanzi isigqoko lesi okuthiwa imita, isigqoko lesi esiwuphawu luka Dragon unkulunkulu wamafilisti, wawenzani ngoba wawuthe ngomlomo wakho wena ukhonza uJehova kodwa izenzo ziyakuphikisa?
 
66.Ngiyathanda bangcwele ukuthi lokhu sizindle ngakho noma ngabe sibancane sibadala sibangakanani, kube yito esiyicabangayo ukuthi sizihlukanisele thina ukuthi sifuna ukuphila ngaphansi kwamuphi umbuso, khona khona sisahamba la emhlabeni khona sisaphila la emhlabeni. Noma sizophila ngaphansi kombuso wentando yabantu noma sizophila ngaphansi kombuso wentando kaJehova i-Theocracy, ebese siqhubeka futhi bangcwele sikhuleke sithi:
 
67.“Umbuso kaJehova mawehle, mawufike emhlabeni, intando yakhe bese yenziwa njengoba yenziwa ezulwini.”
La emhlabeni intando kaNkulunkulu ayenziwa, uma usathi wena wenza intando kaNkulunkulu, uyahlekwa, uphenduke ihlaya, kuthiwe wena uphila endulo wena awuphili namhlanje. Ngiyathemba ukuthi uNkulunkulu uzowagcina lawa mazwi ezinhliziyweni zethu bangcwele.
 
UNkulunkulu abusise esikuzwileyo!

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *