Skip to content

NGUJEHOVA KUPHELA ONOKUSINDISA

Kuwo wonke amavangeli amane kaYeshua, akukho nelilodwa elehlukile ezimfundisweni zikaShembe ngokugcizelela ukugcinwa komthetho kaNkulunkulu!

Isihlabelelo 119
1.Thina Siyamthanda lo
Onokusindisa
Isihlangu sethu nguJehova
Onokusindisa.
 
2.Thina Siyamthanda lo
Onokusindisa
Sophelela sonke kuJehova
Onokusindisa.
 
3.Wena uyamdinga lo
Onokusindisa
Kuphela kwakhe uJehova
Onokusindisa.
 
4.Alikho nelinye igama
Esingasinda ngalo
Kuphela igama likaJehova
Esingasinda ngalo.
 
5.Asinazihlangu
Esingavika ngazo
Kuphela igama likaJehova
Esingavika ngalo.
 
6.Asinazikhali
Esingalwa ngazo
Kuphela igama likaJehova
Esingalwa ngalo.
 
NGUJEHOVA KUPHELA ONOKUSINDISA
 
1.Kubalulekile ukuthi uma ukholwa noma uthatha ukukholwa, usazi isisekelo senkolo yakho, ungakholwa ngemizwa noma wenze amaphupho abe yisisekelo senkolo yakho. Kodwa njalo isisekelo senkolo yakho akube ngumthetho kaJehova!
 
2.UBabamkhulu ukhulumile kakhulu ngabantu abafuna ukukholwa kwethu kwakheke ngamaphupho abo. Lapha sizwa uMprofethi ethi:
 
3.“Khona kuyakuqala kuvele abaziphuphisa amaphupho besho ukuba avela eNkosini yenu enithengileyo, kepha ningawemukeli uma ephambana nalomthetho ka Jehova.”
 
4.Akusho ukuthi awunakwamukela noma iliphi iphupho elifika kuwe, ngoba noNkulunkulu ufika ngephupho kumuntu.
 
5.Kodwa ungalamukeli iphupho elinomphumela wokuthi wenze lokho okuphambene nomthetho kaNkulunkulu!
 
6.UShembe wasinika isisekelo salenkolo esikuyo. Lesi sisekelo sikuvesi 3-4 woMthandazo weSabatha, lapho ethi:
“Mesabeni uJehova zizukulwane ngezizukulwane, nigcine imithetho yakhe owanilobela yona uJehova ngenceku yakhe uMose, ukuze ukudumisa kwenu kwamukeleke kuThixo wemikhosi.
 
7.Ngokuba uma ningamdumisi ngemithetho yakhe, akayikuyamukela imithandazo yenu; akasoze anehlisela izibusiso uma ningayilaleli imithetho yakhe niyigcine!”
 
8.Okokuqala loNkulunkulu esimlandelayo simkhonza ngokugcina imithetho yakhe owasilobela yona ngenceku yakhe uMose.
 
9.Okwesibili, uShembe usifundise ukuthi sodumisa uJehova ngokulalela imithetho yakhe, bese kuthi ekulaleleni senze njengoba sitsheliwe. Ngalokho kwenza, sesiphelele ekudumiseni uJehova!
 
10.Ngaso sonke isikhathi uShembe wayaye abheke imithetho uJehova oyibeke eBhayibhelini ngoMose, bese kuthi leyo mithetho uShembe ayedlulisele kithi.
 
11.Lemfundiso kaShembe igcwalisa imfundiso kaYeshua ekuMathewu 5:17-19, lapho ethi: “Ningasho ukuthi ngizochitha umthetho nabaprofethi. Angizelanga ukuzochitha, kodwa ukuzogcwalisa.
 
12.NGOKUBA NGIQINISILE NGITHI KINI KOKWEDLULA IZULU NOMHLABA, KODWA AKUSOZE KWEDLULA NALINYE IGAMA, NASICASHANA SINYE SOMTHETHO, KUZE KUFEZEKE KONKE!
 
13.Ngakho-ke oweqa owodwa kulemiyalelo emncinyane, afundise abantu kanjalo, uyakuthiwa ngomncinyane embusweni wezulu.
 
14.Kepha oyigcinayo, ayifundise, lowo kuyakuthiwa mkhulu embusweni wezulu!”
 
15.Kumele bonke abantu abangamakholwa, nabafuna ukungena embusweni wezulu, kungakhathaleki noma bangamaKrestu, bangamaMoslem noma bangamaNazaretha,
bayiqonde lenkulumo kaYeshua eku Mathewu 5:17-19, nale kaShembe ekuvesi 3-4 womthandazo wesabatha, ngoba zombili lezi zinkulumo ziyisisekelo somuntu ofuna ukuhamba ngezimiso zikaJehova, ngazo oyogcina ekhusele inyama nomphefumulo wakhe!
 
16.Lana ngamazwi avela ezithunyweni ezahlukene zikaJehova, kodwa anomyalezo owodwa, othi ukuze zibe ngabantwana bakaNkulunkulu ngokuphelele, asihambe ngezimiso zakhe!
 
17.Kuwo wonke amavangeli amane kaYeshua, akukho nelilodwa elehlukile ezimfundisweni zikaShembe ngokugcizelela ukugcinwa komthetho kaNkulunkulu!
 
18.KUMathewu 7:21-23 uYeshua uze athi: “Akusibo bonke abathi Nkosi, Nkosi abayobona umbusao wezulu, kepha abayobona umbuso wezulu yilabo abenza intando kaBaba osezulwini; okusho ukuthi abagcina umthetho kaJehova.
 
19.Uyaqhubeka uYeshua uthi: “Abaningi bayokuthi kimi ngalolo lusuku: “Nkosi, Nkosi, asiprofethanga yini ngegama lakho, sakhipha amadimoni ngegama lakho, senza imisebenzi eminingi amandla ngegama lakho na?
 
20.Khona ngiyakubatshela emehlweni ngithi: “Angizange nginazi, sukani kimi nina benzi bobubi!”
 
21.Ukhona umuntu onokukholwa kweqiniso, noma ngumKrestu, noma ngumNazaretha, ongathi akamuzwa uYeshua ukuthi uthini?
 
22.UYeshua ukubeke kwacaca ukuthi into engenisa umuntu ezulwini ukugcina umthetho kaNkulunkulu! Sesikuphindaphindile lokhu kukhuluma, kodwa kubukeka sengathi abanye abantu abezwa ukuthi sithini, kanti sicabela imiphefumulo yabo indlela!
 
23.Sicaciselwe ukuthi angenke singene ezulwini ngokubabaza igama likaYeshua, noma likaShembe, bese kuphela lapho, kodwa ukubababaza imisebenzi kaYeshua, noma kaShembe, akuhambisane nokugcina imithetho kaJehova!
 
24.Lapho siya khona kunombuzo okofanele siwuphendule, othi ekubabazeni izithunywa zikaJehova, kodwa niwugcinile yini umthetho kaNkulunkulu.
 
25.Njengoba noYeshua wenza njalo, noShembe ufike wasifundisa ngokugcinwa komthetho kaJehova owawuloba ngoMose, nengelosi yafike yaqhubeka lapho kwahamba khona bonke abaprofethi!
 
26.Lokho kusibonisa ukuthi alikho izulu lamaKrestu elibuswa yimithetho ehl[ukile kule ebusa sonke isizwe sakwa-Israel! Sonke siya emzini owodwa!
Lowo muzi esiya kuwo
Akungeni sono khono
Kwana sono sinye qhabo
Kuyahlala izingcwele zodwa!
 
27.Noma ungumKrestu, noma unguMmoslem noma ungumNazaretha, sinoNkulunkulu oyedwa, ibandla elilodwa nezulu elilodwa, izulu elihlala abangcwele kuphela!
 
28.Lapha sikhuluma ngoMsindisi wethu oyedwa, okunguJehova! Angazi-ke uma sekunamaKrestu, noma amaNazaretha anomunye uMsindisi ngaphandle kwaJehova!
 
29.Kodwa thina maNazaretha kaNkulunkulu sinoMsindisi oyedwa okunguJehova! Lokho sakufundiswa nguye uMqali wendlela yobuNazaretha, njengoba kade sihuba sithi,
thina Siyamthanda lo onokusindisa, nguJehova kuphela onokusindisa!
 
30.Kusihlabelelo 83 uShembe uthi:
Sisindisiwe thina
MaNazaretha sonke
Sohlabelela sibatshele bonke
Sisindisiwe thina.
 
Sokwembatha sanele
Intokozo yovuyo
Yokwembathwa yilabo
Abanethemba lokusindiswa.
Sisindisiwe thina
MaNazaretha sonke,
Sophuza sanele
Ngaphezu kwentaba.
 
Sisindisiwe thina
MaNazaretha sonke
Sokwembatha sanele
Lyontokozo yovuyo.
 
Sisindisiwe thina
MaNazaretha sonke
Sophuza kulelotshe
Lasentabeni yaseSnayi.
 
31.Noma igama lokuthi ‘sisindisiwe’ lingezwakala lifana nokukhuluma kwamaKrestu, kodwa uma ethi uShembe: “Sisindisiwe thina amaNazaretha sonke”, akasho lokhu kusindiswa esiyaye sizwe amaKrestu ekusho!
 
32.Ngake ngachaza ukuthi ngiseDlangezwa ngaba usihlalo we S.C.M. Omunye umfana owayesindisiwe weza kimi, wase efika ethi: ‘Wena Mpanza ukukholwa kwakho kujululile kakhulu kunokwethu, kodwa sekusele ukuthi nje usindiswe.”
 
33.Ngase ngibuza ukuthi umuntu usindiswa ngokwenze njani? Wabe esethi: “Kulula, kumele uze phambi kwebandla bese wenza i-declaration, utshele ibandla ukuthi ususindisiwe.”
 
34.Manje-ke uShembe akakhulumi ngalokho kusindiswa okuchazwa ngamaKrestu. Uma uShembe ethi “Usindisiwe”, uthi “Ungcwele!”
 
35.Ukubangcwele-ke kusho ukuhamba ngezimiso zikaJehova. Yikho uShembe ethi: “Sophuza kulelotshe lasentabeni yaseSnayi.”
 
36.Abantu abaphuza amanzi avela etsheni eSnayi kwakungabantwana bakwa-Israel. Ukukholwa kwabantwana bakwa-Israel kwakungukugcina umthetho kaJehova!
 
37.Uma uhamba noJehova, ugcina izimemezelo zezwi lakhe, uba ngosindisiwe, okusho ukuthi uba ngongcwele!
 
38.Uma ungcwele, usuke usuzicabele indlela elula yokuya ezulwini! UShembe usifundisile kakhulu ngohambo lomphefumulo wethu ekubhubheni kokwenyama.
 
39.Simuzwa ehlabelela kusihlabelelo 124:
Ngesifingo sokusa
Ngongena EKuphakameni.
Amasango ayovuleka
Ngokungena kwami.
 
Ngiyahamba weGuqabadele
Ngaloluhambo lwakho
Yelula isandla sakho
Ulubusise uhambo lwami!
Ngohlabelela ngentokozo
Emzini oyingcwele.
 
Bajabule abahlangabezi bami
Ngokungena kwami.
Ngiyahamba weGuqabadele
Ngaloluhambo lwakho
Yelula isandla sakho
Ulubusise uhambo lwami!
 
Ngomsinela obongekayo
Ngingesanamahloni
Phakamani Masango
Phakamani singene!
 
40.Kulesi sihlabelelo sizwa uShembe esichazela ngesihlabelelo ukuthi uma sife singamaqhawe ezulu, ezulwini sohlangabezwa ngabangcwele, singene ngokusina emasangweni ezulu!
 
41.Onke amaqhawe ezulu kumele akulangazelele ukuya kulowomuzi oyingcwele, alithande izwe elizayo!
 
42.Singakwesabi ukufa, kodwa sikuthande, sikulangazelele, ngoba siyazi ukuthi simsebenzele uNkulunkulu siselapha emhlabeni!
 
43.Isihlabelelo 195.
Ngiyalithanda ngokulizwa,
Lelo lizwe elizayo
Ngokhululwa ngilibone
Wenhliziyo yami.
 
Ngokwenama kangakanani
Uma ngilibona lelo lizwe
Engilithanda ngingalibonanga
Wenhliziyo yami.
 
Nguyena owangithanda
Ngalithanda ngokulizwa
Lelo lizwe elizayo
Wenhliziyo yami.
 
Wenhliziyo yami ngisize
Unamathele kuJehova
Selikhalile elokuqala
Sengilindele elesibili.
 
44.Yini eyenza kuthi sithi siselapha emhlabeni sithande ezulwini? Yingoba okokuqala kufike uShembe wasifundisa ngombuso wezulu, saba naso isithombe sokuthi umbuso wezulu yinto ekhona, ngelinye ilanga esiyoba kuwo; siyazi nokuthi uNkulunkulu ufunani kithi ukuze singene embusweni wakhe! 
 
45.Emva kwalokho, ezulwini kuthunyelwe ingelosi kithi, efike yazofakaza ngesikufundiswe yibo bonke abaprofethi ngombuso wezulu,
yasiqondisa ngakho konke okumele sikwenze, yagcizelela nezimfundiso zikaShembe kithi, ukuthi uma sizilandela, siyongena ezulwini!
 
46.Okube yinhlanhla kakhulu kithi, ukuthi ingelosi kwayona ivela ezulwini, isifundisa ngekubo’, lapho kwayona evela khona!
 
47.UShembe ayikho enye into osifundise ukuba sethembele kuyo ngaphandle kwaJehova!
 
48.Kuvesi 10 woMthandazo wokuvuka uShembe uthi: “Ungaphuthi ukumkhonza uJehova uNkulunkulu wakho uThixo wakho, ngalemini AKUVUSE NGAYO!
 
49.Umkhonze ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho okungokuka Jehova! Umkhonze ngokumthanda;
noma uhamba endleleni mkhonze ngoba uthwelwe nguye nasekuhambeni kwakho. Noma uhlezi endlini yakho emini, mkhonze!”
 
50.Kuvesi 30 womthandazo wokulala uShembe uthi: “Noma uphaphama phakathi kobusuku mkhonze uJehova uNkulunkulu wakho; mkhonze ngokunakekela nangokukhuthalela izwi, nangokwesaba uJehova uNkulunkulu wakho.”
 
51.Ukukhuthalela izwi kusho ukuhlale ushumayela. Sonke kumele sikukhuthalele ukuhambisa lelivangeli lombuso wezulu.
 
52.Phakathi kwethu, ikakhulukazi thina esingabagcotshwa, engaba bikho umuntu onganaye noyedwa nje umuntu oke wambizela enkonzweni. Noma engaphendukanga, kodwa akabe khona umuntu ommemela kuJehova!
 
53.Angiyikhohlwa indaba kaDr Mthethwa owaqala ukudlala uphiyano kulelibandla. Uthi uDr Mthethwa wayenomngani wakhe owayeke emthathe eze naye eKuphakameni bezobukela umgidi. Uthi kodwa lomngani wakhe wayevama ukumbamba ngesihluthu, ehleka izinwele zakhe!
 
54.Kodwa wabe esehamba emhlabeni. Esehambile, uthi uMthethwa, lomngane wakhe wabuya ebusuku wazomklinya, ebuza ukuthi njengoba wayaye ahambe naye eye eKuphakameni, akamtshelanga ngani iqiniso ngoShembe nobuNazaretha?
 
55.Uthi-ke uMthethwa: “Ngadideka ukuthi usho kumtshela okunjani ngoba ngangiya naye emgidini eKuphakameni ezobukela umgidi?
56.Kusobala ukuthi uMthethwa akazange amshumayeze lomngani wakhe, wayeza nje naye emgidini sengathi uzobuka abantu bengoma besina!
 
57.Akazange amtshela ukuthi yinto yasezulwini le! Uma wayemtshelile, wayengenke abuye eze kuye afike amklinye!
 
58.Ngakho-ke sonke ekesibuke abantu abaseduze nathi, ebese uzibuza ukuthi lomuntu usumtshelile yini ngalobu buNazaretha, umtsheleni ngombuso wezulu!
 
59.Ukuze kungathi uma esefile icala afike alibeke kuwe, athi: “Ngahamba nawe, kodwa awuzange ungitshele ukuthi uhleli ebungcweleni, uhleli ezulwini!
 
60.Ingelosi ithe asiphume sitshele bonke abantu ngalombuso wezulu, kodwa singazihluphi ngokushumayeza amanye amaNazaretha ayizitha zikaJehova,
ngoba wona akakufihlile ukuthi sebenonkulunkulu wabo, sebemlahlile uJehova, lo esamfundiswa nguMprofethi!
 
61.Ithi-ke ingelosi singahaleli lutho lwabo, singakuhaleli nokuceba kwabaholi babo, labo abacebile, singathathwa nayindlela yokusina kwabo, ngoba ayaziwa ezulwini!
 
62.Yonke into abayenzayo singayihaleli ngoba bayenzela unkulunkulu wabo, kodwa hhayi uJehova!
 
63.Ithi-ke ingelosi, inkinga abangayiboni ukuthi bona nabaholi babo basabhekene nosuku lokwahlulelwa!
 
64.Abaholi babo basazobuzwa ukuthi laba bantu ababaqoqa, babafundisani ngomthetho kaJehova, ngoba uMprofethi wakubhala phansi ukuthi ibandla lamaNazaretha ngelikaMenzi wezulu nomhlaba?
 
65.Manje bona bamdumise kanjani uMenzi wezulu nomhlaba emabandleni abebewahola, ngoba uShembe wakubhala phansi wathi:
 
66.NGOKUBA UMA NINGAMDUMISI NGEMITHETHO YAKHE AKAYIKUYAMUKELA IMITHANDAZO YENU!
 
67.Manje laba baholi babafundisani abalandeli babo NGOKUGCINWA KOMTHETHO KAJEHOVA?
 
68.Labo abakhohlise umhlaba bathi bangamaNazaretha, kodwa bangahamba ngokwezimemezelo zezwi likaJehova, futhi bafundisa abantu ukuthi bangawugcini umthetho kaJehova, basahlalelwe usizi olukhulu.
 
69.Kwenye yezintshumayelo zakhe, uMprofethi uthi: “Labo abaphika inkolo ka Jehova, yilabo uNkulunkulu abaqalekisile, ababoni lutho emehlweni, baphika imibhalo ngendaba yokuqagela!
 
70.Uma benani bathi bayakholwa, kanti banamanga, uJehova ukwazi kahle konke abakwenzayo, ngeke basinde!
 
71.Iningi labo uzobabona ngokwenza izinto ezinqatshiwe emthethweni, bedle okuyisinengiso ngokuphika imibhalo, nembala bazi lokho nje!”
 
72.Manje iningi labo lithi liyakholwa, kodwa BAYIZAPHULA MTHETHO, usizi lukhulu kubo, noma kukuphi lapho bekhona, amashwa abangamele!
 
73.LOKHU KUDALWA UKUNGAKHOLWA YIMIBIKO KANKULUNKULU, nabathi bangabaprofethi, bavuma izimfundiso zabantu nje, BAPHIKA IZIMFUNDISO ZEZITHUNYWA ZASEZULWINI.
 
74.Uma ungababuza ukuthi LENDODA ABAYILANDELAYO IBATSHELANI NGOJEHOVA, NOMA NGOMHLA WOKUPHELA, NGENKE BAKUPHENDULE!
 
75.BAGUQULA IMITHETHO KANKULUNKULU NGAMASIKO ABANTU ANGASIZI NGALUTHO, KUPHELA ALETHA UKUHLUPHEKA EMHLABENI NOKUBHUBHA ESIHOGWENI KWELIZAYO!” Amen!
 
76.Lamazwi avela kuBabamkhulu, abhekiswe kubantu abanjenga lamaNazaretha aselahle umthetho kaNkulunkulu, ababuye balwe nalabo abagcina umthetho kaNkulunkulu, bebabize ngazo zonke izici!
 
77.Uma ufuna ukwazi ukuthi ubuNazaretha yinto enjani ubobuka impilo yamaNazaretha kaNkulunkulu!
 
78.Thina asiphumputhi ngomthetho kaNkulunkulu ngoba kusuke ingelosi ezulwini yazosifundisa ukuthi uNkulunkulu ubhekeni kithi uma sithi singamaNazaretha!
 
79.Thina-ke esibambelele ezimfundisweni zoMprofethi, asiphume sime ezinkalweni, sishumayeze abantu abangazi lutho ngoJehova, sibatshele abantu ukuthi umbuso wezulu usuwehlele emhlabeni, izindlamafa zezulu azisilandele!
 
80.Hambisani lezi zindaba
Ziye kuwo wonke umhlaba.
​​Nihlaleleni nalezi zindaba
​​Ulambile wonke umhlaba.
 
Bamenamele uSimakade
Ngezikhathi zonke
Akusindi inyama yodwa
Nemiphefumulo yabo.
​​Chorus
 
Khuthazelani lezi zindaba
Nina abamthandayo
UFakazi walezi zindaba
Nangu yena usefikile.
 
81.Usho njalo lomuntu wasezulwini othunyelwe kithi, uthi umhlaba ulambile, ulambele izwi likaSimakade ukuba lifike nakubo! 
 
81.Kodwa njengamanje kuthunywe thina zitsha ezinhle zokuphatha leli lizwi!
 
82.Isihlabelelo 130.
Sanibona makholwa
Nina zitsha ezinhle
Zokuphatha leli lizwi
Zisinde zonke izizwe.
 
Niyothokozwa ngokubongwa
Nibongwa nguSimakade,
Ngokugcina leli lizwi
Zosinda zonke izizwe.
 
INkosi ibusise izwi layo!

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *