UJehova uNkulunkulu okhulumayo, onomthethosisekelo ubekwe nguye ukuthi bonke abamlandelayo bobuswa yiwo.
Kodwa abanye onkulunkulu abakhulumi, abanamthetho abawubekele abalandeli babo, yonke into eqondene nabo iyakholwanje ukuthi ikhona, bese kugcina lapho.
LoNkulunkulu wethu usibekile isibusiso oyosithola uma uhamba ngezimiso zakhe, kanjalo nesijeziso uma umhlubuka.
Isihlabelelo 17
1.Oshawayo akalahlwa
Makangazideli.
Chorus: Phaphamani phaphamani
Nina ma-Afrika.
2.Izimbombo zokhothamo
Zithobisa wena.
Chorus.
3.Izitha zikaJehova
Zivukela wena.
Chorus.
4.Abemukeliswa ubukhosi
Phezu kwentaba.
Chorus.
5.Sebefuna ukukwephuca
Ubukhosi baphakade.
Chorus.
UMSEBENZI WABAPROFETHI ESIZWENI SIKANKULUNKULU
1.Lesi sihlabelelo ekade sisihlabelela sikhuluma indaba enkulu ngobudlelwano esasivele sinabo noJehova kwasekudalweni kwethu.
2.Kodwa phakathi kwethu akakho oke azihluphe ngokufuna ukuthi uShembe wayexoxa ndabani noJehova ngathi thina nzalo ka-Israel.
3.Kodwa kulesi sihlabelelo ikhona indaba enkulu uShembe oyixoxayo ngathi, kodwa thina esingayinakile!
4.Ziningi izindaba uShembe oyaye azixoxe emithandazweni nasezihlabelelweni, kodwa thina esigcina ngokufunda nokuhlabelela, kodwa singacwaningi ukuthi uShembe wayesitshelani uma ekhuluma lokhu kukhuluma!
5.Emithandazweni nasezihlabelelweni kuba nendaba ejulile uShembe osixoxela yona, kodwa okusuke kungafanele yaziwe izitha zethu ngoba sihleli nazo.
6.Ngeshwa nathi sigcina singazi ukuthi uShembe wayethini,
ngoba asizihluphi ngokufuna iqiniso ngalokho osuke ekushilo evangelini lakhe.
7.Kodwa okwenzekalayo ukuthi thina sigcina ngokuhlabelela noma sifunde sengathi sisho isilandelo nje.
8.Kulesi sihlabelelo uMprofethi uthi: “Oshawayo akalahlwa, makangazideli. Kusho ukuthini lokho, wayesitshelani uMprofethi ngalesisi sihlabelelo?
9.UMprofethi uyasitshela ukuthi siyisizwe esihlale sishawa, kodwa noma kunjalo asingazideli, asivuke silwe ngendlela esilwa ngayo!
10.Ekuqaleni uma uShembe ethi oshawayo akalahlwa, uyaye ungaqondi ukuthi sishawa ngubani?
Ngabe sishawa nguNkulunkulu, noma sishawa izitha zethu, okungezinye izizwe?
11.Kodwa uma uqhubeka naleli hubo, uyathola ukuthi uShembe wayenga khulumi ngokushawa nguNkulunkulu, kodwa weaye khuluma ngokushawa ngezinye izizwe!
12.Lenkulumo uShembe uyicacise kahle uma esethi: “Phaphamani, phaphanani nina ma-Afrika, nalapho eqhubeka ethi: “Abemukeliswa ubukhosi phezu kwentaba, sebefuna ukukwephuca ubukhosi baphakade!”
13.Lenkulumo yoMprofethi kumele uyifunde nencwadi yamaHubo 83, lapho uJehova ngomlomo weNkosi uDavide ethi: “Nkulunkulu ungathuli, ungalibali, ungali ukukhuluma Nkulunkulu.
14.Ngokuba bheka, izitha zakho ziyaxokozela, nabakuzondayo baphakamisa ikhanda.
15.Ngobuqili benza uzungu ngabantu bakho, bacebisana ukulwa nabathukusiweyo bakho.
16.Bathi: “Wozani sibaqothule, bengaba yisona isizwe, negama lika-Israel lingabe lisakhunjulwa!”
17.Yini eyayenza abezizwe befune ukuba basenze singabi yisizwe, negama lika-Israel lingabe lisakhunjulwa?
18.Abezizwe babazi ukuthi uma sisazi ukuthi siyinzalo ka-Israel, sohlale siwazi umlando wethu, sokwazi ukuthi u-Israel wabusiswa kanye nenzalo yakhe.
19.Manje uma sazi ukuthi siyinzalo ka-Israel, sothi uma sikhala kuNkulunkulu, asizwe, abuyele kithi, ngoba wayesenze saba ngabantwana bakhe phezu kwazo zonke ezinye izizwe!
20.KuyiziKronike zesibili isahluko 20:29-30, kuthi: “Uvalo ngoNkulunkulu lwehlela yonke imibuso yamazwe lapho bezwa ukuthi uJehova wayelwe nezitha zika-Israel.
21.Umbuso kaJehoshafathi waba nokuthula ngenxa yokuythi uNkulunkulu wayemnike ukuphumula nxazonke.”
22.Abezizwe babazi ukuthi uNkulunkulu noma isizwe sakwa-Israel sesimlahlile, kodwa uma sibuyela kuye, uyosixolele, ebese elwa nezitha zaso!
23.KuziKronike zesibili isahluko 7:13-15 uJehova wakhuluma lamazwi ewabhekise kubantwana bakwa-Israel:
24.“Uma ngivala izulu, imvula ingani, noma ngiyala isikhonyane ukuba sidle okusezweni, noma ngithumela ubhubhane kubantu bami, bazithobe abantu bami ababizwa ngegama lami, bakhuleke, bafune ubuso bami, baphenduke ezindleleni zabo ezimbi.
25.Ngiyakuzwa ngisezulwini, ngithethelele isono sabo, ngiphilise izwe labo.
26.Manje amehlo ami ayakuvuleka, izindlebe zami zilalele umkhuleko owenziwa kulendawo!”
27.Njengoba sesichazile, zonke izizwe zomhlaba zazibesaba abantwana bakwa-Israel, hhayi ngoba babenezimpi ezinkulu nezikhali ezedlula ezezizwe, kodwa zazibesabiswa ukuthi bona babelwelwa nguJehova uNkulunkulu wabo, ezazingenke ezinye izizwe zikwazi ukubhekana naye!
28.Ngakho ukuze lesi sizwe ezinye izizwe zisinqobe, kwakumele zisehlukanisa nonkulunkulu waso.
29.Ukukwenza lokho, okokuqala kwakufanele besenze singabe sisazi ukuthi siyinzalo ka-Israel.
30.Lokho kokwenza isizwe sakwa-Israel ukuba simshiye uNkulunkulu waso, bese sikhonza onkulunkulu babezizwe, onkulunkulu bokhuni namatshe, bese-ke kuyaphela ngalesi sizwe, uJehova onguSomandla asishiye!
31.Inkosi uDavide yakubona lokhu kungakafiki. Kulelihubo inkosi uDavide ithi:
32.“Nkulunkulu ungathuli, ungalibali, ungali ukukhuluma Nkulunkulu.
33.Ngokuba bheka, izitha zakho ziyaxokozela, nabakuzondayo baphakamisa ikhanda.
34.Ngobuqili benza uzungu ngabantu bakho, bacebisana ukulwa nabathukusiweyo bakho.
35.Bathi: “Wozani sibaqothule, bengaba yisona isizwe, negama lika-Israel lingabe lisakhunjulwa!”
36.Impi yamaRoma yango 70 A.D. iyona eyaqeda ngesizwe samaHebheru esasesibizwa ngokuthi ngamaJuda!
37.UYeshua waprofetha ngalempi ku Luka 2:20-24, lapho ethi: “Kuyakuthi uma nibona iJerusalema lihaqwe yizimpi, bese nazi-ke ukuthi sekusondele ukubhujiswa kwalo.
38.Ngakho-ke labo abaseJudiya mababalekele ezintabeni, abakulo, mabaphume baphele,
abasemasimini, abangangeni kulo.
39.Ngokuba lezi kuyakuba izinsuku zempindiselo, ukuze kugcwaliseke konke okulotshiweyo.
40.Wo, kwabakhulelweyo nabakwancelisayo ngalezo zinsuku.
41.Ngokuba kuyakuba khona ukuhlupheka okukhulu emhlabeni, nentukuthelo yehlele phezu kwalesi sizwe.
42.Abanye bayakubulawa ngenkemba, abanye bathunjwe, bayiswe ezizweni zonke.
43.IJerusalema iyakunyathelwa phansi ngabezizwe, kuze kuphele isikhathi sabezizwe!”
44.Ngesiprofetho uYeshua engakazalwa, uDaniel encwadini kaDaniel 9:26-27 wakhuluma lamazwi:
45.“Emva kwalawo masonto angu 62, ogcotshiweyo uyakunqunywa angabi namuntu, umuzi nendlu engcwele kuyakuchithwa ngabantu bombusi ozayo.
46.Ukuphela kwakho kube sesikhukhuleni, kube ngukulwa kuze kube sekugcineni, incithakalo inqunyiuwe.
47.Uyakuqinisa isivumelwano nabaningi, isonto libe linye, iminikelo nemihlatshelo ikhawuke phakathi kwesonto, kufike in cithakalo ngephiko lesinengiso kuze kuphele okunqunyiweyo, kuthululelwe phezu kombubhisi!”
48.Kulesi siprofetho, “Ogcotshiweyo” kushiwo uYeshua owayaziwa ngokuthi uMesaya, okusho ogcotshiweyo.
49.Nempela uYeshua wadayiswa ngabakubo, wagcina ngokuphanyekwa emthini.
50.Emva kwa 70 A.D, esenqotshiwe amaJuda, labhidlizwa ithempeli likaJehova, labhidlizwa neJerusalema.
51.Isizwe samaRoma sahlangana nezinye iziwe, kwagcina sekunesonto elilodwa, iRoman Catholic Church!
52.Iminikelo nemihlatshelo kaJehova eyayenziwa kwa-Israel yachithwa ngabezizwe!
53.Yonke lento eyenzeka esizweni sakitha ibhaliwe eBhayibhelini, kodwa isizwe sakithi yize sinamehlo, kodwa asiboni lutho, yize sinezindlebe, siyaye singakuzwa esikutshelwa yizithunywa zikaJehova, yize zibabuyisa endleleni enhle!
54.KuJeremiya 6:16-19, uJeremiya uthi: “Yimani ezindleleni nibone, nibuze ngemikhondo yasendulo ukuthi ikuphi indlela enhle, nihambe kuyo. Niyakufumana ukuphumula kwemiphefumulo yenu.
55.Kepha bathi: “Asiyikuhamba ngayo. Ngase ngibeka abalindi phezu kwenu. Ngathi: “Lalelani ukukhala kwecilongo.” Kepha bathi: “Asiyikulalela.
56.Ngalokho zwanini nina zizwe, wazi wena bandla, ukuthi kuzokwenzekalani kubo.
57.Yizwa wena mhlaba, bheka, ngiyakwehlisela inhlekelele phezu kwalaba bantu.
58.Isithelo samacebo abo, ngokuba abawalalelanga amazwi ami, nomthetho wami bawulahlile!”
59.Kodwa okuhle ngalezi ziprofetho ukuthi njengazo zonke izethembiso zikaJehova, kohambe kuhambe siphele isikhathi sokubuswa ngabezizwe ezweni lethu.
60.Kodwa lokho kokwenzeka kuphela uma thina sibuyela kuJehova!
61.KuJeremiya 31:10-14, uJeremiya uthi: “Nina zizwe, yizwani iziwi likaJehova, nilimemeze eziqhingini ezikude, nithi:
62.“Owahlakaza u-Israel uzokumqoqa, amlondoloze njengomelusi elusa umhlambi wakhe.
63.Ngokuba uJehova umhlawulele uJakobe, wamhlenga esandleni sonamandla kunaye.
64.Bayakufika behlabelela ngenjabula esicongweni seziyoni bayakuthakasa ngenxa yokuhle abazokuphiwa nguJehova…… bangabe besaba noisizi nanini, intombi iyakuthokoza ngokusina, izinsizwa nabadala bajabule kanyekanye.
65.Ngiyakuguqula ukukhala kwabo kube yinjabulo, ngibaduduze, ngibathokozise, bangabe besaba nosizi.
66.Ngiyakwanelisa umphefumulo wabapristi ngamanoni, abantu bami basuthe ngokuhle okuvela kimi,” kusho uJehova.”
67.Njengoba kwakunjalo kwasemandulo, thina siyilifa likaJehova, abaprofethi bayaye beze emhlabeni ukuzosikhumbuza ukuthi siyilifa likaJehova!
68.Nokuthi ukuze sibe ngabakaJehova siselapha emhlabeni ngokwenyama, kanjalo noma sesiphila ngokomoya, kumele sihambe ngokwezimiso zikaJehova!
69.Kodwa ukuze uJehova asamukele futhi, komele sibuyele kuye ngokushiya izono, sihambe ngezimiso zakhe!
70.Uthi-ke uShembe asivuke sizithathe sifune isibusiso esiyilifa lethu uNkulunkulu owasethembisa lona, ukuthi uyosikhumbula ngokusithethelele izono uma sibuyela kuye!
71.Kusihlabelelo 180 UShembe uthi: “Leli lifa ligciniwe,ligcinelwe nina. Izulu nalomhlaba lalingakabi bikho lona!”
72.Noma uJehova esilahlile ngenxa yokumhlubuka, kepha sethenjisiwe ukuthi kohambe kuhambe uJehova abuyele kithi.
73.Kusihlabelelo 120 uBabamkhulu uthi:
South Afrika vuka
Zokhele izikhuni zakho
Zisondele zonke izizwe
Ziwothe umlilo wakho.
South Afrika vuka
Ulibase iziko lakho
uJehova uThixo wakho
akunike alakho iziko.
ASIKHO ESINYE ISISEKELO
KUWENA AFRIKA
UJEHOVA UKUPHELA
UYISIBANI SAKHO.
Ngiphelele ngiyethemba
Liyophuma bengathandi
Ilanga lakho Afrika,
Zolotha zonke izizwe!
74.Ubani oke efikelwe ukucabanga ukuthi uShembe wayethini ngalokhu kukhuluma?
75.Zonke izikhonzi zikaJehova zinefa lasezulwini elabelwe zona! Ayikho-ke into eyigugu kuNkulunkulu edlula abantu abamkhonzayo!
76.Uthi-ke uMprofethi: “Phaphamani, phaphamani nina ma-Afrika! Uma umuntu ethi”phaphama,” usuke ekuxwayisa, ekutshela ukuthi uma unganakile, kunomuntu uzokwephuca konke lokhu onakho!
77.Yini othi uShembe asixwaye bengasephuci yona? Uthi-ke uShembe: “Izitha zikaJehova zivukela wena!’ Likhulu leligama elithi “Izitha zikaJehova zivukela wena!”
78.Isikhathi esiningi uma ubona abantu bekulwisa ngokushumayela, basuke bengazondi wena, kodwa bazonda umsebenzi kaNkulunkulu lo owuvezela abantu.
79.Ku-Isaya 51:7-8, uJehova uthi: “Ngilaleleni nina enazi ukulunga, nina bantu abamthetho wami usezinhliziweni zabo.
80.Ningakwesabi ukusolwa ngabantu, ningapheli amandla lapho benithuka.
81.Ngokuba inundu iyakubadla njengengubo, nebhu libadle njengobaya bezimvu.
82.Kodwa ukulunga kwami kuyakuma kuze kube phakade, nensindiso yami ezizukulwaneni ngezizukulwane!”
83.Lelivesi lisinika isibindi thina esihlale sithukwa, sisolwa; sithukela ukubuyisa umthetho kaNkulunkulu kubantu!
84.Ku-Isaya 54:17 UJehovah uthi: “Asikho isikhali esenzelwe wena esiyophumelela, nalo lonke ulimi olukuvukelayo luyakwahlulelwa.
85.Lokhu kuyifa lezinceku zikaJehova nokulunga kwazo okuvela kimi, usho uJehova!”
86.Lesi isethembiso esivela kuJehova ukuthi thina esithunywe ukuba silethe ivangeli lakhe kubantu, uyohlale esivikela njalo!
87.Uthi-ke uBabamkhulu, “Izitha zikaJehova zivukela wena.”
88.Izitha zikaJehova ziyaye zibonakale ngokuthi uma ubuyisela abantu kuJehova, zilwe nawe, zifune ukuba ungaledluliseli kubantu izwi loPhezukonke!
89.Kukhona incwadi eyayijwayele ukufundwa iNkosi iLanga kaDutoronomi 30:10-20, lapho uMose ekhuluma lamazwi kubantwana bakwa-Israel:
90.“Uma ulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, ugcine imiyalo yakhe nezimiso zakhe ezilotshwe kulencwadi yomthetho.
91.Uma ubuyela kuJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho.
92.Ngokuba lomyalo engikuyala ngawo namuhla awulukhuni kuwe, awukude. 92.Awusezulwini ukuba uthi: ‘Ngubani oyakusikhuphukela ezulwini, asilethele wona, siwuzwe, siwenze na?
93.Futhi awuphesheya kolwandle ukuba uthi: Ngubani oyakusiwelela ulwandle, asilethele wona, siwuzwe, siwenze na?
94.Cha, izwi liseduze kakhulu nawe, lisemlonyeni wakho nasenhliziweni yakho ukuba ulenze.
95.Bheka ngibeke namuhla phambi kwakho ukuphila nokuhle, ukufa nokubi, ngiyakuyala namuhla ukuba umthande uJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ngezindlela zakhe.
96.Ugcine imiyalo yakhe nezimiso zakhe, nezahlulelo zakhe, ukuze uphile wande, uJehova uNkulunkulu wakho akubusise ezweni ongena kulo ukulidla!
97.Kepha uma inhliziyo yakho iphenduka ukuze ungezwa, kepha uyengwe, ukhuleke kwabanye onkulunkulu, ubakhonze, ngiyakumemezela namuhla ukuthi NIYAKUBHUBHA!
98.Ngifakazisa namuhla izulu nomhlaba ngani ukuthi NGIBEKE PHAMBI KWENU UKUPHILA NOKUFA, ISIBUSISO NESAIQALEKISO.
99.Ngalokho khethani UKUPHILA UKUBA NIPHILE, wena nenzalo yakho, ukuba umthande uJehova unkulunkulu wakho.
100.Ulilalele izwi lakhe, unamathele kuye, ngokuba lokho kungukuphila kwakho nobude bezinsuku zakho!”
101.Ngiyafisa namuhla ukuba ngicacise ukuthi loNkulunkulu esinaye, uJehova, akakho uNkulunkulu onjengaye ezulwini nasemhlabeni wonke!
102.UJehova uNkulunkulu okhulumayo, onomthethosisekelo ubekwe nguye ukuthi bonke abamlandelayo bobuswa yiwo.
103.Kodwa abanye onkulunkulu abakhulumi, abanamthetho abawubekele abalandeli babo, yonke into eqondene nabo iyakholwanje ukuthi ikhona, bese kugcina lapho.
104.LoNkulunkulu wethu usibekile isibusiso oyosithola uma uhamba ngezimiso zakhe, kanjalo nesijeziso uma umhlubuka.
105.Kodwa abanye onkulunkulu abana sibusiso, abanasi jeziso, ababa chazele lutho abalandeli babo ukuthi uma sebefile bokwe hlulelwa kanjani, behlulelwa ngubani?
106.Noma beba nika izinhlanhla nezijeziso uma besese nyameni, kodwa ababa tsheli lutho ngokuthi uma sebengumoya, bayophila mpiloni kwelizayo.
107.Akuqondwa ukuthi abafa bengaba bulali uma bejeziswa, bajeziswa kanjani emazulwini abo!
108.Ngokuhlubuka uJehova, siyaye sithathe onkulunkulu bezizwe bese sithi banguNkulunkulu wethu, kodwa sikhuluma ngonkulunkulu abangakhulumi, abangaboni nabangezwa, bese sibafanisa noNkulunkulu onguJehova!
109.Ngiyafisa ukuba ngichaze ngoMvelinqangi njengonkulunkulu esiyaye sithi uNkulunkulu wethu!
110.Uma uMvelinqangi enguNkulunkulu wethu njengesizwe sakwa-Israel, lokho sokubona ngoba lokho othe uJehova asikwenze, noMvelinqangi athi asikwenze; othe uJehova singakwenzi noMvelinqangi athi asingakwenzi.
111.Kodwa akunjalo, enkolweni yoMdabu ekhonza uMvelingqangi awukho umthetho othi ungakuphuzi utshwala, ungayidli ingulube, ungabhuli, ungabi yisangoma, nokunye!
112.Lokho nje kukodwa kuchaza ukuthi ngoNkulunkulu abehlukene laba!
113.UShembe usebenzise igama likaMvelingqangi njengokuthakasale uJehova.
114.Kodwa abenkolo yoMdabu kubo uMvelinqangi usho omunye unkulunkulu othathelwe ezizweni, okwathi uma abakwa-Israel behlangana nazo sebemhlubukile uJehova, base belandela amasiko azo!
Isihlabelelo 238
1.Iyafuna inhliziyo
Yenu’Thixo ophilayo
Umphefumulo wabo bonke
Ukhumbule ezulwini.
2.Bheka baba ngomsa wakho
Yizwa umhandazo wethu
Singcolile singaboni
Wena wedwa uyingcwele.
3.Wena Nkosi unamandla
Geza inhliziyo yethu
Wena Nkosi ungumlilo
Mawuqed’ izono zethu.
4.Namhla usikhumbule thina
Emazweni akithi sonke
Mayenziwe intando yakho
Phezu kwalenyama yonke.
5.Namhla sibuyela kuwe
Thina nabantwana bethu
Siyilifa lakho wedwa
Singakhonzi’ zitha zethu.
INkosi ibusise enikuzwile!