Njengamanje akukho mithetho kaYeshua amaKrestu ayilandelayo ukuze bangene ezulwini, ngoba leligama elithi uYeshua uyindlela neqiniso lichazwe ngokuthi kumele uvume ukuthi uYeshua uyiNkosi, kumele uhlale umemeza ukuthi uYeshua uyindlela neqiniso, ngokuvuma lokho usuyongena-ke ezulwini! ubani ongohlulwa UKUVUMA UKUTHI UYESHUA UYINDLELA NEQINISO ukuze angene ezulwini?
Kodwa akulokho uYeshua akufundisile! UYeshua ufundise ukuthi ukuze ungene ezulwini, kumele ugcine umthetho kaNkulunkulu!
Isihlabelelo 162
1.Amen, amen, amen
Inhlaba umuthi wasendle
Awuthati lutho ngokubaba
Kunezwi lakho Simakade
Ezinhliziweni zabaningi.
2.Iboza umuthi wezintaba
Awuthathi lutho ngokubaba
Kunezwi lakho Simakade
Enhliziweni zabaningi.
3.Bawushiya sewuvele
Lowo muzi okhazimulayo
Bahlehlela emuva
Uyilifa lamaqhawe.
4.Hlomani wemaqhawe
Izithelo zokholo
Bekezelani noma kunjalo
Kungenwa kanzima.
5.Nesango lakhona lincane
Alingenwa nemithwalo
Shiya phansi leyo mithwalo
Alingenwa nemithwalo.
1.Njengoba ngike ngachaza ekuseni, sekunesikhathi lapha e-NCG salichitha igama likaJesu, sabuyela egameni lebele, okungu Yeshua onguMesaya!
2.Kodwa izindaba ezimnandi ukuthi uhulumeni wakwa-Israel, naye uselichithile leligama lika “Jesus” ezweni lakhe! Bekuvele kuyinhlekisa ukuthi kungathi izwe lonke lakwa-Israel lingaphansi kweJudaism, livumele ukuthukwa koMprofethi wabo ezweni labo!
3.Sekutholakele nakuma Dead SEA Scrolls atholakala ngo 1946, ukuthi impela igama likaMesaya ngu Yeshua, nokuthi igama elithi “Christian” alikho kuyimibhalo yamaHebheru, kodwa igama labalandeli bakaYeshua ngamaNazaretha.
4.Ngokubuyela kukahulumeni wakwa-Israel egameni langempela likaYeshua is a vindication ebandleni laseNCG!
5.Bengedlula nje ngichaza lokho, kodwa isihloko salenkonzo sithi: “EMHLABENI IZWI LENKOSI LIYINTANDANE.”
6.Uma uNkulunkulu ekuthuma ukuthi ukhulume indaba yakhe usuke ekuthwese umthwalo onzima kakhulu, ngoba ayikho into abantu abangayithandi njengezwi leNkosi.
7.Kodwa futhi ayikho into emhlabeni edingwa noma ngubani uma eseduze kokufa noma esosizini olunjani, ngaphandle kwaNkulunkulu!
8.Sonke usizi lwethu silubika kuNkulunkulu, kodwa uma sizenamele uNkulunkulu uba kude kakhulu nathi!
9.Ayikho into eyisitha sabantu njengomuntu okhuluma indaba kaNkulunkulu!
10.Nabeza kuye, ngokujwayelekile beza ngoba vele kusuke kukhona usizi abanalo, bese bethemba ukuthi uma beza kuJehova lolusizi lungase luphele.
11.Kodwa ukuthi abantu bezwe izwi likaNkulunkulu elingaxutshwe nalutho, bese bephenduka bekholwe, abanjalo basuke bakhethwa kwaseziswini zonina!
12.Kuhle-ke ukuthi ukholwe ngempela, noma walethwa usizi oluthile; kodwa uma lolo lusisi lukwenze wabona uNkulunkulu, wanamathela kuye noma selusukile, ukubonge lokho!
13.Umuntu nomuntu kufanele ahlale ahlale azibuze ukuthi yini eyamdonsa ukuba abe phakathi kwethu, bese ubonga khona lokho kuhlupheka okwakwehlela waze wagcina ubone uNkulunkulu!
14.Mina ngiseseBuhleni
ngahlupheka kakhulu, ngahlupheka ngisenkonzweni, ngiphila ngokuthi
ngithi ngisenkonzweni ngibe ngiqalaza izitha zami.
15.Noma sengiphumile enkonzweni, ngiphila ngokubaleka, ngibalekela abafundisi ababeyizitha zami. Leyo kwakuyimpilo elukhuni kakhulu!
16.Kodwa ngelinye iLanga ingelosi ithi kimi: “Kwenziwa ngabomu ezulwini ukuthi uyekelelwe abefundisi bekuhlukumeze ngendlela abakuhlukumeza ngayo, ngoba ukuba awukutholanga lokhu kuhlukunyezwa, wawungenke uze uphume ebandleni lakho, wenze lokhu owawuthunywa ukuba ukwenze.
17.Kwasho ingelosi lokho, yathi ukube awuzange uhlukumezeke wawungeke uhambe eBuhleni uphume nje wedwa uthi usungula ibandla.
18.Ngiyakubonga-ke nalokho, ngoba noma lomsebenzi ungithwalise kanzima, kodwa ungenze ngazi kabanzi ngoNkulunkulu nombuso wezulu!
19.Angikholwa ukuthi ukube angizange ngasungula lelibandla, ukube ingelosi ayifikanga kithi, ngabe ngampela ngiyayazi yini indaba kaNkulunkulu!
20.Kodwa ukuqonda ngempela ngoNkulunkulu ngikufunde ngoba sesihamba nengelosi.
21.Namuhla sengiyazi ukuthi kumele ngiziphathe kanjani ukuze ngibone umbuso wezulu, mhlawumbe okwakungazu kwenzeka ukuba angimenyelwanga umsebenzi kaNkulunkulu!
22.Kuhle-ke ukuthi noma ubizwe ngendlela ongayiqondanga, kepha wazi ukuthi ubizelwe ekukhanyeni!
23.Lokho kubalulekile ukuthi noma ungazi ukuthi wafika kanjani lapha, kodwa ubone ukuthi ukungena ebandleni kukwenze wazi ngoNkulunkulu noma ubuzocela ukuphila noma ubuzobika kuphi ukuhlupheka.
24.Kodwa into engiyifundile ukuthi ayikho into enzima njengokusetshenziswa uNkulunkulu. Ayikho into enzima njengokubizela abantu ekukhanyeni, ngoba abantu abakuthandi ukukhanya, bathanda ubumnyama!
25.UBaba iLanga eshumayela wathi, esibonakalisweni ubone amaNazaretha engena odakeni. Uthi-ke uBaba, wagijima waya kubo wabaqhweba, ebaxwayisa ukuthi udaka lolu abahlehlela kulo.
26.Uthi wayethi uma ethi uyasondela uyabaqhweba, bavele bahlehlele kulo kakhulu, kuba sengathi bayambalekela.
27.Uthi bangena bonke odakeni ebabuka, engasazi ukuthi kumele enze njani! Sengathi njengamanje loludaka amaNaretha asekulo!
28.Ngoba lento eyakhulunywa uBaba iLanga yayisibonakaliso, iyisiprofetho! Kodwa ngokubuka kwami amaNazaretha asengene aphelela kulokudaka uBaba iLanga owayekhuluma ngalo.
29.Sinjalo-ke isono, uma sesimngene umuntu, noma ungayichaza kanjani indaba kaNkulunkulu kuye, uma esengenwe umoya omubi, akezwa lutho, weyisa ngisho uNkulunkulu, athuke nengelosi kaJehova; akesabi lutho!
30.Lokho sikubonile kumaNazaretha, abekho abantu ebebethuka ingelosi njengamaNazaretha, yize kungekho abangase bakukhombe okwenziwa ingelosi okuphambene nomthetho kaNkulunkulu, kodwa bebeyithukela khona lokho, ngoba umuntu uma esengenwe umoya omubi akamesaba uNkulunkulu, akayesabi nengelosi, akesabi lutho!
31.Asikho isitha kumuntu oyihlubuka esedlula umuntu okhuluma indaba kaNkulunkulu. Abantu bayakuzingela, befune ukukubulala, ngenxa nje yokuthi uqondisa indaba kaNkulunkulu emhlabeni!
32.Uthi-ke uBabamkhulu: “Inhlaba umuthi wasendle awuthathi lutho ngokubaba kunezwi lakho Simakade ezinhliziweni zabaningi!”
33.Inhlaba umuthi obaba kakhulu, kodwa uma umuntu esekhethe ukungakholwa engadla umuthi noma obabayo kanjani kunokuba akhethe uNkulunkulu.
34.Uthi-ke uShembe: “Iboza umuthi wezintaba awuthathi lutho ngokubaba kunezwi lakho Simakade ezinhliziweni zabaningi!”
36.Kuthe uma ngicabanga ngosizi esiluthwele lokuhlale sithukwa, sizingelelwa ngenxa yokuhlale sikhuluma lezi zindaba zasezulwini, ngacabanga amazwi kaYeshua mhla ethi:
37.“Nibusisiwe nxa benithuka, benizingela, bekhuluma konke okubi ngani, beqamba amanga
ngenxa yami. Jabulani nithokoze ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini, ngokuba babazingela kanjalo abaprofethi abanendulelayo!”
38.Kunjalo, uma usuthwele ubunzima, uyaye ucabange ukuthi lokhu kuhlupheka kukuwe wedwa, kodwa uma usufunda ibhayibheli, uthole ukuthi nabantu ababelandela uYeshua babethukwa bezingelwa, nabaprofethi babebulawa.
39.Namanje ukube mhlawumbe akusona isikhathi samanje, ngabe kudala safa, mhlawumbe ngabe sabulawa yiwo umbuso.
40.Lenkulumo kaYeshua yangenza ngaqonda ukuthi akuqali ngathi ukuthukwa nokuzingelwa ngenxa yezwi leNkosi!
41.Ngibe sengininga ngomthandazo kaBabamkhulu, naye owayebhekene nalolusizi ngesikhathi esatshala lobu buNazaretha kubantu ababemelene noJehova!
42.UBabamkhulu uthi: “Kwamukele Nkosi ukunxusa kwami, ukungabaza kwenhliziyo yami ngawe Thixo wobaba bethu, makungembuke. Ungayivumeli inhliziyo yami ibe namahloni ngawe, Thixo wobaba bethu.
43.Ngokuba ngilizwile uthuli lwezitha zakho, nezilimi zabo ziyaheheza okubi ngami ngezikhathi zonke.
44.Baze bahlazeke abathemba kuwe ngami, ngenxa yezilimi zabo abaheheza okubi ngami, bathuntubezile izindlebe ebezibukhali ukulalela izwi lakho ngami.”
45.Kunjalo nje, uma ukhuluma indaba kaNkulunkulu, abantu baye bezame ngawo wonke amandla ukuba bekuthuke ukwenzela ukuthi nabantu abafuna ukukholwa beqhele kuwe. UBabamkhulu wayethukwa ngokuthi unomlingo, ethukwa ngokuthi uthatha abafazi babantu. Abanye bathume umuntu wesifazane ukumyenga, kodwa behluleka.
46.Nathi sathukwa kakhulu. Mina ngakhulela eBuhleni, noMkhokheli ube uMkhokheli eBuhleni, asikho isono amaNazaretha ake asibona kithi siseseBuhleni, kodwa kwathi uma sesinikwa ukuthi sikhulume ngoNkulunkulu, sathola zonke izinhlamba esasingakaze sithukwe ngazo, ngoba becasulwa ukuthi siyikhulumelani indaba kaNkulunkulu!
47.Uma ukhuluma indaba kaNkulunkulu, zonke izitha zikaJehova kuba izitha zakho, bakuhlaselele ukuthi ubafundiselani abantu indaba kaNkulunkulu.
48.Uyaqhubeka uBabamkhulu uthi: “Uyazi-ke Nkosi ukuthi inhlebo iyemukeleka kwababuthakathaka ezinhlizweni zabo; amanga anesikhundla kubo abawezwayo; abanezilimi ezimbi ngeNceku yakho.
49.Uyazi-ke Nkosi, ngalendlala kwasebuntwaneni bami izwi lakho ezizweni ngezizwe. Nkosi bayi ngcosana abemukelwa wukusindiswa kwakho, oku shunyayelwa yimina ezindlebeni zabo.”
50.NakuBabamkhulu akuzange kwabalula noma senibona amaNazaretha eseyizigidi, kodwa ngesikhathi sikaBabamkhulu kwathatha iminyaka abantu bengalemukeli izwi likaNkulunkulu kuye!
51.“Amanga abo angange thonsi lejalamu, lona elithi lilincane lixegise isisu sonke somuntu. Nkosi abakhuluma okubi ngami bayemukeleka ezinkulungwaneni.
52.Izilimi zabo azichilizwe; amanga abo abe njengegwebu lensipho ephelela ezandleni. Kodwa mina ngiyokuthandaza njalo, noma ngazi ukuthi indlela eza kuwe iyasinda, ngiyakuyi cambalalisa inhliziyo yami emikhondweni yezimemezelo zakho.
53.Ungabi kude nenhliziyo yami uma ngiyi cambalalisa emikhondweni yezimemezelo zakho. Mina ngidabukele ukusindiswa kwakho, izwi lami alibe kuwe, zande izinsuku zokulunga kwami.
54.Akuvame ukukhunjulwa kwami nguwe. Nkosi wena uyaphuzeka njengamanzi kwabomileyo. Inhliziyo yami yomele ukusindiswa nguwe imihla yonke yokuphila kwami.
55.Yebo Nkosi akwande ukwenama kwami ngawe. Ngizihlanganise izizwe zakithi ngezwi lakho.”
56. Nami ngisho njalo, ngithi uNkulunkulu akasiphe amandla ukuba sizihlanganise izizwe ngezwi lakhe.
57.“Zigijime zibheke nganhlanye njengomfula wamanzi; zingaphambani uma ngizibiza ngegama lakho Guqabadele! Mazisabele, ngokuba unami wena, nami nginawe. Alikho elinye igugu lenhliziyo yami, nguwe ukuphela!
58.Ngiyazi ukuthi ngizozishiya zonke engizibona ngamehlo, nengizaziyo ngenhliziyo, ngize kuwe mina. Ngihlangabeze ngokwenama phambi kwakho Nkosi. Kulapho isabelo sami somoya sikhona, oyongabela sona; kungebukhulu bami, kodwa ngenxa yomusa wakho owangithanda ngawo.
59.Lunjalo Nkosi uthando lwakho, lufana nomhlabathi omuhle, othi nxa bewulima abanikazi
bawo ubavezele izithelo abawulimayo. Nami ngithanda ukulima kuwe, ngitshale Nkosi imbewu yothando lwenhliziyo yami, ukuze wenze izithombo ezinhle ngokutshalwa emhlabathini wamanzi.
60. Nkosi, abatshalwa eceleni kwakho abanakuyeka ukuthela izithelo ezinhle. Ukuvuma koMoya wami Nkosi, ukuba ngitshale eceleni kwakho, kwamukele Nkosi.
61. Ukuze umoya wami uthele izithelo ezinhle Nkosi phambi kwakho, nangaphambi kwabakhethiwe bakho, abayizinkulungwane, nezindlamafa zeZulu.” Amen!
62.Lo umthandazo kaBabamkhulu, nathi esiwuthandazayo noma singeke sibe amagagu njengaye.
63.Ngathi uma ngifunda lomthandazo woMprofethi, ngama isibindi, ngaqonda ukuthi lobu bunzima engibuthwele akuqali ngami, noBabamkhulu wedlula kukho!
64.Awukwazi ukuba ube ngothunywe ezulwini, ungahlangani nezimpi zikaJehova ezizingela umoya nenyama yakho!
65.Konke ubunzima engibuthole ngikhuluma indaba kaNkulunkulu, ngikuthole ebandleni lakithi, ngikuthole kumaNazaretha.
66.AmaKrestu akaze angithuke, akaze angihlasele, kodwa izitha zalelibandla ezinkulu ngamaNazaretha!
67.Kodwa asekhona namaKrestu ayizitha zalelibandla, kanjalo nasenkolweni yoMdabu sezikhona izitha zalelibandla.
68.KunamaKrestu angasakulali ubuthongo, abathi lelibandla kumele liqedwe, ngoba lizohlakaniphisa abantu, bagcine bebonile ukuthi lento abayifundisa abantu ngokukholwa, ayikho, bese abantu bebahlamuka!
69.Into enkulu kubantu, ukuthi noma bengazibiza ngokuthi bangabafundisi, bangabaholi bamabandla,
bangaba profethi, kodwa ukuba nebandla kuba yindlela elula yokuzicebisa!
70.Kunjalo nje! abantu abaningi baba abafundisi, noma abaprofethi benganaMoya kaNkulunkulu, kodwa abakwaziyo ukuthi lena indlela elula yokuba becebe ngaphandle kokuba amabhizinesi abo anakwe nguhulumeni!
71. Alikho ibhizinisi elilula njengokuzi cebisa ngokuthi ubizwe ngomfundisi, ngomholi webandla, ngisho imisebenzi yakho ikude kakhulu nokusebenzela uNkulunkulu, abanye bebe ngabafundisi abasebenzela uSathane!
72.Abantu abakholwayo ababuzi lutho ukuthi ingempela lomuntu esithi uyinceku yeNkosi, yini esike sambona eyenza etshengisa ukuthi uyinceku yeNkosi?
73.Njengoba ngimi phambi kwenu, nasezulwini kuyaziwa ukuthi angikaze ngifune ukuba ngumholi webandla, ibandla engangikulo lalingenelisile. Kodwa ngathunywa ezulwini ukuba ngikhulume indaba kaNkulunkulu kini, ngiyisithunywa sikaNkulunkulu!
74.Ngithunywe nguShembe uBaba iLanga ukuthi ANGIBUYISELE ABANTU BONKE EVANGELINI LIKABABAMKHULU, NGIVUSELELE IMITHETHO KAMOSE ESAYIFUNDISWA NGUYESHUA NOSHEMBE.
75.Wonke umuntu ofuna ukuya ezulwini kumele anamathele esisekelweni senkolo esiyinikwe nguYeshua, yagcizelelwa nguShembe!
76.UYeshua wathi uyindlela neqiniso, akakho oza kuBaba ngaphandle kwakhe.” Kodwa ngokubuka kwami abathi bangabalandeli bakaYeshua, abazi ukuthi kusho ukuthini lokho; bathantha noma yini abayitshelwa ngabezizwe, kungakhathaleki ukuthi ayiwakhi kanjani umqondo.
67.Ukuthi uYeshua uyindlela neqiniso isingathekiso esisuka kude. Kodwa angizukhuluma ngalokho namuhla. Angazi ukuthi kuyaye kwenziwe yini ukuthi ngisho umuntu efundile, kodwa uma sekuza enkolweni, avele abe isidomu esixakile!
68.UYeshua akakwazi ukuba INDLELA, kodwa le i-figure of speech! Literally ukuthi uYeshua uyindlela neqiniso kusho ukuthi uYeshua nguyena onguMqondisi wokuthi uma ufuna ukuya ezulwini kumele wenzeni. Lokho kusho ukuthi uma ufuna ukuya ezulwini, thatha imfundiso kaYeshua.
69.Kodwa kuyaye kuthathwe inkulumo eqondile abezizwe beyiphenduphendule ukubalekela ukuthi singayithathi imfundiso kaYeshua ngokuygcina umthetho kaNkulunkulu,okungukhiye wokungena ezulwini! esikufundiswayo ukuba singene esontweni simmemeze igama likaYeshua lize lophuma isonto, bese sithatha izimfundiso zikaPaul esichitha ngazo umthetho kaNkulunkulu!
70.Njengamanje akukho mithetho kaYeshua amaKrestu ayilandelayo ukuze bangene ezulwini, ngoba leligama elithi uYeshua uyindlela neqiniso lichazwe ngokuthi kumele uvume ukuthi uYeshua uyiNkosi, kumele uhlale umemeza ukuthi uYeshua uyindlela neqiniso, ngokuvuma lokho usuyongena-ke ezulwini! ubani ongohlulwa UKUVUMA UKUTHI UYESHUA UYINDLELA NEQINISO ukuze angene ezulwini?
71.Kodwa akulokho uYeshua akufundisile! UYeshua ufundise ukuthi ukuze ungene ezulwini, kumele ugcine umthetho kaNkulunkulu!
72.Njengomqondisi ekufundiseni ukuthi kumele senzenjani ukuze singene embusweni wezulu, uYeshua usichazele konke!
73.Isisekelo sebandla likaYeshua nguMathewu 5:17-19, njengoba ekuseni kade kusho uMvangeli, lapho uYeshua ethi: “Ningasho ukuthi ngizochitha umthetho nabaprofethi; angizelanga ukuzochitha, kodwa ngize ukuzogcwalisa.
74.Ngokuba ngiqinisile ngithi kini kuyokwedlula izulu nomhlaba, kodwa akusoze kwedlula nalinye igama, nasicashana sinye somthetho, kuze kufezeke konke.
75.Ngakho-ke oweqa owodwa KULEMIYALELO (YAMI) emincinyane, AFUNDISE ABANTU KANJALO, uyakuthiwa omncinyane embusweni wezulu; kepha oyigcinayo, ayifundise, lowo uyakuthiwa mkhulu embusweni wezulu.”
76. Le ncwadi ayifundwa nhlobo emabandleni, kodwa iyisisekelo senkolo kaYeshua okufanele ngabe amaKrestu ayazi ngekhanda, njengoba nami ngazi uvesi 3 woMthandazo weSabatha!
77.Kodwa lesi sisekelo uYeshua osibekile, abasilandeli nhlobo, abafundiswa ngisho ukufundiswa ngaso, ukuthi nguYeshua osifundise ukuthi umthetho kaNkulunkulu owulethe emhlabeni ngoMose, umi ngunaphakade!
78.Kusho uYeshua ukuthi uma singawugcini umthetho kaNkulunkulu, sibuye sifundise abantu ukuthi bengawugcini, angeke singene ezulwini!
79.Kodwa uma sigcina umthetho kaNkulunkulu sibuye sifundise abantu ukuthi abawugcine umthetho kaNkulunkulu singabakhulu ezulwini! Imfundiso kaYeshua leyo, hhayi kaMoses!
80.Ngakhoke akakho umuntu ongathi akasaphili kuyisivumelwano esidala, ngoba imfundiso kaYeshua awukwazi ukuyibiza ngesivumelwane esidala! NguYeshua othena umthetho kaNkulunkulu owawushiya kuMose umi ngunaphakade!
81.NguYeshua othena uma umuntu engawugcini umthetho kaNkulunkulu, abuye afundise abantu ukungawugcini umthetho kaNkulunkulu, angeke angene ezulwini!
82.Kodwa uma umuntu ewugcina umthetho kaNkulunkulu, abuye afundise abantu ukuthi abagcine umthetho kaNkulunkulu lowo mkhulu ezulwini.
83.Lana ngamazwi kaYeshua okufanele ngabe bonke abalandeli bakhe bacula ngawo; kodwa no, akathintwa, ngoba azosuke ehlakaniphise abantu ngezimfundiso zikaYeshua, kanti sebefundiswe ngezikaPaul ezichitha umthetho kaNkulunkulu!
84.Lesi sisekelo sebandla likaYeshua onguMesaya sicace kahle, siyindlela neqiniso okothi bonke abahamba ngayo bawubone umbuso wezulu!
85.Bonke abafuna iqiniso lokungena embusweni wezulu, basiqonde isexwayiso sikaYeshua esiku vesi 19, lapho ethi: ONGAWUGCINI UMTHETHO KAMOSE, AFUNDISE ABANYE KANJALO, ANGENKE AWUBONE UMBUSO WEZULU. KODWA UMBUSO WEZULU UYOBONWA YILOWO OGCINA UMTHETHO KAMOSE, ABUYE AFUNDISE ABANYE ABANTU UKUTHI ABAGCINE UMTHETHO KAMOSE!
86.Niyakuzwa lokho, uma uze lapha uze esikoleni, ngoba kufanele ukuthi sikufundise ukuthi uphila kanjani ukuze ungene ezulwini, ngoba sonke kuza isikhathi lapho umuntu nomuntu ezoba yedwa.
87.Lokho kuzokwenzeka usagula, noma usuphumile umphefumulo! Ngakhoke uma uhlakaniphile ngempela, kunesidingo sokuthi ukwazi ukuthi kuza isikhathi lapho uwedwa ozodinga uNkulunkulu usesenyameni, kanti noma kanjani umphefumulo wakho uzomdinga uNkulunkulu!
88.Niyakuzwa lokho? Nabangakayifaki ingubo emhlophe kufanele bakwazi ukuthi silapha nje sizofuna indlela yokuya ezulwini.
ISIHLABELELO 57.
1 Sifuna indlela
Yokuya ekhaya
KuJehova inkosi yethu
UMdali wezulu.
Chorus: Indlele eya ekhaya
Yendlu engozini.
2 Sifuneleni abathunyiweyo
Ukuhola abaningi,
Ukubayisa kuMhlali neZion
Emzini wokuphumula.
Chorus:
3 Ibalimazile abaningi
Abayithandayo,
Ayanqikaza ayesaba amagwala
Athi kungcono ukufela emuva.
Chorus:
4 Qiniselani nina maqhawe
Ngayo leyondlela,
Ekupheleni kwalezonhlungu
Niyongena Ekuphakameni.
Chorus
89.Lesi isisekelo senkolo kaYeshua, noma sikaJesu, uma uthanda ukumbiza kanjalo, siyinkulumo eqondile, ongekho ongathi akayizwa!
90.Kodwa inkinga isekutheni ezinkonzweni siyaye siphathe iBhayibheli, uma sesise nkonzweni sikuyeke okushiwo liBhayibheli, bese samukela esikufundiswe ngabezizwe.
91.Zonke izimfundiso zikaYeshua azifundiswa emabandleni, kunalokho kufundwa lezi ezichitha umthetho kaNkulunkulu, ezakha “Isivumelwano esisha!”
92.Wonke amakholwa uma eya esontweni ngesonto aphatha ibhayibheli kodwa ebhayibhelini akukho lapho okuthi khona yana enkonzweni ngeSonto!
93.Uma sifika enkonzweni asifundiswa ngomthetho kaNkulunkulu ngoba abezizwe baqala ngokuqeda ngezikhali inkolo kaJehova, emva kwalokho base bakha eyabo esichitha inkolo kaJehova ngama doctrine!
94.Kodwa ngoba thina sithatha noma yintoni esiyifunzwa ngabamhlophe, asazi nokuthi inkolo yethu yaqedwa ngezikhali, asiboni nokuthi lento esiyifundiswa ngabefundisi akuseyona le esencwadini engcwele!
95.Inkolo kaNkulunkulu yachithwa ama Creeds esizwe esimhlophe base bezakhela inkolo yabo abazobona ngayo ukuthi sesimlahle ngempela uNkulunkulu.
96.Bese uthola umuntu omnyama esekutshela ukuthi thina asisaphili ngaphansi komthetho kaMose, thina sesiphila esivumelwaneni esisha, Lokhu okufundiswe umuntu oyisitha sikaNkulunkulu wakho.
97.Ngabe njengesizwe esimnyama asiboni yini ukuthi kukhona okushaya amanzi kulelivangeli esilinikwe ngabezizwe, abaqale bachitha inkolo kaJehova base besinika eyabo? Umuntu engafike eqede inkolo yakho ngezikhali, kuthi osalayo ethi uyaqhuba ebulawe, ebese akha inkolo yakhe, bese kule nkolo yakhe ethi wena kholwa kuyo, ebese echitha eyakho, nawe bese uvumela phezulu umlekelela ukuchitha inkolo yakho?
98.Kodwa uma uyisiphukuphuku uzokwenza lokho, ngoba nokuthi inkolo kaJehova yaqedwa ngabezizwe, abantu abamnyama abakwazi lokho, yize ku New Testament lingekho igama likaJehova, yize ku New Testament engekho noYeshua!
99.Sibhixwa ngodaka emehlweni sibhekile, kodwa asiboni, ngoba umuntu omnyama he is trained to understand the opposite of what he reads in his own book!
100.You are made to understand the opposite of what you read in your own book. Yikhona njena ebhayibhelini ufunda ngeSabatha kodwa esontweni uye ngeSonto.
101.KuMathewu 7:21-23, uYeshua ugcizelele ukuthi noma singenzani, kodwa uma singawugcini umthetho kaNkulunkulu, asikho ndawo! Lapha uthi:
102.“Akusibo bonke abathi kimi, “Nkosi, Nkosi, abayakungena embusweni wezulu, kodwa kuphela yilowo owenza intando kaBaba osezulwini.
103.Abaningi bayakuthi kimi ngalolo lusuku; “Nkosi, Nkosi, asiprofethanga yini ngegama lakho, sakhipha amadimoni ngegama lakho na?
104.Khona ngiyakubatshela emehlweni, ngithi: “Angizange nginazi, sukani kimi nina benza bomubi!”
105.Lelivesi alifundwa nhlobo emabandleni amaningi, angikaze ngimuzwe nje umKrestu ekhuluma ngalo, kodwa bahlale bekhuluma ngalawa kaPhawuli achitha umthetho kaNkulunkulu. Hhayi lawa kaYeshua aqinisa ngomthetho kaNkulunkulu!
106.Kodwa ngomlomo bathi bangabakhonzi bakaYeshua, yize ngezenzo belandela uPhawuli. Naye njalo lo Phawuli okuthiwa bayamlandela akulona iqiniso ukuthi ngempela kusuke kungamazwi ashiwo u-Shaul.
107.U-Shaul kwakungumholi wamaNazaretha owathatha after Yeshua, nowayewugcina kabi umthetho kaNkulunkulu, kodwa ngokubona ukuthi udumile bathe uma bakha izincwadi zabo ezinye base bezibiza ngo Paul.
108.Ziningi kabi izinto esifundiswa zona ekuthiwa zisebhayibhelini ezingelona iqiniso. Akulona iqiniso ukuthi uYeshua wathi uyohlala ngaphansi komhlaba izinsuku ezintathu bese evuka kwabafileyo, akukho lokho!
109.Kwincwadi ye Gospel of the Nazarene lapho uMathewu owahunyushwa esuselwa khona, ayikho into enjalo.
110.UYeshua washo ukuthi uyoba sesiswini somhlaba njengoJona owaba sesiswini somkhome, kodwa akakaze esho ukuthi uyovuka emva kwezinsuku ezintathu. Lokho kwakhiwa ngabezizwe ukuze ngaleyomfundiso kuqedwe iSabatha, bese kusontwa ngeSonto!
111.Siyaye sifundiswe ukuthi uYeshua kwathiwa uJesu waseNazaretha ngoba wakhulela eNazaretha. Kodwa leyo yinto eyakhiwa. iGospel of the Nazarene ithi: “Unkulunkulu walanda iNdodana yakhe engumNazaretha eGibhithe.”
112. Kodwa ngoba kungafanele ukuvela ukuthi uYeshua wayengumNazaretha, lase likhishwa lelovesi, sekwakhiwa leli elikuMathewu 2:21.
113.Okufanele sikwazi ukuthi abezizwe bohlale beyizitha kithi, ngakho-ke ngaso sonke isikhathi belwela ukucindazela izingqondo zethu ukuze behlale besiphethe!
114.UYeshua kuMathewu 10 uthi njengoba nginithuma ukuthi niyoshumayela, ningaba shumayezi abezizwe, kodwa shumayezani izimvu ezilahlekile zendlu ka Israel, ngoba vele naye wayesuka endlini yakwa Israel.
115.KuMathewu 15 kufika unkosikazi ongasiye um Israel, uthi cha mina ngithunyelwe ukuba ngisize izimvu ezilahlekile zakwa Israel. Kodwa akufundiswa lokho esizweni sakithi.
116.Namuhla ithina bantu abamnyama esifundiswe ukuthi singabezizwe, kanjalo, abantu abamnyama nabo bayakholwa ukuthi bangabezizwe, yize kuyithi esiyinzalo yesizwe sakwa-Israel!
117.Uma ungumKrestu uyawafundisa amanye amaKrestu ukuthi akagcina umthetho kaMose, njengomyalelo kaYeshua?
118.Njengomlandeli kaYeshua, uma uziba umthetho kaNkulunkulu, kodwa kuze kushone ilanga ubiza uYeshua, ucabanga ukuthi lokho kokusiza ngani ezinsukwini zakho zokugcina, ngoba uYeshua usekutshele uselapha emhlabeni ukuthi uma ufika phambi kwakho uyokufusekisa?
119.UYeshua usitshele emehlweni ukuthi noma singambiza kuze kushone ilanga, kodwa uma singawugcini umthetho kaNkulunkulu, uyosifusekisa! Sicabanga ukuthi wayezidlalela nje?
120.Njengoba ngachaza ukuthi uBaba iLanga wathi angifundise umthetho kaJehova kubantu bonke, njengoba kwakwenza uBabamkhulu, manje-ke sengikhuluma ngqo namaNazaretha!
Kuningi okuliphutha esikufunda kulencwadi esayakhelwa ngabezizwe! Namuhla nje kade ngithola umbhalo obhalwe kanje:
“This is The Lord’s Prayer translated from Aramic directly into English( rather than from Aramic to Greek, to Latin to English).
Archaelogist uncovered a Scroll in 1892 that contains this version of the prayer, one which has been mistranslated as “Our Father who art in heaven….” for mililennia.
Imagine how many other things have been lost in translation through the years!
“O cosmic Birther of all radiance and vibration, soften the ground of our being and carve out a space within us where your Presence can abide.
Fill us with your creativity so that we may be empowered to bear the fruit of your mission.
Let each of our actions bear fruit in accordance with our desire. Endow us with the wisdom to produce and share what each being need to grow and flourish.
Untie the tangled threads of destiny that bind us, as we release others from the entanglement of past mistakes.
Do not let us be seduced by that which would divert us from our true purpose, but illuminate the opportyunities of the present moment.
For you are the ground and the fruitful vision, the birth, power, and fulfilment, as all is gathered and made whole once again.
And so, it is!”
Okwamanje angizuphawula ngalutho ngalomthandazo.
121.UShembe kuvesi 3 woMthandazo weSabatha esiwufunda okungenani kabili ngeSabatha, uthi: “Mesabeni uJehova zizukulwane ngezizukulwane, nigcine imithetho yakhe owanilobela yona uJehova ngeNceku yakhe uMose, ukuze ukudumisa kwenu kwamukeleke kuThixo womkhosi!
122.Kuvesi 21 woMthandazo weSabathi uShembe uthi: “Khumbula ukuthi namuhla usuwenze isivumelwano noJehova uNkulunkulu wakho sokuthi uyohlala endlini kaJehova kuze kube sekupheleni kwezinsuku zakho!”
123.Ikhona yini into engacacile kulesi sisekelo sobuNazaretha esihlale sikhunjuzwa ngaso njalo ngeSabatha?
124.Ukhona yini umuntu ongumNazaretha ongathi uma ebuzwa ukuthi sithini isisekelo sobuNazaretha ehluleke ukusho uvesi 3 woMthandazo weSabatha?
125.Ukhona yini umuntu ongumNazaretha ongazi ukuthi uma uthatha isifungo sobuNazaretha usuke usuzibophezela ukuthi usuyophila impilo yasezulwini uze ufe? Ngabe lokhu kukhuluma niqala ukukuzwa ngami?
126.Pho kwenzeka kanjani ukuthi uzwe umuntu ongumNazaretha esethi lenkolo yobuNazaretha iyinkolo yamasiko? Kuphi lapho uShembe owake wathi lelibandla ngelamasiko, noma lihamba ngokwamasiko?
127.Uma kuleli kulelibandla sigcina amasiko, pho washolani uShembe ukuthi singawahlabeli amadlozi, ngoba ukuhlabela amadlozi kulusiko?
128.Washolani uShembe ukuthi singazihlanganisi nezangoma, ngoba izangoma zisenkolweni yomdabu?
129.Uma lelibandla kungelamasiko, pho uShembe wasenqabelelani ukuba siphuze utshwala?
130.AmaNazaretha awabuphuzi utshwala, kwanqaba uShembe ngoba umthetho kaNkulunkulu uyakwenqaba lokho. Pho uma ngabe lelibandla lingelamasiko, asibuphuzi ngani utshwala?
131.Manje sekunamaNazaretha ahlubuke uJehova noMprofethi, lokhu kuhlubuka kwabo sebethi yikhona nkolo kaJehova esayifundiswa nguMprofethi!
132.Ngoba amanye amaNazaretha aseyaphuza manje, kubona ukuphuza utshwala nokuhlabela amadlozi nokuzihlanganisa nezangoma sekuyinkolo!
133.Njengoba washo uShembe ukuthi inkinga yokwamukela izangoma ukuthi ngenkathi uNkulunkulu eletha umthetho wakhe ngabaprofethi, uSathane uphikisa uNkulunkulu ngezangoma.
134. So, manje kwamanye amaNazaretha sekuyinkolo yobuNazaretha ukuhlubuka uNkulunkulu. Sekuyinkolo yobuNazaretha ukuphikisa uNkulunkulu noBabamkhulu, just as sekuyinkolo yobuKrestu ukuphikisa uJehova nokuphikisa uYeshua.
135.Manje sekunamaNazaretha ahlubuke uJehova noMprofethi, lokhu kuhlubuka kwabo sebethi yikhona nkolo kaJehova esayifundiswa nguMprofethi!
136.Amanye amaNazaretha azibona ezigidi, bese ecabanga ukuthi uJehova usezosatshiswa ubuningi babo, atholakale esephuza ngenkani ebandleni likaJehova!
137.Baqhosha ngobuningi babo, bese benza izinto eziphambene nomthetho kaJehova ngokusobala, ngoba mhlawumbe bacabanga ukuthi ubuningi babo kwesabisa uJehova!
138.Sizoke sibone uJehova esenqotshwa izoni ngoba zithi ziningi, ngalokho-ke ubuningi babo buzoshintsha umthetho kaNkulunkulu!
139.Uthi uShembe: “Umkhosi wencithakalo sewuphumile, uze ukusichitha eNkosini yezulu; uphuma nenkemba, ufuna ukweyisa lenkonzo kaThixo ize iphele!”
140.Lamazwi ashiwo uBabamkhulu ukuthi umkhosi wencithakalo lo eniwubona kwamanye amaNazaretha usuphumile, ulwela ukuthi le nkonzo kaThixo iphele!
141.Uthi-ke uBabamkhulu “Sengiyibonile ingelosi yasezulwini, sekuzwakele ukulwa ezulwini! qinani amandla maqhawe ezulu!” Nathi sesiyibonile lengelosi yasezulwini!
142.Angazi ukuthi kuyaye kwenzeke kanjani ukuthi umholi webandla likaJehova eziphathise okwenkosi uBelshazari, yona ngokwedelela uJehova eyaphuza utshwala ngezitsha zikaJehova?
143.Angazi ukuthi uma umuntu ethi ungumholi webandla lamaNazaretha, kodwa adelele uJehova noBabamkhulu, efake izangoma endlini kaJehova, amukele neminikelo yazo, lowo mholi uyaye efikelwe ukuthini, ngabe uyaye afikelwe ukuthi yena usemkhulu kunoJehova, yena usemkhulu kunoBabamkhulu? Kuyaye kuthini engqondweni yakhe?
144.Bonke laba abadelela uJehova ebandleni lakhe, noma bangamaKrestu, noma bangamaNazaretha, kodwa abohlale bazi ukuthi ngelinye ilanga bayothola sekubhalwe umbhalo odongeni lapho abobe belele khona, uthi: MENE, MENE TEKEN UFASIRI!
INkosi ibusise izwi layo!