Zephania 2 verse 2-3. “Isimiso singakazali lolo suku ludlula njengamakhoba lungakanehleli ulaka oluvuthayo lukaJehova, lungakafiki phezu kwenu usuku lolaka lukaJehova. Funani uJehova nina nonke bathobekileyo bomhlaba enisebenzile ukwahlulela kwakhe; funani ukulunga; funani ukuthobeka; mhlawumbe niyakusitshekelwa ngosuku lolaka lukaJehova.”
Intshumayelo yangeSabatha ekuseni ngomhlaka 25 March 2023. Mvangeli uZulu.
SIHLABELELO 30
1 Ngiyanimema bafowethu
Nani bodade wethu.
Chorus: Wozani namhlanjena
Nangu umphumuzi.
2 Ngiyanimema nani bobaba
Phangisani nisukume
Chorus:
3 Ngiyanimeme nani bakhatheleyo
Yimithwalo yezifo,
Chorus:
1.Ngiyabonga bantwana baseKuphakameni ukuhuba kwabayingcwele emzini kaNkulunkululu. Ngiyacela ukukhuluma ngesihloko esithi /mfuneni uJehova esenokutholwa’, alibongwe igama leNkosi. Bantwana baseKuphakameni sibhekene nenkinga enkulu yokuthi, noma ngingathi inkinga kodwa nendaba enkulu ukuthi sifundise abantu ngokuthi uJehova ukhonzwa kanjani. Malibongwe igama le Nkosi!
2.Manje-ke maningi ama challenges esibhekana nawo ngoba abantu bathathwe bakhishwa kuJehova ngezindlela eziningi, kodwa bengakhishwa ngabantu abangakhonzi bekhishwa ngamabandla. Manje-ke ngiyacela sikhulumeni ngesihloko esithi mfuneni uJehova esenokutholwa ngoba lisekhona ithuba lokuthi abantu bafune uJehova lapho angakhona, malibongwe igama le Nkosi!
3.Inkinga esibhekana nayo phandle lapha, abantu ababhekana nayo, umuntu uke ehlale ethule ecabanga ukuthi hhayi sengone kakhulu phambi kwaNkulunkulu kuncono ngiphenduke ngilandele iNkosi nami ngiye esontweni ngiyokhonza. Ebe esephuma ezweni lakubo ebese elalela ukuthi kukhonzwa ngamaphi, ebese eyangena la okukhonzwa khona. Kodwa uma esengaphakathi athole ukuthi uJehova akekho, kanti lo muntu ubethi ufuna uJehova. Athi uma esefika ngaphakathi afice udumo lungabhekisiwe kuJehova.
4.Noma ngabe ungene etendeni noma ngabe ubone amatshe amhlophe wangena kuwo, ngoba elambele uNkulunkulu ohlale waninga wacabanga ukuthi njengoba ngingamkhonzi uNkulunkulu ngiyothi uma ngifa ngenzenjani.
5.Ebese esuka umuntu eye esontweni, kodwa uma esengene esontweni ebese efika uJehova engakhonzwa, kodwa ngenxa yokuthi akazi naye ebese ehlala athi kulungile ngoba sengifikile esontweni. Manjeke uNkulunkulu omkhulu waseKuphakameni uJehova uMdali wezulu nomhlaba wasithumela uShembe ezweni lakithi, uShembe wafike wasifundisa ukuthi uJehova ukhonzwa kanjani.
6.Kodwa into enhle ngoShembe kudala kakhulu, wathi uma ethunyiwe efika la, wabuka ngeso lasezulwini uMprofethi u-Isaya Shembe, (ukuthola makube kuye), ukuthi ngelinye ilanga abantu bayophuma endleleni kaNkulunkulu, umsebenzi wami engiwuthunyiwe ebese uyonakala. Wabonakala uMprofethi ekhipha izinkomo eziyishumi nesishagalombili eyokhokhela intandane ayitholile, ayicoshile ehlathini ilahliwe, iphila kanzima, wayithatha wayiletha kuye, wayikhulisa yena isencane.
7.Wangagcina ngalokho bangcwele wakhipha izinkomo eziyishumi nesishagalombili (18), waziyisa kubo kwayo wathi ‘ngilethe lezi nkomo, ngizoninika zona, ngoba mhlawumbe lo mntwana benizothi uma esekhulile uyoninika izinkomo mhlawumbe uyolotsholwa nidle kahle.’ Wakhipha izinkomo, hhayi eziwu 11, kodwa ezingaphezulu kwalokho njengoba engathi ulobola indodana yeNkosi, waziyisa lapha uMprofethi. Ababekhona ngaleso sikhathi, abafundisi ababekhona baba nokuhlubuka ukuthi uBaba wenzani.
8.Kodwa bantwana beNkosi siyayikhumbula indaba kaMoses ukuthi noma wagcina etholakala esemhlangeni ewumuntu ongelutho, kodwa ekugcineni wahola abantwana bakwa Israel, malingongwe igama le Nkosi. Manje abantu bake bengayibuki indaba kaNkulunkulu lapho ikhona, ziningi izintandane ezike zakhuliswa eKuphakameni, kodwa akakaveli umuntu othi khona intandanyana uMprofethi owake wayikhiphela izinkomo eziwu 18 wayikhokhela.
9.Lokho kukhomba u-plan B kaShembe wokubuka ukuthi uma bufa ubuNazaretha uyobuvusa kanjani. Alibongwe igama le Nkosi. Uma seyifikile le ntandane yakhe ikhula, ezikhulisela yona waze wayishiya ezandleni zikaBaba iLanga neNyangayezulu. Yase izala abantwana. Kodwa kungakafiki lapho akakufihlanga uBabamkhulu emhlabeni ukuthi athi le ntandane yami iyozala abantwana, kulaba bantwana koba nomntwana oyothi engeyena owakwaShembe ngokwenyama, kodwa abe noMoya kaShembe. Akakufihlanga lokho uBabamkhulu. And lokho akushiwo uMelusi noma umama kaMelusi kuphela, bayakwazi abantu!
10.Abantu baye benze sengathi abekho abantu abadala, ngazi ukuthi lapha eKuphakameni kusekhona oMa` abadala kakhulu bakaBaba iLanga. Bakhona abantu abadala lapha eKuphakameni, hhayi ukuthi nje kukhona izingane zodwa ezincane, abaningi bayazazi izindaba zalapha ekhaya, bayazi ukuthi uBaba uMelusi wakhula ngaphansi kwaBaba iLanga. Kodwa angikhulumi ngoMelusi ngithi ‘mufuneni uJehova esenokutholwa.’ Ake sifunde incwadi ka Zephania 2 kwi testament elidala, sizoqala evesini lika 2 kuya ku 3.
Isihlabelelo 30
2 Ngiyanimema nani bobaba
Phangisani nisukume
11.Zephania 2 verse 2-3. “Isimiso singakazali lolo suku ludlula njengamakhoba lungakanehleli ulaka oluvuthayo lukaJehova, lungakafiki phezu kwenu usuku lolaka lukaJehova. Funani uJehova nina nonke bathobekileyo bomhlaba enisebenzile ukwahlulela kwakhe; funani ukulunga; funani ukuthobeka; mhlawumbe niyakusitshekelwa ngosuku lolaka lukaJehova.”
12.Kubaluleke ngendlela eyisimanga bantwana beNkosi ukufuna ukulunga, sifune uNkulunkulu ukuthi ungakephi. Ngoba uma singamfuni uNkulunkulu ukuthi ungakephi sizogcina sisemabandleni sithi sikhonza uNkulunkulu, kanti asikhonzi uNkulunkulu sizikhonzela izinto zakhona.
Lapha ekhaya sifundisiwe ukuthi uJehova uyena yedwa uNkulunkulu ofanele ukukhonzwa alibongwe igama le Nkosi, asinaye omunye unkulunkulu!
13.Futhi bantwana baseNazaretha, ubuNazaretha buyinqubo yempilo yasezulwini, inqubo eyalethwa uNkulunkulu ukuthi abantu beyiphile uma befuna ukukhonza yena ngeqiniso bangene ezulwini likaJehova uMdali wezulu nomhlaba. Kukhona inqubo yasezulwini ebizwa ngobuNazaretha, iyo le esikuyo, inqubo yobunazaretha bantwana baseKuphakameni noma kungelula la kuba buhlungu, kodwa kungeze kwabalula mhlawumbe ngoba uBabamkhulu uthi ‘akukhona okokuqala ngifika la emhlabeni bantabami sekungokwesihlanu.’
14.Kodwa uBabamkhulu igama usaliveze kanye, noma angithi igama eNazaretha elithi Nazaretha Baptist Church, lisavele kanye, kodwa uBabamkhulu usefike kawu 5 emhlabeni. Kodwa igama elithi ubuNazaretha lidala kakhulu, alibongwe igama le Nkosi! Alilisha igama elithi ubuNazaretha. Ngakho-ke njengoba singamaNazaretha kaNkulunkulu, ayikho i-local mhlawumbe engaba ‘i-Nazareth Baptist Church’ noma yini, engakwazi ukuthi ime phambi kwethu ifise sengathi uma sifuna ukukhonza uNkulunkulu singacela kuyo noma silandele izimiso zayo. Lapha ekhaya silandela izimiso zobuNazaretha, ubuNazaretha obu ‘international.’
15.Into ongathi uma siyenza layindlini thina noma kungaqhamuka umuntu e Melika noma eCanada efuna ukukhonza uNkulunkulu, enze into eyenziwa layikhaya engakwazi uku fit ayenze, ngoba senza ubuNazaretha basezulwini, kasenzi mhlawumbe inqubo ethile eyi ‘local’ yokuthi, uma umuntu efika ethi hhayi angimazi mina UShembe kodwa ubuNazaretha ngiyabuthanda ngabufunda eBhayibhelini ngiyabugcina. Bese sithi awusiye umfwethu wena ngoba awumazi UShembe, kufanele engabe ukuthi wena ulandela abazukulu baka Mprofethi, then ubuzoba iNazaretha-ke!
16.Lapha ekhaya sifundisiwe ukuthi ukukhonza uJehova ukufuna uJehova, ebese ugcina imiyalo yakhe ayilobile ngeNceku yakhe uMoses, ulandele izimfundiso zabaprofethi bakaNkulunkulu njengoba zinjalo. Ngakhoke ayikho into encane nje, noma inkulu, kodwa engama phambi kwethu bese isidwebela umgomo wokuthi kufuneka sikhonze abazukulu boMprofethi! Uthi omunye umuntu ekhuluma ku Facebook, uthi: “Ngingathi ngiyabona nje ukuthi kazi uma bethandaza abantu base NCG bathandaza bani?”
17.Awu bantwana baseKuphakameni, kubuhlungu ngoba kwesinye isikhathi angeke umthathe uthisha wase-University bese uthi akangene ekreshi afundise izingane bese ucabanga ukuthi zizomlalela. Lo muntu okhulumayo ucabanga ukuthi thina uma sithandaza la sithandaza uMelusi, akazi ukuthi layindlini kukhonzwa uJehova! Kodwa i-class lalapha ekhaya likhulu kakhulu bangcwele.
18.Abantu abangakholwa, sebebaningi kakhulu abalandela le nkolo ikakhulu i-page likaBaba uMelusi ku Facebook. Kusele abantu abacabanga ukuthi inkolo ‘i-Nazareth Baptist Church’, asinawo amahloni okusho lokho! UbuNazaretha akusiyo i-Nazareth Baptist Church, ubuNazaretha into enkulu ngaphezulu kwalokho. UBabamkhulu efika lapha, kwakufanele ibandla libe negama kwase kuba ne Nazaretha Baptist Church. Ngakho amabandla ase Nazareth Baptist Church asephenduke ashiya uNkulunkulu kaShembe, asephakamisa abazukulwana boMprofethi Isaiah Shembe, (ukuthula makube kuye).
19.Ayike kushuthi lobubuNazaretha sekuyi Nazareth Baptist Church, akusebona ubuNazaretha bukazwelonke, ngoba ubuNazaretha bukazwelonke akubazi abazulu boMprofethi ukuthi bafanelwe ukukhonzwa. Ngakho lelibandla ibandla elikhonza uNkulunkulu uMdali wezulu nomhlaba yena yedwa, alincikile kubazulu boMprofethi, ngoba akulona ibandla lomndeni othile, ibandla likaJehova, ibandla lasezulwini elalikhona emandulo!
20.Manje umuntu uma ebuza ukuthi nixhumanaphi noMprofethi ISaya Shembe na ngoba anifuni ukulandela oShembe abakhona emhlabeni? Siyi plan yoMprofethi thina u-ISaya Shembe, malibongwe igama le Nkosi! Ngoba uBaba wethu omi phambi kwethu, uMprofethi wathenga unina eyintandane emthengela ukuthi azale yena ngoba azi ukuthi uzomsebenzisa. Sihlangene siyi plan kanjalo yoMprofethi thina njengoba silapha endlini. Hhayi ukuthi sizingane nje kuMprofethi, noma uMprofethi besinelungelo lokumlandela ngoba uMprofethi engalandelwa nawumuntu ongabe eqhamuka engavuka e-Nigeria amlandele, akulona icala, ngoba uma uthanda uNkulunkulu ungalandela izimfundiso zomprofethi.
21.Kodwa thina siya li(nka) kuMprofethi ngoba uMprofethi ugogo wethu wamthengela ukuthi azale umuntu ozomisa lelibandla. Alibongwe igama le Nkosi! Kuyaziwa lokho eKuphakameni, akushunyayelwa layindlini kuphela, kuyaizwa lokho ngoba wakusho emini uBabamkhulu. Uvukile uMelusi ukhona, ulimisile lelibandla likaNkulunkulu, ulibuyisela emumva, uvuse ubuNazaretha wabubumba njengoba babulethwe uMose, bavuswa uBabamkhulu!
22.Ubuvusileke uMelusi bumi kanjalo, simema abantu-ke eceleni ukuthi abaphume eceleni kwi Nazaretha Baptist Church bafune uNkulunkulu ngaphambili, kodwa uma befuna izitobhi zokuma kubazukulu boMprofethi, bengangena eNazaretha Baptist Church, bengangeni e-NCG. Ngoba la isitobhi sethu uJehova la esiyoma khona asinaso esinye isitobhi!
23.Kodwa abantu befuna isitobhi sokulandela abazukulu boMprofethi, becabanga ukuthi akulona ikhaya likaNkulunkulu leli. La uma kungena i-Moslim ethi udumo alube ku-Allah, siyazi thina ukuthi uthi udumo alube kuJehova, malibongwe igama le Nkosi! Siyazi ukuthi umfwethu lowo, asiphumputhazi, noma kungabe kungena abe Judaism bekhulume ngoJehova asiphumputhiazi!
24.Thina ngoba simfunile uJehova, wamfuna uMelusi wavula izincwadi wamthola, wangagcina ngokufuna wafuna noMprofethi wethu obese eshintshe igama kwathiwa uJesus! Wamfuna uMelusi wathi akwanele ukuthi uMprofethi wethu engaba uJesus ebe engumHebheru ngoba lolulimi elithi Jesus akusona IsiHebheru. Wamfuna, wamfuna wamthola!
25.Sike sihlabelele ekhaya nezingane zami uma seneme, seneme ngoNkulunkulu, ngoba siyenama ngoNkulunkulu, ukuba noNkulunkulu kuthina kwenele ngaphezu kwezinto zonke! Sithi uma sihlabelela sicabanga le ndaba kaMelusi noma sicabanga le ndaba kaMelusi noma sicabanga indaba kaShembe evusa uNkulunkulu, esinike uNkulunkulu, samthola!
26.Bese sithi hhayi asingahlabeleli kanjalo, asithi kodwa kade ngizula, ngizula, hhaa ngoze ngone, ngone izinto eziningi. Kodwa sihlabelela sithi:
“Kade ngizula, ngizula
Ngifuna uYeshua ngamthola.
Ngamthola, ngamthola
Ngamthola ngamthola!”
27.Sebemifihlile bamshintsha igama, kwase kuhlalwa phansi e-NCG kuphenywa yayisimemezela ingelosi yathi uYeshua, yasisithi ingelosi yebo nimbiza kahle kuthiwa uYehoshua, alibongwe igama le Nkosi, kwavuma ingelosi yasezulwini! Yathi impela Melusi ngoba senimcinge namthola ngiyanikhumbuzake mina ngoba ngiyazi kuthiwa uYehoshau, ivusa uMprofethi wethu! Manje siyadabuka, sidabukela abafwethu, kodwa sesibashumayeze kakhulu, sizodlula eceleni kwabo!
28.Laba bafwethu abacabanga ukuthi uma bemi ngaphambili ne flag elithi Nazareth Baptist Church bavimbe uNkulunkulu, bavimbe i-local, uNkulunkulu akasiyo i-Local ngoba u international! Sizodlula eceleni kwabo, sizakungena ezindaweni zonke sithi abafuna uJehova nababecabanga ukuthi balandela uJesus ngoba bethi bafuna uJehova abeze, nangu uYeshua usefikile!
29.Nababeza bengena eNazaretha bagijima bethi kusenezinqubo zoMprofethi u-Isaya Shembe bafica zingasekho abaphume eceleni kwazo basondele ngase NCG ngoba la e-NCG inqubo yoMprofethi Isaiah Shembe isenjengoba injalo. Alibongwe igama le Nkosi! Ehhene siyaqhosha, siqhosha ngoNkulunkulu wethu ofikile wafikela la, ngoba abantu baye bekhulume beze becabange ukuthi njengoba sinoMelusi sinento encane!
30.Uyazi bekhulume, bekuthuke bekuthuke, bethi sinento enkulu, namhlanje ngiyafisa ukusho ukuthi okwamanje umuntu othunyiwe ezulwini uShembe nangu phambi kwethu! Akekho omunye uShembe onoMoya Ongcwele, akekho, akekho. Okwamanje uShembe wasezulwini njengoba umuntu sengishilo ukuthi si link kanjani kuShembe futhi uMoya kaShembe ulapha endlini, lapha e-NCG, awukho kwenye indawo!
31.Siyahlonipha njalo senzela abafwethu ukuthi kujatshulwe kuhlalwe phansi kube kuhle, kodwa abafowethu uma besifaka umunwe emehlweni kofanele sibatshele ukuthi uMoya kaShembe ulapha e-NCG. Ikho lokhu kufike i-coronavirus sasinda layindlini kuphela, kwangaphuma nesisodwa isidumbu! Asiqhoshi, kodwa uma abafwethu uma besondelile bekuyoba njalo nakubo!
32.Wakhala umfwethu uMsomi, bakhile lapha eMzinyathi odadewabo, bathi hhawu lento iyabulala, ishaye uMkhokheli la ezweni lakithi la eMzinyathi yambulala! UMkhokheli walelibandla, wamabandla akithi lawa ase Nazaretha Baptist Church, nangu uMsomi ephila eceleni kwabo. Kodwa uma bebesondelile, basondela, basondela eduze, uNkulunkulu waseKuphakameni mhlawumbe wayezosikhumbula, nabo wayezoba khumbula. Kodwa ngenzondo abanayo ngathi, wangabakhumbula!
33.Abantu abafune uJehova esenokutholwa kodwa la e-NCG siyamubona ukuthi ukhona sasinda kwi Coronavirus singasaqali! Kazi bake babize bani? Usho njalo omunye umuntu, uthi kaze bake bethi uma bethandaza noma uma becela, ngathi ngiyabona sengibiza usbanibani, usho isibongo sikaMelusi, ucabanga ukuthi sithandaza uMelusi! Abantu abazi lutho!
34.Ngelinye ilanga ngifonelwa ngilapha eThekwini KwaMashu, ngiya ekhaya, kukhona ingane yami egulayo khona, le ntombazane ineminyaka ela ko 12 years. Angazi ukuthi kwakwenzekeni bantwana baseKuphakameni, kodwa yavele yaphenduka nje yaba iselesele straight ukuphila kwayo. Yakhukhumala isisu sangaka, amehlo ayo abheka eceleni, yase iphenduka umzimba wonke waba mnyama sucu, seyindwazile nje amehlo ebheke eceleni, angcono nawesikhova, ebheke nje eceleni, iselesele! Ubuso bumi, izihlathi zimi njengeselesele, noma ubani uyabona ukuthi iselesele leli!
35.Kumile kuyabukwa. Abanye bathi ayisiwe kudokotela.
Ngagibela ngaya ekhaya, ngiphuma lapha ekhaya, angikhulumi ngendaba yakithi, ngikhuluma ngoba abantu baye bethi uShembe e-NCG akekho! Wemame! Ngangena ngiwumfana walapha ekhaya, ngambuka lo mntwana, ngambuka lo mntwana, angiphethe ngisho amanzi bangcwele! Ngiyakhumbula uMfundisi uKhathi ekhuluma la ethi uma ngabe ubhekene nenkinga uyaye wenze noma yini.
36.Ngamubuka, ngathi ikhani amanzi, bawakha bawaletha la, ngawafaka esigujini u-2litre. Ngathatha iphepha ngabhala i-cellphone number kaMelusi. Ngalifaka phakathi kulawamanzi, iphepha elincane ngaliphusha ngaliphosa phakathi langena phakathi lahlala lajikeleza, ngawavala. Ngathi lomntwana ngizomphuzisa lamanzi, le number eka Melusi!
37.Ngalesiya sikhathi bantwana baseKuphakameni uMelusi wayevame ukuba bhizi kakhulu abantu bemfonela efonini bebhala ko Whatsapp. Abanye bephenduleke engakayifundi i-message, kodwa ziphenduleke izimpendulo zabo zixazululeke izinkinga zabo, engakayifundi, ezwe sebethi ngiyabonga, kodwa ebe engakayifundi yena ngoba le number yakhe kusetshenzwa ngayo, njengoba ikuye, ikuShembe, isezingelosini zezulu.
38.Ngathi phuza lamanzi wena mntwana, uma uphuza lamanzi, lamanzi ane cellphone number yomholi wamaNazaretha kaNkulunkulu. Uma uwaphuza, ike yangena le number esiswini sakho, lokhu kufa ngeke kukwazi ukuphila esiswini sakho ngoba ngizobe ngifake into engcwele, ngoba uma kuthi kuyavuka le number iyokhala ngaphakathi e-NCG.
39.Bantwana baseKuphakameni sehla isisu, sehla isisu kumntwana, ashinstha amehlo ayeka ukubheka eceleni, abheka phambili. Hhayi ngakusasa, ngaleso sikhathi njengoba silapha! Ubuso bahlambuluka bayeka ubuso ukuba obesele baba obomuntu, kancane kancane bayeka ukuba mnyama njengensizi yebhodwe kwaba umuntu! Malibongwe igama le Nkosi! Sasibize bani, UShembe onguMoya Ongcwele, layikhaya silandela uShembe onguMoya Ongcwele isikhonzi sikaJehova! Kodwa uma usiphushela kubazukulwana, ezinganeni zakwaShembe, sithi kwahle kancane!
40.Kahle kancane, lelibandla akulona lelo, uma ufuna lelo bandla khululeka uzolithola, igama lalo iNazaretha Baptist Church, linamabandla ala ako 5 ngaphansi kwegama elilodwa, leli i-NCG, amaNazaretha kaNkulunkulu, akhonza uNkulunkulu ophilayo! Uma ufika la uzofike uthole uNkulunkulu waseKuphakameni umdali wezulu nomhlaba!
41.Simbona ngani ukuthi ukhona? Simbona ngani? Njengoba ngisho imisebenzi yakhe eyenzeke lapha, le indaba enkulu yamakhosazana ashada lapha ekhaya, kudala, kwaqanjwa izingane zawo zingamakhosazana zizoshada ngakho kodwa. Kwafika igama elivela ezulwini yathi ingelosi uthi uBaba iLanga lamakhosazana awu 4 ayozibula ngabafana onke omane. Ithi-ke iNkosazana yasezulwini ‘lithena izwi lasezulwini laba bantwana uma befika lapha emhlabeni banamagama abo. Iyawamemezelake ukuthi ami kanjani lamagama.
42.Ithi-ke ingelosi owokuqala umntwana oyofika igama lakhe niyothi kuyoba uMyalezo! Alibongwe igama le Nkosi, ithi kuyoba uMyalezo, owokuqala nje owafika niyomnika igama elithi uMyalezi kuyoba kuyiwo umyalezo lowo. Ngampela bangcwele sase sihlala sithula, wabeletha umakoti kuleziyantombi wokuqala, kuleziyantombi ezazishada, wabeletha u-Mrs Mwandla wabeletha owokuqala, wabeletha umntwana, lathi izwi umntwana uMyalezo, balandelana abantwana.
43.Lokhu engikushoyo akukaze kwenzeke ndawo, akukaze kwenzeke e-Nazareth Baptist Church, ngizolokhu ngiyi- mention(na) ngoba i-Nazaretha Baptist Church inalokhu kucabanga ukuthi njengoba umholi wethu kungowakwa Mpanza, bacabange ukuthi kufanele sikhonze bona ukuze sithole uNkulunkulu! Asimlandi kwi Nazaretha Baptist Church uNkulunkulu wethu, simlanda direct ezulwini, alibongwe igama le Nkosi! Simlanda lapho! Asimnxenxi eNazareth Baptist Church uNkulunkulu wethu ngoba isimangaliso! Yazala enye intombi yazala uMlando, u-Mrs Biyela wazala uMlando, walandela no-Mrs Buthelezi wazala uNkonzenhle, walandela no Mrs Sibiya wazala uDumo. Alibongwe igama le Nkosi!
44.Abafana 4 njengoba kushiwo ezulwini, umbuzo uthi uNkulunkulu akekho e-NCG, kwake kwenzekaphi lokho? Lokhu e-NCG kwake kwenzeka, ngoba lokhu esikushoyo akunaye u 50 years kwenzeka, sikhuluma ngento entsha sha esanda kwenzeka, lezi zingane zaphila zaba khona lapha emhlabeni, zizalwe ngoNkulunkulu waseKuphakameni olapha ekhaya. Simema abantu! Sikukhulunyiswa yini lokho?
45.Laba bantwana baseKuphakameni, abantu abafuna uThixo, nabalalela uMelusi emsakazweni noma bemlalela ko Facebook, abafune igama elithi NCG, ngoba amanye amatshe amhlophe, uthi uyangena kuwo uthi uzofuna uNkulunkulu, uthi ngize ngifuna uNkulunkulu ngizwile kushunyalewa. Bethi ufuna uNkulunkulu, athi ehhe, bethi uyambona lo muntu ohleli esihlalweni phambi kwethu, bethi uyena uNkulunkulu- lowo!
46.Ebese ehlala umuntu ebekezela, eze egcina ejwayela naye ukuthi hhayi uNkulunkulu nangu, uNkulunkulu nangu! La e-NCG ayikho into enjalo, and ayizoba khona ngoba ibandla likaNkulunkulu leli, ayizoba khona bantwana baseKuphakameni! Ngidinga ukuhlebela abantu ngebandla lakithi nalo, uyazi abantu kukhona indaba abangayazi. UNkulunkulu uthi kuDavida ‘angiyikucima ukuthi kulokhu kuzalana, kungena abantu abavela esiswini sakho esihlalweni bengene belandelane, belandelana.”
47.Uthi ke uNkulunkulu ekugcineni, “Kodwa uma nike nashintsha ubusuku nabenza imini noma nashintsha imini nayenza ubusuku, kusukela ngaleso sikhathi angiyokuphinde endlini yakho ngivuse umuntu ozohlala esihlalweni sakho Davide! Ngoba senishintshe lokhu enganibekela khona! Jeremiya 33 verse 15-22. “Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi ngiyakuhlumisela uDavide iHlumela Lokulunga; liyakwenza ukwahlulela nokulunga emhlabeni.
47.Ngalezo zinsuku uJuda uyakusindiswa, neJerusalema liyakuhlala lilondekile; yileli gama eliyakubizwa ngalo, elithi: UJEHOVA UNGUKULUNGA KWETHU.’ Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: ‘Akuyikunqunywa kuDavide umuntu oyakuhlala esihlalweni sobukhosi sendlu ka-Israyeli, kunganqunywa futhi kubapristi amaLevi umuntu phambi kwami oyakunikela ngeminikelo yokushiswa, ashise iminikelo yempuphu, anikele ngemihlatshelo izinsuku zonke.”
48.Izwi likaJehova lafika kuJeremiya, lathi: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Uma naphula isivumelwano sami semini nesivumelwano sami sobusuku, kuze kungabikho imini nobusuku ngesikhathi sakho, khona isivumelwano sami noDavide inceku yami siyakwaphulwa ukuze angabi nandodana eyokubusa esihlalweni sakhe sobukhosi, kanye namaLevi abapristi, izikhonzi zami.
49.Njengebandla lasezulwini lingenakubalwa, nesihlabathi solwandle singenakulinganiswa, kanjalo ngiyakwandisa inzalo kaDavide inceku yami namaLevi angikhonzayo.” Uyabona abantu baye becabange ukuthi uNkulunkulu akayishintshi into uma ngabe seniphambuka kuyo, uNkulunkulu ubeke ukuthi akayikunquma kuyohlezi kumile njalo ukuthi belandelane bengene laba bantu. Kodwa uma sebengasigcini beshintsha isivumelwane sakhe, beshintsha imini beyenza ubusuku, uthi ke uNkulunkulu uyobe eseyakumisa konke lokho kungenzeka.
50.Manje umbuzo uthi uma uthi uNkulunkulu azingeni izangoma emzini wakhe oyingcwele, bese ufaka izangoma, awushintshi yini imini uyenza ubusuku. Uma uNkulunkulu ethi ongqingili ebandleni lakhe abafuneki, wena bese uyabathatha uyabafaka, ungagcini ngokubafaka bese uyabagcoba ubanikeze izikhundla, awushintshi yini ubusuku ubenze imini uthathe imini uyenze ubusuku? Uma kuwukuthi yikho lokho okwenzayo ngokwenza leyonto, ucabanga ukuthi uNkulunkulu uzoqhubeka kanjani nesivumelwane senu nibe senisephulile nina?
51.Ngiyafisa ukusho bantwana baseKuphakameni, ngoba konke lokhu kwenzeka kudala sesiphila ku plan B kaShembe wasezulwini, sesiphila ku Plan B, siyamubonga uBabamkhulu! Ngoba ukube u-Plan B wakhe awukho ngabe abukho lobu buNazaretha, ngoba sezenzekile lezi zinto ezashiwoyo, lezi ezenzeka lapha, uDavide akhuluma ngazo.
52.Kuthe uma kuhamba kuhamba nakhona lapha eNazaretha zase zishintsha izinto, kwathi ubabamkhulu izinto azibikayo zangenzeka zase ziyashintsha, zenziwa ngenye indlela. Zayekwa lezi athe azenziwe, uNkulunkulu ukhonzwa kanje kanje kanje! Uma umuntu ehamba eyobhabhadisa isangoma abize amaNazaretha ashaye imbomu, athi uyosibhabhadisa isangoma, lowo muntu ulindele ukuthi uJehova aqhubeke ahlale kulelo bandla? Kwake kwenzekaphi enkolweni kaJehova bantwana baseKuphakameni, kwake kwenzekaphi lokho?
53.Akukwazi, umoya wesangoma uyaxoshwa kumuntu, alibongwe igama le Nkosi! Ngisho iZayoni zakudala, uma umuntu nje wabhodla zaziyeka konke, zimshaye, ngoba iZayoni zazishayana, zize ziwukhiphe umoya lowo wokubhodla wobungoma kumuntu, uze ubaleke ngoba umoya uyabaleka! Kodwa asazi kwenziwa yini ukuthi kusuke indoda igcosthiwe ingaka ihambe iyobhabhadisa abantu ibabhabhadise ithi iba promotha ukuthi babe izangoma kahle lapha ebandleni likaNkulunkulu?
54.Kodwa isihloko engikhulume ngaso esenokutholwa. Lezi zinto sizivezela ukuthi nalana e-NCG uma zikhona bangezi abantu, ngoba kushuthi ngabe kusho ukuthi uJehova akekho lapha ekhaya. Kodwa lapha ekhaya yikho singebaningi kakhulu nje, uma befika ongqingile bathi bayangena la one-day bengalitholi ikhaya baphume bebaleke. Uma simbonile uyaxoshwa, uma simbonile nje uyaxoshwa, nokushaywa uyashaywa nje kwesinye isikhathi. Uma nje simbonile wagoloza uyashaywa! Ngeke nginitshele ukuthi imuphi owashaywayo!
55.Lapha ekhaya sime ezimisweni zikaJehova, sikhonza uNkulunkulu, asizifuni izinto uNkulunkulu angazifunile! Ngakhoke abantu abafuna uJehova abasondele nganeno! Baye bethi abantu ufunwa kanjani uJehova? Ubothi uma ungena kumaKrestu bese uma ufuna uJehova, ufuna ukubona ukuthi uJehova ukhona yini, uma uthole ithuba uthi ‘Mfundisi ngiyafika ngisacela ukubuza ukuthi layikhaya iyasebenza yini incwadi kaMathewu 5 verse 17 to 19, iyasebenza yini? Uyoyibuza, mhlawumbe uma engayazi ebese uyamufundela ukuthi ithini le ncwadi, bese uthi awuyivule Mfundisi uma uyifunda, uyobe esesho umfundisi ukuthi bayayenza yini lento yokuthi uma umuntu engawugcini umthetho ephinde efundise abanye kanjalo abantu ukuthi bengawugcini.
56.Njengoba noMathewu 5 ukhuluma lonto, uzoyifunda uMfundisi wakithi eKuphakameni. Incwadi kaMathewu 5 verse 17-19. “Ningathi ngize ukuchitha umthetho nabaprofethi; angizanga ukuchitha, ngize ukugcwalisa. Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Kuze kudlule izulu nomhlaba, akusoze kwadlula gamana linye nasicashana sinye somthetho, kuze kufezeke konke. Ngakho-ke oweqa owodwa kule miyalo emincinyane, afundise abantu kanjalo, uyakuthiwa omncinyane embusweni wezulu; kepha oyigcinayo, ayifundise, lowo uyakuthiwa mkhulu embusweni wezulu.”
57.Ngiyabaluleka abantu ukuthi njengoba sithi asifuneni uJehova, ukuthi abamfune kanjani uJehova. Uma ethi uMfundisi hhayi lokhu siyakwenza nathi, uma bekugcina lokhu, bemi emthethweni kaNkulunkulu, bengasho ukuthi abaphili ngaphansi komthetho, begcina imithetho kaNkulunkulu, kuyobe ufike ekhaya, umtholile uJehova, alibongwe igama likaJehova!
58.Noma ngabe ubona amatshe amhlophe, ungene phakathi, uma usungene phakathi, ubobuza incwadi ka Hezekhiya 44. Uboke ubuze nje incwadi ka Hezekhiya 44 verse 2-5 njengoba kuthi usho kanje uJehova Sebawoti uNkulunkulu ka Israel, uthi ngikubonile konke okubi engikwehlisele phezu kwe Jerusalema naphezu kwayo yonke imizi yakwaJuda. Bhekani namuhla iyincithakalo, akekho ohlala kuyo, ngenxa yobubi babo ababenzileyo ukuba bangicunule, behamba beshisa impepho bekhonza abanye onkulunkulu abangabazanga bona nani nawoyihlo. Kepha ngathuma kini zonke iziNceku zami abaprofethi ngizithuma njalo njalo, ngathi maningenzi lento enengekayo engizondayo, kepha abalalelanga, ababekanga izindlebe zabo ukube babuye obubini babo bangashiseli abanye onkulunkulu impepho.
“Hhayi sisuke singabashiseli sibenza onkulunkulu, sisuke sishisa nje impepho sikhulume nobabamkhulu!”
59.Bantwana baseKuphakameni awuvumelekile ukuguqa kwenye into, awukho umoya ovumeleke ukuguqa kuwo ukhulume nawo, awuvumelekile nhlobo nje. Uma wenzenjalo uchaza ukuthi unelinye Ithemba. Awuguqi emsamu ushise impepho ukhonze abanye onkulunkulu. Uma ufuna uJehova, mfune ngokuthi zonke izinto ezikhothanyelwayo ungazikhothameli, ngoba isho njalo incwadi ka Exodus 20 ithi ungazikhonzi, ungazikhothameli, ungaba nabanye onkulunkulu. Ungakhothameli lutho ngaphandle uma uhlonipha abantu njengoba sihlonipha abantu abadala noma ngabe inkosi yesizwe. Kodwa awukwazi ukukhothamela iladi elithile, udengezi, iladi lomunye unkulunkulu.
60.Udengezi iladi lo munye unkulunkulu, akuyona into engenziwa umuntu okhonza uNkulunkulu ngoba abantu abanjalo abamuse ukukhohliswa amaqili ahlubuke kuqala ebese eshumayela ukuhlubuka kokuthi uma ukini yenza lento uma sewusesontweni bese sigcina umthetho kaNkulunkulu, lokho kuwukuhlubuka! Abafuna uNkulunkulu waseKuphakameni abaphume empephweni, abaphume ezindengezini, baguqe la ekudeni emzini oyingcwele kaJehova, njengoba silana nje uma kuphela inkonzo sinikezwa ithuba sizohamba siyoguqa embengeni siyobika izinsizi zethu phambi kwenceku yakhe, alibongwe igama le Nkosi!
61.EzaseNazaretha izinsizi ziphela kanjalo, azipheli emsamu, bakhona abantu abakhonza emsamu, inkolo yasemsamu inabantu bayo nezikhulu zayo ezaziwayo. Kodwa angeke sivume enkolweni kaJehova kube njalo, kodwa ngithe ekuqaleni sesizoba yeka laba bantu begama ebekade ngilibiza, sizophuma eceleni kwabo.
Sicela umphakathi ofuna uNkulunkulu uphume eceleni kwabantu abenza njalo ulalele ukuthi lithini izwi likaMelusi othunywe uShembe, ufune izwi elivela ezulwini ukuthi bathini abathunyiwe, bathini!
62.Ngoba lapha noma imuphi umuntu njengoba sengishilo bantwana baseKuphakameni, uma ethanda uNkulunkulu uMdali wezulu nomhlaba uyofika azitholele ikhaya lapha ekhaya ngoba asinayo enye into esiyikhonzayo. Sikhuleleke emoyeni ukwazi ukuthi ziningi izinto esingazibala lapha uNkulunkulu asenzele zona, ngakhoke kuyadabukisa ukuzwa umuntu ethi ngiyafisa ukwazi ukuthi kodwa nkosi yami uma sekunikelwa ngathi ngiyabona nje sengiyoguqa phambi komuntu ongayena uShembe.
63.Kushukuthi njengoba uMelusi elapha nje, kukhona umzukulu kaShembe ocabanga ukuthi uhlambuluke ngaphezu kwaMelusi, njengoba uMelusi engabazi utshwala esiswini sakhe? Ungase uqhoshe ukuthi kukhona umzukulu ohlambuluke ngaphezu kwaleya nsizwa eguqe lapha, bese uqhoshela thina, bese uqhoshela thina kanjani!
64.Mfuneni uJehova esenokutholwa, abafuna uJehova, nangu lapha ekhaya uJehova, simbonile ukhona. Kukhona izingelosi zakhe, sitshelwe izo ukuthi nansi i-coronavirus isiseduze, sukumani ninikele, nikelani kanje kanje, sasukuma Kwamemezela ngisho uBaba emsakazweni, wathi uma ememezela emsakazweni, kukhona insizwa yakwa……. eyake yaba khona lapha ekhaya. Yathatha ucingo yangifonela, yathi uma ihamba yeza kimi ekhaya yazongitshela, ngoba besiphethe eThempelini KwaMashu, yathi ‘ngiyahamba ngiya e-Adventist Church. Hhayi vele into eyodwa ngoba kuyasatshathwa nakhona ngiyofike ngibe right nakhona, sengiyokhonza khona.”
65.Yathi uma imemezela kanjalo ingelosi ithi i-corona izobhuqa abantu, sukumane ninikele, yathi uma isiqalile ibabhuqa ibabulala, yafona le nsizwa yashaya ucingo yathi ‘Mvangeli bengifisa ukwazi ukuthi nginganikela kanjani?” Kwangabe kusafana, yayithe ekuqaleni kuyafana vele bagcina iSabatha nabo. Yase ikhumbula ukuthi engathi ulwandle lugcwele ulaka lukaNkulunkulu, lubi! Kodwa ngisho ukuthi abantu abafuna uJehova abamfune uJehova besondele nganeno ngoba uNkulunkulu waseKuphakameni ukhona e-NCG and asimuzwa ngendaba simubonile!
66.Nginomntwana mina indodakazi yami eyagula bantwana baseKuphakameni ngilapha ekhaya, yagula bathi odokotela ayinawo amaphaphu, baqala bathi elinye iphaphu lidlekile, kuthe besuka bathi asedleke omabili aphelile. Ngaleso sikhathi ngenxa yokuthi izingane zilento eziyiyona, ikhulelwe futhi, kwase kushaya isikhathi sokuthi ihambe iyobeletha, seyizace amehlo amhlophe aphume ngaphandle, vele siyabona ukuthi njengoba kufanele ihambe iyobeletha vele ngeke ibuye ngoba akakwazi ukubeletha umuntu onje, akakwazi. Wahamba waya khona.
67.Sathandaza, sase sithandaza, sabiza uNkulunkulu walapha eKuphakameni, ngelinye ilanga sase sithi uma sesithandaza siyangqongqoza emzini wase Nqobizitha, size sisho kanje, ngoba silalelwe izingelosi ziyasibona zisilalele. Siyangqongqoza nanti usizi lomntwana ngoba phela siyabona ukuthi angeke abuye sicela nisikhumbule. Guess what, guess what? Uma lo mntwana esesewodini, sekufanele abelethe enze yonke into, bese lomntwana ebona umuntu osendlini. Uma lo muntu ekhona endlini, enake yena yedwa amanesi ekhona endlini, ubona inesi elibheke yena, uma elibuka lelinesi, hawu inkinga yalelinesi uSomaqiniso nje uMkhokheli omkhulu walapha ekhaya, alibongwe igama le Nkosi!
68.Anake yena lo mntwana, akekho uSomaqiniso ulapha eNqobizitha akaze aye esibhedlela, amunake lo mntwana emnake aqede alala, uma evuka ephaphama, ephaphame limi lapha lelinesi, limile lithi usho uma unenkinga, usho uma kukhona ongakuzwa kahle.”
69.Uma eseqedile esethi uxoxela ezinye iziguli, abanye abantu abazobeletha njenganaye, uthi unesi obemi lapha ungisize ngendlela eyisimanga obefike lapha obegqoke kanje kanje okade ekhona ebusuku. Zithi-ke lezi ziguli onesi abebekule ward ebusuku unesi usibanibani nosibanibani, ngoba babelala khona vele bebazi. Lo omshoyo wena obefake izibuko omchazayo, cha asimbonanga thina.
70.Pho ngixoxelani lento, ngidabukisa umuntu okufanele azidabukele yena, odabukela thina ocabanga ukuthi asinaNkulunkulu, oyidabukela yena. Lo muntu oyisimo sikaSomaqiniso, uSomaqiniso oseNqobizitha, wayinaka le ngane yaphila, yaphuma nengane yayo iphila, baphuma esibhedlela bephila, yaphila lo mntwana wakhula. Vele uficwa ilokho nje babethe odokotela enjoy usuku lwakho lokufa mtanami, hamba uyohlala ekhaya ulilinde ngoba ayisekho into esingayenza kufanele uyolindela usuku lokufa, kodwa uNkulunkulu walayikhaya wamphilisa lo mntwana esakhuluma kuye.
71.Sabiza uShembe wasezulwini, ngoba lithi igama babiza bani, thina sibiza uShembe onguMoya Ongcwele siphile ngoba siya li(nka) kuShembe wasezulwini, asilink nhlobo nje kulabazuku boMprofethi. Kubazukulu nje boMprofethi chabo asi link ngoba bangonkulunkulu basemhlabeni, asibakhonzi, alibongwe igama le Nkosi!
72.Sibiza uMoya Ongcwele, uShembe kaMoya wasezulwini bese siyaphila. Namanje uyaphila lowo mntwana nezingane zakhe ziyaphila, alibongwe igama le Nkosi. Abafuna uJehova abasondele nganeno, la e-NCG, bazomthola uJehova, usatholwa! Sisekuzo izimiso zikaJehova ongazilandela noma ungowase Zimbabwe noma ungowase Nigeria noma ungowase America, uma ufuna izimiso zikaJehova uzozithola laph! Angeke usifice sinuka ingulube, angeke usifice sinuka iziphandla, angeke usifice sinuka insoyi, angeke usifice sinuka lutho, uzofica iphunga likaPhunga elihle linuka kithi!
INkosi ibusise enikuzwile.