Skip to content

UMKHUMBI WENSINDISO

Ithi-ke ingelosi lelivangeli liyinsimu lapho abakhethiweyo abathandayo ukungena ezulwini abayovula badle khona. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni njengoba simenyiwe, simenyelwe ukuzokuzwa indaba kaNkulunkulu.

Inkonzo yasekuseni ngeSabatha lo mhlaka 25 February 2023: NguMfundisikazi Nomcebo Nxumalo Mpanza.
 
101. ISIHLABELELO
1 Lukhozi olunamaphiko
Phakamisa iphiko lakho,
Singene sizifihle kuwe
Dwala labadala.
 
2 Nqaba yimbe asinayo
Ngaphandle kwakho,
Esingazifihla kuyo
Thina bampofana bakho.
 
3 Sikhukhukazi esihle
Simi phambi kwakho
Akuyiso iJerusalema kuphela
Owayithandayo.
 
4 Sithande usifukamele
Sikhukhukazi esihle,
Sisebusweni bakho
Sikhukhukazi sasezulwini.
 
1.Ngibonge bantwana baseKuphakameni, ngibonge ithuba lokuguqa, nanxa ngiguqe ngenhliziyo ngenxa yesimo sempilo, kodwa ngiguqile ngenhliziyo. Isihloko sithi umkhumbi wensindiso. Bantwana baseKuphakameni siqoqiwe, saqoqelwa kulemini yeSabatha, saqoqwa ngulowo owakhethwa ezulwini, kwathiwa akehle eze lapha emhlabeni azovuselela ivangeli likaJehova elase libulewe.
 
2.Lelivangeli bantwana baseKuphakameni, kuseyilo lelo vangeli elafika noMprofethi kaNkulunkulu,(ukuthula kube kuye.). Owathi uma efika lapha kulelizwe, umhlaba nabantu ababephila khona abazange babona ukuthi uNkulunkulu uyabathanda. Wabe ewuthando lukaJehova asithande ngalo, wabe ewumusa kaThixo asehlisela wona ukuthi sisinde, sisinde ekufeni, sisinde nasekulahlweni. Kodwa azange kubonakale lokho, abantu abawubonanga umusa kaJehova!
 
3.Kwathi noma lelivangeli eselitshala elivuselela kulelo elalitshalwe uMose, lamila kwenye indawo, kodwa kwahamba kwahamba omubi wase efika ezohliphiza. Sesikhulumile kakhulu ukuthi omubi walehliphiza kanjani ivangeli likaNkulunkulu ayekade ezosindisa abantu bakhe ngalo.
 
4.Kubonakele bantwana baseKuphakameni ukuthi uma uMprofethi kaThixo esesebenzile waqeda wasuswa, kwathi nabanye ababekwa emva kwakhe, basebenzile baqeda kwabonakala ukuthi umkhumbi uyacwila. Waphinda lomusa owabakhona, wavuka bantwana baseKuphakameni, wavuka umusa kaJehova. Yase iyabheka iNkosi yamaNazaretha iLanga.Yakuzwa ukukhala okukhona lapha emhlabeni, walubona usizi, wase uyavuka umusa kaJehova, wathumela isigijimi wathi asize sizotshela uBaba uMelusi ukuthi akaphuthume ezokwakha indlu kaJehova. Wachaza ukuthi indlu kaJehova ibandla.
 
5.Yaphuthuma ingelosi yakusho lokho nakuba yayisihlale isikhathi eside nathi singaboni ukuthi umuntu wasezulwini. Lo musa kaNkulunkulu uShembe akhuluma ngawo athi uhlezi phakade iwo lona osenzele wona. Emabandleni wonke akhona emhlabeni alikho ibandla elibhekiwe njengaleli. UNkulunkulu wasinikeza uMqondisi sisekhona lapha emhlabeni. Alikho ibandla elinemilayezo njengaleli. Ngoba imilayezo ivela ebandleni eliphethwe uNkulunkulu, ngoba uNkulunkulu into yakhe uyayisekela yena!
 
6.Ngithike bantwana baseKuphakameni uma ngithi uMkhumbi wensindiso, lelivangeli uNkulunkulu ulenze ngalendlela yokuthi asihlinzeke ngempilo ngalesi sikhathi izinsuku zethu zingakafiki sisalindile kulomhlaba. Ekuthe uma efika lo muntu wasezulwini, wasihlehlisela emuva wathi, nihlupheka kangaka nje nake nambikela nini uNkulunkulu, ngoba anikhulumi naye, nikhuluma nabantu eningabazi, nikhuluma nemimoya emibi, nithi nikhuluma noyihlomkhulu!
 
7.Wathi, uShembe wanitshela kumthandazo wokulala wathi ngosuku lwenhlupheko nibize uJehova, kodwa namuhla nibiza imimoya eningayazi, namuhla nimemeza izangoma, kodwa uShembe ushilo wathi ngosuku lwenhlupheko nibize uJehova, uyakuza anisindise! Wathi yendlelani izinhliziyo zenu njengoba uShembe asho. Saqala lapho ukuhlehla bantwana baseKuphakameni, ayizange ingelosi ifike nokunye, ayifikanga iphethe ibhukwana eselibhalwe okunye, yasihlehlisela emazwini kaShembe! Yathi UShembe washo kini, wanibhalela izihlabelelo zokujabula, wathi uJehova uma esenenzele into niyakuhlabelela nijabule ngalezi zihlabelelo. Wanibhalela izihlabelelo zosizi, ukuthi niyothi uma senihluphekile nilile kuJehova ngazo.
 
8.Wanitshela ukuthi kuyohamba kuhambe kwehle ukuhlupeka, kodwa kulokho kuhlupheka wathi bizani uJehova, anikaze nimbize, nimemeza abantu! Ngithike sisemkhumbini wensindiso. Bantwana baseKuphakameni sibonile sonke abantu bewa ngapha nangapha, asikwazi ukukukhohlwa lokho, asikwazi ukukwenza kube intwanyana encane ngoba uNkulunkulu ubehlose ukusibonisa ukuthi yena Ukhona ezulwini, yena Ukhona emhlabeni.
 
9.Sasinda bantwana baseKuphakameni ngoba siyibandla elinoMqondisi. Sithi silapha emhlabeni kodwa sazi okwasezulwini ngoba siyatshelwa ukuthi kukhona okuzokwenzeka kodwa hambani nikhale kuJehova azonisiza. Bawa abantu ngapha nangapha kodwa uJehova wasisekela saphunyula ezifeni eziningi ebezibathatha abantu. Akuyo yodwa bantwana baseKuphakameni i-Covid19 esisindisiwe kuyo. Kuthe uma ngabe isifikile isijwayelekile, wase efika futhi uMqondisi, wathi ngiyabona ukuthi abantu sebesithatha kancane isifo somdlavuza, wathi isifo somdlavuza siyingozi, siwumashayabhuqe naso sisodwa. Wathi imizi eminingi ivaliwe, ayinababa, ayinamama.
 
10.Ngalawo mazwi bantwana baseKuphakameni, ngiphakamisa izinto uNkulunkulu azenzile ebusweni bethu. Baphinda bafika abantwana bakaNkulunkulu bebanjiwe yiso sona lesi sifo somdlavuza. Kwafika uMqondisi washo wathi cha, pheka amanzi abantu bawaphuze, wathi ngizakucela kuNkulunkulu ukuthi afakeaAmandla akhe kulamanzi, baphile abantu bakhe.
Bakhona-ke abantwana bakaNkulunkulu abase benawo umdlavuza, kodwa Kwathi uma sebewaphuzile lamanzi, bathi uma sebeya kodokotela bathi awusekho umdlavuza ngoba umlilo kaJehova wawungenile kulamanzi okwathiwa asiwaphuze.
 
11.Leli bandla bantwana baseKuphakameni liwumkhumbi wensindiso ulapha emhlabeni, liwumkhumbi wensindiso nangale lapho esiya khona. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni akusikho ukusindiswa kuphela okufanele sibambelele kukho. Ithi ingelosi okukhulu kunakho konke ukugcina umthetho kaNkulunkulu. Ukusindiswa nokuphiliswa kunikezwe thina ukuthi sijabule kuleso sikhashana sisaphila lapha emhlabeni, kodwa ngokungawugcini umthetho kaNkulunkulu, siyakufika phambili silahlwe.
 
12.Uthi gcinani umthetho kaJehova njengoba uShembe anitshela. Uthi uma ngabe senigcina umthetho kaNkulunkulu, niyokhomba izintaba nithi suka, zisuke, ngoba niyoba ningabantwana bakaNkulunkulu, ningasenachashaza. Ngalokhu-ke bantwana baseKuphakameni noma sisindisiwe ekufeni, kodwa akuphelele lapho. Ithi-ke ingelosi lelivangeli liyinsimu lapho abakhethiweyo abathandayo ukungena ezulwini abayovula badle khona. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni njengoba simenyiwe, simenyelwe ukuzokuzwa indaba kaNkulunkulu. UShembe wabhala wathi ulalele wenze, ungalaleli nje ungenzi. Sesiside isikhathi silalela, kodwa asazi ukuthi kungakanani esikwenzile.
 
13.Ithi-ke ingelosi, uma ungumntwana kaNkulunkulu, uma ivangeli selingenile kuwe nasemnkantsheni wakho, uthi lenza ukuthi uzwe noma ngabe ikhona into ezovela. Uthi lenza ukuthi ukwazi ukuzwa futhi uma umNazaretha oyingcwele esemukile kuwe. Baningi abantu abaphilayo bekhonze, kodwa bengazi ukuthi umNazaretha oyingcwele usamuka kubo. Awukwazi ukuzwa ukuthi umNazaretha oyingcwele wemukilke kuwe uma ngabe ivangeli lingekho emnkantsheni wakho. Uma ngabe ungazange uzifundise ukwesaba uJehova njengoba uShembe eshilo.
 
14.Uma ungazange uzifundise ukuthi ugcine umthetho kaNkulunkulu, uma ungazange wasenza isiguqo ukuthi uNkulunkulu ayihlanze inhliziyo yakhe uvule, uvume nangaphakathi kwakho ukuthi uNkulunkulu ahlanze inhliziyo yakho, umNazaretha oyingcwele azohlala kuyo.
Akahlali enhliziyweni enamaqgubu, akahlali enhliziyweni ethakathayo, akahlali enhliziyweni ebulalayo, Uhlala enhliziyweni ehlanzekile!
 
15.Ngithike bantwana baseKuphakameni, ithi ingelosi lelibandla liyisisekelo futhi liwuthando lukaNkulunku. Bangcwele sibonile bantwana baseKuphakameni, sababona abantu bekhala, abanye abazange batholakale, uMqondisi uyafika, uzokhuluma indaba yezikhukhula. Uthi nakhala nathini kuJehova, nake nakhala kuNkulunkulu nalila, nalilela imiphefumulo eyaphuma, eminye eyaphuma izidumbu ezingangcwatshwanga? Uthi khalani kuJehova ngoba ziseza lezi zikhukhula, nikhale kuye, noma ngabe uhlezi endaweni ephephile, kodwa wazi ukuthi awuphephile ngoba ngelinye ilanga uzothi uhleli uzwe kuthiwa umtanakho wemukile namanzi esikoleni, akatholakalanga njengoba kwenzekile.
 
16.Uthi khalani kuNkulunkulu, nilile, nililele abahamba bangangcwatshwa, nikhale kuJehova, bese niyacela kuJehova ukuthi anivikele njengoba wanivikela ngesikhathi se-COVID19. Siyibandla elinjalo bantwana baseKuphakameni, sihamba nomuntu onamehlo engeke ngiwabale ukuthi mangaka, sihamba nesibani esikhanyisa lapho kumnyama khona.
 
17.Okuthi abantu bengazi ukuthi bazothathani behlanganise nani, kodwa bese thina ngoba uNkulunkulu wasithanda, bese efika uMqondisi athi ukuze kunganehleli lokhu, hambani niyokhala kuNkulunkulu, bese uNkulunkulu uyasilalela khona siyibandla elingangakanani, kodwa uNkulunkulu uyasilalela bantwana baseKuphakameni!
 
18.Akuphelele ukulalelwa nguNkulunkulu, esidabukela, esihawukela, kodwa okuyikhona okuyikho ukuba sigcine umthetho kaNkulunkulu, iwona oyosingenisa ezulwini. Lelibandla bantwana baseKuphakameni yayilokhu igcizelela ingelosi ithi lelibandla alinakufana namanye amabandla. Abanye abantu baba nenkinga bathi kushiwo ngani ukuthi lelibandla alinakufana namanye amabandla akhona amaNazaretha ngoba ayafana?
 
19.Nabo bagcina iSabatha, abawubasi umlilo, nabo laba benzanjalo, pho abafani ngani, bagqoka ingubo emhlophe efanana neyethu, pho asifani ngani? Yebo ngosuku esikhonza ngalo siyafana, nangokucishwa komlilo, siyafana, kodwa ngokokukhonza uJehova asifani!
 
20.Uma ngabe sesisebenzile saqeda, siyapheka ukudla esizokudla ngeSabatha, bese sihlambuluka, bese singena enkonzweni yokuqala yeSabatha eyisandulelo salena ekhona. Bese siza endlini kaJehova sizokumkhonza thina nabantwana bethu, akufani uma ngabe ulalela, uhambe uyolalela, uyobona, uyokuzwa ukuthi akufani, lapha sikhuluma ngoJehova, sikhuluma ngokuthi uJehova akasatshwe njengoba uMprofethi kaNkulunkulu esho njalo.
 
21.Kodwa kulamabandla angaphansi kwabanye abaholi, ivangeli lakhona lithi yesaba oyihlomkhulu. Ivangeli labo lithi ngeke ungene ezulwini uma ngabe oyihlomkhulu bengafuni. Ivangeli labo lithi noma ugcina iSabatha, kodwa kusafanele futhi ukuthi uphinde ugcine amasiko oyohlomkhulu. Ivangeli labo lithi utshwala bubekhona ngoba obabamkhulu babebuphuza utshwala. Lapha kulelivangeli elingumkhumbi wensindisi lixwayisa abantu ngotshwala.
 
22.Okunye okukhona izangoma zingena ngejubane emathempelini abo, bakhonze nazo, kuphinde futhi uma ngabe sekunikelwa iminikelo kaJehova abaholi babo bemukele umnikelo oqhamuka ezangomeni. Asifani, lapha kulelivangeli, kulomkhumbi wensindiso, asihlanganyeli nezangoma noma ngabe ngayiphi indlela. Uma ngabe sike singene kusho ukuthi sisuke sifihle yonke into eyenza izangoma zibonakale. Uma senzenjalo, kusho ukuthi siyazi ukuthi asidingeki lapha. Icala liyothwala yiso, angeke lathwala yithi ngoba asizange sisibone, sizifihlile sona kithi kodwa asizange sifihleke kuNkulunkulu. Asifani, imithetho abayigcinayo, bayigcinela oyisemkhulu. Thina sifundiswa ukuthi sigcine umthetho kaNkulunkulu!
 
23.Bafundiswa ngezulu lomndeni, thina sifundiswa ngezulu likaJehova. Akufani, konke okwakulelibandla akuvumelekile uma ngabe kungaqondene noJehova. Ngisho-ke ukuthi bantwana baseKuphakameni abanye bayafika, kodwa baye bemangale uma ngabe kuthiwa hhayi akufani, akufani kanjani?
 
24.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni kunenqwaba yabantu abadla amagobongo, kuthiwa lamagobongo abusisiwe, kuthiwa awasasona isono ngoba kuthiwa umholi wawabusisa. Asinaye umuntu okhuphula abantu abangasekho ngoba samuzwa uMprofethi Wethu uma ethi namuhla kuphelile ukuqonda kwethu ngalomuntu esimshiya lapha!
 
25.Asifani, bona uma umuntu ehambile emhlabeni bamlanda ngehlamvu, kulelihlamvu bakhuluma ngoyisemkhulu, thina asilandwa ngehlamvu. Thina kukhulunywa ngoJehova ngathi. Noma sisuka emakhazeni, kukhulunywa noNkulunkulu ukuthi lo Mzimba, sizowuthatha Nkosi yamakhosi, sizowuyisa ekhaya.
 
26.Asifani, bona ebusuku bonke uma kuwukuthi kulindelwe, noma ngabe inkonzo ingasiphi isikhathi bayahlabelela, bahlabelele isihlabelelo esithi, “Thuma uMqondisi”, kodwa ekugcineni bayayifingqa inkonzo, bese bethi bacela ukuthi umndeni wenze ngendlela yawo. Ekugcineni kugcina umndeni bese kuphuma umuntu ahambe phambi komuntu obekuthiwa ungumNazaretha agedeze, agedeze, engakhulumi noNkulunkulu, ekhuluma nabakubo emcelela ukuthi abamemukele! Akakukhathalele ukuthi bamamukele uma bekuphi, akanandaba nalokho, uthi abamumukele!
 
27.Akufani bangcwele, thina kithi akushiwo lokho ukuthi asamukelwe ngobabamkhulu, thina sicelelwa kuNkulunkulu, sicelelwa kuJehova owathuma uShembe, sicelelwa kuye ukuthi nanamuhla makube njalo njengoba besiphila le Mpilo yokuthi konke okwethu kubheke kuJehova noma singasekho kukhulunywa noJehova! Emva kwezikhathi ezithile, kuhlatshwa izinkomo, kuhlatshwe izimbuzi, kuthiwe sekuyihlambo. Baye bahlabe nenkomo bathi bayambuyisa ekhaya.
 
28.Ngithi-ke asifani ngoba thina uma sihambile asibuyiswa, asilandwa emathuneni sibuye sizohlala ezindlini ezidilikayo emzini yalapha emhlabeni, ngoba uthena uShembe likhona izulu elikhazimula phezu kwelanga nenyanga. Ilo leli esizolisebenzela namuhla, kuyashisa, kuyabanda, siphokophela ukuthi ezinsukwini zokugcina kuyobe kungasashisi, uma ngabe kushisile lapha emhlabeni, uma kubandile kuyobe kungasabandi, ngoba siyobe sesingena kulelizulu elikhazimulayo uShembe akhuluma ngalo!
 
29.Asifani, thina asilandwa, asimenyezwa umuntu emathuneni, ngoba ukwenza njalo kuwukuphikisana noNkulunkulu owathi abantu uma sebethulile, inyama yabo ayingene enhlabathini. Bashilo nabafundisi bathi inhlabathi enhlabathini, umlotha emlotheni, uthuli othulini. Lilandelwani uthuli lulethwe ekhaya, lusiwaphi ekhaya uthuli? Ngithike bantwana baseKuphakameni asifani, bagcina umthetho wabantu abadala, sigcina umthetho kaNkulunkulu, ngithike bantwana baseKuphakameni ngisho ibandla abantu baba izindimbane kodwa abazi ukuthi ikusasa labo limi libhekephi!
 
30.Akekho obadabukelayo abatshele ukuthi akupheleli lapha emhlabeni, kuphele nje abantu uma ngabe benikelile kuphelile! Ngithike bantwana baseKuphakameni alikho ibandla elinjengaleli okuthi abaholi babo besaphila kodwa ibandla lazi okuzokwenzeka ngakusasa noma ngabe bengasekho ngoba liphethwe uMqondisi owaqhamuka ezulwini. Ingelosi bantwana baseKuphakameni ngendlela elibheke ngayo lelibandla, ikhulume ize ikhulume ngabaholi bakusasa balelibandla. Ithi kufanele ukuthi leyondaba ingasali ngaphandle.
 
31.Ithi uma ngabe kuyoba khona umholi okuyothi uma esengenile ebese ezama ukubulala omunye umthetho kaJehova enzela ukuthi abantu bazogeleza njengomfula, bazophithizela bagcwale, bagcwalele ukuthi kulula akukho okusindayo. Uthi lowo mholi akanakuphila isikhathi eside. Uthi ngifisa abantu bakwazi lokho ukuthi umholi oyoke aphungule umthetho kaJehova ngenhloso yokukhulisa ibandla ukuthi likhule ibandla, kodwa umthetho kaNkulunkulu ugcine ungasekho, axegise. Uthi umholi nje oyothi sekuyohlulelwa phambili. Uthi ngeke akhule, esalindile ibandla kufanele limvukele, limgxavune limukhiphele ngaphandle, ebese liyalila kuJehova ngoba liyobe lingasenaye umholi.
 
32.Ithike ingelosi akukwazi ukuthi uJehova engashaya umthetho awunikeze abaprofethi ebese ethi nawu umthetho okufanele ungeqiwa, bese kuqhamuka umholi othi hhayi konke kuyohlulelwa phambili. Uthi sewushayela uJehova umthetho ukuthi akufanele, kwakungafanele athumele abaprofethi. Uthi ngumuphi manje lona ozohlulela phambili ngoba uJehova ukhiphe abaprofethi wathi abazoxwayisa abantu, wabanika umthetho okufanele igcinwe, uma sekufanele igcinwe, uma sekuqhamuka umholi athi cha abantu abayeke bayohlulelwa phambalili?
 
33.Uthi akasasho lo Jehova lona, uthi sewusho omunye uNkulunkulu, akasasho lo Nkulunkulu kaShembe, ibandla kufanele ukuthi likuvikele lokho. Ibandla lkufanele ukuthi libe namehlo abonayo, kufanele libe nabantu abazidelayo. Njengoba uShembe ebuza kwesinye isihlabelelo ethi uyathanda yini ukusilandela, ethi uma ngabe uyafuna ukusilandela, thenga isibindi, esechazile ukuthi le ndlela inamatshe, inameva, kufuneka amaqhawe azokulwa, alwele ukuthi lento kaNkulunkulu ingabulawa ngabantu, ngoba vele nakuqala yabulawa ngabantu bantwana baseKuphakameni, yabulawa imali!
 
34.Kufanele lelibandla leli kungagcini ukuthi lingelokuqala eselibuyela kuJehova, kodwa liwavule amehlo, lingaba yilo laba bantu bakudala abathula. Bantwana baseKuphakameni zonakala izinto, bathula, bahhumuzela emakhoneni, kodwa izinto zonakala, bekhona uMprofethi wahlukunyezwa phambi kwebandla, alizange ibandla lize limlekelele, kodwa lalihumuzela emakhoneni.
 
35.Ithi ingelosi basamisiwe esigodini sosizi, basabuzwa ukuthi nanikade nithuleleni, kwakuwukukholwa okunjani lokho, uma bengamulekelelanga, wayengabuzelwa muntu uMfundisi uMlangeni egcogcoza phezu kwakhe.
Namakhosikazi ayekhona ngaleso sikhathi kwakuthiwa nje akukhulunywa kulelibandla. Uma kungakhulunywa kulelibandla, kusuke kufanele ukuthi kukhulunywe kuphi?
Namhlanje uJehova uyasishaya, sishayelwa wona amaphutha enzeka kudala!
 
36.Ithi-ke ingelosi, akekho umholi oyoba umholi nendodana yakhe, akekho umholi oyoba umholi nomfowabo, akekho umholi okothi emva kwethu, ahambe ayokwenza i-Will yalelibandla ukuthi kuzoba ngubani emva kwakhe! Akanalo ilungelo lokuqoka umuntu ozohola ibandla ngaphandle kokuthi kulalelwe uNkulunkulu noma kukhulume njengoba kwashiwo ukuthi kohlangana isigungu sebandla.
 
37.Akekho umuntu, futhi abantu bawaxwaye amaphupho avama ukufika esho ukuthi, uma sesihambile, bese kufika labo mama abahamba phambili namaphupho. Bathi sebabonile, bathi sengifikile, sengifike kumkhokheli ukuthi wemkhokheli, uma bengashongo ukuthi siboshiwe, bethi sesithena manje akube uyibanibani, baxove ibandla! Njengamanje ingelosi ikhuluma nathi! Ithi ingelosi umholi oyolandela thina, uma ngabe kukhona abayozama ukumvukela ngaphandle kwesizathu, ngoba akakwazi ukuvukelwa ngumuntu oyedwa, uma umuntu ephule umthetho akavukelwe ibandla lonke, hhayi umuntu oyedwa.
 
38.Uma evukelwa umuntu oyedwa, akambangisi ukwephula umthetho, kodwa umbangisa ukuthi ube leni umholi! Uthi uJehova kufanele ukuthi sinikele sisaphila, ibandla lizinikelele lezo khathi ezinjalo. Ukuthi oyozama nje ukona lento, azame ukuvukela umuntu osephathiswe umsebenzi, izinsuku zakhe zifike ngokushesha, ipiki nefosholo libe seduze kwakhe ukuze umthetho kaNkulunkulu ukwazi ukuma phakathi kwabantu.
 
39.Thina bantwana baseKuphakameni sagunyazwa ingelosi yathi lamacala asayinhlekisa emhlabeni wonke ukuthi ibandla lamaNazaretha, kuzakuhamba kuhambe kuxatshwane, nani nizothi uma nihamba abantu basale bexabana. Yayisithi cha, nina kufanele ukuthi nibe nombhalo eniwubhalayo, kodwa awukho umbhalo oyobhalwa umholi olandela thina. Liyakuzwa lokho ibandla? (Ibandla: Amein).
 
40.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni asifani, lokhu engikushoyo ngeke ukuthole emabandleni, le nxabano isiyoba khona njalo, uma kuhamba nje umholi emabandeni amanye kusazosuka omkhulu umbango, ukuthi hhayi akube inangu, omunye athi akube inangu ngoba into engasenaye uNkulunkulu!
 
41.Thina sinikezwe yonke into, sinikezwe konke ukuthi uma siphila ibandla asiliphathe ngomthetho kaNkulunkulu, saphinde sanikwa futhi ukuthi uma sesihambile asenze kanjani umuntu oyokuza. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni uJehova asikhumbule, nabantwana bethu babe ngamaqhawe, bayiphikise into uJehova angayishoyo. Abantwana bayiphikise!
 
42.Enye into bantwana baseKuphakameni ingelosi ekhulume ngayo, ithi ingelosi kuyangimangaza ukuthi ngibona kukhona enye into abantwana bakaNkulunkulu abangafuni ukugxila kuyo, noma beyikhohlwa noma kumbe bayibona nje iyinto encane. Ingelosi yathi noma ngabe ngubani umuntu okulelibandla uma eshumayela, engabuyeli phansi engaxwayisanga, lento yayenza ukuthi ibe isiqubulo sayo yonke umuntu okade ekhuluma indaba kaNkulunkulu phakathi kwebandla likaJehova.
 
43.Ukuthi azihlatshwe izangoma, futhike uNkosazana akusizo izangoma kuphele, kodwa ikhona indatshana esalayo uSathane acasha kuyo, ubungqingili! Ithi ingelosi asikuhlabe, sikusho naphambi kwabantwana bethu ukuthi umuntu owungqingili uyaphi. Sikusho ukuthi akadingeki la, le kwa Israel wayebulawa, eshawa ngamatshe abulawe, sasingekho isigwebo sakhe ngaphandle kokubulawa. Ngenxa yomthetho wezwe obusa lapha, asikwazi ukukwenza lokho, kodwa into esiyenzayo, azidingeki izitabane kulelibandla!
 
44.Ngoba nazo zinjengezangoma, ziye zihambe zifuna indawo lapho ezizoziqalela khona, bese zifika zihlala zizinza, zibone ukuthi akukhonto ezithintayo. Bese ziyahlalake, bese ziyawutshalake lo moya, ziwutshala nakubantwana, bese kugcina sekuza nezinye, nithi nina ziyafika kanti cha, ilesiya esinye esasikhona. Azifuneki izitabane kulelibandla!
 
45.Ithi-ke ingelosi asohlale sicela umlilo kaJehova ukuthi noma zifika zazifihla, kodwa uJehova azishaye ngomlilo wakhe, zihambe ziphume zindiza kanye nezangoma. Uthi njengoba uBaba uMelusi asho ukuthi isangoma sasibalekelwa njengalesi silwane esingadliwa kulelibandla, nesitabane naso senyanyeka njengaso! Umgabe wakubeka kwabe sobala wathi izitabane kufanele zibulawe ngoba zenza isono esingenziwa ngisho nayingulube!
 
46.Ngithi-ke asinayo indawo yazo, noma ngabe sewubaba noma siwumama ngoba zikhona yonke indawo. Uye uthi uhleli uthole, ngizoze ngikhulume kakhulu! Ngiqonde ukuhlukanisa ukuthi sasike sithi sihlele la, sibone amakhosikazi exabana, kanti amakhosikazi axabana nje aseyabanga, abangama wodwa. Uma wena ucabanga ukuthi lo munye, kukhona oseyiqhude phakathi kwawo, amaqhude esethathelene, kuxatshwane ngisho emgidini, izinto lezo ebesizibona!
 
47.Ikhweleze nje inkosikazi, ikhwelezele umuntu ukuthi nangu ekhuluma, bayazana, bayazana laba bantu, bayazana, inkosi yabo ibanike konke bayazana, ngisho efika usheshe ambone umuntu oyiloluhlobo lwakhe. Ngithike bantwana baseKuphakameni uJehova uyakwehlisa umlilo uma ngabe senza lokho ingelosi esikushoyo ukuthi izitabane noma ngabe esesifazane, uJehova akehlise umlilo, zishe, zishe nkosi yami, zingacimeki ngisho kuyiSabatha. Zihambe zingavumeleki ngoba la ezifika khona zifika zibe ibandla, bese zakha ama group bese ziletha iminikelo emkhulu, zizobopha wena ukuthi ungakwazi ukushaya umthetho owunikwe uNkulunkulu ukuthi uwushaye.
 
48.Ungakwazi ukuthi uzixoshe, uboshwa ngamakitango email. Azingaze zize nje, zize zibe nomnikelo, uNkulunkulu akazishaye ngombani wakhe, zishe zibe ngamalahle. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni lesi siqubulo eyasinika sona, yayisinikela khona ukuthi zishe zihambe. Basha ababefumbethe izalukwazi besizela nazo besiphathele zona lapha bathi bazozibeka ukuthi bazotatazelisa thina ngezalukwazi esingazazi nokuthi zafa zayaphi, ezibuya ngamaSabatha zivimba abantu zithi abakhonze zona.
 
49.Baphuma bendiza ngoba safundiswa ukuthi sithi fire (Ibandla: Fire), fire, (ibandla: fire). Konke lokhu uNkulunkulu angakufuni ongqingili, izangoma nabathakathi fire (Ibandla: Fire), fire, (ibandla: fire. Bantwana baseKuphakameni ilawa mazwi uNkulunkulu akade engiphathise wona ukuba ngiwandlale, okwasezulwini kude, baze bahamba abantu bethi bayaphetha kungaphetheki. Kuyakuphethwa umnikazi wakho.
 
INkosi ibusise enikuzwile.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *