angazi unkulunkulu okuthiwa mthathu emunye. Bayichaza lento elikhuni engazwakali, bayakha, kwakhiwa manje inkolo esikhona, kwakhiwa manje unkulunkulu ozophatha le nkolo-ke manje, loNkulunkulu okuthiwa uyiziqu ezintathu! Kodwa uJehova elokhu eshilo ethi: YAZI ISRAEL, UJEHOVA UNKULUNKULU WAKHO MUNYE!
Inkonzo yangeSabatha ekuseni mhlaka 01 April 2023. NguMfundisi Sabelo Ntuli.
ISIHLABELELO 53
1 Hambisani lezindaba
Ziye kuwo wonke umhlaba.
Chorus: Nihlaleleni nalezindaba
Ulambile wonke umhlaba.
2 Bamenamele uSimakade
Ngezikhathi zonke,
Akusindi inyama yodwa
Nemiphefumulo yabo.
Chorus:
3 Khuthazelani lezindaba
Nina abamthandayo.
Ufakazi walezindaba
Nangu yena usefikile.
Chorus:
1.Ngiyabonga bantwana baseKuphakameni ukungilekelela, ngithintwa yiyo le ngoma ethi ‘nihlaleleni nalezi zindaba ngoba ulambile wonke umhlaba, nangu ufakazi usefikile. Sificwe ileso sikhathi bantwana baseKuphakameni mhla abantu kufika umuntu wasezulwini phakathi kwabo, uMprofethi u-Isaya Shembe owayeyizimo zonke. Nathi sificwe isikhathi esinjalo ngoba wehlile ufakazi walezi zindaba ezulwini phakathi kwethu, sine challenge ke bantwana bokukholwa ngoba umhlaba olambile kumele wesuthe, wesuthe ngathi. Asithunywanga ke kuphela kulelizwe, kodwa sithunywe amazwe onke, bazokhumbula abayingcwele ukuthi nase Cameroon intombazane yakhala, yathi ‘ukube nginemali ngabe ngiya eSouth Africa, ngizoze ngife laba bantu bengafikile lapha.’
2.Sine challenge ke bantwana bokukholwa, iyaye ingithinte kakhulu le ngoma uma ithi nihlaleleni nalezi zindaba ngoba ulambile umhlaba. Sisezinsukwini bantwana baseKuphakameni zesikhumbuzo sikaBaba uThingo, iningi lethu elimbonile kakhulu. Ziningi izinto esingazikhuluma, kodwa kakhulu engicabanga ukuthi kwabe inkonzo enkulu uBaba uThingo owasipha yona, inkonzo yokulunga. Ukulunga kwakhe kwakuyisi mangaliso, wayelunge lokhu, aze asho athi ‘cha mina ngiyakuthethelela noma intethelelo ungayicelanga ngoba ngiyathethelela umthetho wami noma intethelelo ungayicelanga!
3.Lokho bantwana baseKuphakameni, lokho kulunga, engathi nathi singalunga, lowo moya wokulunga usehlele nathi ngoba ukulunga kuyinto enhle, ngoba uma ulungile wenza izinto ezilungile. Nenkonzo enye waphumela obala esikhathini esinzima lapho khona kukhona uguquko lwenkolo, inkolo ithatha enye i-direction entsha, kodwa wama wathi “uShembe akasiye uNkulunkulu!” Wafundisa amaNazaretha wathi cha, ‘waze wangisiza lo mvangeli kukhona incwadi ayifundile, uShembe akasiye uNkulunkulu, bazonishaya abantu and bazonehlula!”
4.Asikwazi izinkulumo ezinjengalezi bantwana bokukholwa ukuba sizizibe, ngoba namhlanje simi ngazo, bathi uma lifika loluguquko lufuna ukusigwinya sonke, sithi cha kodwa akukusha. Nangu nje ondulele lo osenimbiza ngoNkulunkulu uyayiphika lento, kanti uNkulunkulu nihlanganephi naye, nihlangana nini, bese bedumala! Lawo mazwi siyohlala siwakhumbula njalo ngoba aba isihlangu lapho inkonzo yoguquko lonkulunkulu omusha lufika, siyaye sibavusele lokho ukuthi cha kodwa kusha lokhu!
5.Ngisho ukuthi ke siyohlala simkhumbula njalo uBaba uThingo ngoba walimela iqiniso, walimela ngesikhathi esinzima, ngesikhathi soguquko lwenkolo, inkolo isithatha i-direction entsha. Ngisho ukuthi ke ngingabe ngenza iphutha uma ngingedlule lapho ngoba sihambile naye uBaba uThingo, ngiyakhumbula ngomunye unyaka ngigijima ngiya lapha ngiyoguqa ngiyocela umsebenzi. Ngafike ngathi ngicela ‘uShembe angiphe umsebenzi.’ Akazange athi ‘iNkosi ikubusise’, wangilungisa kuqala, wase enginika isibusiso sengikhuluma okuqondile. Uthi kimi: “Thana ucela uNkulunkulu kaShembe akuphe umsebenzi.” Ngase ngikhuluma lokho, ngakuqondisa ukukhuluma, waysethi ‘iNkosi ikubusise.’ Ngase ngiyasukuma, kodwa yangidla lento ukuthi hawu uma ngithi uShembe ngicela angiphe umsebenzi, kushuthi angisho khona. kushuthi ukhona lo Nkulunkulu kaShembe uBaba uThingo ofuna ngizijwayeze yena!
6.Ngisho ukuthi ke lelo langa ngeke ngilikhohlwe ngoba lo Nkulunkulu kaShembe, nanokuthi phela uma uphakathi kwezixuku nawe uze uwiswe udumo lwesixuku. Nami ngase ngicabanga ukuthi loluguquko olukhona, okunye sengikwemukele noma ngihlala ngihlafuna ngikhwifa, kodwa okunye kwakungena, ngoba wawuphakathi kwaso isixuku. Awukwazi ukuba phakathi kwamanzi uthi ngizokoma mina, ayakuthela amanzi ngoba usemanzini vele, usesizibeni. Kushuthike nami ngangisesizibeni esinjalo, nami nganginayo lento, loluguquko lwase lungificile bantwana bokukholwa. Ngisho ukuthi-ke ngidlula lapho ngoba sisezinsukwini zesikhumbuzo sikaBaba uThingo, amein.
7.Bantwana bokukholwa ngizokhuluma ngesihloko esithi INKOLO EYAKHELWA UKUQEDA INKOLO KAJEHOVA. Ngifikelwa ilokho kukhuluma okunjalo ngoba imvama ukuhlubuka kwabantu akuze kwabe i-threat kangako ezulwini, ngoba bayahlubuka abantu, babuye bakholwe, bebuye bahlubuke. Kodwa i-threat enkulu ezulwini ukuthi kube sekwakhiwa inkolo, le nkolo izo replace inkolo kaJehova. Leso strategy sisebenzile kusukela emandulo!
8.Namhla kuqedwa ngenkolo kaJehova ngesikhathi iNdodana kaNkulunkulu isibethelwe, kwathi noma abantu behlushwa, bekhishwa enkolweni, ukukholwa kuba icala, kodwa kwabonakala ukuthi laba bantu bayingozi uma behleli nje bengakholiwe, kodwa futhi bengenayo inkolo.
9.Kungcono uma sebekhishwe kule nkolo kaJehova, ebese kwakhiwa inkolo, ngoba uma usumfaka enkolweni, i-channel, i-frequency isibambile ngokushesha, akasophinde adonse izinto ezikwenye i-frequency ngoba usum-channelled, umfake kwi channel. Benzenjaloke abezizwe, kwathi selibhidliziwe iJerusalema seliqediwe, sekwenzeke konke, bashawa abantu, kwafakwa ama Creeds ashoyo ukuthi cha siyayiqeda namhlanje indaba kalo JEHOVA lona, uNkulunkulu wamaHebheru lona, sesino Nkulunkulu manje owu JESUS CHRIST owunkulunkulu wezizwe zonke! Kwase kukhandwa le nkolo entsha manje, base beyafakwa abantu ngofuduko nangenkani, befakwa kulenkolo.
10.Ngisho ukuthi ke izinkolo ezinjalo zike zakhiwe, zakhiwe ngabantu ukuqeda inkolo kaJehova. Ngilaphoke bantwana bokukholwa namhlanje, izinkolo ezakhiwa zakhelwa ukuqeda inkolo kaJehova. Ziningi bantwana bokukholwa. Ungazi wena, ungene ebandleni, ujoyine ngoba uzwe mhlawumbe beku motivate bekhuluma kahle, kanti ujoyina umbutho bantwana bokukholwa owakhelwe specifically ukuthi kuqedwe ngawo inkolo kaJehova!
11.Wena ungene ngoba uthi umuzwe ekhuluma kahle lo mfundisi, ethi nje ziyabuya izinto ezazidliwe iskhonyana, ebese ungena, kukhona abangenele i-motivation esontweni. Kanti lo mbutho owujoyina ngale motivation ekuthintile namhlanjena umbutho one mandate eqondile ukuthi sakha lo mbutho ukuchitha inkolo kaJehova. Obviously uma usuphakamise isandla wathi ngiyawukhetha lo mbutho, automatically usuyisitha sika Jehova! Ngoba awukwazi ukuthi ungene embuthweni olwa nami uthi kodwa angilwi nawe mina, ngikulombutho nje kodwa angilwi nawe. Uma usungene embuthweni olwa nami, ulwa nami nawe, ngoba uyaye ulandele izinkambiso zawo!
12.Nansoke inkinga eyehlele isizwe sakithi, abezizwe bakhande inkolo base be channel abantu abamnyama bebafaka kule nkolo. Yase imukhipha completely uNkulunkulu wethu uJehova wasemandulo, yayisimqeda, ithe isimqedile, yayisilanda uNkulunkulu nje wale nkolo entsha, yayisimbeka lapha. Automatically uma uthi ungena kulenkolo uvele ube isitha kulenkolo kaJehova! Ngoba ngike ngibezwe abanye bethi, hhayi mina ngingumKrestu, kodwa uJehova mkhulu! Mkhulu kanjani kuwe ngoba okokuqala lo Jehova othi mkhulu akekho encwadini yakho?
13.Ubukhulu bakhe ubuthathaphi, ubufundaphi, ubufundiswe ubani? Mkhulu ngoba nje uyamenzelela uyamdabukela ukuthi ngoba kuthiwa mkhulu, umhlaba wonke usho njalo, nami angithi mkhulu, kodwa izincwadi zakho ziyakuphika lokho! Ngoba ungayivula yonke incwadi ye Testament Elisha, alikho igama elithi ‘Jehova’, abanalo! Uma-ke bethi uJehova mkhulu, basuke besho ukuthini?
14.Leyonto iyodwa nje yini ingayivuli ingqondo, ubone ukuthi yini le ncwadi yami ingakhulumi ngo Jehova, yini ngibe comfortable ngihleli embuthweni, kodwa ongenalo igama likaJehova, kwakwenziwa yini lokho, lali lukhuni yini, lali lide yini leligama ukubhaleka ukuthi sengaze lingabhalwa, lize likhishwe completely? Abantu abazibuzi lokho! Ngithi ke inkolo eyakhelwa ukuchitha inkolo kaJehova, injalo bantwana baseKuphakameni inkolo eyakhelwa ukuqeda inkolo kaJehova!
15.Engathi uNkulunkulu engakupha amehlo uma umuntu efuna ukukholwa, ubone ngoba luningi udumo bantwana bokukholwa lapha emhlabeni. Zinkulu izinto ezakhiwa abantu imibuthano nemibuso eyakhiwa abantu ibe mkhulu lapha emhlabeni, ibe isimangaliso, ize yesatshwe nawu hulumeni, ayihloniphe ngoba uhulumeni uhlonipha into enabantu abaningi, akahloniphi into enoNkulunkulu. Noma ungavulani nje, uma nike naba baningi uhulumeni useyanilalela, ngoba senibaningi, usebenza vele ngeningi ngoba usebenza ngevoti.
16. So, kufuneka kube khona abantu abaningi, khona noma ngabe banjani kuthiwa banjani, kodwa azidlise satshanyana ukuze mhla beyovota bamkhumbule, bese kuba i-proof ke leyo kubantu ukuthi kushuthi uNkulunkulu ukhona lapha, kanti cha bazofuna abakufunayo. Bantwana baseKuphakameni sibhekene nenkinga kulezi zikhathi ezikhona, sibhekene nezinkolo, kodwa munye umehluko phakathi kwenkolo kaJehova nezinye izinkolo ezakhelwe ukuyichitha.
17.Inkolo kaJehova umehluko wokuqala wayo usencwadini yomthetho othi ‘UNGABI NABANYE ONKULUNKULU NGAPHANDLE KWAMI.’ Le tittle noma iyi tittle kwezinye izindawo noma kwamanye amabandla, iba i-tittle ekwazi ukusetshenziswa noma kanjani. Kodwa enkolweni kaNkulunkulu, uJehova wayi own uJehova le tittle, wathi ‘ningabi nabanye onkulunkulu!’ So, enkolweni kaJehova ayikho into nje noma ngabe yini ongayibiza ngo Nkulunkulu, ngoba le tittle uNkulunkulu uthe noma ewu Jehova yena igama lakhe, wase eyi own, wase eyivikela, wase eyibiyela ukuthi le tittle lena noma bekhona onkulunkulu, ngoba sibaningi, kodwa kule nkolo yamike awubi nomunye unkulunkulu!
18.Ngoba ushilo ukuthi ungaba nabanye onkulunkulu kushukuthi baningi, kodwa enkolweni kaJehova munye uNkulunkulu, uJehova kuphela, le tittle inomnikazi enkolweni kaJehova. Awuyithinti noma kuthiwa usuneme kangakanani, noma kuthiwa usujabule kangakanani awuyithinti, i-tittle yokuthi uthi cha ngathi sekuwuNkulunkulu ke lona, ngoba leyo tittle uJehova uthena eyami, yimi uNkulunkulu! Asifunde ibhayibheli. Deuteronomy 6: 4. Wayithatha le tittle wayi own wathi yimi uNkulunkulu, yimi uJehova, inkolo kaJehova ayikwazi nangengozi ukuthi ibe nonkulunkulu omunye ngoba leyo tittle ithathiwe uNkulunkulu uMdali wezulu nomhlaba wathi eyami le!
19.Deuteronomy 6: 4 “Yizwa Israel, uJehova uNkulunkulu wethu, uJehova MUNYE!” Yizwa Israel uJehova wethu munye! uNkulunkulu wethu uwuJehova and munye! UJehova wethu uwuNkulunkulu and munye! Leyo tittle ithathiwe bantwana baseKuphakameni ezinkolweni zikaJehova, ya-own uNkulunkulu uJehova kuphela. Awunayo ngisho into ngisho ingakumangaza kangakanani. Bakhona abantu abaye befike laphana abangakholwayo, oPhawuli befikile khona, bethi uma nibona engalunywa inyoka, imuluma inyoka eyithuntutha iwa, base bethi yeyi engathi lo muntu uwunkulunkulu. Kwakusho abantu abangakholwa, imidlwembe yalapha ezintabeni, ibona umuntu kaNkulunkulu elunywa inyoka engafi. Base bethi hhawu uwunkulunkulu.
20.AmaNazaretha-ke nezinkolo zonke ezifuna ukukhanda inkolo endlini kaNkulunkulu, zithatha leso sigameko esasishiwo abantu abangakholwa zisenze sona sibe ukukholwa! Hawu ngase ngiyagijima ngiya kulencwadi, ngake ngaphikiswa KwaMaphumulo, ngase ngagijima ngayoyifunda. Hhayi abaqalanga futhi laba bantu ukusho njalo kuPhawuli, kodwa baqala bathi ngathi lo muntu UNGUMBULALI lo muntu.
21.Cha akusashiwo ukuthi uwumbulali manje, sekuthathwa lokhu kwesibili, okwesibili lokhu abakusho ukuthi engathi uwunkulunkulu. Baqale bathi hhayi lo muntu engathi uwumbulali. A,kugcinanga ukuthi uwunkulunkulu baqala bathi umbulali kuqala sebefuna ukuzofaka onkulunkulu. Kanti le tittle bantwana bokukholwa ayithintwa lapha, ayithintwa lapha enkolweni kaJehova, ayithintwa noma ngabe kuthiwa usuthande kanjani, awukwazi ukuba nomunye unkulunkulu ngoba uthe uNkulunkulu, ‘yizwa Israel uJehova uNkulunkulu wakho munye!” Yafika neNdodana yahamba khona lapho.
22.NgokukaJohane17: 3. Mhla kufika abasezulwini lapha bezosiqeqesha kule ndaba kaNkulunkulu, mhla kwehla izihlalo zonke zezulu, zizosiqeqesha lapha safika savulelwa yona imibhalo. imibhalo iyigugu kithi ngoba into ebhalwe phansi iyingozi. Ngoba kubalulekile bantwana bokukholwa ukuthi uma sihamba nenkolo, uma sithi inkolo kaJehova iyali own igama elithi Nkulunkulu, elika Jehova yedwa, akudlalwa ngalo. Akubizwa ngalo ngisho izingelosi zezulu, akubizwa ngalo ngisho abaprofethi, akubizwa ngalo ngishoni, ngisho ini. Abake bakuzama lokho ezincwadini lapha zasendulo, iZenzo uma ngicabanga, uJehova washaya umuntu wambulala, embulalela leligama leli. Ethi ngeke umuntu abe uNkulunkulu, uma sebethi abantu hhayi uNkulunkulu lona, izwi likaNkulunkulu, mhla kukhuluma uHerodi, wehlisa ingelosi uJehova yafike yamushaya ezibilini, wabola, ngoba evikela leligama namhlanje esekudlalwa ngalo!
23.NgokukaJohane 17: 3. “Ukuphila okuphakade ilokhu, ukuba bazi wena Nkulunkulu wedwa oqinisileyo, NOMTHUMILEYO UJESU KRESTU!” Ukuphila okuphakade ilokhu, kukhuluma iNdodana manje, ukuthi bazi wena wedwa, kunoWEDWA lapha, kulelivesi kulencwadi. Bazi wena wedwa Nkulunkulu nomthumileyo uJesu. Siku Yeshua thina lapha. Manje ngizama ukuchaza bantwana bokukholwa ukuthi noma amabandla angaphandle kukaJehova enabo abanye onkulunkulu kodwa emabandleni kaJehova inqatshiwe leyo tittle ukunikwa nje noma yini, noma ngabe inkomo, noma ngabe isihlahla noma ngabe imbuzi noma ngabe umngani wakho omthandayo noma ngabe umfundisi wakho!
24.Noma ngabe umbhishobhi wakho osumthanda kangakanani, kodwa awukwazi enkolweni kaJehova ukumnika leyo tittle uma leyo nkolo ingeka Jehova ngampela. Imakiwe leyo territory yakhe akunyathelwa lapha! Ngisho ningancomana kanjani, ngiyazi le tittle kulezi nsuku baningi abantu abayifunayo, abayiconsela amathe bethi kengibe uNkulunkulu nje izinsukukwana. Kodwa enkolweni kaJehova asifisi, umlilo lowo, asisondeli lapho! Noma ungathini noma singakubona wenzani noma unganyukela ezulwini ubonwa, ungazange wafa. Bake banyuka o-Eliya banyukela ezulwini bephila ngemzimba yabo. Kodwa enkolweni kaJehova akushiwongo ukuthi u-Eliya ngathi uwuNkulunkulu ke manje, yini manje esenyuka, cha, sathi unyukile uMprofethi kaNkulunkulu!
25.Siqale ngokuzwa ngabantu abangakholwa ukuthi umuntu uma elunywa inyoka engafi usewunkulunkulu, kodwa baqale bathi umbulali, amakholwa asethe ne kulelovesi, ethi niyabonake ukuthi umuntu uyaba unkulunkulu, uPhawuli waba unkulunkulu! Ayikho into enjalo, kwakusho abantu abangakholwa, akuzange kusho uNkulunkulu ethi namhlanjena uPhawuli usewunkulunkulu ngoba ulunywe inyoka wangafa, kwasho abahedeni! Sesizofundiswa abahedeni inkolo?
Yasho njalo indoda ebingiphikisa KwaMaphumulo yase ifunda le ncwadi, ngagijima ngayifunda, ngasho ngathi uzolimala lomuntu. Ningasithinti ngemibhalo, ngoba mhla kufika izwi le zulu, mhla kufika umuntu wasezulwini wafike wakhipha izincwadi ezimbili, wathi lezi ncwadi, wathi ehhe! Nathike uma usibona udlalela kithi ngemibhalo, ufuna ukusiphica, shawa uvalo ngoba usithinta lapho esinamandla khona!
26.Amandla ethu asezincwadini bantwana bokukholwa ngoba uNkulunkulu usilande emahlathini, wasilanda ngemibhalo ekade siyiphethe amashumi ngamashumi eminyaka, siphethe izihlabelelo, sigijima nazo, singazi ukuthi zithini. Sigijima nezihlabelelo, sigijima namabhayibheli, sigijima sifunda izincwadi sithi bizani ihubo lokulobola, kuxoxa amadoda nje. Sithi thina: “Uyezwake kuthiwa lobola, siduma amakhanda bantwana bokukholwa ngezinto ezingathi shu! Kodwa abasezulwini basivulel[a izincwadi ezidumisa uNkulunkulu!
26.Bengifunda ibhayibheli kakhulu esitimeleni kuduma ikhanda, kuduma ikhanda ngiphethe lezi ncwadi. Bafika abasezulwini bazithintitha lezi ncwadi zasuswa i-dust sase sinikwa zona, kwathiwa zifundeni bantabami, sase siyaguqulwa saba nengqondo entsha, sase sizizwa ukuthi hawu kanti le ncwadi ikhuluma udaba lwasezulwini!. Ngoba uma unolwembu awuyizwa incwadi noma ikhuluma kuvele kudume ikhanda nje. UNkulunkulu uma esekuvule amehlo, uyaqala ukuzwa into okade ungayizwa. Isho njalo indoda lapha ethempelini esikade sikulo, ithi sekuneminyaka ewu 10 ngihlala lapha, angikaze ngilibone lelithempeli, ngiyaqala nje ukulibona ngqa. 10 years ihlala lapha ithi ngiyamangala, isho ithempeli elikhulu esisabatha kulona zonke izinsuku, ulwembu lwaluyibambile, lwake lwasibamba bantwana bokukholwa, ulwebu sigijima nezihlabelelo ezithi ‘amandiki namandawu ukufa kwabezizwe’ kodwa sibuya khona emagobongweni!
27.Senzelwe wona amandiki namandawu lawa okuthiwa ukufa, sakuhlabela izimbuzi thina ukufa, eshilo uShembe waze wakubhala phansi uShembe wathi ukufa lokhu. Nanamuhla banamandiki namandawu! Ngike ngingazi ukuthi izihlabelelo uma beziphethe abashawa yini luvalo. Kodwake ulwebu uma lusakubambile lukubambile.
28.Angikho kulokho bantwana baseKuphakameni, ngixoxa ngezinkolo ezakhiwayo ukuqeda inkolo kaJehova ngoba isikhathi esinzima lesi, abantu manje bahlubuka ukuhlubuka oku organized. Sike saxoxa kanjalo kwelinye izwe esikade sihambele kulona, sathi abantu bahlubuka ukuhlubuka oku organized, bayazi organize, babe yi organisation yokuhlubuka uNkulunkulu. Baba i-organisation enkulu, yesatshwe, ihlonishwe nawuhulumeni, ihlonishwe zinhlanga zonke, i-organisation nje yokuthi uNkulunkulu akayilutho emhlabeni, nathi singaba nonkulunkulu khona lapha!
29.Akukho-ke ukuhlubuka okuyingozi njengalokho uma kuke kwaba ku organisation, ize ihambe le organisation ize yabele abampofu, ize yakhe izindlu, i-organisation njalo eyakhelwe ukuhlubuka uNkulunkulu. Ebese ihlonishwa, i-organisation lena iyanikela, yanikela ngamathangi amanzi, iyanikela, i-organization eyakhiwe ukuthi sihlubuke uNkulunkulu le! Ingaba libandla, kodwa elisungulelwe ukuba namakholwa ahlubuke uNkulunkulu!
I-mandate yayo icacile, ingakwenza konke okunye okuyimxhantela, kodwa i-mandate eyokuthi uNkulunkulu akayedwa! Bantwana baseKuphakameni konke kwenzekile. Kodwa into enkulu, kwaze kwakhiwa nezivumo(Creeds) mhla kuchithwa inkolo kaNkulunkulu uJehova.
30.Kwathiwa namhlanjena siyayichitha imikhosi kaJehova, siyachita iminikelo kaJehova, siyakuchitha ukusina kukaJehova, siyayichitha yonke into! Abantu bangene kulenkolo entsha, isikuchithile konke lokho okwakuvuna ukugcinwa komthetho kaJehova. Kwathiwa akuseyikuba khona ukusina, ngisho imihlatshelo engcwele siyayichitha kulenkolo entsha. Abantu abamnyama bangena bagijima, bayothi manjena sesiyinkolo manje entsha. Ukuhlubuka uNkulunkulu kwayi fashion, kwasengathi inkolo entsha manje, uyaphucuzeka uma uhlubuka uNkulunkulu, impucuko, bayaphucuzeka abantu ngokuhlubuka uNkulunkulu. Kwathiwa siyayichitha imithetho, siyayichitha iminikelo nemihlatshelo, siyakuchitha konke, uJehova uNkulunkulu wamaJuda siyamchitha, sifaka unkulunkulu omusha manje oziqu zintathu! Kwase kulandwa i-trinity, unkulunkulu olinganayo, angazi unkulunkulu okuthiwa mthathu emunye. Bayichaza lento elikhuni engazwakali, bayakha, kwakhiwa manje inkolo esikhona, kwakhiwa manje unkulunkulu ozophatha le nkolo-ke manje, loNkulunkulu okuthiwa uyiziqu ezintathu! Kodwa uJehova elokhu eshilo ethi: YAZI ISRAEL, UJEHOVA UNKULUNKULU WAKHO MUNYE!
31.Ilokhu imile ekaJehova inkolo ayiguquki, ziyakhandwa izinkolo, ziyapataniswa, kulandwa amagama angekho ebhayibhelini ezofakwa, kuthiwe hhayi uma esho ukuthi wayechaza ukuthi. Bese kufakwa amagama amakhulu esingisi, kodwa lento bantwana bokukholwa iwukuchitha inkolo kaJehova! Kwase kuyacatshwa, kwase kuthathwa le nkolo, kwase kuchithwa imikhosi kaJehova, kwachithwa imigidi, kwachithwa umthetho, kwase kwakhiwa inkolo, kwase kuphunyelwa obala kwathiwa le nkolo lena esesiyakhile ewuguquko AYISAPHILI NGAPHANSI KOMTHETHO KAJEHOVA! Sekuvalwake lapho ngqi. Le nkolo esesiyakhile, ayisaphili lapha ngaphansi komthetho! Kwase kuyachithwa konke, kwachithwa iSabatha, kwachithwa konke! Umawufuna ukudla ingulube ungayidla, uma ufuna ukugunda ungagunda ikhanda, lenkolo lena isikhululekile, noma ufuna ukuba isitabane uzoba isitabane kulenkolo!
32.Akusenankinga ngoba umthetho kaJehova onqaba itabane, uma usuchithiwe umthetho, kuvulwe isango elikhulu lezitabane! Kungena izangoma kungene abadla ingulube, ungena izitabane, bengene begunde amakhanda, bengene namabhulukwe, bengene benjeyana! Uzobavimba ngani ngoba uthe wena awusaphili ngaphansi komthetho? Uzothi ilungelo lami ngoba uma niphuma emthethweni ningena kumalungelo, uzothi ‘I feel comfortable’ ngigqoke kanje, so awukwazi ukungithinta uhlukumeza ilungelo lami! Uzothini wena, uzothini kuNkulunkulu, uzothini ngoba lo muntu uwena oqale wakhipha umthetho endlini kaNkulunkulu, wathi sihlangene lapha nje asisaphili ngaphansi komthetho, sesiziphilela nje sodwa, sesizihlalele nje thina ngentando yethu, sesiyazibusa!
33.Ofuna ikhanda lakhe ligundwe uzoligunda ngoba asihleli ngaphansi komthetho, ofuna ukudla ingulube akayidle ngoba asiphili ngaphansi komthetho, ofuna ukuthakatha engathakatha ngoba asiphili ngaphansi komthetho, uzovinjwa yini? Sike sahamba sayokhuluma ngapha eDevetone eGoli siyoxoxa indaba kaNkulunkulu, hheyi saficana nenkinga, base bengiqalaza abashumayeli, bese bedidekile, amaKrestu emi la, ethi ‘vumani ukuthi uJesu uyiNkosi noMsindisi, vumani manje! Asikwazi nokuqhubeka nokuthi sigcine umthetho, uma ngabe ungashilo njalo, noma ungagcina umthetho awenze lutho, yangishaya lento!
34.Ngacabanga ngokushesha
manje, ngihleli phansi ngacabanga ngokushesha manje, ngifuna siphunyuke la, ngifuna siphunyuke manje, kodwa angifuni balimale, kodwa ngifuna siphinde sibashumayeze ngoba sizobahuqa ngezwi likaNkulunkulu bantwana bokukholwa. Ngase ngithi mina, ‘hhayi no, ake sithathe izincwadi zethu ezingcwele, ake nisichazele ukuthi uJesu ke, ngaphambi kokuba siye ezincwadini zikaPhawuli ngoba wahamba uYeshua esenabalandeli, wahamba esenabantu abamlandelayo, ebafundisile abalandeli bakhe ngomthetho kaMose. Wayethe bamemukele kanjani laba engakahambi yena?
35.Ngabanika i-challenge, base bonke bathatha amabhayibheli bapheqa amabhayibheli, bafuna bakhathala. Nithi asemukele manje uJesu njengeNkosi noMsindisi, ngoba noma singagcina umthetho asenze lutho. Umbuzo wami uthi wathi yena wemukelwa kanjani!
Walifunda ibhayibheli, ngambona elibeka phansi, waliphenqa walibeka phansi! Ngase ngithi liphenqe! Sase siliphenqa thina. NgokukaJohane 14:15 Sixoxa manje, asikhulumi inganekwane, asikhulumi i-doctrine kaPhawuli,kepha sesikhuluma idoctrine kaJesu engakafiki uPhawuli, wathi uJesu wamukelwa kanjani?
36.Singakafiki ke manje kulaba abaphenduka sekunama- doctrine amaningi, yena labo ayehamba nabo owaze wabathandazela wathi, “Nkosi nampa abangabakho Nkosi, ngibafundisile izwi lakho, Nkosi sengiyabashiya ezweni, labo.” Abantu wayebathandazela wayethe bamama mukele kanjani? NgokukaJohane 14: 15: “UMA NINGITHANDA NIYAKUGCINA IMIYALO YAMI!” Awu zakhala emajazini, ithi iNdodana uma ningithanda mina, nithi niyamthanda noBaba, niyakugcina imiyalo yami! Awu kanti lento enisifaka kuyona niyithathaphi nina?
37.Hhayi phela lapha ko Paul, sithi no, wahamba esenabalandeli, babemmeukele kanjani abalandeli bakhe, Ayeke ama doctrine ahamba ahamba afika enkolweni, abalandeli bakhe owahamba bemlandela babememukele kanjani, yakhuluma iNodadana yathi uma ningithanda niyakugcina imiyalo yami! Ngase ngithi pho nina enithi noma singagcina imiyalo yonke asenze lutho uma singavumanga kulesi sivumo senu esenisakhile, nikuthathaphi lokho? Nswi! Uyazi ukuthi inkolo iyakhiwa bantwana bokukholwa, ukuchitha inkolo kaJehova ebese kufakwa zonke izinto eziningi ukudida ingqondo, zihamba zithathwa lapha, zihamba zicingwa lapha, kukhandwa inkolo kuyapataniswa!
38.Thina asiyikhandi inkolo, iNdodana uma ithi hamba lapha, Mathewu 5:18 isitshela imiyalo ukuthi kuyoze kudlule izulu nomhlaba, umthetho akuyikudlula gamana nalinye, ngoba siyayithanda iNdodana, sithatha imiyalo yayo, siye senze lokho! Imiyalo yakhe ethi, UMA NINGITHANDA NIYOGCINA IMIYALO YAMI, lemiyalo uyokuyithola kuMathewu 5:17-19, asingayifundi ngoba sekuyincwadi yethu, Mathewu 5 verse 18-19. “Kuyoze kudlule izulu nomhlaba akuyikudlula gamana linye nasicashana sinye somthetho, kuyoze kufezeke konke, oyigcinayo lemithetho aphinde ayifundise abanye, uyakuba mkhulu embusweni wezulu, kodwa ogayigciniyo afundise abantu ukungayigcini uyokuba mncane embusweni wezulu.”
39.Akuyona yini umyalo lowo kaYeshua, imiyalo, thina eyethu imiyalo isho njalo ngoba ushilo wathi UMA NINGITHANDA GCINANI IMIYALO YAMI, wase eyawufaka umyalo, ngoba umyalo manje uyingozi uze uyokukhomba back uze uyokufuna nakuMoses. Abayifunike leyo! Bantwana bokukholwa kwachithwa konke, ithini imiyalo yakhe ngoba phela bathi UMA EQHAMUKA SOFANA NAYE, UMA EFIKA SOFANA NAYE, siyokwenzenjani? Ifunde futhi, Luka 4 verse 16.
Isihlabelelo 53
Hambisani lezi zindaba
Ziye kuwo wonke umhlaba.
40.Luka 4 verse 16. “Wafika eNazaretha, lapho owayondliwa khona, wangena esinagogeni ngosuku lweSabatha njengokwenza kwakhe” Wafika eNazaretha lapho owayondliwa khona, wase ebona ukuthi uma sekushaye iSabatha, wase ethuntutha izincwadi zakhe wase engena esinagogeni eyoshumayela njengokwenza kwakhe! Bengifuna leyo ndawana ukuthi NJENGOKWENZA KWAKHE! Wangena ethempelini ngeSabatha wafundisa njengokwenza kwakhe. Bathi uma efika sofana naye, kodwa bangena ngelinye ilanga bona emasontweni bafundise! Pho bathi bofana ngani noJesu? Basho ukuthi uma emhlophe nabo boba mhlophe? Abangeni ngeSabatha esinagogeni bakhonze uJehova, balisaba kabi iSabatha, bayisaba kabi into enomthetho kaMose ngoba kwafika bantwana baseKuphakameni inkolo, yazokwakhiwa, yazokhipha abantu enkolweni kaJehova! Uma lezi zinkolo zisekhona bantwana bokukholwa sizogida kuzona ngoba i-mandate yethu iqondile, inkolo kaJehova indala yafika emandulo lapha, kwafika uJehova wathi nansi inkolo yakhe.
41.Kwase kusuke abantu bezokhanda izinkolo ezichitha inkolo kaJehova, uma i-mandate yethu ithi asiqondise inkolo kaJehova, sizoyeka kanjani ukukhuluma ngalezi zinto, kanti kobe singazolungisa? Uma uthi umuntu akakulungisele imoto yakho, afike alungise enye imoto, ungemshaye yini wena, uthi ngithe nansi imoto efile okumele uyilungise! Kuthe izwi uma lifika phakathi kwethu, lifika kubaholi bethu, lathi fundisa indlela eyiyo yokukhonza uJehova, niyosusela ezincwadini zikaShembe efundisa amaNazaretha. Siyeke kanjanike, siyeke kanjani? Ngoba it is a mandate, asikwazi ukwenza okunye, mhlawumbe zikhona izindaba ezimnandi esingazixoxa zijabulise abantu, njengoba ngiyaye ngibone beshumayela ezitimeleni bexoxa indaba. Asinaso isikhathi salokho, sishawa isikhathi ukuthi i-mandate yethu ihlukile kulezo zindaba, asikho isikhathi sokuxoxa izindaba ezikwasanganekwane, kufuneka sihlale kulento ukuthi uJehova wathi nina nenza ukuthi ngakhoke ni wrong ngoba akufanele owrong aze athi u-wrong, sizele lokho nje, siyisibuko!
42.Uthi uBaba uMelusi, ‘siwumfanekiso wokuthi uma lelivangeli liphuma liya emhlabeni, lizoba liyinto enjena, manje kufuneka uma umuntu efika kuthina afike azibuke kuthina, bese ethi eyi ake ngiyolungisa. Uma ufika phakathi kwethu ungenasihluthu, ugijime uyoshiya isihluthu uzobuya, uzozibuka nje ufice isibuko, eyi manjena awuthi ngiyolungisa. Afike kuthina omunye efike lapha, epende izinzipho zibomvu afike singasho lutho nje, afice izinzipho zethu abone ukuthi kukhona okungalungile ngalezi zinzipho zami, ahambe ayoxebula lento! Siyisibuko, kodwa siyaye singasho lutho! Afike omunye lapha egunde indlela, afike lapha egunde isiqhomoliya lesi esingagundwa, afike asibone sibeke izihluthu sizigqishe zibomvu, agijime ayolungisa!
43.Siyisibuko bantwana bokukholwa, manje asikwazi ukuthi lento siyixegise ngoba i-mandate ethe asiqondise. So, sikulowo mhlambi-ke bantwana abayingcwele nathi sigijima nowo. Ngixoxa indaba kaJehova bantwana bokukholwa. “Wangena ngeSabatha eSinagogeni wafunda njengokwenza kwakhe.” Kodwa manjena uma uhlehla encwadini ngelinye ilanga zabaphostoli abadala uma ufika kuzona, ufica lapho abaphostili befunda izincwadi zikaMose, bezifunda, befundisa abantu izincwadi zikaMose. Kodwa uma uthi uya kulenkolo enezincwadi zikaMose, sekuyinhlamba ukuzifunda, ngathi ngiyazifunda kwelinye ibandla ngathukwa kwathiwa ngembethe ingubo endala, ingakho ngifunda izincwadi nje zakudala.
44.Kwathiwa uma usungena kule nkolo entsha, kufuneka uguquke, ube umuntu omusha, ungafundi izincwadi zakudala, kufuneka wembathe ingubo entsha! Utshela mina, utshela mina bantwana bokukholwa, ngoba sekufike isikhathi sokuthi inkolo isiguqukile, sekufanele manje u-comply noma ngabe uyathanda noma awuthandi kulenkolo entsha, usuyaphoqeleka ukuthi ngena. Ngoba noma ubona ukuthi lento ayisahambi kahle, uzobona kanjani wedwa ngoba bonke abantu bathi hhayi manjena isiguqukile inkolo manje, sesihamba ngonyawo olusha, lento yakho lena wena ayisekho. Ake sifunde incwadi yeZenzo sizwe ukuthi uma abaphostoli early times uma bephuma lapha eJerusalema befundisa, babefundisani, ngoba kufuneka sihambe sihambe sifunde izincwadi ababezifunda, babefunda ziphi izincwadi.
45.Ngiyithanda uma uzoyiqala ku 22, Izenzo 28 verse 22: Babeshumayela abaphostoli lapha. Ngithanda lapha kuthi uma iqala ikhuluma NGEHLELO, le uma uya khona lapha encwadini enye yeZenzo leli elivezayo ukuthi ihlelo lamaNazaretha. Kodwa indaba yangelinye ilanga ke leyo.
Kodwa leli likhuluma nje ngehlelo, liilokhu likhona lelihlelo, lalingafunwa lelihlelo, sesiyazike thina abazwana nezincwadi ukuthi lelihlelo elalingafunwa kwakuyihlelo lamaNazaretha. Izenzo 28 verse 22-23.
“Kepha sithi kufanele sizwe kuwe okucabangayo ngoba siyazi NGALELIHLELO ukuthi liyaphilisa ezindaweni zonke, khona sebemisile usuku, beza kuye endlini yakhe bebabiningi. Wabacacisela efakaza ngombuso kaNkulunkulu, wabaqondisa NGOJESU ETHATHELA EMTHETHWENI KAMOSE NABAPROFETHI KUSUKELA EKUSENI KWAZE KWAHLWA!”
46.Manjena le ncwadi ithinI kanti, ithi babethi uma beshumayela oShaul, beshumayeza abantu, ithi lapha ku 22, khona sebemmisele usuku beza kuye endlini yakhe bebaningi, wabachachisela efakaza “ngombuso kaNkulunkulu, wabaqondisa ngoJesu ethathela emthethweni kaMose nakubaprofethi” kwaze kwahlwa. Kodwa awungene la ematendeni uvule incwadi kaMose, kuthiwa umbethe ingubo endala! Ingakho nje ufunda lezi zincwadi ezingafundwa ngoba sekwakhiwe inkolo entsha, inkolo bantwana bokukholwa eyakhelwa ukuthi ichithe inkolo kaJehova.
47.Uma sikhuluma ngaleso sikhathi saleyonkolo, sikhuluma ngento ekhona bantwana bokukholwa, kwakhiwa inkolo entsha, yathi uma isiqediwe, inenhloso yokuchitha inkolo kaJehova! Ngoba le nkolo lena ithi asisaphili ngaphansi komthetho kaJehova, noma bengawuqedeli umusho othi “ngaphansi KOMTHETHO KAJEHOVA, kodwa isenzo siyaqedela! Kodwa abaphostoli bona bephuma eJerusalema babefundisa ngomthetho kaMose betapa ezincwadini befakaza ngomthetho kaMose nezincwadi zabaprofethi. Kodwa le nkolo namhlanje ekhona ithi lutho awuyi lapho. Kuthiwa usambethe ingubo endala wena, usafunda lezo zincwadi, asisekho thina lapho, sikusivumelwano esisha manje! Lesi sivumelwano esisha sifike nini, ngoba abapostoli babefunda izincwadi zikaMose nabaprofethi?
48.Kodwa yona manje kulenkolo esikhona entsha ekhandwe ngabezizwe o Constantine azisathintwa incwadi zakudala ngoba inkolo entsha. Bantwana bokukholwa sisenkingeni, sibhekene nempi, kodwa uNkulunkulu simethembile kakhulu ukuthi uzoyinqoba ngoba akusiyo eyethu, impi kaJehova lena, impi kaNkulunkulu, impi yomnikazi wezulu nomhlaba! Sihamba nje asinalo uvalo ngoba lezi zinto esizikhulumayo zibhalwe phansi bantwana bokukholwa, noMprofethi wathi uma efika wayibhala phansi yonke into wathi bantabami njengoba ngifike phakathi kwenu ngiyi Nceku ka Nkulunkulu, ngiyisi thunywa sika Nkulunkulu! Ekusho lokho ngoba eseshilo uNkulunkulu kuqala kule ncwadi esivule ngayo, wathi uJehova uNkulunkulu wakho MUNYE! Wathi uma efika uMprofethi wase esichazela, wasichaza isimo sakhe!
49.Wathi bantabami nina niyibandla likaMenzi wezulu nomhlaba, wathi bantabami mina ngiyiNceku, mina ngiyisi thunywa sika Nkulunkulu, yacaca indaba kaNkulunkulu ase engena amaNazaretha ase emlandela!
50.Kodwa bafika abantu ekugcineni, base bethi ake sikhande enye inkolo manje, sesikhathele ilo Nkulunkulu kaShembe okude, asikhande unkulunkulu wethu manje khona la eduze. Angisazi noma u Exodus 32 yini lowo, ikhona incwadi esho njalo ku Exodus 32. Bakhathala abantu uNkulunkulu kaMprofethi owabafundisa yena, bakhathala abantu ukukhonza uJehova, base beshintsha abantu, kwase kuba khona uguquko manje oselufikile. Ngixoxa ngezinkolo bantwana baseKuphakameni ezakhiwayo, ngoba noma ezinye zibukeka zizinkolo ezindala! Ngake ngaphikisana nensizwa engeyangakithi.
Ithi hhayi nina nivele nasuka nje navula ibandla elisha, hhayi nina nje izinto ezintsha! Ngithi mina, hhayibo, kanti iliphi ibandla elisha, ngoba thina sikhulume ngoNkulunkulu omdala, uMdali wezulu nomhlaba, sikhulume ngoJehova wasemandulo, nina nikhuluma manje ngezinto esingazazi zodwa, nina niyibandla elisha nina, thina siyibandla elidala likaMprofethi.
51.Asikwazi ukuthi sikhulume ngoMprofethi bese kuthiwa siyibandla elisha, thina siyibandla elisha mhlawumbe ngokuphumela obala, sithi cha sifuna uMprofethi, kodwa ngesisekelo senkolo nangenkambiso, sibadala kunani. Nina nibasha! Exodus 32 verse1: “Abantu bebona ukuthi uMose ulibele ukwehla entabeni, abantu babuthana ku Aaron bathi kuye vuka usenzele onkulunkulu” VUKA ARONI USENZELE UNKULUNKULU, UNKULUNKULU OWAKHIWAYO, ungayithathi kancane indaba yonkulunkulu owakhiwayo NGOBA ONKULUNKULU BAYAKHIWA. “Abazakuhamba phambi kwethu, ngokuba uMose lowo umuntu owasikhuphula ezweni laseGibhithe asazi ukuthi wehlelwe yini. U-Aroni wayesethi kubo khumulani amacici egolide ezindlebeni zowomkenu nakwezama dodana enu, nakwezama dodakazi enu, nilethe kimi. Bonke abantu bakhumulake amacici egolide ezindlebeni zabo bawayisa ku-Aroni, wawamukela ezandleni zabo wawabumba ngengwedwe, wawenza aba ithole elibunjiweyo,BATHI NAMPA ONKULUNKULU BAKHO ISRAEL ABAKUKHIPHA EGIBHITHE!”
52.Igama engililande kulencwadi, linye, SENZELE UNKULUNKULU! Unkulunkulu kulezi nkolo bayakhiwa bantwana bokukholwa, bayakhiwa ngezindlela eziningi. Bese bekhandwa labo onkulunkulu bese kuthiwa unkulunkulu ke lo. Bese eba ne challenge umuntu wasemhlabeni ofana nami, ebese eba ne challenge ukuthi kufuneka ngi act(e) kanjani uma ngiwunkulunkulu.
Ebese ebamba ngapha, ezama ngapha, ezama ngapha, uzama naye ukuba unkulunkulu, ngoba usenziwe, bathi wena uwunkulunkulu wethu! besho umuntu naye uyakuzama ukuba nguNkulunkulu!
53.Webantu abakholwayo asizukusuka lapha, asizukudeda lapha, abe esehlubuka amaNazaretha bantwana bokukholwa, aye esehlubukake eseba ilento ayiyona, uMprofethi esethe ngisithunywa sikaJehova, wathi nebandla ngelikaMenzi wezulu nomhlaba, akunqaba lokho amaNazaretha, ahlubuka sibhekile! Wathi ningaphendukeli kwabanamadlozi nakubathakathi. Ajika wona amaNazaretha aba anamadlozi wona, angagcina ukuphendukela kwabanamdlozi, ayeseba ngamadlozi wona qobo lwawo! Ithi incwadi eyingcwele “ningaphendukeli kwabanamadlozi nakubathakathi, funa ningcoliswe yibo, nginguJehova uNkulunkulu wenu.” Bathi cha, thina namhlanjena asisezukugcina Nkosi ngokuphendukela kubona, kodwa sizoba yizo izangoma. Ithina esizobhulela abantu, ithina esizoba ngogobela, sithwasise!
54.Ezweni lakithi ngihlale ngikhuluma, uMfundisi wezwe lakithi esakhula esikhulisa wayethi uma eshumayela, ashumayele ashumayele, uma eseyivala inkonzo, bese ekhipha i-advert akhangise umkakhe oyisangoma othwasisa amaNazaretha la ethempelini. Bese ethatha ingoma kaShembe ethi “kwavela abaprofethi baseNazaretha, emzini was’Ohlange”, nalapha ekhaya kithi ukhona umprofethi.” Ngaleso sikhathike ayenyukubala amaNazaretha uma emuzwa esho njalo, kodwa namhlanje athi ‘uyingcwele ameni!” Ngoba kwakusazama ukuguquka, ifika lento, sethuke sonke sishwabane, uma ethi ‘ukhona umprofethi lapha ekhaya, uyabasiza abantu’, sishayeke sishayeke. Ukhona namanje lo Mfundisi and uphambili ebandleni lamaNazaretha, bayazi abantu basezweni lakithi bayamazi!
55.Mhla inkolo iguquka, mhla kukhandwa inkolo manje esiphambana nenkolo kaJehova, mhla inkolo kaJehova ichithwa, bantwana bokukholwa, yayichithwa izangoma. Wathi uMprofethi izangoma ziyilati likaSathane, wehla ngalo eze kubantu. Athi amaNazaretha, cha isidala leso Mprofethi, thina sifuna ukuba yizangoma, siyazifuna izangoma lapha, ngisho siya ezintabeni ezingcwele naseNhlangakazi sizohamba nazo, zihambe zisihlolela lapha endleni! Ngibone ivideo yonkosikazi ethi: “Niyangihlupha maNazaretha, niza kumina nizofuna ukuhlola ngisho ngisemgidini, ngisuke ngizosina lapha, usho kumholi wakhe. Ngizosina la kumholi wami, ningangiphazamisi!” Ikhona leyo video, bayayibona bonke abantu, bashwabane bathi, ningangiphazamisi ngisemgidini nizohlola, uma ngizosina ngisuke ngizosina.
56.Kusho umuntu and akamisiwe, unomkhokheli unomphathi, unazo zonke izinhlaka zokuphatha, kodwa ngoba sekunoguquko sekuhanjwa kanjalo, akasenacala, nizombeka kanjani icala? Bantwana baseKuphakameni kuthe sekuqediweke, sekwenziwe konke, zafika kabili insizwa lapha kumina, zifika zizongincenga ngangisasonta lapha eMbeleleni, nezwe lakithi. Zifike zingibizele eceleni uma kuphuma inkonzo ka-9, zithi manje mfoka-Ntuli sesithembe wena ngoba siyakubona esontweni ukhona. Manje kunento esifuna ukuyenza lapha, umcimbi esifuna ukuwenza. Ngithi mina hha. Zithi manje ubaba wakho manjena wayewumshumayeli laphana ethempelini eGamalakhe, manje sifuna ukuzomsusa.
57.Ngangiyimpumputhe, kodwa wawungeke uze udlale ngami ngisho ilanga selibalele, ngangiyimpumputhe impela, kodwa cha ngangibona ukuthi cha hhayike la, sekungaphezu kwamandlake la. Ngithi mina nizomsusa, akeniyichaze lento, baba, kwakukhona nenye insizwa eyayinomnazaretha omdala. Akeniyichaze lento. “Cha, sizomsusa esihlalweni sobushumayeli ngoba manje uMshumayeli lo okhona uyagula, uguliswa ukuthi manjena uhleli phezu kwamshumayeli ubaba wakho, kufuneka simsuse ukuze lo mshumayeli angasezukugula.”
58.Ngithi uma nimsusa ubuya abe yini manje ezweni likaMoya, akabesaba uMshumayeli?” Bathi hhayi cha, uyasuswa nje engabesaba uMshumayeli la ethempelini. Ayi engathi iyangidida lento, iyangidida! Ikhona insizwa ekhona leyo, ikhona iyenziwa, namanje bayafuna ngizwe abafowethu sebeqala ukwekumukelake ngoba sebahamba bajoyina lo mbutho, babezulazula ngaleso sikhathi bengekho full time, sebe full time, sekubanjwe bonake manje, ukuthi abawenze lomcimbi ukuthi ubaba asuswe ekushumayeleni nomkhokheli wezwe lakithi wasemndenini wakithi naye basuswe bonke, balahlwe laphana bese kungeniswa abanyeke!
59.Yini yona leyo! Abake baya kulomcimbi, kuthiwa kuphathwa impepho, ishiswe lapha, kukhulunywe naye ethempelini, lithethwe idlozi phakathi ethempelini, abake baya bake basixoxele! Bathi uma ngabe kwenziwa lo mcimbi okuthiwa kususwa lo mshumayeli kususwa lo mkhokheli, yeyi basazovelelwa abantu, basazohamba bengabakhokheli bengabashumayeli, bafike ngelinye ilanga kuthiwa suka kulesi sikhundla, susa yonke lento, usuyidlozi manje, siyakuthetha khona la ethempelini. Yeyi bantwana bokukholwa, inkolo isifikile and ikhona angeke wenze lutho, awu Nkosi yami ake ngifunde incwadi yokugcina isikhathi siyangishaya. Joshua 4 verse 1-7.
60.Kuthiwa uyasuswa, ufe uwuMshumayeli, bese kuziwa ethempelini nezimbuzi, kuziwe nezimpepho, kufikwe lapha kuthiwa uyasuswa namhlanjena, usiwa ekhaya, hamba uyoba full time, uyoba idlozi, awuseyena uMshumayeli. Namanje babhizi bafuna ukuhlela lowo mcimbi lowo, mawuthi awunalutho, bathi hhayi sizofika nakho konke, wena nje okwakho ukuthi uze ethempelini ufike uthathe uyihlo, ahambe eyekhaya ayongena eqhugwaneni. Ashumayele eqhugwaneni emahlandleni lapha.
61.Joshua 4 verse 1-7. Kwathi lapho isizwe sonke sesiwele iJordani saphelela, uJehova wakhuluma kuJoshuwa, wathi: “Zithatheleni amadoda ayishumi nambili, indoda ibenye ngesizwe, niwayale nithi: ‘Zikhipheleni lapha phakathi kweJordani, endaweni LAPHO IZINYAWO ZABAPPRISTI ZAZIMI KHONA ZIQINILE, AMATSHE AYISHUMI NAMBILI, NIWELE NAWO, NIWABEKE ENDAWENI ENIYAKULALA KUWO EBUSUKU.” UJoshuwa wayesebiza lawo madoda ayishumi nambili ayewakhethile kubantwana bakwa-Israyeli, indoda inye ngesizwe. UJoshuwa wathi kuwo: “Welani phambi komphongolo kaJehova uNkulunkulu wenu, niye phakathi kweJordani, NETSHATHE, KUBE YILOWO NALOWO ITSHE EHLOMBE LAKHE NJENGOKOMGOMO WEZIZWE ZABA NTWANA BAKWA-ISRAEL UKUBA LOKHO KUBE YISIKHUMBUZO PHAKATHI KWENU, KUZE KUTHI LAPHO ABANTWANA BENU BEBUZA NGESIKHATHI ESIZAYO BETHI: “AYINI LAMATSHE PHAKATHI KWENU NA? NOTHI KUBO “:KUNGOKUBA AMANZI ASEJORDANI ANQAMUKA PHAKATHI PHAMBI KOMPHONGOLO WESIVUMELWANO SIKAJEHOVA; EKUWELENI KWAWO IJORDANI, AMANZI ASEJORDANI ANQAMUKA; LAWA MATSHE AYAKUBA ISIKHUMBUZO KUBANTWANA BAKWA-ISRAEL KUZE KUBE PHAKADE” (njengoba namaNazaretha elithwala itshe entabeni yaseNhlangakazi enza ngawo isivivane).
62.Lamatshe ayoba isikhumbuzo kubantwana bakwa Israel kuyoze kube phakade. Uthi uNkulunkulu sebemile ngapha, sebemile bezowela iJolidana, uthi manjena thathani amatshe bantwana bami, niwabeke laphana, ayoba isikhumbuzo lamatshe. Kuyothi uma izizukulwane ngezizukulwana sezibuza ukuthi awani lamatshe, ayini lamatshe, lithi izwi lamasthe ayoba isikhumbuzo phakathi kwenu sokuthi mhla simi lapha uJehova uNkulunkulu wethu wavula amanzi eJolidane sawela. Uthi ayoba isikhumbuzo, uthi niyotshela abantu, nitshele izizukulwane zenu.
63.Bantwana bokukholwa ngithinta le ncwadi ngoba sificwe isikhathi esinjalo, uNkulunkulu wehlile bantwana bokukholwa wazohlala phakathi kwethu. Bekufanele uma ngabe kukhona into asenzele yona, siyixoxe lento, siyiphinde lento, ukuze izingane zethu ziyoze zibuze ukuthi kanti baba lento ohlale uyikhuluma kwenzekani lapha? Bese uthi wena kwathi ngelinye ilanga bantwana bami, kufika ubhubhane, isifo esasesatshwa uhulumeni, sesatshwa umhlaba wonke, ngoba sasesibhubhise umhlaba wonke, isifo esasikhothanyelwa sikhonzwa. Izingane zabantu ezazisongwa ngoplastiki zigqitshwe zigqitshwe phansi, kodwa thina singamaNazaretha kaNkulunkulu uJehova wehlisa ingalo enamandla, wasibeka uphawu eziphongweni zethu, lokhu kufa kwajika ngapha nangapha, sonke thina maNazaretha kaNkulunkulu, kusuka eSwazini, kuya kuma province onke ase South Afrika, akufanga noyedwa. Siyohlala sikusho lokho bantwana bokukholwa!
64.Uma bebuza ukuthi nikholelwani kulelibandla? Sothi sikholwa kuleliBandla ngoba kwenzeka isimanga mhla kufika umuntu wasezulwini, sabekwa uphawu ngo R100 emabunzini ethu, lwahlala ngampela, safika isifo sangasibulala thina, sizoyeka kanjani ukusho njalo! Kuyakuba isikhumbuzo sezizukulwana ngezizukulwana ukuthi kwenzeka isimanga bantwana bokukholwa! Ngiyaye ngixoxe indaba yami ngoba sibathathu e office, ngihlala ngapha, kuhlale intombazane ngapha, kuhlale insizwa yeKhaladi ngapha, kuhlale mina phakathi nendawo. Bantwana bokukholwa iCorona yabamba insizwa yeKhaladi sayibamba sayishaya phansi, bathi hhayi faka i-musk, faka i-musk Sabelo, awusaphephile manje, hhayi i-corona iyavutha la e-office lenu kufuneka nivale kufuthwe. Kuthe sekufuthiwe, sathi siyangena yabamba intombazane le engapha, ngahlala nje, ngahlala, ngithule, yimi enginga naluvalo, yimi engingesabi!
65.Angesabi ngoba kwehle umuntu ezulwini wathi uJehova usekhulumile, usevumile ukunibeka uphawu, thathani lo mnikelo nikhulume kanje, nizoba nophawu lwasezulwini, pho ngisazo sabani, ngiyanethezeka, uyazi ngiyanethezeka! Wahamba umfana weKhaladi, wayohlala izinsuku, wabuya, wathi uyabuya kwamphinda futhi, kwathiwa sekuyamphinda, hhayi singamkhiphi kodwa sekungcono ngoba usejovile ngeke isamubulala i-iCorona, ngathula nje.
66.Yeyi bantwana bokukholwa ngabe ngiyahlabelela, izwi lami liyangihlupha. Bantwana bokukholwa asikwazi ukuziyeka lezi zindaba ukuzikhuluma, kufuneka uma sesikhulume konke, sithi sake sabona isimanga, uNkulunkulu kaJoshua sake sambona esephakathi kwethu. Base begula bantwana baseKuphakameni bonke, sekwenzekile, base belokhu beza kimi, bethi ‘kodwa Nkosi yami!, ngathi mina “hhayi ningakhathazeki. Nina ningakhathazeki ngoba ngihamba noNkulunkulu. Nalendaba engike ngiyikhuluma ngenke ngiyiyekei, isililo esakhala laphana, kudilizwa abantu emsebenzini, bekhishwa ngapha nangapha, zibhuduzela njengezinkabi njengezinkomo, njengezimvu, mhla uJehova ehla ezulwini ethi lona owami ngimbeka uphawu, akasokudilizwa yena yedwa! Sizoyeka kanjani ukukhuluma, asikwazi ukukuyeka bantwana bokukholwa, asibone lutho, sibone isimangaliso nje, sabona uNkulunkulu ukuthi kanti uNkulunkulu uyahlala nabantu ngampela!
67.Uma silifunda ibhayibheli sithi kwake kwehla ingelosi eyayibakhanyisela ebusuku abantwana bakwa-Israel, ihamba nabo ibehlisela ukudla, sasingakwazi lokho, sasikufunda sikuthatha ngokukholwa, namhlanje asisakholwa sesiyazi ukuthi uma selubekiwe uphawu ezulwini, uma esethe uNkulunkulu ngiyenqaba, uyenqaba nathi! Bantwana bokukholwa baphela abantu, amabandla onke. Kodwa thina la ebandleni likaNkulunkulu, akuzange kufe muntu, akunakuba into encane leyo! Namhla sekufika ukudilizwa ngagijima ngeza khona lapha ekhaya, ngagijima ngazokhala ngathi angisazi, ngathi ngididekile, akukhonto ebengicabanga ukuthi ngizophila ngayo. Angihlele lutho, akukho business, akukho lutho, anginayo ngisho tuck-shop, akukho lutho nje, ngathi angazi Nkosi yami, NGICELA UKUTHI UNKULUNKULU ANGAVUMI NGIWELE EZANDLENI ZOKUHLUPHEKA, NGICELA UKUWELA EZANDLENI ZIKAJEHOVA!
68.Ngakhuluma ukukhuluma ngingasazi ukuthi ngithini ngoba ngididekile, ngathi ngicela ukungaweli ezandleni zokuhlupheka, NGACELA UKUWELA EZANDLENI ZIKANKULUNKULU! Uma ngiphuma, angiphume ngingahlupheki, uma ngisala lapha, uJehova angigone! Hhaa! kanti sengikhuluma endaweni efanele. Hhaa, wena ufanelwe ubukhosi, ufanelwe ukudunyiswa! Bantwana bokukholwa ngicela ukwehlela ngezansi. Bengikhuluma NGENKOLO EYAKHELWA UKUQEDA INKOLO KAJEHOVA!
INkosi ibusise enikuzwile.