Skip to content

UMNAZARETHA AKAKUPHUZI UTSHWALA

UNkulunkulu unjalo-ke maNazaretha uma wenza ububi ngenkani, uyayisusa inhliziyo kaShembe, ayisuse inhliziyo yasezulwini kuwe!

Uma ethanda akufake inhliziyo yekati, noma yenja, noma yengulube. Uma usunjalo-ke ukude ukuba ubuyele endleleni yobuntu. (From incwadi ka Adv Mnyandi ethi Izintshumayelo zeNkosi iLanga)

Isihlabelelo 143
1.Ukukholwa kwethu
Kulobu buNazaretha
Kulidwala elibushelelezi
Liyabehlula abaningi.
 
2.Wena uyathanda ukusilandela
Lapho siyakhona
Uboqala uthenge isibindi
Lapha siyakhona.
 
3.Indlela incinyane
Inamatshe inameva
Ihanjwa ngabambalwa
Lapha siyakhona.
 
4.Imbala unaso isibindi
Sokuhamba ngaleyo Ndlela
Ilidwala elibushelelezi
Lehlula abaningi.
 
5.Wozani maqhawe
Hlabani umkhosi
Niwavikele amagwala
Hlomani ngamandla.
 
UMNAZARETHA AKAKUPHUZI UTSHWALA
 
1.Lentshumayelo ngeyeNkosi iLanga, ngiyithathe ku page 328 wencwadi ka-Advocate Mnyandu ethi IZINTSHUMAYELO ZENKOSI ILANGA.
 
2.Ngiyikhethe ngoba ngizwa kuthiwa sekunamaNazaretha aphuza utshwala.
Lenkulumo ingethuse kakhulu ngoba empilweni yami angikaze ngimbone umNazaretha ephuzile!
Ngifisa ukuba labo abasafika kulelibandla bezizwele bona ukuthi uShembe wathini ngokuphuza komNazaretha! Mhlawumbe nami ekugcineni ngizophawula ngalentshumayelo.
 
3.INkosi iLanga yaqala yafunda incwadi ka Daniel 5:1-6, yabuye yafunda incwadi ka Daniel 5:22-28. Yabe esiqala ishumayela ithi:
 
4.“Njengoba nilapha maNazaretha nize kuNkulunkulu ukuba alobe amagama enu encwadini yakhe, ukuba uma nihamba emhlabeni anikhumbule.
 
5.Ngiyathanda ukuba ngibe njengabo labo bantwana nami, uNkulunkulu angibusise, angikhumbule, angangilibali.
 
6.Noma uNkulunkulu ethanda ukusibusisa sonke, ngesinye isikhathi kuyenzeka ukuba kube khona umntwana owehlukayo kuyise.
 
7.Noma uyise angazala amadodana amangaki, athande ukuwenzela wonke okuhle, kuyaba khona ophuma eceleni.
 
8.Kuyenzeka kube khona abantwana abahlubukayo kuyise. Abanye bahlubuke ngabomi, abanye bahlubuke ngengozi.
 
9.Kwenzeka lokhu kubantwana baka-Adam no-Eva. Wahlubuka uKayini enhliziweni yakhe, waba nomona.
 
10.Enhliziweni yakhe wayethi uma enikela athi “nginikelelani ngoba lomuntu engibeka kuye unezinto zonke?”
 
11.Inkomo, imbuzi nezinto zonke zomhlaba ngezakhe? Imali ngiyibekelani phambi kwakhe? Lommbila namabele ami ngiwabekelani phambi kwakhe?
 
12.UNkulunkulu wayethanda ukumbusisa njengomntwana wakhe, kodwa yena wamhlubuka. Wahlubuka enhliziweni, akaze akhuluma ngomlomo.
 
13.Kwakuthi uma enikela akhethe umbila wakhe nakho konke okubi akubeke phambi kwaNkulunkulu!
 
14.Wayecabanga ukuthi uNkulunkulu akamboni. Wayenjengami nje. Nami ngiyaye ngicabange ukuthi uNkulunkulu akangiboni uma ngenza okubi, kanti uyabona zonke izinto engizenzayo. Akukho noma kunye okufihlekile kuye!
 
15.UNkulunkulu wabusisa umfowabo omncane, u-Abel owayenikela ngenhliziyo enhle.
 
16.Nani maNazaretha ngiyacela ukuba uNkulunkulu wenu aniphe inhliziyo ephelele, ningangenwa inhliziyo yobulwane.
 
17.Uma umuntu enza isono esikhulu uNkulunkulu uzombamba, uma engayeki ukuba nomona nokwenza okubi!
 
18.UKayini wabulala umfowabo, wayesethi uNkulunkulu: “Wenzeni, uphi umfowenu u-Abel na?” Impendulo yakhe ithi: “Angazi, ngingumelusi wakhe yini?”
 
19.Uthi-ke uNkulunkulu: “Uthini uma usho njalo, ingani wena ubulele umntanami?” Uthi uKayini: “Ungibonile yini ngimbulala?”
 
20.Uthi uNkulunkulu: “Ngikubonile, nazi izandla zakho zibomvu zigcwele igazi, nenhliziyo yakho ibomvu, igazi lomfowenu liyakhala lapha kimi emhlabathini, sekuze kwafika ezulwini!
 
21.Uyabona-ke, ngoba awuphenduki, awuzisoli, sengizobeka isiqalekiso phambi kwakho:
 
22.Bonke abantu abakubonayo bayokushaya, omunye akushaye ngetshe, omunye ngenduku, omunye akugwaze ngomkhonto, bayoze bakubulale!
 
23.Bayokuzingela njengenyamazane bengakwazi, awusoze waphumula!
 
24.Ngifunde incwadi ekhuluma ngamadoda amabili, uNebukedinezari no Belishazari. Kuthiwa kwakunenkosi enkulu yaseBabele, uNebukedinezari.
 
25.Kwase kuthi abantu bakaNkulunkulu, bakwa-Israel, abanjengani nje, bamhlubuka uNkulunkulu, ababe besaligcina iSabatha, base bekhonza izithombe belahla uNkulunkulu.
 
26.Base bebuyela emuva, badla imithi, baphuza utshwala, benza konke. UNkulunkulu wabe esethumela uNebukedinezari ukuba ababulale.
 
27.Wathi uNkulunkulu, abazithobayo abathumbe ahambe nabo, babe yizigqila zakhe; abalwa naye ababulale abaqede.
 
28.Wayesefika-ke uNebukedinezari emzini omkhulu waseJerusalema, ongaphezu kwalo waseKuphakameni, wababulala. Abavumayo ukungena kuye wabayeka.
 
29.Inkosi yabo kwakungu Sedekiya, wambamba ngoba wayengafuni ukukhonza ngaphansi kuka Nebukedinesari, wamkhipha amehlo.
 
30.Wahamba naye engasaboni emehlweni waya eBabiloni. Wayesethatha izitsha zePhasika zegolide nesiliva, wahamba nazo. Wazithuthela eBabiloni, wathi: “Yikho lokhu okunenza niziqhenye nina bakwa-Israel!”
 
31.Uma efika eBabiloni wangaziphatha kahle izitsha zikaNkulunkulu, wafike walwa nalaba bakwa-Israel, ethi abangamkhonzi uNkulunkulu wabo, abangagcini iSabatha. Wathi abakhonze isithombe sakhe esikhulu. UNkulunkulu kwamcunula lokho.
 
32.Wazikhukhumeza kakhulu uNebukedinezari, waziqhenya kakhulu; akabe esacabanga ukuthi uNkulunkulu ukhona, ngoba nje enqobe laba bantu bakwa-Israel, kanti wayeyinkosi enomusa ekuqaleni.
 
33.Wayesethi nguye uNkulunkulu! Wakha umuzi omkhulu okuthiwa iBabele, nendlu enkulu enesitezi!
 
34.Ngelinye ilanga kuthiwa wayeye akhwele phezu kwendlu, athi: “Ukhona uNkulunkulu onendlu enje, unaso isitezi esingaka, unayo imali engangeyami, unazo izinkomo ezingangezami nabafazi abanjengabami, unazo izinceku ezinjengezami? Akekho, yimina uNkulunkulu!
 
35.Kuthiwa-ke uNkulunkulu ngalokho wasuka kuye, wayesemupha inhliziyo yesilwane; wayikhipha inhliziyo yomuntu.
 
36.UNkulunkulu unjalo-ke maNazaretha uma wenza ububi ngenkani, uyayisusa inhliziyo kaShembe, ayisuse inhliziyo yasezulwini kuwe!
 
37.Uma ethanda akufake inhliziyo yekati, noma yenja, noma yengulube. Uma usunjalo-ke ukude ukuba ubuyele endleleni yobuntu.
 
38.Uzokwenza zonke izinto ezimbi ngenkani, uzodla konke okungcolile ngenkani, uzokhuluma zonke izinto ezimbi ngenkani. Angenke ubuye uthintwe muntu ngoba ayisekho inhliziyo yobuntu kuwe, sekwangena inhliziyo yesilwane!
 
39.UNkulunkulu uma ethanda akufake inhliziyo yobufebe, noma yokuthanda imithi. Akusekho muthi ongenke uwudle; uzowudla noma unjani, ngoba sewangenwa inhliziyo yezinkukhu nezinja, izinto ezithanda ukudla okungcolileyo.
 
40.UNkulunkulu sewayikhipha lenhliziyo yaseKuphakameni; lenhliziyo kaShembe seyaphuma, wayesefaka inhliziyo yesilwane.
 
41.Isho njalo incwadi esiyifundile, ithi: “Uyihlo wena Belishazari wahlubuka uNkulunkulu wenza okubi, uNkulunkulu wasemphuca inhliziyo yomuntu, wayesefaka inhliziyo yesilwane.”
 
42.Niboqaphela-ke uma nihamba emhlabeni, bakhona abantu abanjalo. Wena ubone kungumuntu, kanti sewafakwa inhliziyo yesilwane, noma yengwenya, noma yenyoka; zonke lezi zilwane ezidla abantu.
 
43.Angenke umnqande ekuthakatheni, angenke umkhiphe ekubulaleni abantu, ngoba sekwangena inhliziyo kaSathane nesilwane esibulala abantu.
 
44.Omunye kungene inhliziyo yemfene noma yenkawu. Ongenwe inhliziyo yenkawu umbona ngokweba angabi namahloni, ebe ngisho iminikelo yesonto uma sinikela. Lenhliziyo kaShembe seyaphuma!
 
45.UNebukedinezari esikhuluma ngaye wangenwa inhliziyo yesilwane. Wayesephuma ekhaya eyohlala ehlathini, edla nezinkomo nezimbongolo, akabe esakudla ukudla kwasekhaya, wadla utshani namahlamvu.
 
46.Wayesehluma uboya emzimbeni njengesilwane. Wahlala iminyaka eyisikhombisa.
UNkulunkulu waze wamkhumbula wathuma uDaniel ukuba amkhiphe. Wabuya lapho ehlathini uNebukedinezari, wahlala isikhashana, wase uyafa.
 
47.Lo esifunde ngaye indodana yakhe, uBelshazari, wabekwa emva kuka Nebukedinezari. UBelishazari wafika ubukhosi bubukhulu eBabiloni, imali iningi, nabantu bebaningi.
 
48.Wafika wachwayiza, wahlanya, weswela izimpiko zokundiza. Wathanda kakhulu ubukhulu, ukukhulekelwa nokudla. Wathanda kakhulu utshwala, wakhohlwa nokuthetha amacala.
 
49.Uma enza njalo, loNkulunkulu owabe ebaphe amandla okunqoba abakwa-Israel wasuka kuye!
50.UNkulunkulu wayesethumela abaprofethi ukuthi batshele uBelshazari ukuthi useyasuka kuye, usebuyela ezulwini, usefuna akhulule abantu bakwa-Israel ngoba uyabahlupha, akamazi noNkulunkulu!
 
51.Uyise wayeke azenzise, aye nasesontweni, kodwa uBelishazari wamphika uNkulunkulu, wakha izithombe eziningi wazikhonza!
 
52.Wamphika impela uNkulunkulu, wathi: “Akekho uNkulunkulu ezulwini, ngibona izinkanyezi kuphela nesibhakabhaka, akukho Nkulunkulu lapha!
 
53.UNkulunkulu wase ethumela isitha ukuba simhlasele, amaPheresiya namaMede ahlasela ezweni lakhe.
Impi yabavimbezela iminyaka eminingi ingakwazi ukubanqoba.
 
54.Laba bantu baseBabiloni kwathi mhla uNkulunkulu ebanika amandla ukuba banqobe abakwa-Israel, wathi:
“Laba abantu bami, abantu abangcwele, ningabahluphi, ningabafundisi ukungaligcini isabatha, ningabaniki izingulube, ningabaphuzisi utshwala.
 
55.Uma sebefika eBabiloni, baphuza utshwala, bangaligcina iSabatha. UNkulunkulu wasecunuka. Benza yonke into ephambene noNkulunkulu! Aziqhenya kakhulu lamakhosi aseBabiloni, ngoba banqobe abantwana bakaNkulunkulu bakwa-Israel!
 
56.Ubukhosi lobu bunjalo maNazaretha, ikakhulukazi kini eningamakhosi akhona lapha eKuphakameni.
 
57.Ubukhosi buyahlonishwa ukuze abantu bakuhloniphe. Uma uyinkosi ubokhuleka emadodeni amadala angangoyihlo, uwazise, ungawashayi, ungawethuki.
 
58.Uma bonile ukhulume kahle nabo, ngoba bayizingelosi zokukhanya. Yibona abakuphathele izwe.
 
59.Omunye uma eyinkosi uye acabange ukuthi nguye ophethe umhlaba, kanti akunjalo. Akekho umuntu oyinkosi okwazi ukuphatha umhlaba.
 
60.Okokuqala uphathelwe nguNkulunkulu; okwesibili uphathelwe ngoyihlo abangasekho; okwesithathu uphathelwe amadoda nabafazi abadala noma bengesizo izinduna, kufanele ubazise, ubakhothamele, ungabethuki.
 
61.Bese kuza-ke izinduna zakho namaphoyisa akho.
Amanye-ke amaphoyisa ayalunga, amanye kube izichwensi.
 
62.Nezinduna ezinye ziyalunga, ezinye kube izigebengu.
Uqaphele-ke ukuthi abangadlali ngabantu, ungavumi bashaye abantu.
Yenza njalo-ke inkosi encane yaseBabele, uBelishazari esikhuluma ngayo.
 
63.Noyise wayenjalo, uNkulunkulu wamshaya. Abantu bakaNkulunkulu wayengabaphethe kahle!
 
64.Ningavumi maNazaretha ukoniwa, ningavumi ukuba inhliziyo yenu inonise, ningamdumazi uShembe, ningamphathi kabi, ningamenzi intandane.
 
65.Uma efica imithi emzini wakho, uba intandane, uma efica ugologo emzini wakho uba intandane.
 
66.Uma efica ubufebe emzini wakho uba intandane, noma efica kuthukwa inhlamba ekhaya lakho uye angazi ukuthi uzokwenze njani!
 
67.Lithi ilizwi elingcwele uNkulunkulu akahlali emathempelini enziwa ngezandla, akahlali ezindlini ezinkulu, uhlala phakathi kwenhliziyo yethu.
 
68.Uma inhliziyo yethu ingahlanzekile, uba intandane, angaze azi ukuthi uzohlalaphi.
69.Uye ahlupheke, azule, abuyele emuva lapho wayenjalo esafika kulelizwe, lapho wayezula engenandawo.
 
70.Namhlanjena-ke uhlala enhliziweni yethu. Kepha uma indawo ingekho enhliziweni yami, uzohlalaphi?
 
71.Uma mina ngingenasikhathi naye, uzohlalaphi? Uzoba intandane, bese uyahamba azule nje angazi ukuthi uzokwenze njani.
 
72.Lenkosi engikhuluma ngayo uBelshazari, kwahamba kwahamba, ngalokhu kudakwa kwakhe, waba nedili elikhulu emzini wakhe.
 
73.Laba abayizitha zakhe base Pheresiya bavula izintuba zokungena eBabele. Ngalolo suku lomkhosi, ebusuku bavala umfula ongena eBabiloni.
 
74.Base bezwile ukuthi inkosi iyaphuza, idakwa nezinceku zayo; ukuba njengoba silapha nje ngiyaphuza amagalane kagologo, bese sidakwa sonke nabafundisi, nabakhokheli, nabashumayeli, silale singasembethe.
 
75.Namakhosi lawa uma efika lapha ngiwafake ibhodlela likagologo, sidakwe sonke nezintombi njengoba sihlezi kulomuzi, singabe sisathandaza, singabe sisaba khona isiguqo, singabe sisalinda!
 
76.Kungabe kusaziwa ukuthi lomuzi ngokaShembe, kuba sengathi ngowethu. Bese ngithi: “Hhayi, mina anginendaba, umuzi wethu lona, uShembe wafika nomuzi ewuthathaphi?
 
77.Ngifuna ukudla mina, ngifuna imali, ngifuna inyama! Ngizoba ngumongameli onjani uma inyama ngingayitholi. Sengidakiwe-ke, ngiphuzile uma ngisho njalo!
 
78.Kodwa ngesinye isikhathi umuntu uyadakwa maNazaretha noma engaphuzanga utshwala. Adakwe nje umuntu noma engadle lutho, adakwe isono!
 
79.Kungcono ukudakwa ngoba uphuze utshwala. Isono esikhulu ukudakwa isono, bese isuka lenhliziyo kaShembe, bese kungena inhliziyo yenja lapha kimi, neyengulube nezilwane zonke.
 
80.Ngidakwe ngingaphuze lutho. Bese umuntu ekhuluma yonke into ekhona eKuphakameni. Uyobona ngalokho-ke ukuthi lo udakiwe, uyachwayiza, uphuze utshwala besono!
 
81.Angizange ngihlale mina nezidakwa, angizazi, ngiqala ukuzibona khona lapha eKuphakameni.
Kukhona amabhoxongwane aseke angene lapha ekhaya edakiwe.
 
82.Ngiqala lapha eKuphakameni ukubona ukuthi ukudakwa yinto enje, ngoba ngazalwa kungaphuzwa kithi. Ubaba nomama babengaphuzi.
 
83.Lenkosi yaseBabiloni, kwaphuza bonke abantu ngalobo busuku bedili, badakwa, basina. Inkosi yakhohlwa manje noma iyindoda, noma umfazi, noma iyini!
 
84.Kodwa kwathi inkosi ingadakwa kakhulu kusahleziwe nje etafuleni, yathi akulandwe izitsha zePhasika ezingcwele.
85.Kwavela amadoda amadala athi: “Hhayi bo, uyihlo wathi zingathintwa lezi zitsha, ngezikaNkulunkulu!”
 
86.Wathi: “UNkulunkulu wani, yimi uNkulunkulu, lethani nina!” kusho uBelshazari.
 
87.Zalandwa izitsha zegolide nesiliva ezazikhishwe eThempelini lendlu kaNkulunkulu yaseJerusalema. Inkosi nezikhuu zayo baphuza ngazo!
 
88.Ngenkathi bephuza, bayakhuleka njalo kuzithombe zabo zemithi, bathi: “Umkhulu thixo wakithi owanqoba abakwa-Israel.
 
89.Kwathi phakathi kobusuku kunjalo, ijabule kakhulu inkosi, kwase kuqhamuka isandla odongeni. Sabonwa yiyo inkosi kuqala.
 
90.Kuthe isathi nasi isandla somuntu, saloba amagama amathathu.-MENE, MENE, TEKEL-(UNKULUNKULU UBALILE UMBUSO WAKHO, UWUQEDILE; ULINGANISIWE ESILINGANISWENI, UFUNYENWE ULULA.”
 
91.Utshwala baphela nya enkosini, yabuya ingqondo yakhe, washawaya uvalo angakaze abe nalo.
Wesaba lesi sandla esibhalayo odongeni angasazi, isandla sikaNkulunkulu!
 
92.Wayesebiza zonke izangoma ezweni lakhe ukuba zifunde lombhalo, bonke behluleka.
 
93.Inkosi yaba novalo imilenze nezinyonga zagexa, inhliziyo yashaya kakhulu.
 
94.Ningabuyeli emuva maNazaretha, ningabuphuzi utshwala; noma kuthiwa UNKULUNKULU UYABUPHUZA UTSHWALA EZULWINI, NINA NINGABUPHUZI.
 
95.Umuntu ophuzayo lapha eKuphakameni ningesabi ukumkhipha.
 
96.Noma yimi nje uma ningibona ngiphuzile, nisho nithi: “Baba, ngoba usuyaphuza lapha eKuphakameni, hamba uye kwenye indawo yakho. Uyothi mhla uyekayo ukuphuza, bese ubuyela eKuphakameni!
 
97.Ngenke nginiphikise, ngenke nginiphendule, ngiyobopha amasakana ami ngaleso sikhathi, bese ngihamba, ngenze lokho enikushoyo.
 
98.Ngoba angisiyo into enkulu uma ngilapha eKuphakameni. INTO ENKULU LAPHA EKUPHAKAMENI NGUNKULUNKULU, LO OWEHLA EZULWINI WEZA EMHLABENI, NGOBA ETHANDA NINA BANTU BAKWAZULU.
 
99.Lapha kukhona amakhosi angaphezulu kwamashumi amabili, nanka phambi kwami. Abezile kimi, beze kuNkulunkulu!
 
100.Uma sekufike isikhathi sami sokuba ngihambe emhlabeni, ngiyohamba njengoBaba.
Kodwa uNkulunkulu akahambi yena, uyahlala!
 
101.Engingakuthandike ukuthi uma ngikhona eKuphakameni, ngisebenzele ukuthi uNkulunkulu akahambe lapha.
 
102.Ngisebenzele indlela yokuthi ngiphuze, uNkulunkulu aphume lapha eKuphakameni. Ngisale-ke mina ngibe inkosi.
 
103.Angazi-ke ukuthi ngizoba inkosi enjani? Noma ngizoba inkosi eyingulube noma eyikati, noma eyimfene, noma enjani uma uNkulunkulu esehambile phakathi kwethu!
 
104.Abantu abahle abawubhasobhayo umuzi wabo, abantu abahle ababubhasobhayo ubungcwele. Ngenke ubone uNkulunkulu ezokwelusela umuzi wakho!
 
105.Ngenke ubone uShembe ehla ezulwini ezobhasobha ubungcwele bakho. Cha, sewakunika lomuzi waseKuphakameni unomphelo.
 
106.Uma ungakubhasobhi wena ubungcwele, noma ungakwelusi, kuzophunyuka!
 
107.Ngithi-ke maNazaretha noma kufika uMprofethi kini embethe ingubo emnyama, njengale engiyembethe, noma eluhlaza, noma ebomvu, noma emhlophe, uma ethi buyaphuzwa utshwala ezulwini, phuzani nani, ningavumi!
 
108.Ngoba uma seniphuza utshwala ngenke nikwazi ukuwulinda lomuzi waseKuphakameni; ngenke nikwazi ukuwubhasobha ngoba iphoyisa lalomuzi yini nonke- amakhosikazi, amadoda izintombi nezinsizwa zalapha eKuphakameni.
Amaphoyisa amakhulu alapha eKuphakameni yila Makhosi.
 
109.Uma nibona izinto zonakala nikhona nithi: “Akundaba yami leyo, indaba kaBaba, nobe seningenwe uSathane, ngoba indaba yenu le.
 
110.UShembe ushiye kini konke, akashiyanga lutho kimi.
Noma esegula akazange angibize. Nomfowethu lo, u-Amos (INyangayezulu) akazange ambize, nomnewethu omdala okhona lapha akazange ambize. Akazange asho ukuthi abantwana bami baphi.
 
111.Uma esehamba emhlabeni uthi: “Nkosi, ngibeka abantu baseKuphakameni kuwe ukuba ubabheke, ubeluse, bangakhohlwa yindlela yakho, bangakhohlwa indaba yakho, ubabiyele ngothango lwakho, ubavikele esonweni, ubavikele nasezitheni zabo!
 
112.Akazange asho ukuthi: “NKOSI, NGIBEKA ABANTWANA BAMI KUWE UKUBA UBABHEKE.
 
113.Angisho ukuthi wayekhohliwe yibona, kodwa wayazi ukuthi asilutho thina bantwana bakhe benyama, ABANTWANA BAKHE ABAKHULU ABOMOYA, AMANAZARETHA!
 
114.Waqhubeka uBaba iLanga kwenye inkonzo wathi: “UShembe wathi ningabupuzi utshwala, futhi akukho muntu owake wakhuluma into enjalo emhlabeni ngaphambili.
 
115.UJesu noMose abazange bayikhulume indaba yotshwala. UMose wayikhuluma wathi nje uma ungumNazaretha ungabu phuzi utshwala.
 
116.Kodwa uShembe wathi ungabu phuzi utshwala uma uthanda ukuba umntwana kaNkulunkulu kusukela ekuzalweni kwakho uze ufe!
 
117.Emva kwami mhlawumbe kungase kuvele amabhoxongwane acabanga ukuthi ahlakaniphile kunoShembe anifundise ukuthi utshwala kulungile.
 
118.Ningakuvumi lokho! Akusiyo into esindayo ukuba nilwe, nigwazane noma nibulalane uma kuvela imfundiso enjalo, ngoba iyabuchitha ubungcwele!
 
119.Ngithi kungase kwenzeke lokho ukuthi kusasa nithole umfundisi uyisidakwa, ophuzayo, ikakhulukazi kulaba befundisi abancane.
 
120.Kodwa-ke ningakuvumi lokho. Ningangabazi uma lowo mfundisi ephuza noma ebhema nimcishe encwadini yenu.
 
121.Nimkhiphe phakathi kwenu aphele, ngoba ukuphuza kuyimpande yazo zonke izono.
 
122.Kuthiwa imali iyimpande yesono, yebo kunjalo, kepha mina ngithi ukuphuza kuyimpande yazo zonke izono, imali iza kamuva; zonke izono ziqala ngokuphuza utshwala! Amen!
 
123.Njengoba ngishilo ekuqaleni, ngibhale lentshumayelo yeNkosi iLanga njengoba injalo, ukuze laba abafikayo, abangayazi iNkosi iLanga bebe nesithombe sokuthi lomuntu owathuma ingelosi wathi ANGIMAKHELE INDLU KAJEHOVA, kwakungumuntu onjani!
 
124.Izintshumayelo nezinkulumo zakhe isikhathi esiningi zaziba yisiprofetho ngokwakuzo ngokuzo kwenzeka kulelibandla lamaNazaretha emva kwakhe.
 
125.Kodwa isiprofetho esikhulu yilesi umfundisi uMadlala owakhuluma ngaso ukuthi iNkosi iLanga wakhuluma ngezinsuku zokugcina mhla ethi:
 
126.“Sasise Kuphakameni, sesijwayele, kukuhle konke; iminyaka eminingi siphila ngezwi; ngokungena nje siphile singathandazelwanga nokuthandazelwa!
 
127.Kwaku kuhle eKuphakameni ngenxa yenkokhelo, udumo lukaNkulunkulu lulukhulu, SINGACABANGI LUTHO OLUNYE NGAPHANDLE KOKUNGENA EZULWINI! Sasingafisi nawukuthintwa ngumuntu ongakholwa!
 
128.Kwathi ngonyaka othile iNkosi isikhulile, nami senginguMfundisi, iNkosi yaphatheka kabi kakhulu. Emva kwalenkonzo yaphatheka kabi (yagula) yaze yedlula emhlabeni.
 
129.Kwakungu July(Cishe ngo 1970) sibuthene eKuphakameni, iNkosi yashumayela ngendaba yokuzithanda, nokuthanda uNkulunkulu. Izibeka izindaba ezinhle zokuhamba kwalapha eKuphakameni.
Yakhuluma ngenkathi YOKWANDA KOBUNAZARETHA EMHLABENI WONKE, ithi ayikho into ezobanhle ukwedlula ubuNazaretha emhlabeni.
 
130.Sajabula kakhulu, ngoba umuntu omnyama wayengelutho ngalezo zinsuku, nobuNazaretha babuyi hlaya, nezimfundiso zazi ningi ezimbi ngakho.
 
131.Kuthe siseneme, sambona egqungqa uBaba, wakhala, kwabamuncu, kwaba nzima, kwaphela nasozwanini kithi! Asaze sazi ukuthi sizothini, senzeni.
 
132.Wayivala inkonzo, wasithandazisa. Ngalelo langa umthandazo waba mude kakhulu, unganqamuki.
 
133.(Amanazaretha athandaza kanye kanye, bese enqamuka uma umholi noma umfundisi, noma ngubani ophethe lapho esethi Amen. Abantu babengenke beyeke ukuthandaza bengakamuzwa uBaba ethi”Amen!”)
 
134.Ngaze ngavula amehlo, ngabona ukuthi iNkosi isisishiye sodwa yaphuma ethempelini. Ngabheka kozakwethu, nabo basebe bhekile. NguMfundisi uKHumalo owathi, Amen! Yavuma inhlangano.
135.Saphuma sambheka uBaba endlini emhlophe, samfica ekhala, amaduku esemaningi; nezingane zingasangeni lapho ayehleli khona.
136.Sakhala nathi, sazilahla phambi kwakhe, sifuna ukuzwa isici nesono sethu. Wehluleka nokusibheka; isikhathi esingange hora singene endlini enosizi, ekhala, esenesilokozane.
137.Wabe esethi: “Nginosizi, inhliziyo yami idabukile, ngiyakwesaba kakhulu okuzokwenzeka emva kwami. Ngibona igazi ligobhoza lapha eKuphakameni. Lomuzi uNkulunkulu uzowushiya, kube ngumhume wabaphangi nezindindwa neziphingi.
138.KUZOSALA ABAFILE, BETHI BAYAPHILA! UZOCHITHEKA LOMUZI! Usizi lukhulu oluzoba khona emva kwami.
139.ABANTU ABEZAYO ABAZOPHENDUKA, NGENKE BALIFUNE IZWI LIKANKULUNKULU, NGENKE BAMLALELE NOZAYO. Emva kwami abantu bayokholwa ngenxa yemali, ngenke balinake izwi loPhezulu.
140Abanye bazofika nemikhuba yabo, AMASIKO ABO, BAZOKWENZA INDABUKO YABO, LE USHEMBE OWAYICHITHA PHAKATHI KWENU.
141.IZANGOMA ZONGENA NGOKUTHANDA, ZIPHUME NGOKUTHANDA. ABABI BAYOBAKHIPHA ABAHLE LAPHA EKUPHAKAMENI!
142.NGIBONA KUMI IZIMBIZA ZOTSHWALA EMIZINI YENU, NEZANGOMA ZISINA EMIZINI YAMANAZARETHA, NIDLA NILOBOLISA IZINGANE ZENU ABANGAKHOLWA.
143.NGIBONA ABANTU BEZA NGAMANDLA LAPHA EKUKHOLWENI, BAYOFIKA BAZI, ABAYOVUMA UKUKHOKHELWA, ABAYIKULITHANDA IZWI ELISIBUTHILE!
144.BAYOFIKA NOKWAZI KWABO, BAHLAKANIPHILE, BANOLIMI NEZIBONAKALISO, nani niyothatheka, NIYILAHLE INDLELA KABABA ANISHIYE KUYO!
145.(Uma ekhuluma ngo Baba usho UMprofethi. Uthi ke uBaba iLanga amaNazaretha azoyilahla imfundiso yoMprofethi ngobuNazaretha)
146.Ngiyanicela, nibafundise abezwayo, nibayeke abangafuni, ISIHLUNGO SIYOZIHLUNGA!
147.Bayonixosha, banikhiphe nasemathempelini enu. Ningavumi noma sekunjalo, NIKUPHIKE ANGAKUSHONGO USHEMBE PHAKATHI KWENU, NIKWENQABE ENGIKWENQABILE!
148.Bayothi gayani utshwala, lumbani amalumbo, BANIBUYISELE KOKUCHITHIWE, BETHI YIYO INDLELA YOKHOKHO BENU, BETHI NINGAYILAHLI!
149.MINA MUNYE UMTHETHO ENGIZONISHIYA NAWO, NENGINI NIKA WONA, YILOWO UBABA OWANIFUNDISA WONA! (UBaba iLanga wasishiya nomthetho wokuthi emva kwakhe solandela izimuindiso zoMprofethi.)
150.Yabe isikhala iNkosi, yadabuka, yahlanganisa izandla njengomuntu obalayo. Yasiyala yathi asime emasangweni, sisho okwakushiwo! Noma kungena izinhlangano sifundisane ngendlela kaBabamkhulu”
151.Lentshumayelo yeNkosi iLanga iyisiprofetho sakho konke okwenzekayo eKuphakameni kulesi sikhathi samanje. UShembe uma ekhuluma “NgokuPhakama noma eKuphakameni wabe esho ebandleni lamaNazaretha.
152.Kulenkulumo yeNkosi iLanga, kubalulekile ukwazi ukuthi wasifundisa ukuhamba emkhondweni yezimemezelo zezwi likaBabamkhulu. Lokho wakubeka kahle mhla ethi:
153.“MINA MUNYE UMTHETHO ENGIZONISHIYA NAWO, NENGINI NIKA WONA, YILOWO UBABA OWANIFUNDISA WONA!
154.Angidingi ukuze ngibale imikhuba yokuhlubuka uShembe eyenziwa ngamaNazaretha eyisusela ezimfundisweni zabaholi bazo!
155.Namuhla amaNazaretha aphuza utshwala, ebugaye ngisho emizini yabo. Into owawungenke uyicabange ukuthi ingenziwa ngumNazaretha.
156.Namuhla amaNazaretha anevangeli lokukhonza amadlozi nokufuya izangoma ngisho ebandleni, zibe ngabagcotshwa, kodwa thina sakhula ngokuthi uma sibona isangoma sibaleke, ngoba sifundiswe ngokungcola kwaso kumuntu ongumNazaretha!
157.Lamabhoxongwana uBaba iLanga owathi ayofika abe ngabaholi balelibandla, bese ephuza utshwala enkonzweni, siyawabona namuhla engena enkonzweni edakiwe.
158.Siyalibona ibandla likhula, kodwa ekukhuleni kwalo, ligcwalisa lamazwi eNkosi iLanga mhla ithi:
159.“NGIBONA ABANTU BEZA NGAMANDLA LAPHA EKUKHOLWENI, BAYOFIKA BAZI, ABAYOVUMA UKUKHOKHELWA, ABAYIKULITHANDA IZWI ELISIBUTHILE!
160.BAYOFIKA NOKWAZI KWABO, BAHLAKANIPHILE, BANOLIMI NEZIBONAKALISO, nani niyothatheka, NIYILAHLE INDLELA KABABA ANISHIYE KUYO!”
161.Kwenye yezintshumayelo zeNkosi iLanga, esekhasini 82 lencwadi kaMnyandu, uBaba uthi:
162.Nina eyenu iNkosi ayibonwa, nguNkulunkulu kuphela, ayikho enye! NGAKHO NILIBAMBISISE LELO LIZWI NOMA NINI, NOMA SINGASEKHO THINA EMHLABENI, NIKHUMBULE UKUTHI UBUNAZARETHA LOBU, LOMUZI WASEKUPHAKAMENI AKUSIWO WOMUNTU!
163.UShembe lo owaphemba lobu buNazaretha wayengesiye umuntu,wayevela ezulwini. kodwa wayengaqali ukufika lapha emhlabeni.
164.Wayefike ayiphembe lento esibuthene ngayo,ayishiye,acabange ukuthi izosala ilunge. Bese emuva kwakhe kuvela abantu abanjengami nje, abaye bathi bangabaholi, bengenawo uMoya kaShembe, bese bayayiphambanisa lento, sebeyiphendula ngobuthakathaka babo!
165.Uma ngifuna ukuphuza utshwala, bese ngifuna amavesi angivumelayo ukuba ngiphuze utshwala!
166.Encwadini kaHezekeli 3:17-19 uJehova wakhuluma lamazwi kuHezekeli: “Ndodana yomuntu,ngikwenze uMlindi endlini yakwa-Israel. Ngakho-ke uyakuzwa izwi eliphuma emlonyeni wami, ingixwayisele bona.
167.Uma ngithi komubi, uyokufa nokufa, bese ungamxwayisi, ungakhulumi umxwayise omubi endleleni yakhe embi, ukuba omubi umsindise, uyakufa ngenxa yezono zakhe, kepha igazi lakhe ngolibiza esandleni sakho.
168.Kepha wena uma umxwayisa omubi, kodwa akaze akuyeka ububi bakhe, nendlela yakhe embi, uyakufa ngenxa yesono sakhe, kodwa wena uwusindisile umphefumulo wakho!”
169.Njengoba ngingalali ngihlale ngibhala, ngishumayela ngiqondisa ubuNazaretha, ngathunywa iNkosi iLanga ukuba ngimakhele indlu kaJehova, okusho ibandsla lamaNazaretha elizoqhuba ngokwezimfundiso zoMprofethi ezigqakambisa umthetho kaJehova! Lomuntu owangithuma nguye lo okhuluma kulentshumayelo!
170.Ekungigcobeni kwakhe yathi nginguMelusi wezimvu zikaShembe, njengoba uJehova wathi uHezekeli unguMlindi wabantwana bakwa-Israel!
171.Njengoba ngitshelwe emehlweni ukuthi nginguMelusi wezimvu zikaShembe, uma ngingase ngithule ngibona izinto zonakala ebandleni othe uShembe NGELIKAMENZI WEZULU NOMHLABA, izono zalelibandla zothwalwa yimi.
172.kuchaza ngaphambili ukuthi uBaba iNyangayezulu wangibiza esaphila, wathi” Ngizokutshela ukuthi UKUWA NOKUVUKA KWEBANDLA LAMANAZARETHA UNKULUNKULU UYOKUBUZA KUWE!”
173.Ukufika kwengelosi ithi ithunywe nguBaba iLanga, kwasekuyisigaba sesibili, kodwa okokuqala ngatshelwa nguBaba iNyangayezulu ngiseBuhleni, ngisengumshumayeli.
174.Manje kuyaye kuqhamuke abantu abakhuluma sengathi baqale bayophuza utshwala, becabange ukuthi bazongesabisa ukukhuluma lokho engikuthunywe ezulwini ukuba ngixwayise ababi ngezono zabo ezobagcinisa ekulahlweni!
175.Uma lelivangeli engilishumayelayo ungalifuni, awuphoqwe muntu ukuba ulilalele, futhi uphenduke, kodwa kumele wazi ukuthi kunezinkulungwane zabantu abaseBuhleni nakwamanye amabandla akwaShembe, nabasebuKrestwini, lelivangeli elibaphilisayo!
176.Ngakho ungacabangi ukuthi okuzondwa nguwe kuzondwa yibo bonke abantu abasebandleni lakho!
177.Uma ibandla okulo lenza izinto eziphambene nalezi ezingumthetho kaNkulunkulu, nesizifundiswe nguBabamkhulu neNkosi iLanga, bese mina ngingakhulumi ngazo, ezulwini ngofike ngithini, ngothi bengesaba ngoba kukhona abantu abafana nawe abalwa nami, bengithuka, beithuka nengelosi engibhekile?
178.Ngachaza ukuthi mhla ngigcotshwa yingelosi mhla ka 26 March 2011, ingelosi yathi: “Uthi uBaba iLanga angikutshele ukuthi amaNazaretha azokosa, kodwa ngenke akudle!”
179.Ngaphambili yayingitshele ukuthi kumele ngazi ukuthi ngaso sonke isikhathi uBaba iLanga uhamba nami, ungifukamele, ngakho-ke ngingesabi lutho!
180.Pho yini engase ngiyesabe noma ngabe iqhamuke namuphi umuntu, uma ngenza into engiyithunywe ezulwini, futhi ngihamba neNkosi iLanga?
181.Ngiyadabuka ngoba kukhona abalokhu beklewula nje, kodwa abangazi ukuthi lomuntu engihamba naye kwakunhloboini yomuntu!
INkosi ibusise izwi layo!

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *