UNkulunkulu wethu uthembekile, asingasuki kuyena, asingakhohliswa abantu, bathi bangabaprofethi bathi banethongo, into eyithongo ayikho, bazalwane hlalani ekuthandeni uNkulunkulu
Lenkulumo ye Ex-satanist ngayithunyelwa ngomunye umzalwane iku voice-mail, ngase ngicela ukuba bangibhalele yona phansi ukuze ifundwe yibo bonke abantu kalula. Okwamanje akukho lutho engizoluphawula ngayo. Kodwa ngicela abantu bayifunde, bese bephawula ngabangakusho ngayo. Lontombazane oyi-ex-satanist ukhuluma kanje:
1.Ngiyanibingelela egameni le Nkosi uJesu Krestu waseNazaretha, uNonkoliso lo wakwa Ngeleka endaweni yakwa Nzimakwe, oyi graduate for 12 years eMkhathini. Ngazalwa ngo 1988 ngina 22 years. Ngisebenzile eMkhathini, angiqalanga ngokuba i-graduate, ngiye ngisenyuka ngokwezikhundla ngoba okokuqala kuhlukene eMkhathini. Kukhona i-Devil Worshiper, eyenziwe yaba i-Devil Worshiper engazazi yona, kube khona i-Devil Worshiper ehwlithiwe, so mina ngangihlwithiwe ngiphumile kumina.
2.Ngaqala uma ngilele ngilokhu ngiphupha ngilwa njengoba kusuke kuliwa ema muvini o-Van Dam, ngilokhu ngiphupha ngilwa, nginqoba nje abantu abaningi, sengathi kuse dolobheni. Kwathi ngelanga lesithathu seliphinda leliphupho, ngezwa izwi selibuza lathi uyafuna yini ukuba nje, ngathi yebo. Uma sengithe yebo, wayesethi lo muntu asihambe, ngesikhathi ngivuma ukuthi asihambe, ngithi ok, ingalesi sikhathi ngangisuka emzimbeni wami. Ngangiphuma, ngangihlukana nomzimba wami, kwasala i-fake ekhaya, ngase ngihamba ngiyosebenza eMkhathini. Uma ngifika eMkhathini, indlela yokubingelela, uma ufika khona, ufike ufakwe i-code, unikezwe igazi, ngenxa yokuthi into kufanele uphile ngegazi labantu kuze ungabi nawo unembezo, kuze ungathi uma uthunywe ebantwini uvukelwe ileyanto yokuthi umuntu nje lona, ube namahloni, ukuze nje umuntu umkhohlwe uphile impilo yobulwane.mBeseke uyatshelwake, kunezi number ezisetshenziswayo, u-3 umele thina, u-represent thina njengama Devil Worshiper. Bese kuba khona u-6 o-represent i-Satanist. I-Satanist umuntu oqale waba i-Devil Worshiper, wase eyashona, wangcwatshwa kubo, bazitshela ukuthi bona bangcwaba yena. Kanti yena akakashoni, uyasebenza eMkhathini, uyi Satanist ngoba usasebenza eMkhathini, uyi Satanist ngenxa yokuthi useze wangcwatshwa kubo. Njengoba i-Devil Worshiper umuntu osaphilayo ohlwithwe nje emzimbeni kodwa esaphila,
ongakangcwatshwa kubo.
3.Bese kuba khona uBesebul, inkosi yamadimoni, o-represent(wa) u-number 9, uBesebul inkosi yamadimoni uSathane uLucifer okuyena owaxoshwa ezulwini ngenxa yomona, abantu bayamazi-ke uLucifer, bayamazike uBesebul inkosi yamadimoni, o-representwa u-9. Ngisebenzile eMkhathini, okokuqala besiyaye sithunywe, ukuthi asigingqe izimoto, ukuze amakhosi lawa ebesiphethe eMkhathini athole igazi azolidla, kunomongamelike bezindawo. Indawo nendawo inomongameli wakhona. Njengokuthi kwa Nzimakwe kunomongameli wakho, umongameli ohlala lapho ilo oyi-Satanist, i-Satanist le yona ebesengiyichazile ukuthi umuntu osewashona eyi Devil Worshiper, ongasaphili. Oyaye ahlale lapho kuleyo ndawo. Uma kunxanwe uMongameli wase Shepstone, which means imoto okufanele igingqwe, imoto yase ezoginqika eShepstone. Uma sigibela emotweni besiyaye sigibele emotweni, singahlali njengama passenger thina, sifike singaze ukubonakala. Beseke siphosa i-ring phambi kwa mshayeli. Umshayeli abhayize igingqike imoto.
4.Kusuke sekumiweke la nemigqomo yegazi, nemigqomo yokukhongozela igazi labantu abazoshona la. Lowo mongameli bese ethola leligazi. (Yathula).
(yaqhubeka). Kodwa thina besingaphili ngalelogazi lelo, besinganikwa, besiyaye silinikwe nje kodwa bekungayona into esiyijwayeziwe ukulinikwa leligazi. Umengamelike ohlala endaweni, njengoba indawo nendawo yaziwa ukuthi inemifula yakhona, ilento uthole ukuthi ngesinye isikhathi uthole ukuthi kubizelwe ingane emfuleni, kuthiwa ibizelwe inkanyamba. Uthole ukuthi umongameli uma efuna igazi eli fresh uhlala emanzini, uma kunezinkonzo kuleyondawo noma kukhona into azoyenza, uyaphuma emanzini ahlale emkhathini, kodwa isikhathi esikhulu Uhlala emanzini phansi kwamanzi njengoba inkosi ephethe lowo mongameli uBasebul inkosi yamadimoni yona ihlala olwandle.
5.Thina-ke besingaphilike ngalelogazi lelo labo omongameli nelika Besebul, thina besiphila ngegazi esizoma eduze komuntu ephila, mhlawumbe estobhini masifika, especially mawune product, sifika une product yethu umile estophini. Kukhona leyanto yokuthi abantu athi umuntu ngizwa ngikhathele umzimba wami igazi lami lishona phansi. So, njengoba igazi lami lishona phansi njena, mhlawumbe kukhona into engizoyizwa, kukhona leya nkolelo yethu thina bantu mawuzizwa ukhathele mhlawumbe uzozwa kuthwa kushoniwe kini, mhlawumbe uzozwa into embi. Ngesinye isikhathi leyonto, beyenzeka ngoba sikade simile sikufonxa igazi, ungazukushonake, uma ufonxwa i-Devil Worshiper usuke ungazukushona, umile esthobhini.
6.Kodwa uma uwumzalwane, usindisiwe uthethelwe izono, igazi lakho besingalifonxi, besithi uma simile nje eduze kwakho, uma ngimile eduze kwakho ngise stophini. Kuvuke umhlabeleli nje, mhlawumbe athi umuntu ungcwele uJesu, athi Nkosi yami ungcwele, ngenxa yokuhlabelela kwakhe ngenxa yokuthi ungcwele, unobungcwele, sishiseka, ngishiseka ngingasakwazi ukufonxa igazi. Kanjalo noma kwenzekile saginqa imoto, imoto enomzalwane enobungcwele, lelogazi lelo belingabe lisasetshenziswa elifake kulowo mgqomo. Ngenxa yokuthi igazi lalowo mzalwane lisuke li damage lonke lelo gazi, akakwazi uBesebul kanye nomongameli abangama satanist ukuphuza igazi elikhona negazi lomzalwane. Ngenxa yokuthi igazi lomzalwane belifike lenze igazi libe weak.
7.Umuntu uma enobungcwele, lowo muntu umuntu osuke engayisebenzisi i-product, kune product yethu yase mkhathini, okungama G-String i-product yase Mkhathini leyo ithandazelwe, bekuwumsebenzi wethuke ukuthi siwathandazele. Kunama G-string, kunamcici, kunama necklace, kunama quetex, kune fibre, noma ngabe inhloboni noma ngabe ibhonding, noma ngabe ilama fibre okweluka nje i-braid, kunalawo ma fibre, ayi product nawo, yonke into eyigolide iyi product. Ngenxa yokuthi kune nkolelo yokuthi bathi abantu igolide wathi uNkulunkulu sobusa kulo, akulona leli, leli alidlulanga emlilweni, okuyicici, okuyi necklace, yonke lento esengiyibalile, so, uma usebenzisa leziya zinto. Noma ngabe usindisiwe, uthethelelwe izono, kodwa uma sifika sikucela siza kuwena, besifika sisebenzise i-code esengalweni. Leyo code, uma ngabe kuwukuthi icici lakho ulikhumula ulifake e-draweni ye headboard, besifika impela sizojikeleza umuzi, sifike ubiyeliwe, uNkulunkulu ekubiyelile ngomlilo. Uma sifika thina, si-scan ngale code, kuvuleke singene, ngenxa yokuthi i-necklace ekuwena noma icici elikuwena noma i-fibre ekuwena, ine code ethandazelwe, so, uma ngi scan ngengalo yami ene code, iyavuma ebese kuyavuleka njengoba kusuke kwenziwa ezitolo uma kuthengwa emshinini.
8.Bese kuvuleka, ebese ngiyangena, ngizokwenza into engifuna ukuzoyenza kuwena uma ungenabo ubungcwele, ngoba kuyenzeka umuntu abe nobungcwele usindisiwe, akusho ukuthi uma usebenzia i-product awunabo ubungcwele. Kodwa ingozi la ekhona awukwazi ukuvikeleka kahle une-product siyahamba siyokucela kuNkulunkulu ukuthi no asikumthinta yena, yes ungcwele, kodwa sicela ukuyolanda i-product. I-product yethu uma kuwukuthi i-quetex noma kuyicici noma ngabe icici noma ngabe yini noma ngabe i-fibre, ama extension lawa okweluka, lawa oluka ngabe opelepele zonke lezo zinto o straightback.
9. So, noma ngabe iyona uma ngabe ikhona endlini sizocela, sithi sicela ukungena sizothatha yona kanti siqonde kuwena straight, uma sesifikile asikuthatha fibre sizoqonda kuwena si deal nawe usungasabiyelwe. Ngenxa yokuthi uNkulunkulu besimazi ukuthi uthembekile akayithathi into yomuntu, noma engakubiyela, besiyaye simbuze ukuthi Nkosi ungamubiyela kanjani, awulona phela wena Isela, awukwazi ukuthi ungamubikela nge product yethu, siyolanda i-product kuyena. Okuwukuthike kulapho ubungozi bokuthi uthi uwumzalwane usebenzise product.
Bese kuba ukuthi uma sesifikile kuwena, asizikugcina ngokuthi sizothatha i-product sithatha nobungcwele kuwena, ubungcwele sikuthatha ngokuthi leya product uma siyoyithandazela.
10.Umsebenzi obengiwusebenza uma ngabe ngiyoyithandazela, bekuwukuthi ngifike ngisho kwi fibre, yonke inhlobo ye fibre ewuhlobo lonwele. Ukuthi nkosi benze bavukelwe izinkanuko, bavukelwe ubufebe, uyabonake ngesikhathi uyisebenzisa leyonto izoyisenzeka kuwena, nasebucwebeni kanjalo bavukelwe izinkanuko. Bavukelwe ubufebe, mabaqwayize mabenze yonke into, yabo zonke lezi zinto, okuyizinto engisebenze ngazo kakhulu lezo. Kwase kufika isikhathi sokuthi njengoba bengine code, i-code yami iyizi number ezintathu, ngaba promoted, ekupromothweni kwami kwacaca ukuthi vele i-code sengisebenze kakhulu.
11. So, kwacaca ukuthi kufanele ngifakelwe izinamba ngiyakhuphuka manje, njengoba ngiqale ngasebenza ngiyi Devil Worshiper ebisafika ebisencane ngoba ngafika eMkhathini ngina 12 years. Ngesikhathike nginyuswa esikhundleni kwase kuwukuthi ngiphasile ekuthandazeleni ama fibre zonke lezo zinto, sekuwukuthi manje ngiyanyuka ngi dealer nebandla. Uma sengi dealer nebandla ngihambe kakhulu ngihambela abafundisi abadumile, abaziwayo, abasindisiwe. Bengibalandela, bengiphatha ama ring ayi 3 uma ngifika etendeni nama ring awu 2. Lama ring lawa awu 3 bengisuke ngizowaphosa phakathi nebandla, i-ring straight le yomunwe, ngizoyiphosa phambi kakhe uMfundisi abewu 2. Enye i-ring uma iya kwa left enye iya kwa right, umfundisi uma ethandazile bengiyiphosa eyokuqala igeleze kodwa eyesibili ibuyela kimina. Lawo ma ring ngesikhathi egeleza njengoba vele product bengiyithandazela isekuma factory akhona, ngenxa yokuthi manje ikhulekelwe, yakhulekelwa ngase ngisho kuyona ukuthi ayivuse ubufebe yenze yonke into. Ngesikhathi igeleza lama ring umfundisi eshumayela, ashintshe abone intombi. Uma eke wazindla ngenhliziyo wayibona ukuthi yayinhle leya ntombi ubungcwele buyasuka kuyena ngoba siyazi ukuthi uMoya Ongcwele awuhlali endaweni engcolile, so, besiyaye sibabambe kanjalo.
12.Noma ngesinye isikhathi uma singaba bambanga ngama ring, uma kuwukuthi u strong eringini, besimubamba nge fibre, ukuthi uma umkakhe uma esebenzisa i-fibre, le fibre ebusuku iya operator, yenza umsebenzi ekhanda yena angawubona esibamba ngawo lo mzalwane. Uzobambeka, umama umfundisi, uzovele ashintshe yena ebandleni uthoe ukuthi ubucwele bebungavunyiwe, ashintshe athi hhayi akunankinga akuvunywe. Nendoda yakhe ngoba phela bashadile bamunye, igcine ibuvuma ngenxa yokuthi le fibre i-operator kubona bobabili ebusuku uma belele. Ngisebenza kakhulu ngebandla, bewake futhi abefundisi, ubethi uma sengimtholile esewile umfundisi ashintshe i-language, ashintshe umfundisi obekade ethi kuyahlukwana nesonto.
13.Ashintshe manjena athi hhayi intombazane iyaqonywa abe nalo isoka noma elilodwa, nomfana uyaqonywa abe nayo intombi noma eyodwa. Ubeshintsha umfundisi ngithi uma sengimbambile, ashintshe i-language athi hhayi amasiko avumelekile. Kanti amasiko, abantu abashona abalone idimoni, kodwa okubalulekile ukuthi uma sebeshonile bathulile, bazovuka uma kukhala icilongo, abakwazi ukusebenza, ithina kuphela ebesikwazi ukuvusa amathambo emathuneni. Lawo mathambo uma siwavusa, siwasebenzisa, sifake spirit sethu, abonakale lowo muntu sengathi uwuma wakho osewashona noma ubaba wakho, kube kungayena ubaba wakho kube kuyithini.
14.More especially uma sazi ukuthi wena unesiphiwo. Unesiphiwo mhlawumbe ebandleni sokuthandaza, sisibone isiphiwo sakho uNkulunkulu akuphe sona. Siyishintshe lento, sivele sivezele abantu, avele engathi uma wakho hamba uyothwasa, akekho umuntu oshona aqede ashintshe abe inyoka. Kodwa uma usuyothwasa uyaqala uhlangane nezinyoka. Inyoka ibiyi symbol ye satanist, inyoka iyi symbol ka Basebul inkosi yamadimoni, bese i-stars eziwu 5 zisuke zi-represent thina njengama devil worshiper. So, uma ngabe uthi kukhona umuntu omdala, uthi uyathwasa, usuke udlala thina, thina sizofika kwakho ngesikhathi uhlinzile, uma ngabe silambile sifuna igazi, sifike kwakho siphule ingane la egcekeni, ivele iphuke, sesidlalela kwakho. Bese ngesikhathi uthi Wenzel ingane lelisiko, lelogazi lizofonxwa ithina, izophinda, iphinde yephuke.
15.Njengoba ubona isikhathi esikhulu nabantu uthole ukuthi bayizangoma, uthole ukuthi abanayo imali bayahlupheka, no, ingoba vele kusuke kungeyibo oma babo abashona, umuntu oseshonile ulele uzovuka uma sekukhala icilingo. And uma esezoshona umuntu siyahamba siye kuyena, bengiyaye ngithunywe kwabantu ngifike ngibhke ukuthi ushona nje unabo yini ubungcwele, uma engenabo ubungcwele besimubhalisa phansi kwelethu ibhuku ukuthi uma kukhala icilongo lo uzovuka ayosha nathi ngoba besizazi ukuthi sizosha futhi besingancengwa besitshelwa.
16.Bekuyaye kuthiwa masi fast o-40 days, o-60 days, si-fastele ukuthi mhlawumbe umfundisi othile uzomisa itende ngoba ayikho into ebesingayiboni emhlabeni, into ebiyenzeka emhlabeni besiyibona yonke. Uma kwenzeka wanga fast waphula usuku olulodwa kulo 40 days. Bewuyaye ushawe ukuthi kutheni ulwephuleleni lolusuku, ngenxa yokuthi bekusuke kufanele sifike lapho sinomlilo.
Besifika lapho, besimazi umfundisi uma ezofika kuleyondawo bengifika khona ngithandaze kuqala engakafiki, ngisho ukuthi nkosi tshala into ethile nento ethile, mhlawumbe tshala ukuthi bangezwa abantu bala, akungaphenduki muntu.
17.Mhlawumbe umengameli ohlala kuleyondawo, mhlawumbe ngilinganise ngithi e-Hardin, mhlawumbe umfundisi uyolimisa khona itende. Umengameli ohlala kuleyondawo oyi Satanist, bekuyaye kube umsebenzi ukuthi angiyomvikela, ukuze lo mzalwane uma ezoshumayela, uma ethandaza angashi umengameli emkhathini. Ngoba uma esha, ngesikhathi enyakaza ubona kuphenduka isidakwa sisindiswa sithi uJesu uyinkosi, ubone intombazane ebese ifebe yehlulile, isindiswa ithi uJesu uyinkosi. Uma ubona kuphenduke abantu abanjalo ebandleni kusuke kusho khona ukuthi lo Mfundisi oshumayela uthandaze washisa umkhathi, so, umkhathi uma ethandaze washa, lanyakaza, uma linyakazisile umlenze, bakhona abantu abazodedeleka. Ngoba umsebenzi walo uma lihleli endaweni lelidimoni elingumongameli, umsebenzi walo ukuthi libiyele abantu bakuleyondawo ukuthi abadakwayo abadakwa ukuphela, ababoshwayo, ababoshwe ukuphela, abafebayo mabafebe ukuphela, abenza amasiko mabawenze ukuphela.
18.Unfortunately, bengingasebenzeli South Cost ngenxa yokuthi ngidabuka khona, bengisebenzela ko Swazini, ngisebenzela nje ko Durban, izindawo ezingekho e-South Cost. Bengingabizwake ngegama lami mangibizwa emkhathini, bengibizwa nge code yami, kuthiwe code number sbanibani phuthuma eSwazini, code namber sabani bani phuthuma e Durban, i-factory yakhona iyawakhipha amacici manje, hamba uyowathandazela before afike ezitolo. Ngomunyeke unyaka, ngahamba ngathunywa eNtuzuma, kunomfundisi owayeshumayela eNtuzuma, angeke ngilibize igama lakhe, kodwa lapho ngangiyothatha ubungcwele kuyena. Ngesikhathi ngiyothatha ubungcwele kulo Mfundisi, wayekholwa esindisiwe and ethandaza, and ubufakazi bakhe babu dynamic ngendlela emangalisayo.
19.Kodwa into eyenzeka lapho, ngathi uma ngithatha ubungcwele bakhe, ngapromothwa, ngase ngiyoba graduate yase Mkhathini, ngase ngisetha ama trap, ngisethela ibandla ama trap. Ayikhoke into engingayazike eyenzeka emkhathini, njengoba ngisho ngithi inyoka iyi symbol ye Satanist, inyoka ayiyona i-symbol yomuntu wakini owashona, umuntu wakini owashona, ulele uzovuka uma kukhala icilongo, akakwazi ukuvuka abe idlozi, ithina ebesisuke silambile, sifuna ukuyodla, uma sifuna ukuyodla kwakho sesiyakwazi vele ukuthi uyathanda ukuhlaba. Ngesikhathi uhlaba kuzodla thina kodwa ingane yakho izoqhubeka uyayicola, izoba ilento ofuna ibe iyona. And ngenxa yokuthi besengi promothiwe, bengingasebenzi ngento engekho ebhayibhlini, emkhathini asisebenzi ngento engabhalwanga ebhayibhelini. Ebhayibhelini njengoba kuthiwa umuntu wesifazane uyagubuthela uma engena endlini engcwele, besishintsha lonto thina sithi angagubatheli, ngesikhathi unganqwazanga ungena esontweni uyosonta sihambe siyokumangalela, sithi usibanibani akanqwazanga nje nkosi ungasho kanjani ukuthi owakho.
20.BESIFIKE SISHINTSHE INTO ESEBHAYIBHELINI, ibhayibheli lithi owesifazane akakugqoki okowomuntu wesilisa, thina ingakho besiwakhulekela amabhulukwe, besiwazi ukuthi siwadedela nesiqalekiso, Isiqalekiso sokuthi ibhulukwe vele alivumelekile emntwini womuntu wesifazane ibhayibheli alilivumanga. Bese sithi yenza nkosi ukuthi amabhulukwe bawagqoke kakhulu ukuze bengabonani nombuso wezulu. Ngisebenza kakhulu sengiyi graduate, ngisebenza ngendlela eyisimanga, laphoke ayikho into ebese ngingasayenzi bengingasa deal nebhandla, bese ngifika ebandleni ngakhe ama Devil Worshiper akhona ebese ngiyadlula.
21.Okuwukuthi ama Devil Worshiper akhona ebandleni, uma ngizokwakha i-Devil Worshiper yebandla, asiyihlwithi iphume emzimbeni, besingayi hlwithi ukuthi ayiphume emzimbeni njengami. Kodwa ukuyisebenzisa kwethu Devil Worshiper besifika umzalwane uthole ukukuthi une product lama product esengiwabalile, sisebenze ngayo, uthole ukuthi ebandleni unokuthi uyahleba, uhlezi ekhalaza, uhlezi ethi abafundisi badlile imali, uyabona ulimaza ibandla, uyahleba ebandleni, ibandla lilimale kuze kugcine kukhona abazalwane abathi ngeke ngize ngisonte mina kusekhona usibanibani. I-Devil Worshiper esiyenze thinake le, uma ngiyenzile leyo Devil Worshiper ngiyishiye ebandleni isebenza. Uma ngiyishiye ebandleni isebenza, ngihambela izindawo ngezindawo ezihlukahlukene, yona isala la ebandleni, ngibuya sengizobheka i-report ukuthi ibandla seyilichithe kangakanani.
22.Lowo muntu esesimenze i-Devil Worshiper yebandla, umbona ngoba eseshintsha i-language ashintshe ethi amabhulukwe awanankinga, ukukholwa kusenhliziyweni, ukukholwa akuhlali ebhulukweni. Lapho-ke usuke vele eseyi Devil worshiper yethu kodwa yena engazazi ukuthi usebenzela thina kodwa yena engazazi ukuthi usebenzela thina ngoba usuke e represent thina ngoba iqiniso limhlophe liyasho ibhayibheli ukuthi ibhulukwe alivumelekile. So, yena ngesikhathi elivuma, eseqala ethi ibhulukwe nje alinankinga, eseqala ethi hhayi noma abantu abafake amacici abangene badumise endlini engcwele, abadumise, abenze izinto kuyohamba kuhambe kuziphumele. Ngithanda ukusho ukuthi akuhambe kuhambe kuziphumele ngoba thina ngesikhathi esethi umfundisi ebandleni lakhe umzalwane makeze noma eqonyiwe azo chorus, akeze noma eqomile azokhulekela abantu eqomile futhi.
23.Thina okusalayo akuzukuhamba kuziphumele kuyena, ngi guarantee ngokuthi mina ngizofika ngesikhathi isono engafuna ukusiyeka sokuqoma noma esanike, ngiyasihlobisa mina asiziphumeli. Ngesikhathi ezitshela ukuthi yena kuyohamba kuhambe siziphumele engafuni ukusishiya, ingesikhathi mina ngifika ngisihlobisa, uma ngifika ngisihlobisa noma ngabe ebeqomene nomfana engakaze asho ukuthi bazoshada, avele ashintshe umfana athi ngifuna ukukushada. Kanti hhayi ngoba uzokushada imina engiye ngayokwenza ukuthi athi lowa mfana akashintshe athi uzokushada kuze ungasiyeki isono, ulokhu usibona sisihle, kuze kushaye isikhathi sokubuya kwenkosi uJesu.
24.Ngesikhathi-ke bengise mkhathini, besine big screen yethu la ebesibona khona into eyenzeka emhlabeni, besibala. NGESIKHATHI NGIFIKA EMKHATHINI NGOKWASEBHAYIBHELINI, KWAKUWU 4 MINUTES TO UJESU ABUYE AZOLANDA IBANDLA, isikhathi sincane kakhulu ukuthi uJesu usengabuya noma inini ngoba zonke izinto esasizithunyiwe ukuthi sizenze emkhathini bese sizenzile. (Yanqamuka) (Yaqhubeka) Njenge HIV, i-HIV odokotela uma beyihlola, ngenxa yokuthi bayihlola ngokwenyama, bayibona sengathi i-HIV ayilapheki, bati odokotela ayelapheki kodwa mina ngiwufakazi namhlanje, owokuthi HIV yakhiwa emkhathini. Ngenxa yokuthi bekwenzelwa ukuthi abantu abasha basheshe bashone bengakasindiswa ngoba uSathane ufuna ukunqoba abaningi abantu kunabakaNkulunkulu.
25.Usaqhubeka nombango lo owamuxoshisa ezulwini, so, sahlelwa isifo ekuthiwa i-HIV, sahlelwa uma sisifasa sesichithwa ezweni. Kodwa leso sifo siyelapheka, noma ngabe i-cancer noma i-TB ziyelapheka kodwa udokotela akakazikusithola, ngeke bakwazi ukusithola ngenxa yokuthi ikhambi lalesisifo uJesu kuphela ongakwazi ukusinqoba, akekho omunye umuntu ongasinqoba ngenxa yokuthi sakhiwa emkhathini, umuntu ophila enyameni angeke akwazi ukunqoba into eyakhiwa emkhathini. Kodwa umuntu onganqoba into eyakhiwa emkhathini uJesu Krestu waseNazaretha, umuntu uyakwazi athandazelwe uma ekholwa asinde, siphele emzimbeni ngenxa yokuthi into ebeyakhiwa ithina emkhathini. Isifoke siyaguqa ngenxa yokuthi egameni likaJesu zonke izinto ziyaguqa, nathi besiguqa uma sekubizwa igama likaJesu waseNazaretha. So, naso isifo siyakwazi ukuthi siguqe khona sisakhiwe. Sisebenze kakhulu ngaleso zinto. Nebhanoyi ngesikhathi sengipromothiwe sengiyi graduate, bengidila namabhanoyi aya ko Australia noma liyaphi besikwazi ukuliphahlaza. Uma iphahlazekile indiza, akusho ukuthi leyo ndiza njengoba iphahlazekile kusho ukuthi umshayeli obenenkinga.Sometimes kuthiwa don’t drink and drive, kodwa izingozi engizaziyo beziye zenziwe ithina nathi sithunyiwe, beyingekho into ebesizoyenza ngenxa yokuthi sizigqila bekungemnandi besisebenza noma singasathandi besingekho isikhathi sokuphuma ngoba besitsheliwe ukuthi isikhathi sokuphuma sizophumula uma sekuzobuya iNkosi uJesu izolanda ibandla.
26. So, ingakabuyi bekuwukuthi kufanele sichithe lelogazi ukuze badle omongameli abangama Satanist ukuze nama Devil Worshiper asafikayo, adle, adle lelogazi, asafikayo angakaqali ukusebenza. Ngisebenza kakhuluke ngisebenza nangamabhanoyi.Sasebenza nango President, upresident esamubamba, angizukumubiza, angizukucacisa ukuthi owakephi, kodwa upresident samubamba ngalendlela yokuthi. Akayona Devi Worshiper, kodwa okubalulekile ukuthi samubamba ngokuthi ashintshe ilanguage. Sasimuthandazela usuku nosuku, washintsha ilanguage wathi akuqwayizwe, washintsha language wathi abakhiphe izisu abantwana, wavuma yonke into wathi izingane azingashawa.
27.Akazenzi leyanto owayeyenza, leyanto into eyahlewa straight emkhathini ukuthi akathi izingane azingashawa, ukuthi akathi izingane aziqwayize ngenxa yokuthi senzela isikhathi sokuthi uJesu usezobuya, so, akangabatholi abantu abaningi, akube uSathane ozothola abantu abaningi. So, o-president baqala bashintsha ama language, nabo bengenziwe, besenziwa imithandazo le esiye siyenze nanokuthi kufanele kuqalekiseke isizwe. UJesu-ke esezobuya ezolanda ibandla lakhe siqhubekile futhi nokusebenza, sashintsha izinto eziningi ebengithunywa ukuthi angizishintshe, sishintshe konke njengoba kukhishwa izisu, e-South Africa konakele kunjena.
28.Izinto ebesisebenza ngazo lezo sise mkhathini zonke lezo zinto ukuthi izingane azikhiphe izisu azingalaleli, ukuze uJesu abuye zisalibele democracy zithi kukhona i-democracy e-South Africa kanti uJesu vele siyamubona ukuthi usesemnyango, kufanele anqobe abaningi abantu.
Ingane osuke uyikhiphile, wenza abortion, iphuma nomzanyana wayo, iyakhula ngale emkhathini, izingane ezikhishwayo, abasuke bezikhipha abantu. Ngaphandle kwengane esuke ikhishwa ngoba ikhubazekile noma kunesizathu sokuthi vele ngeke ize ibelethwe. Kodwa ingane esuke ikhishwa nje iphilile, umuntu eyikhipha nje, ekhipha isisu, lezo zingane besizikhulisa ngale, ziyakhula, zikhulela khona kulowo mzanyana, zikhule bese zisetshenziselwa ekuchitheni imishado. Lezi zinganeke ilezi ebezichitha imishado, uthole ukuthi kuyahlukwana kuqhuma ama divorce, cha-ke izona zingane ebezdila naleyonto lezo.
29.Lezo uthole ukuthi mhlawumbe ekhaya uthi ucenta nje egcekeni uqhamuke ngexanti, noma inyoka nje ekuthiwa eyalayikhaya ingabaleki ehlezi ihleli kuleyondawo. Uthole ukuthi ileyo ngane, ithunyiwe, mhlawumbe izochitha umshado, noma nje izonixabanisa emndenini nje noma ngabe akushadwanga, izoxabanisa umndeni ukuthi ungazwani uthole ukuthi umfowabo akazwani nomfowabo bafuna ukubulalana. Bese ngiphindela lapha endaweni yobucwebe yona, nayo yakhiwe ngegolide le product kodwa i-ring uma uzoshada iyathandazelwa, ifuna ukuthi uyithandazele. Ngoba yona uNkulunkulu uyakwazi ukuyibikela ngenxa yokuthi umshado uvumelekile ebhayibhelini. Kodwa ibhayibheli ukuthi sihlobele lelizwi liyakuphika, ebhayibhelini kuthiwa asingahlobeli lelizwe.
30.Kodwa i-ring ngenxa yokuthi ingeyoshado ivumelekole, so, yonake ayiyona inkinga kodwa umuzoshada kufanele uyithandazele ngoba into okufanele uyazi ukuthi ubucwebe bonke bune code, le ring uma ungayithandazelanga le ya code elapha izosebenza. So, abazalwane ngiyabacebisa ukuthi uma bezoshada umuntu i-ring makayithandazele, makawuthandazele umshado wakhe phambi kokuthi angene kuwona. Njengoba sengishilo ekukhipheni izisu, konke lokhu engikushoyo nasekukhipheni izisu, umuntu okhiphile isisu ingane yakhe isuke isaphila, isuke izosebenza, noma ingafakwa emgqonyeni ku plastiki, ubone engathi wena ifakwe ku plasitiki iyoshiswa uhulumeni kanti cha, siyithatha kuqala. Uthi udokotela eyikhipha uzitshele ukuthi uyayikhipha kanti vele sesiyithathile, uthi ekuqaqa sisuke sesi ready ukuyiqaqa sibe sesi ready ukuyithatha, isale uzitshele ukuthi wena iyiyona kanti iyosebenza ngale emkhathini.
31.Ebhanoyini leli ebengilisho, ngagcina ukuginqa ibhanoyi elalizoya e-Europe, engagcina ngalo, lelobhanoyi lalinontwana kaNkulunkulu owayesindisiwe enobungcwele. So, igazi elachitheka lapho laba damaged, ngenxa yokuthi igazi elingcwele liyali fake leligazi esisuke silidinga, okuwukuthi uma siliphuzile leligazi, belenza ukuthi sibe weak. Igazi lo mzalwane lenza ukuthi sibe weak, singakwazi ukuba strong senze izinto, so, ngagcina ngalelo bhanoyi okuyilona engagcina ngalo, ngangingaqali maningi. Ngisebenza kakhulu emkhathini, njengoba bengichazile ukuthi ngize ngaba i-graduate ebuye yazi yonke into, ebese ingasathunywa. Besingasa thunywa bese ngi check i-report, bengilanda ireport nje ebantwini abasebenzayo, ngisenza imisebenzi le yabafundisi abadumile, abafundisi abasindisiwe, bese ngidila nabo.
32.Nanokuthi into eseyehluleke noma kufanele yenzeke kulelizwe bese sidila nayo. Bese kuba la kuma product, i-product i-Lacoste, ayiyona product yethu, kodwa i-Lacoste u-represent thina mawufake yona, mawufake Lacoste nje u represent i-Satanist uwumzalwane. Angikhulumi ngabantu abangasindiswanga, ngoba more especially lobu bufakazi buqonde kakhulu kubantu asebesindisiwe. I-Lacoste i-represent thina, leliya xamu elilapha, vele izilwane esisebenza ngazo emkhathini lezo, uma ngifuna ukufika kwakho ngizokwenza into ethile ephuthumayo, bengiqhamuka ngileliya xamu, ixamu ngeke lize lingene emzini womuntu. I-Star, thina njengama Devil Worshiper besingama stars, njengoba ebandleni abantu abasha baziwa ukuthi bangama star bangama light ebandla.
33.Nathi emkhathini besingama stars, so, uma ufake nje into ene star uwumzalwane osindisiwe, ubusuke u-represent thina. Ubenyukake u-Besebul ahambe ayobika phezulu kuNkulunkulu, asho athi uyamubona na usibanibani ngakutshela ngathi imina iNkosi ezobusa. Uyamubona yini ukuthi u represent mina ehamba emhlabeni, khona ehamba ethi uwumzalwane usindisiwe kodwa u represent mina. O-All Star labo nama Lacoste nenezinyawo ezimbili esisuke sizikhiphile, noma ngabe billabong noma ngabe yini, kodwa uma kunonyawo leyonto ibiyi sign kuthina ethi phansi ngoJesu ozobuya masinyana So, lezi zinyawo ruma uzifakile uma uwumzalwane, bekusho khona ukuthi wena uthi phansi ngeNkosi uJesu ezobuya.
34.I-dragon veleke imele yena u-Besebul, so, uma ufakile isikibha esine dragon, u-represent yena, uhamba emhlabeni yena, uhamba emhlabeni u-represent yena, Okungabukeki kahle emkhathini uma uwumzalwane ufake lezo zinto ngoba usuke uhlekisa ngeNkosi yakho uyikhombisa ukuthi i-weak. Ubekake asuke uBesebul ahambe ayomuhleka, ayihleke, asho athi buka, ba represent mina, yonke into abayisebenzisayo, kuyakhomba ukuthi ngiyinkosi ezobuya. Nama code ke ebesiwasebenzisa, njengoba ngiyaye ngisho ngithi abazalwane maba fast, bengajwayeli ukudla njalo. Yonke into uma uyibuka uthi uyaqaphela, ama barcode, ama barcode esinawo wonke ano 6, 3 and 9. Uma u 3 ungekho, u 6 and 9 ukhona uma u-9 ungekho, u-6 and 3 ukhona. Okuwukuthi u 3 no 6 and 9 izinamba zethu zasemkhathini, so ukudla besikuthandazela before kuphume ezitolo. Lawa ma code anemfihlo yethu, anemfihlo yethu yakwa Satanist nawoke ayinkinga ngokwawo, noma into yokugcoba, yonke into inayo barcode siyazi.
35.Kodwa nje u 6, 3 and 9 umele thina, bewu represent thina, so, kubalukile ukuthi uma uwumzalwane ujwayele uku-fasta. Uma uwumzalwane usebenzisa iziwasho, usebenzisa imithi, ubusuke ungenabo ubungcwele, besihamba siyokumangalela, ngenxa yokuthi besiyaye sisho sithi wena ukhonze okudaliwe kunanokuthi ukhonze uMdali. UNKulunkulu wathi sizobusa phezu kwezihlahla, akashongo ukuthi izihlahla zizobusa phezu kwethu. So, njengoba engashongo ukuthi izihlahla zizobusa phezu kwethu, wena uma usuze wathatha umuthi wawugxoba wagquma, kusho ukuthi lowo muthi ubusa wena, angithi lowa muthi ufuna ukwenzele inhlanhla, kushuthi lowa muthi ukholelwa kuwona.
36.Uma ngabe ungumzalwane usebenzisa umuthi, usebenzisa isiwasho usenza amasiko, usuke ungenabo ubungcwele sisuke sikubambele esayidini lethu, sisuke siku register kulelicala lethu, lokuthi wena uma kungathiwa kubuya inkosi uJesu izolanda ibandla, angeke uze ungene embusweni wezulu. Okungukuthi futhi ngokwasebhayibhelini izinsuku bese sazi thina ukuthi uJesu engabuya noma inini, ngoba ngokwasebhayibhelini, usuku olulodwa luyizinsuku eziwu 400, usuku lwesibili luyizinsuku eziwu 800, usuku lwesithathu luyizinsuku eziwu 1200, usuku lwesine luyizinsuku eziwu 1600, usuku lwesihlanu 2000.
37.Kwakuwu lwesihlanu ngokwasebhayibhilini mhla sasingena kwi millennium, mhla sesithi singena kuma 2000 singena kwi millennium, kwakuwulwesihlanu ngokwasebhayibhelini. Kushuthi 2004, kwase kuwusuku lwesithupha lesi 6. 2005 kuze kuzoba u 2010, sekuyizinsuku zombhanselo, sekuwusuku lokuthi uJesu kufanele ukuthi ubuyile azolanda ibandla. Kodwa uJesu ngenxa yokuthi enomusa akakabuyi, so, thina yonke lonto besiyazi njengama graduate ukuthi uJesu usengabuya noma inini, Ingakho besisebenza ngokuzikhandla, besisebenza kanzima ukuze uJesu uma ebuya thina sinqobe abaningi siyosha nabaningi.
38.Ngoba mtakababa uma ungasindiswanga usuke uzosha, nathi saya emkhathini singazi, ngaya emkhathini ngingazi ukuthi kukhona isihogo kodwa uma sengifikile ngafike ngathola ukuthi sizosha, uma kubuya uJesu kusongwa umhlaba, umhlaba usuphela nya, sizosha, besazi ukuthi sizosha kodwa kuyosinda umuntu osindisiwe onobungcwele. Sishiye emkhathini ayikho into ebingakenzeki, ngesikhathi ngishiya emkhathini mina yonke into bese yenzikile. Emkhathini ngishiye, into ebesekufanele yenzeke ukuthi kufanele kuhlithwe ibandla, nanokuthi kufanele kuvele registration. Le registration ebizovela, ilabo 666 ezofakwa emunweni eizngalweni. Ngenxa yokuthi baningi abantu ababanjiwe bengama Devil Worshiper belokhu beveza iqiniso lase mkhathini, siye sayishintsha lonto emkhathini, kwangaba ukuthi kuzovela 666, angeke kusaba i-tribe 666, okuzokwenzeka kuzovela izi number, ekuzothiwa ziyi secrete number.
39.Lapho kuzophoqa uhulumeni uzoyivuma leyo number, uma uke waba nalezo zi number engalweni, angeke usawubona umbuso wezulu, igazi lakho lizobe sezigcwele izi number zakwi Satanist, uzobe sewufana nokuthi wena uyi Devil Worshiper. So, ileyo registration engiyishiye eMkhathini okuyiyona ebeyizokwenziwa, engenziwa noma inini ngoba nebandla lingahlithwa noma inini, lingahlithwa namanje nami angazi ngoba uNkulunkulu usifihlela sonke ukuthi ibandla liyofihlwa nini. Uma umuntu ezoshona, besiyaye sehle, kukhona laba bantu abazitshela ukuthi kukhona izono abangafuni ukuziyeka ngoba bethi bazozivuma uma sebegula, besiyaye simgade umuntu uma esegulela ukushona besikwazi ukumbona. Bengifike ngihlale emzalwaneni onesono ongasivumanga, kuvele kushintshe, avele engakwazi ukukhuluma, simuvale ukukhuluma angakwazi ukukhuluma kuze avume lesiya sona.
40.Beseke uma ngabe sewuphuma umphefumulo eshone enganabungcwele enezono, simu register lelobhuku elingala, ukuthi vele lo muntu uyibandla lethu akezukungena embusweni wezulu. Beseke lowo muntu osuke eshonile engenabo ubungcwele, ilaba bantu esisebenzisa amathambo abo emathuneni. Ngoba into elapha emathuneni, umphefumulo uma sewuphumile kusuke sekusele ithambo la, le mizimba ezovuka uma kukhala icilongo. So, lawo mathamba ilawa esike siwasebenzise uma sifuna ukwakha ugogo kasibanibani evele sengathi usaphila, futhi uma sifuna ukukutshengisa ukuthi Ukhona. Sijikela la, siyakwazi ukuthi sibeke imali emvakwendlu, qede umphuphe ethi hamba uyothatha imali, kanti ithina esithathe leya mali, into esiyenzile leya kuze sibambe imiqonde yabantu idomeke, bazitshele ukuthi bona lento yethongo ikhona ngempela.
41. So, uma ngabe uwumzalwane, besiye sifike futhi, uma ngabe uzoshona uwumzalwane besiku guide, kukhona laba zalwane ethi umuntu ewumzalwene esezoshona, kuthiwa hhayi ufuna isibindi ufuna ukuhlatshelwa, ufuna ukukhuliswa, ufuna ukwenzelwa umshato, abantu abadala bayakhalaza. Besisukake uma uwumzalwane sigada lezo zinto, sizodala lezo zinto. Uma eke wavuma umzalwane wahlatshelwa, siku register same time, noma ngabe kusele one-minute ukuthi ushone, siku register ecacaleni lethu lokuthi wena ushone umzimba wakho usuncolisiwe, usukhonza abantu abadala. So, awusenabo ubungcwele lapho. Siya ku register, so, Ingakho uma umuntu esezoshona besiwu guide umphefumulo wakhe, ukuthi lo muntu ngampela kufike i-hora lokuthi umphefumulo uyaphuma esakholwa na ngoba abanye bebelahlekelwa ukukholwa nge minute lokugcina umphefumulo nje uphume, umuntu avume ahlatshelwe qede ashone. Okuwukuthi lapho sesikubambile already usuwowethu.
42.Uma ushone ukholwa, asikwazi ukusebenzisa amathambo akho, avele ewusibanibani lowo owashonayo kuthiwa uyithingo, kodwa sikwazi ukusebenzisa amathambo omunye umuntu avele ewusibanibani owashonayo efuna ukuhlatshelwa ngoba thina uma silambile and uma usihlabela silala kwakho embhedeni. Izingane zakho lento ebeziyona, zizoba iyona, uma kuwukuthi beziphuza zisazophuza azizoyeka ngoba uhlabile, ngenxa yokuthi vele ilapho kufanele kubonakale khona ukuthi umuntu onamandla uNkulunkulun kuphela. Abantu abashonile, akakwazi ukushona engenamali, ethi uma eseshonile abe nemali, aphe wena imali, ngabe wakupha esaphila. So, zonke lezi zinto izinto ebesizenza, ebazalwaneni. Kuhambe kwahamba-ke kwanomfundisi, Nkosi yami inceku yeNkosi, umgcotshwa kaNkulunkulu waseMandawe, ubaba uChiliza.
43.Ubaba uChiliza, ngaqala ukumlandela kudala ngingakabi I graduate, noma sengiyi graduate ngangithunyiwe ukuthi ngimlandele. Uyathandazela abantu basinde, ukwazi ukuthandazela umuntu one HIV asinde ngempela, ukwazi ukuthandazela umuntu ohleli kwi Wheelchair uma engazalwanga ehleli kwi Wheelchair asho asukume ahambe. Kodwa lonto safuna ukuyi fake, ngake ngafuna ukuyi fake ebazalwaneni, ukuthi abazalwane abangakholelwa kuyena, abazitshele ukuthi unesalamuzi. Ngayishintsha lonto abazalwane bashintsha bathi uyi Satanist kwayena, wabe engayona i-Satanist. Emkhathini ngase ngibekelwe i-Navara, kukhona uhlobo lwemoto ekuthiwa iNavara, okuyilona obese kufanele ngiluthole uma ngike ngawisa ubaba uChiliza ngoba kwakufanele ngimuwise. Uma esewile wayengazikuyeka ukushumyela, wayozoqhubeka ashumayele, kodwa okubuhlungu ukuthi wayezoshumayela engasenabo ubungcwele.
44.Ibandla ayezolishumayeza kwakuzoba ibandla elizalelwe etraphini, kwakuyofana nokuthi lise traphini lelobandla elizobe liphenduke kuyena. So, ubaba uChiliza ngamulandela, bengiyaye ngithi uma ngifka ebandleni etendeni noma iliphi noma ibandla, bengifike ngihlale ngemumva, ngibheke yonke into eyenzekayo. Ngaqala ukumutadisha impilo yakhe, ngoba uma ngizowisa bengiqale ngibheke i-weakness yakhe emsebenzini, i-weaknesss yakhe ekhaya ukuthi i-weakness yakhe kahle hle iyini ukuze ngimuthole kahle. So, ngamulandela ngafika emise itende e-Sivia (indawo ayizwakali kahle). Ngangisayo mtadisha, waqhubeka emisa amatende ngilokhu ngimlangazela. Kuthe ngo 2008 wayenenkonzo e Frastadeil (Indawo ayizwakali), ezoshumayela, wayezoshumayela ebusuku e Frastadeli. Ngafika, ila engamutadisha khona, ngase ngizama ukubona ukuthi njengoba ebiyelwe, ngoba uma uwumzalwane osindisiwe ofastayo, uyabiyelwa ngomlilo.
45.Njengoba ebiyelwa, akukho nkinga ezokwenzeka yini, ngajikela emva kwakho, cha, ngadlula impela emva kwakhe ngaphuma emnyango, ngangimutadisha lapho.
Njengoba bese ngichazile ukuthi ngaphuma emzimbeni, ngizothi ukubuyela kuleyo ndawo ukuze niyizwe into engizokhuluma ngayo ukuthi ngichazani. Njengoba ngangiphumile emzimbeni, Ingakho bengingasebenzeli e-South Coast, ingoba e-South Coast bengizothi uma ngifika etendeni lakhona, uma ngifka mhlawumbe lise Shepston, ngiqhamuke, ngibe nasekhaya futhi ngikhona.
Leyonto ibizokwenza ukuthi umuntu ongaziyo futhi e-Shepston athi hhayibo nginoNonkoliso la kulelitende, ebe ethi uma futhi ekhaya nangu uNonkoliso Ukhona, bengizobhaqeka, so, Ingakho bengingasebenzeli e-South Coast.
46.Kodwa this time sengizobabamba ubaba uChiliza wayesendaweni yaso Khushwini, esendaweni yasoKhushwini ubaba uChiliza, kwaphoqa ukuthi angingene kulomzimba oyi fake osekhaya, ngihambe ngawo ngoba into engangiyi guarantee ukuthi i-code igcwele egazini kumina. Ngase lowa Mzimba oyi fake ongemina lapha ekhaya, engana nembeza ngoba awuyena mina, ngahamba ngawo. Sagibela sahamba saya Okhushwini, ngangihamba nomngani wami. Umngani wamike uSlindile, akayona Devil Worshiper, kodwa nje ngangimukhonzile, kushuthi nje wayezihlushelwa imimoya, leyo uthole ukuthi mhlawumbe umuntu unokukhala ethi uyabizwa ubizwa usibanibani, uyabona le yokuthakathwa imimoya. So, ngangimthanda, ngangiyi hairdresser, njengoba ngangiyi hairdresser, ngangizeluka, ngangelukile into ende, naye elukile into ende eyayifana neyami. I-twister ende nge fibre, njengoba ngisho ukuthi fibre inengozi.
47.Uma ngifika Okhushwini, ngafika, uma ngifika safika kuqala, sifike sihamba ngemoto, sihamba nje nabanye abazalwane, esasihamba nabo ababengangazi ukuthi mina ngiye Devil Worshiper, futhi naye umngani wami lo owayengangazi ukuthi ngiye Devil Worshiper. Wayezitshela ukuthi uzwana nami, ehluphake kubo enza zonke izinto, into eyayimenza lokhu ukuthi wayezwana nami, ngibe mina ngiye Devil Worshiper ezitshela ukuthi yena uzwana nami ubuqu, engazi ukuthi mina kade ngaphuma emzimbeni. So, ukuhlupha wayevele ehlupha, wayesehlupha kakhuluke esehlala nami.
48.Uma sesifikake la okhushiwini, safika kuqala, safike sahlala la, sahlala ngemumva, wangena umgcotshwa wenkosi ubaba uChiliza ehamba nonkosikazi wakhe. Uma engena etendeni, wathi uma engena, uyaprofethi, wathi uma engena wathi kunomoya omubi la, umngani wami uSlindile sasigqokile iziketi ezifanayo zesikoshi ngalelolanga, wajomba wawa phansi wakhala wafuna ukubaleka. Ngenxa yokuthi umngani ngimkhonzile futhi siphakeme, sasiphakeme, abantu esasigibele nabo emotweni abawuvali umlomo, abantu esasigibele nabo emotweni babengakhohlwa indlela esaseyisa ngayo.
49. So, kwabiza ukuthi angizibambele umngani wami ngangingafuni abanjwe omunye umuntu ngoba siphakeme, ngamusa lapha ngaphambili kuze azothandazelwe. Ngangi guarantee ngento eyi 1 ukuthi ngiye graduate, i-Devil Worshiper engabanjwa, noma engabanjwa wonke ama Devil Worshiper ngangingabanjwa. And ngangikwazi ngisho ukuvikela umomgameli wethu oyi Satanist angathintwa, ngisho imithandazo ingamuthinti, ama code aye kumina engalweni, i-code eyayikumina engalweni, yayingivumela ukuthi ngivikele, ibandla uma lithandaza, ngiwuvalo umkhulukeo ungafiki phezulu. Kodwa ngaleli langa ngafike ngama, kodwa ubaba uChiliza, wabuza umbuzo oyi 1, wathi uhamba nabani lo okhalayo, ngathi uhamba nami.
50.Waqhubeka washumayela, waphinda okwesibili, ngezwa ukuthi cha, i-spirit, uMoya Oyingcwele awambethe ungibambile, ungibambile, akusavumi ngiphakamise unyawo, nolunye futhi unyawo alusavumi ukuphakama nomlomo awusavuleki. Wabuza wathi uhamba nabani lo okhalayo, angibange ngisakwazi ukuthi uhamba nami, ngathula. Wathi ebantwini ababegcwele endlini, wathi anibheke bazalwane, washo kwabe kanye, wathi fire, ngoba uJesu wethu ungumlilo oqothulayo, uyephula imisedari. Uma ethi fire, amehlo akhe, ngimbona ngokwemfihlakalo, ayephuma umlillo, umlomo wakhe waphuma umlilo, izandla zakhe zaziphuma umlilo, yonke into iphuma yayikhafula umlilo, umzimba wakhe wonke.
51.Ngawa phansi, ngesikhathi ngiwa phansi, mina ngahlithwa straight ngaphinda emkhathini, kwasala fake eyimina, ebonakala sengathi iyimina la, la phansi. Kanti kwakungesemina. Yakhala, uyabona idimoni uma selishake likhuluma yonke into, ngesikhathi ethandaza, ngoba kunengozi eyenziwa abafundisi abayenzayo uma bethandazela ama Devil Worshiper, abayithandazeli code kanti mina ngangingasabizwa ngegama lami ngangibizwa nge code. Kodwa ngenhlanhla uBaba uChiliza yena uma ethandaza, wathandaza wabiza i-Code, idimoni lazisholo lona i-Code, kwashiswa i-code eyayisengalweni yami. Ngesikhathi isha code eyayisengalweni yami, amadimoni angidedela emkhathini, ngadedelwa ngabuyela phansi, idimoni leli elaliyi fake labuyela emkhathini. Ngesikhathi idimoni elaliyi fake libuyela emkhathini, ukube i-code babengayishisanga kumina emzimbeni, lelidimoni babezokwazi ukuphinde bangibize ngoba babengangibizi ngegama lami babengibiza nge code. Manje kwatholakala ukuthi uma bengibiza, akusafinyeleli ezindlebeni zami ngenxa yokuthi sengubuyele enyameni, sengibuyele ekubeni umuntu.
52.Ngesikhathi bengithandazela bekhipha i-code, i-code yokugcina, okwakuyiyona engangi poromothwe ngayo ukuze ngibe i-graduate, yaphuma negazi. Abazalwane ababekhona lapho bawofakazi bonke, nayo inceku yenkosi ubaba uChiliza, iwufakazi ukuthi kwabuya igazi, abantu bamangala ukuthi lo muntu okhipha igazi ngomlomo. Abantu basokhushwini bawofakazi, ababekhona etendeni elalisokhushwini likababa uMpisane, ubaba uMpisane namatekisi odumile. Ababekhona bawofakazi bami, abaqanda igazi, balibona liphuma igazi. Ngathandazelwake, uma sengithandazeliwe ngabuyela engqondweni yokuthi sengiwumuntu, idimoni elalingembethe, idimoni elalizenza mina ekhaya, selibuyele emkhathini mina sengibuyele. Ngathatha izinqumo, izinqumo sokuthi ngizosindiswa and i-message ngizoyidlulisa umhlaba wonke, ngenxa yokuthi uNkulunkulu ngiyamethemba, uNkulunkulu okumina unamandla, kunoSathane, uNkulunkulu okumina unamandla.
53.Noma ngihamba elangeni ngiyamukholwa ukuthi yena ungumthunzi, ufike abe i-umbrella. Ngiyamukholwa ukuthi lapho nginxaniwe, ngihamba ngishiswa ilanga, ungi provide ngamanzi. So, ngazinikela ukuthi ngizonikela ngesithunzi sami, ngiyazi ukuthi kuyisithunzi sami ukuthi ngikhulume ngalezi zinto, kodwa ngazinikela ukuthi ngizonikela ngesithunzi sami, ngizofakaza ngalento, ngizobatshela abantu. Kusasenjalo, sengikhohliwe nje kancane, kunebandla elizosala okuzokhonzwa kulona, uma sekuhlwithwe ibandla umhlaba awuzukusongwa, kodwa uma sekuhlithwe abangcwele, kuzosala emhlabeni kuphele unembeze, ngisho namaphoyisa azobe engesananembeza. Lapho kuzoba sekukhona ibandla, ibandla elilodwa ekuzokhonzwa kulona, lelobandla angizukulibiza ngegama kodwa ibandla seliphasisiwe elikhona kwamanje okusontwayo kulona. Ilelobandlake okuzokhonzwa kulona. Okwukuthi lapho uma ungahlwithwanga nebandla, uma kushaya isikhathi sokuthi uNkulunkulu ahlwithwe ibandla wena ungenabo ubungcwele angeke uze uhlwithwe nebandla. Okuwukuthi wena kuzokuphoqa ukuthi uma ufuna ukungena ezulwini nikela ngegazi lakho, uzobulawa kabuhlungu, ubulawele ukuthi kufanele uyokhonza kulelibandla ngenkani. Kudlwengulwe ingane yakho phambi kwakho ubhekile ngoba kobe sekufanele ukuthi nikelani ngegazi lenu. Engingakusho ebantwini ukuthi abaphenduke, basindiswe kusenesikhathi bengakanikeli ngegazi labo ngoba kukhona isikhathi la okuzofanele khona banikele ngegazi labo ukuze basindiswe, la okuzofanele ukuthi bulawa.
54.Kuzofanele ukuthi lapho ima uqine uthi uJesu uyinkosi, ubulawe ubulawele ukuthi UJesu uyinkosi, abantu abathathe uJesu manje, besazomthola, engakathengwa ngamali, engakathengwa ngegazi. Nangesikhathi igazi lakhe lisekhona lisampophoza ekhalvari. Ngingumntwana kaNkulunkulu ngisindisiwe ngithethelwe izono, angikhathali noma abantu bengathini, noma abantu bathini futhi, angikhathali, kodwa ngisazoqhubeka ngidlulise i-messaage. Abazalwane abangidingayo abangifuna ezinkonzweni zabo ukuthi ngiyofakaza, bazongithola, ngisazoqhubeka ngihambe ngifakaza, ngiyazi ukuthi abanye bazofisa ukungibona ngamehlo ukuze baqinisekise ukuthi ngisindile na. Bazoqhubeka bangibone ngoba uJesu wami uthembekile, ngiyamethemba, lapho ngihamba esigodini sethunzi lokufa, angikwesabi ukufa ngoba ngiyazi ukuthi yena unami. So, bazalwane nisalalele bonke lobu bufakazi, nanoma ubani ozobulalela, ngithanda ukuthi uNkulunkulu anibusise nisabulalele, nazi ukuthi uJesu uzobuya, usengabuya noma inini ezolanda ibandla.
55.UNkulunkulu wethu uthembekile, asingasuki kuyena, asingakhohliswa abantu, bathi bangabaprofethi bathi banethongo, into eyithongo ayikho, bazalwane hlalani ekuthandeni uJesu, nami ngiyanithanda kakhulu, ngingumntwana kaNkulunkulu. Ngithanda ukubonga ngingakavali kuma intersessor ami, ngiyazi ukuthi njengoba ngila, bayangithandazela, Babongile Zulu endaweni yakwa Nzimakwe ofunda esikoleni iNombuso, ngibonga kakhulu imithandazo yenu. Ngilana kungenxa yemithandazo, ngibonga ukuthi niye nangithanda, nangisondeza kunina, noma abantu bebengixwayile bezitshela ukuthi uma ngigebela ematekisini abo azogingqika, bengixwayile bezitshela ukuthi ngizontshontsha izingane zabo, ngizofonxa igazi labo. Kodwa ngibonga ukuthi nina niye nangibekezelela. Makheleni, uMakheleni wakwa Shonga naye endaweni yakwa Nzimakwe oyi Intersessor, NCeku yeNkosi ubaba uChiliza umgcotshwa, ngiyabonga kakhulu kuyena, bonke oThozama. Ngiyabonga Ohloniphekile ngiyabonga ukungithanda kwenu nokungisondeza kwenu. Omphilisi ngiyabonga ukungisondeza kwenu, umama uNgubane ngiybonga kakhulu inkosi yomusa. (yanqamuka).