Umuntu omnyama noma engahlakanipha kanjani, afunde kanjani, akholwe kanjani, kodwa ngaphandle kokuthi abe noMoya kaNkulunkulu, akaze ngalibona itulo labamhlophe lokuqeda ngathi!
Bayaye basebenzise yena lo ofundile ukubulala ngaye isizwe sakhe, omunye ekwenze lokho engaboni, kanti he has been ‘brain washed, useyi “brain child’ yabezizwe!
Isihlabelelo 60
1.Bongani uJehova
Ngoba elungile
Ngoba umusa wakhe
Uhlezi phakade
Ngoba elungile.
2.Wayikhumbula i-Afrika
Ngoba elungile
Akabalibalanga abantu bakhe
Ngoba elungile.
3.Walenza lona izulu
Kanye nalomhlaba
Ngumsebenzi wezandla zakhe
Ngoba elungile
4.Wabakhumbula abantu bakhe
Abanqulu zisobala
Wabathumela u-Isaya inceku yakhe
Ngoba elungile.
5.Ngalezo zinsuku
Izithulu ziyakuzwa
Okushunyayelwa kulencwadi
Ngoba elungile.
6.Abangafaki lutho
Ezinyaweni zabo
Wabalungisela ukungena
Endaweni eyingcwele
7.Nabagunda amakhanda
Bawazungeze emacaleni
Nabagunda izilevu zabo
Ngokwephula umthetho.
8.Nabangena nezicathulo
Endlini kaJehova
Bayiphendula indlu yomdlalo
Ngokwephula umthetho.
SINGAVUMI UKUBA ZIDWASHU ZOKWESULELA ABEZIZWE
1.Sisese mabangeni aphansi sasifunda isipele esithi KUNYENYEZA ESIKHOTHENI. Kulesi sipele kwakuxoxa izilwane ezaziqanjwe amagama bjengabantu.
2.Isilwane esasi hlakaniphe ukwedlula ezinye izilwane kwakunogwaja, igama lakhe kunguKhalulu.
3.Ukhalulu wacelwa yibhubesi ukuba ambhekele umntwana wakhe, wavuma uKhalulu, kodwa uthe engazelele wambona esifile lomntwana webhubesi.
4.Washawa uvalo uKhalulu ebona ukuthi ibhubesi lizombulala. Wabe esecabanga izilwane ezingahlakaniphile ongalesulela kuzo lelicala lokubulala umntwana webhubesi. Wathola ukuthi zimfene.
5.Wabe eseyotshela izimfene ukuthi ufuna ukuba zibe nomcindiswa, okothi owuwinile athole isaka lezindlubu. Wazakhela impimpilizane owathi aziyishaye bese zihlabelela zthi: “Yithi esibulele umntwana webhubesi.”
6.Nempela zakwenza lokho izimfene, ziye emaqeleni zifundela ukushaya impimplizane, zithi yizo ezibulale umntwana webhubesi.
7.UKhalulu wabe eseya ebhubesini eyolitshela ukuthi njengoba ebengaveli, ubeyofuna izilwane ezibulale umntwana webhubesi. Manje usetholile ukuthi zimfene, uzibonile ziqholosha zishaya impmplizane, zithi yizona ezibulale umntwana webhubesi.
8.Ibhubesi lathukuthela kakhulu. Wase uKhalulu elitshela ukuthi zizobe zinini izimfene eqeleni, nebhubesi lozizwela ziqholosha ngokuthi yizo ezibulale umntwana webhubesi.
9.Nempela zaqhamuka izimfene, zayishaya impimpilizane, zona zazi ukuthi zingenele umncintiswana wezindlubu. Ziqholosha zithi yizona ezibulele umntwana webhubesi, zingazi ukuthi leliculo eziliculayo lizogcina liyinkinga kuzo.
10.Kodwa esikhundleni sokumenyezelwa owine isaka lezindlubu, kwaphuma ibhubesi, leza kuzo selithukuthele livutha, lafika lazibulale zonke! Isaka lezindlubu laveza ukufa!
11.Lombhali walendaba wayengakhulumi ngoKhalulu nezimfene, kodwa wayehlekisa ngendlela abantu abamnyama abacabanga ngayo!
12.Iningi labantu abamnyama bathatha noma yini abayitshelwa ngabezizwe, ngaleyo Ndlela uma izizwe zifuna ukuzikhipha obishini ziyaye zisebenzise umuntu omnyama!
13.Lobu buqili abezizwe bakusebenzise kakhulu uma besifundisa ngomlando wobuzwe bethu kanye nowenkolo yethu!
14.Noma kucace kanjani ngomlando oseBhayibhelini nasezincwadini zomlando, kuhlanganisa neDNA Test, ukuthi yithina esiyinzalo ka-Israel, kusenenqwaba yabantu abasakuphika ukuthi amaHebheru ayeyisizwe esimnyama!
15.Okwashiwo nguNkulunkulu, kwabuye kwaprofethwa ngabaprofethi abehlukene, konke kwenzeke kusizwe esimnyama okuyiso esihlupheka kakhulu nesathunjwa yizizwe ezahlukahlukene. Isizwe esimnyama singabathunjwa!
16.Namuhla ngiyafisa ukuveza ukuthi sidukiswe kanjani ngokwezenkolo, kodwa nathi sathuthuzela, sathatha lokho esikufundiswa ngabezizwe, sangabuza lutho.
17.Inkolo kaJehova esithi iMosaic faith system, enoNkulunkulu oyedwa, ogama lakhe nguJehova, yafika noMose entabeni yaseSinayi.
18.Le Mosaic faith system inemithetho ehlukaniswe kabili, owokuqala imithetho elishumi eyalethwa nguJehova uqobo lwakhe, eqoshwe ematsheni noma ezibhebheni zamatshe.
19.Owesibili ngowanikwa uMose ewunikwa nguJehova, obizwa ngokuthi incwadi yomthetho.
20.Inkolo kaJehova, esiyibiza ngokuthi inkolo kaMose isemhlabeni amakhosi akwa-Israel ayebusa ngayo kwaze kwathi emva kwenkosi uSolomon, u-Israel wehlukana kabili, kwaba nombuso wakwa-Israel nombuso wakwaJuda.
21.Kodwa ngokuhlubuka uNkulunkulu, umbuso wakwa-Israel washeshe wanqotshwa ngabezizwe, waphela, kwase kusala owakwaJuda owaba khona cishe iminyaka engu 150, sewaphela umbuso wakwa-Israel.
22.Kodwa kwathi kuzalwa uYeshua onguMesaya nombuso wakwaJuda wabe usuyi koloni yombuso wamaRoma, iRoman Empire.
23.Ngo 70 A.D amaRoma ahlasela amaJuda, abulala abaningi, babhidliza iJerusalema neThempeli, bathatha onke amagugu eThempeli laseJerusalema, baqeda ngalo, base bethi ikomkhulu leBandla selise Rome.
24.AmaRoma asehlangana nezinye izizwe esakha amaCreeds, ngawo abayiqeda inkolo yamaHebheru.
25.Emva kwalokho bakha inkolo yabezizwe ikomkhulu yayo yayiseRome, yaba nama Doctrine amaningi, ngawo ababechitha inkolo yamaHebheru.
26.Ngenkathi beqeda inkolo yamaHebheru ngamaCreeds, babe ngakufihlile ukuthi bayayichitha inkolo yamaHebheru kanye noJehova.
27.Kodwa kwathi uma sebesungula inkolo yabo abayibiza ngokuthi iChristianity, inkolo kaJehova bayiqeda ngama Doctrines, ngobuqini abenza sengathi bahumusha iTestamente Elidala.
28.Lokho kwakunguku hlakanipha okukhulu, ngoba kwase kungabantu abamnyama abashumayela ivangeli lokuthi ASISAPHILI NGAPHANSI KOMTHETHO, ngoba lokho kwasekuyinkolo!
29.Kwakungani abezizwe bengafuni sigcine umthetho kaJehova?
30.Ukugcina umthetho kaJehova kwakuzokwenza uJehova engasuki kithi, ngoba wayevele eshilo ukuthi uma sigcina imithetho yakhe, uyohlala nathi njalo.
31.Lokho-ke kwakuyingozi kwabezizwe, ngoba babazi ukuthi abasoze basinqoba uma sisenoJehova njengoNkulunkulu wethu.
32.Babewufundile umlando wethu, bewazi noDutoronomi 28, ukuthi wathi uJehova uyosilahla uma singasayigcini imithetho yakhe!
33.UJehova kumahubo 83:3-4, wakuchaza konke mhla ethi: Ngobuqili benza uzungu ngabantu bakho, baceba ukulwa nabafihliweyo bakho. Bathi: “Wozani sibaqothule, BANGABE BESABA YISIZWE, NEGAMA LIKA-ISRAEL LINGABA LISAKHUNJULWA!”
34.Nempela emva kwempi ka 70 A.D abezizwe basihlakazela emazweni onke, sagcina sonke singazazi ukuthi siyinzalo kaIsrael, njengoba abanye bethu bekuphika lokho!
35.Ngakho-ke safezeka isiprofetho esithi ASIBENZE BENGAZI UKUTHI SIYINZALO KA-ISRAEL!
36.Lentshumayelo isuswa yintshumayelo ye X-Satanist engathi ngizobuye ngiphawule ngayo.
37.Ngajabula ukuthi abanye abantu, noma benganalo ulwazi olujulile, kodwa sebeyakwazi ukubona uma itshe lumi ngothi!
38.Kuthiwa yasho njalo enye inyoni uma ibona icushwe ngesife. Yathi: “Nkombose kaBaba, angikaze ngilibone itshe limi ngothi!”
39.Uma abamhlophe befuna ukuqeda ngawe, bayaye basebenzise omunye wenu ukuba kube nguye onivukelayo, esengakubo, bese enza konke obekufanele kwenziwe kini ilezi zizwe, ebe i-kitchen nigger!
40.Sijwayele ukuchaza ukuthi abamhlophe balwa kanjani nebandla lamaNazaretha, ngoba bebona ukuthi uShembe unguMprofethi kaJehova, uzovusa ibandla lkaJehova abase bethi baqedile ngalo.
41.Ekhasini 90 lencwadi kaMnyandu, uBaba iLanga uthi: “Abamhlophe babuye bafika kuShembe ngo 1931 nango 1932, bathi akachithe yonke imizi ekhona ayakhe KwaZulu nasesilungwini.
42.Bakhipha amaphoyisa ukuba ahambe ebhala umuzi ngomuzi, ebala ukuthi bangaki abahleli kulowo muzi, ebale konke nje okukhona.
43.Wabizwa uShembe emgungundlovu, kwathiwa “Shembe” lemizi eminingi engaziwa ngeyani?”
44.Wathi cha, lemizi ngiyakhele abantu uma begula bangene khona bafike baphile.” Bayaphila na? wathi “Yebo bafika baphile.”
45.Wahamba uShembe, wabuye wabuya wakhuluma leyonto, base bethi: “Uyabona, uhulumeni akayifuni yonke lemizi, uthi ayiphele. Hamba uyocabanga kahle.
46.Wahamba-ke uShembe, wabuya wakhuluma lona lelo lizwi, wathi: “Lemizi ngekaNkulunkulu, angenke ngiyichithe.”
47.Bathi: “Ichithe!” Wathi: “Angenke ngiyichithe mina, ichitheni nina. Kodwa ngicela into yinye ukuthi uma niyichitha, nithathe usemende nibhale ukuthi lomuzi kwakusendaweni ewukuthi.
48.Lapha kwakuseThembalimbe, eMkhayideni, eJudiya, eVelabahleke, kanjalo kanjalo.
49.Ngoba kukhona inkosi emhlophe ezayo ezofike ibuse lomhlaba. Lenkosi izofike ivuse yonke imizi engiyakhile. Ngakho-ke ngifuna ifike ibone ukuthi umuzi waseJudia, waseMkhayideni wawulaphi.”
50.Bathula , abaze bamphendula, abaze futhi basho nokuthi bayayivuma yini lento ayishoyo noma abayivumi.”
51.Uthi-ke uBaba iLanga: “Nina aniyazi leyonto, noma niyazi aniyinakile! Umthetho wenu-ke nina bantu baseKuphakameni, izinto zenu ezinhle anizinaki.
52.Amaphalishi namatiye niyawazi, kodwa izinto ezinkulu zaseKuphakameni anizinaki, ningazilobi nje anikhulumi nangazo. Nalapho nihlezi khona anizikhulumi.”
53.Ngake ngakuveza ukuthi uMrs Wells owaye ngummishinary uthi izimishini zahlangana zizofuna isu lokuthi uShembe engaqedwa kanjani.
54.Uthi-ke uMrs Wells wabuza ukuthi njengoba behlangene ngoShembe nje, bayamazi yini? uSuperintendent of Missions wathi: “Angimazi uShembe, futhi angifune kumazi, kodwa engikufunayo ukuthi ngiqede ngaye lapha emhlabeni.
55.Nempela kwathi uma uBabamkhulu esedlule emhlabeni, kwase kwakhiwa itulo lokuthi wafa ezama ukundiza, wawa entabeni yaseNhlangakazi, wafa!
56.Lomlungu-ke waqeda ngoShembe, ngoba esikhundleni sokuthi ekufeni kwakhe adume njengomprofetrhi kaJehova, waba inhlekisa, kwathiwa wafa ezama ukundiza njengo-Elijah!
57.Abezizwe basebenzisa bona abamnyama ukuqeda ngoShembe, kwashunyayelwa ngakho ngisho emabandleni ezimishini ukuthi uShembe wafa ezama ukundiza!
58.Kwenye-ke inkonzo uBaba iLanga wakhuluma lokhu sonke okumele sikwazi, sikuqonde ukuthi abamhlophe bazame kangakanani ukuqeda ngaleli bandla.
59.Ekhasini 117 lencwadi kaMnyandu uBaba iLanga uthi: “Bahlangana abefundisi base bekhetha omunye wabo owayemkhulu kunabo bonke, bamthuma lapha kimi ngawo uJuly iNkosi eyayihambe ngawo.
60.Wafika wathi kimi: “Sizwile ukuthi uyihlo ubeke wena. Manje ngoba umncane kangaka nje, mingaki iminyaka yakho?”
61.Ngabatshela ukuthi ingamashumi amathathu. Wathi: “Uzobenze njani laba bantu ngoba kukhona izimpunga zamadoda namakhosi, nayo yonke inhlobo yomuntu. Uyakwazi yini ukushumayela?” ngathi ‘Cha, angikwazi.”
62.Bathi: “pho uzobenzenjani laba bantu, futhi wena ungumuntu wasesikoleni, ufundisiwe, bona abafundile, ngamaqaba, uzokhuluma uthini nabo, amaqaba lawa uzowenzenjani?
63.Manje ngithunywe libandla labamhlophe, kuthiwa angikweluleke uyiyeke phansi lento ife iphele, ihlakazeke ingabi bikho.
64.Wena woza kulaba bafundisi abamhlophe abangithumile, sizokunika imali uye phesheya eMelika uyofundela ubufundisi.
65.Uma usubuya lapho sokwenza uMongameli wamabandla akithi; asizukukubeka ube umfundisi nje, kodwa sokwenza uMongameli njengoba nalapha unguye.
66.Kodwa lento eyayenziwa uShembe yayivele ingekho; sasiye sizwe nje kutuswa akwenzayo, kepha thina sasingaboni lutho. Uma uyiyeka lento izophela, kube kuhle lapha emhlabeni.”
67.Ngadabuka kakhulu ngoba lomuntu wayengumngani omkhulu kaShembe, futhi evame ukuvakasha lapha eKuphakameni kunabo bonke abefundisi.
68.Nangamzukwana kufihlwa uBaba wafika wakhuluma kakhulu lapha eParadesi.
69.Watusa wathi: “Hhawu, uhambile umngane wami, uhambile untanga yethu, ngiyadabuka kakhulu, sengathi iNkosi inganenza nibe nesibindi sokubambelela njalo emazwini akhe.”
70.Kepha lathi lingakashoni ilanga wayesebuya esethi angiyi yeke lento, ngibalahle laba bantu baseKuphakameni, ngenke futhi ngibenze lutho.
71.Angizange ngimphendule, ngathula nje. Wakhuluma, wakhuluma wathi: “Awaphendula na?” Ngazithulela nje! 72.Uzoba nawo amandla okuphatha laba bantu na?” ngathi mina: “Akekho umuntu okwazi ukuphatha abantu, abantu baphathwa nguNkulunkulu kuphela, umuntu nje wasemhlabeni akakwazi ukuphatha abantu.
73.Angabaphatha mhlawumbe uma kungabantu basemhlabeni, enjengenkosi, kodwa abantu basezulwini akakwazi umuntu ukubaphatha.”
74.Wathi lomfundisi: “Awukuvumi lokhu engikushoyo na?” Ngathula nje angaphendula. Hhawu, ulahla ithuba elihle kangaka na?” Ngathula nje! Amen!
75.Lomfundisi uBaba iLanga okhuluma ngaye kwakungu Mafukuzela. Ukuze abamhlophe baqede ngalelibandla, bathuma uMafukuzela, okwakungumuntu omkhulu nohlonishwa kakhulu, owayengagcini ngokuba ngumfundisi, kodwa futhi enguMongameli we ANC.
76.Noma wayefundile, enguMongameli wenhlangano yezombusazwe, kodwa wayengazi lutho ngetulo labamhlophe ekuqedeni ngesizwe sakithi!
77.Basebenzisa yena ukuheha iNkosi iLanga, ngoba naye wayefunde khona phesheya e-Amelika!
78.Umuntu omnyama noma engahlakanipha kanjani, afunde kanjani, akholwe kanjani, kodwa ngaphandle kokuthi abe noMoya kaNkulunkulu, akaze ngalibona itulo labamhlophe lokuqeda ngathi!
79.Bayaye basebenzise yena lo ofundile ukubulala ngaye isizwe sakhe, omunye ekwenze lokho engaboni, kanti he has been ‘brain washed, useyi “brain child’ yabezizwe!
80.Bengi khuluma ngendaba yentombazana eyi X-satanist, ngokwayo ethi isisindisiwe, isingcwele!
81.Uma ulandela inkolo yabasindisiwe, nabo bafana nawo wonke amanye amaKrestu, abawugcini umthetho kaNkulunkulu.
82.Abaligcini isabatha, bayagunda emakhanda abo, bamukela ongqingili emabandleni abo, badla ingulube njengamaKrestu amaningi.
83.Kodwa ubezwa behlaba lezi zinto uJehova ongasi gcizelelanga isono sazo, beyeke lezi ezimbi kakhulu.
84.Ubezwe bekhuluma ngama G-strings, behlaba ukugqokwa kwebhulukwe nokunye; bese begxila ekuhlabeleni amadlozi, besho ezinye izinto ezingayilo iqiniso ngamadlozi.
85.Ngenkathi begcizelela lelivangeli lokungafuneki ukhonze amadlozi, ababoni ukuthi basetshenziswa ngabamhlophe ukuze abamhlophe bafeze izinhloso zabo!
86.Ngo 1883 kwaba nomhlangano wamazwe amhlophe eBelgium, lapho kwakuzobhungwa ngendlela abezizwe
abazosebenga ngazo e-Afrka ukusebenzisa izimishini zabo ukushumayela ivangeli lenkohliso kwabamnyama.
87.Emva kwalomhlangano uKing Leopold 11 wabhala incwadi eyayibonisa izindlela amaMissionary azoshumayela ngazo e-Afrika.
88.Lencwadi inde, kodwa ngizobala nje okungukhiye kulentshumayelo: Izimishini zachazelwa ukuthi aziyile ukokholiswa abamnyama, ngoba vele bakholiwe, kodwa ziyo ziyolanda umcebo ezweni labo.
Nansi lemibhalo:
89.“Your knowledge of the gospel will allow you to find texts ordering and couraging your followers to love poverty, like, “Happier are the poor because they will inherit the heaven, and its very difficult for the rich to enter the kingdom of God.”
90.“YOU HAVE TO DETACH FROM THEM AND MAKE THEM DISREPECT EVERYTHING WHICH GIVES COURAGE TO AFFRONT US. I MAKE REFERENCE TO THEIR MYSTIC SYSTEM AND THEIR FETISH- WARFARE PROTECTION- WHICH THEY PRETEND TO WANT TO ABONDON, AND YOU MUST DO EVERYTHING IN YOUR POWER TO MAKE IT DISAPPEAR!”
91.Niyazi ukuthi leparagraph ithini? Kafuphi ithi kufane izimishini ziyenze iphele into enikeza abamnyama isibindi sokuba babhekane nabamhlophe.
92.Lokho izimishini zikwenze ngokuba zihlabe noma zikhese yonke indlela yokukholelwa enkolweni yomoya(spiritual power).
93.Kufanele izimishini zizame ngawo wonke amandla ukuba zikukhiphe kumuntu omnyama ukuthi khona into eyidlozi noma abaphansi, noma amandla angaphezulu kokuqonda komuntu(mystic power).
94.Okokuqala kwathiwa izimishini umuntu omnyama, they must teach him to read, but not to reason!
95.Inkinga-ke yokuba ngumKrestu ongumuntu omnyama isuka lapho. Imfundiso yokukholwa uyithatha esizweni esiyisitha sakho, bese ukukholwa kube yinto okufanele wena iku- “brain wash” ukuze isize lesi sitha sakho!
96.Abafundisi besizwe sakithi baqala ukufundela ubufundisi kwabezizwe, bese bethi uma sebebona ukuthi abantu abamnyama sebengopoli babo, lobu bupoli abafundisi abamnyama bekwedlulisele ebandleni lonke!
97.Uma ngibuyela kulentombazane eyi X-Satanist, ethi manje isisindisiwe, isigcwele, okokuqala ayazi ukuthi umuntu ongcwele ngumuntu ohamba ngezimiso zikaJehova, okusho umuntu ogcina imithetho kaJehova njengoba yalethwa kithi nguMose.
98.Lentombazane nebandla layo abaligcini isabatha, othe uJehova umuntu ongaligcini iSabatha akafe, bagunda amakhanda abo, bayazindla izingulube.
99.Bayabemukela ongqingile othe uJehova uma kutholakala owobulili obufanayo beza ucansi bodwa ababulawe.
100.Okuseqinisweni awukho umthetho kaNkulunkulu njengoba ubhalwe ku Old Testament abawugcinayo, kodwa kulemithetho bakhuluma nje ngama G. Strings nokufaka ibhulukwe komuntu wesifazane,
kodwa imithetho eyisono esikhulu abakhulumi ngayo! Kungani?
101.Inkinga ukukholwa okufundiswe njengo poli; ukulandela lokho okushiwo ubasi wakho kodwa ungazi lutho ngenhloso yakhe!
102.Awukho umthetho kaNkulunkulu owasala ngenkathi abazizwe beyichitha, kuphela abawushiyayo yilowo abawusebenzisa to strategize ukufinyelela kulokho abakuqondile.
103.Ukufundisa ukuthi idlozi alikho, akuyi khona ukugcina umthetho kaNkulunkulu njengoba amaKrestu ecabanga kanjalo,
kodwa ukuqeda ngenkolo yemimoya, eMystic System noma iMystic faith, lokho eyenza abamnyama babe nesibindi namandla okulwa nabamhlophe.
104.Lokho kwakubhalwe encwadini ka King leopold11 eyayisuselwa emhlanganweni owawuse Belgium.
105.UNkulunkulu wakusho ukuthi singawahlabeli amadlozi, nabo bonke abaprofethi, kuhlanganisa noShembe, bakusho ukuthi singawakhonzi amadlozi, ngoba ebandleni likaJehova kukhonzwa uJehova yedwa, kodwa akukho eBhayibhelini ukuthi idlozi alikho.
106.UShembe wakhuluma kanje ngobukhona bamadlozi:
“Siyakholwa ukuthi kukhona ukungena emzini oyingcwele, lapho kubuthene khona abaseKuphakameni; kuJehova uMnini`mandla onke, uYise wabamkhonzayo.
107.Kulomuzi akungeni noma munye ogama lakhe alilotshiwe encwadini yokuphila.
108.Namuhla ngiyafisa ukuba nazi ngabafile, ukuze lowo nalowo alungise indlela yakhe; ngokuba kwelizayo kukhona ukuphila kanye nokufa.
109.Abafile yilabo abangangenile emzini oyingcwele; ngenxa yokuhamba kwabo obuse bumyameni; bafumana ukufa okubuhlungu, okungukufa kwesibili.
110.Abaphilayo yilabo abazuza umusa, iNkosi ebavusa bengakwembethe ukubola, ibangenise emzini oyingcwele. Labo yibo abalidlayo ifa lombuso wezulu.
111.Ngizwile abanye bethi ofile ufile. Angazi noma wake wakufuna yini ukuthi kwakuyini ukuvuswa kweNkosi emathuneni? (1 Petro3:18-20.) Uma iNkosi yavuswa, kukhona ukuvuka kwabafileyo. Nxa kungekho ukuvuka kwabafileyo, kavuswanga naye uKrestu.
112.Nxa nithi nina bokukholwa, nimunye naye, nikuphika kanjani okuyiqiniso; nikuphika kanjani ukuthi okholwayo egameni likaYise, nelaKhe, neloMoya, naye uyovuka, ngokuba emunye nowavukayo?
113.Nina bantwana baseKuphakameni, yazini lokhu namhlanje; ubusisiwe ongamthuki uyise nonina athi bangamadimoni, njengokwenza kwabangaqondi; bephendukezela ivangeli, belenza indaba yabo yomdlalo.
114.Kuhle ukuba ngisho kini ngithi, indawo yabaphilayo ikhona kini, kanye neyezingelosi. Ohamba ngokulunga, iNkosi iyomvusa, imngenise eParadesi, okungumbuso wayo osekuphileni okuphakade.
115.Ngiyazi ukuthi abafile bayisihibe kwabaningi, ngenxa yokweqiwa uthando lwabo. Kuhle ukuthanda umzali wakho nesihlobo sakho; lokho akukubi kuJehova.
116.Kodwa ningaweli ekubathandeni okwedlula uThixo, funa niduke, nenze okuphambene nomyalo enginiyala ngawo, nenayalwa ngawo ku-Mathewu 10:37.
117.Nizwile emthethweni wayizolo ukuthi anisekuwakhonza amadlozi, nomthetho othi anisahlangani nabafowethu abenza okunjalo; ngoba abenza okunjalo bayanengeka kuJehova.”
118.Ngaso leso sikhathi babuza oNkwanyana noMzelemu, bathi: “Nceku yeNkosi, angenke sisahlabela okhokho bethu na?”
119.Waphendula uMprofethi wathi: “Cha bantwana bakaNhliziyo, okwenu kuhle ukuba nibakhumbule elatini elikhulu, emzini kaJehova eKuphakameni, kunokuba nenze njengalabo abangenaye uThixo.
120.Bantabami, ukufika kwethu kulomhlaba, kwaba ukuzokhulula amathambo alele othulini lomhlaba, nemimoya yawoyihlo entuntayo; eyayihlala emathanjeni njengezinyoka.
121.Sesifikile thina boShembe, oyihlo bavuka emathuneni, bahlabelela bethi, “Kade sivalelwe, deda singene, simkhonze uJehova, namuhla avuliwe amasango.”
122.Uma ngabe abantu babazi, babezobuthana kanye nathi eKuphakameni; sikhalele abasekufeni, ngoba basosizini.
123.Sasizonxusa ukuba bagezwe, bathethelelwe izono zabo, bangene eMzini oyingcwele.
124.Namuhla yilowo nalowo akanxusele uyise nonina kuNkulunkulu ukuba bakhunjulwe ekudingisweni, babuyiselwe e-Eden elinguMoya wakhe, ethembeni elisha.”
125.UMprofethi wabe esekhuluma indaba ka-Lazaro nesicebi ethi: “Omunye wayesekuphileni, omunye esekufeni.
126.Osekufeni wakhala enxusa ukuba kuthunywe osekuphileni ukuba azopholisa ngomunwe oshayo ekufeni.
127.Bantabami, wala ukhokho wabo, wathi olaphaya akezi ngapha, nolapha akavunyelwe ukuza ngapho.
128.Isicebi sanxusa ukuba sivele noma ngephupho ukuze sibike ngalesi simo.
129.Yebo isicebi sasiludinga usizo, yikho sabheka emhlabeni ukuba basixolisele, basikhumbule elatini likaThixo ezweni lakubo.
130.Bantwana bakaNhliziyo, kukhona isigodi sosizi, kukhona abanhliziyo zabo zisekwahlulelweni, abasacashile nje, kodwa abalindele ukugwetshwa. Labo-ke yilabo abangamthandi uThixo!
131.Uma abalindi bebopha isigelekeqe, besivalela etilongweni, usihlawulela kuso noma kosibophile?
132.Yebo isaphula mthetho sishweleza enkosini yomthetho, asishwelezi kuso; kanjalo nakoyihlo benu abasekuboshweni, nxusani iNkosi yomthetho ukuba ibageze, ibephule ematilongweni.
133.AbaseKuphakameni abasiwo amadlozi, abayizo nezithutha; bangaba ngcwele, ngokuba bahlezi nongcwele, ebungcweleni bakhe.
134.Kanjalo abaphandle komuzi weNkosi enkulu, yibo abangamadlozi, abafuna okwabaphilayo; ngenxa yosizi abakulo, ngenxa yokungabi nandawo.
135.Akukho okunye eningabasiza ngakho nina zizukulwane zabo, ngaphandle kokucela ukuba bahlanzwe, bathethelelwe, bangeniswe emzini oyingcwele.”Amen!
136.Kulezintshumayelo uMprofethi uyachaza ukuthi abafile bakhona, okungumehluko ukuthi kukhona abasemzini oyingcwele, bese kuba khona abasekuboshweni.
137.Lapha kukhuluma uMprofethi, abuye asinike izincwadi zabanye abaprofethi ezifakazela akushoyo.
138.Manje abasindisiwe bakutshelwa ngobani ukuthi umuntu ofile ufile, asikhohlwe ubukhona bakhe?
139.Bayaye becaphune incwadi kaMshumayeli eyinkulumo eyisingathekiso, bese beyeka izimfundiso zikaYeshua nabaPostoli.
140.Lemfundiso yokuthi akuchithwe ukuthi umuntu ofile enyameni uyaphila emoyeni, yimfundiso yabezizwe eyakhelwa ukuthi abantu basuke kuyi Mystic faith ngoba kumakholwa ibuyisa uNkulunkulu wamaHebheru, kwabangakholwa ibuyisa ukukholelwa kwabaphansi!
141.Le imfundiso eyahlalelwa phansi eBelgium ngo 1883. Yaqhutshelwa kuma Missionary ngencwadi ka King Leopold 11 yango 1883.
142.Amakholwa akithi ashumayela ivangeli abangalazi inhloso yalo ukuthi ngalo ukuthobisa isizwe sakithi!
143.UShembe ukuchazile ukuthi kungani kungafanele thina sihlabele amadlozi.
144.Akulona iqiniso ukuthi amadlozi akekho, kodwa uMprofethi uthi abangasekho asibanikelele elatini emzini waseKuphakameni.
145.Uthi uShembe amaNazaretha akasiwo amadlozi, kodwa akasho ukuthi amadlozi akekho, amaNazaretha angaba ngcwele ngoba ezulwini bahlala nongcwele, okunguJehova.
146.Umuntu ongcwele ngohamba ngokwezimiso zikaNkulunkulu. Angazi-ke ukuthi abasindisiwe bahamba kanjani ngezimiso zikaNkulunkulu uma bengawugcini umthetho kaJehova.
147.Bengaligcini isabatha, begunda, bengena nezicathulo endlini kaJehova, bedla zonke izilwane ezenqatshiwe ukudliwa ngomthetho kaJehova, nokunye.
148.Yikho-ke ngithi inkinga yamaKrestu ukuthi akamkhonzi uJehova, ngoba abawugcini umthetho wakhe, basayilaba abantwana bakwa-Israel abahlubuka uJehova.
149.Lokhu abathi ukukholwa bakulethelwe ngabezizwe, vele abayizitha zikaJehova!
150.Uma uJehova ethi gcina iSabatha, bese abezizwe bethi ungaligcini isabatha, amakholwa asenkolweni yabezizwe bayaku yeka ukugcina isabatha, bese benza lokho okushiwo ngabezizwe, yize ekubona ukuthi kuphikisa umthetho kaJehova.
151.Uma uJehova ethi asingabakhonzi abangasekho, bese abezizwe bethi akekho amadlozi, bayakuyeka lokhu okushiwo nguJehova, nabo bese bethi idlozi alikho!
152.Njengabantu abamnyama, asilwele ukuba singaba yibo opholi babezizwe, nathi sikwazi ukuzicabangela, senze lokho okushiwo ingcwandi engcwele, singavumi ukwenziwa idwashu zezinye izizwe!
Inkosi ibusise lokho enikuzwile!