Skip to content

ULIBO-FUZO LWASEZULWINI

Ngenhlanhla enkulu uJehova wasithanda sahlala kulokhu kukholwa. UNkulunkulu emkhulu wagcina esibonisa ukuthi ukuza kwethu kulelibandla asibizwanga ngumuntu, kepha nguJehova.

Intshumayelo yangeSabatha mhlaka 08 April 2023. NguMshumayeli Sizwe Thusi.
 
ISIHLABELELO 143
Isikhonzi senhlupheko sasise Vunizitha kwazulu ngomhlaka May 27, 1927, kwafika lesi sihlabelelo.
 
1 Ukukholwa kwethu
Kulobu buNazaretha,
Kuyilidwala elibushelelezi
Lehlula abaningi.
 
2 Wena uyathanda ukusilandela
Lapha siya khona,
Uboqala uthenge isibindi
Lapha siya khona.
 
3 Indlela incinyane
Inamatshe inameva
Ihanjwa ngabambalwa
Lapha siyakhona.
 
4 Imbala unaso isibindi
Sokuhamba ngaleyo ndlela,
Idwala elibushelelezi
Lehlula abaningi.
 
5 Wozani maqhawe
Hlabani umkhosi,
Niwavikele amagwala
Hlomani ngamandla.
 
1.Ngiphinde ngibabingelele abangcwele. Ngiyabonga ithuba engilitholile, okungelula khona ukuma lapha ngezizathu zokuthi abangcwele sebebaningi kakhulu, sekuyesabeka, sesifunde kakhulu okuningi lapha ekhaya. Akuselula nje ukuthi usukume ushumayele ngendlela yakudala le ebekushunyayelwa ngayo.
 
2.Ngiyabonga bangcwele ukuthola ithuba, ngicela ukuba uNkulunkulu kaShembe angiphe amazwi engizowakhuluma phakathi kwabangcwele. Isihloko engifisa ukukhuluma ngaso, sithi ‘ulibofuze lwasezulwini.’ Ngibuka ukufika kwami kulelibandla, ngihlale kuze kufike manje. Ukuthi ngangingesiye umuntu owake wayiphupha indawo efana nale phambilini, ngangingakaze ngicabange nje ukuthi ngingahlangana nokukholwa okufana nalokho.
 
3.Uthi uBaba wami esezodlula emhlabeni ngimtshela indaba yalokhu kukholwa, uthi ngangingazi ukuthi ungayithanda lento yokukholwa. Manjeke umuzwa nami enganginawo. NgiseseBuhleni bengiwumuntu okhona nje phakathi kobuNazaretha, kodwa i-sense bekungayenzi kahle ubuNazaretha kimi, ngoba bekuhlangene izinto eziningi kakhulu.
 
4.Bekuhlatshwa ngapha, ugcine ungazi ukuthi ikuphi okuyikhona. Kodwa ukuhlangana nendaba kaNkulunkulu ngiqale ngoba sengizwa indaba kaBaba uMelusi. Ngebhadi ngangingakaze ngimubone uBaba eseseBuhleni, angazi kwakudalwa yini ngoba ngisho UBaba uZimu wayesondelene noBaba uMelusi, akaze ngizwe nje ekhuluma indaba kaBaba uMelusi nangelilodwa ilanga. And umuntu lowo ebengisondele naye kakhulu.
 
5.Manjeke kwakungelula nhlobo, kodwa ngiyaye ngibone ukuthi uNkulunkulu wahlela izinto zakhe, ngoba uma ngizibuza namhlanje ukuthi ngabe ngikuphi ukuba angikho kulokhu kukholwa, anginaso isithombe esicacile ukuthi ngabe ngikuphi. UNkulunkulu akazange aze angilahle noma isidingo sokukholwa ngangingasiboni, kodwa uNkulunkulu waba nami njalo ngaze ngafika lapha.
 
6.Uma ngifunda umthandazo weSabatha sikhula, kunevesi laphana, ngicabanga ukuthi uvesi 27 emthandazweni weSabatha, ngicela silifunde ngoba langithatha kakhulu, ngali question ngezinto eziningi. Umthandazo weSabatha vewerse 27. “Akekho omunye uBaba owasidalayo, akekho nomame owasencelisayo, nguJehova kuphela” Amein. Akekho uBaba owasidalayo, akekho nomama owasencelisayo, nguJehova kuphela.
 
7.Lento uma ifundwa emthandazweni weSabatha, noma uma ubaba ekunikeze isihlabelelo wathi funda umthandazo kuwuLwesihlanu singenisa umthandazo weSabatha, ngangike ngiqalaze uma ngifika kulamazwi, ngiqalaza abazali bami ukuthi hawu uShembe wabhala into enje, bangathuka ngoba ngibona engathi ayisilo iqiniso lento, kodwa bakhululekile.
 
8.Ngoba naba ngiyababona phambi kwami kodwa uShembe uthi akekho ubaba owasidalayo, akekho nomama owasincelisayo. Lento ngakhula njalo uma sidlula kulelivesi leli, ngibe nemibuzo njalo uma sidlula ngoba ngibona nasethempelini bonke abazali ayibathusi lento, kodwa ngiyazibuza ukuthi isho ukuthini lento eshiwo uShembe.
 
9.Ngelinye ilanga uma ngilahlekelwa abazali, ngaphoqeleka ukuthi lamazwi ngibuyele ngiwafunde bese ngiba nokuwakholwa ngoba ngizibuza ukuthi uNkulunkulu engangithathela kanjani abazali uma ephila kahle. Ngine anger, kodwa ngokuhamba kwesikhathi ngazibuza ngathi kodwa uShembe wayengeke ayibhale lento uma ingamanga kodwa kuphela ukuthi manje angazi ngiyozi prove kanjani ukuthi ngampela ngampela akekho ubaba owangidalayo nomame owangincelisayo.
 
10.Kodwa ayi indaba kaBaba uMelusi nendaba yalapha e-NCG, ngahamba nje ngingazi ngayo, sengidelile futhi indaba yobuNazaretha, ngizicikekele ngoba ngathi ngithi ngiyonikela ngafika ngabuzwa imibuzo eminingi. Kwathiwa baphi abazali bakho, ngathi ngiyaphendula, ngathi ngingakaqedi, ngiyazi lo enganginikela kuye wayengangizwile, wathi nakhoke, nayi inkinga. Hamba abazali bakho ubenzele ukuthi nokuthi nokuthi.
 
11.Ngangayizwa kahle lento, kodwa manje ngoba uZwane useyishilo, ngahamba, ngabucasukela nje ubuNazaretha ukuthi hawu le nkolo kanti yini inkinga yayo. Kuyahlatshwa la, kunuka izikhumba, sifakwe iziphandla, sifakwe izinyongo, lento ngiyibona iwukungaphucuzeki, kodwa futhi uma ngithi ngiyonikela, ngikholelwa kubuNazaretha, ufike lapha, kuthiwe hhayi ayikho into engizosizakala ngayo.
 
12.Hhayi ngakhuleka, ngoba ngangikholwa ukuthi uNkulunkulu ukhona, ngaze ngafika lana engiya khona eGoli. Egoli futhi ngafike ngazihlalela kuma Suburbs, angikaze ngibone ngisho elilodwa iNazaretha la engangihleli khona and alikho elalingangithola nje, uma kuthiwa mhlawumbe liyangibhekake, hhayi akekho owayengangithola, till kuze kufike uMfundisi uNtuli, hawu uMfundisi uNtuli uselana.
 
13.Uma efika, ngicabange ukuthi eyi konje uyiNazaretha konje, kwaqondana ukuthi kade bengiposele enye i-disk, i-CD yezinye izimanga nje. Kodwa ngiyayibuka le CD, ngithi hhayi ngoba uMfundisi ukhona, izinto zakhe, akathi uma efika la endlini, ngimunikeze le disk ayibuke. Kodwa wayehlala kwenyeke indawo ngaleso sikhathi, ayi salwa ukuthi aka apply sizohlala ngapha ngoba la owayehlala khona waye share, ngithi mina hhayi no, asizame ukuthi ufike ngapha ukuze uhlale uyi 1 endaweni yakho ngokwazi ngokuthi njalo uyiNazaretha. Afike uMfundisi uNtuli, kodwa ayibuke lento engimtshengisa yona. Bese ethi ngelinye ilanga kimi usaya esontweni, asho ngoLwesihlanu. Ngithi hawu kodwa uNtuli wazodala inkinga, uya esontweni, uzolitholaphi isonto la?
 
14.Waya la aya khona, wabuya bemhlawulisile, bafika bamhlawulisa kakhulu efika bengamazi, luphi ubhoko, uphi umqhele, bamkhokhisa, uyabuya uyasho ukuthi wehlelwe yini. Ngithi mina uyisukelelani lento ngoba sihlukene nalento, ubeyaphi, bamkhokhisela umqhele, bamkhokhisela yonke into.
15.Sahlala isikhathi, angazi ukuthi kwadalwa yini, kodwa savele sathengelwa enye indawo, basihlanganisa-ke, sahlala nayeke egumbini elilodwa. Uma sihlala naye uMfundisi, siyabuka izinkonzo ezinye nje engizidlalela zona, bese kuthi ngelinye ilanga sekuhambe isikhashana, ebese ethi ake sifake le nkonzo le. Wafaka inkonzo kaBaba yasokhozini, Kwathi uma kuthiwa nje ‘izwi le zulu’, engangitshelanga ukuthi inkonzo yamaNazaretha, ngangingalindele nje ukuthi kungadlala anything yamaNazaretha engingake nje ngiyilalele, engakhanda umqondo.
 
16.Nalo uKhozi ngangingasiye umuntu olilalelayo ukuthi nje kungathiwa ngiyizwile inkonzo, ngoba bengilalele uKhozi. No, indawo engangikuyo nje, ngangizihlukanisile nezinto eziningi ngicikekile kakhulu. Kodwa kwathi uma kungena ‘izwi le zulu’, ngezwa umzimba wami wehlukile, hawu ngathi mina, le ngoma eyaphi, ngoba ngiyayizwa ngathi eyamaNazaretha, ngoba ngiyaqala ukuzwa isihlabelelo ‘izwi le zulu’ nje empilweni yami. Wathi umfundisi ‘ake silalele.’ Kwathi uBaba uma engena eshumayela, kwangathi ngiyaqala ukuba semhlabeni. Ngazibuza ngathi kuMfundisi ubani lo Baba, wathi uMfundisi, hhayi uMfundisi uMpanza, ngathi uphi? Wathi hhayi ukhona eThekwini, ngathi eThekwini, kuphi naseThekwini, wachaza uMfundisi.
 
17.Wathi hhayi ngiyamazi sikhonza naye, ngaqala ngathi: “Mfundisi, akusilo iqiniso leli olishoyo, kade ethuleleni sonke lesi isikhathi, ngoba besinaye uMfundisi eThekwini emyakeni yo 2008, 2009, ebhizi elungisa umsamu enza izinto eziningi, kungani engayikhulumanga lento, ngaxakeka ukuthi iqhamukaphi lento. Kuthe ngelinye ilanga kuyi Sunday futhi wafaka enye i-DVD kaMkhokheli-ke manje, uMkhokheli laphana echaza abantu uma beshona bacushwa.
 
18.Yeyi nayo futhi yaphinde yangithatha, kuthiwa lo mfana owayeshonile wacushwa, kwakusuka i-roof yeza yaze yashayeka emathuneni. Yangithatha lento wayeshumayela uMkhokheli ngento engiyaziyo. Ngathi hawu, uBaba ngapha amadlozi, ngathula, ngapha uMkhkheli umuthi, izinto ezimbili lezo ebengizazi. Ngathi, ayi, no lokhu kukholwa kusha!
 
19.Ngaqala lapho ukulandela, wangitshela uMfundisi ukuthi hhayi kune Facebook page, ngayilandela i-facebook page, ngabona ukuthi into ekade ngiyifuna sonke lesi sikhathi, kodwa ngangingazi ukuthi ngiyayidinga. Kwafika la uBaba uMelusi echaza khona yonke into, ebese echaza ukuthi uthunywe ezulwini, kwafika ingelosi ngonyaka othile. Laphoke ngaphinda futhi-ke nganenkinga-ke, futhi ingelosi? Kodwa inhliziyo yami noma umqondo wami ungafuni ukukholwa, kodwa kwakuphinde kuvuke leyanto eyayivuka uma kudlala Izwi lezulu.
 
21.Njalo uma kunento engingayi kholwa kulezintshumayelo, kwakuvuka leyonto, nezinwele futhi zishwaqe, bese ngikholwa ngithi hhayi lento ikhona. Manjeke njalo uma ngithi ngiyaphika ngomqondo wami yonke into, kwakukhomba ukuthi umzimba wami, kunenxenye yomzimba wami evele ivume. Ngalandela bangcwele kodwa umoya wami wakhomba ukuthi ufuna ukuba lapha, noma umqondo wami wawubhalansile, ngimbuka uMfundisi Ntuli ehamba ebuya, ngithi mina eyi uMfundisi uyazihlupha kodwa ngalento.
 
22.Manjeke kwafika isikhathi la engathi khona no, angiyiboni into engihlalele ngoba ngiqhamuka emndenini oneyinkinga, and lelizwi ngendlela esengilizwe ngayo, lokhu kukholwa ngendlela esengikuqonda ngayo, ngingajabula uma ngase ngibe phakathi kwalokhu kukholwa bese kuthi ezinye izinkinga nezinkinga ezingehlelayo, zingehlele kodwa ngiphakathi kwalokhu kukholwa.
 
23.Ngangingenakho ukuthi uma ngifika la zizophela izinkinga, nganginomfwethu ngaleso sikhathi, ngamtshela ngalokhu kukholwa, ngathi eyi mfo, kunokukholwa okukanje, ngimchazela yonke into, ngithi kufanele siye kulelibandla leli, yena ubeseThekwini ngaleso sikhathi. Savelelwa ingozi naye, sadutshulwa washona. Kodwa ngalelo langa ebusuku, sadutshulwa ngabo 8, ngo 10 ngafonela uMfundisi uNtuli ngathi sesehlelwe into ekanje, wathi umfundisi ibike kuBaba uMelusi. Ngathi uma ngikhuluma noBaba ngathi ngiyeza e-Pinetown, ngizoyibika lento, umfwethu ngaleso sikhathi wayengakashoni, wayesesesbhedlela. Manje uma ngithi ngiyeza, kwavela inkinga washona, ngathi mina yini engisayiyela le, ngashiya phansi nje.
 
24.Kodwa ngase ngizibuza ngathi kuzoze kube nini ngithi ngiyeza e-NCG ngingafiki, ngize ngivelelwa ile nkinga, i-idea kwakukuthi uma ngithole ithuba ngaba phakathi kwalokhu kukholwa. Noma yini eyongivelela la, ngiyoba happy kodwa uma ngiphakathi kwalokhu kukholwa and uMoya wami ngangizwa ukuthi ufuna lokho kuphela ingqondo yami yayilokhu ingibambezele.
 
25.Nanokuthi ngangikholwa ukuthi baningi abathi bazolizwa lelivangeli bese siza sesiyi group, kodwa abantu babengalizwa nhlobo. Babethi hhawu ususindisiwe, hawu ngivele ngijabhe, ngithi hawu kukhulunywa ubuNazaretha la, uBaba wayebuchazile ubuNazaretha into esasingayazi, esasingakaze sichazelwe yona. Hhayi ngelinye ilanga bese ngimutshela uMfundisi ukuthi no, ake siye enkonzweni, ngalelo langa ngashiseka kakhulu mhla ngiza nje okokuqala ngoba ngafika emini.
 
26.Ngasuka ePitoli ngabo 2, ngajima ngibheke eSoweto, ngafika eSoweto, hhayi ngabafica abangcwele ngajabula kakhulu. Kanti ngesonto elilandelayo, ngizofika omubi engilindile, kodwa ngangingazi ukuthi omubi. Omubi wangibhekisa phansi, wangibhekisa phezulu, ngathi kuMfundisi hawu ngeza kanzima kanje, ngafika la ngahlangana nomuntu wangihlupha kanje.
 
27.Ngazibuza sengikhona ukuthi, njengoba ngihlushwa kanje la, yini ngingayeki, kanti ubani ongiphoqile la ukuthi ngiyeke, kodwa futhi uMoya wami wangavuma wathi hhayi angikwazi ukuyeka. Ngathi ngihlushwa kunjalo, ngathi ngisenze imihlangano mhlawumbe emibili, emithathu. Kwavele nalapho eThekwini kwaxebuka ingxenye enkulu engase ngiyithembile. Engase ngibone ukuthi hawu kuyakholwa la ngoba khona obani, benza ukuthi, kukhona nobani, kwavele kwaxebuka lento engangibone engathi injinike la. Ngathi hawu yini futhi esiyenzeka. Uma ixebuka leyo ngxenye, kwabanzima kakhulu, leyonto mhlawumbe yathatha isikhathi esingangonyaka, kuliwa nje nayo, isikhathi esingangonyaka.
 
28.Senza umnikelo eGoli ukuthi uNkulunkulu asikhumbule, singahlubuki, sibe nophawu lwasezulwini, sibe nolibofuzo lwasezulwini. Hhayi ngezwa ukuthi kunzima la. Kodwa ngangingakaze ngibe sesimeni esikanje eBuhleni, ngavele ngazosukela ukukholwa, ngazoba sesimeni esinje. Kodwa umoya wami ulokhu usho njalo ukuthi inkulu lento esikuyo noma bengaba bancane, kodwa inkulu lento! Sasisebancane naseGoli.
Ngabona ukuthi kunzima, wathi uBaba, kufanele niqaphele, ningahlubuki, sakhuluma sonke ngaleso sikhathi sathi hhayi Baba ngeke, ngeke sihlubuke. Wathi uBaba kufanele niqaphele umoya omubi.
 
29. Ngize kanzima la kodwa omubi usefuna ukungikhipha kalula nje kanjalo. Yeyi ngithi uNkulunkulu uyasithanda kakhulu, umnikelo esawufaka safuna ukuba nophawu lwasezulwini noma sasingakholiwe, noma kwakungasifanele ukuba lapha kodwa sahlala kuze kube manje. Ngangilokhu ngigadile ngoba ngangingazi ukuthi umuntu uma ehlubuka ucabanga kanjani. Kodwa ngangilokhu ngigadile ukuthi mhlawumbe ingqondo yami izophambana noma kukhona ukuhlanya okuzofika, ngangilokhu ngigade lokho. Ngizibuza ukuthi ikhona yini into e-negative efikayo noma mhlawumbe ngiyazizwa engathi ingqondo yami ayisathathi kahle, ngoba ngangikugade ndawo zonke ukuhlubuka ukuthi mhlawumbe ngizokubona, mhlawumbe uNkulunkulu uzongipha ngikubone kufika.
 
30.Ngenhlanhla enkulu uJehova wasithanda sahlala kulokhu kukholwa. UNkulunkulu emkhulu wagcina esibonisa ukuthi ukuza kwethu kulelibandla asibizwanga ngumuntu, kepha nguJehova. ngafunda ukuthi uma ufika phakathi kwendawo ubobuka ukuthi uNkulunkulu uthini, lameva alokhu ekuhlaba endleleni, indlela uma isavulelekile ukuthi uhambe, kufanele ukuthi uhambe, ungahambe uthiywa izinto ezingathi shu.
 
31.Kephi uphawu lwasezulwini iyonanto ekufanele ukuthi siyiqaphele kakhulu ukuthi sibe nolibofuzo lwasezulwini.
Abantu abaningi engiyaye ngihlangane nabo, bayaye bevele bethi uyiNazaretha noma bengangazi. Omunye engihlangane naye uvele wathi: “Eyi bhuti uma kungathiwa awusilo iNazaretha ngingamangala, kuyakufanela ukuba iNazaretha.” Kukaningi abantu behlangana nami besho leyonto, ngiphumile kwesinye isikhathi ebuNazaretheni, ingekho nje into engihlanganisa nobuNazaretha ngaleso sikhathi, kodwa ulibo lobuNazaretha lwasala!
 
32.Manje ke ulibofuze lwasezulwini, noma ungathanda kangakanani, ungagunda izinwele kangakanani, kodwa kuyohamba kuhambe kuvele, kuvele kwaze kwagcina la nami esenginothisa khona, ukuthi hawu lento kushuthi ikhona. Manjeke, kuningi okwenzekile sengiphakathi kwalokhu kukholwa, esingathi uma sikhuluma ngakho lishone ilanga, ngibona uNkulunkulu enza izinto, ngizibuza ukuthi hawu kwenzeka kanjani lokhu?
 
33.Ngifike kulokhu kukholwa, kuthiwa uNkulunkulu uphendula ngesinye isikhathi, kodwa ngafika kulokhu kukholwa uNkulunkulu ngamfica ephendula ngaso leso sikhathi. Ngafica uNkulunkulu ngaso sonke isikhathi uma ukhala ngento ethile, uma unikela, leyonto uNkulunkulu ayiphendule, ebese ethi uBaba uMelusi, sihamba noNkulunkulu, lokho ungakungabazi.
 
34.Manje ngiye ngibuke isigameko esikhulu esiye sehla phakathi kwethu, ngo 2020, nge Covid 19, wonke umuntu la owayephelelwa khona ulayini. Uyabona uma kukhona ngisho udokotela aphelelwe nawulayini uma kuziwa ezindabeni zokugula, uyabona ukuthi sisenkingeni la e serious! Kodwa kukhona into eyenzeka ngaphambi kwalokho. Ngo 2018, ngicabanga ukuthi ngeyi 15 September saqala ukuba live ku facebook. Sase siba nesikhathi eside sibuka leyonto ukuthi iyiphi indlela engenza sikwazi ukuthi iGoli neTheku sikuhlanganise? sibuka o skype, sibuka yonke leyonto, sibuka izindlela ezazinzima kakhulu ezingahlanganisa iGoli neTheku, sikwazi ukuthi sibe senkonzweni eyodwa.
 
35.Kodwa kwavela kwafika ukuba live ku facebook, into elula kunayo yonke enye into. Sasingakaze siyicabange leyonto, ngathi mina uNkulunkulu into uyayenza uma esefuna ukuyenza, nithi nixakekile nibuka izinto ezi complicated, bese uNkulunkulu eletha into nje e-simple.
 
36.Kwakungu 2018 lowo, manje uma ungase uye kwi page lethu lika facebook uzobona ukuthi 2018 kufika ukuthi sibe live ku facebook, lento ngiyikhunjuzwa ukuthi kwasuka umsindo kakhuklu. Kwathiwa hhawu hhawu uMpanza wenzani, kwakhona abathi uqondeni ngalento oyenzayo, kwakhona abajabulayo kodwa kwaba nezinhlamba eziningi.
 
37.Kwafika la esitshelwa khona ukuthi kunezifo ezizofika, asinikele, nakho lokho kwangahlala nje ngendlela yokuthi sibe nje alert, sanikela nokho. Kodwa kuthe uma sekufika lokhu kufa, ngase ngibona ukuthi uJehova into yakhe uyayazi ukuthi wenzani. Ngike ngibabuze abantu abaningi, ngithi kubona, ngicela ukuthi uyongilandela ibandla elali live ku Facebook before 15 September 2018, ngicela ungilandele elali live ngaleso sikhathi. Alikho la e-South Africa, alikho!
 
38.Kunalokho omunye uMfundisi engambona wabhala incwadi, wathi angisakwazi ukushumayela, so, sengibhale incwadi ukuze abantu bethenge izintshumayelo zami through izincwadi. Ngabona ukuthi ushaye eceleni kakhulu, ukube ube live ku Facebook bekuzoba ngcono. Kodwa wayifihla lento uNkulunkulu kuzo zonke izihlakaniphi ezikhona, wayiletha lapha e-NCG, kuthe kuvaliwe ukukhonza, kuthiwa abantu abangahlangani, thina bekungashintshe lutho, thina besisenkonzweni yeSabatha, akukaze kunqamuke ukuthi sibe senkonzweni yeSabatha, kuze kube namhlanje, Covid or no Covid. Isimanga esikhulu leso esehla phakathi kwethu!
 
39.Ngike ngabona uNkulunkulu esindisa uMkhokheli omkhulu ngoba ngafika lana uMkhokheli bengijwayele ukubuka izinkonzo zakhe kuma video. Kuthi ngathi uma ngifika lana ngathola ukuthi izwi likaMkhokheli alizwakali manje ngendlela le ebelizwakala ngayo kuma video. Ngathi hawu nganebhadi, ngifika uMkhokheli egula kanje, angiboni ukuthi usazosinda, kodwa ngabona uNkulunkulu esemphilisile!
 
40.Kwafika isikhathi la uBaba egule khona, kwanzima, ngesikhathi sayo i-Covid, bafika abaholi e-Airport sabahlangabeza, la ebekugcwele khona i-Covid. Kodwa bebuye eThekwini, kodwa be taste negative kwi Covid, angikaze ngizwe kuthiwa sebethole i-Covid. UBaba wagula nginganakile. Kuthe ngelinye ilanga ngavuka ekuseni udaba lushintshile kwengilale kuyilona ngayizolo, kwathiwa angithathe uMa, siye ePitoli siyolanda uBaba.
 
41.Uma sifika kuBaba, bamu discharge uBaba, sangena emotweni, wathi uma efika endlini, wathi ufuna ukuya enkonzweni, kufanele ayoshumayela. Ngabuka ukuthi hhayi lento esikuyona inkulu kakhulu ngoba uBaba kulesi simo akusona, usacabanga ngokuyoshumayela. Ngaleso sikhathi ekuseni kwakushumayela uMfundisi uNtuli ekuseni, enkonzweni yasekuseni. Ubaba wathatha ifoni wayeyibuka inkonzo saze sayongena endlini. Kodwa uNkulunkulu emkhulu washumayela uBaba waba strong, yaphela inkonzo, wabuyela endlini.
 
43.Kodwa nganakho sengifika endlini ukuthi lento kanti ingakanani, ngoba abanye abaholi they are concerned about ukuthi bazotholani. umnikelo uthini, bahamba ngayiphi imoto, bahllala emzini onjani, kodwa abaholi bethu are concerned ngalokhu kukholwa esikukho. Njalo bafuna ukuthi uNkulunkulu asenzele lokhu nalokhuya, bakhathazeke ngathi! Bakhathazekile ngathi isikhathi esiningi ukuthi si-right yini la esikhona.
 
44.Uthi uBaba ngelinye ilanga, “yini ofuna ukuyenza?” usho kimi, kuvele kukhona engikwenzayo, ngadideka, uBaba ukhuluma ngani. Ngamtshela uBaba ukuthi hhayi ngifuna ukwenza umsebenzi ofana nalona. Ngangikalile ukuthi at the age of 35, ngifuna ukuphuma, ngoba ngangicasulwa nawukuthi uma uthi ukhuluma ngeyitabane, kungene i-email emsebenzini ithi ngingatholakali ngikhuluma ngenkolo noma ngikhuluma ngeyitabane.
 
45.Ngesaba ukubuza wonke umuntu ukuthi bayayithola yini le email noma itholwa yimi kuphela, ngezwa ngicasuka kakhulu, ngathi at the age of 35 kufanele ngibe sengiphumile kulento. UBaba wathi uma engipha isibusiso ethi iNkosi ikubusise, uyenze leyonto. Before the age of 35 ngilapha engikhona, kodwa ke udaba lolo lwangelinye ilanga, ngizama ukuveza ukuthi indlela abakhathazeke ngayo abaholi bethu ngathi inkulu kakhulu!
 
46.Ngisenesikhashana ngisazothi nje iminyaka before ngifike ku-35 kodwa lento engayicela kuNkulunkulu, ngiyibone yenzeka ngingayilindele, yaqhamuka futhi ngesinxele nje. Kodwa ke udaba lwangelinye ilanga, ngizama ukuveza ukuthi abaholi bethu bathi kimi: “Hamba uyokwenza ukuthi, wenzele thina, ngisho ibhasi wathi uBaba: “no, le Motorhome le, ngifuna ukuthi manje ilayishe amaNazaretha, ibhalwe ukuthi ízwi lezulu.”
 
47.Eyakhe ebezihlalela kuyo uBaba, ezibukelela umgidi nayo yonke into, wathi ngifuna kube eyebandla. Uma ngibuka le ndlu ekhandwa ngalena yesonto, indlu ka Jehova, does it look like abaholi bafuna ukuhlala kuyo, ba relax kuyona? It doesn’t look like that. Kodwa kumuntu ombethwe omubi imicabango yakhe, ucabanga kanjalo, ubona into wena ongayiboni, ne impossible. Hhayi uzothi eseyakhile, hhayi athi uhlala kuyo. Hhayi indaba yalendlu ayikho!
 
48.Kodwa futhi uma ubuka ukwakhiwa kwalendlu kusa involve thina. Lo muzi esikhonza kuwo namhlanje iNqobizitha, omunye wayengathi hhayi hhayi zamani enye indawo, kodwa sila namhlanje. Manje yikho ngithi kuyaye kuthuse izinto ezikhulunywa ngabantu, kodwa nje lokhu okuncane engikwenzayo, ngiveza ukuthi not even one day la engavuka khona abaholi bethu bafuna okwabo, njalo bafunela thina.
 
49.Bathi ungangenzi ukuthi, angikufuni ukuthi mina, mina ngiphathwa kanjena mina, mina ngi treat(wa) kanjena, angikaze ngivuke kunento efana naleyo. Kodwa abanye bayaye bazenze into enkulu. Uthi omunye ephuma lana, uthi thina savele saxoshwa nje njengezinto ezingelutho. Ngithi mina, kanti uyini? Akaphenduli. Bamile lapha, uthi ngeke sivele sixoshwe nje njengezinto ezingelutho. Yini wonke umuntu uma efika endaweni kaNkulunkulu, ebona abantu behlangene kanje, uyaye ebheke ukuthi iyiphi ibhathini azolawula ngayo naye la?
 
50.Uyababona abaholi, kodwa ufuna elakhe ibhathini azolokhu elipresa la ehlupha abantu, esho ukuthi mina ungangenzi ukuthi, kwasho kwacima, lelo bhathini liwukuhlubuka! Bese uzibuza ukuthi ufika kanjani phakathi kwabangcwele u concerned ngawe ngoba ube nesikhathi sokuthi ube concerned ngawe use le kude, hhayi la.
 
51.Ngizocela sengizovala incwadi kaJoshua 4 verse 1-7. Le ncwadi sike sayithola ngesonto eledlule kuMfundisi, ingithinte kakhulu ngoba ikhuluma ngento ebalulekile.
Joshua 4 verse 1-7. “1Kwathi lapho isizwe sonke sesiwele iJordani saphelela, uJehova wakhuluma kuJoshuwa, wathi: “Zithatheleni amadoda ayishumi nambili, indoda ibenye ngesizwe, niwayale nithi: ‘Zikhipheleni lapha phakathi kweJordani, endaweni lapho izinyawo zabapristi zazimi khona ziqinile, amatshe ayishumi nambili, niwele nawo, niwabeke endaweni eniyakulala kuyo ebusuku.” UJoshuwa wayesebiza lawo madoda ayishumi nambili ayewakhethile kubantwana bakwa-Israyeli, indoda inye ngesizwe.
 
52.UJoshuwa wathi kuwo: “Welani phambi komphongolo kaJehova uNkulunkulu wenu, niye phakathi kweJordani, netshathe, kube yilowo nalowo itshe ehlombe lakhe njengokomumo wezizwe zabantwana bakwa-Israyeli ukuba lokho kube yisikhumbuzo phakathi kwenu, kuze kuthi lapho abantwana benu bebuza ngesikhathi esizayo, bethi: ‘Ayini lawa matshe kini na?’
 
53.Anothi kubo: ‘Kungokuba amanzi aseJordani anqamuka phambi komphongolo wesivumelwano sikaJehova; ekuweleni kwawo iJordani amanzi aseJordani anqamuka; lawa matshe ayakuba yisikhumbuzo kubantwana bakwa-Israyeli kuze kube phakade.’” Amein,
 
54.Le ncwadi ingithinta kakhulu ngoba lapha ikhuluma about a notable event eyenzeka phakathi kwabo, eyenziwa uJehova. Isigameko esenziwa uNkulunkulu phakathi kwabo. Ngiyaye ngizibuze ukuthi into uNkulunkulu asenzele yona nge Covid 19, it’s either uyayikholwa noma awuyikholwa, kodwa kufanele sibe nesikhumbuzo aboyothi uma abantwana bethu besibuza, bese sibatshela ukuthi uNkulunkulu wenza isimanga, sasibona amanye amaNazaretha engcwaba ngapha nangapha, kodwa lapha e-NCG asizange sibe nayo leyo nkinga!
 
55.Noma ngingakholwa kodwa ukhona udadewethu owawa, mhlawumbe kwase kungo May/June ngathi hhawu Shembe mhlawumbe sekuyiyona i-Covid. Mina bengihamba kakhulu nge Covid ngoba benginane permit, akukho la engike ngavimbeka khona ukuthi ngihambe, kodwa angikaze ngibe nenkinga ye Covid, so, into enkulu leyo uJehova asenzela yona!
 
56.Angazi ukuthi singenza kanjani sibe abantu abakholwayo ngenxa yezigameko ezinkulu uNkulunkulu asesibonise zona! Kodwa ngalesi angazi kungenzeka kanjani ukuthi sibe nento eyi monument, ngoba abamhlophe uyaye ubone sebehlanganyele phambi kwe statue nje, isithombe, bebabaza ubuqhawe balowo General, bethi kwasha kwacima kwanjani. Thina uNkulunkulu esenzele into enkulu kangaka, kungani singemdumise?
 
57.Sekuyisikhathi uNkulunkulu wasenza lesi simanga phakathi kwethu, kufanele ukuthi kube khona into ethile esiyenzayo, eyoba isikhumbuzo esiyohlala ngunaphakade. Abayothi uma abantwana bethu bebuza, bese sibatshela ukuthi uNkulunkulu wenza isimanga, wasisindisa kufiwa, ungekho umjovo walolubhubhana, kungekho lutho, kepha uNkulunkulu waba nathi!
 
58.Manje siyadinga ukuthi kube khona into esiyenzayo, ayikwazi ukuthi iminyaka idlule nje, just like that and asikwazi ukuthi sisheshe sithule just like that. Kufuna lento ukuthi siyifundekele, uyayikholwa noma awuyikholwa kodwa kufanele ukuthi sihlale siyikhuluma ngaso sonke isikhathi. Kufanele ukuthi sibe nesikhumbuzo, sibe nendlela esizoyenza, ngoba it was a notable event, asikwazi ukuyiyeka idlule nje just like that.
 
59.Siyobe siyehluleka ukubabaza uJehova. Kufanele indaba kaNkulunkulu isabalale, kufanele indaba kaNkulunkulu siyishumayele, silekelele uBaba. Kufanele ukuthi amathempeli abe khona alokhu kukholwa esikukho. Kodwa asikwazi ukuthi sihluleke manje isikhumbuzo sokubabaza uJehova ngale Coivid19. Ngoba angazi ukuthi una singakubabazi lokhu, isiphi esinye isikhumbuzo as i-NCG, sibancane as we are ngokwesibalo, kodwa uNkulunkulu usenzele into enkulu kangaka emhlabeni wonke!
 
60.Kwakusuka ama billionaire emabhilidini phezulu ayoshayeka phansi, ezibulalela ukuthi ayisekho into azoyiphilela, ngoba umndeni wakhe usunqotshwe i-covid19 wonke. Manje ke wasikhumbula thina siyithi nje! Singazithatheli phansi, singazithathi kancane, uNkulunkulu wasibonisa into enkulu, uNkulunkulu wasenza sakhonza ngendlela ejwayelekile. Wakuhlela lokho ngo 2018, isifo safika 2020, wasikhombisa futhi ukuthi uyena obeyihlelile lento, futhi wagcina ukuthi uma kuthiwa nikelani ukuze lesi sifo singanibulali, uJehova wenza isiqiniseko ngokuba sinqobe lesi sifo!
 
61.Manje bangcwele inkulu leyonto, bekufanele ngabe sinento ethile already njengamanje, lapho okuthi uma sihlangane khona, sibonge uNkulunkulu ukuthi sithi siyibandla elincane kangaka, elithukwayo, kepha nge Covid19 uJehova wasikhumbula. Kuningi uNkulunkulu asenzele khona, ngingabala kushone ilanga, kodwa lokhu kwe Covid19 kwaba into enkulu kakhulu, ngoba asazi ukuthi sasizobaleka sishonephi.
 
62.Kwavalwa izwe, wangakwazi ngisho ukuxhumana nomuntu obujwayele ukuxhumana naye, nongabalekela kuye wayesekude nawe, konke kwase kukude nathi, lowo mndeni nalowo mndeni wase uhlangene uvalelwe lapho.
Manje ke bangcwele sengihlala phansi, ngithi asibe nento ethile, ngingazi noma ngiyabhimba yini, ngoba kuyenzeka enye into uyisho kanti izwakala ngenye indlela.
 
63.Noma omunye eyibone iyimbi nje, ethi hawu uthini manje lona, yini kodwa sizihlalele, sizikhonzela kukuhle singcwele, usekhuluma izindaba zezikhumbuzo manje, alimnelisi yini iSabatha. Nginomuzwa wokuthi siyayidinga into efana naleyo, over and above, uJehova simbabaze ngaleso senzo nje sokuthi kwathi kubhujwa, thina saphila.
 
INkosi ibusise enikuzwile.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *