ungafakaza kanjani ukuthi ngokufa kukaYeshua awusenasono, kodwa uYeshua uqobo lwakhe ebe ethi:
“Indodana yomuntu iyakuthuma izingelosi zayo, zibuthe, zikhiphe embusweni wayo konke okukhubekisayo nabenza okubi, zibaphonse esithandweni somlilo, lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.”
Isihlabelelo 70
1.Ngowela ngijabhile
Emfuleni waseHuze
Ngaphesheya kwawo he!
Ngomyakela intokozo yami.
Chorus.Imana efihliweyo
Ngoyifumana khona
Nentshe legama lami
Ngolifumana khona.
2.Ebengiyilindele
Phezu komfula wasehuze
Kulapho izincwadi zophenywa
Zemsebenzi yethu.
Chorus.
3.Uma wenele injabulo
Hamba masinyane
Uma wenele injabhiso
Woyifumana khona.
Chorus.
4.Bonk’ abakhulu namancane
Baya’kwabelwa ngalokho
Oku’lotshiweyo
Ezincwadini zabo
Chorus.
5.Hhayi weNkosi yami
Ungayipheny’ eyami incwadi
Ngubani oyakuma
Ethendeni lakho Nkosi.
Chorus.
LIKUPHI IZWE LABAFILE
1.Miningi imibona abantu abehlukene ababa nayo ngobukhona bezwe noma ngendawo lapho esoya khona ekupheleni kwethu kulomhlaba.
2.Mhlawumbe umbuzo okumele usifikele sonke ukuthi kwabaphila enyameni ukhona yini owazi izwe noma indawo yabafile?
3.Abangakholiwe bayaye bethi akakho umuntu owake waba sezulwini eselapha emhlabeni.
4.Kodwa okuseqinisweni abaprofethi bayaba sezulwini beselapha emhlabeni.
5.Ukuthi uyakukholwa lokho noma awukukholwa, angenke kulishintshe lelo qiniso!
6.UMose nabaprofethi abaningi babekhuluma noNkulunkulu. Ukuthi babengamboni akusho lutho lokho, kodwa babelizwa izwi lakhe, bezibona futhi izinto uJehova obenzela zona ngothando lwakhe.
7.Bambona ebakhipha ebugqilini bukaFaro, bambona ehamba nabo endleleni, ebusuku eba ngumlilo obakhanyiselayo, emini eba yifu elibavikela elangeni.
8.Bambona engena nabo olwandle, ulwandle lwehlukana phakathi, bambona ebapha amanzi okuphuza ngaso sonke isikhathi uma sebomile.
9.Bambona eletha ukudla okuvela ezulwini, bedla imini nobusuku, bengalambi iminyaka engamashumi amane. Babona ebalwela izimpi ezazibahlasela.
10.Ngakho kwa-Israel akusibona bodwa abaprofethi ababebona uNkulunkulu, kodwa isizwe sonke sambona, njengoba nanamuhla nathi simbonile sisekuwo lomhlaba!!
11.Kodwa uMprofethi owaqala ukukhuluma ngombuso wezulu lapho khona kuhlala abangcwele, nesihogo lapho kuhlala khona izoni, nguYeshua!
12.Incwadi yokuqala lapho uYeshua owasichazela khona ukuthi kukhona ukungena ezulwini nokulahlwa ekufeni, uMathewu 5:17-19.
13.KuMathewu 5:19 uYeshua uthi: “Ngakho-ke oweqa owodwa kulemiyalelo emincinyane, afundise abantu kanjalo, uyakuthiwa ngomncinyane embusweni wezulu. Kepha owugcinayo, ayifundise, lowo uyothiwa mkhulu embusweni wezulu.”
14.Kulelivesi uYeshua ukhuluma ngabantu ababili. Owokuqala ngumuntu okuthe eselapha emhlabeni wangawugcini umthetho kaNkulunkulu, wabuye wafundisa abantu ukuthi bangawu gcini umthetho kaJehova.
15.Njengoba esho uYeshua, bakhona abantu abangawugcini umthetho kaJehova, abakwenze kwaba yinkolo abayishumayelayo ukuthi awungagcinwa umthetho kaJehova. Ngakho-ke kubo ukungawugcini umthetho kaJehova kuyinkolo okumele bonke abantu bayilandele!
16.Uthi-ke uYeshua, ekufeni kwalabo bantu angenke bamukeleke embusweni wezulu.
17.Okwesibili uYeshua ufundisa ngomuntu ogcina umthetho kaNkulunkulu, angagcini lapho, kodwa abuye afundise abanye abantu ukuthi abagcine umthetho kaNkulunkulu. Uthi-ke uYeshua lowo muntu uyongena embusweni wezulu.
18.Uma sikholwa nguYeshua, asinaso isizathu sokuphika okukhulunywe nguye!
19.Kukhona abantu abathi uma befa beye embusweni wezulu, bese kuba nabantu okuyaye kuthi uma sebefile beye ekulahlweni.
20.Enye incwadi lapho uYeshua ekhuluma ngabantu abalahlwayo ekufeni kwabo, nabamukeleka ezulwini, uMathewu 7:21-23.
21.Kulencwadi uYeshua uthi “…..bayothi kimi ngalolo suku: “Nkosi, Nkosi, asiprofethanga yini ngegama lakho, sakhipha amadimoni ngegama lakho, senza imisebenzi emingi yamandla ngegama lakho na?
22.Khona ngiyakubatshela emehlweni ngithi anginazi, sukani kimi nina benzi bobubi!”
23.Kulenkulumo uYeshua ukhulume waqondisa ukuthi kunabantu ekufeni kwabo okothi uma befika phambi kwakhe abaxoshe.
24.Uma uxoshwa ezulwini-ke usuke usuya ekulahlweni!
25.Enye incwadi lapho uYeshua ekucacise khona ukuthi kukhona ukulahlwa ekufeni kwethu, incwadi kaMathewu 13:41-43, lapho ethi:“Indodana yomuntu iyakuthuma izingelosi zayo, zibuthe, zikhiphe embusweni wayo konke okukhubekisayo nabenza okubi, zibaphonse esithandweni somlilo, lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.
26.Kepha abalungileyo bayokhanya njengelanga embusweni kaYise. Onezindlebe akezwe!”
27.Nakulencwadi uYeshua abantu ubahlukanise kabili, ngabazoya ekulahlweni nabazongena embusweni wezulu.
28.Enye futhi incwadi lapho uYeshua ekhuluma aqondise ngombuso wezulu, incwadi kaJohane 5:26-29, lapho ethi:
29.“Ningamangali ngalokho, ngokuba isikhathi siyeza lapho bonke abasemathuneni bayakulizwa izwi layo, abenze okulungileyo baphumele ekuvukeni kokuphila, kuthi abenze okubi ekuvukeni kokulahlwa.”
30.Kodwa kubo bonke abaprofethi abake baba khona emhlabeni, akekho uMprofethi ochaze ngendaba yohambo lwasekufeni njengoMprofethi u-Isaya Shembe. (Ukuthula kube kuye).
31.Indlela yokufa uShembe uyichaze ngezihlabelelo, wabuye wayichaza ngezintshumayelo zakhe. Lapha sizoqala sichaze izihlabelelo, bese sichaza izintshumayelo zakhe.
32.Kulesi sihlabelelo esikade sisihlabelela uShembe uyichaze yonke indlela esizoyihamba ekufeni uma ethi: “Ngowela ngijabhile emfuleni waseHuze, ngaphesheya kwawo he! ngomyakela intokozo yami!”
33.UShembe usinike isithombe sokuthi ekufeni sizowela umfula obizwa ngokuthi iHuze. IHuze igama lomfula osemoyeni sonke esiyowubona ekufeni kwethu!
34.Uthi-ke uShembe ngowela ngijabhile. Ngobe ngijabhiswe yini? UShembe uyachaza, uthi: “Imana efihliweyo ngoyifumana khona, nentshe legama lami ngolifumana khona.”
35.Kusobala ukuthi kulomfula kulapho siyokwehlulelwa khona, ngoba uShembe uthi: IMANA EFIHLIWEYO NETSHE LEGAMA LAMI NGOLIFUMANA KHONA!
36.Lokhu ukucacise kahle uma esethi: “Phezu komfula waseHuze kulapho izincwadi zophenywa zemisebenzi yethu!”
37.Njengoba sishilo, SIYOKWAHLULELWA PHEZU KOMFULA WASE HUZE!
38.Uyaqhubeka uShembe uthi: “Uma wenele injabulo, hamba masinyane, kodwa uma wenele injabhiso, woyifumana khona.”
39.Lesi isimo esilukhuni, ngoba uShembe akasitsheli ukuthi ekuphenyweni kwezincwadi bese ujabha ngoba igama lakho lingatholakali, kokwenziwani ngawe? Kodwa uthi nje: “Uma wenele INJABHISO, WOYIFUMANA KHONA!”
40.Uyaqhubeka uMprofethi uthi: “Bonke abakhulu namancane, bayakwabelwa ngalokho okulotshiweyo ezincwadini zabo.”
41.Abantu abaningi abazi ukuthi njengoba sihamba nje kunezingelosi esihamba nazo. Mhla uthi: NGIYAYIKHETHA INKOSI YASEKUPHAKAMENI, ubhajadiswa, uba likholwa bese unikezwa ingelosi ohamba nayo ibhala konke ngemisebenzi yakho njengekholwa.
42.Kungagcini lapho, kunengelosi yemihlangano ebheka ukuthi uyaya yini ku 14, ku 23, ku 25 nasemkhosini kaJehova emikhulu. Lengelosi ibekelwe lokho nje! Kunengelosi yeSabatha ebheka ukuthi uyaligcina yini iSabatha! Kunengelosi yomgidi, ebheka ukuthi uyaya yini emgidini!
43.Kunengelosi yezikhundla onikwe zona. Uma ungumshumayeli, kunengelosi yabashumayeli, ingelosi yabakhokheli, ingelosi yabavangeli, ingelosi yabafundisi, nengelosi yabaholi.
44.Njengoba ngimi phambi kwenu nje, kunengelosi yami ebheka ukuthi ikuphi engikwenzayo njengomholi, ikuphi engingakwenzi njengomholi. Ngenhlanha thina siyayazi ingelosi yethu, ngoba sihlala nayo, isifundise zonke lezi zinto engikhuluma ngazo.
45.Kodwa lengelosi esiyibonayo akusiyona yodwa, ziningi izingelosi esihamba nazo ezinemisebenzi ehlukahlukene esingaziboni!
46.Zonke izingelosi zinamabhuku okuyaye kuthi yonke into oyenzayo iyibhale phansi.
47.Lencwadi izingelosi ezibhala kuyo uyoze ufundelwe yona mhla sekuphenywa izincwadi zemisebenzi yakho phezu komfula waseHuze, usudlulile kulomhlaba!!
48.Indaba yohambo lwethu lokuya ezulwini ingelosi iluchaze kabanzi. Indawo esiya kuyo ezulwini ibizwa ngokuthi IPARADISI. EPARADISI kusezulwini, kusemzini oyingcwele ohlala abangcwele bodwa.
49.Kulesi sikhathi samanje abantu abangcwele cishe ngamaNazaretha wodwa. Lokho angikusho ngoba mhlawumbe sizikhukhumeza, kodwa umuntu ongena ezulwini ngumuntu ongcwele, umuntu ongcwele ngumuntu ogcina yonke imithetho kaNkulunkulu.
50.UJehova kuLevi 20:26 uthi: “Yibani ngcwele, ngokuba mina Jehova ngingcwele, nginahlukanisile kubo bonke abantu ukuba nibe ngabami.”
51.Njengamanje abakho abantu abagcina ubungcwele obufuneka ezulwini ngaphandle kwamaNazaretha.
52.Kodwa-ke ukuthi ungumNazaretha ngoba ubhajadiswe ebandleni lamaNazaretha, akusho ukuthi ungcwele uma ungahambi kokwezimiso zobungcwele njengoba sifundiswa nguMose noShembe.
53.Akukwazi ukuthi uphuza utshwala, uhlabela amadlozi, uhamba izangoma, ubhula, bese kuthi ngoba ubhajadiswe kulelibandla, bese uthi ungcwele, usuzongena ezulwini ngalokho.
54.Kusihlabelelo 179 uShembe uthi: “Lowo muzi esiya kuwo akungeni sono khona, kwana sono sinye, kuhlala izingcwele zodwa.”
55.Lokho kusho ukuthi eParadisi akangeni khona umuntu onesono. Uma ubunezono, wathethelelwa, uqale uhlale ngaphandle kweParadisi okungenani izinsuku eziyisikhombisa ugezwa, bese uyangena-ke eParadisi.
56.Kusihlabelelo 10 uShembe uthi: “Umuzi wamaNazaretha lapha siya khona, ukhazimula ngaphezu kwelanga nenyanga. Umkhokheli wakhona munye kuphela, uJehova kuphela, iNkosi enamandla.” NguShembe osifundise ukuthi nguJehova kuphela iNkosi yezulu nomhlaba!
57.Kwenye yezintshumayelo zakhe uShembe uthi: “Abaphilayo yilabo abazuza umusa, iNkosi ebavusa bengakwembethe ukubola, ibangenise emzini oyingcwele. Labo yibo abalidlayo ifa lombuso wezulu.
58.Kanti abafile yilabo abangangenile emzini oyingcwele; ngenxa yokuhamba kwabo obusebumyameni; bafumana ukufa okubuhlungu, okungukufa kwesibili.”
59.Ngiyaye ngiwadabukela amaNazaretha angazazi lezi zindaba, futhi nangafuni ukuzazi, ngoba aphuthelwa ulwazi ngomuzi esogcina kuwo!
60.Ithi ingelosi ngelinye ilanga: “Ngifisa ukuba nibe ligugu, hhayi kuShembe kuphela, kodwa nibe ligugu nakuJehova. UJehova esho ngomlomo wakhe athi: “Nampa abantwana bami abayigugu kimi.” Esho ngoba ngaso sonke isikhathi sihamba ngezimiso zakhe ngokuphelele!”
61.Kukhona lapho esiya khona bantwana baseKuphakameni mhla sedlula kulomhlaba, thina esesinesithombe esihle ngekhaya lethu, sihlale silangazelele ukuya kulowo muzi waphakade!
62.Ngijwayele ukukhuluma ngendaba kamama, ukuthi mhla ka 1st July 1981, wavuka wasitshela ukuthi kade kufike amakhosikazi ka 14, athi akageze ngoba azobuya ezomlanda. Nangempela emini afika azomlanda.
63.Kwathi isidumbu sisesemakhazeni, ngambona umama ebusu esevela ngefastela khona lapho ngihleli khona. Ngammemeza ngathi: “Nangu mama, ngagijima ngaphumela phandle, kanti sengiphuma ngomoya!
64.Wathi: “Asambe ngokubonisa lapho uBabamkhulu engibeke khona.” Sahamba ngaye ngayofika eVelabahleke lasezulwini, ngabona umuzi omuhle isimanga. Wabe esethi: “Nakhu-ke kithi lapho ngihlala khona.
65.Nawe uma uziphathe kahle, uBabamkhulu uyokulanda uzohlala lapha!” Mina sengiyawazi umuzi waseKuphakameni lapho engohlala khona.
66.Ingelosi-ke isifundise kabanzi ukuthi iyiphi indlela esingenza ngayo ukuthi ekufeni kwethu singedluli kuyo yonke lemifula namahlathi angase asigcinise esigodini sosizi, kodwa njengomama, sithi uma sifa sivele siqonde eParadisi!
67.Uthi-ke uShembe: “Hhayi weNkosi yami, ungayiphenyi eyami incwadi ngubani oyakuma ethendeni lakho Nkosi!
68.Kulesi sihlabelelo uMprofethi uchaze lonke uhambo esizoluhamba emva kokufa!
69.Kodwa kuzo zonke izihlabelelo zamaNazaretha, asikho isihlabelelo esifana nesihlabelelo 118. Kulesi sihlabelelo uShembe uthi: “Lalelani nanti ilizwi wezizwe nonke, phendukani nibhabhaswe nize nisindiswe.
70.Geza inhliziyo yami iziyeke engizithandayo, amen Haleluya, balekani nonke zoni.
71.Akukhalelwa muntu esihogweni somlilo, akukho okhalela omunye esihogweni somlilo. Amen haleluya balekani nonke zoni. Akukho ukuphumula esihogweni somlilo.
72.Bahleli kulolo lusizi esihogweni somlilo. Bahlezi bekhala, abasenakukhululwa. Ukudla kwakhona usizi nezinyembezi, amanzi akhona izinyembezi!”
73.UShembe ufakazela uYeshua ngokuthi ngempela sikhona isihogo somlilo, izoni zisazokusha esihogweni somlilo! Uma ususesihogweni, akakho onendaba nomunye, udla izilonda zakho, uphuze izinyembezi zakho!
74.Lencazelo ngesihogo ifakazela futhi incwadi yamaHebheru 10:26-28, lapho uSha’ul ethi: “Ngokuba uma sona ngamabomu emva kokuba sesamukele ulwazi olupheleleyo lweqiniso, akusekho mhlatshelo ongenziwa ngenxa yezono, kepha kuphela ukulindela ukwehlulelwa okwesabekayo nomlilo ovutha bhe ozakungqongqisa amaphikankani.
75.Noma ngubani ophule umthetho kaMose uyakufa engenakuhawukelwa ngezwi lofakazi ababili noma abathathu.”
76.Lencwadi awusoze uyizwe ifundwa ezinkonzweni eziningi, ngoba iphikisa ivangeli elithi ngenxa yokufa kukaYeshua esiphambanweni, asisenasono! Okuhle ukuthi kukhuluma uSha’ul obizwa ngoPaul kulencwadi.
77.Kungasho ukuthi awuphili ekhanda uma ungafike ushumayele ivangeli elithi umuntu ophula umthetho kaNkulunkulu uyokusha esihogweni, bese ubuye wena ukuphike lokho, uthi ngokufa kukaYeshua, asiseno. Lokho nje kukodwa kumele ukuthi kumethuse umuntu ocubungula okufundayo!
78.Uthi uSha’ul: Uma ufike ukholwe, bese kuthi usukholiwe ubuye wenze isono, akusekho ukuthethelelwa izono. Okumele ukulindele ukuthi ekufeni kwakho uye esihogweni, lesi esichazwa nguShembe.
79.Umbuzo-ke uthi kanti isiphi isikhathi lapho kuthethelelwa khona izono zakho? Kulencwadi uthi uSha’ul: “Uma sona ngamabomu emva kokuba sesamukele ulwazi olupheleleyo lweqiniso, akusekho mhlatshelo ongenziwa ngenxa yezono,
kepha kuphela ukulindela ukwehlulelwa okwesabekayo nomlilo ovutha bhe ozakungqongqisa amaphikankani.”
80.Kafuphi uthi uSha’ul uma ngifike ngikholwe, bese kuthi sengikholiwe bese ngona, akusekho ukuthethelelwa kwezono, kodwa ukulahlwa esihogweni.
81.Umbuzo-ke uthi kanti kunini lapho okuthi sinezono bese zithethelelwa ngokubethelwa kukaYeshua esiphambanweni?
82.Uthi uSha’ul umuntu othethelelwa izono umuntu owona engazi, okusho umuntu owona engakakholwa.
Ngisho uYeshua engakalengiswa esiphambanweni, umuntu obona engakakholwa, kuyaye kuthi uma ekholwa, zigezwe zonke izono ozenze engakakholwa.
83.Yikho kukhona ukubhajadiswa, ngoba ukubhajadiswa kusho ukugezwa izono, uphume emanzini ungasenasono osenze ungakakholwa.
84.Lento isobala, kodwa ngaso sonke isikhathi amakholwa ayaye abalekele into esobala, bese eya kwengezwakali, ungaze wazi ukuthi ngokwenza njalo bakhohlisa bani, benza bani isiphukuphuku?
85.Ngabe benza uNkulunkiulu isiphukuphuku ngokuthi beshintshe into esobala beyenze into engezwakali ukuze kuthi bethi benza izono bebe beshumayela ukuthi izono zabo zizothethelelwa ngenxa yokufa kukaYeshua esiphambanweni?
86.Kodwa uSha’ul uyabaphikisa lokho kumaHebheru 10:26-28! Baphikiswa nguye yena lo abahlale befakaza ngaye!
87.Kwenzeka kanjani lokho? Abantu abamnyama kufanele bevuke emaqandeni. Okokuqala abezizwe bayiqeda inkolo kaJehova, base bakha eyabo. Inkolo yabezizwe iphambene nezimfundiso zenkolo yama Hebheru. Why?
88.Inkolo yamaHebheru isondeza uJehova eduze kwesizwe esimnyama. Ngokugcina umthetho kaJehova, uJehova uba nguBaba wethu, ngokuba nguBaba wethu, asivikele ezitheni zethu.
89.Ngakho-ke ukuze uJehova esuke kithi, kumele sifundiswe ukungawugcini umthetho wakhe. Ukuze singabuyeli kuJehova kumele sahlukaniswe no-Israel, ngoba ngokwazi ukuthi siyinzalo ka-Israel, sizobuyela kuJehova, bese siba yisizwe esivikelwa nguJehova kwabezizwe!
90.Yikho kumHubo 83:3-5 kuthi: “Ngobuqili benza uzungu ngabantu bakho, baceba ukulwa nabafihliweyo bakhe, bathi: “WOZANI SIBAQOTHULE, BENGABA SABA YISIZWE, NEGAMA LIKA-ISRAEL LINGABE LISAKHUNJULWA!”
91.Yini esenza singaboni ukuthi abezizwe badlala mlabalaba muni ukuqeda ngathi? Okokuqala saba noMprofethi oyisimanga, uYeshua. Abezizwe ekusinqobeni, bamchitha uYeshua, base bevela nomsindisi wabo, onguJesu.
92.Kodwa uJesu yigama nje, akakho umuntu owake waphila waba nguJesu, kodwa kwathathwa sonke isimo nemisebenzi kaYeshua bayinika lesi sithixo sabo, base belichitha igama elithi “Yeshua’ enkolweni abase beyisungule. Futhi ayikho into esingayenza ngoba sehlulwe! Kodwa ngaphandle kokwehlulwa, asihlakaniphile kahle, ayikho into eyinkinga njengokufundisa isiwula!
93.Noma abezizwe bangakhuluma into engumbhedo kangakanani, abamnyama uma isishiwo ngowezizwe, ivele ibe liqiniso.
94.Njengamanje abantu bakithi bayakwemukela uma bethi abamhlophe thina singabezizwe, bengazi ukuthi bangabezizwe kanjani? Sekuyithi abezizwe! Kodwa kuliqiniso ukuthi singabezizwe kuyinkolo yabo!
95.Kuyaye kuthi into noma ingawakhi kanjani umqondo, kodwa uma abezizwe bethi inje, nathi sikuvume lokho, bese sikholwa yinto ebonwa nayingane ukuthi imbudane yokukhuluma le!!
96.Uma uphika ukuthi kukhona okungalungile ekhanda lakho, ungafakaza kanjani ukuthi ngokufa kukaYeshua awusenasono, kodwa uYeshua uqobo lwakhe ebe ethi:
97.“Indodana yomuntu iyakuthuma izingelosi zayo, zibuthe, zikhiphe embusweni wayo konke okukhubekisayo nabenza okubi, zibaphonse esithandweni somlilo, lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.”
98.Manje kulenkulumo kaYeshua ukuthethelelwa kwezono ngokufa kukaYeshua kungena kuphi, ngoba uYeshua uzisholo yena ukuthi abantu abanezono bazophonswa esihogweni?
99.Uma usile ekhanda, awuchaze ukuthi intethelelo yezono zakho ingenaphi kulenkulumo kaYeshua kanye nale kaSha’ul ekumaHebheru 10:26-28?
100.Lapha kukhuluma lomuntu wena othi ngokubethelwa kwakhe uyothelelwa izono, kodwa yena uqobo lwakhe uyakuphika lokho! kuMathewu 7:23 uthi: “Uma ningawugcini umthetho kaNkulunkulu, mhla senifile, senifika phambi kwami, ngothi: “Sukani anginazi nina benzi bobubi!”
102.Lenkulumo kaYeshua uyihumusha ngokuthi isho UKUTHETHELELWA KWEZONO? kanjani?
103.Lento ingihluphe kakhulu ukuthi kungathi uYeshua echaza kahle ukuthi abangawugcini umthetho kaNkulunkulu bayolahlwa, kodwa bese kuba nevangeli kubantu abathi bangabalandeli bakaYeshua, elithi ngokufa kukaYeshua abasenasono?
104.Lemfundiso bayifundiswe ngubani, ngoba noSha’ul owaba khona uyakuphika lokho?
105.Ngabe lokho kusho ukuthi uma umlungu esifundisa umbhedo, kufanele siwamukele ngoba siwufundiswe ngumlungu?
106.Lenkinga yami yaze yaxazululwa ngu Sha’ul encwadini yakhe ethi THE NAZARENE betrayed, betean….forgoten. USha’ul uthi uYeshua nabaPostoli abakwazi ubuKrestu. Lokhu kufakazelwa ukuthi kuma Dead Sea Scrolls alitholakali igama likaJesu nelamaKrestu, kodwa kutholakala ukuthi uYeshua wabe engumNazaretha, ehola ibandla lamaNazaretha!
107.UYeshua wayengumholi wamaNazaretha, uSha’ul owaye kade engumFarisi, wahlasela amaNazaretha!
108.Kodwa namuhla sesifundiswa ukuthi wayehlasela amaKrestu, kushiwo inkolo eyasungulwa ngu Constantine ngo 325 A.D, kodwa uYeshua wahamba emhlabeni ngo 36 A.D!
109.Kodwa uma usufunda iZenzo 24:5, uxakeke ukuzwa ukuthi lapha uSha’ul uchazwa ngokuthi ungumholi webandla lamaNazaretha. Uzibuze ukuthi kwenzekani lapha? Uma umuntu eqamba amanga, iqiniso like livele lidlubulendele!
110.Okokuqala abezizwe bachitha uJehova uNkulunkulu wethu, sebeqede lokho, bachitha umprofethi wethu uYeshua, base besakhela isithixo sabo, u “Iusis” osengu Jesus, base bethi lesi sithixo nguye uYeshua iNdodana kaNkulunkulu ezalwa nguMaria!
111.Bangagcina lapho, bachitha ibandla likaMesaya, ibandla lamaNazaretha, base bethi uMesaya usengu Kristo, sebethi amaNazaretha ngamaKrestu!
112.Lobu buqili buseyibo lobu okusencwadini ka King Leopold 11, lapho ethi asingafundiswa amaqhawe ethu, kodwa sifundiswe amaqhawe abezizwe! Sifundiswe ukufunda, kodwa singafundiswa ukucubungula esikufundayo!
113.Lobu buqili obenziwa kithi budala, baqala benziwa isizwe samaRoma kumaHebheru! Sasino Jehova noMprofethi uYeshua, namuhla sesinonkulunkulu oziqu zintathu, sesinoJesu; sasingamaNazaretha, kodwa namuhla sesingamaKrestu!
114.Yonke imikhosi yethu engcwele yachithwa, kwase kuthiwa asikhonze imikhosi yezithixo, oSunday, oChristmas ama-Easters nokunye! Nkosi uze usikhumbule kulobu bugqila bengqondo obusibusayo!
115.Besikhuluma ngezwe elizayo esiya kulo. Sithe uShembe usitshele konke ngohambo lwethu ukuya kulelozwe lobomu.
116.Njengoba sishilo, akekho umuntu lapha emhlabeni owedlula uMprofethi ukusichazela ngombuso wezulu, ngoba umprofethi ukhuluma ngqo noNkulunkulu!
117.Thina sihlala nengelosi, ingelosi-ke ingaphambi ngisho kuMprofethi, ngoba noMprofethi uma eselapha emhlabeni okuningi ukutshelwa yiyo ingelosi, ngoba vele yona isuke ingeyasezulwini, inguMoya ongcwele!
112.UShembe kusihlabelelo 190 uthi: Ngiyahamba ngikhathele, ngiya kulelozwe lobomu.
113.Lelozwe alidingi lutho, siyohlala ngokwenama, siyohlala noBongekile kulelozwe lokwenama.
114.Usizi alukho khona, izinyembezi azikho khona, sohlala ngokwenama kulelozwe lokwenama.
115.Umfelokazi kabonwa khona, ziyesulwa izinyembezi, ziyoduduzwa izintandane kulelozwe lobomu. Thina asikafiki kulelozwe lokwenama. Silangazelele kulelo lizwe lokwenama.
116.Wozani zihlobo zethu, siye kulelozwe lokwenama, siyohlala nguna phakade, kulelozwe lokwenama. Bamenywa bonganini ngalelo lizwe lokwenama. Siyohlala neNkosi yethu kulelo lizwe lokwenama!”
117.Lesi sihlabelelo siyasifakazela ukuthi ekuhambeni kwethu kulomhlaba siya ezulwini! Libuye lichaze ukuthi izulu indawo enhle kakhulu, enayo yonke into!
118.Entshumayelweni eyayingo 1927 uBabamkhulu wakhuluma kanje; “Siyakholwa ukuthi kukhona ukungena emzini oyingcwele, lapho kubuthene khona abaseKuphakameni; kuJehova uMnini`mandla onke, uYise wabamkhonzayo.
119.Kuhle ukuba ngisho kini ngithi, indawo yabaphilayo ikhona kini, kanye neyezingelosi. Ohamba ngokulunga, iNkosi iyomvusa, imngenise eParadesi, okungumbuso wayo osekuphileni okuphakade.
120.“Uma ngabe abantu babazi, babezobuthana kanye nathi eKuphakameni; sikhalele abasekufeni, ngoba basosizini.” UShembe uyasitshela ukuthi abantu abasekufeni basosizini.
121.Uthi-ke uBabamkhulu:“Sasizonxusa ukuba bagezwe, bathethelelwe izono zabo, bangene eMzini oyingcwele.
122.Namuhla yilowo nalowo akanxusele uyise nonina kuNkulunkulu ukuba bakhunjulwe ekudingisweni, babuyiselwe e-Eden elinguMoya wakhe, ethembeni elisha.”
123.Uyaqhubeka uShembe uthi:“AbaseKuphakameni abasiwo amadlozi, abayizo nezithutha; bangaba ngcwele, ngokuba bahlezi nongcwele, ebungcweleni bakhe.
124.Lapha uShembe wehlukanisile phakathi kwabantu abafa bengayi eParadisi ngezizathu ezahlukahlukene, ukuthi yibona amadlozi, yibona abafuna okwabaphilayo.
125.Umuntu ongcwele, oseParadisi, akanakuza emhlabeni ezocela ukudla kwabasemhlabeni, ngoba ezulwini kukhona konke.
126.Yikho uShembe ethi: “Kanjalo abaphandle komuzi weNkosi enkulu, yibo abangamadlozi, abafuna okwabaphilayo; ngenxa yosizi abakulo, ngenxa yokungabi nandawo.”
127.Abantu okuthe ekufeni kwabo bangangena emzini ongcwele, abanandawo, bayagodola, bayalamba, bayahlupheka kakhulu. Yikho bayaye bebuyele emhlabeni bezofuna usizo kwabaphilayo!
128.Lokhu esikushoyo uShembe ukufakaze ngesihlabelelo 190, lapho ethi: “Lelozwe alidingi lutho, siyohlala ngokwenama, siyohlala noBongekile kulelozwe lokwenama.
128.Usizi alukho khona, izinyembezi azikho khona, sohlala ngokwenama kulelozwe lokwenama.
129.Umfelokazi kabonwa khona, ziyesulwa izinyembezi, ziyoduduzwa izintandane kulelozwe lobomu.
Thina asikafiki kulelozwe lokwenama. Silangazelele kulelo lizwe lokwenama.” Amen!
Imana efihliweyo
Ngoyifumana khona
Nentshe legama lami
Ngolifumana khona.
INkosi ibusise lokho enikuzwile.