inkulumo oyithunywe uNkulunkulu kufanele uyilethe kubantu njengoba injalo, bekuzonde uma bekuzonda, kodwa wena ulisusile icala kuwe, ngoba lokhu othunywe khona ubatshelile abantu.
Intshumayelo yangeSabatha ekuseni mhlaka 22 April 2023, siyiphathelwe uMvangeli uZulu.
ISIHLABELELO 120.
1 South Africa vuka
Zokhele izikhuni zakho,
Zisondele zonke izizwe
Ziwothe umlilo wakho.
2 South Africa vuka
Ulibase iziko lakho,
UJehova uThixo wakho
Akunike elakho iziko.
3 Asikho esinye isisekelo
Kuwena Africa,
UJehova ukuphela
Uyisibani sakho.
4 Ngiphelele ngiyethemba
Liyophuma bengathandi,
Ilanga lakho Africa
Zolotha zonke izizwe
1.Ngiyabonga bantwana baseKuphakameni, sibonga uJehova bantwana abangcwele ukuthi asimeme nanamhlanje kuleliSabatha lalelisonto, asimemele lapha emzini kaNkulunkulu ukuthi sizomdumisa, alibongwe igama likaJehova.
2.Bantwana beNkosi angazi ukuthi inhlanhla esinayo singayifanisa nani yokuthi sibe kulesi sikhungo sasezulwini. Nathi nje singabantu kungekho into esihluke ngayo ebantwini, kodwa uma sesakhiwe isikhungo sabafundi abazoba kuso bese nawe umenywa, nami ngamenywa. Alibongwe igama le Nkosi!
3.Siyamubonga uJehova, engathi engasipha amandla okuthi siziphathe kahle kuso. Lesi sikhungo kusukela ngo 2010, cishe siqale ukuba khona ngokusemthethweni lapha. Bantwana baseKuphakameni eshumayela uBaba uMelusi noMama uSomaqiniso. Asikabizelwa enkantolo, noma sibizwe izazi mthetho noma izazi nkolo zizosishushisa ukuthi sifundiselani abantu ukuthi ubuKrestu buyinkolo esiphambene nenkolo kaJehova, akukaqhamuki nesisodwa size ukusiphikisa, alibongwe igama le Nkosi!
4.Silinde kusuke ngo 2010, namhlanje u-2023, asikabizelwa enkantolo noma kuyiphi indawo yokuhlala kuxoxwe lapho sizoquliswa, sifakwe icala lokuthi sikuthathaphi ukuthi uJesu akaze abe khona umuntu onjalo, kodwa kwaba khona uYeshua, asikabizwa ndawo. Malibongwe igama le Nkosi; kushuthi basacwaninga ukuthi bazosibiza kanjani, asazi. Kodwa linjalo iqiniso bantwana baseKuphakameni, silindile ukuthi sizakubizwa kuthiwa sikuthathaphi ukuthi uJesu kulenkolo yakithi eKuphakameni, inkolo kaJehova akaze abe khona uMprofethi ogama lakhe nguJesus kodwa asikabizwa ndawo, kusathule silindileke!
5.Kodwa ayaqhubeka amanga ayashunyayelwa, ngesikhathi singabizwa kusuke ku 2010 engaqhamuki umuntu, manje u 2023, silindile, ayaqhubeka amanga ayashunyayelwa ebantiwni. Abantu bakithi, ngikhulumela ukuthi bantwana abayingcwele abantu bakithi nabo abake bazibuze ukuthi ingamanga yini lento ekhulunywa layindlini ukuthi inkolo kaJehova seyihlanekezelwe, sasuswa emthethweni kaJehova uNkulunkulu awuletha entabeni yaseSinayi kwiNceku yakhe uMoses, wathathwa izincwadi esingazazi, zaphiwa uMphostoli uSha’ul kwathiwa sekungezakhe, kwenzelwa ukuthi khona sizocabanga ukuthi izincwadi ezivela ezulwini kanti izincwadi ezivela kwabezizwe!
6.Nazo uziphikisile uMelusi, nanamhlanje ekuseni oKhozini FM uziphikisile, kodwa silindile ukuthi ubani ozakuvela, and kade salinda, akuveli muntu. Ngisho ukuthi bantwana baseKuphakameni lendlu esikuyo, sisendlini efaneleyo. Siyamema abantu ndawo zonke ukuthi othanda iqiniso likaJehova, lapho ekhona aphinde alandele i-page elithi Rev Mpanza NCG ku Facebook.
7.Inkonzo yanamhlanje njengoba kuwu mhlaka 22 April uyofike ayithole, ezwe ukuthi iqiniso likaNkulunkulu linjani uma umuntu imuphuthile ekuseni. Bantwana beNkosi indaba esikuyo inkulu kakhulu, inkulu ngendlela eyisimangaliso. Isihloko engizokhuluma ngaso sithi ‘umlilo owacishwa abezizwe uvukile futhi.’ Isona sihloko engizokhuluma ngaso.
8.Njengoba ngisho ngithi uBabamkhulu wenzani enza isu lokuthi aqhubeze le ndaba yakhe ibheke phambili. Manje lomlilo uvukile bantwana baseKuphakameni owawucishwe ngabezizwe emandulo ukuthi inkonzo kaThixo iphele emhlabeni. Kodwa siyibonile ingelosi kaThixo ifika njengoba uBabamkhulu waprofetha esihlabelelweni, esithi ‘izimpi zifikile.’ Siyibonile ingelosi ifika, yafika lowo mlilo owacishwayo, yawuvusa, yafike yawuvusa yawuphemba lowo mlilo, yawuphemba wavutha. Namhlanje Ukhona.
9.Simema ama Africa onke, le ngoma kaShembe ithi ‘South Africa vuka, vuka usokhele isibani sakho.’ Abantu kabavuke basondele esibanini ngoba umlilo wasezulwini owacishwa ngabezizwe sewuvukile, njengoba uvukile udinga ama Africa asondele kuwo, awothe. Uthi-ke UShembe ngiphelele ngiyethemba, liyophuma ilanga lakho Africa, izizwe ziyolotha. Liphumile namhlanje, njengoba ngithi salinda kusuke ngo 2010. Namanje silindile. Asikho isazi senkolo esesike saqhamuka ngaphambili sathi sizosishushisa ngoba lokhu esikukhulumayo akukho.
10.Lokho kuwubufakazi bokuthi awukwazi ukuwuphikisa umlando obhalwe phansi ngoba lokhu ekushiwo abaholi befundisa ngenkolo, bafundisa iqiniso elibhalwe phansi, elikhona nasezincwadini. Nocwepheshe ama scholars angamaKrestu iwona ikakhulukazi abhale lezincwadi phansi lezi uBaba uMelusi ozicaphunayo. Zokuthi kahle kahle inkolo kaJehova ayihlukani nomthetho kaJehova, isisekelo senkolo. Inkonzo yanamhlanje ibithi ‘ukungena ezulwini singena ngemithetho kaNkulunkulu.’ uma sigcina imithetho kaNkulunkulu. And le nkonzo iyathathwa ifakwe naku Youtube, iyabonwa izizwe zonke, kodwa awukwazi ukuyiphikisa ngoba iqiniso elibhalwe phansi liba njalo bantwana baseKuphakameni.
11.Lo mthomboke, siyabamema abantu, sibamemela emthonjeni omkhulu. Kukhona umthombo kaJakobe, ayi lo okubhalwe ngawo kwisihlabelelo, angazi noma iwo yini lo okubhalwe ngawo kwisihlabelelo
13, la okwasinda khona ama Samaria. Kodwa uma ufunda uGenesis, uzothola incwadi kaGenesisi ekhuluma ngomthombo kwakuphuza kuwo izimvu, lo mthombo umfula nje, awu abantwana abancane angazi noma bayazi yini, kodwake la okuqala khona amazwi, ephume khona,ebese ehla eze ebe umfula, kuyaye kuthiwa umthombo
12.Lowo mthombo wawubekwa itshe elikhulu kuvalwe ngawo, uma sekusondela abantu abazokha amanzi, ebese lisuswa lelo litshe ebese kuqhamuka amanzi noma kusondela izimvu zizophuza. Ake siyifunde le ncwadi Genesis 29 verse 1-3. “1.Wayesesuka uJakobe, waya ezweni labantu basempumalanga. 2.Wabheka, nanko umthombo endle, nemihlambi emithathu yezimvu ilele ngakuwo, ngokuba kulowo mthombo babephuzisa imihlambi; itshe elalisemlonyeni womthombo lalilikhulu kakhulu. 3 Kwabuthelwa khona imihlambi yonke, balisusa itshe emlonyeni womthombo, baphuzisa izimvu, balibuyisela itshe emlonyeni womthombo endaweni yalo”
13.Le ncwadi ngiyikhulunyiswa into engilandele yona umthombo owawuhlala uvaliwe, ubekiwe lapha, uma kodwa kusondela izimvu bese kugudluzwa itshe ukuthi ziphuze, uma seziphuzile, ebese uyabuya uyavalwa futhi.
La uNkulunkulu waseKuphakameni uJehova wethu ubuyile, uthumele ingelosi yakhe ezulwini ukuthi ize emhlabeni izovula itshe ukuthi umthombo wasezulwini uphinde umpompoze ngamandla. Alibongwe igama le Nkosi.
14.Manje-ke umthombo uyageleza, lisusiwe itshe, ligudluziwe itshe elathi uma kuhlakazwa ubuNazaretha ngo 70 AD, behlakazwa bechithwa bonke abantwana bakwa Israel, kwase kubekwa itshe uvalwa kuthulwa nje kubukwa. Kodwa namhlanje itshe livuliwe, uyampompoza umthombo azize izizwe ezithanda uNkulunkulu zizophuza, azize izizwe zonke ngoba uyampompoza uyageleza. And iqiniso lawo libekiwe njengoba linjalo, ukuthi lo mthombo kaJakobe okwasinda khona amSamariya, namhla kusese yiwo uyageleza ushona ezansi.
15.Abantu baphuzile, ebebethanda ukuphuza ekuseni bezwa inkonzo kaNkulunkulu ebesiphiwa yona emsakazweni bantwana baseKuphakameni ukuthi iqiniso likaJehova aligudluki futhi aliphuphi. Noma kungavuswa umprofethi omunye nini nanini uma engakusho lokhu okushiwoyo kusho ukuthi akaveli ezulwini ngoba iqiniso likaNkulunkulu alishintshi lihlezi limile linjalo. Kubuhlungu-ke ngoba abantu baye bacabange ukuthi ukuthunywa nje uNkulunkulu kuyefana nokusukuma nje ngishumayele, ngoba uma ngisukuma ngishumayela, ngiyakwazi ukuwakhetha amazwi, ngishumayele amazwi amanye azoheha abantu ukuthi basondele bangilalele bangahlakazeki babaleke. Ngoba ngiye ngizikhethele mina amazwi engithanda ukuwakhuluma noma ngabe isesitimeleni noma ngabe ikuphi. Kodwa umuntu othunyiweyo uNkulunkulu bantwana baseKuphakameni uyaye atshelwe ukuthi hamba utshele abantu ukuthi and anganikezwa ilungelo lokuthi akuhluzeke ebese ethatha okunye athi hhayi uma ngikhuluma kanje, kulesiya skhungo, kuleliya phephandaba, lizongivala lingabe lisangibiza ukuthi ngizokhuluma kulo.
16.Abasezulwini abanendaba nalokho, baye bethi akahambe ayokhuluma kuleliyaphephandaba ukuthi izitabane azifuneki ezulwini, izangoma azifuneki ebandleni likaNkulunkulu. Malibongwe igama le Nkosi! Akasho umuntu ukuthi uma esefikile athi ayi ngizokuyeka lokhu ngoba umthetho wase South Africa zonke lezi zinto uyazivuma, akakwazi ukusho njalo. Ngakho-ke njengoba sinabaholi phakathi kwethu umhlaba kufanele wazi ukuthi uMelusi akazokhuluma njengabanye abantu, mhlawumbe uyothathwa njengomuntu ophoxayo kwesinye isikhathi.
17.Kodwa uMelusi inhlonipho ngale kokuthi unayo ngokokuzalwa kodwa ufundile kakhulu. Kodwa ukuthunywa uNkulunkulu kuchaza ukuthi isho iqiniso njengoba linjalo, emini noma isebusuku endaweni enhle noma endaweni embi. Alibongwe igama le Nkosi. Ilokho uMelusi abhekene nakho, ngoba uma efika endaweni, uthembeke ukuhleka, abantu baye befise sengathi engathi uma ekhuluma lapho ebese ekhetha amagama enzele ukuthi le nkulumo ibe mnandi kuwona wonke umuntu. Lokhu ngiikukhulumela ukuthi abantu bazi ukuthi iqiniso nenkulumo osuke uzikhandele wena nenkulumo osuke uyithunywe uNkulunkulu akufani.
18.Ngoba inkulumo oyithunywe uNkulunkulu kufanele uyilethe kubantu njengoba injalo, bekuzonde uma bekuzonda, kodwa wena ulisusile icala kuwe, ngoba lokhu othunywe khona ubatshelile abantu. Ngakho-ke asizolindela ukuthi uMelusi uma ngabe esemsakazweni, akhulume njengabanye abafundisi, abantu abomamukela uMelusi uma ekhuluma ngoba uma ekhuluma iqiniso, uzaliphahlaza njengoba linjalo, akazobheka ukuthi wena likuphatha kanjani.
19.Ngoba uthunywe ukuthi alikhiphe linjalo, akathunyiwe ukuthi ubacabangele ukuthi lizoba phatha kanjani, alibongwe igama le Nkosi. Ngakho-ke akazokhuluma njengabanye abafundisi kwesinye isikhathi, akazokhuluma kanjalo. Nayo imisakazo uma ithanda uNkulunkulu ayobuka ukuthi enyeke into le efikile phakathi kwethu. Ayobuka ngoba nayo iyothola isibusiso uma yenza njalo.
20.Sihlala naye uMelusi lapha ekhaya thina, sesize sigcine nje mhlawumbe sibanga ukuthi umholi, kodwa inkulu into iphambi kwethu bantwana bamaNazaretha asezulwini. Sinenhlanhla ukuthi sibe nomholi ofana noMelusi, sinenhlanhla, ngoba angazi ukuthi, umuntu mhlawumbe uyafisa ukuthi ukube ngangihambe noMose, ukube ngangikhona ngesikhathi sikaMoses ngabe ngabona isimanga. Kodwa namhlanje kukhona umuntu phambi kwethu ohamba nengelosi akhulume nayo! Alibongwe igama le Nkosi.
21.Ehhene avele sifundisiwe ukuthi asimkhonzi umuntu layikhaya, hhayi, kodwa muhle umholi wethu, mkhulu futhi, ngoba uthandiwe ezulwini, alibongwe igama le Nkosi. Simlandela asesabi, nangu uMelusi phambi kwethu, umholi wethu wamaNazaretha kaNkulunkulu anamhlanje. Silandela iqiniso ngemva kwakhe, asiciciyelile sathatha into sazama ukukhanda uShembe wethu. Kuthathwe umuntu othile kwafika uJehova waletha ingelosi wathi wena mtanami hamba phambi kwabantu ufundise abantu indlela eya ezulwini, ngizokwenza uMelusi wezimvu zami. Alibongwe igama le Nkosi!
22.Nangu phambi kwethu siyamulandela la eya khona, asilindele ukuthi, ngelinye ilanga abantu abakwazi lokhu bantwana baseKuphakameni ukuze bengahkubuki noma beyikhuluma ko facebook. Kungenzeka kufike inkulumo entsha ifike nengelosi uShembe uMqaliwendlela noma imuphi uShembe engakaze aze ayikhulume. Angeke ebe eseyayi yeka uMelusi ukuyikhuluma leyo nkulumo ngoba ephoqwa ukuthi uShembe ngesikhathi ekhona kudala akayikhulumanga. Phela ngabe akukhona ukuqhubeka kwevangeli uma kungaba njalo.
23.Ikho nje uShembe uBabamkhulu engashongo ukuthi asihlale ezihlalweni, kodwa izwi likaShembe uma esefika nengelosi lathi no, akunankinga, ningahlala ezihlalweni kodwa la uShembe ethi guqani khona, niguqe, alibongwe igama le Nkosi.
24.Inkolo iyaqhubeka iya phambili, ngakho le nkolo bengeke ayivuse uMelusi uma kukuthi ubesazobuyisa into eyakhulunywa uBabamkhulu njengoba injalo, zingashintshi ezinye izinto uma kufanele zishintshe, ngoba wathi uBabamkhulu sohambisane nesikhathi, kodwa ukushintsha akungaphikisani nomthetho kaNkulunkulu.
25.Yikho sihlele lapha endlini eyakhiwe kanje njengoba sikulendlu nje, amaNazaretha isikhathi esiningi asontela endaweni evulekileyo enezihlahla, kodwa sisonta endlini ngoba inkolo iyaqhubeka, lathi izwi lasezulwini hlalani kanje. Hlalani ngendlela la kuzothi uma livulwa ithempeli noma ngabe livulwa e-America, ningazihluphi ngokuhamba nifuna izikhotha la enizofaka khona amatshe, anongena endlini nikhonze uJehova. Alibongwe igama le Nkosi!
26.Sikhonza kanje, sitshelwe ezulwini! Ngakho bantwana baseKuphakameni sengathi uNkulunkulu engasipha amandla. Inhlasi eyaye iphume emlotheni iyavutha and uma ivutha liyaphuma ivangeli, liyachitheka umhlaba wonke. Okwabantu ukuthi nje umuntu ethi hhayi awungaze lo mthombo ubuyiselwe itshe, uvalwe, ngingaphuzile. Ngoba lithi izwi, ithi le ncwadi, uma ngabe seziphuzile, kuyaye kuthathwe itshe liphinde libuyiselwe livalwe. Ingoma kaShembe yesine.
27.ISIHLABELELO 04.
1 Yiza namhla
Yiza ngamandla
Bheka isango
Selivuliwe.
2 Yizwa udumo
Luduma kakhulu,
Lubiza abangcwele
Nabakhethiweyo.
3 Bevela emagumbini
Omane omhlaba,
Bephanga ukungena
UMenzi engakavali.
4 Kanti nxa sekuvaliwe
Awusena kungena,
Nanxa uthanda
Nanxa ungathandi.
28.Yamhlupha uJohane indaba yokufika kukaYeshua, wayilandela, akathulanga, akabanga nomona, uma kufika uYeshua, efika kukhona uMprofethi uJohane, uJohane ukhipha izithunywa uthi wozani lapha. Hambani ngale, niyongizwela ukuthi uye yini lo esimlandele ukuthi uNkulunkulu uyofika, ngoba kubhaliwe, abaprofethi basho ukuthi kuyofika uMesiya, kodwa angifuni ukuzwa ngabantu, hambani ningibuzele ukuthi uye yini lona. Alibongwe igama le Nkosi. Akathulanga uJohane waba nenzondo.
29.Uma umuntu enenzondo ezonda uMelusi ngoba ezwa iqiniso alishumayelayo, akakhumbula ukuthi uJohane akabanga nenzondo, akabanga nomona, kodwa wafuna.
Uma ibuya impendulo, ibuya kuYeshua, zibuya nezithunywa zikaJohane, uthi hamba ubatshele ukuthi izithulu ziyezwa, nezimpumputhe ziyabona. Wayeselalela uJohane, wayesesukuma wathi asambeni, wathatha abafundi okwakungabafundi bakhe, wabenza baphenduka baba ngabakaYeshua, naye wangena emva kwa Yeshua. Malibongwe igama le Nkosi!
30.Kwesinye isikhathi umona uyakwenza uphuthelwe isimangaliso, kwesinye isikhathi umona uyakwenza uphuthelwe isimangaliso! Uma umuntu ethunyiwe, ekhuluma indaba kaNkulunkulu, ubombheka umlalele, uma unombuzo, ubuze kuye, kodwa ungezwa ngabantu bethi akalungile, nawe bese uthi akalungile, ngoba ayavalwa amasango, le ngoma ithi uma esevaliwe amasango ngeke usakwazi ukungena.
31.Kukhona isihlabelelo sikaShembe esithi ziyadlula ngokushesha lezo thunywa. Asazi ukuthi njengoba sinengelosi, sinayo isikhathi esingakanani. kwaMelusi njengoba sinabo asibazi abaholi bethu sinabo isikhathi esingakanani. Lingakavalwa isango, siyabamema abantu besondele nganeno, beshiye konke, beze ukuzwa ukuthi lithini ivangeli. Lesi sikhungo sikaJehova esibekwe lapha, sithini ngoba sizogcwala umhlaba wonke. Uma umuntu ewumNazaretha mhlawumbe ubengasondela nganeno, aphume eceleni kwabaholi bakhe uma bengamulingisi uJohane. Ngoba abaholi uma belingisa uJohane, bekufanele bengqongqoze ukuthi hawu nguye ngempela. Yebo siyafunda ukuthi uBaba iLanga ngeminyaka yamashumi amathathu kuyalena uyobuya.
32.Manje nakhu sekufika ingelosi ngalesi sikhathi esifanayo sesibala iminyaka, seyifika kuwe, uma seyifika seyiqeda ukuthi ithunywa uBaba iLanga. Kungabe uBaba iLanga ubuyile ngempela, bebuze kuye okhona ngoba noJohane wabua ngqo, wathumela, wabuza kuye uYeshua, bebuze. Impendulo bazofike bayithole ngoba naku Yeshua uJohane wayithola impendulo. Into enhle akabanga nomona, wabe esesondela nabalandeli bakhe uJohane wabafaka ngaphansi kwa Yeshua, laya phambili ivangeli lika Jehova.
33.Sikukhuluma lokhu, senza ukuthi abantu abalalelayo abantu bephikisa uMelusi, ikakhulu abantu abangabaholi, bengasondeli kuMelusi. Abolalela abantu, babuke ukuthi ngabe kufanele yini ukuthi laba baholi ngabe bamele kude, ngoba indaba la emhlabeni iyaye izitshwe, asazi kwenziwa yini ukuthi kuzitshwe ukuthi washo ilanga libalele uBaba uThingo ukuthi ningamuthinti uMvangeli wami lo, ose Pinetown uMvangeli wami. Wamubiza ngesibongo sakhe uBaba uMelusi, nangu phambi, kwethu, ngoba uthunyiwe uBaba iLanga. Sekungathi wakusho eceleni ehleba.
34.Namhla uma abantu becabanga ukuthi sinamanga, ake benze ucwaningo abantu baseNazaretha, beyilandele le nkulumo ukuthi uThingo lwayikhuluma yini.
Laba engithe bathule, bathule namanje, uBaba uMelusi, kusuka ngo 2010, abasho lutho, akekho umuntu osesibophile, namanje ngeke siboshelwe ukuthi lathi uThingo akangathintwa uMelusi ngoba uthunyiwe uBaba iLanga. Alibongwe igama le Nkosi! Futhi kasizoboshwa ngoba kwashiwo, pho kuzitshelwani, kuzitshwa ngoba vele uShembe wathi kuzitshwa kubhekiwe. Abantu bayaye bayizibe into beyibhekile, kodwa abantu abathanda iqiniso siyabamema, nani maNazaretha njengoba niphakathi kwalendlu, ningadukiswa abantu. Ningabi nezinhliziyo ezincane, ungahlutshulwa ukuthi umgcotshwa ubani uthe, wakhuluma nawe wakuthethisa umkhokheli othile. Ubese uthwala izihlathi uphuma lapha, bese uyaduba, awudubi umkhokheli, uduba indlela yakho, ngoba uMkhokheli ubekiwe nje phambi kwakho, kodwa into engaphambi komkhokheli iyisimangaliso, iyo le oze ngayo. Malibongwe igama le Nkosi!
35.Ungabi nenhliziyo encane, ungathi uma ulapha kulelibandla ungatsheleki, uma utshelwa, uma ngikuphoxile, ngoba akuchazi ukuthi nami njengoba nginguMvangeli ngingathi ngiyakhuluma nawe ngivele ngikuphoxe. Kodwa ungahlubuki, ubothi uphoxwe uMvangeli, eceleni kwami uphendule ikhanda ubuke phambili, bese ubuka into oyilandele, owayizela la, angeke uphume lapha endlini. Ngoba lo mlilo, umlilo wasemandulo owacishwa izizwe ezimhlophe bantwana baseKuphakameni, ezinamandla, izikhondla khondla.
Kodwa ulayithwa nje la e-South Africa, la ezweni lakithi, kufike ingelosi yawulayitha, itshela uMelusi ukuthi akatshele abantu ukuthini. Wawusumenywa nawe weza la. Manje uma usufike la, uma usuphoxwe yimi, manje awusho ngani ukuthi ngiyaxolisa Mvangeli noma uzwile ukuthi ngiyakuphoxa uxolise wena. Ngoba into engaphambili isimangaliso! Ekupheleni kwalezonhlungu, isho njalo ingoma kaShembe, ithi ngiyongena eKuphakameni!
36.Manje mhlawumbe uhlezi la unenhliziyo encane, uhlezi lapha ulalele umuntu egxeka abaholi bethu, nawe uze ugcine ugxeka, awubuki into engaphambili inkinga yakho, ugadene nabantu eduze kwakho. Ubanake nani labantu abaseduze kwakho? Awucabangi ukuthi uma ungase unake leyanto ephambili, ungase ungene ezulwini. Wake walizwa ibandla, njengoba ufunda ibhayibheli nje, wake wezwa isimanga esithi, ukuthi kwake kwenzeka kwathiwa, uyazi ukuthini, nina bantabami, kusho ingelosi, batsheleni laba banikelele ukuthi umphefumulo wabo uma befa ungayi ethuneni, uma befa nje namhlanje umphefumulo wabo uqonde ezulwini, ungene ezulwini.
37.Wake wakuzwa ukukhuluma okunjalo. Then unenhliziyo encane, uyahlubuka njalo, unolaka, uma umuntu ekuphoxa uyahlubuka, uze ubone ukuthi ayilungile le ndawo. Kuthiwa ezulwini asokwenza njalo lokhu, sinikele ukuthi umphefumulo wethu mhla sifayo, kushiwo lapha endlini, ngaphansi kwanangu umholi wethu ongaphambili kwethu othatheka kancane. Kodwa leyo nkulumo ayifikanga kwenye indawo, ifikele lapha endlini- nikelani, ninikelele ukuthi nje uma nifa, uNkulunkulu imiphefumulo yenu ayiyise ezulwini ngqo, ingalokhu iya ethuneni ngoba uma seyivaya ethuneni kwesinye isikhathi eminye ayivuki, ayibe isakwazi ukuphuma.
38.Kusho umuntu owumoya esihlala naye lapha ekhaya, lo esihlala sibuzwa ngaye ukuthi asimboni yini, asidingi ukumbona ngoba siyamazi, izimfundiso zakhe zenele kithi, alibongwe igama le Nkosi! Asidingi ukumbona, Siyambonga. Izinkulumo zakhe siyazizwa, sase sinikela, sihlele ethembeni nje, siyanikela njalo uma sithola amandla, sicelele leyondaba yethu ukuthi uma sifa ngoba sizokufa, uthi lo muntu wasezulwini uma umnikelo wakho usuwunikelile, uthi uyothi uma usufile. kuyosukuma ingelosi egade wena nalomnikelo wakho, iyona eyomangala ime, uyothi noma udonswa bethi bakuyisa esihogweni, bese ithi wakunikelela ukungayi ethuneni, ngakho sengiyamthatha sengiya naye ezulwini.
39.Noma zibalwa izono zakho, kuthiwe kodwa wkucela ukungayi ethuneni, wakucela kuNkulunkulu, nampu ubufakazi, ikhiphe iminikelo yakho, kushiwo la endlini. Manje uzosizamazamisa usithini, uzosizamazamisa kanjani ngoba sihleli noNkulunkulu, sifana nabantwana bakwa Israel njengoba siyibo, vele siyinzalo yabo. Kodwa uNkulunkulu simbona kakhulu. Sasihlala sithi izimangaliso zakwa Israel mhlawumbe nala zisengenzeka, mhlawumbe sezenzekile ngoba leyo nkulumo leyo, sihleli ethembeni nje lokuthi singase singafi siye ethuneni.
40.Njengoba liyaye lithi izwi umuntu uvuka ngosuku lwesithathu ethuneni, kodwa ingelosi ithe uma sinikela, singengena ethuneni, soqonda ezulwini. Ngoba umama kaMelusi waqonda ezulwini naye, kushuthi nathi kungenzeka uma siphiwa umusa onjalo, singaphosi nje umnikelo bese singathandazi, sicabange ukuthi ngoba sanikela, kuphelile sesiyofika siphoseke ezulwini. Noma unikelile, uma inhliziyo yakho ungayithobi, kwesinye isikhathi unikela qede ungayitholi, lonto ingenzeki ngoba ungumfakiso othile, awulandeli umnikelo wakho uncenge ukuthi Nkosi ngyacela uze ungikhumbule, uncenge ngalenkulumo eshiwo ezulwini.
45.Umlilo owacishwa kudala ufikile bantwana baseKuphakameni, izizwe zonke zase Africa ezimnyama, uthe uShembe kulengoma 120, i-Africa mayisondele yothe. Nathi siyayimema, yonke i-Africa mayisondele lapha, ingene kwi page likaMelusi, izozithola zonke izindaba zasezulwini kwi page elithi Rev Mpanza NCG, zikhona izindaba zasezulwini bantwana baseKuphakameni. Sikhiphe inzondo, sifune indlela eya ezulwini, ama Africa azophaphama, ngoba ama Africa ayazi ukuthi ibhayibheli likhuluma ngomkhosi wokweshwama, yini ama Africa engaziboni ukuthi uqinisile uMelusi uma ethi singabantwana bakwa Israel ngoba ungase uzibuze ukuthi umkhosi wokweshwama ungene kanjani KwaZulu.
47.Ngoba lento yayenziwa kudala kwa Israel, ngoba okhokho bethu babengafundile AbaNgoni kudala, pho bayaze kanjani lento eyayenzeka kwa Israel ngoba abakaze belifunde ibhayibheli. Sizokutshela ukuthi kwenzeke kanjani, ingoba lento beyiyisiko Mpilo lasezulwini lakwa Israel, laba abaqhamuke bebonakala beyenza lapha bengabanguni, bayenza ngoba bebenza isiko lakubo ababelifunde kokhokho, nokhokho belifunde kwabanye okhokho.
48.Hhayi ukuthi aqondene lamasiko, hhayi ukuthi aqondene, kodwa lento beyihlezi isemakhanda kubo ukuthi yenziwa kanje abantu abangama Israel. Ngakho nathi njengoba silapha endlini, siyazazi ukuthi singobani, kodwa besihlezi singazi. Kodwa uthe uma uvuswa lo mlilo, nansi into ebuhlungu ngoba abantu basuke bacabange ukuthi siyaqagela, sifundile, ingoba uMelusi uyafunda kakhulu. Ingelosi ishilo ngomlomo wayo, ivumile ukuthi nina ningabantwana bakwa Israel. Alibongwe igama le Nkosi.
49.Okunye kusuke kufundelwa ukuthi ingoba abantu abanakutshelwa ngenkulumo yengelosi kuphela ngoba abantu abakholwa. Kodwa thina siyatshelwa izinto layikhaya, ukuthi singabantwana bakwa Israel, uma umuntu ekholiwe akazi namhlanje ukuthi ingelosi isitshelile ukuthi singabantwana bakwa Israel. Njengoba iyaye isifundise ukuthi anofunda izihlabelelo zikaShembe, nizwe ukuthi uShembe uthi imbangi yokusa yomndeni kaJuda, ibasindisile abaningi. Angiboni ngani ukuthi lokho kuchaza ukuthi uShembe uvela khona kwa Israel. Sifundisiwe ezulwini lokho.
50.Kodwa Siyabonga bantwana baseKuphakameni, abantu bayabuya kakhulu bebuyela kuNkulunkulu, ngabavela emabandleni amaNazaretha, ngoba ngangithe ngelinye ilanga sizophuma eceleni kwabo, ungathi bayasizwa ngoba sebeyasondela manje, sebeqala ukusondela. Bathi uNkulunkulu wenu uyisimangaliso, sesiyasibona isimanga, siphezu kwethu.
51.Omunye umama uke wafika osonta kwelinye ibandla lamaNazaretha noma ngingeke ngisalisho ukuthi iliphi, kodwa uma efika kithi ebika inkinga yakhe, simthandazisa, wathi kade ngangiqala ngizibika lezinkinga. Kodwa sase sesithandaza ekhaya simucelisa ngoba umakhelwane. Uma efika uthi kanti uNkulunkulu wenu unjani, uthi ngacela lapha ngisacela indaba yokuthi ngifuna ukuthi umntwana wami owalahlekayo uNkulunkulu wenu ambuyise, ngoba senganikela emabandleni amaNazaretha. Kodwa into eseyenzikile, kade ngasebenza la esengisebenza khona, ngithe ngifika, ngafike ngabizwa, nganikwa isikhundla, engingasazi nokuthi ngizosithini ngoba sifuna abantu abakwazi ukukhuluma nesingisi kodwa ngase nginikwa sona mina. Kwathiwa asiphathwe yimi. Alibongwe igama le Nkosi!
52.Sithi thina hawu kodwa ngoba awucelanga lokho, uthi ngakuthola layindlini. Nginemnyaka ngithandaza, ngize la for 3 days ngiza layindlini ngizothandaza nani, namhla ngihola imali eyisimangaliso. Kusho lo muntu. Umlilo wasemandulo owawucishiwe, sewuvukile, ula phakathi kwethu, kukuwo ama Africa ukuthi ayafuna ukusondela awothe njengoba siwothile thina. Kodwa ama Africa kukuwona.nKodwa uma esondela ama Africa ewotha lo mlilo, sizobuyela esikweni lethu, ngoba isiko lwethu liyalandeleka ukuthi isiko lethu thina bantu abamnyana especially thina njengoba silapha nje singamanguni, umthetho kaJehova, ilona isiko lethu, uma ulilandela uyathola ukuthi kwakuyisiko lethu lelo.
53.Iyo lento esithola sihlangene nalemikhosi ebengikhuluma ngayo, kanye neminye imikhosi othola ukuthi yenziwa isizwe samaZulu. Kodwa isiko lethu lasezulwini ligqitshwe imikhuba ebese iqhamuka ngokukhula kwesizwe sabantu abamnyama nokushintsha kwezinto. Lase ligqitshwa imikhuba, sase sikhohlwa ukuthi singabakwa Israel. Base bejabula abezizwe ngoba bayazi ukuthi ukulahleka kwalento, ukuphuma kwethu esikweni, bese sibuyela esikweni esingalazi, elokuthatha abantu abadala sithi sidonsa umuntu ngehlahla noma sakhe indlu ekhaya sithi indlu yokufaka abantu abadala. Bajabule bayafa abelungu ngoba bayazi ukuthi leyonto ayikaze yenzeke kwa Israel. Basho kahle sebedukile impela.
54.Uma kuqhamuka umuntu ethi asibuye lapha, sibuyele emthethweni kaJehova, bese kuthiwa usisusa osikweni lwethu, akusilo usiko lwethu imikhuba. Imikhuba yabantu abangama Israel umthetho kaJehova ngoba bayisizwe sikaJehova. Iqiniso ukuthi lokhu esesihleli kukhona manje, sicabanga ukuthi usiko lwethu, iningi lakho bantwana abayingcwele, imikhuba, imikhuba eyangena ezweni lakithi. Ngoba uma uzothi uyalandela koSenzangakhona, hhayi kudala, izolo nje koSenzangakhona, awuyotholi lemikhuba eminye yawo.
Uma bengavuka la kukhona into esizenzayo bethi isiko, okungavuka oSenzangakhona bethi asizazi lezi zinto. Ama Africa uma engaphaphama, njengengoba ka 17 ethi Phaphamani ma-Africa, nathi siyawamema ukuthi phaphamani ma Africa, sondelani eduze kuka Jehova, nanti iziko selibasiwe, ozani sizolotha, elethu bantwana baseKuphakameni.
55.Angikhulumi kakhulu ngezincwadi, kodwa ngimema abantu ukuthi nanti iziko likaJehova phambi kwethu, asinamahloni okukhuluma ngalo, ngoba livele phambi kwethu salibuka. Nathi sathi hhayibo yini lento evelayo, sayilandela, safike sayithola, namhla singabantu, kodwa sasingelutho. Kodwa lelivangeli lisigezile, lasenza saba ngabantu. Uma ulandela imilando yethu, usifune ukuthi sasinjani siseseBuhleni, uyothola isimangaliso, ngoba besingasisabi ngisho isono, besingasazi ngisho isono nje. Singasesabi ngoba siphila nabantu… hawu ngizokhuluma kabi, kodwa sasi la esinganakwa khona isono.
56.Baye bathi hawu bayahlulela abantu base NCG, sesidume kanjalo, kuthiwa siyahlulela. Uma abantu kushaya umhlangano ka October, qede bengawugcini, bethi hhawu umhlangano wakwa Zulu, ngeke siwugcine thina ngoba singapha esilungwini, akukhona yini ukuhlubuka lokho. Kodwa sike saba sevangelini elinjalo thina, njengoba sihlala lapha eThekwini, ngo October singalindi, sitshelwe abantu abgcotshiweyo, kuthiwa kuzolinda amaNazaretha aphesheya kothukela, ngoba umhlangano waphesheya kothukela.
57.Ikho ngithi besihlubukile, sisesonweni ngokusemthethweni, mhlawumbe bakhona abafowethu abasenalowo mkhuba. Cha, umhlangano kaJehova, umhlangano wabantu bonke, malibongwe igama le Nkosi. Ehhene angivezi izindaba zala esivela khona, kodwa ngikhipha ubufakazi bokuthi besinganendaba nesono, ngoba isono ukuthi ungawugcini umhlangano kaNkulunkulu, kuqhamuka umuntu ethi hhayi owaphesheya kothukela, hawu owaphesheya kothukela, bese ethi amein. Bese ke sisheshe nathi sisondela esinkwenike, sisondele kwimvubelo, siyodla imvubelo, vele sesiduduzwe ukuthi uthe umhlangano waphesheya kothukela.
58.Hhhayi bantwana baseKuphakameni angehlele ngezansi. Kodwa namhlanje ngijabule ngokuthi uNkulunkulu wethu uyaziveza umhlaba wonke, abantu bayaqhamuka ndawo zonke, nabasuka kumaNazaretha, nabasuka kumaKrestu bathi impela lo Mfundisi wenu ukhuluma iqiniso. Alibongwe igama le Nkosi! Nabaseleyo, ungalibali abantu abaseduze kwakhgo, njengoba bemthuka uMelusi eceleni bayayenza into ayishoyo. Badlala ngawe bayamthuka. Kodwa eceleni bayayenza into abayishoyo. Namhla Baba uMelusi sesinabahlaziyi benkolo, othi uma ubalandela uthole ukuthi bancela kuwe, bacabanga ukuthi asibaboni. Uma ukhuluma wena, uthe uma ukhuluma Baba uMelusi wathi inkonzo nenkonzo wayinika isihloko wathi inkonzo isihloko engizokhuluma ngaphansi kwaso sithi, namhla bangaki abafundisi abathi sizokhuluma ngaphansi kwesihloko esithi. Impela unguthisha wasezulwini!
59.Yes, ngoba abantu bafunda kuwe, bese begiya ngawe ngale eceleni, befunda layikhaya. Isikole esikhulu lesi sasezulwini, abantu sizobafundisa ngoba layikhaya safundiswa khona kwathiwa laba abantu abangemva komama ababizwa ngamantombazane, yini indaba bethathwe kancane kodwa iminikelo yabo ibe idliwa. Yamukele iminikelo yabo, kodwa bethathwa njengabantu abangcolile, kusho ingelosi isho layikhaya, sithe sibona nakwezinye izindawo, babe sebenikezwa, sebezanyelwa imvunulo yokuthi nabo bakwazi ukuthi bagide.
60.Ehhhe bafunda esikoleni esiphezulu, bafunda esikoleni esiphezulu, indla beyiphika! Lesi sikole indla beyiphika le. Ngoba abafunda layikhaya, bafunda layikhaya ubezwe sebehlaziya inkolo, ubezwe sebesho lento eshiwo uMelusi, wathi uJesu, abantu bake bathukuthela, bake badinwa abafundi bakaJesu, bedinwa ilonto. Wathi uJesu uma bengaphambani nathi ningakhathazeki, bayekeni ngoba abaphambani nathi baqhubeke bakhulume. Nathi siyabajabulela abahlaziyi abanjalo, kodwa abakoveza ukuthi bafundaphi, bangesabi basho nje ukuthi uthisha wethu nanguya e-NCG, mudala lo thisha, uyaziwa eBuhleni. Zikhona izinhlanga, i-NABACHU ikhona nje uthisha lo ophambi kwethu, nguye owaveza indaba yayo, kaningi. Saqala ukuzwa thina maNazaretha ehlabelela kwi CD ngothisha ophambi kwethu, sizozincomela yena thina uma abantu becabanga ukuthi usemubi, ngoba kuyaye kuqhamuke abantu abangazi abafike izolo, bese bekhuluma kabi ngoMelusi ngoba benziwa inzondo bethunywe abaholi babo. Ubuhlebakhe siyabazi, sisuka kude naye.
61.Ehhene sisuka kude naye, kodwa asimkhonzi, sithanda iqiniso likaJehova elikuye, iqiniso lakhe yini, ukuthi uma kufika iNgelosi ithi abahamba abathandazi nezinyanga, isho naye enomthandazi, aphume ahambe afike atshele abantu njengoba ishilo ingelosi athi iyachithwa ezulwini indaba yokuhamba uyobhula nokuba nomthandazi, esho naye enaye. Wase ebuya wathi nami benginaye, kodwa ngimyekile ngoba kushiwo ezulwini, malibongwe igama le Nkosi! Unesiminya, uneqiniso, ufanelwe ukulandelwa, ngoba usifundisa ngoJehova. Abantu abasondele nganeno bantwana baseKuphakameni, le ngoma ka-13 inevesi elithi.
ISIHLABELELO 13
4 Yizani namhlanjena
Nanti ilanga selishona,
Eza onke amaSamaria
Ngalokho kusho komfazi.
62.Into esele kunina ma Africa nathi silingise amaSamaria amulalela uNkosikazi uma ethi nanku umthombo engiphuze kuwo, asondele, nathi asisondele emthonjeni. Ngoba nangu omemezayo phambi kwethu uthi sondelani ngase mthonjeni, asisondele nathi singama Africa sizophuza emthonjeni.
Inkosi ibusise enikuzwile.