UNkulunkulu waseKuphakameni ngicela asiphe izinhliziyo zokuxolela, asiphe izinhliziyo zokwamukela, asiphe izinhliziyo zokweneliswa ilokho esisuke sikunikeziwe. Asiphe izinhliziyo zokukhothama, zokucela, sikwazi ukuthi sithole lokhu esikucelayo, singafuni okungale, ungathi uma uze ngalokhu bese ufuna okunye.
Intshumayelo kaMshumayeli Majola mhlaka 29 April 2023
242. ISIHLABELELO. 22
J.G SHEMBE
1 Nkosi yethu Simakade
Simi phambi kwakho,
Siyacela ubekhona
Nawe kanye nathi.
2 Yehla moya oyiNgcwele
Ngena wena kithi,
Usebenze kubo bonke
Lokho okuthandwa nguwe.
3 Zonke izono maziphele
Nazo zonke izifo
Ubumhlophe nobumnandi
Mabuhlale nathi.
1.Incwadi ka Daniel 6 verse 1-3. “Kwaba kuhle kuDariyu ukuba abeke phezu kombuso izikhulu eziyi-120, zibuse embusweni wonke. Phezu kwazo wabeka omengameli abathathu, uDaniyeli engomunye wabo, ukuba isikhulu sibe kubo, ukuze iNkosi ingasweli lutho.
2.UDaniyeli wabadlula omengameli nezikhulu ngokuba wayenekhono eledlulele; Inkosi yayicabanga ukumbeka ukube engamele ummbuso wonke.”
3.Lapha incwadi ikhuluma ngendoda eyayithembekile uDaniyeli, indoda esingacishe mhlawumbe eBhayibhelini siyifanise noJakobe indoda eyayinganasici, eyayikwenza konke okulungileyo. Lapha Inkosi kuyavela ukuthi uDariyu lapha wayebeke izikhulu eziyikhulu namashumi amabili embusweni nje wonke. Wayesemisa nomongameli bakhona ababhekelele ukuze kungababikho ukulimala kwayo.
4.Kepha ngenxa yokuthi uDaniyeli wayebadlula bonke ngobuhlakani nangokwenza izinto, akuhambanga kahle kwabanye abantu ayenabo embusweni. Wagcina esebukeka njengomuntu mhlawumbe ongathi uzenza oncono noma uzenza mhlawumbe ophambili. Ngoba sisemhlabeni nje akubona bonke abantu othi uma wenza into enhle ebese beyijabulela, ikakhulukazi uma ubizwe uNkulunkulu ukuthi lonto yenze, baye bafune ukuthi uhlehlele emuva, leyonto ingahambi ngendlela uNkulunkulu asuke efuna ukuthi ihambe ngayo.
5.Ngizocaphuna nje kancane, ngike ngabona enye intshumayelo lapho uBaba uMelusi esewuMvangeli, ngithi uma ngingaphosisi kwakuwu 2001 September mhlawumbe mhlaka 23. Uma ubuka lapha kuleya Video, kuyavela ukuthi uBaba uMelusi esewuMvangeli, wayenolwazi olwalukhombisa ukuthi ukhethiwe, uthunyiwe. Emele izinkulungwane zabantu ezazikhona eshumayela, echaza umlando kaBabamkhulu ukuthi uBabamkhulu uwumuntu onjani, wafika kanjani ukuze abe khona.
6.Kephi ngiyabona ukuthi abantu leyonto babengayibuki ngendlela uBaba uMelusi ayeyibuka ngayo, kwakukhona ukudlala umona, kukhona ukungathandi ukuthi umlando uyawazi ngaphezu kwabo, kukhona nokuthi kukhona amakhehla amadala angawazi lo mlando, uyabona ukuthi kwakukhona lokho. UNkulunkulu wabe esenza icebo lokuthi ukuze kusinde imiphefumulo eminingi eyithina nemindeni yethu, kwaba khona ukungahlali kahle kwakhe, kwaba khona ukudlakazeka kwakhe, kwaba khona ukuhlukumezeka kwakhe kwezenkolo.
7.Kanti uNkulunkulu umakhela ifa laphakade efuna ukuzomisa indlu kaJehova yase-NCG. Ngiyayifanisake le ndoda ewu Daniel nendaba kaBaba uMelusi ngoba naye ngabe asikho lapha ukube uNkulunkulu akazange amukhiphe. Ngoba kwakucaca ukuthi ulwazi analo, kubantu ayenabo, babekhona ngemijiva nje yamajazi amhlophe naluhlaza, kodwa uthole ukuthi uNkulunkulu abazi lutho nangomlando kaShembe ukuthi usuka kuphi, uShembe uyini.
8.Ngiyibukile leya video isikhathi eziningi ngiyilalela, noma inokungacaci kahle kokunye, ngoba yayifakwe iNkosana uBuhlebakhe Delwa, ngathi ake ngiyilandele. Ngathi cha, ngithe uma sengingena eBhayibhelini, ngayithola indoda eyenze okufanayo noBaba uMelusi ela eBhayibhelini. Kodwake thina siyajabula namhlanje.
9.Ake ngihlehle futhi nyova, ngiye emlandweni wami, ukufika kwami lana, ngifike nami ngiwumuntu ohluphekile njengabantu bonke. Ngangiqala, ngangingazi nami ukuthi ngiyogcina ngikuShembe, ngiseNkosini yaseKuphakameni e-NCG. Kepha kunezinto ezazenzeka engangizibona mina, ngilimale kakhulu ezingozini zezimoto, ngalimala ekudutshulweni, ngisinda, ngingazi ngisinda kanjani. Into eyangehlela, kwaba ikhona ukuthi ukuqala kwami, ngangithi uma ngabe ngihlangana nomuntu nje onentshebe, ikakhulukazi uma ngabe enentshebe isiqala nokuthi engathi iyaqhakaza kuvele kwehle izinyembezi.
10.Uma ngike ngamubuka nje lo muntu omdala ngingazi kwenzakalani, kunesililo nje esivuka kimina. Hawu, ingangiphathi kahle lento, ngisho ngisemsebenzini ngithi hawu, uma ngike ngathi ngiyasebenza, ngadibana nomuntu nje osemdala, eseke ngahlangana naye kuvele kwehle izinyembezi emehlweni. Angiyazanga ke lonto ukuthi yayichaza ukuthini, kwaba isikhathi impela eside.
Ngoba ngikhumbula kunenye intombi engangiwumkhongi kuyona komunye umfana engangisebenza naye le endaweni yaka Nyavu koMkhambathini. Kwavela ishwa-ke bandla kuyona, ayiphilanga isikhathi eside ngenxa yezimo zomndeni yashona.
11.Njengomkhongi-ke ngaba khona emncwabeni ngingakabi bikho kulelibandla. Ngazithela phezu kwawo amadoda ayekhona enentshebe, ngafikelwa isibibithwane, kwaqhamuka yona lento, ngakhala zehla mi izinyembezi. Ngase ngibuka ukuthi abantu abazikuyibuka lento kahle, anginyenye ngiphume nyova la esontweni, ngoba kuzothiwa kushuthi lo muntu nangu esekhala, uthi akakhaleli ingoduse le esihambile, mhlawumbe umkhongi phela, mhlawumbe ngeke sazi. Ayi ngahlehla, ngathi mina ngoba ngiyaziwa ukuthi bengikhonga layikhaya, uma sekuyimina esenginesibibithwane kangaka, kuzothiwa kusho ukuthi.
Kodwa kunamadoda ayekhona laphana emncwabeni engangiwabona, ayenayo le ntshebe engiyichazile, angazanga ukuthi uNkulunkulu wayenginika liphi ifa. Kodwa ke sekuyacaca ukuthi uNkulunkulu wayengikhipha efuna ukungifaka kule nkolo yobuNazaretha.
11.Ngingakangeni kuyona, ngike ngahlupheka kakhulu ngifuna ukukholwa kweqiniso, ngingakamazi uBaba uMelusi, ngiqale ukumazi eshumayela emsakazweni Izwi lo Mzansi. Ayi ngakuzwa lokhu kushumayela nokuchaza indaba ngeBhayibheli nendaba kaNkulunkulu okuhlukile engingakaze ngikuzwe ndawo. Ngazibuza mina ukuthi ngikuphike mina insthumayelo uma inje, ngathola ukuthi ayi engathi ukusonta kwami engangithi ngiyakwenza akuveli ndawo nje. Uma sengithi ngiyabuka ifayela lami lokukholwa engisuka nalo, ayi akukho nala ekuvela khona.
12.Ngamufuna uBaba uMelusi ngaze ngamthola, ngingakamtholi, nganginenkinga yokuthi ngangethathwa izintshumayelo zika Father Khambule wasemaRomeni, uyena muntu owayengishayela iBhayibheli ngendlela eyayinkinga, eyayenza ukuthi ngizizwe ngiyilunga lebandla kodwa ngingazi ukuthi ibandla liphi. Ngoba wayekuvulela iBhayibheli alichaze njengoba linjalo. Ngathatheka, ngiyakhumbula ngize ngiya eMlazi ngiyofuna la ahlala khona, ngoba ngangizwa kuthiwa utholakala la ngase Mlazi. Hhayi ngahluleka sengifike khona eMlazi ukumthola. Kanti uNkulunkulu wayengifihlela imfihlakalo, ukuthi cha ungayi emaRomeni uyaduka, yebo noma eshumayela enza yonke into, kodwa shona ngapha ebuNazaretheni ukuze ukwazi ukuthola yonke into oyifunayo.
13.Ngaphoxeka uma sengithola ukuthi emveni kokuba ebe isosha likaJehova iminyaka ngeminyaka yena uFather Khambule lowo, kwagcina sekuvela izinsolo zokuthi wasolakala ekutheni kukhona ukunukubeza owakwenza, wathatha isinqumo wazibulala emveni kwalokho ngoba ephatheke kabi ukuthi lonto akayenzanga. Bazalwane into eyaye yenzeke kuke kube buhlungu khona umuntu adonse iminyaka ekukholweni, adonse iminyaka evivinywa ngezinto eziningi, bese kuqhamuka i-exam yokugcina, yokugcina exam bese imdida, bese eshayeka phansi egcine engawubonanga umbuso wezulu. Ngoba isenzo owasenza, ngiyabona ukuthi kwaba isenzo sokuhlukumezeka emoyeni, kodwa esagcina sesimfaka kwalasha, wahamba kanjalo.
14.Ngenhlanhla ke, uma ngithi ngiyalivula izwi lo Mzansi, hawu nangu uBaba uMelusi, ngingakamazi, kodwa uBaba uMelusi, ngiyamuzwa uma ekhuluma, wayehamba noMkhokheli bekwizwi lo Mzansi. Ayi uyamubuza umsakazi ngapha, awukho umbuzo angawuphenduli, uyiphendula yonke imibuzo, uyabona ukuthi lo muntu isosha likaJehova nje elidala, eliyaziyo lento elikhuluma ngayo. Ngalokhu ngihlupheka ngihamba, ngaze ngagcinake ngiyithola indawo, ukuthi cha uyatholakala e-Pinetown kwakusese Pinetown kunethempeli khona, ngagcina ngifikile ngazozilahla nami khona ngiyimvana nami yolahlekwa. Into ke engiye ngibone lapha kulelibandla uNkulunkulu usithandile kakhulu ukuthi akafuni siye ekulahlweni, akafuni siye ekubhujisweni, uzama ngayo yonke indlela ukusikhipha ukuthi singayi ekulahlweni. Kodwa bese kuba khona isimo sokuthi abanye abantu bese befuna okungale kwenkolo, ileloke igciwane engiye ngilibone ukuthi liye lishaye, ligcine selihlula abanye abantu.
15.Ngoba uyaye ethi umuntu ukukholwa uma esekutholile, bese ezofuna ingalo yonke, bese ezofuna okungale kwenkolo, uthole ukuthi sekukhona isihlalo umuntu asibhekile, ukuthi hhayi impela lapha nami nginga fit lapha, nami ngingahlala. Hhayi ngingakwenza ukuthi, hhayi ngingakwenza ukuthi, ubani akakwenzi ngoba kunjani. Ilapho-ke engiye ngibone khona ukuthi kuye kwehle ifu nesiqalekiso uNkulunkulu esegadla khona ngoba usuke ufike ngokuhlupheka bese ukhohlwa. Angihlehleke ngibuyele kulendoda engu Daniel, uDaniel lana ubeyisosha elikhulu elithenjwayo kakhulu ukuthi kuNkulunkulu uhamba ngezindlela okuyizona zona.
16.Inkosi ayengaphansi kwayo uDariyu eyayikhethe abantu abayikhulu namashumi amabili, wayengomunye wabo owayaziwa kodwa ozakwabo babengakuthandi ayebekwenza. Njengoba kade ngibuka leya ntshumayelo ekade ngichaza ka 2001 kaBaba, wawubona ukuthi nokho eshumayela uBaba ewuMvangeli, kodwa wawubona ukuthi amanye amadoda asokole impela, akuhlafuniseki kahle intshumayelo ephuma kuloya mlomo. Kwase kwabakhona ukuqhubushekake esontweni ngandlela ningi-ke nokusatshiswa, nokwenziwa izinto ezithile zokuhlaselwa nokufuna ukubulawa nazo zonke lezi zinto.
17.Ngizocela uMfundisi aphinde angifundele indaba iphinde iqhubeke le ka Daniel, kunamavesi esizothanda ukuba si add kuwona la, ehamba nawo. Daniel 6 verse 8-11“Manje, nkosi, khipha isimemezelo, ulobe umbhalo ongenaku guqulwa ngokomthetho wama Mede namaPheresiya ongenakuguquka.” Ngakho-ke inkosi uDariyu yayisiloba umbhalo nesiyalezo. Kwathi lapho uDaniyeli esazi ukuthi umbhalo ulotshiwe, wangena endlini yakhe, amafasitela ayesekamelweni lakhe eliphezulu ayevulekele ngaseJerusalema, waguqa ngamadolo kathathu ngosuku, wakhuleka, wabonga uNkulunkulu wakhe, njengalokho ayenzile kuqala. Ayesebuthana lawo madoda, amthola uDaniyeli ekhuleka, enxusa kuNkulunkulu wakhe.”
18.Lapha bangcwele, siyathola la madoda ayenawo uDaniyeli, ekhethiwe yiNkosi uDariyu esizweni sakhe, esemkhomba ngenjumbane, ukuthi engathi uzenza ngcono yena kukhona okunye akwenzayo. Wayeseqopha ukuthi cha, akube khona umbhalo ozobhalwa la ukuthi oke watholakala enza lokhu uyojeziswa nokujeziswa. Kanti lo mqulu mbhalo osayinwayo, usayinelwa yena uDaniyeli, akazi, neNkosi yayingazi ukuthi lo mqulu kanti ususayinwa nje kunomuntu okufuna akhishwe injumbane, agcine ngokujabha, agcine eyojitshwa la ajitshwa khona alahlwe, ayophoswa emphandweni wezingonyama. Ilapho-ke uDaniyeli abanjwa khona ekhuleka, base bethola ukuthi lamadoda cha uwephulile umthetho phela bese kunombhalo obusubhaliwe emabhukwini. Njengobake Nkosi esephule lomthetho, kumele athathwe lo muntu ayojeziswa, ayojitshwa kuphi na, emphandweni wezingonyama.
19.Kwakwaziwa ukuthi izingonyama noma inini zihleli zilambile, uma eke waphonswa kuzona noma kanjani, ngeke abuye uyokufa nokufa. Kephi ngethemba uDaniyeli ayenalo, nokuhamba kahle phambi kaNkulunkulu ebusweni bakhe, nokwenza kwakhe eyindoda engenasici nengahambisani nokungalungileyo.
Wayengenasikhali sokuvika, wayengenalutho aluphethe ngesandla lokuvika, kepha wayethembele emkhulekweni wakhe nokubhekisa umthandazo wakhe kuJehova. Ngalokho uJehova wabe esethatha isinqumo sokuthumela ingelosi ukuthi ihambe iye emphangweni wamabhubesi, iyovala imilomo yamabhubesi ukuthi inganyakazi imilomo ihlangane, aze angamudli uDaniyeli amabhubesi.
20.Ngempelake uNkulunkulu wakhathazeka ke ngaleso simo ngoba kwakuwumuntu owayemazi ukuthi uhambe kanjani phambi kwakhe. Nempela ingelosi yafika esetshingiwe emphandlwini wamabhubesi, nenkosi ingazi ukuthi izomkhipha kanjani ngoba yayimazi ukuthi iwumuntu ohamba kahle kuyona inkosi uDariyu, kodwa nayo ngenxa yokuthi umbhalo wawusubhaliwe emabhukwini, kwase kuphoqa phela ukuthi akuhambe ngokwemibhalo osusayiniwe. Ngempela waphonswa uDaniyeli lapha, ngenhlanhla kaJehova enkulu namandla kaNkulunkulu awazange amudle amabhubesi, avele amubuka ahlala naye.
21.Ekuseni kutholakala iNkosi uDariyu isivuka isihamba iyobheka ukuthi ngabe amabhubesi amenzenjani na, ngoba wayelwazi ukholo luka Daniyeli ukuthi ukholo lukaDaniyeli ilona oluyomthatha lumbheke ekukholweni kwakhe asinde nokusinda. Nempela wathi uma efika ebuka lapha, wamthola ukuthi uDaniyeli amabhubesi azihlalele lapha, akazange alimale ngalutho, watholakala ephila, kephi esindiswe yini, ukholo lwakhe. Amadoda alapho uNkulunkulu wawamangaza ngaleso senzo ukuthi uDaniyeli angadliwa amabhubesi, iNkosi yabe isithatha isinqumo lapho sokuthi makubizwe wonke lamadoda ayemuvukele, uDaniyeli, kubizwe nomndeni wawo namakhosikazi nezingane kube ikhona okuya ekubhujisweni kuphonswe lapha emphandlwini wamabhubesi.
22.Nempela kwaba njalo, kwathatha wonke amalunga omndeni, bonke ababemvukeli kwayibona abajitshwa lapha emphandlwini wezingonyama. Ngebhadi ingelosi ayibange isakwenza lokhu eyayikwenzile ku Daniyeli ukuthi ivale imihlathi yamabhubesi, amabhubesi agibela phezu kwabo aziqhofozela inyama bafa kanjalo, emveni yokumvukela.
23.Le ncwadi ngiyithathe ngoba ngibuka umholi wethu uBaba uMelusi indlela asehambe ngayo ukuze kume lelibandla, ukuthi alivelanga lelibandla lama nje ngokuhlakani bakhe. Kepha kwaba khona uNkulunkulu khona, kwaba khona ingelosi nangokuthunywa uBaba iLanga ukuthi akamakhele indlu kaJehova. Nempela kolowo mzuzu ukwenzile lokho. Kodwa kuyimanje nje amabandla amaningi awajabule, ukungena kwakhe emsakazweni aphendule ebeka amaqiniso akumnandi ngoba amabandla amaningi, ikakhulukazi la kumaNazaretha, ayathanda ukuthi noma emdumisa uJehova kepha ebese esheba, kube khona ezinye izinto azisebenzisayo ngokubhaca nangenkolo. Manje lapha uBaba uMelusi ufike ahlakaze inhloko nesixhanti, ukukholwa kube ngapha eceleni, amasiko awabuyisele eceleni, kube ukuthi amasiko angaxabani nangaphambani nomthetho kaJehova, iwona avumelekile ukuthi siqhubeke siwenze.
24.Kepha lawa agibelana nomthetho kaNkulunkulu awavumelekile ukuthi siwenze, ilokhoke abantu abangakufuni, okubonakalayo ukuthi kwase kuqaleni ngabe kushuthi ngabe lelibandla alimanga ukuba uNkulunkulu akalenzanga icebo lokuthi aphume eBuhleni azokwakha indlu kaJehova ngapha. Ngoba abantu abaningi babengazi lutho ngenkolo bengafuni nokumphakamisa ukuthi lowo mzuzu nangu umuntu ozosikhipha emlilweni owazi yonke into ngenkolo. Bakwenzake abantu kuyimanje, abantu abaningi bayafa namhlanje ngakho ukuthi baphushelwa abanye abantu ebubini. Kunezinkabi namhlanje ebezingekho ngoba kusukaphi na, emehlweni nasekubukeni nasekwenzeni.
Umuntu enze into enhle phambi kwabanye abantu, bese abanye abantu kungabikuhle lokho bese kuthiwa hhayi ubani akashaywe.
25.Kungacatshwanga ukuthi lo muntu unomndeni, kungacatshangwa ukuthi lo muntu naye uyakudinga ukuphila lapha emhlabeni. Emveni kwalokho bese kugcina sekuba khona izinkabi ezibulala abantu. Ziyathengwa izinkabi, ziyakhuluma nje, kukhona engake ngayizwa ikhuluma la ko Facebook isho yona ukuthi hhayi uGobela wayo wamtshela ukuthi akangalishayi ikhanda akashaye la entanyeni. Wathi yena uyabezwa abantu bephawula bethi ubabulalelani abantu, wathi yena wondla izingane zami ngalento, ikhanda lo muntu liwu R300 000. Zwana nje umuntu ekhuluma into embi, eyincoma kuyinto enhle yokuphakela umndeni ngayo.
26.Abantu bajikileke manje, uma bake bakubona ukuthi usesimeni sokuthi uyaphumelela ngempilo, uzama ukuthi uye phambili ngakho konke okuhle okuhambisana noNkulunkulu, abakuthandi bonke abantu. Nasemabandleni kunjaloke. Kumanje nje kungabe siyibandla elilodwa elihlangene, ukube sicula ingoma eyodwa yokuthi kuhanjwe ngayo. Manje-ke ngenxa yesimo sokuthi kukhona umuntu ofuna ukusheba, ufuna kuvuke izangoma ebandleni elithize lamaNazaretha, ufuna kuvuke izinyanga ogobela, abantu abenza amagobongo, abantu abakuhlolelayo.
27.Manje ke akwenzeki ngala, Ingakho kunamaqembu qembu, ngoba bafuna uku divert manje inkolo kaBabamkhulu, ukuthi cha uBabamkhulu akashongo njalo. Nangesikhathi uBabamkhulu eseNhlangakazi ethunyelwe enhlangakazi, wahlupheka kakhulu, kwaze kwaba nabantu abamusukelayo, nabafuna ukumbulala, bethi udla izimbuzi zabo, kulahleka izimbuzi entabeni, umuntu ebe ethunywe uJehova. Lutho kodwa ukuphenya ukuthi lo muntu ofike la ufike kanjani, benenhloso nje yabo ukuthi cha izimbuzi zethu ziyalahleka, nangu udla izimbuzi zethu, bengazange babona bhodwe nanhloko eliphekiwe emahlathini.
28.Kodwa akekho osecabanga ukuthi hhaybo, lo muntu wanokukhuluma okuhlukile, wangaphatha lutho, waphatha izwi likaJehova kuphela. Wavukake umona kanjalo. Njengo Daniyeli njengoba sikade sikhuluma ngaye nje la, uDaniyeli indoda eyasinda, isindiswa uJehova ngemisebenzi yakhe, naye enethemba lokuthi uJehova ngeke angilahle. Sengihambile kakhulu phambi kwakhe uJehova, sengikhuleke kakhulu uJehova ngeke angilahle, ngakwenza. Kwakhishwa ingelosi, ikhishelwa yena uDaniyeli ukuthi cha phuthuma ngelosi, uyovala imilomo yamabhubesi, ingalinge inyakaze, ingamudli, ukuze uma befika izomubheka lapha, bephatheke kabi ukuthi izifiso zabo aziphumelelanga.
29.Akuthina sonkeke esingaba kuleyo Nhlanhla, kephake sinikiwe ithuba lapha e-NCG lokuthi sivule izinhliziyo nezinqondo, sazi ukuthi size ngokukholwa, singabheki okungale kokukholwa. Uma kuwukuthi isihlalo umuntu uyasinikwa, uyasinikwa, uma umuntu isihlalo engakasinikwa, uyosinikwa ngelinye ilanga. Kepha uma umuntu ezofika ngokuthi kukhona umuntu okufanele agudluzwe kuze kuhlale yena, ilapho-ke uSathane oqala khona ukubusa.
30.USathane phela naye wayeyingelosi enkulu yasemazulwini owabhenishwa ngemisebenzi ethize kepha obonayo ukuthi ayikho into angayazi ukuthi umuntu uma ezongena ezulwini ungena kanjani, uma umvimba futhi ukuthi umuntu angangeni ezulwini wenzenjani ukuze umvimbe. Kunjengomuntu, ngiyaye ngilinganise ngomuntu uma kade esebenza umuntu kwa BMW eMhlanga, uma exoshiwe kwa BMW akusho ukuthi akakwazi ukukhanda oBM. Engabakhanda ngisho emgwaqeni ngoba ulwazi uhambe nalo, olwakhe, engawumisa nje uBM awukhande khona emgwaqweni udume uhambe. Ngoba uhambe nalo ifa lokuthi lento yenziwa kanje.
31.NoSathane ngokunjalo, ukuthi akekho embusweni wezulu ngoba angakwazi ukuthi akufundise ezinye izinto, engakufundisa ukuganga akufundise wonke amacebo, kodwa akafuni ukukutshela ukuthi ukhonzwa kanjani, iyonanto angafuni ngampelake ukuyenza ngoba akafuni ukuzenzisa, ufuna kucace naye ukuthi uyiNkosi ngokwakhe. Abantu abaningike baye bengakwazike ukuhlukanisa ukuphila bese bevumela inhliziyo.
32.Ngiyaye ngithi mina, kubalulekile ukuthi umuntu uma ephila kulomhlaba ubuchopho noma inqondo ayikhothamele kube iyona ebusa isidumbu somzimba. Ngoba singabantu abagcina ngokuzibulala ezweni nje nabathatha izinqumo ezingasile, kunamhlanje kudumile, sekudume indaba yalezigubhu, abantu bafuna umnotho.
Sifuna igubhu asazi lezi gubhu asize bani bezigubhu ngoba lezi gubhu zinama KG phakathi, kunezigubhu ngapha, ukuthi ubani ozongena kulesi sibhubhu esincane kangaka, osuke enzeni.
33.Bafuna umnotho abantu, ngikhuluma nje kulahleka izingane ziyacuywa, kuthathwa yonke into, abantu baphendukile ezweni, bafuna into yaphambili. Bese belahlekelwa ukuphila kwaphakade. Yebo inyama uNkulunkulu usinikile okwesikhashana, izosishiya, kepha kukhona ifa esinikezwe lona, ifa lo mphefumulo ekufuneka lithathwe liyongena ezulwini. Inyama iyosiluza kodwa umphefumulo ngeke usiluze, umphefumulo kuze uhlale kahle ufuna ukusetshenzelwa. Kanjalo njengoba ngisho nje, ingqondo kufuneka kube iyona ebusa isidumbu somzimba ukuthi lokhu ngiyakudinga lokhu angikudingi. Uma uke waqhuba ulaka noma i-anger, kwayiyona ebusa isidumbu somzimba, ingakho abantu abakhona begcina bese mgodini, abanye bagcina kuphi, ko Westville besejele eboshiwe ngoba umuntu uthathe isinqumo ecasukile.
34.Noma isiphi isinqumo esithathwa umuntu esuke ediniwe leso sinqumo sisuke si wrong, ngoba ekugcineni emveni kwezinsuku ebese ubona ukuthi ngishayisile la bekungafanele ngiyenze lento. Usubona emveni kwesikhathi, usubona usu behind bars usungaphakathi ezinsimbini usuboshiwe. La uthole ukuthi bazalwane, bangcwele, lapha uDaniyeli usifundise izinto eziningi zokuthembela kuJehova, ukuthembela kwakhe kuJehova kusithathe kwayo kwayosibeka kwasikhombisa ukuthi ngampela uma uhamba ngeqiniso kuJehova, ukwenza konke ngeqiniso kuJehova, uzethemba ngento osuke uyiguqela phambi kwaJehova uJehova ngeke aze akulahle.
35.Ukhipha enye yezingelosi zakhe noma ingasiphi isikhathi ayiphuthume iyovika lapha. Ngiyaye ngimangale uma ngibona njengoba kuyi weekend, kuwusuku lweSabatha, ngakusasa usuku lwesonto, okwelokuqala evikini. Abantu abaningi bagijima bayobuka ibhola koMabhida, emagroundini ahlukene, bese belahlekelwa ukuphila. Njengoba silana nje, thina asilutho kubona, abasithathi notice njengoba sila, sizomosha isikhathi ngokwabo, bona kufuneka bayozijabulisa. Kepha ekugcineni ngiyaye ngithi mina uJehova uthwele kanzima ngenxa yesimo sabantu abaningi aba claim inhlalakahle ezulwini kodwa bengakusebenzalanga lokho. Kumanje abantu baseMabhidanje, babuka ibhola, basezindaweni zobumnandi babuka ibhola, bayadla baziphuzela iziphuzo ezingafanele, kepha uma uNkulunkulu esefika, esememeza igama lo muntu, esemuthatha umuntu ezweni, esehamba emhlabeni kuyaye kufuneke umgcotshwa kaJehova ozohamba ayongcwaba lo muntu, ebese kwandiswa, sekubekwa kahle ngomuntu, kade umuntu egangile.
36.Sekufuneka lo muntu ayo claim inhlakahle kuNkulunkulu angazange ayisebenzele, uNkulunkulu uhlale ethola izikhalazo ezisuka kubantu, bemucela bethi muxolele. Ubani ubewukuthi ewukuthi. Kepha lowo muntu ubelazi usuku lweSabatha, emubuka umuntu eya eSabatheni engamuthathi notice. Kepha uma esefile akhumbule ukuthi hhayi phela manje sekufuneka inyama iye enhlabathini, sekufuna umphefumulo uye la obusebenzela khona. Usefuna ukuwujika umphefumulo ukuthi awusuke manje eMabhida, awujike manje uye enkonzweni kodwa ubengakaze eze la! Ubethi noma eholile lo muntu aye ebumnandini ayozijabulisa, aye kwazithandayo aye kozijabulisa, enza yonke imigilingwane yomhlaba. Kuthi uma kufika umhla wokuphela, afise umuntu engathi engabiza bonke abantu babe la bambukise lento esimehlele ukuthi hhayi ngilekeleleni nakhu ngingena enkingeni.
37.Lapha asidalelwanga ukuthi sizokwenza imisebenzi emhlabeni nje kuphela, kepha uNkulunkulu ukusidala kwakhe wayenenhloso yokuthi simudumise ngezikhathi zonke zokudumisa simukhonze. Sigcine yonke imithetho ayiletha emhlabeni ngeNceku yakhe uMose ukuze ukudumisa kwethu kwamukeleke kuThixo wemikhosi. Sinikeziwe lelothuba, abantu abaningi silapha nje, balithathile lelothuba beza bezodumisa uJehova njengoba ngisho nje abanye basebumnandini, kepha uma sekufike izinsuku zokufa lowo muntu sekufuneka umgcotshwa kaNkulunkulu.
38.Abafuni ukuqoka umuntu okade enaye egroundini ukuthi cha ngoba ubuwu couch webhola, ake uyongcwaba ndoda, kuye kuthathwe lapho. Why bengathathi lowo muntu, kuthiwe ngoba ubuwu couch, thathani yenake eyomngcwaba, ngoba phela, kumele avule lezo hluko zase groundini, engabe zikhona yini ezase groundini, bammbele ngazo phansi. Kepha ekugcineni kudingeka ukuthi uNkulunkulu bammemeze, bafuna uJehova ukuthi ayekelele umsebenzi wakhe ebese etatazelela umuntu obengamazi nokuthi ubeyini.
39.UNkulunkulu, unguNkulunkulu wabo bonke abantu, yebo ezweni, kepha uwuNkulunkulu walabo abamukhonzayo. Ngeke uNkulunkulu ukuthi engavele asukume atatazelele umuntu obengamazi, ngoba nakhu usengena enkingeni. Uzothi uma kuphenduka imoto irola iyoshona emgodini lapha, ebese ebiza uNkulunkulu, ebese ecabanga ukuthi uNkulunkulu uzoyeka into ayenzayo aye kuyena, uNkulunkulu naye ubheka izingane zakhe ekade zimmemeza njalo ngamaSabatha zimdumisa zigcina imiyalelo yakhe elishumi.
40.Engikushoyo ukuthi bazalwane lento kufuneka siyibhekisise, akube ukuthi umuntu uthola into ayinikwayo uJehova. Uma uNkulunkulu engakakuniki, unohlelo uNkulunkulu lwakho ukuthi leyonto uyokunika kanjani nini khona. Ungavele into uyi demand uthi cha, hhayi nami ngifuna ukuhlala kulesiya sihlalo, ngifuna ukuphatha lapha kulesiya sihlalo, ukuba umholi akuvele kuqokwe njengenduna le esikela abantu indawo, akudatshulwa ndawo la, lana kusuke kuzokholwa!
41.Kukodwa la ekudatshulwa khona indawo, la akuvele kukhonjwe khona kuthiwe, cha nakhu hhayi unamahlombe abonakalayo ukuthi ungaba induna endaweni bese ukhethwa. Cha, lapha ukhethwa uNkulunkulu ngendlela eyiyo, engakhetha umuntu onomkhaba, engakhetha umuntu ongenamkhaba, engakhetha omfishane omude, onentshebe ongenantshebe, uNkulunkulu uma esekukhombile usuke esekukhombile. So, abantu bengayididike lento ngoba into engike ngibone esihlubulayo esontweni, sifika ngokuhlupheka, athi umuntu ngokuhlupheka alingisele inyoka eyayibekwe endlini igodola, ithi ingezwa ukuthi sekufudumele, bese iqaqeka inyoka bese izobona lo muntu oyifake endlini isifuna ukumnqafaza imufake uphoyizeni imubulale.
42.Nabantuke benzanjaloke, bafika la nezitaputabu anazo, uyahamba lana sekunezitaputapu osusizikhahlela phansi ongazazi ukuthi ziyaphi la. Ngoba phela uma kuwukuthi umuntu uyayenza lento yakhe, akacele anikele, uMkhokheli ukhona, bakhona abagcotshwa nabangcwele abanye, ungamubizela umuntu eceleni, cha, ngithi ayi angikhulume la ngashiyelwa izikhwama, akuvumi ukuthi ngihlukane nazo. Ayi akuvumi ukuthi ngihlukane nazo, nemfene cha ikhona ngiyibekile, kodwa manje sengiyaye ngithi noma ngikhisamanzi, iyagoloza, ithi asambe siyothakatha, angisathandi. Manje abantu abaningi abafuni ukukwenza lokho, umuntu akafuni ukuzehlisa, into esishayayo kakhulu ukuzehlisa, asifuni ukwehlela ngezansi, asifuni ukuzilahla. Ukuthi sithi cha, Nkulunkulu ngangiganga la, sengicela ukwehlela ngezansi, anginyonyobise okuncono ngihambise ebusuku ngoyibeka ehlathini. Useze wayiqamba ngisho igama, idla nabo etafuleni, yenza yonke into ngoba kunabantu abaphumelelayo afuna ukuyobasebenza. Lapha siphila nabantu ezweni, abakulesi simo sokuthi umuntu kuphele inyanga, bayahola abantu, bathenga ukudla bathengela imizi yabo.
43.Yena kunomuntu nje okulaphayo, kodwa akamutshelile, uyakwelapha nje impela, ukuhambela kwinyanga yezizwe, ukusikela imithi impela ongayazi ebizayo. Akakutsheli kodwa, uyaphaphama uyahleka nalomuntu uyakwelapha, uyakhuluma ayi uyakwelapha impela nje. Futhi uyena obona kuqala uma ubhozo usumkhulu usuquvile ukuthi engathi kuyalunga la, uphila leyo Mpilo. Unohlanga, loluhlanga why lo muntu engahambi ayolikopolota alususe, acele, nayi imbenge ikhona. Ngizozilahla, akusavumi, angisathandi ukuthakatha, sengithakatha ngisho abaholi uqobo. Hhayi sengicela okuncono ningithandazise angiyazi lento.
44.Lapha kuke kwanentshumayelo uBaba owake wayiphakamisa, yentombazane, eyayiqube ngazo izembatho, ikhona ebandleni ikholwa. Noma ngingasakhumbuli ukuthi eyanini kodwa ngizonitshela. Intombazane eyayithi ikholwa, kanti iyazi yona ukuthi iziqomele, idayisa ngomzimba, iphila impilo nje engalungile inomngani wayo. Okuthe uma ngabe sekufike izinsuku isitshelwa ukuthi aybo iyeke lento yakho izokuyisa esihogweni. Ayi emveni kwalokho intombazane yangafuna ukukuyeka, kwafika ukufa. Uma sekufikile ukufa, isibona ukuthi iyiswa esihogweni ngale, ayi yabuya yeza kumngani wayo, yangena kuyena, cha, ngalena kufuneka ngiqhubeke nomsebenzi engangiwenza emhlabeni, umzimba phela angisenawo phela sekufuneke ngingene kumngani wami kwenze yena, aqhubeke.
45.Bakhona abantu abanjalo, othola ukuthi umuntu akasathandi ukuyenza into kodwa ngenxa yokuthi inhliziyo ilikhuni, akafuni ukuvuma. Lapha siyafundiswa ukuthi umuntu ngisho ungamunikelela, owakini ongasekho, ngoba akubona bonke abantu abanjalo, abanye bangaba bahle, abanye bafa bethanda ukukholwa, kepha abanye bafa bengakuthandi ukukholwa. Umuntu ngisho ungamnikelela uthi uyamucelela ukuthi cha abe ngaphansi kwenkolo kaJehova eyamukele esefile, uma wayengayifuni esemhlabeni, akayamukeli leyonto ngoba wayevele engayifuni.
46.Kukhona umuntu oke abe inkinga ephila, ubone ukuthi mhla kwafika uJehova wamuthatha, kushuthi siyovelelwa uma engasekho ngoba uyobe esewumoya. So, lezo zinto ziyacelelwa, sifundisiwe kulelibandla ukuthi, into uma uzalwe unayo, kepha uma ungayifuni uyicelela kuJehova ukuyiyeka, uyinikelela, leyonto iyaphela. Uma uyicela nje uthi cha Nkulunkulu lento angisayithandi, inamathele impela kumina, angisayifuni impela, iyangihlukumeza lanto. Ngoba inhliziyo engalungile, ibona la okungekho khona sono, iyakwazi uku create esayo nje isono esingekho, ithi hhayi lapha kunesono, sisuke singekho isono. Ngenxa yokuthi vele iphila ngani, ngamaphutha, iphila ngokubheka izici ukuthi hhayi ngizomthola kuphi la engizomthola khona. So, abantu abaningike abafuni ukuthi bayiyeke lento, Ingakho ngithi mina incwadi ka Daniyeli mayisifundise ngoba nangu uBaba sinaee nje lapha. UBaba ube nezivunguvungu eziningi ephuma eBuhleni, uyambona ukuthi kwakuwumuntu owayecijile, ephiwe uNkulunkulu kwasekuqaleni, wawubona ukuthi uyakude la ekhona nenkolo.
47.Kepha ababenaye bambona kuqala, ukuthi hhayi khona uma singagcina lo muntu eduze kwethu, sizoba nenkinga. Base bemakhela izinto ezingekho ukuthi kubekwe amagama athize ukuze aqhubukusheke. Uma eseqhubushekile esemkhipha uNkulunkulu, sekuyibona futhi asebethi hhayi wahlubuka, kodwa ibona ababemjaha ngemuva ngezizathu ezithize bebona ukuthi mm lo muntu ngokuzalwa akayena owakwaShembe ngesibongo kodwa uphethe enye into esingayazi kwathina singabakwaShembe, asimqhelise eduze kwethu, uma simbeka la uzoba inkinga eduze kwethu.
48. So indaba kaBaba uMelusi ngiyifanisa kakhulu neyendoda le ewu Daniyeli, ngoba uDaniyeli ukuze aphonswe emphandiwini wezingonyama nje, wabanjwa ilamalunga phezu kwalencwadi eseyibekiwe, ukuthi umuntu uma eke watholakala nje enza okuthile, ekhuleka ecela kunoma ubani. Lowo muntu kufuneka agwetshwe aphoswe emphandweni wamabhubesi. Babemcuthela, babemazi vele ukuthi akalenzi iphutha, uthandaza njalo kathathu ngosuku, base bemcuthela ukuthi cha bazoke bambone ukuthi uzoke aguqe yini ayothandaza. Uthe engaqeda nje ukuguqa lapho, base behlala kuyena, bathi hawu usuwuphulile umthetho, siwubhalile phela umthetho la eNkosini uDariyu, ngakho-ke iza ngapha, sibone ukuthi senzenjani ngawe kuze kube isifundo nakwabanye.
49.Babebheke ukuthike uNkuunkulu akekho, kanti wayethandaza uNkulunkulu wangampela, ukube wayedlala, ayeyomudla amabhubesi, kodwa wasinda, wasinda waphila wabuya! Emveni kwalokho iNkosi yajabula kakhulu uma ibona ukuthi usindile ngoba yayivele ibona ukuthi unekhono elixakile emadodeni awu 120, ayewabekile esizweni sonke. Kepha nabo ozakwabo njengoba babembona, babona ukuthi hhayi lo muntu esinaye la, uma sithi siyamgcina la sizovela obala ukuthi thina asiwenzi umsebenzi, asiwenzi ngendlela.
50. So, ngithi uNkulunkulu waseKuphakameni ngicela asiphe izinhliziyo zokuxolela, asiphe izinhliziyo zokwamukela, asiphe izinhliziyo zokweneliswa ilokho esisuke sikunikeziwe. Asiphe izinhliziyo zokukhothama, zokucela, sikwazi ukuthi sithole lokhu esikucelayo, singafuni okungale, ungathi uma uze ngalokhu bese ufuna okunye. Umuntu ubezotsheleka igeja la efuna ukuyohlakula, usebona imbazo, usefuna ukuhamba nanembazo futhi, kodwa ubengazele imbazo. Uzomthini umuntu onjalo, ngoba usebona imbazo, usebona ngale, usebona nomchilo weyinkomo, hhayi inkomo yami ukuze ngikwazi ukuyibopha uma ngabe ngiyikhiphe, angitsheleke nomchilo, akabuyisi futhi!
51.Uma usukufuna usungaze ungilandele nomchilo nefosholo, kade kuyini lokhu, kodwa kuyamhlula yena ukuba nakho. Kunabantu ke abaphila kuleso simo, okubalulekile nje ukuxegisa umoya, uxegise inhliziyo, ubheke kuSomandla ukuthi uMdali wezulu nomhlaba uJehova uyena owasiletha ngezinhloso zakhe. Sisuke sikwenza nje phela okwethu kwala emhlabeni, kodwake esisuke sesikwenza nje phela ngoba noNkulunkulu usinikezile izinsuku, wathi kweziyisithuba, uyokwenza wonke umsebenzi wakho, kodwa kulolu olulodwa kuwusuku engalingcwelisa, ilapho oyokwazi ukuthi ungidumise khona.
52.Ngiyaye ngenze isibonele sokuthi ubani ongavuma ukuthi uma ngabe unebhilidi elikufakela imali enkabeni yetheku, okuhlala abantu abaqashile kulona, baqashe abantu bahlale kulona, kuphele inyanga bengakukhokheli ngisho isenti. Uthi ubhekile phela, uthi uzodla ngabo uthi cha bayakhokha phela i-rent bengakukhokheli. Kepha ebese ebonakala umnikazi webhilidi efika nopende, namafastela amasha afike azoshintsha upende, abapendele abantu, abafakele amanzi, aqhumile amanzi aqhume amapayipi, alungise izicabha, yonke into ilunge nothayela uma kowothayela noma ama tiles. Ashintshe, baphinde bahlale, kuphele inyanga bengakhokhi futhi!
53.Aphinde abuye futhi azolungisa okunye vele, ubani ongenza lonto, uJehova kuphela okwazi ukwenza lonto. UJehova akanqeni ukuthi ebona ukuthi kunezigigidi zabantu ezihleli ezweni, kuzigidigidi ezikhona, bancane kabi abantu abamdumisayo, kepha khona kunjalo akakhohlwa ukuthi ilanga kufuneka alikhiphele bonke abantu!. Uyalikhipha ilanga, ulikhiphela izoni, akhiphe i-oxygen, siyiphefumule sonke, akhiphe imvula, kushintshe ubusika kungene ihlobo for izoni. Aka complain ukuthi cha laba bantu abangidumisi awuthi ngiyeke. Basuke bekhona abamdumisayo, kodwa abantu abaningi abazuzayo ibo laba abangamdumisi. UNkulunkulu unobubele, uNkulunkulu uyakwazi ukubekezelela omunye umuntu, kepha uma ngabe uzehlisa, uthandaza kuNkulunkulu ucela yonke into, iyohamba ngendlela. Kepha abantu bakithi baye bengakufuni lokho.
54.Asifundeni la ku Daniyeli, sikwazi ukuthi njalo emakhaya ethu, siguqe kabili noma kathathu, kuya ngokuthike umuntu usebenza muphi umsebenzi noma mhlawumbe isikhathi usithola nini, kodwa makabike ajule kuJehova, ilona thuba leli lokukhuluma yonke into. Singabheki ukuthi uma ngiguqa manje, sekufuneka kwenzeke umlingo ukuthi kusasa uma ngiphuma, ngoba nakhu bengicele ukuthi izitshalo zami zivuke emasimini, ngithi uma ngisuka la kuphuma isonto ngifike amaklabishi eseyizigaxa emasimini, kade ngiwatshale izolo ekuseni, hawu aseyizigaxa, cha asiyibheki imilingo enjalo.
55.Asikwazi ukuthi senze leyo yinto, sicela bese silinda, uNkulunkulu unesikhathi sakhe enza ngaso, akunikeze leyo yinto. Noma unenkinga, umumemeza, uNkulunkulu unohlelo lwakhe lokuthi ngifika nini ukuzokwelekelela, noma kungadlula iminyaka eyishumi, 100 years usaphila kodwa ngelinye ilnga uyokuphendula, uyokuphendula ungasazi bese ubona ukuthi nansi impumelelo. Mina sengisinde ezingozini, njengoba ngisho sengibanjwe ezimotweni zami kwaze kwaba kathathu, kungadlalwa ngidutshulwa ngempela.
56.Kepha kukhona isikhathi engaze ngafonela uBaba uMelusi ngimazisa ukuthi ayi Baba nayi isihlangene ngezifuba ngapha abantu bengishaya bengiphuca imoto. UBaba wanginika isibusiso lapho. Isibusiso owanginika sona, senzeka ngoba abantu ababenza lokho bagcina beshawa amaphoyisa, abasekho nje emhlabeni namhlanje. So, engisholo ukuthi uma unethemba, wenza konke uhamba ngeqiniso, noma singakavuthwa ngokuphelele mhlawumbe ekukholweni, ukuthi sesivuthwe ngokuthi sesingakwazi ukwenza, sikhulume impilo. Kepha iba isosha elimthembayo uJehova ngaso sonke isikhathi, ufake umndeni wakho uwufundise uthathe izingane uzibeke eduzane.
57.Ngoba ngiyaye ngibuke nje izingane eziningi ezigcwele la eThekwini, kweziyishumi, iyodwa kuphela ingane mhlawumbe engafike ikutshele ukuthi ize ibe yiphara ihlala entabeni nje, kwakuyisimo somndeni, kodwa eziningi izingane ziyadlubulundela. Umzali ashaye aze ayeke ingane idlubulundele ithi hhayi sengiyoziphilisa mina umathanda. Ifike lapha ngoba umhlaba awuyincengi, lapha ekhaya uma uthi ulele ebusuku, ingubo imbuleka, kuba khona Ilunga lomndeni, kungabe umzali, umama noma ubaba noma udadewenu noma umfowenu, okwaziyo leyo ngubo ukuyidonsa, athi hawu umtanami noma udadewethu noma umfowethu umbulekile akambeswe.
58.Lapha umuntu uma esehleli ehlathini, usuke engasambeswa muntu, umhlaba lapha uyakubuka nje, ukugade ekutheni uma uke walahla nje isayidi, uyakumboza nje, awudlali kanjalo. Ngikhuluma izidumbu esiyaye sizithole lapha uma siya emsebenzini, sihlale sinenkinga, abantu baphoseka olwandle, bayaziphonsa abanye, banezinkinga zezimali, baziphosa olwandle benza yonke into, abanye ubathola befile bayazibulala. Uthi uyalalela umuntu ngapha athi angisazi ngizokwenza njalo. Kodwa ukhona uNkulunkulu, uNkulunkulu uvule izandla, akhona amasango avuliwe, ukuthi uma uza kimina nje uzilahla, uzocela, mina ngiyokuphendula. Kodwa umuntu ngenxa yokuthi ufuna ukusheba, hhayi kunogobela odumile lapha kuthiwa ukutshela igama lomuntu akutshele ne phone number, akutshele ne date.
Ngimangalile nje omunye engingeke ngimusho, engimuzwe ekhuluma la ku Facebook, ekhuluma kabi, ngaphatheka kabi, ukuthi uma ewumgcotshwa-ke kodwa usengakhuluma kabi kangaka ethi hhayi noNkulunkulu naye wayethwele, ngoba wanikela ngeNdodana yakhe uJesu.
59.Ngathi mina hawu, kwangiphatha kabi lokho, ngathi hawu lo muntu udumile, uyaziwa uhlala ekhuluma, Ukhona impela la ku Facebook, uthi noNkulunkulu naye wayethwele, useyavela manje ukuthi kwayena uthwele, uthi noNkulunkulu naye uthwele ngoba wathatha iNdodana yakhe uJesu eyayizelwe yodwa. La engibona khona ukuthi uma sekufikile ukufa kwekhanda, ngiyaye ngikhumbule uBaba insizwa engizalayo, wayewu m-Africa ubaba. Wathi mtanami ngiyakukhulula ukuthi uye noma kuyiphi inkonzo uma kukhonzwa uJehova, angikwazi ukukunqumela.
60.Kepha wayeke asho ubaba ethi kukhona ukufa okuyaye kubambe umuntu ekhanda, kumbambe impela, ubone ukuthi ukube kune pain ngabe kuphambana ama ambulance, inkinga akubuhlungu ndawo kodwa uyagula impela. Uyabona nangu lo mholi, hhayi uyagula lo muntu, awukwazi ukuthi ungakhuluma into efana nale, uzo promote into enje, uthi uJehova wayethwele, ubani lo omlinganisa kanjalo, ngoba nakhu kuthwele wena sekufuneka kuthiwe uJehova wayethwele! Manje ukucabanga komuntu, umbone ukuthi omunye umuntu uyagula, ngomthetho kufanele ngabe uqhutshwa ngenqola ayiswe e-sylom, ayobhekwa ebuchoshweni, akuyona nje into ongaze umuntu akhulume ngayo kanje.
So, engifuna ukuthi kulezo zimo, sisesikhathini esinzima, umuntu uyodla ngemisebenzi yakhe, umuntu uyodla akutshalile, uma utshale iklabishi noma utshele isipinashi, uyovuna sona, uma umuntu ekade etshale ibhola ensimini yaseMabhida, uyovuna lona ngezikhathi zokugcina.
61.Anga claimi inhlakahle kuJehova athi hhayi Nkulunkulu sengiyaxolisa, ngoba abantu abanqeni ukushaya i-shortcut, athi hhayi ngiyazivuma izono ngiyaxolisa, ngicela angithethelele uNkulunkulu ngingene ezulwini. Asisebenzi kanjalo lapha, ngoba into esiyenzayo akuyona eyethu, into yasezulwini, konke lokhu okula, akusikhona okwethu, siyazidela, sizikhandle, sizozama ukudumisa sicelele nezono zethu, hhayi ngoba si-perfect ngaleyondlela. Kepha sisuke sizama.
62.Ngithi-ke uDaniyeli la kulencwadi makabe isibonelo, nangu noBaba uMelusi ube isibonelo, lento ela ku Daniyeli, yenzekile kuBaba, ube isibonelo kithina. Futhi uma ngibuka, mhlawumbe esasebenza uBaba, engaka retire noma engakashiyi emsebenzini, mhlawumbe wayekuthola ukuphumula, ngibona sengathi manje engathi ukusebenza kwakhe kungaphezu kokwenza!
63.Mhlawumbe kwakuncono esekwaMlungu ngoba wayekesithole mhlawumbe isikhathi sokuthi aphumule nomndeni. Uyabona nje manje uma uthi uyabheka manje, kade ngibuka nje ngibheka nezintshumayelo zakhe ezindala, ngibone ukuthi hhayi umsebenzi muningi kakhulu omhlalele, awenzayo, okumele ukuthi awenze, uhola ibandla, kumele ukuthi ibandla alithathe aliyise kuphi, ezulwini! Kuze kube khona nokuziqhenya uzwe ukuthi cha, ngiyaqala mina,lokhu ngaba khona mina, ngiyaqala ukuzwa umholi ozithembayo ngenkolo yakhe, alibeke nje ngembaba ukuthi cha thina sisebenzela ukuya ezulwini!
64.Ngikhumbula kwenye inkathi uBaba eveza ukuthi njengoba ngikholwe kangaka, nibheke ukuthi mina uma sengihambile emhlabeni nizothi angigibele ihlamvu, ningithathe ngehlamvu kade ngihamba ngezinyawo, niyongifaka endlini? Akasebenzeli ukuthi umuntu asebenzele ukuthi aye endlini, umuntu uma ebuya ngokwami, uma ebuya ezulwini ezothi ulambile la, kucace ngokusobala ukuthi lo muntu akangenanga ezulwini, ngoba sifundisiwe satshelwa ukuthi ezulwini akulanjwa, ayikho into engekho ezulwini!
65.Enye yezintshumayeko zikaBaba yaze yakuveza ukuthi uma ngingake ngikuvezele ubuhle obusezulwini, ngeke ungabaze nokungabaza ukuthatha ummese uzinqume ujahe ukuya khona. Kepha namhlanje abantu abaningi, uzwa kuthiwa umuntu ulambile, hawu manje iliphi lelizulu, baze balihlobise bathi IZULU LOMNDENI, ubone ukuthi elinyeke izulu leli, uma sekuthiwa elomndeni, hhayi elinyeke leli. Lapha kushuthi kucishe kudliwa izinemfu khona, kwenziwa yonke into, ayi elinyeke izulu uma sekuthiwa elomndeni, ngeke phele uJehova adedele umuntu ezulwini eze la kube kulanjiwe, ihlazo elikhulu kabi lelo! Kushuthi lo muntu akazange aze afike ezulwini!
66.Kulowo mzuzuke angazi ukuthi abantu bakithi boxetshulwa kanjani ngapha, balingisela intulo, intulo ngisho isifile, igaxela ngozipho esihlahleni ayibe isawa, uma ike yafa nje ibambelele ngesidladla sayo, ayidedeli impela iyoze ibolele lapha phezulu. Abantu bakithi abaningi banaleyo nkinga, ukuthi umuntu ngoba lento ethi ukhule ngayo, athi cha angiyeki into yakithi le. Noma eyibona ukuthi lento cha isimusha kwalasha. Usethole phela umuntu okuyena okhishwe uNkulunkulu okutshela ukuthi hhayi i-wrong lento.
67.Nami ngikhule ekhaya, ngikhula ngayo indaba yamadlozi, kuthethwa kwenziwa yonke into, kodwa ngokuhamba kwesikhathi ngokulalela izintshumayelo zikaBaba, uthi hhayi bo, lento ayikho lento. Sivunyelwe ukuthi abantu bakithi asibalahli, kepha siyakwazi ukubanikelela elatini elikhulu sibakhumbule, sivunyelwe ukukwenza lokho. Ukube mhlawumbe kukhulunywe ngendaba yokuthi umuntu osehambile, awumnikeleli, awumkhumbuli, awusho lutho ngaye, ngabe mhlawumbe siyezwa ukuthi hhayi ubaba ubani. Kepha-ke kuyanikelwa likhoba ithuba, kuthiwe sikhumbule asebahamba, banikelelwe, benzelwe zonke izinto bacelelwe.
68.Ikhonake ukuthi uma kuhambe umuntu kade ewumhedeni, usukungazi ukuthi lo mnikelo owufakayo, uzomusebenzela umjike la akhona, uma engakufuni ukukholwa, hhayi engathi ukukhukholwa akakuthathi nhlobo, umnikelo usuhambile, uhambele ize, kube ukuthi umuntu inhliziyo ilikhuni ngisho engasekho, akafuni ukwemukela ukukholwa!
69.Ngithi-ke isifundo esibe naso namhlanje, isihloko ebenginaso, ebengisibekile, besithi “iNceku kaJehova nokuboshelwa kwayo amanqine enyathi.” Isihloko ebenginaso leso namhlanje. Njengoba uDaniyeli aboshelwa amanqina enyathi nje, nangu noBaba naye, kwamehlela lokho, waboshelwa amanqina enyathi engenze lutho. Kanti uNkulunkulu umphushela ekuthenini, kuvuke ibandla lase NCG. Ngithi-ke uNkulunkulu waseKuphakameni makabe ukukhanya phambi kwethu nabanye bakushintshe ukukholwa ngandlela thize.
70.Yebo sisemanaphanapha, asisho ukuthi sesi clean ngaleyondlela ngezono ngoba sisahamba emhlabeni, kuyenzeka umuntu ahambe aphoseke emseleni, kepha phela umuntu kufuna avuke ayithathe, akavele umuntu ethi uma ewa bese elala phansi. Uyavuka uyithathe, uhambo lude. Ngoba asilwazi uhambo ukuthi uNkulunkulu uyofika amameze bani ngasiphi isikhathi, kufuneka umuntu la amfica khona uNkulunkulu, amfice elindile, ngoba incwadi iyasho ukuthi nosemthini ngeke esehla, nophezu kwendlu ngeke esehla. UNkulunkulu uma esemumemeza umuntu akuvaleliswa, uphuma kahle uyesitolo ungabe usabuya, uphuma kahle uya emsebenzini ungabe usabuya. Kubuye sekubuya umuntu eseyisidumbu esethule.
71.Sekufunwa kubhekwe ifayela lemisebenzi yakhe yasemhlabeni ukuthi aze aze ahambe nje kuhambe inyama yakhe akahambile yena. Ake sibhekeke imisebenzi yakhe yasemhlabeni ukuthi yini akade eyenza la, ingabe ebemudumisa yini, ubemusebenzela yini uNkulunkulu ngeqiniso, ngabe ubeyigcina yini imithetho kaNkulunkulu esahamba emhlabeni na? Ngabe ubekwenza yini okuthize, ubekwazi yini ukuthi agcina imithetho ngendlela yonke, azivimbe ukuthi uma kuthiwa kuyafastwa, kuyafastwa, uma kuthiwa kuyanikelwa, kuyanikelwa, sifundisiwe kulelibandla ukuthi umnikelo udlala nawo indima enkulu, ekuthenini uNkulunkulu abone ukuthi isicelo sakho sihamba kanjani.
72.Ukwazi ukuthi ukubone, umnikelo ukuvulele izinhlanhla phambili. Kube iwona umnikelo okwazi ukuthi ukukhanyisele kungabi mnyama ngoba uhambo kuyashiwo ukuthi kuyahamba kuhambe kuhambe kufike bese kuba mnyama. Ngiyakhumbula ezinye izintshumayelo zikaBaba eyayiveza omunye umama owanikela wabe esenqamukelwa umnikelo. Kuthe uma sekufike izinsuku zokuhamba emhlabeni, ayi wahamba kwakhanya yebo, kodwa kuthe lakuhamba khona, kwabuye kwacisha kwaba mnyama, wathi indlela akasayiboni, kwaphoqa ukuthi azobika ukuthi hhayi khona akasayiboni indlela. Ibandla engathi kwaphoqeleka ukuthi lapho lishaye umnikelo ukuze akhanyiselwe izibani aqhubeke nohambo.
73.Ingasenzike leyonto thina bangcwele ngoba sesiyayazi ukuthi ihamba kanjani. Ingaba isifundo kuthina sonke, izingane zethu zikwazi ukuthi zikhonze ngokweqiniso kuJehova, singalenzi nakancane iphutho, ngoba lelifa esilinikeziwe, sibe senhlanhlani enkulu. Ngiyaye ngibone ukuthi sisenhlanhleni enkulu ngoba selokhu ngaqala mina ukukholwa, ngiqale ngakholwa e-Africa lapho okwakuphethe khona uBaba, ewuMfundisi oMkhulu. Ngase ngiya esontweni likaMa, uMa eyisayoni. Kepha ngithe uma ngifika la e-NCG. Hhayi ngabona ukuthi hhayi bengisuke ngisayibala nje leminyaka engisayikhonza, ayiveli ndawo lana, lento engangithi ngiyayisonta, ayikho lento. Ngoba kunezinto eziningi engizibonayo, abazali abasekho, ukube mhlawumbe usekhona ngabe ngiyasho ukuthi awu baba ngeke ngikusole ngoba uyangizala kodwa nawe phela wawungidlisa lowo shevu nawe owawuwunikezwe ilowo Mfundisi owayekuphethe ngalezo khathi ngoba yonke lento okukhulunywa ngayo la, okuningi akukho la. Ngoba lana nje indaba kaNkulunkulu, kukhulunywa noNkulunkulu kuphela.
74.Sifundisiwe ukuthi akekho ovumela ukuzikhulumela nabafile ngokwakhe, umuntu nomuntu uma ezikhulumela nabafile, ukhuluma noJehova, uJehova uyena osuke emazi ukuthi umuntu uthe uma emthatha wamubeka kuphi. Ngikhumbula enye yezintshumayelo uBaba, owaze walinganisa njengomuntu uma kuthiwa umuntu uboshiwe, umuntu uma esejele, uzofika wena uthi uzombheka, lowo muntu uma uthi uzombheka nje ngokwakho, awumtholi lowo muntu ngaphandle kokuba uze uxhumane nojele omaziyo ukuthi umbekephi. Uma uxhumana nojele uzokutshela ukuthi hhayi lowo muntu use medium B, use-medium C la ebekwe khona. kodwa uma uzongena ngokuqinisa ikhanda, uthi hhayi ngoba umfwethu uzombheka, uzomfuna ijele lonke, ngeke umthole.
75.Sifundiswe lapha kulelibandla ukuthi uNkulunkulu uyena omaziyo ukuthi usuke embeke kuphi. Manje abantu abaningi baye bathembele ekuthenini, hhayi, uthi uyakhuleka kumuntu efuna ukukhuluma nekhehla lakhe, ukuthi hhayi mina ngicela ukuba nenhlanhla. Ucela kubabamkhulu nje wakho, lowo awumazi ukuthi ukuphi, ukhuluma nje, mhlawumbe ugaxwe amaketango, ulinde ukuyovela enkantolo lapha yasezulwini, Ubhizi ugaxe ozankosi umzimba wonke, wena ubhizi ngapha umbangela isicefe kwayena ukuthi akakwazi ukukutshela, umbangela isicefe ngoba manje lo muntu ufake ozankosi, akakwazi nokwenzani, wena ucelana nenhlanhla ufuna usizo kuyena. Kodwa nangu uJehova, okwazi ukugqabula amaketango obubha, anqamule yonke into, akukhombise ukuthi mkhulu.
76.Abantu abaningi abafuni ukukholwa ngoba basabambelele kulensila yokuthi hhayi amadlozi, umuntu aze alimatanise, athi ngisinde ngedlozi noNkulunkulu. Hawu uNkulunkulu umubhanqa nedlozi, usungaze umatanise uNkulunkulu nedlozi, uthi hhayi abakithi bangisindisile. Bakusindisa bakuphi abakini, basalindile, balinde ukukhala kwecilongo, njengoba usindile akubona abakusindisile, babhizi lapha badla iphalishi elinzima kabi, balinde ukukhala kwecilongo bayekokwehlulela ngezinto abazenze emhlabeni. Abasakwazi ukubuya bezokutshela ukuthi thina la esihleli khona sihlele kabuhlungu kanjani.
77.Kufana nakhu ukuthi umuntu agcine athwale kanzima enqondweni ngenxa yezinto zasemhlabeni financially athi unenkinga yemali njengomunye ekade nginaye ngimu interview izolo engitshela ukuthi unenkinga, uziphosa emanzini nje ingoba unenkinga yemali, umfana nje mumbe wagibela phezu kwe bridge waziphosa olwandle ezama ukuzibulala. Sahamba sayomtakula, uma sithi siyamubuza umfana, ukhala mi izinyembezi. Uthi hhayi khona uwile, kodwake ebecabanga ukuzibulala ebesathi uyayeka. Manje yini mfana na, achaze umfana, athi cha nginenkinga lana, ngiyasebenza imali angiyiboni, ngiyasebenza imali angiboni sengiyabona ukuthi ayikho into engiyiphilela emhlabeni. Asifikelanga imali la emhlabeni, ikhona into ongaziphosela yona okungcono uthi cha uyazibulala, kodwa hhayi indaba yemali, asifikelanga imali. Imali nami ngiyiqale sengimdala nje. Iminyaka ibalwaphi leminyaka engiyikhule imali ngingakayazi, ibalwaphi leyo mnyaka!
78. So umfanake manje uma ezama ukuzibulala, simncenge umfana, ukuthi mfana into enjena ayenziwa, sase simthathake, samuyisa kwi counselling, samuyisa kumphathi wakhe, Wagcina ethathwe amaphoyisa wahambake waya nasesibhedlela eyolaliswa khona ngoba umfana ubesegwinye ngisho amanzi esegcwele esiswini, ngenxa yesimo semali. Kodwa ukhona uJehova, umnyango kaJehova awunakhiye, awuvalwa, noma inini uyanqonqoza ungene uzikhulekele usho okushoyo. Manje abantu bafuna lento esheshaya, ingakho abantu abaningi sebephoseka ezigujini. Kuthiwe hhayi izigubhu ziyasheshisa, nansi imali, iyashesha imali ngala. Kodwa ayibusisiwe, kukhona okhalayo ngalento oyenzayo. Kunegazi elichithekile kuze kume leziya gubhu lapha.
79.Ake sifunde samukele uNkulunkulu into asinikeze yona ngoba sinezabelo ezihlukene njengoba sila sonke, umuntu nomuntu unento uNkulunkulu amunikeze yona ukuthi akwazi ukuphila ngaphansi kwayo. Uma ngabe kungafanele ukuthi leyonto yenzeke, uyalinda, uNkulunkulu usuke ezokuphathela enye into. Manjena umuntu uma ezoshisa impepho athi yena hhayi obabamkhulu ngiyacela kuyena kwasho kwacima, ugogo wami othile, abasho ngegama. Inkinga leyonto ngoba ngempela usuke ubangela abantu abadala isicefe, abantu betokiwe, belinde ukukhala kwecilongo, kube ukuthi manje lona akaboni impela ukuthi laba bantu abamemezayo batokiwe, wazi ukuthi kuhamba kahle.
80.Ngikhumbula omunye umnyaka umfoka Mkhize la s Westvile . Kwaqgekezwa esitolo somlunga, kade efake iziphandla nje ehlabile ethi ubiza abantu efuna izinhlanhla. Kwagqekezwa esitolo somlungu laphana kwathathwa yonke imali, kwakusanda kufika lento yokugqekeza ingakandi kakhulu. Babaleka abafana, babaleka banqamula ensimini bejahwa amaphoyisa, kwasala isaka lemali. Uma sekusela isaka le mali ngapha, umnikazi wensimu yavukake elele uMkhize lo okuyena owayefake iziphandla zigcwele ingalo ethi uvula izinhlanhla. Usethola isaka le mali, hawu ezwe hawu isaka le mali, imali engaka, acabange ukuthi hawu ubasi ngizwile kuthiwa uyakhala ubasi, imali engaka, ulahlekelwe ubasi. Hhayi ayiqukule imali ayiqhube ngebhala impela, athi hhayi basi, ngithi angilethe nayi imali.
81.Ngithe uma ngithi emasimini lapha nali isaka, kushuthi abafana banqamule la. Awu uMlungu abonge kakhulu, abonge, athi hawu Mr Mkhize ngena la esitolo awuthathe noma yini uthathele ingane zakho oyithandayo. Hhawu UMkhize aqukule ilayisi, athathe isishuqulu sempuphu ngapha namazambane. Wathi awu kodwa Mlungu uthi angikubulali kodwa, uthi angikubulali kodwa. UMlungu wanikina ikhanda wabona ukuthi ayikho lento, lo muntu uthole isaka le mali engaka, uzothatha isishuqulu sempuphu namazambane nejuphane le nyama. Uze uyamubuza uMlungu uthi uthi nkosana angikubulali nje kodwa ngase ngithatha kakhulu la esitolo sakho. Wabona uMlungu ukuthi hhayi ayikho lento.
82.Sengisholo ukuthi ezinye izinto ziye zifike kwabanye abantu, kuthiwa ifa leziwula lidliwa izihlakaniphi, ngakho khona lokho ngoba kwase kuvele leyo Nhlanhla ethi uyayicela, ungazi wayeyicela eyithathaphi, kanti abafana bazozinqamulela nje, yabuyela emuva kanjalo imali. Engisho ukuthi bangcwele ngicela ukuthi uDanyeli, indaba kaBaba nalendaba ka Daniyeli ihlale ezinqondweni zethu, iyona esiyonqoba ngayo. Namhlanje sihleli kahle siyajabula noBaba uma esuke ela noMama uMkhokheli sihlele nabo kahle. Ngoba uyabona ukuthi izimfanimona nala ezikhona, ziyakhuluma ukuthi hhayi lapha e-NCG ngabe siyabuyela, uMkhokheli uyena umuntu oyingozi.
83.UMkhokheli lapha uze umbone ukuthi uyingozi nje, yini oyifunayo, ngoba uma uze ngokukholwa akukho ubungozi obukhona. Yasho njalo enye insizwa lana, ngaze ngayi tape yahlubuka, eyayisithanda ukusho, yayibuza lemibuza ngathi hawu ndoda ngiyakuzwa konke impela okushoyo njengoba ususixwayisa nje ngento oyikhulumayo. Ubungayiboni ngani lento usakhonza la esontweni, why uzoyibona ngoba nakhu usuxoshiwe. Ngoba kufuneka lento uyibone usixwayise sithi yeyi madoda asishiyeni la, nakhu kwenzeka ukuthi. Why ubonakale utholakale usephutheni bese ubuya uzobona inkinga.
84.Bangcwele ngithi mangibonge kakhulu ithuba engikinikeziwe ekuseni, lokuthi ngikwazi ukuthi ngiseyikuma nami ngisazama ukusukuma kulolukholo ngikwazi ukuthi kube khona engikubekayo. Ngicabanga ukuthi konke engikubekayo, kuyoba isifundo esihle ngalendoda eyasinda emphangweni wamabhubesi ngesihloko sayo esithi iNceku kaJehova nokuboshelwa kwayo amanqina enyathi. Ngoba kwakuwukuboshelwa amanqina enyathi ngoba bebona ukuthi ukukhonza kwakhe uDaniyeli kuyabacasula, kuhlukile, ngaso sonke isikhathi, akalenzi iphutha. Njengoba noBaba enza njalo futhi, kwakuyikhona ukuboshelwa amanqina enyathi, esengakhona lapha eBuhleni, ngoba yonke lento ababeyibona asiyiboni la. Hhayi ngoba sikhava ini, kodwa asiyiboni singabokuzalwa kulelibandla ngokufika kodwa asikuboni lokho, sibona thina uBaba uMelusi noMama uMkhokheli beyilwa lempi ukuthi cha abazalwane bonke mabahambe bengene ezulwini. Akuthi uma kufika uNkulunkulu abafice beme befumbethe izwi likaJehova lasezulwini, angatholakali umuntu efumbethe enye into uNkulunkulu angayidingangi. Ngithike ngalamazwi mangicele ukubonga ngithi uNkulunkulu INkosi iyobusisa kukho konke abakuzwile engikushilo.