Ku-Eksodusi 19:5-6 uJehova uthi: “Ngakho-ke uma nilalela ngokucophelela izwi lami, nigcine iSivumelwano sami, niyokuba yisabelo sami esiligugu phakathi kwazo zonke izizwe, ngokuba umhlaba wonke ungowami. Niyakuba ngumbuso wabapristi kimi, nesizwe esingcwele.”
Imini yeSabatha ayibenhle kwabangcwele. Isihloko salenkonzo sithi: “ISivumelwano sikaNkulunkulu nabantwana bakwa-Israel.”
1.Incwadi kaGenesis 9:11-15. “Ngizomisa iSivumelwano sami nawe esithi angisayikuphinde ngibhubhise umhlaba ngoZamcolo.
2.Lokhu kuluphawu lweSivumelwano esiphakathi kwami nani nazo zonke izilwane eziphilayo ezinani kuze kube phakade!
3.Ngizakumisa uThingo lwami emafwini, lube uphawu lweSivumelwano phakathi kwami nomhlaba.
4.Kuyakuthi lapho ngiqoqa amafu phezu komhlaba, uThingo lubonakale emafwini, bese ngikhumbula iSivumelwano sami nani.” Amen!
5.Igama elithi iSivumelwano, lisho into enivumelane ngayo ukuthi nizoyenza, kepha enemibandela ethize.
6.Kodwa kulesi Sivumelwano noNowa, uNkulunkulu akabekanga mibandela esithintayo, wathi uNkulunkulu uyazibophezela ngokwakhe ukuthi angenke esawuletha uZamcolo emhlabeni.
7.Wayesethi yena uyozikhumbuza ngokuthi kothi uma kade lina bese kuvela uThingo, ngalo bese ekhumbula isiVumelwano osenzile nathi.
8.IsiVumelwano sesibili uNkulunkulu osenzile nathi simelwe ngu-Abraham, sitholakala kuGeneses 17 kusukela kuvesi 9-14. Kulesi siVumelwano uJehova uthi ku-Abraham:
9.“Gcina iSivumelwano sami, wena nezizukulwane zakho, sokuthi umntwana ongumfana onezinsuku ezingu 8 ezelwe phakathi kwenu, komele asokwe!
10.Lolu luphawu lweSivumelwano phakathi kwami nani olushawe emzimbeni yenu lwaba yiSivumelwano sami SAPHAKADE!
11.Abesilisa abangasokile bayonqunywa, bangahlanganyeli nabantu bakubo, ngokuba basephulile iSivumelwano sami.”
12.Lesi sivumelwano sesibili uNkulunkulu owasenza no-Abraham sehlukile kulesi owasenza noNowa.
13.Esokuqala sasingenambandela, kodwa uJehova wenza isethembiso sokuthi umhlaba angenke esawubhubhisa ngamanzi.
14.Wathi uphawu lokuthi angenke umhlaba esawubhubhisa ngamanzi, uThingo.
15.Kothi uma lina, bese kuvela uThingo olobe selukhumbuza uNkulunkulu ukuthi wathi angenke sisabhujiswa uZamcolo!
16.Kodwa okumele sikuqaphele ukuthi uJehova akashongo ukuthi angenke esasibhubhisa, wathi nje ANGENKE ESASIBHUBHISA NGOZAMCOLO!
17.Nempela uJehova uNkulunkulu wethu usasigcinile leso sethembiso ngoba kuze kube namuhla awukaze ube khona uZamcolo emhlabeni.
18.Kodwa iGomora neSodoma uJehova walibhubhisa ngomlilo ngoba selone kakhulu!
19.UJehova akasephuli iSivumelwano osenzile nabantu bakhe, ngaphandle uma besinombandela esiwubekelwe nguJehova, thina sawephula!
20.Futhi uJehova uyaye achaze ukuthi ngokungihlubuka kwenu, iSivumelwano engasenza nani sengiyasinqamula!
21.UPhawu lweSivumelwano sikaJehova no-Abraham lusemizimbeni yethu.
22.Uthi uJehova, uma umuntu oyinzalo ka-Abraham engenalo loluPhawu lokusoka, uyonqunywa esizweni sakubo. Lokho kusho ukuthi akanakuvunyelwa ukuhlangana nesizwe sakubo.
23.Kusukela ngaleso sikhathi zonke izizwe eziyinzalo ka-Abraham ziyasoka. Iningi lezizwe zase South Afrika ziyasoka ngokosiko; amaXhosa, abeSuthu, amaZulu, nezinye.
24.Lokhu kusoka kwabamnyama sekulusiko, kodwa kuJehova lesi Sivumelwano ngumthetho kaJehova! Nama Moslems ayasoka ngoba ayinzalo ka-Abraham!
25.Kepha iSivumelwano esikhulu kunazo zonke yileso uJehova owasenza nabantwana bakwa-Israel bemelwe nguMose entabeni yaseSinay!
26.Sisho ngani ukuthi lesi Sivumelwano sikhuluku kunazo zonke ezinye izivumelwano?
27.Mhla uJehova ezokwenza leSivumelwano nabantwana bakwa-Israel, wasuka ezulwini wehlela entabeni yaseSinayi, wabonwa ngabantu bonke!
28.Into enjalo yayingakaze yenzeke emhlabeni, futhi asazi noma iyophinde yenzeke yini!
29.Ku-Eksodusi 19:5-6 uJehova uthi: “Ngakho-ke uma nilalela ngokucophelela izwi lami, nigcine iSivumelwano sami, niyokuba yisabelo sami esiligugu phakathi kwazo zonke izizwe, ngokuba umhlaba wonke ungowami. Niyakuba ngumbuso wabapristi kimi, nesizwe esingcwele.”
30.Imithetho elishumi uMose wayemukela kuye uJehova, ibhalwe nguye uNkulunkulu ezibhebheni ezimbili,
bese kuba ngeminye imithethetho uJehova owayinika uMose eyayibhalwe encwadini ebizwa ngokuthi INCWADI YOMTHETHO.
31.Abantwana bakwa-Israel bafunga bona ngokwabo bathi: “KONKE UJEHOVA AKUKHULUMILE SIYOKUHLONIPHA, SIKWENZE!”
32.Sebefungile, isifungo sabo sagcwaliswa ngokubulawa kwesilwane, uMose waba fafaza ngegazi; elinye kwafafazwa ngalo i-altare!
33.Ngakho-ke lesi Sivumelwano sikaJehova sibaluleke kunazo zonke iziVumelwano uJehova owake wazenza nabantwana bakwa-Israel, ngoba IT WAS SEALED WITH BLOOD!
34.KuDuteronomi 7:12-25 uJehova uthi: “Kuyothi uma nilalela lezi zehlulelo, nizigcina, nizenza, uJehova uNkulunkulu wakho uyakusigcina iSivumelwano asenza nawe, nomusa afunga ngawo kokhokho bakho!
35.Isandla esinamandla nengalo eyeluliweyo uJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ngayo eGibhithe, uyokwenza njalo kuzo zonke izizwe ozesabayo!
36.Ngakho-ke ungazesabi, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho omkhulu nowesabekayo, uphakathi kwakho!”
37.Ngaphandle kwalezi zivumelwano uJehova owazenza nathi njengenzalo ka-Israel, asisazi esinye isivumelano uJehova owake wabuya wasenza nabantwana bakwa-Israel, ngaphandle kweSivumelwano uJehova owasenza noDavid ngobukhosi obohlala busendlini yakhe.
38.Kodwa esinye isiVumelwano uJehova owake wabuya wasenza nathi, eBhayibhelini asikho! Sesiilifunde cishe lonke iBhayibheli, kodwa asihlangani naso!
39.Okwesibili uJehova akaze enze Sivumelwano nezinye izizwe ngaphandle kwabantwana bakwa-Israel!
40.Kwesinye isikhathi kuyaye kukhulunywe “ngesivumelwano esisha.” Naso sesisifune iBhayibheli lonke, kodwa asisitholi ukuthi sikuyiphi incwadi, isahluko nevesi!
41.Labo abathi kunesivumelwano esisha bayaye bafunde incwadi kaJeremiya 31:31-34, lapho uMprofethi uJeremiya ethi: “Bheka izinsuku ziyeza, kusho uJehova, lapho ngokwenza isivumelwano esisha nendlu ka-Israel nendlu kaJuda.”
42.Okokuqala lesi siprofetho sikaJeremiya, okungayiso isivumelwano, uthi uJeremiya koba yisivumelwano NENDLU KA-ISRAEL KANYE NENDLU KAJUDA!
43.Ngakho-ke uma ungekho ngaphansi kwendlu ka-Israel noma kaJuda, ungowabezizwe, leso sivumelwano esisha ASIKUTHINTI! UQHWAGA NJE INTO YABANYE ABANTU!
44.Lokhu kukhuluma kuqondile, akungasididi neze, uJeremiya uthi UJEHOVA UYOKWENZA ISIVUMELWANO NABANTWANA BAKWA-ISRAEL!
45.Njengoba iningi lethu likuphika ukuthi liyindlu ka-Israel, ngakho-ke lesi siprofetho sikaJeremiya asibathinti bona!
46.Uyaqhubeka uJeremiya uthi: “Isivumelwano esingafani nengasenza nokhokho babo mhla ngibakhipha ngesandla eGibhithe, isivumelwano sami abasaphula noma ngangiyiNkosi yabo.
47.Kepha yilesi sivumelwano engizakusenza NENDLU KA-ISRAEL, emveni kwalezo zinsuku NGIYAKUFAKA UMTHETHO WAMI EZIBILINI ZABO, NGIYAKUBA UNKULUNKULU WABO, BONA BABE NGABANTU BAMI.
48.Abasayikufundisana, kube yilowo nalowo afundise umakhelwano wakhe, noma umfowabo athi: ‘Yazi uJehova, ngokuba bayongazi kusukela kwabancane kuza kwabadala, ngokuba ngiyakuthethelela ububi babo, nesono sabo angisayikusi khumbula.”
49.UJehova uthi uyokwenza iSivumelwano esisha nabantwana bakwa-Israel, ngoba okhokho babo bamhlubuka, basephula iSivumelwano owayesenze nabo!
50.Ngamanye amazwi uJehova uthi iziqalekiso ezikuDuteronomi 28, uyosithethelela kuzo uma sibuyela kuye!
51.Lesi siprofetho siyinkulumo eyisingathekiso. Ukuthi uJehova uyofaka umthetho ezibilini zethu, kusho ukuthi umthetho kaNkulunkulu uyohlala ezinqondweni zethu, ufane nosiko kithi.
52.Into elusiko awudingi ukuyifundiswa, ihlala enqondweni yakho, uyithande!
53.Uma uyinzalo yamaNazaretha, noma ungahlubuka, kodwa akulula ukuba ugunde ikhanda, ubuye ungaligcini iSabatha.
54.Ngoba lomthetho kaJehova othi ungaligundi ikhanda lakho, futhi ungawubasi umlilo ngeSabatha, ususezibilini zakho, usuyingxenye yempilo yakho! Lesi sahluko-ke sikhuluma into enjalo!
55.ASIKHO ISIVUMELWANO SIKAJEHOVA ESICHITHA ESINYE ISIVUMELWANO SIKAJEHOVA, ngoba uJehova usuke ezisholo ngomlomo wakhe ukuthi isivumelwano sakhe SIMI PHAKADE.
56.Ngakho-ke inkulumo ethi IGAZI LIKAYESHUA LICHITHA IGAZI LEZIMBUZI, NOKUTHI ISIVUMELWANO UJEHOVA OWASENZA NOKHOKHO BETHU SIYISITHUNZI, LOKHO KUYINHLAMBA ENKOLWENI KAJEHOVA!
57.Kulungile uma abezizwe behlambalaza umthetho kaJehova, ngoba vele ukungawugcini akubathinti bona, ngoba abanasiVumelwano noJehova!
58.Kodwa kithi umthetho kaJehova awusoze waba isithunzi; imihlatshelo esiyenzela uJehova asisoze senza inhlekisa ngayo enkolweni kaJehova!
59.Njengesizwe sikaJehova, senza isiVumelwano noJehova ukuthi somkhonza ngokugcina imithetho yakhe!
60.Ngakho-ke zonke iZivumelwano ezenziwe nguJehova nathi zimi nguna phakade! Lokho kusho ukuthi leso sivumelwano asichibiyelwa, futhi asichithwa ngumuntu!
61.UJehova engasigcwalisa isivumelwano ngesinye, kodwa hhayi ukusichitha!
62.IsiVumelwano uJehova owasenza noNowa namanje sisamile, uZamcolo awukaze ubuye ubhubhise abantu! Njalo uma kade lina sisalubona uThingo!
63.UJehova iSivumelwano owasenza no-Abraham ukuba abesilisa basoke, sisamile, akuthanga ngoba uJehova enza iSivumelwano noMose, lesi owasenza no-Abrahama sesichithwa, ngoba wathi uJehova SIMI NGUNA PHAKADE!
64.Kanjalo neSivumelwano uJehova osenze noMose asisoze sachithwa ngesinye iSivumelwano, kodwa esinye sogcwalisa kuleso Sivumelwano esivele sikhona!
65.Ku Mathewu 5:17-19 uYeshua wakucacisa ukuthi akazile ukuchitha iSivumelwano uJehova owasenza noMose, kodwa uzosigcwalisa!
66.Nempela uYeshua lesi Sivumelwano wasigcwalisa ngokuba ethi: UMA UNGAWUGCINI UMTHETHO KAMOSE, UBUYE UFUNDISE ABANTU UKUTHI ABANGAWUGCINI LOMTHETHO, isijeziso sakho asigcini emhlabeni, kodwa noma usufile angenke uwubone umbuso wezulu!
67.ISivumelwano uJehova owasenza noMose singuMthethosisekelo webandla lasezulwini, ngoba siyiSivumelwano esiphethe yonke impilo yethu njengebandla likaJehova!
68.Isizwe esimnyama sidideke kakhulu ngokwenkolo, kwemfundo nangokobuzwe bethu.
69.Kodwa abezizwe bayajabula ngemiphumela emihle kubo yalokho abasifunza khona ukuze sihlale sizigqila zabo ngokwengqondo!
70.Ngaso sonke isikhathi singasikhohlwa isinqumo esathathwa ngabamhlophe eBerlin ngo 1883, esithi: Nifundise abafundi bama Nigger ukuba bakwazi ukufunda, kodwa BENGAKWAZI UKUCUBUNGULA LOKHO ABAKUFUNDAYO. (Teach them to read, but not to reason!)
71.Ngaphandle kwalemfundiso engenhla, kulengqungquthela yabezsizwe, nasi esinye isinqumo esathathawa ukuqeda ngathi. Lesi sinqumo sithi:
72.“KUFANELE AMANIGGER NIWAHLUBULE ENKOLWENI YAWO, NIWENZE AJIVAZE KONKE OKUNGABENZA BAZUZE ISIBINDI SOKUBHEKANA NATHI.
73.LAPHA SIBHEKISE ENKOLWENI YABO NGOKOMOYA, KANYE NALOKHO OKUBAPHA AMANDLA UMA BEYA EZIMPINI.
74.YENZANI KONKE OKUSEMANDLENI UKUSHABALALISA ZONKE IZINKOLO NEZINKOLELO ZABO!”
75.Lenkulumo yaseBerlin iqhathanise nokushiwo nguJehova ku Duteronomi 7:17-18 uma ethi: “Uma uyakuthi enhliziweni yakho: lezi zizwe eziningi kunami, ngingazixosha kanjani na?
76.Ungazesabi, kodwa khumbula lokho uJehova uNkulunkulu wakho akwenza kuFaro nakulo lonke iGibhithe!
77.Ekusinqobeni ngo 70 A.D., abezizwe baqala ngokudiliza ithempeli likaJehova, bachitha nenkolo yethu, ngoba bazi ukuthi uma sisanamathele kuJehova uNkulunkulu wethu, angenke bakwazi ukusigqilaza!
78.Yikho-ke sifundiswa ukubiza UMTHETHO KAJEHOVA NGESITHUNZI; KUHLEKISWA NANGEMIHLATSHELO KAJEHOVA, nokufundisa ukuthi ukukholelwa emadlozini inkoloze!
79.NjengamaNazaretha, thina asiwahlabeli amadlozi, ngoba sigcina umthetho kaJehova!
Kodwa siyazi ukuthi idlozi likhona, ngakho-ke obaba bethu sibakhumbula ngokubanikelela kuJehova uNkulunkulu wethu!
Inkosi ibusise lokho enikuzwile.
Le nkonzo iyatholakala kuYoutube othi Rev Mpanza NCG.